input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
“Wangikhalela wathi umuzi wakhe esisontela kuwo uyadliwa ngakho ucela ngimtsheleke uR80 000 ukuze akhokhe leso sikweletu, uzongibuyisela ngoba uyayithola imali njengoba engumfundisi,” kusho uNksz Mabaso. |
“Wangishaya ngaze ngavuka ngabo 4 ekuseni sengiphalaza igazi.” Uthe kusukela lapho inhlalo kuye ayibange isaba yinhle emzini njengoba umsolwa wayesehlala ngokumhlukumeza futhi wabuye washisa nezimpahla zakhe. |
“Wangithola ngimuhle ngimncane ngomzimba, kodwa ngisho sengimtholele izingane ezingaka umzimba wami washintsha, akakhombisanga ukungangithandi. Ngifisa wonke umuntu wesilisa amthande umuntu asemkhethile kuze kube ngunaphakade,” kuchaza yena. |
“Wangithola nginesoka nengane, wangithembisa izulu nomhlaba futhi saze sathembisana nomshado. Indaba yonakale esengijolela namanye amantombazane. |
“Wangithumelela into yokungihlola ukuthi ngiyibhale. Ngenza kahle, manje sengila.” |
“Wangitshela ngonyaka odlule ukuthi wazama ukuzibulala ngemuva kokuthola ukuthi u-AKA ulala nabanye abantu besifazane. Okwahlukumeza uNelli kakhulu kodwa wukuthola imiqhafazo ephakathi kuka-AKA nonina wengane kaDa L.E.S. Yamephula inhliziyo lento ngoba konke kwakusobala. U-AKA wayejola nonina wengane kaDa L.E.S, asathandana naye namanje,” kusho incwadi ebifundwa wuMacG. |
“Wangitshela ukuthi abantu abakweletayo usebakhokhelile. Indlela engizama ngayo ukuvikela ibandla ngibonile ukuthi le ndaba izolixova,” kusho umfundisi. |
Wangitshela ukuthi ngingatsheli muntu ngalokhu okwenzekile ngoba vele yena ungumuntu odumile kanti futhi amaphoyisa kanye nabezindaba bayamsaba. Ngathi lapho sengimazisa ukuthi ngikhulelwe wangitshela ukuthi angilale nomunye umuntu ebese ngimesulela ngesisu, kuchaza umgilwa. |
“Wangitshela ukuthi ufuna sisebenzisane ngoba ubona ngithembisa. Asichithanga sikhathi sangena estudiyo. Manje ngisebenza enkampanini yakhe, iGreyman Music ngoba phambilini bengizihlanganisela.” |
“Wangitshela ukuthi ulimale kancane esiphongweni, washo nokuthi umshiye esibhedlela eMariannhill. Ngamangala ngifika esibhedlela uThandeka engakwazi ngisho ukuhlala kwi-wheel chair. Ubenenxeba ekhanda, evuza negazi.” |
“Wangitshela ukuthi uma abantu sebeqala ukubanga umsindo ngawe kula kuhamba kahle khona, izinto futhi nempumelelo iseduzane. Ngakho nabantu uma besibona sixabana singomaskandi siphinde sijovane ezingomeni zethu iyona ndlela kulo mculo okukhulwa ngayo,” kuchaza uKhuzani. |
“Wangitshela ukuthi uma abantu sebeqala ukubanga umsindo ngawe kula kuhamba kahle khona izinto futhi nempumelelo iseduzane. Ngakho nabantu uma besibona sixabana singomaskandi siphinde sijovane ezingomeni zethu iyona ndlela kulo mculo okukhulwa ngayo,” kuchaza yena. |
“Wangitshela ukuthi uma ngingazimisela ngonobhutshuzwayo ngingaba ngomunye wabadlali basesiswini abaphambili emhlabeni. Njengamanje ngiphila ngokwethemba engikwazi ukukwenza enkundleni. Ngiyakhumbula ngineminyaka engu-12 kuya kwengu-14 ngihlangabeza i-Orlando Pirates eJan Smuts ibuya ekunqobeni iChampions League (ngo-1995) ngaphinda ngayiphakamisa nami sengineminyaka ewu-30.” |
