input
stringlengths
1
130k
Yebo, abalandeli banethemba elikhulu ngesicco seligi kodwa thina singabadlali akuyona into esemqondweni wethu kakhulu leyo,” kusho uLorch.
Yebo, abantu abaningi bangazi ngingumdlali webhola kodwa sekuyophela iminyaka engu-20 ngaliyeka. Kuningi esengikwenzile. Ngingene emsakazweni, kwithelevishini nasemabhizinisini. Uma ubona izinto zingalungile kufanele usukume uzame ukulungisa. Yilokho engikwenzayo. Kufanele sakhe ikusasa lezingane zethu. Ngiphakamisa isandla kubantu bewadi lami ngiyabazisa ukuthi ngikhona. U-8% womasipala bahlulekile ukuveza ukuthi bayisebenzise kanjani imali. Bahlulekile futhi ukwenza izidingo zomphakathi. Kufanele sisukume, sikhulume ngalezi zinto, kusho uNiemach.
“Yebo akazange ahambe neqembu. Wangitshela ukuthi izizathu ezidale ukuthi angahambi ukuthi ubenezinkinga ezithinta impilo yakhe yangasese, iqembu elizaziyo,” kusho imenenja kaMatlaba * -Abbie Rasimphi.
“Yebo akhona amaqembu esikhuluma nawo. Amanye yiwona athinta thina. ULaffor usanda kuhlukana neSundowns, kuseva ukudalula amagama awo.”
“Yebo akuhambi kahle eZululand, uThukela, King Cetshwayo naseMajuba. Kodwa-ke asilindeni imiphumela.”
“Yebo, akwenzekanga e-England kodwa-ke ukushaya igoli ekubeni kuvele kubhekwe wena kuzisusa zonke izinkulumo ebezikhona, nawe kukwenza uzizwe ukhululekile,” kusho uTau.
“Yebo, amaqembu womabili azamile ukuxoxa nathi, kukhona futhi okuphathekayo esithunyelelwe khona okuvela kula maqembu kodwa cha, lokho sekungumlando okungenasidingo sokuba uvundululwe. Besivele thina amehlo ethu siwabeke kwiMaritzburg ngoba kudala sixoxa nayo,” kucacisa uNtshangase.
“Yebo, anginalo iqembu okusho ukuthi ngingajoyina noma yiliphi elibeka okungcono etafuleni. Nakuba ngingeke ngenabe kabanzi kodwa ngingasho ukuthi ngingase ngijoyine elinye laseGauteng, ngokunjalo neKZN (KwaZuluNatal) ngeke ngayishiya ngaphandle,” kusho uLetsholonyane komunye umthombo wezindaba.
“Yebo angiphilile kahle kodwa ngiyaluthola usizo kodokotela engibethembayo.
“Yebo angiphilile kodwa ngiyaphila. Ngiyazi ukuthi bakhona abafisa ukuthi ngife lokho ngikusho ngoba sengike ngahlaselwa izikhawu ezine befuna ukuqeda ngami kodwa ngasinda. Ngiyadabuka ngoba kukhona asebekhiphe inyama yokugcina efrijini bayosa ngoba bejabulela ukuthi ngifile, abaxole ngoba ngiyaphila. Angazi ukuthi ubani lo osabalalisa lawa mahlebezi ngami, mhlawumbe ngabantu ababona sengathi uma ngingashona bazothola ubukhosi bakwaMaphumulo. Bashaye phansi ubukhosi obomndeni, umndeni yiwo othatha isinqumo sokuthi ngubani okumele athathe isihlalo sobukhosi njengoba wenza nakimi. Wake wezwaphi ukuthi isifo siyafihlwa, kufihlelwe bani ngoba inkosi eyesizwe. Le nto ayenziwanga umuntu obeganga nje kodwa yenziwe ngumuntu onezinhloso ezimbi. Wenzela ukuthi uma kubuzwa ukuthi ngabe inkosi yatshalwa nini athi kwaba yisinyenyela,” kusho yena
Yebo angisekho kodwa bekumnandi ukusebenza khona futhi ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu. Abalingisi nabasebenzi njengoMaKhumalo (Leleti), Tony (Kgoroge), MaMtshali (Thembi), Nkanyiso Mchunu noDeli Malinga. Abanye abangamukela akusibona abaqhubeka nomdlalo kodwa siyasekana bakwenza uzizwe wamukelekile okuyinto evela kuthelevishini. Abantu baze bakholwe ukuthi siyazondana kanti uma sesingasaqophi siyathandana.
