input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
UZuma uthe i-ANC yake yabamba impimpi eyayithunyiwe ukuzoxova i-ANC, eyabanjwa yakhipha uhlu lwamagama ezinye izimpimpi ezingaphakathi enhlanganweni. UZuma uthe le mpimpi yayibizwa ngo ‘Ralph’ kodwa yayithandwa ukubizwa ngoFear. Uthe uyasola izimpi abhekene nazo namhlanje zivela kulezi zimpimpi ezisenhlanganweni asebonile ukuthi zandile ngokwezinombolo. Uthe ngaphandle kokudicilelwa kwesithunzi sakhe sekukaningi bezama ukumbulala. |
UZuma uthe indlela aziphathe ngayo izolo uZondo iqinisa inkolelo yakhe yokuthi uphume iqhuzu naye. |
UZuma uthe kumele kubethuse abantu bakuleli ukuthi unikezwe isigwebo ngaphandle kokuqulwa kwecala, okuyinto athe ayikho emthethweni. |
UZuma uthe kumthintile enhlizweni ukuzwa ukuthi kunabantu asebedube ukuvota ngenxa yezizathu ezithile. |
UZuma uthe kunekomidi elibhekelela ukuqokwa kwabantu kwikhabhinethi, elihlanganisa umengameli nephini lakhe. |
UZuma uthe kuzovela abantu ababehleba ngaye, bekhuluma nabaphenyi, bethi akaboshwe. |
UZuma uthe kwamphatha kabi ukuthi uZondo wakubeka kwacaca ukuthi akakholwa ukuthi uqinisile ngesikhathi ngidinga usizo lwempilo ekuqaleni konyaka. |
UZuma utheleke edlubhe ezombutho wakhe uKhongolose wakhumula ikepisi abelifakile ehamba ebingelela abantu emamatheka. Zisukuma zama ngezinyawo izihlwele zimemeza ziphakamisa izandla kucaca nje ukuthi zifisa ukumthinta kodwa ezokuphepha ziqinile. |
UZuma uthe lezi zinhlangano zabona ukuthi uyathandwa kwi-ANC, yabe sezihlela ukubhekana naye ngenye indlela. Uthi ngemuva kwenkomfa ye-ANC wasuswa njengenhloko yezobunhloli. Uthi ngenxa yendlela izinto ezenzeka ngayo esuswa kwenza babona ukuthi kunezimpimpi kwi-ANC. |
UZuma uthe nalabo abahlongoza ukuthi kube khona le khomishini basaqhubeka nemizamo yokulwa nesithunzi sakhe. UZuma uthe ngo-2005 wasuswa njengephini likaMengameli we-ANC ngoba wayesolwa ecaleni lokuthengwa kwezikhali (arms deal). Uthe bonke abanye amagama abo ayevela abakaze baphenywe futhi abakaze basuswe ezikhundleni zabo kwi-ANC. Ngaleso sikhathi uZuma wayephenywa ama-Scorpions. |
UZuma uthe ngemuva kokuhlangana nabameli bakhe bakwazile ukuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esanda kumjezisa ngokungayi kwiKhomishini kaZondo, becela ukuthi isibuyekeze. Inkantolo izolalela isicelo sakhe ngoLwesibili. |
UZuma uthe ngesikhathi eqoka ikhomishini kaNugent wayengashongo ukuthi akubhekwe izinkontileka zabasebenzi. |
UZuma uthe ngesikhathi esanguMengameli wezwe, ubematasa kakhulu ejikeleza umhlaba wonke. Uthe kungaleso sizathu bekungelula nhlobo ukuba nesikhathi esanale sokuya enkonzweni njalo ngamaSonto. |
UZuma uthe njengoba eselunqobile ukhetho uzohlinzeka bonke abantu bakule ndawo ngezidingo. Akazange athande ukuphawula ngobudlwelwano bakhe ne-IFP. |
UZuma uthe nommeli wakhe u-Adv Muzi Skhakhane naye uthole izinsongo ezinzima zokubulawa. |
UZuma uthe okumzwisa ubuhlungu ukuthi amalungelo akhe anyathelwe nguhulumeni ophethwe ngabantu, okufanele ngabe bayabazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ukucindezelwa uhulumeni. |
UZuma uthe sasingekho isidingo sokuthi ikhomishini iye enkantolo yoMthethosisekelo ukuyothola incwadi ezomphoqa ukuthi avele kuyo ngoba wayesevele evelile phambi kwayo kabili phambilini. |
UZuma uthe uDowner nabaphenyi becala kabaziphathanga ngendlela efanele yokuziphatha kwabashushisi nabaphenyi bamacala. |
