input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
“Wabatshela ukuthi bamthembisa izulu nomhlaba, okuhambisana nomholo omkhulu uma kuqhathaniswa nawuthola kuZalo. Wayezitshela ukuthi bazomvimba angahambi futhi bamnike umholo ongaphezu kwalo ayewuthenjiswa kodwa kwangenzeka lokho,” kusho umthombo. |
Waba yinhloko yeWits School of Literature and Language Studies kanti nguyena owasungula uphiko iMedia Studies kule nyuvesi. |
Waba yiPhini likaMengameli kusuka ngo-1999 kwaze kwaba u-2005 axoshwa ngawo owayengumengameli uMnuz Thabo Mbeki, emuva kokuba owayengumeluleki wezimali kaZuma uMnuz Schabir Shaik, waboshelwa ukuthola intshontsho. |
Wabe eseba ngumengameli ngo2009. IJaji, Hilary Squires, wagweba uShaik amahlandla amabili iminyaka engu15 ngenkohlakalo nehlandla elilodwa iminyaka emithathu ngobuqola. |
Wabe esebhala kuFacebook ukuthi ukuze kufezekiswe lokhu kuzofanele baqale ngokukhipha labo asebebadala ehhovisi lentsha kuMasipala waseMngeni. |
Wabe esedlulela ohlelweni iKnock Knock, kwathi ngo-2004 walingisa kuMtunzini.com, The Lab nakwifilimu iGugu no-Andile. Umlando wakhe kwezokulingisa umfake kwiZone 14; Intersexions; Mad Dogs 111 nakwiZabalaza lapho ebedlala indawo kaMpilo. |
Wabe esefakwa ohlelweni olubizwa ngePre-1994 Rehabilitation and Refurbishment Programme nabanye abawu-842 baseLamontville. |
Wabe esehlonishwa yiBrand SA ngokuhlonipha uMandela ngenkondlo kaMaya Angelou e-USA. |
Wabe esema umufi wabagibelisa, kwakukhona amadoda amabili noyedwa wesifazane. |
Wabe esenxusa lawo angaphumelelanga ezicelweni zawo ukuba athumele incwadi nge-email ecacisayo ku- |
Wabe esephuthunyiswa esibhedlela okuyilapho okuqinisekiswe khona ukuthi useshonile. |
Wabe esesula emva kokuba ubudlelwano bakhe nobuholi be-DA baba muncu. |
‘WABE esethi uJehova: ngoba niholile, hambani niyothenga amathikithi ukuze nibe neValentine’s weekend emnandi. Asibonane eThekwini ngomhla ka-16 Febhuwari.” Usho kanje usomahlaya waseThekwini kodwa osedume nasemazweni angaphandle uThenjiwe Moseley ngendumezulu yomcimbi azobe ehlekisa kuyo i-ECR Kings & Queens of Comedy e-ICC eThekwini ngoFebhuwari 16 kusuka ngo-8 ebusuku. |
Wabe esethumela ithimba labameli kwathi ngomhla ka 23 ngoDisemba 2014 kwafika ithimba lakwaCogta laba nomhlangano nathi laphinde laba nomunye eceleni neqeqebana lenkosi basitshela izinto ezehlukene. Kwasikhalisa kakhulu lokho. |
“Wabe eseya kothwasa emva kokudla amagobongo. Ngelanga lesigameko nami ngangikhona ngimphelezela ngiyomela umndeni wethu. Ingqondo ungathi iyama uma ngicabanga ngokwenzekile,” kusho uNksz Mbili. |
Wabe eseyalela uZolile ukuthi akeze kuyena azomqabula okukugcina, ngesikhathi esondela kwaba nesiphithiphithi endlini, wamdubula. Ngenkathi eselele phansi umufi, kuthiwa uMzolo wamphakamisa ikhanda, waphinda wamdubula wamshiya elele ebheke phansi ngobuso egazini. |
Wabe esezibambela mathupha emisebenzini yasekhaya, elawula nezithebe kunjeya, ekhombisa ngokusobala ukuthi akayona indoda ethumelayo. |