Wanikela kwikomiti likazwelonke eliqondisa ubugwegwe, lapho aveza khona ukuthi akuzange kulandelwe imigudu ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokumumisa. |
WANQABA ukwenza i-plastic surgery ngoba efuna ukwamukela izibazi zakhe, owesifazane owashiswa wumlilo eneminyaka engu-13. |
“Wanqaba wathi angimakhele lapho ngingazi khona, ngakunqaba lokho engicabanga ukuthi yikhona okumenza ahambe engikhuluma kabi,” kusho uMsweli. |
“Wanqatshelwa ibheyili, wabe esegcinwa ezitokisini kwaze kwaphothulwa ukuqulwa kwecala lakhe. Amlahle womabili amacala akade ebhekene nawo wayesegwetshwa odilikajele,” kusho uCapt Gwala. |
Wanquma ukuba umhlangano awusebenzisele ukuthola izeluleko zeSilo ngamacebo okwakufanele asetshenziswe ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni zifinyelela ngokuphuthuma kubantu. Waphinde wasebenzisa lo mhlangano neMbube ukuqala ukubhala inkulumo yesifundazwe okwakuzoba ngeyokuqala. |
Wanxusa abaculi okukhona kubo uSjava ukuthi abavakashele lo mculi bamsize aqophe. |
Wanxusa abasha ukuthi bafake the izicelo kwi:SAYouth.mobi, kanti akuyidli i-data. Eminye yemisebenzi etholwe ngabantu abasha kubalwa ukuhlanzwa kwemigwaqo okuqashwe abalelwa ku-10 000; ukuxhaswa kwamaciko emikhakheni ehlukene. Kanti ohlelweni lwesibili kuzoqeqeshwa abangu-3 000 abaneziqu ezizosiza ezikhungweni zemfundo, ukuze baqasheke kusetshenziswana nomnyango wemfundo ephakeme. |
Wanxusa izinhlaka zomthetho ukuba zenze isibonelo ngababoshiwe. |
Wanxusa ososayensi ukuthi balihlole ukuze umhlaba wonke usizakale njengoba lolu bhubhane lukhahlameze umhlaba wonke. |
Waphetha ngokuthi kudingeka ibukwe kabusha imithetho yokusebenza kule mboni. (Total reset of condition of employment in the sector). |
Waphinda wabamba elikhulu iqhaza kwi-Afrika yonkana nasemhlabeni wonke ukuze kube nokubambisana nobunye. |
Waphinda wabonakala eqenjini le-hip hop, iJozi njengoba esephinde wazimela. |
Waphinda wathatha indodana endala kaMaNgcobo, uSibonelo Zulu (27) wayishumpula ikhanda ngocelemba maqede wayiphonsa emfuleni okwatholakala kuwona isidumbu sikaZubenathi. |
Waphinde wabamba iqhaza ngenkathi leli qembu livika izembe ngasekupheleni kwaleyo sizini nalapho ashaya igoli bedlala neKaizer Chiefs emuva kokugadulisa abadlali bayo waze wahlanganisa i-Itumeleng Khune namapali, eshaya igoli lokulinganisa. |
waphinde waba nguMengameli weChamber of Mines ngo-2010 kuya ku-2012. |
Waphinde wabikela Isolezwe ukuthi uselala obenyoni esabela umndeni wakhe kwazise abakubo kamgilwa babonakala bebhunga ngenhla komuzi wakhe ngezikhathi zasebusuku. Elinye ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa elingumalume kaSithole (umngani kamufi naye obulewe) lithe kuyadida ukubulawa kwalaba kwazise uma bekuyisenzo sokuziphindiselela bekungeke kubulawe noSithole njengoba unina engudadewabo kaNkk Ngema okusolwa ukuthi wabulawa yilungu lomndeni wakwaKhumalo. |
Waphinde wabonakala efilimini kaLeon Schuster ethi Mama Jack, nokuthe kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, abantu bathi bayomkhumbula ngayo kakhulu. |
Waphinde wabonakala elingisa indawo kaMandisa emdlalweni othi Intersexions ngo-2010. |