“Yebo avuliwe amathaveni kodwa umuntu ozongena emotweni ephuzile uzolutheza olunenkume. Oshayela budedengu afune ukwandisa izingozi zomgwaqo naye akazoba umngani womnyango. Sicela wonke umuntu abe yiso nendlebe, ngoba umuntu ozophula umthetho uzobe ona igama lesifundazwe sonke,” kusho uNtuli.
“Yebo, bakhona abathathu asebeboshiwe. Kukhona futhi namanye amagama abasolwa asenikezwe izinhlaka zezokuphepha. Ngeshwa, angikwazi ukudalula amagama alaba bantu kuze kube bavela enkantolo. Kepha kubukeka abanye bezoboshwa ngokushesha.”
“Yebo bakhona, baziqeqesha neqembu. Laba ngabadlali ababili abanamava okudlala esigabeni esiphezulu. Yize kunjalo, kubalulekile ukungasayini umdlali ngento owawumazela yona kodwa umsayine ngoba kukhona okubonile,” kusho uMkhathini.
Yebo, bakhona engibashela bavume ngoba omunye ngaze ngaya naye ocansini kodwa abanye abavumi kunalokho bavele bathi bazotshela umama, ngingawuyeka kanjani lo mkhuba ngaphambi kokuthi ungifake enkingeni?
“Yebo baziqeqesha nathi. Sijabule ngesikubona kuMakhaula, osekusele ukuthi ngidlulise kubaphathi umuzwa wami ngaye bese esayina. Nendawo ayidlalayo (esiswini) ibalulekile, Sifuna ukuqinisa kule ndawo ayidlalayo,” kucacisa uDlamini.
Yebo bebecabangela umnotho ukuze ufukuleke kodwa sekungavulelwa utshwala pho? Sekungaze kuvulelwe utshwala pho kuzo zonke izinto. Yini ejahiwe ekuvulweni kotshwala? Yebo, siyazi kukhona abakhala ngokuthi kuzolahleka imisebenzi kuphinde kuwe komnotho wezwe. Yebo umnotho ubalulekile kodwa ngeke ubaluleke ukwedlula impilo yabantu.
“Yebo bebehleli emuva obekwenza izinto zibe yinkinga kithina kodwa ngaso sonke isikhathi uma bephuma nebhola bebeba yingozi.
“Yebo bengibheka ama-video abo ngaphambi kwalo mdlalo. Manje kulula ngoba kunama-video. Uyahlala ubheke ukuthi baqine kuphi nokuthi yikuphi lapho bebuthaka khona. Bengingazi ukuthi abaqeqeshi abalali bebheka ukuthi abadlali badlala kanjani. Okuhle ukuthi abashintshanga indlela abadlala ngayo.”
“Yebo, ezinye zezikhalazo ziyezwakala kodwa kwezinye izindawo sidlala nje imidlwembe exova imiphakathi. Abanye babo bakufuna ngenkani ukuba amakhansela. Abafuni ukwamukela ukuthi imiphakathi ayizange ibakhethe, manje sebehamba bedala uthuthuva.’’
Yebo ezweni siyahlupheka. Imisebenzi inqabile kodwa akusho ukuthi ngokwenza okubi isimo sizoba ngcono.
Yebo ibhola abalidlalayo alimnandi kodwa konke kunesikhathi sakho. Imidlalo yobungani eyokwakha ibhola elimnandi kodwa eyokuhlunga eyokuthola imiphumela. Ngithanda ukubonga umqeqeshi weqembu lesizwe ngokukhombisa izinhloso zokwakha hhayi yonke le nto ekade ilokhu yenziwa egameni lokwakha. Indlela umqeqeshi uHugo Broos aqoka ngayo abadlali icacile futhi usebenzisa abadlali abasebasha nabalidlalayo ibhola hhayi abalixoshayo.
“Yebo (ibhola) wumdlalo wemibono ehlukene. Angishongo ukuthi abantu abalazi ibhola. Engikushilo wukuthi angiqondi ukuthi kungani ngigxekwa ngokuletha uLee ekubeni kunguyena ofunde wagogoda ekuphekeni onozinti. Uneziqu ezidlula abaningi abaqeqesha kwiPSL. Angishongo ukuthi anilazi ibhola. Ngathi ngingaphoxeka uma abantu bengakuboni lokho (ukuthi uLee uqashwe ngoba eneziqu ezifanele). Ngithi abantu abakuqonde ukuthi amagama amabi abawakhulumayo bewabhekise esosheni elinjengoDean lokho abakwenzayo kuzokuba nomthelela ongemuhle. Njengoba nawe (esho intatheli) manje usudukisa isizwe ngokuthi ngithe abantu abalazi ibhola,” kuphetha uBaxter.