Wabeka isandla sakhe ehlombe lami wahleka. Angihleki mina. |
Wabeka kanje esaphila emva kokuhlonishwa ngalezi ziqu: “Ngiyazigqaja ngenyuvesi yami ngokuhlonipha indoda eyakha izikhali zokulwa nodlame.” |
Wabekwa amacala emva kokuthi umyeni wakhe, iNkosi Thandisizwe Diko (ongasekho emhlabeni), ahlabana ngethenda ka-R125 million yokuhlinzeka ngezinto zokuzivikela kwiCovid-19 eMnyangweni wezeMpilo eGauteng. |
Wabhala ekhasini lakhe lika-twitter ukuthi “angisiye umdlali wokuvala izikhala”. Lokhu kwamcasula owayengumqeqeshi u-Ephraim “Shakes” Mashaba kwagcina kubizwa uThamsanqa Gabuza. |
Wabhalela noMr Music owaduma kuma-Idols ingoma ethi Ngikhethe Kahle. Ithalente lakhe laphinde labonakala engomeni ayibhalela uNomcebo Zikode ethi Siyafana, ekaKarabo naye owaduma kuma Idols ethi Ngifuna lo, ethi Thandiwe kaMusa, ekaZandie Khumalo ethi Ngiyakuthanda, Amapleya kaZahara, ekaNaima Kay noRobbie Malinga ethi Sokwenzenjani nezinye zabaculi abaningi abadla ngazo ubhedu. |
Wabika ukuthi inyanga yeza kuyena ePort Sheptone ukuyogeza umuzi amabhadi. Isiqedile ukugeza umuzi yatshela umndeni ukuthi kufanele ahambe nalo wesifazane baye eThekwini ukuze amgeze amabhadi umndeni wavuma. Eseqede ukugeza umgilwa wahamba naye wamyisa emzini wakhe lapho afike amnika khona umuthi ukuthi aphuze. Umsolwa waquleka wavuka wazizwa ukuthi udlwenguliwe, kusho yena. |
Wabikwa owesifazane kwabezomthetho njengomuntu owayezogqekeza kwakhe. Amaphoyisa azithethelela ngokuthi ubewalwisa futhi enodlame kuwona. Izikhulumi ebezishintshana kule nkonzo zithe uMyeni wabulawa ngoba engumuntu omnyama. |
“Wabiza ngasese umsolwa uJaychand Seerpath (51) obhekene necala lokushayela edle amponjwana. Wathi kuye uma engamnika uR4000, bese eletha uR2000 ozoya kumshushisi icala linganyamala,” kusho Ucaptain Mhlongo |
Wabiza othisha wabatshela ngalesi sicelo, bavumelana ukuthi angabuya yize umthetho ungavumi ukuthi umuntu omdala kanje abuyele ezofunda nezingane. |
Wabizelwa amaphoyisa ekuseni ngo-8:30 afike ambophela emagcekni esikole phambi kwabafundi nothisha. |
wabonakala emidlalweni yethelevishini okukhona kuyo iThe River, uSphamandla Dhludhlu nomculi osafufusa uQueen Lolly nozakwabo ebholeni uNtsikelelo Nyauza ongaboshwanga njengoba ubeyiphethe imvume yokuhamba. |
“Wabona uthando enganginalo ngebhola, wazithweza ijoka lokungithengela iqembu okwakuyiSivusta Football Club ngemali yakhe enephupho lokuthi akhulise into engiyithandayo. Wangena wagamanxa kwezikanobhutshuzwayo kuleli. |
“Waboshiswa wukuthi waya esiteshini samaphoyisa kade ebe nengozi yemoto, kwaba ukuboshwa kwakhe. UTaibu weba imali yabantu engakaze itholwe kuze kube manje,” kusho uShange. |
Waboshwa efunda uGrade 11 eGlenhaven Secondary, eVerulam ngenkathi ehlala eWaterloo ngo-2017. |
Waboshwa emuva kwezinsuku eziwu-13 kwenzeke isehlo ebalekele eGoli eflethini alikhokhela irenti kaR40 000 ngenyanga. |
