input
stringlengths
1
130k
“Yingakho-ke kunesidingo sokuthi kwengezwe imali yesabelo ukuze sivuselele amapulazi. Yize umnyango usazoxoxa nezikhungo zezimali ezesekela intuthuko kanye namabhange azimele, kepha isifundazwe kuzodingeka naso sengeze ukuze luqalwe lolu hlelo lokuvuselelwa kwamapulazi.”
Yingakho-ke namhlanje kuphela izinsuku ezingu100 kwaba khona ukuvalwa kwezwe, okwasuka esigabeni sesihlanu kwaze kwagcina sekusesigabeni sesithathu namhlanje.
Yingakho-ke ngathi uma nginikezwa le ndawo ngakhumbula konke ayekwenza uma ethetha amacala.”
Yingakho ke singeke sivume ukuba kungenele inhlese yezepolitiki kulolu daba.
Yingakho-ke uNdunankulu uSihle Zikalala eyalele ukuthi yonke iminyango kumele isukume ibhekane nezingqinamba zabantu.
“Yingakho kubalulekile ukuthi abantu bahambe bayobheka ukuthi akhona amakheli abo emqulwini wokuvota. U-320 000 wabavoti usho izihlalo eziyisithupha esiShayamthetho sesifundazwe,” kusho uMosery.
Yingakho kubalulekile ukuthi indoda nendoda iwondle umhlane ebeletha kuwona ngoba akukuhle ukuthi umuntu ajabulele umhlane ofudumele kodwa angazihluphi ngokuthi ufudunyezwa kanjani.
Yingakho kubalulekile ukuthi kube nabantu ababaziwayo emphakathini abazokwazi ukuphendula imibuzo noma ukubeluleka. Uma bekuthiwa, uma umgomo ungakuphethe kahle kumele ungene kwi-website ubike, yinto okungelula ukuyenza. Umuntu ucabanga ngomuntu oseduze njengomfundisi, umhlengikazi noma udokotela. Yilabo bantu okumele bahlonyiswe ngolwazi, kweluleka uMpumlwana.
Yingakho kubalulekile ukuziqhelelanisa nalabo abayibhemayo uma beyibhema, ngoba nawe ungazithola usugula uzazi kahle ukuthi awubhemi.
“Yingakho kumele kugxilwe ekugomeni izingane, kuqinisekiswe nokuthi ziphephile ezifeni.”
Yingakho kusiza ukuzihlela nokuhlukanisa phakathi kwezinto okumnandi ukuzenza nezimele ukwenziwa.
Yingakho kusuke kubalulekile ukulandela zonke izimo nemikhuba okuvunyelwene ngakho imindeni nabashadayo ezokhomba ukuthi umshado wakho wesintu uphelele.
Yingakho kuthe ngokuhamba kwesikhathi ngenkathi kusungulwa amanye amakhomishini okubalwa kuwona ekaSeriti eyayiholwa yiJaji uWillie Seriti eyayiphenya ngokukhwabanisa ngokudayiselana kwezikhali kwelakuleli nelaseFrance, kuze kube yimanje akukacaci ukuthi ngobani ngempela okumele babhekane nomphumela wokuthi bayathinteka kulawa macala.
“Yingakho le ngoma ingeke ibe kwi-albhamu yethu ngoba ishaywe ngesigqi se-hip hop,” kusho uNdlemnyama osanda kuhlekisa abantu ohlelweni lwethelevishini iDate My Family.
Yingakho lulinde ukulalelwa kwesicelo sokuvimba ukuthi ungaqhubeki umdlalo weMTN 8 okumele ube phakathi kwe-United ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium.
Yingakho mina nginake ukukhala kukaVatiswa nganganaka okunye okushiwoyo. Sihlala silindwe ngemikhonto ngabantu abafuna ukusihlasela, asinayo inkinga ngalokho.
Yingakho nalokhu kokuvalwa kusheshe kwezwakala kwahlonishwa ngoba nezinduna bezilishumayela lelo vangeli.
Yingakho namhlanje esekhuthaza amantombazane ukuba azithande futhi aqede le nkoleloze esemkhakheni wezobuhle.
