input
stringlengths
1
130k
Yize ekuvumile ukuhlangana nabe-EFF uHanekom ukuchithile ukuthi wanikeza i-EFF uhlu lwamalungu asePhalamende ayezovota ne-EFF.
YIZE elakuleli lisesigabeni sesithathu somvalelandlini, amaciko akuleli abekade engavunyelwe ukuyonandisa kwamanye amazwe ngenxa yemigomo yeCovid-19 ngempelasonto abonakale enza ezibukwayo e-United Kingdom.
Yize eminye imikhakha idilizile kodwa eminye ibiqasha njengowasezindlini ovule amathuba omsebenzi awu-76 000, owezolimo awu-2000, owokwakha awu-86 000 nowokunakekela umphakathi odale awu-170 000.
Yize enenqwaba yabalandeli uZekhethelo futhi kubonakala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, ukuthi uphila impilo entofontofo kodwa akuqondakali ukuthi ushadile noma cha.
Yize enethezekile kwiSithembiso, uthe unesifiso sokulingisa kwiLockdown. Uma kungenjalo, uzibona ngelinye ilanga engumlingisi ovelele waseHollywood.
Yize enezikhalo ngoMasipala weTheku kodwa uwushayele izandla ngokucela usizo eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ukuthi ulekele ekulandeni uR1 billion okweletwa yiminyango kahulumeni.
Yize eneziqu zasenyuvesi, uZabelo uthi uyakwazi ukukwenza kokubili ngendlela efanele ngoba zombili izipho zisemqoka futhi uyazihlonipha.
Yize engababizanga laba uBroos kodwa ubafakile abadlali abasefomini okubalwa kubo uThabani Zuke oyinjini yeLamontvile Golden Arrow noJesse Donn oweSuperSport United.
Yize engabonakali emidlalweni yeChiefs kodwa uLetlotlo usenesikhathi esingaphezu kwenyanga eqalile ukuzilolonga kwazise ubesejima kusekhona umqeqeshi osanda kusula, uSteve Komphela.
Yize engafihli ukuthi uyayithanda iChiefs kodwa uKhuzwayo usehlale kakhulu ebhentshini kwazise ijezi ulithola uma kukhona inkinga ku-Itumeleng Khune. Lo nozinti waseMlazi useveze kaningi ukuthi akeneme yize uma ekwenza lokhu akaphumeli obala kepha uyagigiyela ezinkundleni zokuxhumana. Kuyavela ukuthi iChiefs isisukume kakhulu manje izama ukumsayinisa ngoba isizwile ukuthi iCape Town City imthembisa izulu nomhlaba.
Yize engafunanga ukwanda kakhulu ngemininingwane ye-albhamu entsha kodwa ukuqinisekisile ukuthi “abantu bazodansa noma yikanjani”.
Yize engagxekwa, izinkulumo akumele zibukele phansi ihhovisi lakhe namandla omthethosisekelo.
Yize engakajwayeleki, mahle kakhulu ngoba avikela unina wengane, umntwana ongakazalwa, umndeni nabangani abasuke behambise izipho. Ngicabanga ukuthi azosiza kakhulu njengoba kubukeka emaningi amathuba esivuvu sesithathu kuleli, kubeka uNksz Mazibuko.
Yize engakalimemezeli iqembu lakhe, ngokusho kwe-website yebhola yakhona eZimbabwe, i-soccer24, kunabadlali abaningi abashiye ngaphandle uMapeza ngenxa yokulimala.
YIZE engakapheli amaholidi kodwa usuqalile umsebenzi wokufundisa kuthisha weMaths odidiyele abafundi abavela ezikoleni ezehlukene e-Adams College, eThekwini, ukubahlomisa ngolwazi.
Yize engakaze alingise phambili kodwa uthe uvumele phezulu uma bemcela abanikazi bale filimu ngoba ubone inesifundo.
Yize engakazi ukuthi yiluphi uhlobo lomculo afuna ukungena kulo kodwa uthembise ukuthi uzokwenza umculo omnandi ozojatshulelwa abaningi.
Yize engakhohliwe yingane  yakhe yokuqala kodwa uthe akusefani, usethanda ukuxola njengoba eseze waba nomunye umntwana.
