input
stringlengths
1
130k
Yize iSilo samenyezelwa ngoMeyi, kepha kuze kube namhlanje asikaze sigcotshwe ngokusemthethweni njengoba kunomdonsiswano ngesihlalo sobukhosi.
Yize iSilo singathandanga ukungena sigxile ecaleni elifakwe enkantolo eliphonsela inselelo ukuqokwa kwaso, sikuvezile ukuthi sona siyazethemba kukho konke esikwenzayo.
Yize isimo samandla kagesi besingaphansi kwengcindezi kodwa bebengafakanga uhlelo lokuthi bacishe ugesi.
YIZE isimo sesidambile, kodwa abokufika abazinze edolobheni elibhoke ngezidubedube kulezi zinsuku eGoli, bathi basathuka izanya.
Yize isinqumo kungesikaSolinas kodwa akekho ongazi ukuthi uZwane umthanda kakhulu lo mdlali. Kuthiwa ekuseni uziqeqesha noSolinas bese kuthi ntambama asebenze noZwane omuzwa ngaphakathi futhi ongezwa mshini ngokuhamba naye kwiDiski Challenge.
YIZE isixegisiwe imigomo yomvalelandlini kuleli, kuzoba nzima ukungena kwezivakashi eziphuma emazweni anesibalo esiphezulu sabahaqwe yiCovid-19.
Yize isizathu sokubulawa kwalaba singakaveli kodwa kusolwa umbango embonini.
“Yize isizathu sokuhlaselwa kwakhe singakaziwa kodwa kusolwa udaba lwamatekisi. Lokhu kubulawa kwakhe ngale ndlela kuwethusile umphakathi nabasematekekisini,” kusho umthombo.
“Yize isizini ingakapheli kodwa ngeneme ngendlela izinto ezihamba ngayo. Phela siholwa ngumuntu ongenawo amava okuba wumqeqeshi. Yebo yena unawo amava okuba ngumdlali kodwa ukuba ngumdlali nokuba ngumqeqeshi yizinto ezimbili ezehlukene. Ukuba ngumqeqeshi kudinga ukuthi ukwazi ukuhola iqembu lakho. Amava akhe okuba wumdlali ayamsebenzela. Indlela aziphatha ngayo uma enabadlali iyangichaza. Siqale ngenothi eliphezulu kodwa sabuye salahlekelwa wumgqigqo. Sike saba nalo ithuba lokudla isicoco seligi kodwa manje sekumele sizame ukuqeda kunombolo 2 kuya ku-5.”
Yize isizwe satshelwa ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sesihleli esihlalwenni sobukhosi, kusele ukuthi sigcotshwe ngokusemthethweni kuphela, kodwa uMntwana uThembi yena ukholelwa wukuthi noma ngubani usengaqokelwa kulesi sikhundla njengoba iSilo singakagcotshwa ngokusemthethweni.
Yize I'solezwe LesiXhosa libika ukuthi udabuka endaweni yaseNgqeleni, e-Eastern Cape kodwa kwiTVSA kuthiwa uLuzuko ungumnsinsi wokuzimilela eSebokeng, eGauteng yize-ke ebesehlala eGoli. Wafunda eWits Tech futhi ubenekhono lokukhuluma isiXhosa, isiZulu, IsiSotho, isiTsonga nesiNgisi. Elulingiseni ubonakale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo i4 Hours, Ambitions, City Ses'la, Gauteng Maboneng, Isidingo, IsiPantsula, Keeping Score, Mzansi Love, eKasi Stories, Ring of Lies, Single Galz neTempy Pushas.
Yize iSundowns ibisike yadlala neBidvest Wits ngoMgqibelo kwiNedbank Cup kodwa iPirates eyakhe amathuba angcono okuwina umdlalo, nabadlali bayo bebebukeka beyiqemane kunabeSundowns ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
Yize iSundowns ibiwuphethe umdlalo kodwa awamaningi amathuba angoqekelele ewatholile kwazise iningi leminyakazo yayo ibifike ibhajwe kuSibande, ebingekho into ekhombisa ukuba yijuniya endleleni adlale ngayo. Umdlalo wagcina uphelele ngo 0-0. Womabili asale engakahlulwa emidlalweni yeligi.
Yize iSuperSport ibilokhu izame njalo ukuthola igoli lokulinganisa, umdlalo uze waphela kuwu-2-1.