UZuma uthe uHogan wayezibekela umbono wakhe ngesikhathi efakaza kwikhomishini, ongelona iqiniso. |
UZuma uthe uhubhuza amanga uZondo uma ethi akaze alibeke kwakhe ngoba bahlangana emzini wakhe kulandela ukubekwa kwakhe njengoSihlalo wale khomishini. Uphinde waveza nokuthi akulona iqiniso ukuthi uZuma wayenganawo amandla atheni kwezombusazwe kuleli ngesikhathi ebekwa njengeJaji ngo-1997. Kuzokhumbuleka ukuthi uZondo esitatimendeni asenze kwikhomishini kuleli sonto uthe bahlangana noZuma izikhawu ezimbalwa ngoba wayengumlandeli we-ANC kodwa ngaleso sikhathi uZuma wayesawungqongqoshe ngakho wayengenawo amandla atheni akubekweni kwakhe njengejaji. UZuma uthe kuyiphutha lokhu ngoba ngaso leso sikhathi wayenguSihlalo we-ANC kuzwelonke naKwaZulu-Natal futhi bakudingida njengeqembu ukuthuthukiswa kwabameli boHlanga. |
UZuma uthe ukuba kuya ngaye ngabe labo abagqugquzela leli cala bayaliyeka liphele ngoba bazokhala abantu ekugcineni. |
UZuma uthe ukukhiswa inyumbazana kwabaholi abathile kwehlisa isithunzi se-ANC futhi kujabulisa “izitha”. |
UZuma uthe ukwanda kwamaqembu angenela ukhetho kuyizithelo zokuphila ngaphansi kwentando yabantu. Uthe kumjabulisile ukuthi azibanga bikho izimpi ngaphambi kokhetho. |
UZuma uthe uma sekufike isikhathi sokuthi amaselula asetshenziselwe ukufunda umgomo uzochitshiyelwa kodwa okwamanje umgomo wesikole usathi awangasetshenziswa ngoba bebewasebenzisa ngokungafanele. |
UZuma uthe uMlangeni wajoyina i-ANC ekuqaleni kweminyaka yo1950 ngesikhathi le nhlangano yayisithathe igxathu lokukhulula abantu ngayo yonke indlela kodwa ngendlela eyayiqondakala neyayizokwenza wonke umuntu abe yingxenye yezwe elisha elalizoqhamuka. |
UZuma uthe uMvikeli woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane, akanikezwe imininingwane ayicelile, angaphazanyiswa emsebenzini wakhe. |
UZuma uthe uyasola ukuthi leli cala libuyiswe ngabanegqubu naye. |
UZuma uthe uzimisele ngokuthi aqondise lapho kugwegwa khona umthetho. |
UZuma uthe wayengesiyena unobhala weKhabhinethi owayethatha okukhulunywayo ngakho uma kunemihlangano. |
UZuma uthi konke lokhu kubeka ngokusobala ukuthi kunezihlangano ezicashile ezilwa nesithunzi sakhe emphakathini futhi ezimufuna engekho ebuholini kuhulumeni ngoba zisabela ukuthi angase aphumele obala ngezimfihlo azaziyo. |
UZuma uthi naye uyazibuza ukuthi ngempela le nhlangano ayihole njengomengali amahlanhla amabili, yashonaphi? |
UZuma uthi ngesikhathi eqala ukwaziswa ngalolu daba watshelwa ukuthi alikho icala abekwa lona, uSchabir Schaik nje owafaka igama lakhe kwisitatimende sakhe kodwa kuphelela lapho. Ngemuva kwesonto uZuma uthi waziswa ukuthi empeleni akhona amacala azobekwa wona kodwa anganyamalala uma angase ahoxe esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli. |
UZuma uthi ngoba ungumngani namaGupta, kwaqala kwathiwa kunenkohlakalo abayenzayo. |
UZuma uthi ukhathele ukuthi iNational Prosecuting Authority (NPA) ilokhu ingabaza imibiko yodokotela bakhe eveza ukuthi akakulungele ukuyovela phambi kwenkantolo. |
UZuma uthi ukugwetshwa kwakhe ngaphandle kokuthi kuqulwe icala enkantolo kufana ncamashi nalokho okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo owayebabophela endlini, aphinde avale imilomo labo ababelwela inkululeko. |
UZuma uthi ukusatshalaliswa kwale ncwadi kumbeka engcupheni ngoba ulwazi lwabe selusatshalaliswa nasezinkundleni zokuxhumana. |