Yize engakhulumanga ngazo zonke izinkampani zikahulumeni kodwa uthe zizoqashwa ngeso lokhozi ukuqinisekisa ukuthi ziba nozinzo.
Yize engakufundelanga ukulingisa kodwa uthi kuyinto esegazini kubo njengoba nodadewabo uNelisa Mchunu engumlingisi oqavile kuZalo. UNelisa uwuFikile kulo mdlalo.
Yize engalibekanga ngembaba kodwa kubacacele abantu "ebebemhlasela" ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uphendula bona kufacebook naku-Instagram.
Yize engalibeki ngembaba kodwa ukuvuselela kwakhe inkontileka ngesizini eyodwa nezinkulumo zakhe ngezifiso zokubuyela e-Europe, le sizini abayiqale ngebatha neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo eLucas Moripe kungenzeka kuzokuba eyokugcina kuleli kuFurman.
Yize engasekho emhlabeni kodwa ukuveza intokozo yakhe umoya wakhe uzovunguzela eKapa uchichima injabulo ngoJanuwari 19.
Yize engasidalulanga isamba esizotholwa wumdlali nomqeqeshi ngamunye, uMotsepe uthe njengeqembu bazimisele ukuwakhipha lawa mabhonasi, kodwa basalinde neCaf ukuthi idalule ukuthi yimalini abazoyithola ngokunqoba lo mqhudelwano.
Yize engasidalulanga isizathu uMamila kodwa imithombo yeSolezwe ivele nezithi usolwa ngokuphuza utshwala nabadlali beqembu ngemuva komdlali wangeSonto abanqunywe kuwo yiFree State Stars ngo 2-0.
Yize engathandanga ukuthi iNingizimu Afrika izofana neVenezuela okunqanyulwa ugesi ezweni lonke kodwa uthe ngelinye ilanga kuzokwenzeka into ethile kubasebenzi ababhekele ukunqanyulwa kukagesi bese izwe liba sebumnyameni.
Yize engathandi ukukhuluma ngalesi sigameko nokuthi senzeke kumuphi umcimbi ngenxa yokuthi simvusela iminjunju, uBongi uthi kwale kancane ukuthi aphambane nemvula.
Yize engathandi ukungena agamanxe kule ndaba uMseleku kodwa uthe ngeke kube yinkinga kudadewabo ukuba sesithenjini ngoba usazi kahle.
Yize engatholakalanga ukuba aphawule kodwa wakuveza ukuthi ukuhaya izinkondlo nokulingisa akumphazamisi ezifundweni zakhe. “Ngifuna uma sengiphothule isikole ngiyokwenza izifundo zeChartered Accountant.”
Yize engawinanga kodwa uthe iphupho lokugqamisa indawo yangakubo lifezekile.Uthe ngaphambi kokungenela lo mncintiswano bambalwa
Yize engayena owaseNingizimu Afrika kodwa ungumfundisi osephenduke isilomo kumakholwa adabuka kuleli asonta ngaphansi kwebandla lakhe.  Obekumangaza ngale video nezithombe indlela ebevule ngayo inkebenkebe yomlomo umufi, okuhlule ngisho esevuke ekufeni elokhu ekhamise njalo.
Yize engazange acacise ngombandela abekelwe wona kodwa uthe, ulandelwe ukuzobuyisela iBaroka kwi-Top 8.
Yize engazange alibeke ngembaba uValverde kodwa abadlali okuyibona abenza amathikithi adayiswe ngokushesha kungenzeka babonakale isiwombe esisodwa kuphela. Laba uMessi, Luis Suarez, Gerard Pique noPhilippe Coutinho.
Yize engazange alisho iqembu akhuluma ngalo kodwa wake wakuveza ukuthi yikwi-Orlando Pirates lapho athola khona izicelo eziningi zamaqembu aphesheya. Wahlala amasizini amane kweZimnyama.
Yize engazange ambize ngegama kodwa bekucaca ukuthi ukhuluma ngoMokwena.