Yize iSuperSport ijikelwe yiMarumo Gallants njengotshwala esisiwini emdlalweni wayo odlule yayishaya ngo 2-1, isahleli endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-11.
Yize iSuperSport ikhombise izimpawu zokuphaphama ngemuva kokungena kwegoli lesibili, lawo mathuba ebiwakha abephelela ezandleni ku-Onyango obesefomini enhle.
Yize iSwallows ikowandulela amanqamu weMTN 8, leli qembu aliyazi iwini emidlalweni yalo emine yeligi.
Yize iTheku lizokwenza le mali kodwa nalo lizokhipha uR32 million ngokusingatha lezi zingqungquthela.
YIZE i-Top 8 ibukeka ingekude neLamontville Golden Arrows kodwa umphumela owodwa ungayijika yonke indlela okumi ngayo maphakathi ne-log ngoba amaqembu akhona awahlukene kangako ngokwamaphuzu.
Yize i-UTT inezinhlangano eziningi kodwa kukhona ebezingeyona ingxenye yesiteleka ngoba zikhala ngokuthi sizohlukumeza abantu abashonelwe.
Yize iWits isanqobe umdlalo owodwa selokhu kubuye imidlalo ye-Absa Premiership, ukungenelwa amagoli amabili emidlalweni emihlanu yinto emthokozisayo uGordinho.
Yize izakhamuzi zinogqozi lokuyovota, zikhale ngokungayiboni inqubekela phambili.
Yize izangoma ziningi ezinkundleni zokuxhumana kodwa uGogo Skhotheni ubonakala ezishaya emakhanda eziningi ngendlela anogazi ngayo kubantu. Ezinye zezinto ezimenza ahambe iphambili indlela aphatha ngayo amathwaswa akhe njengoba ewavumela ukuthi aphile impilo ejwayelekile nephilwa abantu abasha yize esephehlweni. Lokhu akuvamile ukubonakala futhi abantu abaningi baye bakhale ngokuhlukunyezwa lapho bethwasa khona. UGogo Skhotheni ubukeka eeshintsha izinto eziningi ngezinkolele zikuthwaswa. Abalandeli bakhe balokhu bembongele njalo uGogo Skhotheni ngempumelolo yakhe kulo nyaka.
Yize izibalo zikhomba lokhu kuyavela ukuthi iNingizimu Afrika isemazweni ayishumi okuthiwa ayakwazi ukukhiqiza ukudla okwanele kodwa lokho kudla akufinyeleli kubo bonke abantu ngoba abanye abanayo imali eyenele yokukuthenga. Lezi zibalo ziholela ekutheni uhulumeni asungule izinhlelo eziningi ezizosiza ekutheni abantu abangakwazi ukuzikhiqizela ukudla abazokudla bathole izinsiza ukuze bakukhiqizele imindeni.
Yize izigameko zokushisa ngenhloso yokucekela phansi impahla kuzwelonke zehle ngo-452 kodwa isiteshi saseMlaza e-KZN kuvele ukuthi sihamba phambili ngala macala njengoba ebe wu-35. Ngo-2016/2017 uMlaza wawunamacala awu-26 kuphela okushiswa kwempahla. Ngo-2016/2017 zaba wu-4 321 izigameko zokushiswa kwempahla kodwa ku-2017/2018 zibe wu-3 869.
Yize izihlwele bezifike ngobuningi bazo kodwa bezingeqile esibalweni esibekiwe futhi iningi belifake izifonyo. USomnandi ushiyelane inkundla nezingwazi zesicathamiya, iNewcastle Five Roses, uLamula, Amagagu Amahle, Iqhikiza Lentombi, Untshebe Yembuzi, Isiphikeleli Sabafazi, umrepha uDr Bone, Ubuhle Bamangwe, Izingqwele ZaseNtendeka nabanye.
“Yize izikhathi eziningi ngibonwa njengomuntu olingisa izindawo zezigebengu nomuntu ononya, kodwa lezi zindawo angizikhethi izona eziqondana nami. Abantu okumele bakwazi nje ukuthi angisona isigebengu noma umuntu onenhliziyo elukhuni kodwa ngiyahluthuka uma kwenzeka njengawo wonke umuntu. Okunye abantu okumele bakwazi ngami ukuthi angiziqhenyi njengoba ngaso sonke isikhathi singeke sime sixoxe nabalandeli bethu uma sihlangana nabo, ngesinye isikhathi sisuke sijahile yikhona okusenza singabi nasikhathi,” kuchaza yena.