Waphinde waboshwa ngo-Ephreli 2017, isicelo sebheyili saphikiswa enkantolo kanti ubelokhu etokikile. |
Waphinde wafaka nesithombe sikankosikazi wakhe emgagula ukuthi unegciwane, ethi uhamba elala. Icala lizobuyela maduze enkantolo. Umsolwa usagcinwe esitokisini. |
Waphinde wahamba neqembu Umoja, okuyiqembu elidume ngemidlalo yeshashalazi nomculo ogqugquzela ubunye nokuzigqaja ngamasiko. |
Waphinde wajoyina iParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance adlale kuyona amasizini amabili, ngaphambi kokubuyela kwelakubo eBrazil ejoyina iSao Paulo ngo-2019. |
Waphinde wakhala ngokuthi imali okuthiwa akayengeze akazi uzoyithathaphi. |
Waphinde wakhalaza ngokuthi uma uButhelezi ekhipha izitatimende noma enesithangami sabezindaba, uyaye asizwe wuphiko lwezokuxhumana lwe-IFP. |
Waphinde walivalela phakathi kowamanqamu womlenze owawukuleli, okwanqoba kuwo ezakhe ngo-3-0 zehlula iZamalek. Ngo-2017 banqobe iCaf Super Cup. |
Waphinde wamemezela izithangami zabezindaba ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa naseGoli lapho eyezokhuluma khona ngodaba lokuboshwa kukaZuma. |
Waphinde waphucwa incwadi yakhe yokuphuma ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika. |
Waphinde wasola amaphoyisa ngokudembesela ekubopheni umsolwa. |
Waphinde wasolwa nangokubiza abesilisa abathandana nabobulili obufana nobabo ukuba basukume bakhumule izigqoko ngesikhathi kuculwa ihubo lesizwe emcimbini iSexual and Gender Based Violence Dialogue eyayise-University of Venda eThohoyandou, eLimpopo nyakenye. |
Waphinde waveza nokuthi uGordhan unamasheya ezinkampanini zabacindezeli futhi indodakazi yakhe yathola uR80 million ngokusebenzisana nohulumeni. |
Waphinde waveza nokuthi uGordhan unamasheya ezinkampanini zabacindezeli futhi indodakazi yakhe yathola uR8 million ngokusebenzisana nohulumeni. |
Waphoqeleka nokuthi agunde ikhanda ukuze onesi bakwazi ukumbhandisha amanxeba. |
Waphoqeleka ukuthi acabange okunye angakwenza ngoba amahhovisi amaningi abengasebenzi, ngakho engenawo amakhasimende abengathenga ukudla. |
“Waphuma ekhaya eYellowood Park engashongo lutho, akazange asho ukuthi uyaphi. Sike sithole izingcingo ukuthi ubonakala eMlaza noma kwezinye izindawo. Sigijime siye khona singamfici. Asazi ngempela ukuthi kwenzekani,” kusho uNksz Phungula. |
Waphuma ngewindi lesitolo, wabaleka waya kubo. |
“Waphuma selishonile ilanga kade eququdwa ngamakhaza emabhentshini ngaphandle kwesiteshi wathathwa ngumuntu owayezidlulela wamyisa esibhedlela, washona esanda kufika khona.” |
Waphuthunyiswa esibhedlela eMshiyeni ukuze ayokwelashwa, ngeshwa wahlonzwa njengoseshonile ngesikhathi efika. |
Waqala isibhakela esikhokhelayo ngo-1994, uthe usegcine esithathile isinqumo sokuyeka isibhakela emuva kweminyaka engabaza. Ugxekiwe yiningi ngo-2016 ecishe efela eringini emuva kokushaywa kanzima ngu-Emmanuel Tagoe waseGhana empini yebhande le-International Boxing Organisation (IBO) eKumasi, eGhana. |
Waqala ngo-2014 ukuvula isikole efundisa uCode 8 kuphela. Uthe abantu bebefuna kakhulu ukwenza uCode 10. Kuthe esethole itoho lokuphakela izikole, wasebenzisa imali yakhona ukuthenga iloli likaCode 10, athe usalikhokhela. UNkk Mbhele uyazibambela mathupha ekufundiseni womabili amakhodi. Uthe umphakathi uyakujabulela ukufundiswa nguye yize abanye besilisa “bebemfikisa”. |