UZuma uthi usalindele ukuzwa ukuthi yini embi eyenziwa abakwaGupta. Uthe abalomndeni babazisa ubuholi be-ANC ngephephandaba nesiteshi sethelevishini, ngokunjalo nobuholi be-ANC ezifundazweni ngoba yinto eyenziwa yiwo wonke umuntu ukufuna izikhangiso uma benebhizinisi lezindaba. |
UZuma uthi uthando olujulile lwemfundo olukhonjiswe uPhumlani lumenze basondelana kangangoba uze wamxhumanisa nabanye othisha khona ezofunda amakilasi engeziwe. |
UZuma uthi wakhetha ukulufaka enkantolo udaba lokuthi lihoxe iJaji Raymond Zondo ngoba uma emcela, waziphendulela yena wathi ngeke akwenze lokho. Uthi bekufanele uZondo alinde ukuthi kuxazululwe umbango wabo ngaphambi kokuthi udaba aluyise eNkantolo yoMthethosisekelo. |
UZuma uthi wathenjiswa uR20 million, kwathiwa akahambe eyohlala eNkandla uzonakekelwa futhi anyamalale namacala ayesolwa ngawo. Uthi kwamuxaka lokhu ngoba wayekade aziswe ukuthi alikho icala azobekwa lona ngokuthengwa kwezikhali. |
UZuma uthola ushwele wokugula nje besekuphele isikhathi esingaphezu kwamasonto amathathu engekho ejele njengoba ebelashwa esibhedlela esingaphandle kwalo. |
UZuma utholwe enecala lokwedelela inkantolo kulandela ukushaya indiva umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo wokuthi akayovela aphendule imibuzo kwikhomishini kaZondo. |
UZuma utshele amalungu alolu phiko abegcwalise iSharks Board Hall, eMhlanga, ukuthi kufanele abhukule, alungise i-ANC namadlelandawonye. |
UZuma uvale inkulumo yakhe wathi uMlangeni ulibambile iqhaza lokutholela izwe inkululeko namandla ezepolitiki kodwa abaholi abasele kumele balwele inkululeko yezomnotho. |
UZuma uvamile ukwenza amancoko ekhasini lakhe kutwitter. Emasontweni amabili edlule ujoyine izinkumbi zabantu ebezihlekisa ngamavideo esosha elibizwa ngoMabhena ethi leli sosha limkhumbuza iphoyisa langezinsuku zobandlululo kuleli. |
UZuma uvele enkantolo ngamacala awu-18 enkohlakalo okubalwa kuwo elokugwazelwa yinkampani yezikhali, iThales. |
UZuma uveze lokhu ngesikhathi enengxoxo nendodana yakhe uDuduzane besebenzisa ubuchwepheshe besimanje kwi-App iZoom. Isithangami sengxoxo sibizwa ngeZooming with Zumas. UZuma uthe ukufa kukaNhlakanipho kwakuhambisana nemizamo yokulwa naye ngayoyonke indlela ngenxa yembono yezepolitiki anayo nalokho asekwenzile kwezepolitiki. |
UZuma uvote eNkandla ehambisana nomkakhe, uNkk Bongi (MaNgema) Zuma. |
UZuma uvulele uDowner amacala amabili lapho emsola khona ngokuputshuzela izintatheli ulwazi oluthinta icala. |
UZuma uya ecaleni nje kunencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe eyakhishwa ngesikhathi exinwe wukugula elele esibhedlela eCuba. |
UZuma uya kuleli cala nje, usanda kwenza ushintsho ebuthweni labameli azogadla ngabo. |
“UZuma uyalazi icala abebekwe lona. Ubebekwe icala lokudelela umyalelo wenkantolo. Watshelwa ngisho nangesigwebo ikhomishini eyayifuna anikezwe sona uma kuwukuthi utholwe enecala. Yena wakhetha ukungayi ukuyoziphendulela enkantolo, wathi yena uncamela ukuboshwa kunokuyoziphendulela enkantolo.” |
UZuma uyalelwe ukuba akhokhe nezindleko zecala. |
UZuma uyawaphika amacala uthi anenhlese yepolitiki. |
UZuma uyawaphika wonke amacala abekwa wona, njengoba ethi wakhelwa uzungu yizimbangi zakhe kwezepolitiki. |
