input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uzwakalise ukumangala ngokuthi kuze kube yimanje iloli alikakhishwa endlini. |
UZWAKALISE ukungayikhathaleli imiklomelo yomuntu ngayedwa ukaputeni weMamelodi Sundowns, uHlompho “Gonzalez” Kekana ohlulwe uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates kumaPSL Awards ka-2019 eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngeSonto ebusuku. |
Uzwakalise ukungenami ngokuthi kusetshenziswe cishe u-80% wesabelo sikahulumeni kukhokhelwa amaholo. |
Uzwakalise ukuphoxeka ngesibalo esiphansi sabantu abagomele igciwane KwaZulu-Natal. |
Uzwakalise ukushaqeka nokudabuka ngokushona komuntu wesifazane ophinde abe ngumsebenzi wezempilo. |
Uzwakalise ukuthi i-ANC ikhathazekile ngokubulawa kwabesifazane eMthwalume wacela umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kujeziswe abenza lokhu. |
Uzwakalise ukuthi lokhu akushoyo akakususeli emoyeni kepha uyazi ukuthi abathandi bombhoxo eNingizimu Afrika badinwe kanjani njengoba iqembu labo selishaywe kabili kulandelana lahlehla nasekuklelisweni emhlabeni lahlala endaweni yesikhombisa. |
“UZwakele ubephethe ithoshi okuthe uma * ... (embiza ngegama), elibona wavele wambuza ukuthi ulithathephi ngoba liphathwa amaphoyisa kuphela,” kusho uNcube. |
UZwakele (umufi) kuthiwa wadutshulwa wuGoge ngesikhathi behleli bonke kwenye yezindawo zokucima ukoma ebusuku ngoba efuna ithoshi ayeliphethe ngoba ethi liphathwa amaphoyisa kuphela. |
“Uzwa kulezi nsuku kuthiwa ayisekho indaba yamaqembu amakhulu namancane, indaba iqala lapho ekuvalweni kwemiqhudelwano enjenge-Wisa,” kusho uMangena, oseneminyaka ehlaziya ibhola kwaSABC Sport. |
UZWA kusuke umthwalo emahlombe umfundi waseDurban University of Technology (DUT) owenze ezibukwayo kulesi sikhungo semfundo ephakeme edabula odistinction abawu-21. |
UZwane (36) ubehamba ngeNissan NP 200 eqhamuka ngakwa-K ngesikhathi evelelwa yingozi. |
UZwane kuthiwa uyena omuzwa ngaphakathi kakhulu uNene kangangokuba ube nesandla ekutheni lisheshe lifike iphepha elikhulula lo mdlali eqenjini abelidlalela. Ubegijima kwiDynamos edlala kwiKZN ABC Motsepe League. |
UZwane ngomunye wabadlali abasohlwini lokuvundululwa yiJomo Cosmos ngaphansi kwehlo elibukhala lika-Ephraim “Jomo” Sono, bagcine bedlalele amaqembu amakhulu aseSoweto. |
UZwane noDillon Sheppard bazoqhubeka babengamaphini kaStuart Baxter, othatha amatomu kuGavin Hunt okhonjwe indlela ngenxa yokudonsa kanzima ekhaya yize ebesengene kuma-semifinal eChampions League. |
UZwane noMnuz Des van Rooyen ngabanye abebengongqongqoshe ngesikhathi sikaZuma, abasameseka namanje njengoba esahamba icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elithinta ukuthengwa kwezikhali. |
UZwane noVan Rooyen bebeseMgungundlovu isonto lonke ngeledlule njengoba bekulalelwe isicelo sikaZuma sokuthi achithwe unomphela amacala ngoba asedonse isikhathi eside. Inkantolo isigodlile isinqumo sayo. Kulindeleke ukuthi isikhiphe ezinyangeni ezimbili noma ezintathu kusukela manje, ngaphambi kokuthi kuqalwe ukuqulwa kwaleli cala ngo-Okthoba. |
UZwane obenza into yamehlo ohlangothini lwesinxele kwiSwallows waze wabonwa iFC Rostov yaseRussia ngo-2003, uthe iqembu lakhe elidala lishaywa ukuba nesikwati esincane. |
