input
stringlengths
1
130k
Yize kungacaci kodwa kuthiwa uBaxter ufuna indodana yakhe izoba umqeqeshi wonozinti kuBafana. Ngesizini edlule uBaxter ubesebenza nayo kuSuperSport kanti isike yawenza lo msebenzi wokulolonga onozinti ku-AIK yaseGreece nakuGenclerbirligi yaseTurkey lapho ibisebenza khona noyise futhi.
Yize kungacaci ukuthi kubangwani kodwa kusolwa eyombango wamatekisi kanti kwaNgcobo kukhona nenduna eyahlaselwa.
Yize kungacaci ukuthi yini imbangela yokuthi uWarner afune ukubamba uDe Kock ngamawashingi kepha ngemuva komdlalo ukaputeni we-Australia uSteve Smith uthe yi-wicketkeeper yamaProteas esuse uthuthuva.
“Yize kungajwayelekile ukufika kuthuli kanje emabhishi, kuningi okuhle ngokungabi nesiminyaminya esijwayele ukuba khona. Kumanje sihamba sikhululekile ngoba siyazi ukuthi kuphephile futhi awekho namasela avamise ukuntshontsha izimpahla zethu uma kugcwele kakhulu,” kusho uNksz Nombuso.
Yize kungakacaci ngembangela yokuba ahlasele umshana kodwa kusolwa ingxabano ngoR20 owaduka kade umshana wakhe ecele imali yasesikoleni. Umshana wasolwa uninalume ukuthi uyayazi imali elahlekile, wabe esemshaya wagcina ngokunyamalala.
Yize kungakacaci ukuthi ngabe igama likaNkk Gumede likhona yini kwangu-13 athunyelwe eLuthuli House uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Mdumiseni Ntuli, kodwa abalandeli bakhe bathe akanganyakazi.
YIZE kungakacaci ukuthi umcimbi wokuklonyeliswa kwabaculi abenza kahle emculweni wokholo, amaCrown Gospel Music Awards, uzosingathwa uthanyelwe yizihlwele, noma yidlazana ngesikhathi uqoshwa kodwa abaphathi bawo bakuqinisekisile ukuthi uzosingathwa ngoNovemba 28.
“Yize kungakafiki esiphethweni, seluqalile uhlelo lokukhishwa kweziguli kulesi sibhedlela. Ezinye zazo sezilashelwa ePrince Mshiyeni Memorial eseMlaza. Abasebenzi baseCharles James akukacaci ukuthi bazosebenzela kuphi,” kubeka umthombo.
Yize kungakashiwo ukuthi lezi zincwadi zizoqala nini ukufundwa, umnyango usukuqinsekisile ukuthi ziyeza. Ekhuluma nephephandaba iThe Mercury elinguzakwabo weSolezwe, uMnuz Elijah Mhlanga okhulumela umnyango, uthe okunye okuzofundiswa ukuthi izingane zizalwa kanjani. Uthe lezi zincwadi zihambisana nemigomo yokufundisa ngezocansi ngaphansi kwe-Unesco.
Yize kungakazeki ukuthi umfokaMaphumulo ushonele kuphi kodwa ubesanda kuphumela obala ngoJulayi 21 ukuthi utholakale enaleli gciwane.
Yize kungatholakalanga ukuthi iMango ikweleta malini kodwa uMnuz Tlali Tlali okhulumela iSouth African Airways (SAA), uthe iSAA Technical yinkampani ezimele elandela isikweletu sayo ngokuzimela.
Yize kungehli kahle kwabanye kodwa kuye kucace ukuthi kukhona abaseka abathandiweyo babo ngokusho ngomlomo kodwa uma sekufanele bakukhombise ngezenzo, dololo.
YIZE kungeke kuzwele ukuhamba kukaPercy Tau kwiMamelodi Sundowns kodwa kubukeka izoya emdlalweni weCaf Champions League ngoJulayi 17 inenxeba ngenxa yokuthi uJose Ali Meza, osayiniselwe ukuvala isikhala sakhe akakabhaliswa kulo mqhudelwano.
Yize kungeke kwabekwa ukungcola njengesizathu sezikhukhula, kepha ukungcola nobunuku bethu singabantu yibo obuholele ekutheni kube nzima ekutheni amapayipi adlulise amanzi, lokhu kwadala amaxhaphozi emigwaqweni, kwaguguleka izimoto, kwaminza abantu.