“Yingakho namhlanje sithula lolu hlelo lokuhlolwa kwabantu ezindaweni ezahlukene kuleli ukuze sizame yonke imizamo ukulwa necorona. Abantu abazobe besebenza kulezi zikhungo kuzomele nakanjani siqikelele ukuthi baphephile,” kusho uMkhize.
“Yingakho ngakugwema ukuphawula ngakho ngesikhathi ngiseseMzansi. Ngiyaqala ukukhuluma ngakho. Bengingafuni umlando engiwushiyile uhluke. Kodwa futhi ngiyaliqonda ibhola lamazwe. Yebo, i-Al Ahly iyamthanda uSirino futhi isikhulumile neMamelodi Sundowns ngokusemthethweni. Ngeke ngidalule okuningi ngoba kuningi osekwenzekile. Umengameli weSundowns (Patrice Motsepe) ubekade elapha ezobuka iChampions League. UDanny Jordan ungithumelele umyalezo engazisa ukuthi ukhona (uMotsepe). Uthumele nomyalezo wokungibongela. Ngeke ungitshele ukuthi akuzange kukhulunywe ngoSirino kulelo zinga. Ngiyazi ngoba ngatshelwa.”
“Yingakho ngathi uma ngifika e-USA ngabona izinto esizenziswa mahhala emakilabhini besikhokhela imali.
“Yingakho ngayicisha nencwadi evimbela umfundisi,” kuphetha uFaith.
“Yingakho ngesinye isikhathi uzwe kuthiwa kunowesilisa oneminyaka engaphezulu kuka-70 okhulelise owesifazane. Akubi untanga yakhe ngoba abesifazane kuba nzima uma esefike ku-35 ukukhulelwa kalula.
Yingakho ngibona kungaba yiphutha elikhulu ukucabanga ukuthi iDA ingaba yikhambi ekuxazululweni kwezinkinga zabantu abamnyama.
Yingakho ngibona sengathi le nsizwa yakoDaubermann beyimane izisikela isihlangu nje ngalesi sicelo esifakile futhi ngikholwa ukuthi beyazi kahle kamhlophe ukuthi ijaji lizosichitha.
Yingakho ngibuye ngingayithandisisi kahle nenkulumo kaKhathide “Tshatha” Ngobe woKhozi FM uma esethi asimbongise ngokuthi usebenza amahora amathathu kuphela bese eyagoduka.
“Yingakho ngifisa ukucacisa ukuthi ayikho into engisazayokhuluma nale khomishini. Uma lokhu kuthathwa njengokuphula umthetho wabo, kulungile umthetho uwudlale indima yawo. Angikwesabi ukuboshwa, angikwesabi ukugwetshwa futhi angikwesabi nokuhlala ejele,” kusho uZuma.
Yingakho ngihlale ngisho ukuthi yigama nje ukuthi sikhululekile sisaphethwe yidlanzana elishaya imithetho. Uma ngingazibuzela nje ngesikhathi sobandlululo wawungashaywa ngani umthetho wokuhushulwa kwezisu? Owokuvalwa kwenduku ezikoleni wona wawungashaywa ngani? Hlakaniphani bantu abamnyama kulinyazwa ubuchopho bezingane zenu la. Kwakhiwa isizwe esingalawuleki niyongibuza ningiphale ulimu eminyakeni eyishumi nanhlanu kusuka manje.
“Yingakho ngikhethe ukubeka eceleni uRicardo Nascimento ngoba ngingafuni ukugembula ngaye njengoba silanyalelwe nawuBangally Soumahoro. Sidlale ebhentshini singenaye omunye umdlali wamaphakathi emuva. Kodwa noma ngabe wubani osenkundleni, sisuke sidlalela ukuthi sinqobe izindebe,” kusho uMosimane.
Yingakho ngikujabulela okwenziwa yisiteshi esizinze eMhlanga i-East Coast Radio (ECR). Selokhu kufike umphathi uBoni Mchunu uyabona ukuthi sizama ngamandla onke ukungenisa endlini emnyama.