Waboshwa engazelele kungoLwesine waze waphuma ntambama. |
Waboshwa eseNyuvesi iWits eGoli wase elethwa eThekwini. |
Waboshwa kanye nowayeyimeya yalo masipala, uNkk Zandile Gumede kanye nabanye. |
Waboshwa kuleli jele sekuphele iminyaka emine uTimol owayeboshwe kulona owavele washona ngendlela engaqondakali. Abaphathi bejele babelokhu bethi waziphonsa phansi esuka esitezi seshumi. Uhulumeni wobandlululo yize wawugxekwa ngalokhu kodwa kusolwa ukuthi uTimol wabulawa. |
Waboshwa nekhansela le-IFP uMnuz Mthembeni Majola owaphangalala ngo-Agasti wonyaka odlule ehlaselwa wumuntu thizeni ngaseMtshezi. Uphenyo ngokubulawa kwakhe lwaholela ekuboshweni komlisa osolwa ngokuba wugalagala lwenkabi. |
Waboshwa nengane encane babhadla esitokisini saseNquthu, emakhazeni kusebusika izinsuku eziyisishiyagalombili, endaweni exhaxhaza amanzi. Uma bephuma lapho ingane yangeniswa esibhedlela igula kabi. Konke lokhu sifuna kuphenywe, kuhlale obala. Sifake amaphepha enkantolo sifuna isinxephezelo sikaR2 million,’’ kuchaza uMadike.
Waboshwa ngamaphoyisa angaphansi koPhiko loKlebe ngoJulayi ngezinsolo zokulimaza imoto yohlobo lweMercedes-Benz G-Wagon, olubiza imali ebalelwa kuR3 million.
Waboshwa ngo-2017 kulandela ukuvulwa kwenqwaba yamacala imindeni yabafana ikhala ngokuthi izingane uzidlwengulile.
Waboshwa ngoFebhuwari nonyaka eNew Germany ngemuva kokudlwengula omunye wesifazane oneminyaka elinganiselwa ku-25 kuwo lo mgwaqo.
“Waboshwa ngoJuni nyakenye emuva kokuvela kwezinsolo emishinini eholela impesheni yakwaSassa. Ngesikhathi siqhubeka nophenyo kwavela ukuthi imininingwane eyahlinzekwa iSassa kwakuyinto engekho eyayeyinziwe ngenhloso yokukhwabanisa,” kusho iSassa.
Waboshwa ngoKlebe ngoJulayi ngemva kwezinsolo zokuthi walimaza imoto iMercedes-Benz G-Wagon, ebiza ngaphezu kukaR3 million.
Waboshwa okwesibili esolwa ngokwephula imibandela yebheyil,i wase ecela ikhefu elikhethekile emuva kwalokho. Inkantolo iluhlehlisile udaba, yalukhomba kuFebruwari 23 kuya ku 24 bese kuphuma isinqumo ngoMashi 1.
Waboshwa wagwetshwa iminyaka ewu-30, isigwebo sabuye sehliswa, kwiminyaka engu-15, ngenxa yokuziphatha kahle kwakhe.
“Waboshwa wamataniswa nelinye icala lokuzama ukubulala elalibikwe ngo-2017, eGlebelands nelokubulawa kukaMsomi. Uphinde wamataniswa necala lokubulala elenzeka ngo-2014 KwaDabeka nelase lihoxisiwe ngenxa yokungatholakali kobufakazi. Leli cala lavulwa kabusha wabe esebekwa lona,” kusho uZwane.
Waboshwa wuphiko olulwa nobugebengu obucayi, oKlebe, ngo-2018. Lokhu kulandele ukuvela izikhawu eziningi enkantolo. Ube esegwetshwa iminyaka emihlanu.
“Wabuya esefuna sixoxisane,” kuqhuba uMalema. Uthe ukudliwa komhlaba kuleli ngeke kuhambisane nodlame njengoba kwenzeka eZimbabwe.
Wabuya kuyinyanga yamadoda kwavela ukuthi uzozwakala ngayo kuphela kodwa wahlala kwaze kwaphela unyaka. Kuthe unyaka usuqala waqhubeka kwaze kwaba sekupheleni kukaFebhuwari.