UZwane oke wayilungu lesigungu esiphezulu kuKhongolose esifundazweni, akayedwa kuleli cala kodwa kukhona namadoda amabili okuthiwa wayehamba nawo ngosuku lwesigameko. UMnuz Bongani Ngubeni (31) noMnuz Sibusiso Msibi (39) nabo basobishini ecaleni likaZwane. Kuthiwa udaba lwasuka ngokuthi uZwane acelwe wumqaphi wasesitolo ukuba ahlambe izandla ngesibulala magciwane kodwa wanqaba. Ukuhlamba izandla ngesibulala magciwane kuhambisana nemithetho ebekiwe yokunqanda igciwane iCorona elidla lubi. Kuthiwa uZwane waxabana nomqaphi balwa, waze wagqenywa ngomphini wepiki ekhanda wabe esekhipha isibhamu uZwane wadubula umqaphi wasesitolo, owaphuthunyiswa esibhedlela kukubi. Kuthiwa noZwane waya esibhedlela esiseduze wayoxilongwa ingozi agqenywa yona ekhanda. Konke lokhu kulandwa yisitatimende samaphoyisa, asalandela udaba kahle ukuze athole iqiniso lonke. |
UZwane, okhonjwa uPitso njengomdlali osethubeni lokumuka nesicoco somdlali ovelele ekupheleni kwesizini, ushaye igoli lakhe lesithathu kwi-Absa Premiership kule sizini, okumenza umdlali weDowns ohamba phambili ngamagoli kwiligi. U-Andile Jali oqale umdlalo okokuqala kwiligi eyibambe noHlompho Kekana esiswini, akaphoxanga njengoba ekhombise izinga elamyisa phesheya kwezilwandle eminyakeni edlule. |
UZwane, ongesinye sezethenjwa zomqeqeshi uPitso Mosimane, uzobanga umklomelo nokaputeni wakhe uHlompho “Keke” Kekana noThembinkosi “Nyoso” Lorch we-Orlando Pirates. |
UZwane ophelelwa yinkontileka neSundowns ngoJuni 30 ubebolekiswe kwi-Arrows ngesizini edlule njengoba esebonakala eziqeqesha neWits nje. Ngodaba lukaZwane, kungenzeka ayithole inkontileka ngoba kuyavela nokuthi uMere uzochithwa (uma engakachithwa). |
UZwane, oshaye igoli lokuqala kulo “mngcwabo”, ubeyiphela endlebeni kula bompetha base-Egypt. Nokho umsebenzi onzima ohlalele iSundowns owokuthi ingangenelwa amagoli angaphezu kwalawa ewashayile uma sebebhekene ne-A Ahly emlenzeni wesibili ose-Egyptian Army Stadium, e-Egypt, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Ozowina phakathi kweSundowns ne-Al Ahly uzodlala nozonqoba phakathi kweWydad Casablanca yaseMorocco neHoroya A.C yaseGuinea abadlale ngokulingana ngo 0-0 kowomlenze wokuqala wama-quarterfinal eGuinea. |
UZwane, owudlale wonke owokuqala bekhala ngaphansi ngo 1-0 kwi-Ivory Coast, ukholelwa ekutheni ukubheka emuva ngeke kusabasiza ngalutho ngoba umsebenzi ubamele kwiNamibia. Lo mdlali weMamelodi Sundowns ubona ithuba kwiNambia kodwa futhi uyakushumayela ukuthi ukuyithatha kancane kungasheshe kuyiqede indlela yeBafana kwi-Afcon. |
“UZwane ubambe elikhulu iqhaza njengoba kunenhlekelele kulesi sikhwama izitshudeni zingaxhasiwe. Sifuna kwenziwe uphenyo ngokuqashwa kwabangani nezihlobo okwenziwe nguZwane,” kusho uSaphetha. |
UZwane ube esetshela ummeli wakhe, uMnuz Sandile Thusi, ukuthi abezindaba bangazishicileli izithombe zakhe njengoba esabela impilo yakhe. |
UZwane ubekade engukaputeni weSundowns ngesikhathi idlala noSuthu Ondini ngempelasonto. Uke wahlushwa wukulimala okumenze wasala kwiBafana eshukana neSeychelles emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). |
UZwane ubengaphuma namagoli angaphezulu kwelilodwa kulo mdlalo kodwa kwangalunga njengoba elinye lawo lishaye ipali eseqedile ngonozinti weChippa uRashid Watenga. |