Yingakho ngikuqinisekisa ukuqashwa kukaClinton Larsen endaweni yakhe,” kusho uMpengesi. “Yingakho ngingakaze ngiwuthakasele umkhankaso obiza amadoda ngodoti i#MenAreTrash. “Yingakho ngingazange ngiwuphendule umyalezo wakho ngoba akukho engikwaziyo ngalo. Mina ngiwumkhulumeli weqembu ngakho uma engekho oseke weza kimi wazongitshela ngalo wakuqinisekisa ayikho into engingayisho. Kimina kuse ngamahemuhemu,” kusho uShakoane. “Yingakho ngithi asikabi sesigabeni sokuthi abantu bakhululeke ngoba igciwane lisekhona futhi basebaningi abantu elibahaqwao uma bewu-10 000 ngesonto,” kusho uMkhize. “Yingakho ngithi indawo yami ayikho lapha. Nganginxusa uNkulunkulu ukuthi angithathe angise endaweni engcono ngoba izinto zazingangihambeli kahle emculweni.” “Yingakho ngiwuzonda umsebenzi wokuqeqesha, kusho uKole.
“Yingakho ngiyiqambe ngokuthi, Composed By Jesus Christ ngoba ithalente enginalo ngiliphiwe uye. Bonke ubuhlakani bokubhala ngibuphiwe uye futhi izinhlamvu zezingoma zami azilumeli
Yingakho ngize ngathatha isinqumo sokuthi ngibuze ngengoma, ukuze izwe lazi ukuthi usibambe inkunzi.
“Yingakho ngizomema nabaculi basemazweni angaphandle kule ngoma ukuze senze isibonelo sokuthi akukho okungasihlula uma sibambisene njengezizwe,” usho kanje.
Yingakho ngo-1959 uMshengu asungula iqembu lakhe, Ezimnyama, okuyigama agcina eliguqulile ngoDisemba 1960, wathi yiLadysmith Black Mambazo emuva kwamaphupho ayemfikela.
Yingakho nje emdlalweni wayizolo bekungabhekiwe nje amaphuzu amathathu kuphela kodwa bekubukwa nokuthi sikhona yini isidingo sokulanda omunye umqeqeshi, noma kungcono kudedelwe uMandla Ncikazi noFadlu Davids benze umsebenzi.
“Yingakho nje namanje kungamele kube yinkinga ukuthi bahleli abayile emaholidini balinde ifayineli yeNedbank. Kumele basebenze. Nangesizini ezayo kuzothi kuqhubeka iMTN8 bona bebe beqhubeka behlanganisa imiqondo ukugwema ukuba nesizini efuze le.”
“Yingakho nje ngithe ukwengeza isikhathi sokusebenza ngedwana njengoba kade kuvalwe isizini ukuthuthuka emazingeni athile endleleni engidlala ngayo. Ngihlezi ngibheka izindlela zokuthuthuka njengomdlali.
“Yingakho nje ngizithola liqina ithemba lokuthi lizongakhela ugazi ekuqokelweni. Ngibonga uMdali ngalo (igoli), namanje kade ngibiziwe esikwatini sokuhlungela i-Afcon. Ngibanga nabagadli abaphambili esikwatini,” kusho uMutizwa.
“Yingakho nje nohulumeni wethu ungazihluphi nangokuthi kube khona okubuzayo kumaKrestu.Yingoba uyabona ukuthi ayikho into ongayithola kumaKrestu aseNingizimu Afrika,” kusho uHlongwane.
Yingakho noma yiliphi iqembu elisuke liphethwe nguye lidlala ngendlela ayifunayo. UGavin Hunt ungomunye wabaqeqeshi okungelula ukumbona eqeqesha iPirates ngoba izimfuno zakhe zithi uma umnika umsebenzi wokuqeqesha uzozikhombela abadlali aphinde aziqashele isekela lakhe. Hhayi lo mhlola esiwubuka wenziwa nguMbele kwiPirates. Nangesizini ka-2018/2019 ngawazisa amaBhakabhaka ukuthi angeke sithole lutho. Nakule ka-2019/2020 maningi amathuba okungatholi lutho. Into engiyinxusayo kumaBhakabhaka ukuthi asimeseke Rulani Mokwena ungumqeqeshi osemncane unekusasa eliqhakazile, uyaqala ukuqeqesha njengomqeqeshi ozimele.
Yingakho noNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ephoqeleke ukuthi abuyekeze isabelomali salo nyaka ukuze sibhekane ngqo nezinselelo ezifike nalolu bhubhane.
