input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
“Yebo sibheke ukuthi ukuhlolwa kwakhe kuveze ukujula kokulimala kwakhe. Ngeke ngisho ukuthi uzodlala noma ngeke adlale uKunene, sizolinda imiphumela ukuthi ithini,” kusho uKobola. |
“Yebo sibile nezinkinga konozinti kule sizini kodwa akubenzi ubulungiswa ukuthi sekungakhonjwa bona ngokushaya udaka kweqembu. Sibe nezinkinga eziningi ezintini okuhlanganisa nokulinyalelwa umuntu onjengoKhune. |
Yebo, sibonile ukuthi umdlali uziphose phansi ngendlela eyihaba kodwa bekungafanele aze alithole nethuba lokwenza into enjalo. SiyiNingizimu Afrika siphatheke kabi ngezinqumo zikanompempe, ikakhulukazi iphenathi abayinikiwe kodwa ngokwami angiboni ukuthi iBafana izolithola elinye ithuba lokulwela indawo kwiNdebe yoMhlaba yaseQatar,” kuphetha uTovey.
“Yebo sijabule ngoKutumela ngamagoli akhe kodwa ngisafuna ukuhlola kahle izinto ezimbalwa ngaye. UZakri akaziqeqeshanga isonto lonke ngoba ubedonseke umsipha ngakho kufanele abhukule angikhombise ukuthi ukuliphi izinga,” usho kanje uTinkler.
“Yebo, sijolile kusukela ngoJuni 2017 futhi sahlukana ngoMashi 2019. Yilokho kuphela ukuze nonke nizoyeka ukuba nemibuzo,” kubhala uLady Zamar.
“Yebo sikhona isigameko esinjalo esenzekile, ukhona umsolwa oboshiwe mayelana necala lokubulala,” kusho uCol Mbele.
“Yebo, simvulele icala uMkhwanazi kodwa ngibone kukhulunywa ngamacala amathathu, elokuthumba, ukubamba inkunzi nokusabisa kukhona abangalibalanga lokusihlukumeza njengoba ukhomishana wathi asinganikwa ukudla namanzi ngesikhathi siboshiwe kube kukhona ozakwethu abadla amaphilisi ezifo ezingalapheki, abangakwazanga ukuthatha amaphilisi abo, lokho kusho ukuthi ukhomishana wayebeka impilo yabo engcupheni,” kusho leli phoyisa.
“Yebo sinabo abadlali abahle abasebancane okubalwa kubona uWiseman Meyiwa, odlale eNdebeni yoMhlaba ka-Under 17, Siyabonga Ngezana noNkosingiphile Ngcobo. Omunye ubengibuza ukuthi kungani ngingamdlalisi lo mdlali. Kufanele sibadlalise khona nabaqeqeshi benkulisa bazobona ukuthi bayasebenza. Okunye inkulisa yethu inkulu futhi yinhle kufanele siyisebenzise,” kusho uKomphela.
“Yebo, sinalo ulwazi ngaphezu kwePirates. Singasho ukuthi sisendaweni engcono kunabo ngoba sesiyazi ukuthi kwenzekani. Kuzoba nzima. Sidlala neqembu ebelikade liphumule libuka lapho thina sinabantu abadonsekelwa yimisipha. Kodwa nayo iPirates izoba nalo ithuba (lokwehlelwa okusehlele). Wonke umuntu uyeza. Sisesimeni esingcono ngokuthi sesidlalile kodwa okubi ukuthi sidlala neqembu eliphumule ngokwanele. Kuzoba wumdlalo omkhulu kodwa ngeke kube yilona owake wabonakala. Kuzoba ohluke kakhulu,” kusho uMosimane.
“Yebo sinomdlalo omkhulu. Ngifisa ukuba ufike sineqembu eliphelele kodwa ke lokho ngeke kube yindlela yokuvika ngoba kuzobe kusadlala iqembu lethu abalishaya sidlala lapha (ePitoli). Kumele sikhaliphe kulokhu sithathe izinto kancane nathi sizonge.
Yebo, sinqobe ngendlela efanele. Ngicabanga ukuthi sibe nenqwaba yamathuba ayingozi. Umdlalo ubunzima, iNingizimu Afrika ingenile yawenza umsebenzi wayo kodwa sakwazi ukunqoba," kuphawula u-Ayew. |
“Yebo sinqobile kepha asikafiki lapho singafika khona. Cabanga nje ukuthi singaba yinkinga kanjani kwiligi uma singase sifinyelele ezingeni esaziyo ukuthi singafika kulona. Okwamanje indaba isesezitobheni. Nokunqoba kwethu kwiWits (Bidvest) kube wumsebenzi wezitobha. Sizoqala sizame ukukhulisa indlela esihlasela ngayo manje. Uma sekuqala lokho kuzoshuba.” |
“Yebo siphoxile sishayelwa ekhaya yiHurricanes kodwa ngijabule ngendlela esidlale ngayo ikakhulukazi njengoba sizame ukubuya sesihlulwa ngamaphuzu awu-20, sahloniphisa umphumela walo mdlalo. Lokho kuyangithokozisa kakhulu ngoba kusho ukuthi asinawo umthambo wokwehluleka kodwa sihlezi sinethemba lokuthi sizobuya. Ngicabanga ukuthi okubalulekile wukuthi kufanele sifunde ukugcina ibhola kithina, singalidedeli kalula,” usho kanje uDu Preez osezakhele igama ngokuphendula ngambalwa. |
“Yebo sisele ngemidlalo kodwa akusho ukuthi imidlalo esisele ngayo sesiyinqobile. Kumele sinqobe le midlalo ukuze sikujabulele ukuthi besisele ngemuva ngemidlalo kwamanye amaqembu. IPlatinum ayilona iqembu elilula. Sizoyihlonipha kodwa kumele yazi ukuthi sidinga amaphuzu amathathu,” kusho uLaffor. |
Yebo, sithunyelelwe izimemo zomhlangano ozoba ngoLwesihlanu. Indaba ephambili okuzoxoxwa ngayo eyomqeqeshi. Kulokhu sifuna umqeqeshi onamava nonomlando ophathekayo ekuqeqesheni. Asijabule nathi ngendlela iqembu lesizwe elidlale ngayo. Yingakho simxoshile umqeqeshi obekade ekhona. Akukhathalekile ukuthi siqasha umqeqeshi wasekhaya noma owangaphandle. Akusho lutho ukuthi sewake wayiqeqesha iBafana noma cha. Okubalulekile wukuthi unguyena yini lo muntu esimdingayo ukuthi ahole iqembu lesizwe, kusho ilungu leNEC yeSafa. |