Yize kungekho mbhedukazwe eNingizimu Afrika kodwa sekuphilwa ngamakhandlela nezinjini kwabacaphuna kusale nokuyibo okungenzeka bagcine sebexoxela abanye ngokwenzeke eSfax.
Yize kungekho okucacile abakhala ngakho abalandeli kodwa abamboni enamava okuhola iqembu elikhulu njengeBucs. Akazange aphumele obala umqeqeshi ngesikhathi ebuzwa ngemuva komdlalo weTTM ukuthi unesiqiniseko ukuthi ukhona ezinhlelweni zePirates zangesizini entsha?
“Yize kungenzekanga ngokushesha ngendlela engangicabanga ngayo kodwa ngoNkulunkulu ngingenayo imenenja ngayithola indawo kwiGenerations namanje buka sengikuphi,” kuchaza lo mlingisi.
Yize kungenzeka umdlalo wangoLwesithathu ufane nelinye ijadu lika-Iniesta kodwa azovalelisa ngawo kwiBarcelona ungeSonto ngo-8.45 ebusuku lapho bezotholana khona neqembu elivamise ukubanika inkinga, iReal Sociedad yaseDonostia.
“Yize kungihambela kahle emculweni kodwa imfundo kangifunanga ukuyishiya ngaphandle. Njengoba ngingene ngaba nenhlanhla yokukhipha ingoma abantu abayithandile, kungenzeka ngelinye ilanga ngikhiphe izingoma kodwa zingadayisi, yingakho ngiqhubekile nokufunda,“ kuchaza le ntokazi.
- Yize kunguwena othenge imoto ngesikweletu, akusiyona eyakho uze uqede ukukhokhela isikweletu ngokugcwele. Imoto kusengeyebhange futhi uma ungahambisani nemithetho enavumelana ngayo uthenga, bayakwazi ukuyifuna ibuyele kubona imoto, bamise inkontileka bese befuna isinxephezelo semali sokuphula umthetho kuwena mthengi.
“Yize kuningi okukade kwenzeka eNingizimu Africa, siyazwelana nabafowethu nadadewethu base-Afrika. Siyayeseka nemizamo kahulumeni yokulawula lesi simo,” kusho uSimelane-Zulu.
Yize kunjalo abakumasipala, iSol Plaatje, basenenkinga njengoba benganeme ngohlu lwabo. Abanye babo, ikakhulukazi eRitchie, ngaphandle kwaseKimberley, bagcine sebebhalisa njengabantu abazimele okhethweni ngaphambi kokuba kuvalwe ngo-Agasti 23.
Yize kunjalo abakwa-Eskom izolo bathumele isitatimende baxwayise ukuthi awusetshenziswe kahle ugesi njengoba kungenzeka uphinde ucinywe uma bebhekana nengcindezi.
Yize kunjalo, abalandeli bakhe bathe bazomeseka kuzona zonke izinkinga abhekene nazo.
Yize kunjalo, abama-Idols bakubeke kwacaca ukuthi ngesikhathi esahlabe ikhefu uSomizi, kuzoba khona amajaji ahlukene azobonakala kulolu hlelo njengoba kwenzekile kule mpelasonto. Babodwa abalokhu bephakamise njalo igama likaKelly Khumalo kodwa abama-Idols bebengakathi vu ngoKelly noma angase abonakale yini kulama jaji azomenywa kulolu hlelo.
Yize kunjalo abammeli bekhomishini, abebeholwa ngu-Advocate Tembeka Ngcukaitobi SC, batshele amaJaji enkantolo ukuthi bafuna uZuma aboshwe iminyaka emibili ngokudelela umthetho namajaji akuleli.
Yize kunjalo abantu abaningi abafuni ukukhotha ngoba basaba ukuthi inanazi iyanuka, kodwa ngihlale ngisho ukuthi ngaphambi kokuthi niqale umdlalo wokuzijabulisa, kuhle niqale ningene endlini
Yize kunjalo abantu basalokhu bemgxeka ngokuba yiqola elithanda izigwili. Lokhu kwenzeke ngisho esethandana nesoka lakhe leminyaka elingumculi uTebogo Lerole. Kukhona konke lokhu uKhanyi utshele leli phephandaba ukuthi usezifundise ukungakufaki enhliziyweni futhi akakweleti muntu incazelo ngempilo yakhe yangasese nezobudlelwano bothando.
Yize kunjalo abaqashi bakuphikile lokhu bathi i-EFF yeqe imigomo ngokuvala isitolo ngaphandle kokuba ithole ubufakazi.