“Yize izikole zazivaliwe kodwa u-matric owawufunda waphazamiseka ngenxa yalezi zibhelu. Siningi isikhathi esilahlekile ngenxa yokusheshe kuvalwe izikole ngenxa yeCovid-19, izibhelu kanjalo nokuphuza ukuvula. Singasizakala kakhulu uma ngase amaholidi angabikhona ngoba sizobuyisa isikhathi esilahlekile.”
Yize iZimbabwe ifike ngesikhathi e-Egypt, kuvelile ukuthi nayo ike yayisikaza indaba yokungayi. Kuthiwa iZimbabwe ibithi ngeke iwudlale owokuvula i-Afcon ne-Egypt ukuze usoseshini wakhona uzophoxeka kubuka umhlaba wonke. Nakhona akukho okutheni okubangwayo ngaphandle kwezivumelwano ngemihlomulo. Kugcine kuvunyelwene nokho kodwa kudingeke abadlali abafana noKhama Billiat ukuncenga ozakwabo.
YIZE izimoto sezifakwe ubuchwepheshe obuningi obengeza ezokuphepha kodwa abashayeli abaningi abazi ukuthi obunye babo abenzi lutho uma bungasetshenziswa ngendlela efanele.
- Yize izimpambano zomgwaqo kumele zithathwe njenge four-way stop kodwa lokhu akwenzeki nokuphoqa ukuthi kubaluleke ukuhlolisisa ngaphambi kokunqamula.
Yize izingane ezizalwe zakhulela emalokishini zizalisana kodwa kuvamise ukuthi emva kokuthola ingane eyodwa zingabe zisaqhubeka nokuzala kuze kube yisikhathi esifanele. Kungalezi zizathu ngithi ukugqugquzelwa kokuhlela umndeni kufanele kuhanjiswe nakakhulu ezindaweni engizibalule ngenhla. Mhlawumbe namabandla amahlelo ahlukene kungakuhle abambisane nezinhlaka zikahulumeni ukuphusha lo mkhankaso.
Yize izinhlelo eziphelele zomngcwabo zingakamenyezelwa, uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uzohlonishwa wuhulumeni.
Yize izinhlelo zokwethula iVolvo C40 Recharge eNingizimu Afrika zingakaqinisekiswa kodwa ngiyajabula ukusho ukuthi sizoletha iXC40 Recharge, imoto yethu yokuqala kagesi kuleli zwe kulo nyaka. Yigxathu elibalulekile ezinhlelweni zethu, kusho uMaruszewski.
Yize izinkampani zivuliwe ngaphansi kwesigaba sesithathu sikathaqa kodwa ezinye azikakwazi ukwenza inzuzo.
Yize izinkantolo nePhalamende bevuna uRamaphosa ngodaba oluthinta izigidi zamaRandi ezanikelwa esikhwameni sakhe sokukhankasela isikhundla sokuhola i-ANC engqungqutheleni yango-2017, kepha amalungu ale nhlangano anganelisekile afuna uRamaphosa athathelwe izinyathelo.
Yize izinkulumo zokuthi umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mnqithi nethimba lakhe likaRulani Mokwena noSteve Komphela abamuzwa kahle uKekana, lo mqeqeshi uthe iqembu limbeke esicongweni uKekana.
Yize izinombolo zimi kanjena kubalulekile ukuthi sibuke izibalo zabasindile njengoba bengu-15 093 okusho ukuthi balinganiselwa ku-52.4% wabebegula. (Izibalo ziyashintshashintsha usuku nosuku).
Yize izinto bezibonakala zingayivuni iBafana enkundleni, uBroos uthathe isikhathi eside ukwenza izinguquko. Ugcine emkhiphile uNathan Brooks indawo yakhe yathathwa uKeagan Dolly. Akuthathanga sikhathi esingakanani, uDolly engenile, kwabonakala umehluko. Uphakele uPercy Tau ibhola elihle kodwa lo mdlali we-Al Ahly wadlala ngomsebenzi.
Yize izinto eziningi kusewuqagela kodwa kubukeka sengathi uzoteta ngoMeyi.