“Yebo, iChiefs ibimfuna uRusike kodwa sangavuma naye. Akekho umdlali wethu waphambili esifuna ukumdayisa. Sifuna ukuthenga abagadli,” kusho uMatthews engxoxweni ne-Independent Media.
Yebo, iDIRCO iyazi ngokuboshwa kwabasebenzi ababili bakwaSAA eHong Kong. INxusa laseNingizimu Afrika eHong Kong lenza okufanele ukwelekelela kanti neDIRCO ixoxisana nemindeni kuleli, kusho okhulumela iDIRCO uMnuz Lunga Ngqengelele.
“Yebo ikhona into enjalo eyenzekile lapho abadlali ababili abancane beshonile engozini yemoto, abanye balimala kabi. Abalimele kakhulu kubikwa ukuthi basesimeni esibucayi esibhedlela,” kusho uNkk Luthuli.
Yebo imali iningi kula maqembu (Wits neSuperSport) kodwa sibonile eminyakeni embalwa edlule kuSundowns ukuthi kwenzekani eqenjini elinemali eningi kodwa elingahlelekile. Kuthe kungalungiswa eyokuhleleka kwangathi imali esikhona kuSundowns isiphindwe kabili kanti cha.
“Yebo imeya imisiwe emsebenzini. Ngingumholi womphakathi mina ngakho ngiyakuqinisekisa ukuthi isimisiwe,” kusho uBiyela.
“Yebo, iqembu lethu alenzanga kahle kule midlalo kodwa lokho akungachazi ukuthi kukhona okonakele. Kuphela inkinga engiyibonayo isikhinyabeze kakhulu, wukulimala kwabadlali asebeqine ukhakhayi abafana noFaf du Plessis, Quinton de Kock, no-AB de Villiers.
“Yebo, iqembu liyahlangana kodwa iqembu elisezingeni lethu lihlale lifuna ukwenza okungaphezu kwalokho elikwenzayo njengamanje. Sihlale singagculisekile futhi sihlale singeneme ngenxa yokuthi abalandeli bethu balindele izinto ezinkulu ngaso sonke isikhathi. Kancane kancane kumele sizame ukubahlangabeza ngezimfuno zabo. Bafuna ibhola elihehayo, bafuna ukuwina futhi bafuna ukujabula. Senza konke okusemandleni njengamanje ukubajabulisa, “kusho uSredojevic.
“Yebo iRaja Casablanca ingithintile kodwa uKhama usengumdlali weChiefs. Kumele bathinte iChief uma bezimisele ngokumsayinisa. Yiwona amaqembu okumele avumelane,” kusho uNgobeni izolo.
“Yebo isakhiwo sikhona kepha kuningi okungalungile kusona, okudinga ukulungiswa ukuze umphakathi uzokwazi ukuwusebenzisa kahle lo mtapo wolwazi.”
Yebo iSharks ikhale ngaphansi kwiStormers kodwa okucacile ukuthi izobulala abantu uma konke sekuhlangene ngoba abadlali abafana noLukhanyo Am, Sbu Nkosi, Aphelele Fassie noMakazole Mapimpi bakhombisile ukuthi ngeke ibambeke iSharks uma sebengene bathi khaxa kulesi sitayela sokudlala abafuna ukusithatha.
“Yebo isimo esibhekene naso sonke lesi kodwa kusemqoka ukuthi ngiwaxwayise amanye amaqembu ukuthi angalokothi abuswe umphumela, kumbe indlela yokudlala emdlalweni wokuqala ngoba kowesibili kulapho kuvela khona ukuthi lesimo esidlala ngaphansi kwaso asijwayelekile,” kusho uMosimane.
“Yebo, isizini ibe yimbi, lokho akufihlwa. Okusibulele wukushintsha abaqeqeshi. Kuphazamise isigqi kanti vele siqale kabi,” kusho uMotale.
“Yebo, iSundowns iyakhuluma nami. Ngikhuluma nawe nje namhlanje (ngoMsombuluko) bengikhuluma naye umqeqeshi wayo uPitso. Zona “zisesemanzi” izingxoxo zethu okwamanje kodwa kuyathembisa ikakhulukazi njengoba iSundowns ibeka into ezwakalayo impela etafuleni.