Yize engazange aphumele obala ngezinto ezenziwa nguKhumalo kodwa Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi uKhumalo (umufi) ubesehlala yedwa ngemuva kokuxosha unina nomndeni wonke okuthiwa bebevuna isenzo sikaNsumbu (umsolwa) ngokubulala uNkk Ngema, kodwa umndeni uyakuphika lokho njengoba kuthiwa umufi ubencamela ukuhamba nonina njengoba ubesaba umfowabo osejele obekuthiwa ubefuna kudayiswe inkomo ngenkani efuna ukukhokhelwa ibheyili. Umufi kuthiwa wenqabile ukukhokhela umsolwa ibheyili.
Yize engazange athole isikhathi esanele sokuziqeqesha neBafana ngaphambi komdlalo wanamuhla, uthemba ukuthi uzolithoba ithuba lokudlala.
Yize engazange awine lutho kuPirates kodwa wayefana nomgogodla weqembu. Waqokwa kabili njengomdlali ovelele ku-Absa Premiership amasizini elandelana. Namanje imilingo kaModise isahlezi ezingqondweni zabalandeli bePirates.
Yize engazange azivocavoce nabo, uSbahle odume ngelikaFitness Bunny kwezokuzivocavoca, uzimazise umcimbi wase ebonga bonke abalandeli bakhe ngokumeseka ebunzimeni.
Yize engenawo umhlaba abatshala kuwo, uthe uke waxhaswa ngemali ngabeLotto nabakwaSeda ukuqeqesha abesifazane nezingane zabo. Uthe olunye ulwazi waluthola kwamanye amazwe, okubalwa iGermany lapho lusetshenziswa khona.
Yize engenayo inhlanhla yokunqoba eNingizimu Afrika kodwa ngo-2013/2014, uMagazi wadla isicoco seRussian Cup neFC Rostov ayeyidlalela.
Yize engeneme ngalokhu uMngqithi, uthe uwubheke ngabomvu umdlalo wezakhe neSwallows FC ngempelasonto. Izinyoni zizovakashela amaBrazilians emdlalweni weDStv Premiership eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Yize engeyena umuntu okwazi ukudansa kodwa uMiss Pru uthe uyathanda ukwenza izingoma ezidansisa abantu.
“Yize engumculi kodwa uyazihlonipha njengomama futhi maningi amaciko asafufusa awacobelela ngolwazi lomculo ukuwathuthukisa kuwona.
Yize enguthishanhloko naye unalo ikilasi alifundisayo njengoba efundisa iMathematics kwaGrade 11 noGrade 12.
Yize enkantolo kwavunyelwana ngokuthi odokotela abajutshwe yiNPA bazovunyelwa ukuxilonga uZuma kepha kubukeka sengathi uZuma useshaye ungqimphothwe kulesi sivumelwano.
Yize enkulumweni yakhe yangoLwesihlanu ekuphikisile ukuthi kunezinxushunxushu endlunkulu, futhi yona inkulumo yakhe ibuye yanikeza isithombe sokuthi isazobambana ngezihluthu endlunkulu njengoba ethe isizathu esenza ukuthi njengamanje bangakwazi “ukunqakisana ngamazwi”, yingoba kusaziliwe endlunkulu.
Yize enkundleni yokucobelelana kuzobe kungenwa mahhala kodwa kwiCothoza Music Festival esePlayhouse Opera Theatre ngoLwesihlanu kuzobe kungenwa ngoR150.
Yize enohlelo alwenza nezingane zamantombazane ezikoleni kodwa njengamanje umatasa nezinhlelo zokuvula isikhungo ahlela ukuthi siqale ukusebenza maduze nje lapho ezokwazi ukuhlanganisa izingane nonina. Inhloso yakhe enkulu ukuthi abesifazabe ikakhulukazi amantombazane, bavule izifuba ngezimo ababhekene nazo ukuze bathole usizo.
Yize enomlando omuhle kwezeshashalazi futhi ekhombisa ikhono elikhulu kodwa kulo mdlalo ubukeka ekhombisa esikhulu isipiliyoni nokumenza ehluke kubalingisi abaningi.
YIZE enqunyelwe ugwayi katiki ukuthi asuke esihlalweni sobuholi bamaNazaretha, uMnuz Mduduzi Shembe (uNyazilwezulu) ochithwe yinkantolo ukuthi abe ngumholi webandla kodwa usahleli ekomkhulu lebandla eBuhleni.