Yingakho ongoti begcizelela nokuthi uma niya ocansini ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana, kumele okungenani kanye ngonyaka uke ubonane nodokotela wezifo zabesifazane. Ukwenze lokhu noma ungezwa lutho, akuxilonge nje ukuthi ngabe konke kusahamba kahle yini.
“Yingakho sabe sesisungula umkhankaso obizwa ngeVETO esihlose ngawo ukubuyisa isithunzi sabantu besifazane nokugqugquzela inhlanzeko kubo.
“Yingakho salikhipha. Angimkweleti lutho,” kuphetha uThinah wodumo lwengoma ethi Nginguthandiwe nelithi UJesu Ufika Ekuseni.
“Yingakho sekubonwe kungcono ukuthi akubuyiswe abalingisi, ngoba bayawazi umsebenzi wabo futhi abenzi maphutha,” kusho umthombo.
“Yingakho sengiyalele ukuthi abanjelwe umholo wakhe kusukela ngoNovemba 1. Umholo wakhe uzofakwa esikhwameni esasungulelwa ukubhekana nobhubhane iCorona, iSolidarty Fund, izinyanga ezintathu. Nakuba ungqongqoshe ayesohambeni olusemthethweni futhi evumelekile ukusebenzisa indiza yezokuvikela ngesikhathi elibangise eZimbabwe kepha kwakungafanele ukuthi avumele ithimba lenhlangano yezombusazwe ukuthi lisebenzise indiza ayehamba ngayo.”
“Yingakho sesithi kusukela ngo-9 ebusuku kuya ku-4 ekuseni akufuneki muntu ozolokhu ehamba ngaphandle kwalabo abazobe benezimvume.”
Yingakho sibe nesivumelwano neWWS Group ukuthi kube yiyona esihlwayena abazosixhasa,” kusho uBantsi. Yingakho sicela ihoxiswe njengamanje yonke imigomo yokuvalwa kwezwe ethinta umnotho, lokho sifuna kwenziwe ngendlela ezoqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi."
“Yingakho sifuna iNHI - ngoba siyazi ukuthi abantu bangaluthola olunye usizo ezibhedlela ezizimele kodwa njengamanje ezomtakabani. Uma kugcwala ngale ndlela, kumele sikwazi ukusebenzisa zonke izibhedlela kuleli. Ezizimele nezikahulumeni. Angikwazi ukuthi ingane iyagula idinga i-ICU, uthole ukuthi ayikho esibhedlela sikahulumeni kodwa kulesi esizimele esingumakhelwane ikhona kodwa ingane ayikwazi ukuya khona ngoba izalelwe ekhaya labahlwempu. Ayilungile leyonto. Yingakho sizama ukuletha iNHI, abantu abayibalekelayo,” usho kanje.
“Yingakho sifuna ukucacisa ukuthi akuwona umgomo kahulumeni ukuthi abantu bangasizwa. Uma kwenzeka umphakathi kumele ulwe nalokhu, uthathe igama lesisebenzi esifuna ukubagodukisa bese befaka izikhalazo kwimenenja yehhovisi.”
Yingakho sifuna umbiko osheshayo ngokwenzeka,” kusho uMlotshwa.
Yingakho sigcobe izindebe zethu ngama-lipstick yingoba sihlonipha yena, kusho uNkk Makonyane.
“Yingakho sihlaba ikhwelo lokuthi abaholi kumele bavumele umthetho udlale indima yawo. Sisathi ababoshwe abantu abadubula kwafa amalungu amathathu e-ANC eNanda, ngoSepthemba 12. Akuboshwe ababulale obengenele esobukhansela uMnuz Siyabonga Mkhize eCato Crest ngoLwesihlanu, kanjalo nababulale uMnuz Thulani Shangase obengenele esobukhansela emele i-EFF eMgungundlovu ngeSonto.”
“Yingakho sikhethe ukusebenzisa uCassper ekutheni abe ngumethuli walolu hlelo. Simbona ezokwazi ukwenza lokhu esikudingayo ukuze ajabulise ababukeli bethu. Ngezizathu zethu, sikhethe ukwenza izinguquko ohlelweni nezithinte ngisho umethuli walo ukuze lube yimpumelelo,” kuchaza lesi sitatimende.