UZwane ubhekene namacala amathathu okubulala ngokungenhloso u-Luyanda Ngubane (13), uThina Ngiba (13) no Ayanda Mtshali (14) nelilodwa lokushayela budedengu. |
UZwane ubhoboke ngokungenami kwakhe ngemiphumela etholwa yileli qembu eliholwa uMuhsin Ertugral elinomqansa wokuguqula izinto ngeSuperSport United koweligi namuhla ngo-7.30 ebusuku e-Athlone Stadium. |
UZwane ubuye aqokwe emunxeni weMidfielder of the Season, Players’ Player of the Season. |
UZwane ubuye negoli lakhe lesibili esiwombeni sesibili ezakhe zahamba phambili ngo-3-1. UPeter Shulile osaqhubeka nokuqhulula amagoli njengoba ebenza kwiHighlands Park ngesizini edlule, nguyena oshaye elesibili. |
UZwane ucashunwe yiNews 24 ethi leli bhasi belisuka eChebe lihamba lithatha abagibeli emgwaqeni libheke eButterworth. Uthe okwamanje akwaziwa ukuthi idalwe yini ingozi, kodwa kuvela ukuthi umshayeli uhluleke ukulawula ibhasi endawni eyehlelayo. |
UZwane udedelwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi eMadadeni, emuva kokuhlala ezikhindini amasonto amabili. Okhulumela uphiko lwezokushushisa (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, ukuqinisekisile ukuthi uZwane udedelwe ngebheyili icala lahlehlela uJanuwari 29, 2021. Uthe isizathu kube wukuthi kusafanele amaphoyisa aqhubeke enze uphenyo olunzulu ngalolu daba. |
UZwane ufike emaphoyiseni eyovula icala amtshela ukuthi abathathe isisu sembuzi eyodwa basigcine esiqandisini ukuze kwenziwe ngaso uphenyo kodwa awamnikanga inombolo yecala. |
UZwane ufike kathathu kulo muzi izolo ehamba nabezinhlekelele nabophiko lwezokuhlaliswa kwabantu kuMasipala weTheku. |
“UZwane ujabule ngendlela eyisimanga kwiSundowns futhi usazoba wusizo olukhulu empumelelweni yayo. Ngeke ngikuvume ukuthi azehlise izinga lakhe ngokujoyina amaqembu akula mazwe anamaligi ezinga eliphansi ngoba nakhu kuthiwa awase-Europe. Ufanelwe okungcono kakhulu, uwumdlali wezinga eliphezulu. Ngaphandle kwalokhu useshaywa iminyaka. Mhlawumbe ukube una-22 besizozamukela izicelo zala mazwe,” kubeka uMahlakgane. |
UZwane uke waba sesigungwini esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal waphatha nesikhundla sikaSihlalo we-ANC eMalahleni. |
UZwane uke wahlala esitokisini emuva kokuthi kucime ugesi ngosuku okwakufanele afake ngalo isicelo sebheyili, kwaphoqeleka ukuthi luhlehle udaba. UZwane akaqali ukuxhakathiswa abakwaSidlodlo, kuthiwa uhamba elinye icala elithinta isibhamu. Kuthiwa wangena nezivalo emahhovisi e-ANC eSeme House eThekwini, wakhomba ngesibhamu uMnuz Sipho Hlomuka oyiPhini likaNobhala esifundazweni. |
UZwane ukhishwa ngebheyili nje izolo bekunenkonzo yesikhumbuzo salaba bafundi esikoleni iNewlands East Secondary. |
UZwane ukufakazele lokhu wathi: "Ngokujwayelekile, amaqembu afana ne-Al Ahly awavali emuva uma edlala ekuhambeni, afuna ukushaya amagoli nawo. Ngakho besazi ukuthi bazovula. Inhloso yethu bekuwubeka ibhola phansi, sidlale amaphasi amafishane ukuze sizobavula. Siyazi ukuthi bade yikho besingawagobi amabhola ezinhlangothini, sakha amathuba amaningi okushaya amagoli. Ngiyajabula ukuthi sikwazile ukushaya amagoli ayisihlanu,” kusho uZwane. |
UZwane ulime indima enkulu ekutheni ezakhe ziwine izicoco ezintathu ngesizini edlule, isicoco seligi, Telkom Knockout neNedbank Cup. Umgqigqo wakhe ubuhlale ume ndawonye. |