“Yebo, iSuperSport ingithintile ingitshela ngesifiso sayo sokusayinisa * -Eric Tinkler ngesonto eledlule. Ngemuva kwalokho asiphindanga sakhuluma nayo. Unenkontileka yeminyaka emithathu kodwa njengamanje nami angazi ukuthi kwenzakalani kodwa emahoreni angu-48 kusuka manje kuzocaca. Ngiyodumala kakhulu uma ethulwa njengomqeqeshi omusha weSuperSport kusasa(namuhla),” kusho uComitis.
“Yebo, iwini esiyithole ngeSonto kwiFree State besiyidinga kakhulu. Ningasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ibuyise ukuzethemba kithina njengabadlali beqembu ngaphambi komdlalo olandelayo weNedbank esiyowudlala nayo futhi iFree State.
“Yebo iyahluthuka inhliziyo kodwa kufanele ucabangele izingane phela ukuthi ziyanidinga nobabili ningabazali.
“Yebo, izibalo zakamuva eziphumile zikhombisa ukuthi sihleli endaweni yesibili. Viva mabhinca,” kubhala uWiseman.
“Yebo, izibalo ziphansi okwamanje kodwa kufanele sikhumbule ukuthi isivuvu sesithathu ngeke simemezele uma sesigadla. Kufanele sizivikele ngaso sonke isikhathi ngoba iCovid-19 isekhona, kayiphelile,” kusho uZikalala.
Yebo izinkolo zehlukene ngiyavuma, kodwa leli bhayibheli engisuke ngesekela ngalo izinkulumo zami, lisetshenziswa yizo zonke izinkolo. Angazike ukuthi njengoba eseyifanisa nepolitiki nje lento engisuke ngiyenza, lihlanganaphi ibhayibheli nepolitiki ngoba phela kazidlelani lezozinto futhi kazisoze zefana! usho kanje.
“Yebo, kubalulekile ukuwina (lo mdlalo) ngoba owabakhaya, umqoka kakhulu njengoba injabulo yokuwunqoba ihamba ibanga elide.
“Yebo, kube ngconywana kulesi siwombe kodwa nakhona ibhola besiliphethe impela kodwa singeyona ingozi ezitheni.
Yebo kubi okubikwa ukuthi bekwenziwa ngumfo kaMchunu uma kuyiqiniso kokuthi abantu ubebabukela phansi engabazi nokuthi bayini aze abatshele nokuthi bahola amakinati ngoba nakhu yena ebeyikha ngamafosholo lapha emsakazweni.
Yebo, kubuhlungu ukusetshenziswa ocansini maqede ushiwe kanjalo ngoba kukwenza uzibone ungelutho futhi kuqeda nokuzithemba.
“Yebo kuhle ukutshengisa isibindi sokubuya kodwa akukuhle ukungenelwa amagoli kuqala.
“Yebo kuliqiniso ukuthi sike saxoxisana noNkk De Lille ngesikhathi esayiMeya yaseCape Town, kepha lezo zingxoxo azibanga namphumela. Ngakho siyaziqhelelanisa nalezi zinkulumo ezisimatanisa neGood Party ikakhulukazi njengoba ngesikhathi sikhuluma noNkk De Lille wayengakalisunguli leli qembu,” kusho uNkk Magwaza-Msibi.
Yebo, kunabadlali esizobadedela impela. Asikwazi ukuma endleleni yabadlali abangalitholi ithuba lokudlala. Kodwa okunye futhi okufanele sikuqonde ukuthi nathi sidinga abadlali abambalwa ukuqinisa iqembu lethu. Ngiyavuma ukuthi sineqembu eliqinile kodwa ngiyakholelwa ekutheni singenza kangcono kakhulu kunalokhu, kusho uMcCarthy.
“Yebo kunemidlalo okusafanele siyidlale ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa engikuthole kwiMTN8 namuhla (ngoMgqibelo) kungishiya ngenelisekile ngokulungela kwethu ukuqala isizini yeDStv Premiership,” kusho uSeema.