“Wabuya wangena emjondolo wakhe kwathi ntambama izingane seziphaka isidlo sakusihlwa zamemeza ukuthi azodla kodwa wangasabela. Zazitshela ukuthi ulele ngenxa yokukhathala emuva kokuya eBridge City. Kuthe uma zivuka ekuseni zathola ukudla kwakhe kusekhona lapho kubekwa khona. Zaya kombheka emjondolo zathola ukuthi akekho. Zihambile zayombheka nase-tuckshop ajwayele ukuhlala kuyo kodwa kwathiwa akakaze afike,” kuchaza uNkk Mzila.
Wabuya wangitshela ukuthi ubulele uSne washiya isidumbu sakhe eduze kwebhulohwe. Ngangingakholwa ngoba wayengakhombisi ukuzisola," kusho yena. |
“Wabuya wavimba amabhola amabi esebhekene nomdlali. Kukubaqoki ukuthi bambheke babone ukuthi iyiphi indlela abafisa ukudlala ngayo nokuthi bayamdinga yini uSiya. Sonke singakujabulela lokho kodwa akulungile ukuthi ngithi mina ngihleli lapha ngikhombe ukuthi ngubani ofanelwe wukuba seqenjini lesizwe.” |
Wabuyela kule ndawo ngo-2017 lom ndeni sewakhelwe umuzi omusha, njengoba uthi zaqhubeka izinkinga ezaziwubalekisile. |
Wabuye wadlulela eNkantolo yoMthethosisekelo kodwa isicelo sakhe sachithwa. Emuva kokudonsa iminyaka emibili nezinyanga ezine emuva kokuya ejele, ngoMashi 2009, uShaik wakhululwa ngoshwele omayelana nempilo ngenxa yokuthi kwathiwa wayesegulela ukufa. |
“Wabuye wagqekeza kule ndlu engase ngihlala ngedwa kuyo nendodana yakhe engayifica emzini. |
“Wabuye wangikhombisa ne-video yomaskandi begcwalise iMoses Mabhida Stadium, ngachazeka kakhulu. |
Wabuye waphoqwa ukuthi akhokhe izindleko zendawo yokulala, Indaba Guest House, akhokhele noNksz Mathonsi nengane yakubo. |
Wabuye wapikwa engomeni ka-AKA ethi Baddest, ekaMo’Molemi ethi Asia, ekaKhuli Chana ethi Lost in Time nekaLection ethi Gentlemen’s Club. |
Wabuye waqokwa njengePhini likaMengameli weTrading Supply & Logistics iminyaka eyisithupha. Washiya esekulesi sikhundla ngo-2017. |
Wabuye wasebenza efemini yezicathulo okuthe uma ivalwa wafuna okuzomngenisela imali. |
Wabuye wasebenza noZwangabantu Hadebe, Sgwebo Sentambo nomculi wokholo, uLindani Gumede. |
Wabuye wathatha izintambo zokuba nguSotswebhu walo mbutho ngaphambi kokuthi aqokwe njengoNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli emuva kokhetho lwango-2019. |
Wabuye wathola umfundaze wenza iBsc Honours esegxile kwi-Artmospheric Science e-University of Pretoria. Yilapho agxila khona emkhakheni wesimo sezulu ohlanganisa ukwethulwa kwaso kwithelevishini nakwi-website, abuye axwayise abezindiza nemikhumbi ngaso. Waqala ukusebenza kwaSouth African Weather Service ngo-2002 esebenzela ePort Elizabeth Airport eluleka abezindiza namachweba. Okumenze wathanda lo mkhakha ukuthi wayefuna noma yini ezomhlanganisa nesayensi. Uthe ukukhulela emakhaya kumsizile ngokuthi achaze ngesimo sezulu ngendlela eqondwa ngabantu. Ulinganise ngenyoni inkonjane emakhaya okwaziwa ukuthi iletha imvula kanti isuke ikhishwa ukubona ukushintsha kwesimo sezulu. UMkhushulwa waganwa ngo-2012 wabusiswa ngamantombazane amane. Uthe sincane isikhathi sokuphumula ngoba ngisho engasebenzi uthola izingcingo kumele achaze ngesimo sezulu. Ngaphandle kokubonakala kwithelevishini, uyezwakala nasemisakazweni ehlukene ye-SABC neyomphakathi. Ukhonze ukulalela umculo kamaskandi nowokholo. Akathandi ukuya e-cinema kodwa uyaphoqeleka uma ehamba nomndeni. |