UZwane umiswa nje akukapheli nonyaka engenile kulesi sikhundla esashiywa nguMnuz Msulwa Daca. |
UZwane ungomunye wabadlali abangadumanga ngezinto ezibheke eceleni kwaze kwaba uwagaxa emgibeni amakhokho. Udlale ibhola elikhokhelayo iminyaka ebalelwa kwengu-20. Udlalele i-Orlando Pirates, Jomo Cosmos, Santos, AmaZulu, Tembisa Classic neChiefs ayidlalele iminyaka eyishumi. |
UZwane ungomunye wabadlali abanqobe izicoco zeligi noMosimane amahlandla amahlanu. |
UZwane unxuse abashayeli ukuthi bazigweme izindawo ezakhelene nenkundla yezemidlalo uma bengenawo amathikithi. |
UZwane unxuse amalungu omphakathi ukuthi angazijeziseli kwabonile kodwa abike ngobugebengu emaphoyiseni. |
UZwane uqhube wathi komunye umkhankaso e-Ingogo amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka engu-27 obekukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Lo msolwa kuthiwa wehluleka ukuvela enkantolo yeMantshi eNewcastle ngoFebhuwari nonyaka. Wayekade eboshwe ngoJuni 2018 ngecala lokushayela ephuzile nelokushayela budedengu. Kuthiwa wayeshayela emgwaqweni uN11 lapho ahluleka khona ukulawula imoto yabe isiyashayisa kwalimala kanzima owayegibele emotweni. |
UZwane usezakhele igama kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika ngokugingqa amadoda kalula enkundleni okufaniswa ncamashi nalokho okwakwenziwa wuKhumalo ngezinsuku zakhe. |
UZwane ushayelwe kaningi kodwa belungabanjwa ucingo nemiyalezo abethunyelwe yona ubengayiphenduli. |
UZwane uthe abadlali abaqeqeshayo ufuna babe yikusasa laMakhosi futhi banohlelo oluqondile lokwenza lokho ezinkulisa ukuze bakhiqize abadlali abasezingeni eliphezulu. |
UZwane uthe abanolwazi ngokunyamalala kukaNgcobo bangathintana namaphoyisa asePinetown okuphenywa khona icala lokunyamalala kwakhe. Inombolo: 031 325 5074 noma eyeCrime Stop ethi: 0860010111. |
UZwane uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yakule ndawo maduze ngamacala amabili okubulala nelokuzama ukubulala. |
UZwane uthe akufanele bahlale emuva, bafune ukudlala ngokulingana. |
UZwane uthe ama amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokuzama ukubulala. |
UZwane uthe amadoda amabili afice umshayeli esemotweni yakhe emile eceleni komgwaqo. Omunye uvele ngewindi wacisha imoto, omunye wabeka ummese entanyeni yomshayeli. Umshayeli kuthiwa uvele wakhipha isibhamu wabadubula bobabili. |
UZwane uthe amadoda asolwa unesi wesilisa owayehamba noNkk Kheswa ngemoto ngoLwesihlanu lwesehlakalo. |
UZwane uthe amaphoyisa athe uma eqhubeka ephenya athola umfowabo (27) obese-Ottawa notholakale eshayela imoto ebeyingenayo idiski futhi inenombolo okungesiyo eyayo. Nale moto kutholakale ukuthi nayo yantshontshwa eBrighton Beach ngenyanga edlule. |
UZwane uthe amaphoyisa athole umbiko ngokubanjwa kwenkunzi obekwenzeka abe esenikela endaweni yesehlo ngokushesha. Omunye wabasolwa ubanjwe oqotsheni kwatholwa kuye isibhamu i-9mm neselula. |
UZwane uthe banethemba lokuthi lesi sigwebo esinqala sizothumela umyalezo ocacile nakwabanye abasacabanga ukwenza okufanayo bese siphinde sigqamise ukuthi izingane zihlukunyezwa abantu abasondelene nazo. |
UZwane uthe bazifuna zikhokhiwe izimbuzi zabo ngoba * -Odendaal ubathembise kanjalo. |
UZwane uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo ezinyangeni ezizayo. |