“Yebo siwafakile amaphepha ngesonto eledlule kodwa anginazo izinsuku okuzolalelwa ngazo isicelo sethu ngoba imenenja (uLunga Sokhela) ayikho kuleli okwamanje. Sifuna kumiswe umdlalo weSuperSport United ne-Orlando Pirates weMTN 8,” kusho uMkhathini izolo. |
“Yebo siyasebenza noDanger njengoba sizwana. Siyasizana emsebenzini wakhe. Nami ngiphezu kweyami iCD ezophuma ekupheleni konyaka ngakho akukho qembu engingena kulo,” kusho uL’vovo. |
“Yebo siyavuma ukuthi kuke kwakhona ukuphazamiseka kokusebenza kwama-email kodwa lokho akuzange kube nomthelela omubi ekubhekaneni nomsebenzi wethu wokuhambisa izidingo kubantu. |
Yebo siyavuma ukuthi kuyenzeka umuntu abukeke elula sidalo sakhe kodwa uma sewubone izitikiketi zakhe kufanele uzincenge umhloniphe. |
Yebo siyavuma ukuthi siyasizakala ngokuthi uZwane asazise ngokuhamba kwezitimela noMsweli asethulele ngobunono isiminyaminya sezimoto emgwaqweni. |
“Yebo siyavuma ukuthi ubuholi bukazwelonke bunamandla kodwa lawo mandla awubuniki ilungelo lokuthi buphule umthethosisekelo weqembu,” kusho uNkuna, |
“Yebo, siyavuma wonile kodwa akulahlwa mbeleko ngokufelwa. Inkantolo bekumele ibheke ezinye izindlela zokujezisa ebezingalandelwa njengokuthi agwetshwe izinsuku ezimbili obekuzomenza ethuke noma ayalelwe ukuthi agcinwe amahora angu-48 njalo ngezinsuku ezandulela ukuthi avele enkantolo. |
“Yebo, siyaxoxisana nePirates ngoMntambo. Ngikholelwa ekutheni uzosisiza kakhulu ngesizini ezayo ngenxa yebhola alidlalayo. Empeleni akuyena yedwa uMntambo esimfunayo kwiBucs, bakhona nabanye abadlali esisacela ukubolekwa bona kepha ngeke ngibadalule amagama ngenxa yokuthi lokho kungase kuphazamise izingxoxo. Kuningi esifuna ukukuzuza ngesizini ezayo ngoba sichithe ephelile sivika izembe,” kusho uLarsen. |
“Yebo, siyazi ukuthi sesiphila esikhathini samanje lapho ezobuchwepheshe zidlala indima enkulu ezimpilweni zethu kepha ngiyakholelwa ekutheni asikulungele ukuvota sisebenzisa ezobuchwepheshe. Yingakho siphakamisa ukuthi lolu daba lubuye lubhungwe ngelinye ilanga. Usomlomo angabiza umhlangano oyisipesheli okuzobhungwa kuwo lolu daba.” |
Yebo siyinqobile iPremier's Cup kodwa ngeke ngisho ukuthi sesiyilungele ngokuphelele isizini ezayo. Emasontweni edlule sidliwe iFree State Stars, sahlulwa iRichards Bay. Ngaleyo nedlela ngeke ngithi sesiqine ngokuphelele. UBrylon Peterson (unozinti), usanda kufika eqenjini ngiyazi ukuthi ubematasa kwiChiefs, ehambela nemidlalo yeCaf Champions League. Nakuba ubematasa kwiChiefs kodwa kumele simnike ithuba lokukwazi ukujwayela indlela esenza ngayo kwiMaritzburg, nonozinti uyakudinga ukuba nomzimba oqatha,“ kusho uMiddendorp.
“Yebo, sizwile ukuthi sekuboshwe amadoda awu-3 000 ngokuhlukumeza abesifazane kodwa siyazi izigidi zisahamba ngokukhululeka ngaphandle. Sifuna ubuchwepheshe obuzosisiza ukubona ukuthi agwetshiwe yini lawo madoda. Ngiyacela abantu bahlome ngamakhono obuchwepheshe besimanje. Ngiphoxekile ukuzwa ukuthi abekho abashayeli bama-drones ngesikhathi ngibuza ukuthi abezeMvelo KZN Wildlife abawabheki ngani ngama-drones amabhubesi okuthiwa eqa esiqiwini. Abantu abahlome ngamakhono okushayela ama-drones.”
Yebo sonke siyafuna ukwazi ukuthi ngobani ababulali kodwa kumele siyekele umthetho wenze umsebenzi wawo," kusho uMabuyakhulu. |
“Yebo ubaba wakwami vele njengamanje uyihlukanisile imfuyo, kukhona eyakwamama omdala neyakwami. Kepha kwezezimali angazi ukuthi ubebhale bani. Senginokukhululeka njengoba sekukhona lo mthetho ngoba ngiyazi ukuthi sizothola okulinganayo sonke,” kusho owasesithenjini. |
“Yebo uBale usedlalela iqembu elikhulu leSundowns. Udlala ngonyawo lwesokunxele, uyakwazi ukudlala ophikweni emuva kanti uyakwazi futhi ukudlala phakathi nendawo. Ungumdlali ononyawo lwesokunxele oluhloliwe, mude, unejubane futhi uyathanda ukwehla enyuka ngolayini asigobele namabhola amahle. Uma ubhekisisa kahle emuva kwiSundowns vele sidlala ngabadlali ophikweni abasheshayo. |
Yebo, ube khona umhlangano obumayelana nami futhi ngakhishwa ngevoti esikhundleni. Kodwa ngeke ngivume kwenzeke lokho,'' kuchaza olahlwe ngevoti.
“Yebo ubenayo inkinga yezikweletu njengoba amatoho ubengasawatholi kahle ngenxa yeCorona. Baningi abantu abebakweleta izimali ezincane. Okumangazayo yikho ukuthi usengaze abulawelwe imali abayiphuza bebonke nomnikazi wayo,” kusho omunye umhlali wakule ndawo, ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa.