Wabuye waxolisa uShandu, wathi wayengaqondile ukuphehla udlame. |
Wabuye waxwayisa ukuthi u20% walaba asebehaqekile uzodinga ukulaliswa emagumbini abagula kakhulu. |
Wabuye wenza iHonours kwiSociology athe iyefana ne-Anthropology. Waphinde wenza iHonours kwiPolicy and Development Studies walandela ngeMasters. |
Wabuye wenza isingili ethi Uzokuphendula ngo-2016. Ubuye wasungula i-International Gospel Festival ngonyaka odlule, ayenzela eCape Town ahlanganise bonke abaculi. |
Wabuye wenza i-video eqinisekisa abantu ukuthi uphilile, enzela ukwehlisa amaphaphu kwababethukile ukuthi ungenwe yilesi sifo. |
Wabuyiselwa kulesi sikhundla ngo-2016 ngesikhathi i-ANC iphinda inqoba ukhetho kulo masipala. UZulu ubengummeli kanti waqala ukuba yikhansela kulo masipala ngo-2008, ngesikhathi usaphethwe yi-IFP. |
Wacela nokuthi kwenziwe ulibofuzo ukuqinisekisa lokhu akushoyo. |
Wacela ukunikezwa izinombolo zothi uhlukunyeziwe, wathembisa ukulusukumela yena udaba lwakhe, nangempela waluthola usizo. |
Wacela ukuthi uma kunezinto engahambisani nazo ingabi nodlame. |
Wadabuka eMakhabeleni eKranskop, waqala ukuqopha nge-albhamu eyayithi Kwamam’ nengalo ngo-2006, walandelisa ngethi Inkunz’ Emavava, Amagam’ Empi kodwa wagcina ngethi Incwad’ Engafundeki. |
Wadalula lolu lwazi ngaphambi kwenkulumo kaRamaphosa eyayizoba sebusuku. |
Wadalwa wukuthi inkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, yamemezela uNyazilwezulu njengomholi wamaNazaretha ngosuku lokutshalwa koThingolwenkosazana. |
“Wadedelwa esibhedlela wanikezwa isifutho nezinye izinto zesifuba somoya. |
Wadlala ngesikhathi iChiefs ibhekene neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8. Ngemuva kwalokho uphinde wayibamba ezintini Amakhosi ebambana neBloemfontein Celtic ngo 1-1 emdlalweni weligi. |
Wadonsa isigwebo sakhe kubo eThekwini. Nyakenye ngoDisemba uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa wagunyaza ukudedelwa kweziboshwa ezingu14 500 ngoshwele ngoSuku lokuThelelana amanzi. |
Wadonsa isihlalo wahlala phansi, wahosha isibhamu esikhwameni afika esiphethe, wasibeka ethangeni lakwesokudla. |
Wadonsa kuleli jele iminyaka engu-18 kanti udayiswe eNew York, eMelika ngoLwesine. |
Wadonseka umsipha wetsweba iKings idlala neRichards Bay ngo-Okthoba odlule. Usehlale izinyanga eziwu-11 elulama. |
“Wadubula ezama ukudubula intombi, kwadubuleka ingane engenacala. Waboshwa, wagwetshwa ngecala lokubulala. Ngaleso sikhathi wayengummeli. Igama lakhe lacishwa ohlwini lwabameli ngenxa yokugwetshwa kwakhe. Wabe esededelwa ngoshwele ejele njengoba esesolwa ngokubulala izingane zakhe ezine, nakhona ubesola unkosikazi wakhe ukuthi akathembekile. Enye yezingane uze wathi akuyona eyakhe,” kusho uMojafela. |