UZwane uthe bazovela enkantolo yezingane enkantolo yemantshi eThekwini namhlanje. |
UZwane uthe empeleni ziwu-10 izinkomo ezilahlekile kwatholakala ezinhlanu, kusacingwa ezinye ezinhlanu. |
UZwane uthe icala lokudlwengula lavulwa esitetshini samaphoyisa saseGreytown kodwa ladluliselwa ophikweni elibhekene nodlame lwasemndenini, ukuvikeleka kwezingane namacala ocansi. |
UZwane uthe isidumbu sitholwe emuva kwesikhashana eminzile. Uveze ukuthi kuvulwe idokodo ngokufa kwakhe eliphenywa ngamaphoyisa eMtshebheni. |
UZwane uthe izibalo zezingozi zangesikhathi samaholidi zizokhishwa esithangamini nabezindaba okulindeleke ukuba sibe seThekwini maduze. |
UZwane uthe kufanele abantu basheshe bafike ukuze bagweme ukubambezeleka ekutholeni indawo yokupaka. Uthe kubalulekile nokuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo ziphephile - bavale izicabha namawindi bangaziniki izikhiye zabo kubantu abangabazi futhi bangazishiyi izinto ezibalulekile emotweni. |
UZwane uthe kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo maduzane. |
UZwane uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa saseHammarsdale. |
UZwane uthe laba basolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-40 kulindeleke ukuthi bevele eNkantolo yeMantshi yaseDundee maduze lapho bezobe bebhekene namacala okuduna imoto nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. |
UZwane uthe lesi siboshwa siboshwe eDurban Station, siyogibela itekisi. |
UZwane uthe lezi zibhamu zizohanjiswa ukuyohlolwa ukuthi ngabe azikaze yini zisetshenziswe ukwenza amacala obugebengu esifundazweni. |
UZwane uthe lo mlisa waboshwa wagcinwa ezitokisini kusaqhubeka icala laze laphela. Kuthiwa uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi ingane idlwengulwe izikhawu ezithathu ezihlukene. |
UZwane uthe ngeke bakuqinisekisa ukuthi lokhu kuhlasela kusondelene nodlame lwasematekisini. |
UZwane uthe ngemuva kwengozi yaseFree State eyenzeke ngeSonto, okushone kuyo abantu abangu-11 kwalimala abayisishiyagalombili, bayaqhubeka nokuqinisa imithetho emigwaqweni. |
UZwane uthe ngoSepthemba 7 nonyaka ngabo 12.30, amadoda amabili ayehleli emotweni yawo eZakheni ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa abathathu. |
UZwane uthe ujabule kakhulu ngokuthi iqembu lakhe likwazile ukuzibekisela indawo emidlalweni eyandulela owamanqamu. |
UZwane uthe uKati ugwetshwe iminyaka eyishumi ngokuphanga okwakuhambisana nesihluku neyisikhombisa ngokuzama ukubulala. Uthe abaphathi bamaphoyisa badlulise ukubonga ethimbeni labaphenyi ngokuzimisela nokuzibophezela kwalo ngokuthi kugwetshwe uKati yize ayegxekwa ngokungabophi ngamacala akuleli hostela. |
UZwane uthe umshayeli waleli bhasi naye ushonile kule ngozi. |
UZwane uthe usezovulelwa elinye icala ngaphandle kwalawa abewatokele. Sebebonke nalaba abeqe eMbumbulu bazovulelwa icala lokweqa ejele, bese umsolwa obebalekisa isiboshwa yena avulelwe icala lokusiza isigebengu ngokuseqisa. |
UZwane uthe uyakujabulela ukuwola izicoco ngayedwana, kanjalo njengeqembu kodwa wathi akulula neze ukuthola ijezi nsuku zonke kwiSundowns. Ngesizini edlule lo mdlali ubeyiMidfielder of the Season, Footballer of the Season nePlayer’s Player of the Season. |