“Yebo uBenni bazomhlonipha abadlali ngakuzuzile (nguye ophethe irekhodi lamagoli amaningi kwiBafana Bafana, nguye yedwa eNingizimu Afrika onendondo ye-Uefa Champions League kanti nakwiPirates uwagaxe emgibeni ekuyo amakhokho ushiye edle izicoco). Inkinga wukuthi ugabe ngomlando webhola hhayi wokuqeqesha kanti uMalesela useshaya ngendathane yamava ekuqeqesheni,”
“Yebo uBroos usekhombisile ukuthi kukhona okuhle asiphathele khona futhi nemisebenzi yakhe ngaphambi kokuthatha kwiBafana siyayazi.
Yebo uBuchanan uyasishiya kodwa hhayi namuhla (esho izolo). Sizamile ukumgcina impela kodwa kwaphika khona ukwenza. Besivele sazi ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni. Sizamile ukuziqala izingxoxo, kwanqaba ukwenza," kusho uKadodia ngomoya ophansi. |
“Yebo udlala eFrance kodwa lokhu kukhulu kunaye. Ngicabanga ukuthi kwezinye izikhathi uLebo unokuzwa ukuthi ngoba ungowaseNingizimu Afrika, kumele enze okuningi ngebhola kunakwaziyo. Futhi empeleni uyakwenza lokho (iphutha lokuzama “ukudlala” ibhola). Mina ngilokhu ngizama ukumyala ukuthi akabe wumdlali ongafani nabanye abadlali (baseNingizimu Afrika),” kusho uBaxter esithangamini sabezindaba eCairo ngoMgqibelo ekuseni. |
Yebo uhulumeni uqalile ukujuba abameli abamnyama kodwa akwanele okwamanje.
“Yebo ukuba ngumdlali okhokhelwayo kuyaba nzima futhi isikhathi esiningi uzithola uzibuza ukuthi ngabe sikhona yini isidingo (sokubekezelela lobo bunzima). Ngivele kodwa ngicabange la ngisuka khona nabantu abangiphakamisele kuleyo ndawo.”
Yebo ukudla iChampionship akusho ukuthi usuke usungumpetha womhlaba kodwa kwenza ukuthi nakulowo mqhudelwano ufike uhambela phezulu nabanye bakubuke basabe.
“Yebo ukungabikhona kwabalandeli kuzozwela emaqenjini amakhulu, ikakhulu kuyo iChiefs ehlezi inabalandeli ukwedlula zonke izimbangi zayo konke lapho iya khona kuleli,” kusho uMolatedi.
“Yebo, uma kuziwa kwezomthetho, wenze umsebenzi oncomekayo kodwa kukhona izinqumo ezithile azithathile ezithunaze igama lakhe. Kukhona lapho aphume khona emgqeni.”
“Yebo uMasilela uvuselelile, sijabule ukuthi sikwazile ukumgcina. Uvuselele inkontileka ngonyaka kuMaZulu,” kusho uDlamini. UMasilela udlalele iKaizer Chiefs waphinde wadlala kumaligi amakhulu okubalwa kuwona iLa Liga waphinde walunguza nakwa-Israel edlalela iMaccabi Haifa. Udlale amahlandla angaphezu kuka-50 kwiBafana Bafana.
“Yebo umnikazi wemoto usevelile. Ushilo ukuthi imoto ibisetshenziswa umfowabo ongenele ukhetho lwamakhansela. Kepha lolu lwazi alwanele ukuba sesingathi uye ngempela uQwabe lo oshe nemoto.”
“Yebo umqeqeshi simdedelile namuhla ekuseni (esho izolo). Imiphumela asiyitholi, kumanje sisemsileni kwi-log yePremiership, asikatholi nelilodwa iphuzu. Asifuni neze ukuzithola sisendaweni engeyinhle kwi-log, size sifike ekutheni sivike izembe. Kusuka kusasa (esho namuhla), sizoxoxa nabaqeqeshi abambalwa, kungenzeka lithi liphela isonto sibe sesimtholile umqeqeshi ozovala isikhala sikaTinkler,” kusho uKadodia.
Yebo umshado udinga abantu abazobambisana kodwa akusho ukuthi nalapho omunye enawo amandla kumele ayekelele omunye abambe ikhaya yedwa. Akukhona ukubambisana lokho.
Yebo umthetho niyawuqinisa akuphikiwe. Kodwa umbuzo uthi la madoda eqembu elibusayo adla izindlu esezakhiwe zomxhaso niwabopha nini njengoba usipha izibalo zesenibabophele ukudla umhlaba kamasipala? Ungasisiza usiphe leso sibalo senibabophile noma ke asebevele besezikhindini njengoba kade la madoda awuqala lo mkhuba? Ngabe isandla somkhandlu wakho siqine nganxanye, kukhona abavunyelwa ukuphula umthetho?
“Yebo uNgcobo usayinile nathi, inkontileka yeminyaka emibili. Sijabule kakhulu ngokufika kwakhe njengoba siqinisa iqembu,” kusho uMojapelo.
“Yebo, unina wengane yami lowo,” kuphendula u-AKA.
Yebo unkosikazi unendawo ayidlalayo ikakhulukazi ekhaya kodwa akusho ukuthi indawo yakhe iphelela ekhishini nje kuphela. Unalo ilungelo lokwazi ukuthi uhola malini njengomyeni wakhe.
“Yebo, uNyirenda ungomunye wabaqeqeshi esikhuluma nabo. Nokho ngifuna ukukubeka kucace ukuthi asikasayini lutho naye. Akuyena kuphela umqeqeshi esixoxa naye njengamanje kodwa bakhona nabanye. Uma sesiqede yonke into sizokwenza isimemezelo,” kusho uMphahlele.
“Yebo uQalinge uyaxoxa neChiefs, futhi kungenzeka asayine kuyona. Nokho kimina uveze ukuthi kukhona iqembu laphesheya kwezilwandle elimfunayo, uzoqala ngokuthi axoxisane nalo. Uthe uma kuwukuthi azihlangani izinto naleli qembu laphesheya kwezilwandle, kungenzeka-ke adlalele iChiefs,” kuqhuba umthombo.
“Yebo uTade ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu.
“Yebo uyadumaza umphumela kodwa singcono kakhulu kunalokho ebesiyikhona ezinyangeni ezimbili ezedlule. Yebo besingenza kangcono ekuvimbeni amagoli kodwa ngiyabonga ngoba asizange sibhekise amakhanda phansi. Sizolokhu siqhubeka nokulwa,” kusho uLarsen ongumqeqeshi wesine ukupheka i-United kule sizini.