“Yingakho sinabadlali abawu-45 ekhempini ukuze singazitholi sisesimeni lapho singeke sibenabo abadlali abanele ukuthi singadlala. Sidinga abadlali abawu-23 abangenayo i-Covid-19, ukuze sikwazi ukudlala neGeorgia. Uma kungathiwa kuyenzeka, singakwazi nokuyobheka ngaphandle kwalaba esinabo (ekhempini) kodwa angiboni sikhona isidingo salokho,” kusho u-Erasmus.
“Yingakho sinqume ukunweba isibonelelo sabangasebenzi. Lesi sibonelelo sikhombise ukuba isisombululo sesikhashana ekwehliseni umthwalo emahlombe kwizakhamizi ezihlwempu.”
“Yingakho sinqume ukuthi uma kunemindeni esiyisizayo, kumele sibheke ukuthi singabachushisa kanjani kwezamabhizinisi nakwezemfundo ukuze bakwazi ukuzimela kusasa. Ngikhuluma nje kunomndeni ophethwe izingane ezisencane zamantombazane. Sifuna ukuwusiza lo mndeni ngokuthi singagcini nje ngokunikelela ngamaphasela okudla nokubakhela kodwa okubalulekile siqinisekise ukuthi izingane ziyaqhubeka nesikole ukuze zikwazi ukuzimela,” kuqhuba uNksz Komisa.
“Yingakho sinxusa nabaqashi ukuthi babavikele ngendlela efanele abasebenzi ezindaweni zokusebenza njengoba sesidlulele esigabeni sesine seCovid-19,” usho njalo.
“Yingakho siqhubeka nokwethulela umphakathi lokhu okudingayo kulezi zikhathi ezinzima kangaka emhlabeni njengoba sibheke negciwane leCovid-19,” kuchaza yena.
Yingakho sisabela ekhweleni labaphathi benyuvesi, sanikela ngoR1 million ku-15% odingekayo emalini yokubhalisa izitshudeni. Sinxusa leli qeqebana ukuthi nalo lenze njalo.
“Yingakho sithathe isinqumo sokuthi sifake isandla silekelele ukuvikela abantu bakuleli. Sabeka izimpilo zethu engcupheni ngesikhathi sivikela izwe ngesikhathi sikahulumeni wesikhathi sengcindezelo namanje ngesikhathi sentando yeningi akumele sithule singamvikeli uhulumeni wethu sibe sibona ukuthi uhlaselwe yigciwane,” kusho uMavundla.
“Yingakho sithathe isinqumo sokuthi sivale namhlanje (izolo) sithi akukho muntu ozophuma ngoba kade sasicela ukuthi le nkinga ilungiswe kodwa kufane nokuthi sithela amanzi emhlane wedada. Sisanda kubamba umfana ongahlali lana edayisela izingane i-whoonga,” kuchaza uMchunu obezwakala ukuthi ukhathazekile.
Yingakho sithi asibathulele isigqoko onogada abebesemcimbini kamaskandi obe yingqophamlando ngoMgqibelo i-#Gcwalisa iMabhida.
“Yingakho sithi kumele imininingwane yazo kube ngeqondile ukuze zikwazi ukuthola lo mqhafazo. Sinxusa izitshudeni ukuthi ziye ngosuku oluzobe lushiwo wumqhafazo nesikhathi esishiwo ukuze kulandelwe yonke imigomo ethinta iCovid-19.”
“Yingakho sithi lolu khetho aluhlehle. Akufanele sithathe izinqumo ezizobeka izwe engcupheni. Uma zikhula izibalo kuzophoqeleka ukuthi kuqiniswe imigomo yomvalelandlini. Lokho kungalimaza umnotho.”
“Yingakho sithi okwamanje izifundazwe zimatasa ziqoqa imibiko ngabafundi abayeke isikole. Sibheka nezibalo zalabo asebelove isikhathi eside.”
“Yingakho sithi othisha kubalulekile ukuthi bagomele leli gciwane. Noma isimo sinje, sivumelene futhi ukuthi bonke abafundi basemabangeni aphansi kumele babuyele ezikoleni kusuka ngoJulayi 26. Lokhu sikwenza ngoba sibona ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle njengoba befunda ngokuhlukana, abanye bafunda isonto elilodwa bese behlala emakhaya bese kufunda abanye.