Yebo kungaba yiqiniso lokho kodwa sonke siphila nengcindezi ethile emqondweni, angithi? Omunye uzothi, phela dokotela abantu abamukeli, izinto azizweli ngokufana emzimbeni womuntu. Nalokho ngiyakuvuma, kodwa uma ubuka lezi ziguli ezingenhla ukuba asithathanga isinyathelo sokucinga, sisuse izidindi ukuze sithole umthombo wokugula asazi ukuthi isimo sabo ngabe sinjani namhlanje, mhlawumbe namanje nengane ngabe akaze ayithole usisi, isibhaxu ngabe siyaqhubeka ekhaya, induku yenza ukuthanda kwayo kowesilisa.
Yebo kungenzeka ukuthi bakhona abahola amakinati kodwa akusibona bonke nakhona bakhona abahola kangcono njengayo yonke imisebenzi nakhona kunezigaba zakhona.
“Yebo kungijabulisile ukuwina ngoba amaphuzu siyawadinga kodwa okwehle kahle kunakho konke kimina ukubona abadlali bezama izinto ebesikhuluma ngazo maphakathi nesonto.
“Yebo kuningi nathi okufanele sikwenze njengamaphoyisa ukuze izibalo ziqhubeke nokwehla. Kufanele iqale inkulumompikiswano evulelekile futhi enobuqotho ngokudayisa kotshwala ezweni, nabu ubufakazi obuqanda ikhanda obuphambi kwethu buveza ukuthi ukuvalwa kotshwala kudala ukuthi kube nokuphepha ezweni,’’ kusho uCele
“Yebo kunjalo, uzoziqeqesha nathi ngoMsombuluko. Ngimazi kudala esemncane kwiSuperSport United. Ngiyazi ukuthi unesiphiwo esiyisimanga, futhi usemncane, uneminyaka nje ewu-28, ngakho bengingeke ngimbukele esenkingeni. Sizoziqeqesha naye, sizame ukubuyisela umzimba wakhe esimeni esihle. Lokho akusho ukuthi uzosayina nathi, kungenzeka athathwe abanye, akunankinga. Inhloso enkulu ukuthi ngifuna ukumsiza abuyele emsebenzini wakhe, aqhubeke nempilo,” kusho uHunt obumbona nasebusweni ukuthi indaba kaNtshumayelo imphethe kabi.
Yebo kunzima ukuthwala ikhaya uwedwa kodwa emshadweni wafungela ukuthi uyoba naye kukuhle noma kukubi. Manje ususesimeni lapho ekumele uzimele izifungo zakho. Sinifisela inhlanhla!
“Yebo kuyajabulisa ukuthi kuke kwaphela imidlalo eyisishiyagalombili singadliwa. Kodwa bengingajabula kakhulu uma mhlawumbe okungenani kulesi sibalo sinqobe eyisithupha noma eyisikhombisa.“
“ Yebo, kuyiqiniso, inhlangano yami inginikeze umyalelo wokuba ngisule. Kumele ngigcizelele ukuthi hhayi ngoba ngonile, wukuthi nje umasipala unezinselelo,” kusho yena.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi iCape Town City ike yangithinta mayelana noKhuzwayo. Ingithintile ezinyangeni ezimbili ezedlule. Izikhulu zayo ngizitshelile ukuthi ngicela zingithinte ngoJanuwari hhayi manje. Okwamanje sisaxoxa neKaizer Chiefs. Asinalo ilungelo lokungena ezingxoxweni nelinye iqembu kuze kushaye uJanuwari,” kusho uSukazi.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi sengijoyine ithimba labameli bakaZuma,” kusho uMabuza ngamafuphi.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi uFerguson udlulile emhlabeni namhlanje ntambama. Umndeni ucele ukunikezwa isikhathi sokubhekana nalolu daba okwamanje, kodwa khona kunzima kakhulu kuConnie (inkosikazi yakhe) nakumalungu omndeni,” usho kanje.
“Yebo kuyiqiniso. Umfana ubuyele kubo izolo (ngoLwesibili). Isimo abhekene naso singaphezu kwamandla akhe. Iqembu lithathe isinqumo sokumkhulula kodwa uma esefihlile nakanjani uzobuya liqhubeke nokumhlola. Siyazwelana kakhulu naye futhi siyethemba ukuthi uzofihla kahle,” kusho uDlamini.
“Yebo, kwaba khona ukuphakama kwemimoya, kepha kwakuphakathi kukaZulu nelinye ikhansela le-ANC lesilisa.
“Yebo kwaba yikhona lokho,” kube yimpendulo kaMabizela eqinisekise le mibiko.