“Yebo, uyagcina maduzane kodwa ngeke ngize ngande ngokuthi yini eholele ekutheni kuze kufikwe lapho osekukhona manje.
“Yebo uyakwazi ukubamba ibhola (ukudlala efulathele unozinti kuze kufike ozakwabo), ingcono nendlela angena ngayo ezikhaleni futhi nendlela esimsebenzisa ngayo simbeka phambili kakhulu. Umsebenzi wakhe uLebo uwenza kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi lapha uzothola amava azomsiza nangomuso. Yingakho sidlalisa uPercy (Tau) phezulu eduze kwakhe.”
Yebo uyawenza umsebenzi wakhe uTshathugodo Ngobe kodwa uphoxwa yilo pheqepheqe uma efunda imiyalezo yabalaleli ezinkundleni zokuxhumana. Sikhulu isikhalo kubalaleli ngalo pheqepheqe kaTshathugodo (osesithombeni) uma efunda imiyalezo, yize bekhala ezinkundleni zokuxhumana ngale nqubo yakhe uNgobe abona yena imsebenzela kodwa kuyakhalwa. Baningi abalaleli esengike ngababona okungabalaleli boKhozi FM bekhala kodwa basaba ukuphumela obala ngoba besaba ukuzondwa njengami.
“Yebo uziqeqesha nathi uSangweni kodwa okokusayina ngeke ngaphawula ngako ngoba kuncike kakhulu kubaphathi.
“Yebo, waphika kwabezindaba kodwa yingoba sasifuna kube yinto yangasese. Kuvelile ke manje, okubi wukuthi kuvele ngale ndlela,” kusho uLady Zamar ocele ukungakhulunyiswa.
Yebo, wawakhipha amabutho eholwa iNgomane kuba aphelezele iLembe, selibuyela kubo.
Yebo, yena akakalulami ngokuphelele kepha usengcono kakhulu kunakuqala. Useyaba yingxenye yemihlangano esiyibambayo njengobuholi futhi naye ubamba iqhaza elibalulekile kuyona. |
“Yebo yena uChabalala (osekhonjwa kuChippa) ungumdlali okhaliphile, kodwa ongakavuthwa ngokuphelele. Ngokwami ubedinga ukudlaliswa nomdlali onamava kuleya ndawo, ukuze aqine ukhakhayi. |
“Yebo yena usethubeni elihle kakhulu njengamanje lokuwinela iChiefs isicoco seligi kodwa iqiniso wukuthi yena usephelelwe ngamaqhinga,“ kubeka uSithole. |
Yebo yize izingqinamba zibe khona futhi zisekhona, ikakhulukazi kwezamabhizinisi okubandakanya nemboni yamatekisi kodwa ukuthobela umthetho kumele sikubonge. Babenezingxoxo nohulumeni ezinokuthula nokuvikela isizwe. Ngicela ukubonga bonke abaholi bamaqembu aphikisayo ngokukhuluma ngezwi elilodwa. |
“Yebo yona iNedbank ibukeka ingithanda kodwa ngeke kube lula kulokhu. Sibhekene neqembu elikhulu futhi elinomlando emiqhudelwaneni yemikhumulajezi. Wonke amaqembu afuna ukufinyelela kowamanqamu. IChiefs ayikaze iwine lutho kule sizini. Nabo ithemba labo lokugcina lilele kwiNedbank Cup. Kuzoba nzima kodwa nathi sinezinjongo ezinkulu. Sifuna ukufinyelela kowamanqamu," kusho uPhungwayo. |
Yebo, zikhona izinto esingeke sikwazi ukuzenza ngenxa yokuthi amehlo ethu abuthaka kodwa akuthina sonke esinaleyo nkinga, abanye bethu bayakwazi ukushayela izimoto. |
“Yebo ziyiqiniso izindaba zokuthi uMiya uza kithina. Osekusele manje wukuthi sikhokhele iKings imali yayo bese siya kobhalisa umfana kwiPremier Soccer League. Izolo (ngoLwesine) siqede yonke into neKings. Inkontileka enginayo lapha phambi kwami eyeminyaka emithathu,” kusho uMtimane. |
“Yebo ziyiqiniso izindaba zokuthi usihlalo weqembu uGamedze akasekho emhlabeni. Udutshulwe wabulawa kade eyofaka uphethroli egaraji lapha eSwaziland. Ushonele endaweni yesigameko. Izindaba ezibuhlungu lezi futhi nathi sisamangele futhi sididekile,” kusho uZwane. |
Yehheni bo, saze savelelwa ileli temu lokuthi nisuka kude. |
Yehlele endaweni yesibili ngemuva kokushaywa iCity ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku. Sekuqhwakele ezikaLorch ngamaphuzu alinganayo kodwa ezinamagoli amaningi emidlalweni ewu-23. IPirates ilahle amaphuzu ibambana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic. |
Yehlelwe yinhlanhla engandele bani le ntokazi yaKwaMashu, eyaqala ukubhala izincwadi zayo sakudlala kanti zizovele ziduma kuleli. Kumanje isungumbhali ovelele kanti nethalente lakhe laheha nabenzi bamafilimu, kwaze kwenziwa umdlalo owuchungechunge ozobonakala kwiShowmax. |
YEHLE yafinyelela ku-4% iConsumer Price Index (CPI) isuka ku-4.5% ngenyanga edlule. |
“Yehlisa isithunzi negama lendawo le nto. Akuyona impilo yasemakhaya le. Umphakathi ubuzokhalisana naye ulekelele afihle ngoba siyethembana ungabuzi okuningi ukuthi ingane ife kanjani. Iwumhlola le nto futhi iyaqala ukwenzeka endaweni yethu,” kusho uShandu. |