Yize kunjalo, abasondelene noKhuzwayo bathi uthi akahlukene noNqobile futhi uyamthanda noBabes.
Yize kunjalo abesifazane abaningi bebekhombisa ukudumala ngalesi sithombe kodwa abantu besilisa balokhu bechazeke njalo bencoma konke namabele ngendlela efanayo netattoo.
Yize kunjalo * -Adv Tembe uthe ulwazi analo ngolokumiswa kukaNgizwe kuphela.
Yize kunjalo akakaze ahlonishwe njengoba engowesifazane wokuqala ngqa ukwenza ikwaito ngama-90’s nokuyinto athi ngeke isamsiza ngalutho uma eseshonile.
Yize kunjalo, akucaci kahle ngonozinti waleli qembu u-Ofori, okuvela ukuthi usayine kwi-Orlando Pirates. Usihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, uyakuphika lokhu.
Yize kunjalo akuzange kubaqede amandla, bayigqoka nawo umazibuthe imisiko yabo. Abanye sebeqalile nokusabalalisa izithombe zabo, beveza ukuthi bazoswenka ngayo injalo ngoba basebenze kanzima. Kunebhungu eliphume namateku onyawo lwesinxele womabili futhi nemibala ayifani. Ilokhu ikhale njalo ngelinombala obukeka sengathi u-pink. Lona yiwona mbala eliwuthandile leli bhungu futhi lithi liyalizwa neteku ukuthi lihleli kahle onyaweni.
Yize kunjalo bakhona nabalokhu beme naye uBlack Coffee bethi wenze kahle wamphoxa lo besifazane ngoba ukhombisa ukugaxela ezindabeni ezingamfuni. UBlack Coffee uphinde wabhala eveze ukuthi abantu abayeke ukusheshe bazwele uma eseziphendulela ngoba kade abantu begaxela ezindabeni zomndeni wakhe. Uphinde wakuveza nokuthi kade abantu bamqala bephawula nangokukhubazeka kwakhe engakhulunyelwa umuntu, uma eseqala ukuziphendulela sekuyalumela kwabanye.
Yize kunjalo bathe bazosebenzisana nohulumeni ukulandela lo myalelo ezindaweni zabo.
Yize kunjalo, eminye imidlalo ayizange ithinteke nakancane ngenxa yokuthi yona ayisebenzisi umfanekiso woqobo. Ngokwemithombo, uZalo nalo seluhlele ukwenza njengeminye imidlalo, lusebenzise umfaniswano ozokwehluka kancane kowamaphoyisa, ukuze kuqhutshekwe nokusebenzisa abalingisi abaqeqeshiwe. Ukuvalwa kwezinto zeSAPS kwaba ngenxa yokuthi abanye babalingisi bagcina bengalandeli kahle imithetho yokuziphatha neyokugqoka ngendlela efanele.
Yize kunjalo, iBamba likaNobhala-Jikelele, uNksz Jessie Duarte, lithe kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye bayazibheka izikhalazo futhi bazoculubungula uhlu lokugcina lwabantu abafakiwe. Kulindeleke ukuba bafake uhlu lokugcina ebuholini obuphezulu ngeSonto.
Yize kunjalo iDA izolo ithe ikhefu limfanele futhi benzela yena.
“Yize kunjalo, idokodo lizobuyiselwa enkantolo futhi nomsolwa uzobizwa ukuzovela enkantolo ukuze azobhekana necala lokubulala,” kusho uFunda.
Yize kunjalo i-IFP ithe ayikaze igculiseke yincazelo yomnyango.
Yize kunjalo inyunyana yothisha iSadtu esifundazweni igxeke umnyango wezeMfundo nowezeMpilo ngokuhluleka ukungenelela ngokushesha odabeni lokubhebhetheka kwegciwane ezikoleni.
Yize kunjalo, iPhini likaMqondisi-Jikelele loMgcinimafa u-Ismail Momoniat lithe awukho umkhondo wemali uSexwale akhuluma ngayo kodwa uma buvela ubufakazi bayo bazophenya.
Yize kunjalo iqembu likholwa wukuthi selenze okwanele ukweseka umkhankaso iBlack Lives Matter, nokusho ukuthi ngeke libonakale liguqa ngedolo emidlalweni yalo, uphawu olwenziwa ngabezemidlalo abaseka imizamo yokulwa nokucwaswa kwabamnyama nokuliswana nokucwaswa kwabebala elimnyama.