“Yebo lesi sikhungo sisodwa kuleli kodwa sisezingeni eliphezulu futhi sihlonzwe yinhlangano yezempilo emhlabeni njengesizosiza amanye amazwe ase-Afrika ngenxa yokuthi sisezingeni eliphezulu. Angazi ukuthi ukungatshazwa kuphuma kuphi,” kusho yena.
“Yebo likhona ibhuku esasifaka kulona izimali zethu. Laliphethwe uyena umqeqeshi wethu (uNgubane) ngaleso sikhathi. Kulelo bhuku wawufaka imali onayo, bese kuthi uma usuya ekhaya, uthathe imali yakho oyibekile bajabule nasekhaya uma ufika. Bekungekhona nje ukuthi uNgubane ungumqeqeshi kodwa ubenendaba nokuthi uma ufika ekhaya uzofika uphetheni. Ubengubaba kithina, sikwazi nokukhuluma naye ngezimpilo zethu zangasese. Udaba olwabhalwa yileli phephandaba ngalufunda, kungakho ngithi uma ekhona umdlali akeze kwabezindaba aveze ubufakazi anabo bokuthi wagwaza kuNgubane,” kuchaza uMbatha osayine kwiThanda ngesizini ka-2015/2016.
“Yebo likhona lelo cala kodwa ngeke sikwazi ukuphawula ngoba yinto ephakathi komsebenzi nomqashi,” kusho uNxumalo.
“ Yebo, livuliwe icala lokushaya kodwa bekungakaboshwa muntu. Udaba luphawulwa yithi esifundazweni ngenxa yokuthi lwenzeke esiteshini sokuvota,’’ kusho uBrigadier Naidu.
“Yebo lukhona uphenyo olusabalele esilwenzayo oluholele ekutheni kuboshwe abantu abathathu eThekwini ngesonto eledlule, bakhona futhi abanye esisazobabopha khona maduze,” kusho uMulaudzi.
“Yebo nami ngikhathazekile ngale ndaba. Ukudla sekuthengiwe kwayiswa emahhovisi ezifunda. Izifunda kuzofanele ziqhamuke nohlelo nokuhambisa lokudla.”
Yebo ngasekugcineni kukhona okwaphazamisa njengoba kukhona abantu abayisishiyagalombili abaphuthunyiswa esibhedlela sebelimele kodwa futhi nalapho abahleli bomcimbi bakhombisa ukuthi ukuphepha kwabantu bakubeke eqhulwini njengoba bavele bawuvala umcimbi benzela ukunqanda isimo.
“Yebo ngibe nawo umhlangano noZuma njengoba sasihlelile, umhlangano wawuthinta izinkinga zeqembu. Kwakungekhona okokuqala ngihlangana noZuma, nakulokhu ngimbonile ngoba besidinga ukuhlangana,” kusho uMagashule ekhuma nentatheli ye-eNCA uVuyo Mvoko. Ukuchithile ukuthi kwaba netulo eladingidwa phakathi kwabo lokuketula umengameli Ramaphosa, waveza nokuthi umbiko waleli phephandaba bahlela ukuwudlulisela kwibhodi elilawula ukusebenza kwamaphepha kuleli (Press Council).
“Yebo ngibhalile ngokuthembisa kwami umshado ngoba kuyisibusiso futhi bengicabanga ukuthi kungani ngingatsheli umhlaba ukuthi uNkulunkulu usengibusise ngani kodwa yilokhu engingakusho ngami,” kunqamulela u-Asanda.
“Yebo ngidlule entweni enzima kabi,” kusho uGaxa exoxa neSolezwe ngoMgqibelo ngemuva komdlalo wabo neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium ngoDisemba. “Angimfiseli omunye umdlali ukuba adlule kuyona. Nakhu ngikhona kodwa, ngiyaphila futhi ngisazoyilwa le nto. Ayikapheli.”
Yebo ngidumele ukuthi uBabes ukhethe ukubuyelana noMampintsha kodwa-ke angiboni ukuthi ukumshaya kwakhe kwakungavele kuqede uthando.
“Yebo, ngihlanganile neChiefs ngesonto eledlule ukuzokhuluma indaba kaLuc. Igama lakhe kade lilokhu likhonjwa kwiChiefs.