UZwane uthishwa ukudla umklomelo wePSL womdlali ovelele wesizini ka-2019/2020. Amanye amagama avelayo embangweni, ngelikaSamir Nurkovic noLebogang Manyama beKaizer Chiefs nelikaPeter Shalulile obedlala kwiHighlands Park nosejoyine iSundowns. |
UZwane uveze ukuthi kulo mdlalo uzoshaya ngabadlali abangajwayele ukuthola isikimu. |
UZwane uzobe ebanga nozakwabo kwiSundowns, uGaston Sirino, umdlali weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic noPeter Shalulile obegijima kwiHighlands Park ngesizini edlule. Umunxa uvotelwa ngabaqeqeshi bamaqembu adlala esigabeni esiphezulu. Ngesizini edlule wathathwa ngumdlali we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, owanqoba nowePlayer’s Player of the Season. |
UZwane uzobuye ashubise umbango kowe-Absa Premiership Players' Player of the Season. Ubanga nokaputeni wezakhe uHlompho Kekana nomdlali weKaizer Chiefs uLebogang Manyama. Lo munxa wona uvotelwa ngabadlali abangavumelekile ukukhetha labo abadlala emaqenjini awodwa nabo. |
UZwane uzobuyela ngoMeyi 6 enkantolo kanti ubhekene namacala amathathu okubulala ngokungenhloso nelilodwa lokuzama ukubulala. |
UZwane uzogcinwa ngaphakathi esitokisini aze abuyele enkantolo. Namuhla kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ahambele isikole obekufunda kuso laba bafundi iNewlands East Secondary, bese ehambela nemindeni yabo. |
UZwane waseMgungundlovu uthe, konke ukubeka kwiSundowns ngekusasa lakhe kepha akujabulelayo nje ukuthola ithuba lokudlala esigabeni esikhulu. |
UZwane waseTembisa, eGauteng, njengamanje ungomunye wabadlali ababambe iqhaza elikhulu ekutheni iSundowns iqhawakele phezulu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-27 kanti usevakashele inethi amahlandla ayisishiyagalombili. |
UZwane, weSundowns, ubonakala elandela ezinyathelweni zikaKhumalo ngenxa yokuthi naye wenza ayekwenza. |
Uzwa osomabhizinisi bekhala ngokuthi imali iphelela ezandleni. |
Uzwe emisakazweni nasemaphephendabeni kuthiwa kukhona indandatho yenhlanhla, kukhona indanadatho yomshado, kukhona umuthi wokuthi ucebe kumbe uwine i-lotto uzibuze uma usebenzisa ingqondo umnikazi walokho yena akayidingi yini leyo mali ngoba ngabe uqala ngaye kuqala ukubona ukunotha nokuceba ukuthi lokhu akhuluma ngakho kuyasebenza futhi kunomphumela wengcebo. |
UZWE kusuka umthwalo emuva kokugonyuluka ngobunzima abhekane nabo empilweni owesifazane odume ngokwenza imicimbi eThekwini. |
“Uzwe kuthiwa umgulukudu owumbulali, inkabi kusetshenziswa igama lesilwane esiwusizo, izinkabi kuyalinywa ngazo uyamangala ukuthi uma umuntu esebizwa ngenkabi usuke wathenwa nini?” kusho iSilo. |
Uzwe labo somlando bethi: “Isilo uSenzangakhona, bese bethi inkosi uPhungashe, inkosi uDingiswayo, inkosi uZwide, inkosi uPhakathwayo. |
UZWELANA neReal Kings umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, ngokuhlehliswa komdlalo wala maqembu omabili owadlalelwa eSugar Ray Xulu Stadium eClermont, emasontweni amabili edlule. |
Uzwelane kakhulu nabantu abaphazamisekile ngokudliwa kwemali eVBS Mutual Bank esho nokuthi wayengazi ukuthi kunomkhonyovu kuleli bhange. |
Uzwelane noChicco ngokuhlukunyezwa yindodana yakhe, wathi kuyacaca ukuthi usekhathele yiyona ngendlela azwakale ebhoka ngayo. |
Uzwelane nothisha oshayiwe wathi usezinhlelweni zokuthola izibuko zamehlo ezintsha njengoba zihlafazwe wumfundi. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.