Yize kunjalo isikhungo simile ekutheni singathenjwa yize kukhona ukuputshuka kwamaphepha. Okhulumela i-Unisa, uMnuz Martin Ramotshela, uthe: “Yize sibhekene nale nselelo kodwa ukuhlolwa kokugcina kuzoqhubeka ngendlela futhi kuthembekile. Kunamaphepha angu-2 077 azobhalwa izitshudeni ezingu- 298 662. Kuzobhalwa izivivinyo ezingu-1.2 million. Siqinise isimo ngaphakathi ukuze lawa amanye ama-modules adinga ukubhalwa, aqhubeke ngendlela.”
Yize kunjalo Isolezwe ngeSonto limkhumbuze ukuthi uDJ Sbu uke wanqoba umkhakha ofanayo ngo-2007 exube iRemember When It Rained kaJosh Groban wase-USA. Kulokhu u-Adv Sibisi uthe sebeshintshe imithetho ukubhekela abaculi bakuleli kuphela.
Yize kunjalo ithimba labefundisi ebelicubungula ngalesi sigameko libe selenza isiphakamiso sokuthi kuncishiswe imisebenzi eyenziwa uNtombela ebandleni.
Yize kunjalo izinyunyana zinxuse umsakazeli womphakathi ukuba ahlukane nalokhu kusabisa abasebenzi ngokubadiliza kodwa kunalokho uxoxisane nazo ukuze kuphume isixazululo ngale mpicabadala.
Yize kunjalo kodwa abalandeli basakwazi ukuvota ngokungena kwiwebsite -www.carlingblacklabelcup.co.za.
Yize kunjalo kodwa abantu bakuleli bafuna uRamaphosa noMkhize bahlale bekhuluma nabo.
Yize kunjalo kodwa abantu basabuthemba ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Ukwethenjwa kwakhe kusuke ku75% kwehlela ku74% ngesonto lesishiyagalombili.
Yize kunjalo kodwa abantu sebeqalile ukuthumelela uJub Jub imiyalezo yokunengeka kwabo ngalolu hlelo.
Yize kunjalo kodwa amandla erandi lakuleli asesengozini njengoba kusenezinselelo ebhekene nohulumeni ukwehlisa isikweletu sikahulumeni nokulungisa isimo somnotho.
Yize kunjalo kodwa asiyiboni nenkinga enkulu ngoba udaba losonkontileka silubhekile nalo ngeke basale ngaphandle ezinhlelweni zomkhandlu.
Yize kunjalo kodwa basekhona abasakubona kuyihlazo ukuba nqunu phambi kwabantu.
Yize kunjalo kodwa iFord Motor Company of Southern Africa, ayisongile izandla kunalokho iyaqhubeka nokwenza izindlela zokuyithuthukisa ukuze ihehe kubathengi futhi iqhubeke nokuba yintandokazi.
Yize kunjalo kodwa imenenja yakhe uMahlakgane ikhuluma sakukloloda ngokuthi ngesizini ezayo uzobe ekwiChiefs umdlali ophelelwa yinkontileka ngoJuni 30 wonyaka ozayo.
Yize kunjalo kodwa iningi labo liyijabulele lancoma nangendlela ehlanganiswe ngayo le ngoma. USusumila ekhasini lakhe lika-Instagram uveze ukuthi ushaya ngesigqi samapiano nekwaito yangakubo abantu bazozizwela bona. USho akaqali ukwenza ingoma ethola idumela zisuka njengoba phambilini wavumbuka nengoma ekhuluma ngesilomo somdlalo wezidlakela sewrestiling uJohn Cena. Le ngoma yagcina seyidume umhlaba wonke seyinomdanso wayo.
Yize kunjalo kodwa iSharks nayo ibixhugela ngemuva kokulinyalelwa yiBhokobhoko elinguTendai “Beast” Mtawarira, obuyiswe eMzansi ukuzoxilongwa kahle kwazise kulungiselwa iWorld Cup.
Yize kunjalo kodwa izibalo zokubulala okujwayelekile zona zikhuphuke ngo1.4%, okuchaza ukuthi kubulawe abantu abangaphezu kuka21 000.
Yize kunjalo kodwa izintokazi eziningi zihluleke nokuzibamba ngokushadelwa kukaMkokstad.
Yize kunjalo, kodwa izolo i-The Scottish Sun iveze ukuthi iRangers ishaya amakhala ngezinto ezithile ezithole kulo mdlali weBafana isimbona eduze.