Yize izinto zingahambi kahle kwiChiefs, uNgezane ubeyingxenye yeqembu elibhudluze iZimbabwe ngo 5-0 emidlalweni yemilenze emibili, lizibekisela indawo kwi-under 23 CAF Eight Nations. Uma iNingizimu Afrika iphuma emaqenjini amathathu azokwenza kahle kule ndebe, izozibekisela indawo kuma-2020 Tokyo Olympic Games.
Yize izinto zingekho esimeni esifunwa abalandeli beqembu kwazise lisondele ngasemsileni we-log ye-Absa Premiership, uTinkler uyakwazi okufanele akwenze kodwa futhi uyasho ukuthi konke kulele kubadlali.
Yize izitamkoko zingayihambisi kahle indle kodwa abakhuculula izindlu zangasese emarenke benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iphunga alithikamezi ukusebenza njengoba behlanza ngoshibhoshi, bacele nabantu ukuthi bashobinge kuphela.
Yize izwe lethu lisakwazile ukunqanda ukuthi lingabhebhetheki kakhulu, kodwa siyaqhubeka neminye imizamo ukubhekisisa isimo,usho kanje.
Yize izwe libhekene nothaqa, uHlongwane uthe bakhuthaza ukuthi abafuna ukunikela babhalise imininingwane yabo ephelele namakheli enombolweni kaWhatsApp ethi: 074 715 0212. Inhlangano yabo izoxhumana nabo bahlele ukunikela okwenziwa mahhala uma sekudlule uthaqa.
YIZE izwe lizokwehlela esigabeni sokuqala somvalelandlini kodwa isazoqina imithetho ukuqhubeka nokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane iCorona.
Yize kaba bekhala ngale ndlela, uMehmood Omar oyikhansela le-ANC uthe, kuwumsebenzi walo Masipala ukugcina ezemidlalo ziphila kuleli dolobha ngokuxhasa iMaritzburg.
“Yize kade engakaze asitshele ukuthi kukhona izitha anazo kodwa zikhona izigigaba adlule kuzona umufi njengoba eke wahlaselwa ngo-2017, lapho adutshulwa khona kodwa wasinda,” kusho uNkk Ngubo.
Yize kade isilandela ngemuva iCeltic ayizange idikibale, iqhubeka nokuphaselana okuhle ingayihloniphi iChiefs.
“Yize kade ngingadlali kodwa bengingakaze ngizisole ngokushiya kwami kwiMbombela. Okwenze ngangaqala kahle wukuthi bengingakajwayeli kahle kulesi sigaba. Umdlalo owenze izinto zangivuna ngesiwudlale ne-Arrows.
“Yize khona singeke sizithambise emidlalweni yeNedbank kodwa okumqoka kakhulu kithina ukwenza isiqiniseko sokuthi siyalivika izembe. Abalandeli bethu baseseka ngendlela eyisimanga, ngakho kungaba buhlungu kabi kubona nakithina badlali uma iqembu lingagcina ngokudliwa yizembe.
Yize konke ethi kuhamba kahle kodwa uphinde wakuveza ukuthi njengazo zonke izithandani kukhona lapho babuye bangaboni khona ngaso linye.
Yize konke kubukeka kukubi kodwa uBaxter uzwakalise ukungabi nankinga nakho konke okwenzekayo ngoba ngokwakhe umdlalo womkhaya awudingi amaqhinga omqeqeshi kumbe abadlali abathile.
YIZE kube nenhlokomo ngokuthola kwePremier Soccer League (PSL) abaxhasi abasha abazofaka isandla esigabeni esiphezulu seligi, iDStv, ezingezinhle ngezithi sizoncipha isibalo sezicoco ezizodlalelwa kwisizini ezoqala ka-2020/2021.
Yize kube nezinkinga kodwa abalandeli bakhe ubageze ubebe ebadansisa kwaze kwavalwa umcimbi.
Yize kubonakala ukuthi amaqembu amaningi asalinde kudlule i-2018 Fifa World Cup ukuze agxile ekusayiniseni abadlali, kodwa izimbangi zeCity seziqalile ukuqinisa izikwati.