YEHLISE igebe leMamelodi Sundowns laba ngamaphuzu amane i-TUT ngesikhathi ihlula i-UWC ngo 2-0 emdlalweni weHollywoodbets Super League obuse UWC Stadium ngempelasonto. |
Yehlukene imibono kaNdlovu noKhumalo ngesinqumo sikaMnuz Ace Magashule, unobhala jikelele we-ANC osamisiwe, sokukhuluma nabebezokweseka uZuma yize esamisiwe kule nhlangano. |
YEHLUKENE imibono yabantu ngokuthi yiliphi iqembu lezepolitiki abazolivotela ngosuku lokhetho njengoba iningi lihamba namaqembu aphikisayo, abanye bethi abasoze bayilahla i-ANC kumnyama kubomvu bazoyivotela. |
Yehlule i-Orlando Pirates ngo 2-1, yabambana ngo 1-1 neSundowns, yaphuma nephuzu kwiChiefs ngokudlala ngokulingana kuba ngu 1-1. |
“Yekani izidakamizwa notshwala, ningazijahi lezi zinto. Gxilani ezifundweni zenu niyeke izinto ezingeke zinisize ngalutho,” kusho uDlungwane izolo. |
Yekani ukusebenzisa amandla ngoba nakhu niphethe nisezikhundleni.Sekumele kube nento eshoyo noma okumele iveze uma sigomile uma singena ezitolo, kumele sibe nento eshoyo manje ukuthi sigomile uma sifuna imisebenzi. |
“Yeka ukuphupha, kumele wenze izinto zenzeke. U-9.9 million wabantu abangasebenzi, manje okuyinhlekelele. Uma uthi eminyakeni engu-10 ezayo uzokwakha imisebenzi yabantu abangu-2 million, kusho ukuthi u-7 million ngeke usebenze,” kusho uMalema. |
Yekelani izinto zenzeke ngesikhathi sazo. Kwezinye izikhathi kuyenzeka ukuthi ingcindezi yenze kube nzima ukukhulelwa kumuntu wesifazane. Yeka ukumxina ubone ukuthi kuzokwenzakalani ngemuva kwesikhathi. Uma kwenzeka egcina engabatholi abantwana, akuyona inkinga leyo. Ningakhulisa lo mntwana wakho eninaye noma nikhulise umntwana okungeyena owenu. Abantu abaningi sebenzenjalo. Ningathokoza emshadweni noma bengekho abantwana uma nina nifuna ukuhlalisana kahle. |
Yekelani umthetho wenze umsebenzi wawo. Ekugcineni iqiniso lizophuma ngoba thina, asilazi iqiniso sizwa ngokutshelwa. |
Yeluleke ngokuthi abashayeli bahlale bethinta izinkampani uma benenkinga yokuvuselela izincwadi futhi babe nobufakazi. |
“Yena bekumele aqale azibuze kuqala ukuthi yini yena ayenzile ukugwema isimo akhuluma ngaso ngenkathi esengumengameli,” kusho uFikeni. |
“Yena futhi uMdweshu waphinde wahlanganisa ulayini wokuthi kutholakale igeja (AK 47) eyatholakala eGreytown, yafika inenhlabathi kubonakala sengathi yayigqitshwe phansi, umuntu owayihlanza ngummangalelwa wesithathu, uMnuz Vukani Mcobothi,” kusho ufakazi. |
“Yena into ebimcasula wukuthi lo mfana ubemchapha ngenhlamba esabekayo phambi kwezinye izingane,” kusho lo mfundi. |
Yena-ke ushaye into ephansi kakhulu ukunoGharib kwaziwe iqembu lakhe alingatholanga nelokubika iphuzu kulo mqhudelwano wama-Olympic. |
Yena nasolwa nabo asebasula kumasipala, uNkk Anthea Adams, Mnuz Raymond Hadebe, Mnuz Dumisani Mzolo nomunye (ongadalulwanga) bavele enkantolo yamacala athinta imali eThekwini izolo. |
Yena nendodakazi yakhe abatholani kahle njengoba esebuya kuyo esemdala, ufika nje ungumuntu oqinisa imithetho yokuthi iphile kanjani. UNompi ungumuntu okholelwa ekutheni ingane iyohlala isephutheni yena njengomzali konke akushoyo kulungile. Lokho kudala omkhulu umsindo njengoba aze ayikhethele ukuthi igqoke kanjani,“ kuchaza yena.
Yena neqembu lakhe bahambe izolo belibhekise eMorocco. Kuma-semi final eMTN 8 bazodudulana neCape Town City. Umlenze wokuqala wale midlalo uzoba ngo-Agasti 25/26.
Yena neSoul Brothers basanda kukhipha icwecwe elisha elisihloko sithi Iqiniso.
Yena nethimba lakhe bazogxila ekubhekaneni negciwane elidala iKaposi sarcoma okungumdlavuza ovamile kubantu abaphila negciwane lengculazi.
“Yena nethimba lakhe siyathemba bazokwazi ukubhekana nezinkinga zakwa-Eskom okubalwa ukuphathwa kwemali, ukwenza isimo sokusebenza sibe ngcono nokunye,” kusho uMthembu. Uthe lokhu ufuna kwenzeke ngokushesha.
Yena noBob basebenza ndawonye kwiGagasi FM, uBob engumphathi wakhe futhi wayephinde azwakale nasohlelweni lukaBob i-Old School, eyayingena ngoMgqibelo ntambama.
Yena nodadewabo uMarilyn owayeyilungu iMango Grooves nomngani wabo, uNonhlanhla bake basungula iqembu, iBlack Angels futhi baze baqopha icwecwe. UTu wabuye wasungula iqembu ayehlose ngalo ukuvumbulula ikhono entsheni, Amajika Youth Project. Leli qembu laliqeqesha intsha ukucula, ukudansa nokulingisa.