Waqala ngo-2015 enza iFill Up The Dome wagcwalisa iTicketpro Dome emumatha abantu abangu-20 000. Ngo-2016 udlulele e-Orlando Stadium enza umcimbi iFill Up Orlando Stadium, nyanyeke waya eFNB Stadium njengoba eseza eThekwini nje. |
Waqala ngo-2016 ukweluleka ngokomqondo. Nakhona waqala ngoba esenezinkinga emsebenzini ngenxa yesimo sakhe. Uthi bekumele asebenze kanzima ukwedlula abanye ukuze akhombise ukuthi naye ungumuntu. |
Waqala ngokulanda ipasi lomyeni wami emva komngcwabo, wazama nokungikhipha emzini wethu. |
Waqala ukubonakala kwezokumodela engenela uMiss South Africa (SA) nyakenye wagcine esale kwiTop 5. Ukutshela abantu bangaphandle ngesimo sakhe ukuqale emajajini alo mncintiswano. |
Waqala ukudlala kwiStars of Africa Academy kuleli, wajoyina iqembu laseSweden iGAIS eseneminyaka engu-18, ngaphambi kokusayina inkontileka neSC Braga yasePortugal ngo-2017. |
Waqala ukufundela ukuba ngumpheki (chef) kodwa akuphelanga isikhathi eside, olwesibili unyawo lwaqala lwabuhlungu. |
Waqala ukugijima kweZimnyama ngo-2006, usedlale imidlalo engaphezu kuka-350 futhi ungukaputeni kusukela ngo-2017. |
Waqala ukugqama emkhakheni wokwethulwa kwezinhlelo zeTV ngesikhathi emenyezelwa njengomethuli wokuqala weBET Breaks Africa ngo-2018. Useke wamela i-Afrika emicimbini eminingi yeBET emhlabeni jikelele okubalwa kuyo amaBET Awards, BET Soul Train nakumaBET Hip Hop Awards. Kule micimbi uthole ithuba lokukhuluma nosaziwayo bamazwe ngamazwe abanjengo-Erykah Badu, Common no-Angela Basset. |
Waqala ukuhamba icala ngoJulayi 30 2018. Icala belilokhu lisenkantolo. |
Waqala ukulingisa emidlalweni yasesiteji nakumafilimu amancane. Ngo-1987, wabonakala okokuqala kuthelevishini elingisa indawo kaCijimpi emdlalweni othi Kwakhala Nyonini. Ngemuva kwalokho wabonakala kuBambo Lwami, Yizo Yizo, Ashes to Ashes, Gold Diggers, Isibaya, Heist neminye. |
Waqala ukumodela esikoleni ngaphambi kokudlulela eGoli emuva kokuphothula * -matric. |
Waqala ukungena kulo mkhakha wokulingisa ngo1974 futhi ubeseneminyaka ekuma60s. |
“Waqala ukungikhumbuza kusanda kuvalwa izikole ukuthi angimthengele umfaniswano, ngaziba ngoba ngifuna kuphele isiphithiphi sikaKhisimusi. Ngijabule kakhulu ngoba uwutholile usayizi wakhe. Ngiyazi uma sesifike ekhaya uzolokhu efuna ukuwulinganisa futhi,” esho ehleka. |
Waqala ukusebenza eKhuthele Projects lapho ayeqeqeshelwa khona umsebenzi. IKhuthele Projects ingaphansi kweBKS Consulting Engineers. Ngo-2001 wasebenza eMornitor Group njengeManagement Consultant lapho ebeqinisekisa khona ukuthuthukisa amabhizinisi ngolwazi lwezimakethe nokuthola uxhaso. Wasebenza naseCompetition Commission. Waphinda waqashwa ukuba ngumeluleki kwa-Icasa okuyinhlangano ekhipha amalayisensi emisakazo. |
Waqala ukusebenza noDavid Masondo ngo-1976. Amanye amalungu angasekho emhlabeni uTuza Mthethwa owashona ngo-1979, Zenzele Mchunu ngo-1984, noDavid Masondo ngo-2015. |
Waqala ukuyiphakamisa neMamelodi Sundowns ngo-2016, nyakenye wayinqoba nawo amaRed Devils. |