Wadubula wabulala uZolile owayeyisitshudeni eMangosuthu University of Technology (MUT) endaweni yokuhlala izitshudeni eLonesdale, ePhoyinti eThekwini, ngoMeyi 1, 2018. |
Wadubuleka ekhanda, washonela esibhedlela. Umngani wakhe wadubuleka onyaweni. |
Waduka kusukela ngoLwesithathu ntambama, kodwa kuze kwanakeka ukuthi udukile ngoLwesine. |
WADUMALA evaleleka ngaphandle emidlalweni emikhulu yethelevishini kungenasizathu umlingisi owayehamba phambili emidlalweni eminingi esadlala namanje. ULucia Mthiyane obuye ngezinkani ekulingiseni, utshele leli phephandaba ukuthi akakaze angakuthandi ukuba umlingisi noma athathe isinqumo sokuyeka kodwa wavele wabona abanikazi bemidlalo eminingi sebemvalela ngaphandle. Muva nje uLucia ubonakala emidlalweni ehlukene okubalwa iDiep City edlala indawo kaSoja esazoqhubeka nokubonakala kulo mdlalo. Ngaphandle kwawo uyabonakala nakokhonjiswa phakathi nezinsuku kuSABC1 Uzalo edlala indawo kadadewabo kaMaCele enguNkk Gwala owunina kaSambulo. |
Wadutshulwa eTembisa ngabalisa ababehamba ngeJeep emnyama, okwabuye kwatholakala ukuthi yayebiwe nayo. Waphumelela ukuziyisa esibhedlela lapho afike khona wahlinzwa kodwa wadlula emhlabeni ngosuku olulandelayo ngenxa yenxeba lenhlamvu elalisesiswini. |
Wadutshulwa ngoJulayi 2017 ese-Ibisi, eMzimkhulu kodwa washona ngoSepthemba kuwo lowo nyaka esesibhedlela Inkosi Albert Luthuli, eThekwini. |
“Wafaka i-lipstick kuye futhi wanikezwa amakhekhe netiye kanye nabanye abafana ababili, base bedlwengula indodana yami, kunomunye umfana wesine owayebukela. Wakhala futhi ebatshela ukuthi kubuhlungu. Kunesinye isigameko lapho umfana ongubhongoza edlwengula indodana yami eyedwa.” |
Wafaka isicelo sokukhokhelwa, wathola imali elinganiselwa kuR700 000. |
“Wafika edakiwe emshadweni efuna izinto. Angazi mina lo mama ukuthi ufunani ngoba akazange amkhulise uMampintsha. UMampintsha wakhuliswa ugogo wakhe, angazi kungani esengifaka kwipolitiki yakwakhe, bekungewona umsebenzi wami ukumazisa ngomshado. Ngibuhlungu ngalento (ayikhuluma kwivideo) futhi ngeke ngiyiyeke idlule. Ngifuna ukumkhombisa ukuthi ngingowaseLamonti, ngizombophisa,” kusho uBabes. |
WAFIKA eThekwini ezonakekela indodakazi eyashayiswa yimoto owesifazane osehlala nomndeni wakhe ehlathini eWestville, eThekwini. |
Wafika ibhizinisi selikhulile kodwa indlela uMunguembe ayeliphethe ngayo yayenza ukuthi lingakhuli ngendlela efanele. Wabona ithuba lokuthi alikhulise. Waqala ngokuvula ikhasi lalo ibhizinisi wamsiza ekutheni benze izinhlobo eziningi zamafasitela neminye imisebenzi yensimbi ukuze amakhasimende athole konke akufunayo. |
“Wafika nale ntombazane, Wazokipita nayo khona emzini wethu. |
“Wafika nomfowethu oyiphara lo muthi ethi iwayini. Wamdayisela endlini yakhe wathi udadewethu akanayo imali kodwa uzonikeza umngani ozokwazi mhlawumbe ukuyithenga bayiphuze. Udadewethu wacela ukuthi amzwise kuqala, waphuza kancane kwase kuqala inkinga. Wachaza naye ukuthi uphuzeni watshela nabangani. |