YIZE ephenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana uSotswebhu weDA, uMnuz John Steenhuisen, ngokuthi akanazo iziqu zemfundo ephakeme kodwa uthe kufanele ayekwe kulesi sikhundla sakhe ngoba usebenzela abantu baseNingizimu Afrika.
Yize ephika kodwa nakubangani bakhe le yindaba exoxwayo. Lokhu kufakazelwa nayizithombe zabo abazifaka ezinkundleni zabo zokuxhumana okubalwa * -Instagram noFacebook bendawonye.
Yize eqala ukungena kule mboni yomculo uthe, unesifiso sokuqhubeka njalo afane nezinkakha akhule ebukela kuzona njengoSlikour, Reason, Gemini Major no-Anatii.
Yize eqale waba manqika kodwa ugcine engenile wabashayela imidanso embalwa waphuma.
Yize esazimisele ngokuqhubeka nokubhuquza kodwa ukuba usomabhizinisi wezindawo zokungcebeleka ezifundazweni ezahlukene kungenye yezinto eziphambili ezinhlelweni zakhe.
Yize esebeke amazwi akhuthazayo kodwa abantu kwiTwitter abayekile ukumhlasela, belokhu bemsola ngokuthi akathembekile. Babodwa abaveza ukuthi ngelinye ilanga kuzomele axolise esidlangalaleni ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile. KwiFacebook yilapho avamise ukungcofwa khona kakhulu uLady Zamar.
“Yize esebenza kanzima uBettina futhi ezimisela, kukho konke akwenzayo kodwa iphupho lakhe lokungena kulo mkhakha alifezeki kanti livinjwa into eyodwa, yokuthi akabukeki kahle. Konke la ezama khona inhlanhla yokungena emkhakheni wemfashini bakhala ngendlela abukeka ngayo. Ekugcineni uthola ithuba lokuthi abe umsizi womhleli omkhulu nomphathi webhuku iNubia Magazine uDingani Jiyane, okulapho ezinikela khona futhi usebenza kanzima ukuze afeze iphupho lakhe njengoba eseseduzane nomkhakha wokukhangisa,” kuchaza lesi sitatimende.
YIZE esehlale isikhathi eside eqiwa yijezi kwiKaizer Chiefs, umdlali wasemuva uSiyabonga Ngezana ubona esazolithola ithuba lokudlala ngaphansi komqeqeshi u-Ernst Middendorp.
Yize eseluleme futhi kungenzeka uMosimane amphonse ensimini uma sebebhekene neWydad Athletic Club kusasa kodwa lo mqeqeshi usafuna ukumcwecwa uJali ukuze abuyele kulo mdlali aziwa enguyena.
Yize eseneminyaka engu-19 wangena emsakazweni nasemkhakheni wokwethula izinhlelo zaku thelevishini kodwa uthando lomsakazo nethelevishini lusahamba phambili.
YIZE esengene kwezokulingisa ngendawo ayithole kwiHouse of Zwide kodwa uSimphiwe Majola akaziboni engena kulo mkhakha ngokugcwele.
“Yize esephumelele empilweni kodwa usalangazelela lokhu ayengakutholi esasesikoleni. Kulokhu angenza noma yini ukuze athole uMadlabantu ,” kusho yena.
Yize eseqashiwe uStuart Baxter njengenhloko yabaqeqeshi ekhuza ibuya, kodwa kusongwe imidlalo eyandulela eyamanqamu engakahlali ebhentshini ngenxa yamaphepha okusebenza kuleli kwabantu abangewona umsinsi wokuzimelela kuleli.
“Yize esesayine ngaphansi e-Universal Music kodwa usekwi-Mabala Noise njengoba kukhona ubudlelwano bokusebenzisana,” kusho yena.
Yize esethola imiphumela emsulwa uPogba kodwa namanje akadlali umdlalo ogcwele.
Yize esevele esayinile uKunene, kodwa okwenza kungabi lula ukuthi kumenyezelwe wukuthi inkontileka yakhe neMaritzburg iphela ekupheleni kukaJuni. Empeleni uKunene akayedwa osuka kwiMaritzburg United, kodwa bakhona nabanye abadlali abambalwa abasuka kwiMaritzburg abazobonakala kuMaZulu okusaxoxwa nabo," kusho umthombo.