Yize kunjalo kodwa kufanele ngaso sonke isikhathi kukhunjulwe ukuthi izinkantolo kufanele zithembele kumthethosisekelo. Inkantolo ayinganyakaziswa ukuze ishaye indiva umthetho nomthethosisekelo bese ithatha isinqumo esizojabulisa umphakathi, kusho uMehluleli uKhampepe.
Yize kunjalo kodwa kukhona ababona ukuthi ukuvalwa kotshwala kungaba nomthelela ongemuhle emnothweni wakuleli futhi kwandise nesibalo sabantu abangazithola belahlekelwa yimisebenzi ngalesi sikhathi.
Yize kunjalo kodwa kukhona ababukeli abaveza ukuthi abafuni luvalwe lolu hlelo ngoba luzokwenza abantu abaningi bathembeke ebudlelwaneni bezothando.
Yize kunjalo kodwa kukhona abaphawule kuTwitter bakhuluma amagama angehlanga kahle kuLady Zamar bemgxeka.
Yize kunjalo kodwa kukhona abesilisa nabesifazane abangayizwa kahle le yomphako ngoba uhambo luyahlelelwa futhi bakubona kungafanele owesilisa afune ukuvakashelwa engenako ukudla. Bathi kumele bazihlelele ngoba nomcimbi uma uzomema izivakashi uyazihlelela ezizokudla neziphuzo. Abanye bathi nabesifazane banalo ilungelo lokuphatha izicoficofi kungathengi abesilisa kuphela. Lo mdlalo umandla emakhasini ahlukene kuFacebook nokungenzeka ukapakele naku Twitter njengoba le midlalo ivamise ukujikeleza.
Yize kunjalo kodwa kumele singabukhohlwa nobuhle bazo. Ngale nje kokuthi zenza ukuxhumana komlaleli nomsakazi kusheshe kodwa ziheha nabalaleli abasha.
“Yize kunjalo kodwa kunamahlebezi athi uMnuz Dali Mpofu kungenzeka amphonsele inselelo uMalema uma sekufikwa engqungqutheleni,” kusho uKhumalo.
Yize kunjalo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingakadalulwa imininingwane ngembangela yokushona kukaNkk Mpambo-Sibhukwana.
Yize kunjalo kodwa le ndoda ithe unina kaNonhlanhla akandanga ngamaningi ngalesi sehlakalo nokuthi senzeka kanjani, nini.
Yize kunjalo kodwa ngoJune uNdunakulu uMnuz Oscar Mabuyane wazisa u-Azenathi ukuthi isikhundla sakhe sizobuyekezwa njengoba lokhu kwenziwa njalo kathathu.
Yize kunjalo kodwa ongoti bathi kumele umuntu aqaphelisise ukuthi uhlobo lwengxabano anayo nesithandwa sakhe ikuliphi izinga. Ungoti wezengqondo noluleka ngezothando uDkt Joseph Cilona  uthi yonke ingxabano ihamba ifike kwizinga elithile eliholela ekutheni abantu bathathe izinqumo ezinqala. Kanjalo nasothandweni kunezimpawu ezikuthiphisayo noma ezikuxwayisayo ukuthi isithandwa sakho sisuke sesizokushiya.
Yize kunjalo kodwa osaziwayo nabanye babantu bakuleli bahalalisele u-Anatii ngokuhlomula kwengoma angomunye wababhali bayo.
“Yize kunjalo kodwa sibone sengathi iwele elilodwa lagajwa yinjabulo lafaka umlayezo ombaxambili ezinkundleni zokuxhumana.”
“Yize kunjalo kodwa sizobambisana neziphakamiso zikahulumeni ukuze abantu bezophepha,” kusho uMy Man.
Yize kunjalo kodwa ubezwakala enganankinga futhi akazange awachithe la mahlebezi mayelana nokungenwa idlozi.
Yize kunjalo kodwa uButhelezi uthe bayakuncoma ukutshalwa kwemali ekulethweni kwamanzi, ukuthuthwa kwendle nokwakhiwa kwengqalasizinda yezokuthuthwa komphakathi.
Yize kunjalo kodwa uKekana odle iCaf Champions League neSundowns ngo-2016, ubazi ukuthi usuku lokushiya iSundowns luyofika.
Yize kunjalo kodwa ukukhula kwendawo ayilingisayo kuphazamise kancane izinhlelo abenazo zokunandisa ngokuqhulula amahlaya nokukhula kwakhe kule mboni.