“Wafika (umsolwa) wakhipha ingane wakhiya umnyango. Ngenxa yokuthi amakamelo ethu ancikene, ngamuzwa uRebecca ethi akamyeke, kwangifikela ukuthi uyamshaya ngoba vele ubeyisidlova. Ngiqonde esicabheni sekamelo likaRebecca, ngamemeza uLungelo, ngimtshela ukuthi akangashayeli udadewethu ekhaya ngoba vele abasathandani, okuthe emva kwesikhashana ngezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amaningi,” kulandisa uThabisile. |
Wafika wanqoba imidlalo emithathu kwemine ngo-Ephreli (nyakenye) athatha ngawo ku-Ernst Middendorp, eqinisekisa ukuphepha ezembeni. |
Wafika wathakaselwa ngabantu ngesikhathi egibela esiteji ecula. |
“Wafike wangixosha emzini wakhe engawufica umahliphihliphi kodwa ngawakha kabusha, wathi yimina omthakathile. Wathi ngantshontsha ukhamba lwasemsamu, umlotha, isicephu ahlala kuso uma eshisa impepho nezikhindi zakhe zangaphansi. |
Wafike wazenza umsebenzi kahulumeni ozosiza unina wengane owayeneminyaka engu-16 ukuze athole umazisi nengane yenzelwe isitifiketi sokuzalwa bakwazi ukuthola imali yesibonelelo sikahulumeni. |
“Wafona wathi angiphumele ngaphandle ngimhlangabeze. Uma ngilunguza ngewindi lasendlini yokugezela, ngambona eme eceleni kwayo. Ngesikhathi engibona, wajikijela isigujana esincane esasinophethroli okwathi ngisamangele, wokhela ngomentshisi. Kwasiza ukuthi ngangisendlini yokugezela ngavulela amanzi ngokushesha ngisashe emlenzeni kuphela,” usho kanje. |
“Wafuna le mali etshela umndeni ukuthi khona ezoqinisekisa ukuthi idokodo kalivalwa. Watshela umndeni ukuthi lukhona unakekelo oluphezulu oluvela kuyena yize idokodo lase livaliwe,” kusho uNkk Kara. |
Wafunda eSilutshana Primary naseKucabangeni High, wabe esedlulela eNquthu High lapho aphothula khona ibanga leshumi. |
WAFUNDELA ukushayela ngoba engakwazanga ukuya esikoleni, owesifazane ongowokuqala ukuba nesikole sokufundisa abanye eMsinga. |
Wafundisa imiyaka emibili ngo-2016 wabuyela ematekisini. Uthe ngesikhathi ebuya wayesecabanga ukuthi usezothatha umhlalaphansi engafuni ukuhlala ekhaya. |
Wagcina ephume phambili emacaleni ayethweswe wona. Uke wasebenza kwezokuxhumana emkhandlwini owengamele amabandla iSA Council of Churches. Ngaphambi kwalokho, ngo-1988 kuya ku-1990, wayeyiphini likanobhala we-United Democratic Front (UDF) eGauteng. |
Wagcina eyokwenza izifundo zeDrama e-University of Cape Town. |
Wagcina ngethi It’s All About Love. Ngaphambi kwalokho wayekhiphe iNgiyavuma ngo-2014 eyayilama Umsebenzi ayikhipha ngo-2013. |
Wagcina ukubonwa kule ndawo lapho ayeshaywa khona ngesihluku. |
Wagcina ukudlala kwiligi ngoJanuwari, ezakhe zishaywa i-Orlando Pirates ngo-2-1. |
Wagcina ukudlala ngo-2008 emuva kokutholakala kwezidakamizwa egazini lakhe ngesikhathi edlalela iMaritzburg United. Amakhokho wawabeka emgibeni ngo-2011 emuva kokudlalela iCivics FC yaseNamibia. |
Wagcina ukunqoba le nkomishi neSuperSport esadlala. |
Wagcina ukuya ngoLwesine olwedlule wakhuluma nomphathi wabaseshi omtshele ukuthi umsolwa waphuma ngebheyili. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.