“Yingakho sithi ubuholi besifundazwe nobukazwelonke, kufanele buqhubeke nokuxoxisana naye. Lolu daba luzokuba nomthelela kwi-ANC esifundazweni nakuzwelonke. Baningi kakhulu abantu abakholelwayo kuZuma. Baningi abantu ashintsha impilo yabo. Yingakho lolu daba kufanele luphathwe ngobunono.”
Yingakho sivale namathaveni angekho emthethweni angu-6 124, kulawo angu-2 000 siwavale e-Eastern Cape,” kusho uCele.
“Yingakho sivumelana nabafundi ukuthi akuqhutshekwe kufundwe ngoba ekugcineni kuyoba yibona abayosalela ngemuva iphepha liyoqhubeka ngoDisemba,” kusho uCebolenkosi.
“Yingakho siwubiza ngeNetFelix. YisiBhunu lesi esisho ukuthi uFelix kuphela.”
Yingakho sizokhipha uR1billion kulo nyaka wezimali ozoqala, ngawo esizothenga kosomabhizinisi abancane abasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya.
“Yingakho sizokhombisa amafilimu abo eWorkshop Amphitheatre kusukela ngo-9 ekuseni. Ngaphandle kokukhonjiswa kwamafilimu kuzoba khona nabazohlomisa ngolwazi lokuthi lutholakala kanjani uxhaso ukuze wenze amafilimu, amathiphu uma uyokwenza inhlolokhono nokunye,” kusho uLawrancia. Uthe le miklomelo yaqalwa yi-Ethekwini Filmmakers Association kanti abheka kakhulu abakhiqizi bammafilimu abasafufusa. Kuzoba ngokwesihlanu ikhona kanti phambilini abebizwa ngama-Emerging Filmmakers Awards njengoba bebheke ukusabalala i-Afrika yonke.
“Yingakho ububona kwesinye isikhathi esebenzisa uTwitter ukuhlasela abathile acabanga ukuthi banikele ngaye,” kusho uFikeni.
Yingakho uhulumeni eqhubeka nokuthuthukisa imithetho esiza ekutheni abantu abangena ngaphansi kwabantu abachazwa njengabadelelekile basizakale, kusho yena
Yingakho uhulumeni wentando yabantu obusayo njengamanje kufanele akhe uhlaka oluqinile noluqotho ezingeni likazwelonke oluzoqinisekisa ukuthi ukudayiswa kotshwala buphathiswa okwezikhali zamaNtungwa.
Yingakho ukubhema lo gwayi kunobungozi obuphindaphindeke kabili, kungenxa yentuthu ephuma kwizisusa ezimbili, isisusa sokuqala kungamalahle kanti esesibili i-tobacco le efakwa phakathi.
Yingakho umasipala wethu ubeke uR21 million okuzohlomula kuwo amabhizinisi evile ku-700.
Yingakho uMdlovu nabanye omakhelwane bathuka boma ngoSepthemba ngonyaka ka-2012 kutholakala ukuthi uNkk Davies ushiyele omunye umakhelwane, uNkk Adline Pillay, imali esondele kuR60 million, wabe eseshiyela uMdlovu uR600 000 kuphela.
“Yingakho uMengameli Cyril Ramaphosa esinike umsebenzi wokuthi siye kubantu siwumnyango, ongqongqoshe nabasebenzi bezempilo, sibanxenxe ngobuningi ukuqinisekisa ukuthi bazogomela ubhubhane. Isibalo sabantu abasathathe umjovo wokuqala womgomo, singaphansi kuka-13 million. Sifisa ukuthi phakathi noDisemba noma ngasekupheleni kwawo, kube sekugonywe abanye abangu-14 million kuya phezulu,” kuchaza uDkt uPhahla.
Yingakho umphumela womdlalo wanamuhla uzobe usho lukhulu kulaba baqeqeshi ngoba ozonqoba uzongena emlandweni igama lakhe libalwa ohlwini lwalezi zinsuche zabaqeqeshi ezinqobe iFA Cup.
“Yingakho uRamaphosa ezokhuluma nesizwe ngezithinta igciwane. IKhabhinethi ikhathazekile ukuthi kukhona abantu abaziphatha noma yikanjani ekubeni igciwane lisekhona. Abantu kumele bazigweme izindawo ezigcwalayo, bagqoke izifonyo, bageze izandla futhi baqhelelane.”