“Yize kubuhlungu ukushona kwabantu kodwa kwesinye isikhathi abasebenzi bethu abakwazi ukugwema lokhu ngoba impilo yabo isuke isengcupheni. Ngiyabancoma abasebenzi bethu ngokuzimisela uma bevikela impahla yethu. Sizobalekelela abasebenzi abathintekayo ngokuthi balulekwe ngokomqondo,” kusho uDlulane.
Yize kubukeka kusenzima ukuthi iqembu lihlangane lithole imiphumela eliyidingayo, iphini likaSoccoia, uPatrick Mabedi lithe isizini isephansi kakhulu ukuthi sebengaqala ukutatazela.
Yize kucasula kodwa kumele sikwamukele ukuthi ukunqamuka kukagesi okuhleliwe yinto ekhona. Ngena emotweni uzilungele izingqinamba lokhu okuzidalayo bese uzama ukumelana nazo ngendlela ephephile. Uma uvumela ukubuswa ukucasuka ushayela, isimo siba yingozi.
YIZE kuke kwakhalwa ngokungafundwa kwesiNgisi esikoleni iMpephose Secondary eMpangeni, kodwa abafundi kulesi sikole bathi banethemba lokuthi bazokwenza kahle kuso njengoba bekubhalwa iphepha lesibili lika-matric, izolo.
Yize kuke kwasabalala ukuthi uSithebe uyahamba kuSuthu, ngoJuni nonyaka leli qembu limgixabeze ngenkontileka ephela ngo-2022. Ufike kuMazulu esuka kwiMbombela United ekwiNational First Division (NFD), ngesizini ka-2016/2017.
YIZE kukhalwa nxazonke ngokuqhubeka nokungabonakali enkundleni kukaBrilliant Khuzwayo, okuthiwa useluleme kodwa imenenja yakhe iyagcizelela ukuthi akukho okushaya amanzi ngenhlalo nempilo yalo nozinti kwi-Orlando Pirates.
Yize kukhona abadlali abanjengoSibisi noSiyabonga Vilane naye olaziyo ijoka kodwa abukeka emancane kakhulu amathuba okungena emidlaweni yokuhlungela i-Aba Premiership kuThongathi kwazise luya emdlalweni wokusonga unyaka lusendaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Yize kukhona abakhalile bethi uNdoni ungusomathuba kodwa abanye bayithakasele kakhulu ingoma. Umholi wabalandeli bakaMjik’jelwa, uSoh Mkhonza, uthe ngeke asho ukuthi kukhona okuhle noma okubi kodwa kukunembeza womuntu ukuthi uqophe le ngoma ngoba ezwelana nomndeni noma neziHonga noma uyenze ngoba efuna udumo. “Abayenze ngoba bezwelana nomndeni sibashayela inhlombe kodwa abeyenze ngoba befuna isasasa siyabagxeka.” UMkhonza uthe kodwa bekungaba kuhle ukube laba baculi balindile kwafihwa kuqala ngoba kukhona asebethi uMjik’jelwa uselele kobandayo ekubeni engakangcwatshwa.
Yize kukhona abalincomile iqhaza lakhe ekuqedweni kohulumeni wobandlululo, kukhona ababe nomuzwa wokuthi uDe Klerk ushone kunemibuzo engaphenduliwe.
Yize kukhona abazamile ukumkhuza uNtshangase ngale nkulumo yakhe, kepha uqhubekile nokuzivikela kuzo izinkundla zokuxhumana.
Yize kukhona konke lokhu uMabunda ukholwa ukuthi bazoyiwina yonke imidlalo okufanele bayiwine ukuqala ngeSuperSport.
“Yize kukhona lapho esingenzanga kahle khona, siwenzile umsebenzi kwezinye zezindawo njengoba echazile noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yakhe ngemva kokuhambela isifundazwe saKwaZulu-Natal. Inxanxathela yezitolo eseWestville, iPavillion ingenye yezakhiwo esenze isiqiniseko sokuthi siyaziqapha. Ingqalasizinda yamanzi kanjalo nezibhedlela ngokunye kwezindawo ebesilokhu sizigade ngeso lokhozi,“ kubeka uCele.
Yize kukhona namacala okungasigqoki isifonyo, nangesikhathi evela izolo, uKhanyile ubengasigqokile isifonyo ngendlela efanele, esibeke esilevini enkantolo. Ungene ephethe ingubo yokulala, kanti esehlela ekhulukuthu ubebukeka engenakho ukukhathazeka, ebingelela abebezomeseka abebesenkantolo.