Yena noFlabba (ongasekho) yibona abebebadala eqenjini, izinto eziningi nendlela siyifunde kubo ngoba bebephambili ngomsebenzi. Basikhombisile ukuthi izinto zingenzeka. Sifunde kubo sathuthukisa amakhono ethu ngoba sifuna ukufana nabo, ngenhlanhla futhi sasebenza eduze nabo," kusho uShugasmakx |
Yena noLood de Jager ibona bodwa abazoqala ngoMgqibelo abagcina ukugqoka ijezi leqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba ngo-2019. |
Yena noMampintsha basanda kukhipha umucu osihloko sithi Siyabathandazela, okusolwa ukuthi babhuqa ngayo abebephawula ngobudlelwano babo bezothando njengoba kunamahebezi abangakaze bawaphikise noma bawavume, okuthi sebebuyelene kulandela ukungaboni ngaso linye okwenza ukuthi uBabes aze aziphumele inxiwa lakhe kwezokungcebeleka. |
Yena nommeli uFenyana (Aubrey Poo) bashada besebancane ngesikhathi besafunda enyuvesi kodwa bahlukaniswa ukuthuthuka kwemisebenzi yabo. U-Amanda wabuye wahlukanisa noFenyana kodwa babanga ukuthi ngubani okufanele akhulise indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili uMalaika, amthanda ukwedlula zonke izinto empilweni yakhe. |
Yena nomndeni wakhe omuhle (okuwumkakhe nezingane ezimbili) badinga usizo. Kusukela osizweni lwemali (njengoba engasazokwazi ukusebenza) kuya kunoma yini engamsiza kulolu hambo. |
Yena nomqeqeshi wakhe, uMdu Khumalo, bavumelene ngokuthi konke abebekwenza bebekhumbula uzakwabo uSiphiwe Ndlela, odlule emhlabeni nyakenye elungiselela iComrades. |
Yena noMshengu baze baqopha ngokuhlanganyela inoni elalithi Homeless. Yilapho aMambazo noMshengu baqala khona ukuduma umhlaba wonke. |
Yena noMshengu bebeye ezikoleni ezintathu Izimbuthu Primary, eMzikilazi Secondary nasesikoleni samabanga aphansi iThamsanqa ezingaphansi kwalesi sifunda khona izolo behlola ukulungela kwazo ukuvula njengoba bekwamukelwa abafundi bakaGrade 7 ngemuva kwekhefu lamasonto amabili behleli emakhaya. |
Yena noNgwayishe babe sebeqhamuka necebo lokuthi babulale uNjabulo ukuze bazwise uMankayi ubuhlungu. |
Yena noPhuzekhemisi kade besebenza ebhendini kaPhuzekhemisi futhi bengabangani iminyaka eminingi. |
Yena noSotswebhu waleli qembu uMnuz Steve Swart, babehambele umkhuleko eRibbledale, eBloemfontein, ngenyanga edlule ngaphambi kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amemezele ukuthi akusavumelekile ukuhlangana kwabantu abevile ku-100. USwart nabanye abahlanu okuthiwa babevela emazweni ahlukene okuyi-United States, France nakwa-Israel nabo batholakala ukuthi banegciwane. |
Yena noZondi bazana kudala, bobabili besangabashayeli elokishini KwaCaluza. |
Yena ubegijima kuMaZulu ethengwa yiPirates kodwa ufike wathwala kanzima kuMatlaba noPatrick Phungwayo waze wabolekiswa kwi-Arrows. |
“Yena ubemiswe ekuqaleni kwesonto njengoba ebebanjelwe wuBeekay Mchunu,” kusho umthombo wesibili. |
“Yena ubenzani ngoba besihlezi simbona komabonakude, ehamba ethuka abaholi be-ANC? Umsebenzi wakhe bekuwukuthuka abaholi be-ANC? Ubefuna ukuholela ukuthi uhamba egqugquzela abantu ukuthi baphule imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kweCorona?” |
Yena ufike kumaRockets emasontweni amathathu edlule. Ubebanjwe yizincwadi zokusebenza kuleli, asezitholile. |
Yena uKhuzani useyiqophile imilando njengoba abuye wagcwalisa iMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-2019, futhi wamela umaskandi emicimbini ebiseDubai kulo nyaka. |
“Yena uma ebona iselula isephaketheni uyayithatha, akabheki ukuthi ivuliwe yini. Uma engaba uthishanhloko kusho ukuthi sizophucwa amaselula,” kusho yena. |
“Yena (umzukulu) ubengumuntu obenezimpawu zokungaphili kahle ngokomqonndo kodwa ubehlale ededelwa esibhedlela kuthiwe akanalutho. Nangesikhathi elimaza ugogo nge-ayina asazi ukuthi ubedinwe yini ngoba bahlala naye kodwa ubewuhlupho,” kusho uNkk Mkhize. |
“Yena unondweba ubekade elibalile ngokuzibonela kwakhe. Kodwa wavuma ukushintshiswa ngumsizi wakhe. Wenze sengathi nguye ongumsizi kanondweba ngokuvuma ukufakwa ephutheni. Lokho kusho ukuthi udinga ukuhlolwa kabusha ngoba ulwazi lwakhe luzacile,” kusho uTenda Masikhwa, owengamele uphiko lonondweba kwiSafa. |
“Yena usazoke athi ukubonakala ngoba usaqopha,” kusho umthombo. |
Yena usazosebenzisana nenhlangano isikhathi eside njengenxusa layo. |
“Yena usengumdlali wethu. Sizoyidalula imininingwane uma sesiqede konke okuthinta ukusayiniswa kwabadlali ngoba okwamanje sisaxinekile kakhulu ngabanye abadlali esifuna ukubasayinisa,” kusho uVina. |
Yena uthe udabuka ePort Shepstone, elokishini iGamalakhe. |
Yena uzolingisa kwifilimu ethi Merry Liddle Christmas. |
Yena uZuma ubesewudlalile umdlalo wokubambezela kepha lapha babonile ukuthi sebefike ekugcineni, base bethatha isinqumo sokungasiphikisi lesi sicelo.
Yena wahlolwa ngoJanuwari ka-2016 iPirates idlala nePlatinum Stars koweligi ngoJanuwari 9.
Yena walimala kade kudutshulwa itekisi abebehamba ngayo ngenyanga edlule. Babeya esikoleni behamba nabanye othisha ngesikhathi bedutshulwa.
Yena washiya nomsebenzi wokuba umabhalane esikhungweni sezempilo.
“Yena wenza imali ngoDisemba bese eqala kabusha ngoJanuwari. Lihamba kanjalo elakhe ikhalenda. Uma ufuna ukunyukela phezulu, awukwazi ukudayisa izaqheqhe zabadlali bakho phakathi nesizini, usendaweni yesihlanu ngoDisemba?
“Yena yonke into uyenza ngokwethembeka futhi uyawuthanda umthetho. Nami ngiyawuhlonipha umthetho. Into esihluke ngayo wukuthi unolaka olweqile kanti mina kanginjalo.”
Yengeze ngesikwibhisi seFree State Stars uSinethemba Jantjie ophelelwa yinkontileka neStars ekupheleni kwesizini ka-2018/2019. Kuvele ukuthi iWits isayinise uPetersen ngoba uDaren Keet okunguyena ovimba njalo kuleli qembu usenqabile ukuvuselela inkontileka. Kunezinkulumo zokuthi ufuna ukubuyela phesheya kwezilwandle. Nakuba iWits isiyivulile indlela kodwa kusabhekwe emikhulu iminyakazo emaqenjini amakhulu kwiPremiership okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
yengwenya ndawonye ukuze niqinisekise inhlanzeko ngaphansi.
Yenyukele kulesi sigaba neReal Magic yaKwaMaphumulo eyehlule kowamanqamu.