Yingakho usumbona nasemdlalweni oyintandokazi kuleli Uzalo futhi ukuma-billboard njengoba eyinxusa lempuphu iWhite Star.
Yingakho uyaye uthole ukuthi emuva kokuteta ungasenandaba nocansi, abanye besifazane bagcina sekuba nzima ukuvukelwa, ubhontshisi unciphe ushintshe ugqunqe, abanye baze bathathe isikhathi eside kakhulu ukufika kuvuthondaba abanye akufikeki mpela mpela.
Yingakho uzwa nentsha yasemalokishini nehlala esilungwini ithi izifela ngeJabul’Ujule.
Yingakho vele nabase-Universal behlezi beqondanisa ukuthi bayikhipha minyaka yonke ngalesi sikhathi sonyaka.
Yingalokho-ke iPhalamende nohulumeni bagcine bethe kumele kwenziwe okuthile ukulungisa lesi simo.
Yingani ungavele uye emgwaqweni njengabanye osisi lapho uzokhululeka khona ngamadoda owadingayo. Ubani ozolobola sisi?
Yingaphansi kwayo lapho ekhiphe khona i-albhamu yakhe yakamuva ethi Another Level of Worship, okuyiyo ayiphushayo kulezi zinsuku.
Yingenxa yalesi sizathu inhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili kuleli iSonke Gender Justice, ifuna kungenelele amabandla, baxoxisane nobaba emasontweni ngalesi sihlava njengoba kuwuSuku loBaba namhlanje.
YINGESIKHATHI ibhokisi lobengumholi we-ANC eKZN, uMnuz Ricardo Mthembu, lingeniswa ehholo lapho bekubanjelwe khona inkonzo yomngcwabo Isithombe:FACEBOOK
“Yingoba abantu besifazane abasatuswa njengakuqala lapho umuntu abenconywa, ephiwa izipho futhi akhishwe. Manje abantu besilisa sebekhuluma nathi ocingweni bese kuyajolwa njalo.”
Yingoma abayibhekise kunina kaSomizi, uMary Twala nokaVusi, uNdileka Nongxa. KwiTwitter kukhona obuze ukuthi uVusi uyisimakanjani ngokobulili noma uyisitabane.
Yingoma ebisho kanje izikhawu ebiyisikhumbuzo sokuthi iNingizimu Afrika yonke isemanzini ngemuva kokushiywa ngenye yezingqwele zikaqedisizungu, inkakha enguJoe “Sdumo” Mafela.
“Yingoma egqugquzelwe yiyo le eyejwayelekile ethi Asambe Nono kodwa mina ngibe sengiyenza ixoxe indaba ibe nomqondo,” kuchaza uNtando.
“Yingoma ekhuluma ngothando. Ngiyaluthanda uthando. Ingoma ikhuluma ngabantu abasothandweni olungapheli. Uthi omunye noma bethini abantu kodwa uzohlale emthanda omunye,” kusho uNoma othe naye usothandweni kodwa wangafuna ukwenaba.
“Yingoma yothando ngigubha uthando. Wonke umuntu uyaluthanda uthando futhi uyaludinga. Ngigqugquzela namajita ukuthi abe nothando kubantu bawo,” kuchaza uKwesta.
Yingqayizivele yethuba kwithelevishini futhi ukuba semdlalweni obukelwa kakhulu ezweni yimpumelelo enkulu kimina. Angikaze ngakufundela ukulingisa kodwa ukuthekela ulwazi kwabanye ozakwethu nasekufundeni kwindima yezokulingisa yilona hlelo engizicija ngalo. Ngibusiswe ngale ndawo futhi ngicabanga ukuthi uma nje ngisenza into engiyithandayo, ngizobe ngifeza iphupho lami. Uthe indima yezokungcebeleka inezinselelo eziningi njengokuzama ukwamukela udumo.
“Yingqophamlando le ebholeni lase-Afrika. Kukhombisa ngokusobala ukuthi iCAF izimisele futhi izinikele ebholeni lamaqembu ngokuletha ubuchwepheshe besimanje nokulenza libe ngcono.