Yize kunjalo kodwa uLarsen akanavalo ngokuzokwenzeka eqenjini ngoba abadlali bakhe bazinikele ngakho konke abanakho.
Yize kunjalo kodwa umalume walama bhobhodleyana, ocele ukungadalulwa, uphikile , watshela iphephandaba elishicilelwa ndawonye ne
Yize kunjalo kodwa uMbalula uqhamuke neziphakamiso okubalwa kuzo ukubhaliswa ngokusemthethweni kwemboni yamatekisi njengebhizinisi futhi ibhaliswe ngokusemthethweni esikhungweni esiqoqa intela.
Yize kunjalo kodwa uMkhize uthe kusemqoka manje ukuba izakhamuzi zakuleli ziqikelele ukuziphatha ukuze kwehle isibalo sabahaqekile.
Yize kunjalo kodwa umthombo uthi kuke kwashuba phakathi kukaZimdollar nonkosikazi kaZondi ngoba wayengayizwa indaba yokubangiswa yilo msakazi. Kodwa sebeyezwana ngoba bebehleli ndawonye ngisho sekubuywa emathuneni nasenkonzweni yomngcwabo,” kusho omunye umthombo osondelene nomndeni kaZondi.
Yize kunjalo kodwa ungenze ngakhululeka, ubungafunga ukuthi ngikhuluma nomngani wami omdala.
Yize kunjalo kodwa uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga usamile kwelokuthi uMnyango wakho sewume ngomumo ukulungela ukubuyela kwabafundi bakaGrade 12 no-7 ezikoleni ngoJune 1.
Yize kunjalo, kodwa uphiko olwenza umsebenzi wokucwaninga nokubheka izifo ezibhedukayo kuleli, iNational Institute of Communicable Diseases,ithi zincane kakhulu izingane esezike zatheleleka ngaleli gciwane uma kuqhathaniswa nabantu abadala.
Yize kunjalo kodwa uRabada usengazenza ezibukwayo uma ebhekene ngisho esebhekene nabanye abadlali abangozakwabo eqenjini lakhe lase-India.
Yize kunjalo kodwa Usuthu lwazi kahle ukuthi alukaze luthole iwini kuMakhosi eminyakeni engu-12 eyedlule. AmaZulu agcina ukushaya iChiefs ngo-2007.
Yize kunjalo kodwa uthe isoka lakhe alithandi ukuthi bahlale besemehlweni omphakathi.
Yize kunjalo kodwa uthi impilo iyaqhubeka futhi kuningi okuhle azifisela kona ngempilo.
Yize kunjalo kodwa uThuli akazange ananaze uvele wakuqinisekisa ukuthi uyahamba.
Yize kunjalo kodwa uWelile uthe abapheli mandla futhi zizoqhubeka izinhlelo zokulekelela uNgizwe. Uveze ukuthi baningi abantu abebemthinta befisa ukulula isandla kodwa bahlangabezane nale ngwadla. "Ithimba leNgizwe Online lizonazisa ngokuzoqhubeka kusuka manje. Siyabonga kakhulu kulabo akade bengithinta bekhokha ingakavaleki," kusho uWelile.
Yize kunjalo kodwa yona le albhamu imnandi futhi isiphumuzile kuma-piano. Ngeke ngimangale uma ingaqokwa emiqhudelwaneni yezindondo, ikakhulukazi kwiBest Dance Album nakwiBest Album ngenxa yesigubhu. Uma uzifela ngegqom’, ingakuphutheli le albhamu.
Yize kunjalo kukhona abantu abasalisebenzisa uma kunemihlangano yezepolitiki noma ezinkundleni zemidlalo, ikakhulu ebholeni lombhoxo.
Yize kunjalo, kukhona osekushintshile kulo. Seliqashe uGavin Hunt njengomqeqeshi walo omusha. Ulekelelwa nguDillon Sheppard no-Arthur “10111” Zwane njengamaphini. Ngalesi sizathu, uTinkler uthe ulindele indlela eyehlukile yokudlala kwiChiefs, ngeke kusafana nangesizini edlule.
Yize kunjalo kunezinkomba zokuthi uma kuphela uthaqa umphakathi usazohlangana uzame ukumxosha uMadlala.
Yize kunjalo kuthiwa kuningi izithandani ezingakwenza ukulungisa le nkinga ngaphandle kokuthi zixabane noma zikhombane ngokuqhuma kwekhondomu.