Yize kukhona noMalesela kulabo abafunwa yiBaroka kodwa inkulumo kaMorgan Mammila oyisikhulu esiphezulu seqembu, ikhomba ukuthi bahamba noNyirenda.
Yize kukhulula ukuthi iNingizimu Afrika isiphumile esiwombeni sesithathu sokuhlasela kwegciwane kodwa ongoti bezempilo basakhathazekile ngokuthi isiwombe siphela nje ngesikhathi kunemicimbi yokukhankasela ukhetho eqhubekayo, nokungenza ukuthi isiwombe sesine sisheshe sifike ngoba abantu abaningi abakagomi okuyiyona ndlela okwamanje abangazivikela ngayo ekutheni bahlaselwe yiCorona.
Yize kukubi iveze ukuthi bawu 60 000 abantu abathole umsebenzi kulo nyaka uma kuqhathaniswa noJuni wonyaka odlule njengoba izwe liphumile esigabeni sesihlanu sokuvalwa kwezwe.
Yize kukuhle ukutshala imali emuva kokucaza, imfundiso okumele siyigcizelele wuhlelo lokutshala imali kwazo izitokofela. Kufanele izitokofela zishintshe imigomo yazo kufake nokutshala imali isikhathi esingaphezulu konyaka.
Yize kukuningi abathi kukhomba ukuthi lo wesifazane uyingane yabo, kodwa lo mndeni uthi wulibofuzo oluzokhuluma konke.
Yize kukuningi akwenzayo kodwa kusukela ngonyaka owedlule umfutho omningi uwufake kwiLandile
Yize kukuningi asebhekene nakho, uyabonga ngoba izinto seziyaqala ziyakhanya njengoba eselingisa nakwiThe River edlala ku-1Magic.
Yize kukuningi okungenze ngazinika isikhathi esanele sokulalela uhlelo The Uprising Gagasi FM oluholwa nguFelix Hlophe, engikuqaphelayo kulo msakazo, ikakhulukazi ohlelweni lwasekuseni, wukuthi luzobuyisa intsha ngoba luzoyifundisa ngemvelaphi yayo.
Yize kulokhu iChiefs ingalweli isicoco seligi kodwa kusemqoba ukuqoqa amaphuzu agcwele njengoba ilwela ukungena kwiTop 8.
Yize kulo masipala kuvela ukuthi wenza kahle ekubhalisweni kweziguli, uNkk Maseko uveze ukuthi isibhedlela sidala futhi ingqalasizinda yaso isigugile kanti sithola iziguli eziningi ezivela kwabanye omasipala eziza kuso ngenxa yokuthi kulula ukufinyelela kuso uma usebenzisa ezokuthutha zomphakathi.
Yize kumjabulisa uMngqithi ukuthi ezakhe azikashaywa selokhu kuqale isizini, ukwehluleka ukushaya amagoli, akumphathi kahle neze.
Yize kunabadlali obasindile umdlalo njengoSibusiso Vilakazi, obexukuza isisu noDean Furman noKamohelo Mokotjo kodwa konke ukukhuluma kuzobuya ngoBaxter.
Yize kunabantu abangasiboni nhlobo isidingo sokuzijwayeza ukuvuselela indlela okumele libukeke ngayo ingaphakathi le ndlu, bakhona abazinika isikhathi sokubheka indlela esesitayeleni eyenza ikhaya libukeke lilihle futhi liheha ngenxa yokuhlotshiswa kwalo.
Yize kunalesi sinqumo kodwa le nkantolo ithe imnikeza izinsuku eziwu-14 zokuthi umthetho wesigaba sesithathu wona ube uqhubeka usebenza.
Yize kunalokhu kuxhumana phakathi kukaGabuza nabadlali bePirates, okobudlelwano abenabo nabalandeli bekuhluke kakhulu kusukela ngo-Ephreli nyakenye. I-Pirates yayibhekene nePolokwane City koweligi ePeter Mokaba Stadium. Ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala uGabuza wathi ugoba ibhola lashaya kumdlali wePolokwane langena phakathi.
Yize kunamahlebezi okuthi lesi siphithiphithi sisuke emva kokuthi amalungu omphakathi ezame ukuxosha amalungu e-ANC kule ndawo, kepha ubuholi be-ANC kulesi sifunda buyakuphika lokhu.