Yenza i-4 Series igqame futhi i-grille enkulu akuyona into entsha kwaBMW. KwiX7 bayigaxe ngaphandle kwenkinga futhi isijwayelekile manje ayisathusi njengasekuqaleni.
- Yenza isiqiniseko sokuthi imoto yakho isesimeni esihle futhi unephethroli owanele.
Yenza isiqiniseko sokuthi zanele izinto zokuhlanza izandla esizosetshenziswa yiwo wonke umuntu.
“Yenza izinto ngendlela okholwa ngayo. Ungenzeli abanye abantu futhi ungavumi ukuba yinto ehamba nomoya, evumela yonke into eshiwo abanye abantu.
‘YENZA kwabanye lokhu ongathanda kwenziwe nakuwena’.
Yenzani lokho okuzohambisana nani ukuze uthando lwenu luzoba mnandi ngendlela enifisa ngayo.
- Yenza nomxovo weyoghurt enokolweni ngelinye ilanga kube isikalo esilinganayo kulezi zinto, nayo esebenza ngendlela ethi ayicishe ifane nekashukela. Izokusiza ukukhuculula isikhumba sigqame kahle. Lokhu kwenziwa ukuthi i-yoghurt ine-lactic acid ezoshiya isikhumba sakho sinempilo.
-Yenza ucwaningo ngezinto ozidingayo ngaphambi kweBlack Friday.
Yenza ucwaningo olunzulu uma ufuna ukugcina imali oyithole enkampanini obusebenza kuyo
YENZE into yamehlo inyanga yaKwaMazambane eManguzi ngoMgqibelo ishada amakhosikazi ayo ayisithupha ngosuku olulodwa.
'YENZE kahle impela iPremier Soccer League (PSL) yaletha umdlalo wamanqamu eThekwini”. Lokhu kushiwo umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, ngemuva kokunqoba kwezakhe isicoco seMTN8 zishaya iSuperSport United ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi. Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium uphele ngo 0-0 kwangaba khona oshaya igoli nasesikhathini esengeziwe.
Yenzeka nje, ubematasa eqopha lolu hlelo oluzokhombisa impilo yabesifazane basemakhaya abaphila impilo ephezulu.
Yenzeka yonke le mbidimehlwane uSuthu lunomdlalo onzima womkhaya neMarizburg United, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ngo 7.30 ebusuku.
“Yenzeke kanjani le nto, lokhu kukhombisa ukuthi uMkhandlu weTheku awuzimisele ngokulwa nenkohlakalo,” kusho uNksz Graham.
“Yenzeke phambi kwethu ingozi. Kubuhlungu kakhulu. Ubumuhle umshado. Kwabonakala ngobuhle bawo ukuthi kuzokwenzeka izimanga,” kusho uSibiya.
“Yenzekile into efanayo eminyakeni emihlanu edlule kwaze kwafika owayewuNdunankulu (Mnuz Willies) uMchunu nowayeyimeya (Mnuz James) uNxumalo bezoyilungisa. Kuyiqiniso ukuthi abantu abafuni ukukhishwa kule ward futhi siyayiqonda inhlalo yabo,” kusho uNkk Hlomuka.
Yenzelwe osomabhizinisi abenza imali ewuR5 million ngonyaka abalondoloza imali kwaFNB.
YENZE okungajwayelekile indoda yaseBhizana, e-Eastern Cape okuthe uma ilimala umphambili, yaphisana ngengoduso yayo kumngane wayo ngoba ithi ngeke isakwazi ukuyijabulisa ngenkonzo yasekamelweni.
Yenze ukuthi imikhuhlane ebonakala kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka, ingabonwa nangokhalo.
yeqembu, weseka abaphathi abasha ngokuthi kunenkampani entsha neqembu elisha okungahlanganise lutho nenkampani endala.
-Yerry Mina waseColombia, Mohamed Salah wase-Egypt, Eden Hazard waseBelgium, Son Heungmin waseKorea Republic, Mile Jedinak wse-Australia, Ahmed Musa waseNigeria, Wahbi Khazri waseTunisia, Luis Suarez wase-Uruguay, Artem Dzyuba waseRussia, Philippe Coutinho waseBrazil, Luka Modric waseCroatia, John Stones wase-England, Andreas Granqvist waseSweden.
yesine kuneNdodakazi Yentandane ngamavoti awu-2 460 kanti uQhoshangokwenzakwakhe ulele isihlanu ngamavoti awu-2 232. Igcokama Elisha lisendaweni yesithupha ngamavoti awu-2 032. UKhuzani usendaweni yesikhombisa ngamavoti awu-1 521 kuthi Imfezemnyama
Yet another loss to the music industry.It is with great sadness that we acknowledge the passing of kwaito star Nomasonto Maswanganyi, affectionately known as Mshoza. #RIPMshoza pic.twitter.com/q9gKe25QlT
Yethula isinqumo esingamakhasi amabili, iMantshi Garth Davis, ikugcizelele ukuthi uNzuza akufanele asayine amathenda omkhandlu kuze kube kuphothulwa icala lakhe.
Yethula umbiko ePhalamende ngoLwesithathu, iSIU ithe ifuna ukuba uMkhize avulelwe icala.
Yethulwa inkomo esibayeni, kwaphahlwa, okwathi kusenzeka lokho, indodakazi okuyiyona abathi izothatha umsebenzi, yashayeka phansi kwakhuluma obathumile ukuthi bayabonga.
YETHULWE ngesasasa inhlangano okuhloswe ngayo ukusiza abacula namaciko adumile kodwa abadonsa kanzima njengoba imicimbi ebangenisela imali isamisiwe.