“Yebo ngike ngaxoxa neKonyaspor. Sicishe savumelana kodwa kwaba khona izinto ebe nginganeme ngazo. Phakathi kwazo, yindaba yokutshelwa yizikhulu ukuthi kuzomele ngizenze kanjani izinto eziphathelene nokudlala kweqembu. Yingakho ngithathe isinqumo sokungawuthathi lowo msebenzi. Angibalekiswanga wukuthi iqembu limi kabi kwi-log. Ngikholwa wukuthi baneqembu elingakwazi ukuvika izembe. Njengamanje nginesicelo seqembu eliseSaudi Arabia. Ngisadla amathambo engqondo ngaso,” kusho * -Ertugral.
“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi inkontileka kaTshepo Gumede yeluliwe ngeminyaka emibili,” kusho uMkhathini.
“Yebo ngingowesifazane wokuqala ukuthi aqokelwe kulesi sikhundla kodwa engikwaziyo ukuthi angisiyo owokugcina. Amantombazane amancane abukele njengamanje, ayabona ukuthi akukho okungenzeki.”
“Yebo ngiwazwile amahlebezi okuthi iPhini likaMengameli alithandi ukuba kwikhabhinethi kodwa ngeke kwenzeke lokho. Uma sekumenyezelwa ikhabhinethi nalo lizobe likhona ngoba uma lingayi kwikhabhinethi lizoyiswaphi?”
Yebo ngiyajabula ukuthi iqiniso seliphumile kanti nomhlaba usuyalazi iqiniso, kepha ubuhlungu busekhona. Ngangicabanga ukuthi umyeni wami uyangazi. Kwangethusa. Ngaphoqwa ukuthi ngihlolwe ngemishini (lie-detector test). Sathuthelwa emzini onegumbi lokulala elilodwa oseGreytown ukuze abantwana babe seduze nesikole, kusho umaNtuli.
“Yebo, ngiyakuvuma konke abangisola ngakho ngakwenza. Ngawagugula amathuna nokunye kodwa ngangiseyingane. Ngikhule ngokwanele manje ngineminyaka engu-50 ubudala ngakho sengiyawabona amaphutha ami futhi ngiyafisa ukuwalungisa. Umhlaba ngizobanikeza futhi ngifuna nohulumeni abone ukuthi ngiyalweseka uhlelo lokunikezelwa kwabamnyama umhlaba. Mina ngifuna kube uhlelo oluyimpumelelo ngoba ngizobafundisa kwezolimo, ukuze sihlomule sonke ngenzuzo nabo bakwazi ukuzenzela imikhiqizo,” kusho * -Odendaal.
Yebo, ngiyavuma sizobe sivotela ukhetho lohulumeni basekhaya, noma nje nakhona izabelomali zemikhandlu yakithi zingengakanani ukwenelisa ngendlela efanele amawadi esikuwo ngohlelo lukaQedindlala, kodwa-ke ucezu lwesinkwa lungcono kakhulu.
Yebo ngiyavuma ukuthi lokhu kungadalwa yingcindezi yabangani ohamba nabo kanye nokuthanda izinto. Kodwa namuhla bengithanda ukuveza enye yezimbangela enganakekile - ukukhethelwa ngabazali izifundo kanye nengcindezi abayifakayo kithina siyintsha ekutheni senze imisebenzi ethandwa yibo kusasa.
Yebo ngiyavuma ukuthi zonke izinhlanga zimelelekile kumaProteas kodwa kusangiphatha kabi ukwazi ukuthi kumele uyofunda ezikoleni ezithile (ezimba eqolo) ukuze uzithole usudlalela amaProteas ngelinye ilanga.
Yebo ngiyavuma, usheliwe wafikelwa umuzwa wothando wase uyaqoma, pho sikuphi-ke isidingo sokulwa nomfazi omfice eseshadile? Wena bhekana nendoda uyeke uchuku.
“Yebo, ngiyaya e-ECC ngoba ngithanda hhayi ngoba kunenkinga. Khona kuyiqiniso ukuthi kukhona imindeni ekulungisayo phakathi kwethu engingeke ngaba namandla okukhuluma ngakho,” kusho uThandeka.
Yebo ngiyazi kumnandi ukuthandana nomuntu wesifazane omuhle futhi omi kahle, kodwa iqiniso lithi noma angaba muhle ame kahle kanjani, kumele nakanjani abe naso nesimilo phela.
Yebo, ngiyazi ukuthi anginamali kodwa akusho ukuthi unkosikazi wami akahambe ema ngegama lami komakhelwane.