Waqala umsebenzi wakhe wobuntatheli ephephandabeni iSunday Times ngonyaka ka-1999 nePrimedia kanye neM-Net njengentatheli yebhola. Waqala ukuduma kakhulu ngesikhathi esengene kwaSABC njengomhlaziyi webhola ngo-2001. |
Waqala wabhekana necala lodlame lomndeni ngoba kwakusolwa ukuthi washaya umyeni wakhe. Ukunqoba kwakhe kokuqala kwenzeka ngoFebhuwari eNkantolo eNkulu yasePretoria, iGauteng High emuva kokuphumelela ukwenza inkantolo ifinyelele esinqumweni sokuthi ukuboshwa kwakhe ngoKlebe kwakungekho emthethweni. Inkantolo yathola ukuthi ukuboshwa kwakhe ngoKlebe ngoJulayi 2020 kwakuwukuxhashazwa kwamandla ngumyeni wakhe ngenhloso yokumsabisa. |
“Waqala waboleka uR60 000, wabe eseyehlisa kwaba uR30 000. Umfana engimaziyo engangimfudisa esikoleni eMqhawe. |
“Waqala wagqekezelwa abaphangi bashaqa yonke imali yakhe. Ngobusuku abulawe ngabo, lalina izulu abaphangi bamshaya baze bamnqamula ithambo elixhume ikhanda nomgogodla,” kusho uShezi. |
“Waqala wangazibamba izingcingo. Uma simthola kuWhatsApp adelele. |
“Waqala wangisabisa ngo-Agasti 16 nangakusasa waphinde wangisabisa. Yingakho ngibone kufanele ngiyombika emaphoyiseni nokuyobhaca ngoba useyingozi kumina. Angisakwazi ukuyodayisa amaCD ami eWorkshop.” Eziphendulela uBahubhe uthe yena ubezidlulela nje eWorkshop njengoba ehlale enandisa khona. |
Waqamba lelo khasi ngeLadies House okumanje inamalungu angu-384,526. |
“Waqeda umatric ngo-2013 walokhu ezama umsebenzi engawutholi. Ubengakwazi nokufaka isicelo sokuyofunda enyuvesi ngoba ubechithwa kuthiwa unamaphuzu amancane. Wanquma ukuthi abuyele esikoleni ngonyaka odlule, wathola isikole eNkandla,” kuchaza uyisekazi. |
Waqedwa ukwakhiwa ngo-2002. Ubalwa njengomdwebo ohamba phambili uma uqhathaniswa neminye esike yaba khona ngendlela owenziwe ngayo. |
“Waqeqeshwa eSchool of Excellence ngaphambi kokumthola thina. Lesi sikole sinomlando omuhle ekuthuthukiseni abadlali. Ngicabanga ukuthi uPhakamani ungomunye walaba ababamba muva kunabanye. Konke akwenzayo kusuka ekhanda, hhayi ukuthi usuke ekuhlelile. Wenza akucabanga ngaleso sikhathi. Indlela adlala ngayo.” |
Waqeqeshwa wagcina esethola imisebenzi ezindaweni ezahlukene. Ngokuhamba kwesikhathi uthole umsebenzi ePick * Pay waba yiProduct Specialist In Coffee. |
Waqhuba wasola uBeyoncé ngokuba ngumthakathi onamandla ayisimanga nawathola ngokubulala umangobe wakhe. Wadalula nokuthi uBeyoncé ubecuphe iselula yakhe elalela zonke izindaba zakhe aphinde alawule nezezimali zakhe. |
Waqhuba wathi : “Uma le nqwaba yamaphepha iphazamisa ukuzimela kwezinqumo zami, umsebenzi wami wokuthi ngibeke amacala noma cha uzoba nzima.” |
Waqhubeka nalokhu engaphakathi ejele, washintsha eminyakeni emibili yokugcina ayihlale khona. |
Waqhubeka nokusebenzela leli qembu enza imsebenzi eminingi eyahlukene iminyaka ilandelana kwaze kube uqokelwa esikhundleni sasephalamende. |
Waqhubeka wabhala wathi yena akahambe efuna imicimbi kodwa uyanikezwa. |
Waqhubeka wambuza ukuthi kungani athatha ubufakazi begazi endaweni eyodwa, wathi abaseshi abathi akathathe lapho athatha khona ngoba ilapho kwakumi ngakhona umsolwa ngesikhathi edubula izisulu. |