Yevile ku-10 iminyaka ngifaka izicelo zomxhaso kodwa lutho. Le ndawo esisebenzela kuyo esiyibiza ngerenki ayinathoyilethi, ayinampheme, sima phansi kwesihlahla. Uma sikhuluma nabaphethe akucaci ukuthi usizo sizoluthola nini. Njengoba ngilala nje ngiqashe ikamelo ngoba ngisondezela umsebenzi. Akekho umuntu ongajabulela ukuthi uyisiqashi elokhu evota njalo kungenzeki lutho. Kulokhu angivoti," kusho uMkhungo. |
“Yeyi ayi bafowethu, cha uyabona uyacula ngempela uMaKhumalo umnandi ngempela ushumi kasisi Kelly Khumalo. Ngiyabonga,” kuloba uBig Zulu. |
Yhaa Kelly might deserve to be the replacement for somizi she has worked soo hard bt as for Somizi's story of abusing his ex husband is it already prove to be true ? |
“Yi-albhamu enakho konke kusukela emculweni wokholo, i-house, slowjam nama-piano. Ngizama ukuthi ikwazi ukulalelwa yiwo wonke umuntu ongilandelayo iphinde ingidobele abangangilandeli. Ihlukile kunengawenza ngokudlule ngokomculo ngoba thina siyakhula ngokomculo. Nginethemba lokuthi abantu bazoyithanda ngoba ngibhukulile.” |
YiBafana eyibone kuqala imbobo yepali ngegoli likaDolly ngemuva kobuchwepheshe bephasi kaPercy Tau obelokhu engqongqozile emapalini ezitha. |
Yiba namacebo ongaphuma ngawo otakwini obhekene nalo uma izinhlelo obuzibekele zona zingaphumeleli |
“Yibandla lami leli. Leli gama lale khonsathi laqhamuka kubalandeli bami. Bangitshela ukuthi ngesikhathi bekule khonsathi babezizwa sengathi basesontweni. Ngahleka, ngakhala, ngemuva kwalokho ngaya ekhaya ngafike ngalala ngazizwa nginokuthula emoyeni. Ngezwa sengathi kukhona umthwalo othulwe emahlombe ami. Angifune kuvula bandla futhi ngalo mcimbi nami ngangingaqondile ukubeka abantu enkonzweni ngomculo wami,” kusho uDana. |
Yiba negama elihle lokukweleta. Kufanele uhlale ululeka amakhasimende akho ukuthi ikhadi lesikweletu alisebenzi ngokuqikelela noma asebenzise ikhadi lesikweletu njengekhadi lemali noma ukuqinisekisa alikweletu kakhulu nokuthi isikweletu sikhokhwa nyanga zonke. Ukuthi kuhlale kunemali eningi engasebenzile kuhle ekwakheni igami lokukweleta elihle. |
· Yiba nendlela ongakwazi ukukhombisa omakhelwane ukuthi usenkingeni ukuze uthole usizo. |
* Yiba nesikhathi nesithandwa sakho lapho nibeka khona amaselula eceleni nixoxe |
– Yiba nesikhwama sezimo eziphuthumayo. Into emqoka wukuqinisekisa ukuthi ikhona imali eyongiwayo uma kukhona imali engenayo nokwazi imali ebanjwa kwi-akhawunti. Kumqoka ukusiza amakhasimende akho ukuthi abe ne-akhawunti yokonga ehlalele ikakhulukazi ukugada izimo nezindleko ezingalindelekile. |
· Yiba nnombolo eyimfihlo yomuntu owaziyo ukuthi ungaphepha uma uxhumana naye uma usengozini |
* Yiba nobudlelwane obuhle nengane ukuze ikuxoxele noma yini eyenzeka empilweni yayo ngaphandle kokuthi ikwexwaye. |
-Yiba nohlelo lwebhizinisi olucacisayo ukuthi imali liyingenisa kanjani. |
Yiba nomgani noma isihlobo ongasishayela uma udinga usizo |
· Yiba nozwelo kuwe uqobo: Ukuzibona sengathi akumele wehlulwe yimizwa kufaka enkulu ingcindezi. Khohlwa wukuthi “Indoda ayikhali” ngoba ukukhala kufana nokubhodla. Kuyasehlisa isimo esesiqongile, noma ngabe uphoxekile noma ngabe udiniwe. Okokugcina, ngisaphinda futhi: kungcono ukuvele uhambe kunokudala umonakalo omkhulu ozozisola ngawo noma ukuphuce umphefumulo wakho. |
-Yiba sohlwini lwezokuxhumana lwezitolo ukuze uthole amaphepha azo endali. |
Yibhekisise kahle le nto ayishoyo yokuthi awumthandi. Kusobala ukuthi zikhona izimpawu azibonayo kuwe ezingakhombisi uthando. Bunjani ubudlelwano benu? |
“Yibhola leli, kule midlalo emibili esele kusengenzeka noma yini. Kungaba yiphutha ukunaka iStellenbosch. Okwethu ukunqoba yomibili le midlalo esisalele,” kuqhuba lo mdlali. |
Yibo abebekufuna kakhulu ukunqoba. Ngekhefu ngibatshelile ukuthi ngike ngawubona umdlalo onje sidlala nePlatinum Stars. |
“Yibona abantu esinethemba lokuthi bangaqhamuka nesixazululo njengoba benamandla futhi bewazi nomlando wamaNazaretha. Ukube kusekhona iNkosi yakwaBiyela indlovu edla ofakazi, ibizosisiza kulesi simo ngoba yayinikiwe amandla okuxazulula izinkinga kumaNazaretha,” kusho uMncwabe, ophethe ngokuthi bayaluthanda uNyazi. |
“Yibona abebehlohla izitshudeni bethi zingayingeni eyokuqhelelana okugcine sekuba nesinyokotho. Kodwa asikho isimemezelo esikhishiwe ebesithi kuthathwa izitshudeni namu (esho izolo) cishe zabona ekhasini lesikhungo ku-Facebook zase ziyabizane zagcina sezeqa esibalweni,” kusho uZama. |
“Yibona abebenakekela umndeni wakhe esejele. UShauwn (Mpisane usihlalo weqembu) ukholelwa kakhulu kuZongo. Inkinga yakhe wukuthi ubesedelela ithimba labaqeqeshi nabadlali. Obekudingeka nje kuyena wukuthi adlale ibhola,” kusho umthombo. |
“Yibona kuphela ubukhosi (bamaZulu) eNingizimu Afrika, obusanomhlaba ezandleni zawo. Besinezinhlelo naye zokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Besisalindele lukhulu kuyena,” kusho uMahlangu. |
Yibuphi ubufakazi abanabo ngalokho ukuthi isikhundla sidayisiwe?” kubuza uMtshali. |
“Yibuphi ubufakazi obudingwa yinkantolo? Engani izimpahla zokugqoka okubalwa khona namaselula amathathu okungokwabagilwa kwatholakala kuye? Ngizizwa ngiphelelwa amandla sesisebenze kangaka ukuthi kuboshwe izigilamkhuba. Kwakhona ukufa komuntu esitokisini kwenzeka kanjani engaphansi kweso lamaphoyisa?” kubuza uNksz Gambushe. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.