“Yebo ngiyidlalelile iChiefs eminyakeni edlule emazingeni aphansi kodwa kube nesikhathi obekumele ngidlule kusona empilweni yami, futhi ngadlula ngempumelelo. Uma kwakudaliwe ukuthi ngiyobuyela kuyona, kusho ukuthi ngiyobuyela. Uma futhi kungenzeki kuyobe akwenzekanga. Into ebalulekile kumina wukuthi ngidlale, ukuthi ngidlala kuphi akubalulekile,” kuqhuba uMdantsane.
“Yebo ngiyizwile into efana naleyo ngaphakathi eqenjini ukuthi uVilane uyasishiya. Ngokuzwa kwami akukapheleli konke kahle kodwa ngingathi sekungu-90% osekuqondile, sekusele izinto ezimbalwa. Noma kubuhlungu ukuthi angase asishiye kodwa ngijabule ngendlela abezimisele ngayo, nangendlela abezinikela ngakhona eqenjini. Ngenhliziyo yami emhlophe ngifisa ukusho ukuthi ngimfisela inhlanhla uVilane sengathi konke kungamhambela kahle,” usho kanje uFerreira izolo.
“Yebo ngizishaya isifuba ngesesikwenzile kodwa futhi ngikuqonda kahle ukuthi konke bekungeke kuphumelele ukube laba badlali enginabo abahloniphi ngale ndlela. Uyazi ungazitshela ukuthi abafana abancane kodwa amadoda emizi yawo ahlonipha ngale ndlela exakayo,” usho kanje u-ODG ekhuluma noPotshoza eMphithi ngoLwesihlanu oludlule.
“Yebo ngumqhudelwano omusha lo kodwa awukho esike siwuthathe kancane. Konke lapho sidlala khona silwela ukunqoba.
“Yebo, njengamanje iqembu lisadonsa kanzima kodwa nginethemba elikhulu lokuthi uma umqeqeshi, uGavin, enganikwa ithuba elanele, abuye akwazi nokusayinisa abadlali abanohlonze ngokuvuleka kwewindi ngoJulayi, kuzobonakala iChiefs ehlukile.
“Yebo salenza iphutha kanjalo neNSL (National Soccer League). Lokhu ngikusho ngokukhululeka. Le nto yavela ngoba nakhu iSuperSport (United) izama ukubhalisa (uLebo) Manyama. Bona belulekwa ngokuthi ngeke bakwazi ukumbhalisa ngoba udlalile kwamanye amaqembu amabili. Thina iPSL ayizange iseluleke ngalokho. Kunalokho sanikezwa ikhadi lomdlali. Khona uma ngibheka emuva besizokwenza ngendlela ehlukile,” kusho * -Efstathiou uma ebuzwa ukuthi bona abayifundanga ngani imigomo.
“Yebo sasithembisene kodwa akusenjalo,” kusho uBabes. Ekuqaleni kwaleli sonto kuke kwasabalala i-video kaBabes noMampintsha befake izindandatho eminweni yesibili esandleni sokunxele.
“Yebo sengizimele kodwa lokho akusho ukuthi sengishiyile kwiFreshlyground. Ngisenayo futhi siqeda iminyaka engu-17 sindawonye.”
Yebo, senizamile ukuhlukana nahluleka kodwa ngokwami ngibona sengathi nisangakwazi ukuhlukana ngaphambi kokuthi izinto zonakale kakhulu.
“Yebo sesihlulwe imidlalo emibili okuyinto engeyinhle okumele sizithintithe siyilungise. Kusesekuseni sisengakwazi ukubafica abanye. Kwesinye isikhathi into emqoka empilweni nasebholeni wukuqonda ukuthi kwesinye isikhathi uyaqala kahle uqede kahle futhi ungaqala kabi kodwa kube nesiphetho esihle. Akubalulekile ukuthi uqala kanjani okumqoka wukuthi uqeda kanjani. Sizobuya,” kusho uMabedi.
“Yebo, sibadedelile abadlali. Into embi eyenzekile engifuna ukuxolisa ngayo wukuthi bekungafanele abadlali bezwe ngabezindaba ukuthi abekho ezinhlelweni zeqembu. Lokho kwenza sibukeke njengeqembu elingenzi izinto ngendlela eqondile. Kukhona lapha ngaphakathi umuntu obe ukhanda limtshela okwakhe wadedela lezi zindaba, engingazi ukuthi ubethunywe wubani ngoba thina siyiqembu besingakasho ukuthi akwaziswe abezindaba,” kusho uMnisi obezwakala ukuthi iyamcasula eyokuba khona kukaphoshozwayo eqenjini lakhe.