“Waqhubeka wathi laba bantu bamphoqa nokuthi aye ocansini nabantu besifazane useze waba nesifo socansi. Ngabona ukuthi le ndaba inkulu ngabiza uzakwethu ukuthi azongilalelisa, ngamazisa ngamalungelo akhe okuthi angathula angasho lutho kodwa wavula ubhaka wakhipha isandla wasibeka phezu kwetafula wathi nazi ezinye izicubu. Sathuka sacabanga ukuthi mhlawumbe esikanodoli, ngoba sasibukeka njengerabha. Sisathukile, wafaka isandla kuwo ubhaka wakhipha iteku elibomvu elinukayo. Kulo kwakukhona unyawo lomuntu olwase lubolile, lunezimpethu, “ |
Waqokelwa esikhundleni sokuba yinhloko yoMnyango wezeMfundo ngo-2016. |
Waqokelwa kwesikamgcinimafa we-ANC ngo-1997 engqungqutheleni yaseMafikeng lapho owayengumengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki aqokelwa kwesikamengameli we-ANC. Waba ngumgcinimafa kwaze kwaba ngu-2007. |
Waqokelwa kwesokuba umehluleli omkhulu ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngo-2011, emva kweminyaka emithathu ejoyine iNkantolo yoMthethosisekelo. |
Waqokelwa ukuzophenya ngokukhwabanisa, inkohlakalo, ukusetshenziswa kukahulumeni nezinkampani zikahulumeni. |
Waqokwa iSilo esisanda kubuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ukuba aphathe lesi sikhundla. |
“Waqokwa ukuthi engamele ipulazi kodwa selokhu aqokwa asikaze simbone, uhlala eMgungundlovu unikeza imiyalelo ngocingo. Sesizame izikhathi eziningi ukumbizela emhlanganweni ukuze achaze ngezinqumo zakhe kodwa kunalokho ugcine engasabambi nocingo,” kusho ilungu. |
Waqokwa waba yiPhini lomphathi ophikweni lwezifundo zomthetho nezokuphatha ngo-2017. |
Waqopha umlando eba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuthola iziqu ze-PhD kwi-Mathematics ngo-2002. Uyiphini-likaShansela elimnyama lesithathu ukuphatha i-UCT, owokuqala kwaba nguDkt Mamphela Ramphele owalandelwa nguSolwazi Njabulo Ndebele. |
Waqopha umlando eba ngundunankulu wokuqala wesifazane eNorth West. |
Waqopha umlando ngokuba ngumengameli walolu phiko amahlandla amathathu elandelana. |
“Wasayina iminyaka emithathu. Ukuze iqembu linqobe izicoco uyadinga ukugcina umqeeqshi nabadlali okungenani amasizini amathathu. Uma ubheka iSundowns, ngemuva kokusebenzisa izindodla zemali kubathathe iminyaka cishe eyisishiyagalolunye ukuqala banqobe izicoco. Indaba yokushintshashintsha nokuxosha iyabulala. Ungalanda omunye umqeqeshi afike akutshele ukuthi akamfuni * -Emiliano uncamela * -Eleazar Rodgers. Kufanele sizame ukusibiyela isikwati sethu,” kusho uSokhela. |
Wasayina inkontileka yeminyaka emine enombandela wokuyilula ngonyaka owodwa. Inkontileka yakhe neSundowns izophela ngoJuni. UCoeztee ungomunye wabadlali abaqopha umlando kuleli ngokudlalela iBafana Bafana eneminyaka engu-17 ngo-2014, ngaphansi kwesandla sika-Ephraim “Shakes” Mashaba owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi. |
“Wasayina ngoJanuwari inkontileka yesibambiso. Kona-ke kunezinto ezingacaci enkontilekeni yakhe, okusamele kuxoxwe ngazo. Nokho yena uya kwiPirates uma sekulungiswe yonke into ngendlela,” kusho umthombo. |
Wasayinwa yiKaizer Chiefs ngesizini ka-1997/1998, wadlala naseqenjini lesizwe lika-Under 20 (Amajita) eladlala kwi-Under 20 Fifa World Cup ngo-1997. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.