Yize kuneCovid-19 sivumelekile ukuthi sizivocavoce futhi siqikelele ukuthi sidla ukudla okunempilo ukuze silwe naleli gciwane. Njengoba abantu abaningi bebenezinkinga zemali kulo nyaka ngenxa yesimo esizithole sikuso, sonke sibone kufanele ukuthi umcimbi ube nabamabhange ngenhloso yokweluleka ngezikweletu ezingenaso isidingo. Okumele kube mqoka kubantu wukuthi asigcini nje kuphela ngokuba yinkundla yezemidlalo njengoba siphinde sikhombise ukuzikhathaza ngesimo sempilo yabo ngemicimbi efana nale, kusho uMazibuko.
Yize kunefu elimnyama eligubezele isifundazwe kodwa kumele sizigqaje ngomsebenzi omuhle owenziwe yiSilo siwenzela isizwe sonke. Kuyo yonke imicimbi yokugubha iminyaka iSilo sisesihlalweni sobukhosi bukaZulu, besihlale sigqugquzela ubumbano.
Yize kunemibhalo ezwakalisa ukungenami ngalolu daba, uLady Zamar akabaphendulanga abantu njengoba engakaze aphawule ngalo selokhe lachithwa enkantolo.
Yize kunemibiko ethi umqeqeshi weTS Galaxy, u-Owen Da Gama, uyafuna ukumnika ithuba kodwa ethintwa yiSolezwe ngeSonto lo mqeqeshi uphike walala ngomhlane eyokuthi ucathamela uMahlambi.
Yize kunemibiko yokuthi umculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Jabba, Tswaka, Bosso Ke Mang nezinye uzibulele kodwa akekho ofuna ukuchaza ngokuzibulala kwakhe.
“Yize kunemithetho okumele ilandelwe kodwa ungqongqoshe uyezwelana namaciko akhahlamezekile ngalesi sikhathi futhi wenza konke okusemandleni ukutakula labo abadinga usizo ,” kusho uMasechaba.
Yize kunemizamo yokuthola isivimbelo senkantolo esivimba ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo, indlunkulu iyaqhubeka namalungiselo.
Yize kunempoxo ngenxa yemiphumela yale midlalo (oweLibya ekhaya noweSeychelles ekuhambeni) kodwa iBafana ingabuyela eqhulwini kuGroup B uma izophumelela ukushaya iSuper Eagles. Akukhona kuphela ukubuyela esicongweni okufanele kukhuthaze iBafana kepha ukunqoba nje kuphela ngoba uma yenze lokho izobe isizibekisele indawo eCameroon.
Yize kunenqwaba ehambayo kodwa uTruter ufuna ukulwela isicoco maduze.
Yize kunethimba elithunyelwe emazweni kodwa nakhona eCuba liyabhubha njengoba sekunabantu ababalelwa ku-1 337 asebehaqekile kwathi abangu-51 badlula emhlabeni. Yilona lizwe elinenqwaba yodokotela emhlabeni wonke jikelele futhi abagxile ekunqandeni ukusabalala kwezifo.
Yize kunezingqinamba ezinjena, bonke abantu abakhulume neSolezwe, okubalwa labo akade bebuka ngesikhathi intatheli ibuza imibuzo, bathe bazovota ukuze babe nempilo engcono.
Yize kunezinguquko kwiChiefs ebhentshini labaqeqeshi kodwa azikho izinguquko kubadlali kwazise leli qembu lisagwetshwe iFifa ngokusayina ngokungemthetho * -Andriamirado Aro Hasina Andrianarimanana waseMadagascar.
Yize kunezinkinga kodwa uthe abatshale imali bazoyithola. Uthe bazokwaziswa ngocingo ukuthi bazoyilandaphi imali yabo.
Yize kunezinsolo zokuthi amacala ayavulwa amaphoyisa awanyathele ngezinyawo kodwa uNgqongqoshe weMaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe zonke izinsolo ezikhona ziyaphenywa.
“Yize kunezinye izinto ezingaba nomthelela ekuweni kwebele lentombi nto ezifana nofuzo, ukushesha ukufaka ubhodisi, nokukhuluphala kodwa nokudla kunomthelela,” kusho uNksz Mbhele.