YIZE eshaya ngesisoka kodwa uSteve Komphela oke wacija iBafana Bafana akakufihli ukuthi ukushintshwa kwebhentshi ngenye yezinto okumele zisukunyelwe eqenjini lesizwe ukusondeza imiphumela emihle kubhekwe phambili.
Yize esho kanje kodwa uphrojusa weLockdown uMandla N, uthe abantu abaqhubeke nokubuka iLockdown njengoba isisalelwe yiziqephu ezine futhi ngeke akuqinisekise ukuthi akasezobakhona uDawn kuyona.
Yize esho kanje omunye wabasebenzi obeyingxenye yemashi ukuvumile ukuthi imiholo yabo iphansi ayinyuki.
Yize esho kanje uJindela kodwa Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi bavamise ukuhlaba ikhefu ngo-Agasti nangoSepthemba kuphela njengoba isizini entsha ize iqale ngo-Okthoba kodwa kuze kube yimanje abakabuyeli emsebenzini.
Yize esho kanje uKelly kodwa ongumkhulumeli wamaphoyisa osabambile eGauteng, uBrigadier Mathapelo Peters, uthe ayikho incwadi asebeke bayithola ivela kuKelly. Esitatimendeni asithumelele iTshisaLive, uPeters uthe umnyango wamaphoyisa ubungakayitholi leyo ncwadi.
Yize esho kanje uSchloss kodwa kuyavela ukuthi udaba le-Ajax esolwa ngokudlalisa uTendai Ndoro kungafanele emidlalweni yayo yeligi luphazamisa ngisho abasakazi abaphinde babe ngabaxhasi beligi, iSuperSportTV.
Yize eshonele eGauteng kodwa uthe uzofihlelwa emathuneni aseThohoyandou.
Yize esolwe ngokukhulumela safuthi uMokwena kodwa konke asekwenze kwiChiefs kuyamfakazela. IPirates iyivuthuze ngo 2-1 kulandelana. Lokho sekuhlangene nokubuya nesibhaxu sika 2-1 kwiZimamoto koweCaf Confederation Cup eZanzibar, ngezinye zezinto ezixoshise laba baqeqeshi.
Yize ethe akasathandani nengoduso engunina wendodakazi yakhe ena-23 kodwa uyaphoqeleka ukuthi noma ngabe usedolobheni ayiphathele ekudingayo njengoba isiphila ngesibonelelo sikahulumeni ngenxa yokulimala.
Yize ethe akayazi imali ephumele umshana wakhe, uthe bekungeyempesheni.
Yize ethe akazolwisa muntu ngalolu daba kodwa uthe kufanele kwenzeke ubulungiswa njengoba axoshwa wuSABC, kusele iminyaka emibili kuphele isivumelwano ayenaso nale nhlangano yezokusakaza.
Yize ethe ngeke adalule ukuthi uzovotela liphi iqembu, uthe alikhethile ulibona likhathalele imfundo yabamnyama.
Yize ethe uhlasela izingane, uthe kuyenzeka nabadala ubaphathe. Lokhu kwenzeka uma umuntu engagomanga esemncane. Indlela yokwelapha uzagiga wukuvakashela udokotela, uthole imishanguzo bese uyaphumula ekhaya. Uthe umzimba udinga ukuphumula ngokwanele ukuze uzagiga usheshe uphele.
Yize ethe umdlalo uwubona uphela ngemizuzu ewu-90 kodwa uma uya kumaphenathi, “laba abaqokiwe (ukuwashaya) basuke bethenjwa futhi akekho umuntu ongayigeji ngoba afana nokugembula."
Yize ethe umyeni ubevele emhlukumeza ngokumshaya, uthe kube mandla emuva kwesikhundla emsebenzini.
Yize ethi basenezinyanga ezimbalwa bethandene, kodwa ukuhlangana naye kuyishintshile impilo yakhe.
YIZE ethi unolaka futhi engazwani nento engaqondile kodwa uYvonne Chaka Chaka uthi umyeni wakhe uMandlalele Tiny Mhinga uyakwazi ukumgoba ngendlela efanele kulokho
Yize ethi usalinde uphenyo lwamaphoyisa ngalolu daba kodwa uthi usola umuntu owamdayisela indlu ngokuqhuba umkhankaso wokumcekela phansi njengoba eveze ukuthi usanqwahe netayitela.
Yize ethi wagcina ebangeni lesibili esikoleni, uNhleko uthe wasiqeda isikole.
Yize ethi wayekhathazekile ngokuphepha kwakhe kodwa abekho abake bamqonda ngqo bamsabisa.
Yize ethula ubufakazi manje uNksz Zondi, kodwa ngoJuni nonyaka ubhale kwi-blog yakhe kabanzi ngokwamehlela kusukela ejoyina leli bandla.
Yize ewamukela amaphuzu asebewaqoqile uthe usemningi umsebenzi obahlalele. Uchaze ngokuthi ngaphambi komdlalo weLeopards basebenze kanzima ekuqiniseni udonga lwabo. “Sizenzele izinto zalukhuni, bekumele sibeke umoya phansi ukuze sikwazi ukuthola igoli lesibili ebelizokwenza izinto zibe lula. Senze kangcono emuva uma kuqhathaniswa nangesonto eledlule. Maphakathi nesonto (eledlule) besisebenza ekuzihleleni nasekuxhumaneni kangcono. Ngisho nokungena kukaDaniel (Akpeyi) emapalini ngicabanga ukuthi wenze kahle,” kuchaza uMiddendorp.
Yize ewumlandeli walolu hlobo lwebhola, lo mdlali, osuke kwiSwallows FC waya kwiChiefs nomklomelo weDStv Premiership Defender of the Season, ukholwa ukuthi kufanele benze okungaphezulu kwalokhu uma sebebhekene namaWarriors.
Yize ewuthanda umculo, okwamanje usazimisele ngokuqinisekisa ukuthi uyakhula kwezokusakaza agcine esenamava kukho.
YIZE exolisile uBongani Zungu ekuphaphalazeni kwakhe engcofa uMicho Sredojevic noPitso Mosimane ngesikhathi encoma uRulani Mokwena, kodwa kubukeka esazoba nesigcwagcwa esikhulu.
Yize eyincomile i-Arrows ngokubathwalisa kanzima kodwa uHunt ukholwa wukuthi bekufanele iWits iwaqoqe egcwele amaphuzu okokuqala kusukela kubuyiwe.
Yize ezemidlalo ziphazamisekile kusukela nyakenye ngenxa yobhubhane lwe-Covid 19, umsunguli wale miklomelo uKass Naidoo, uthe bekusemqoka ukuthi baqhubeke nokuhlonipha abesifazane emikhakheni engaphezu kuka-20.
Yize ezichithe kanje izintatheli kodwa wake waphawula kweminye imithombo yabezindaba wathi ngeke abe nayo inkinga yokubuyela kuMakhosi uma emfuna.
Yize ezingxenyeni eziningi kule ndawo kuzalele ihlokohloko, abantu bethe chithi saka ezitaladini kungathi wuDisemba kepha kukhona osekuqalile ukuzwela kubo ukutatshwa kwempahla ezitolo.
YIZE ezinye izithandani kuye kubukeke sengathi ziyehluleka wukusebenza ndawonye kodwa kosaziwayo bethelevishini abangosomahlaya, uMpho Osei-Tutu noTumi Morake, uthando lusavutha amalangabi futhi basayibambile nasekusebenzeni ndawonye kwezikaqedisizungu.
Yize ezinye zezimeya ezikhona njengamanje zivela ohlwini lwamagama lwabangenele ukhetho, kepha amagama azo awekho phambili ohlwini.
Yize eziqhathulula ngokuthi waxwayisa amalungu kodwa uSotswebhu we- ANC kulo masipala uNksz Zinhle Sithole, uthe nguZulu namakhansela e-IFP abaluyisa emphakathini nakuba amaqembu aphikisayo ayelugxeka lou hlelo.
Yize ezishaya isifuba lo mqeqeshi ngokuthi weneme ngendlela abenze ngayo nangokuqala ngokushesha kwamalungiselelo eNdebe yoMhlaba, kodwa iqiniso wukuthi leli qembu alizange lidlale ibhola elincomekayo lapha. Mabili kuphela amagoli ashaywe Amajita emidlalweni emine okuyisibalo esiphansi kakhulu. Amagoli ashaywe kukade kuyikhona elinye kuyi-freekick.