“UZuma uyilungu le-ANC. Nakanjani bazosebenzisana naye maduze abakhankasele (kwi-ANC). Ngakho akukho okungihlanganisa noZuma nokwenziwa uZuma. Abantu baseKZN bafuna ukulethelwa izimfuno zabo, balambile, sababona ngoJulayi ukuthi laba bantu bafisa ukuthola uhulumeni obakhathalele futhi ozobanakekela. Akusekho nje okungihlanganisa noZuma kwezepolitiki.” |
UZuma uyiswe enkantolo wunkosikazi wakhe uNkk Madiba-Zuma, ofuna isondlo sikaR14 000 sendodakazi yabo eneminyaka engu-14. |
“UZuma uzalelwe yinja endlini, inkantolo yokugcina lena. Ngeke akwazi ukudlulisela udaba lwakhe noma ukucasha ngesithupha. Kuzomele azofakaza. Kufake kakhulu usawoti esilondeni ukuthi inkantolo ithi kumele nakanjani aphendule imibuzo. Ngeke akuthole ukuphumula uZuma, nathi siyizwe ngeke sithole ukuphumula uma engazange afakaze. Mina ngiwuZuma, ngingavele ngiyofakaza, ngiphendule imibuzo ngoba abantu bafuna ukwazi iqiniso kule khomishini. UZuma akazehlise. Uma eqinisa ikhanda angazi uzofikaphi ngoba usechithwe kaningi. Uma kukhona iphutha elenzeka, akalivume bese eyaxolisa esizweni. Ungathola isimanga ukuthi abantu bazomxolela njengoba bawaxolela amaBhunu ngesikhathi sobandlululo,” kusho uMadlala. |
UZuma uze waveza nokuthi ngo-2014 indlela ayegula ngayo odokotela babethe akangayi emcimbini wokugcotshwa kwakhe. |
UZuma uzinikele emaphoyiseni kusele isikhathi esingaphansi kwehora kuphele umnqamulajuqu wezinsuku ezintathu obukade unikezwe amaphoyisa ukuba ambophe kulandela ukwehluleka kwakhe ukuzinikela emaphoyiseni ezinsukwini ezinhlanu azinqunyelwe. |
UZuma uzinikele emaphoyiseni ngoLwesithathu ebusuku, njengoba eqale ukudonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 asanda kusigwetshwa yiNkantolo yoMthethosisekelo. |
UZuma uzobuyela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngo-Okthoba 26, lapho okulindeleke ukuthi kuphume isinqumo ngesicelo sakhe sokuthi kuhoxiswe umshushisi Advocate Billy Downer SC. UZuma usola uDowner ngokungaziphathi kahle nokuputshuzela abezindaba imininingwane ebucayi ngaye. |
UZuma uzofakaza kwikhomishini eyasungulwa nguye njengokomyalelo wowayenguMvikeli woMphakathi uDkt Thuli Madonsela ngemuva kombiko wakhe ngenkohlakalo ekuhulumeni. |
“UZuma uzofuna ukubonakala enze kahle futhi eyakhile inhlangano,” usho njalo. |
UZuma uzoqhubeka nesigwebo sakhe sezinyanga eziwu-15 kwakhe eNkandla kulandela ukudedelwa ngoshwele wokugula. Ngesikhathi ededelwa, uFraser waphumela obala waveza ukuthi nguye owathatha isinqumo esiwujuqu sokumkhipha ngoshwele ejele ngokolwazi ayenalo. Ibhodi elengamele ukukhishwa koshwele bokugula nokho laveza ukuthi uZuma usakulungela ukuqhubeka nesigwebo sakhe ejele. |
UZuma uzovela enkantolo ehambisana nabamele iThales, edayisa izikhali nokusolwa ukuthi yayimgwazela. |
UZuma uzovela ngoLwesibili nje, kanti ngoLwesihlanu kade kuyinto efanayo kuNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, obhekene namacala enkohlakalo eNkantolo yeMantshi eBloemfontein. Bobabili oZuma noMagashule balandelwe amacala sebephumile ezikhundleni njengoba noMagashule awakhe asukela ngesikhathi esengundunankulu waseFree State. |
UZuma uzovela phambi kweKhomishini kaZondo ngemuva kokuthi ofakazi abaningi asebevele khona phambilini belokhu beveza igama lakhe. |
UZuma waba umengameli wakuleli kusukela ngoMeyi 2009, waphuma kulesi sikhundla ngoFebhuwari 2018, kwangena uMnuz Cyril Ramaphosa ongumengameli njengamanje. |
UZuma wabe esemtshela ukuthi bangaxoxa ngomhlomulo angawuthola uma esula emsebenzini. |
UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo. |
UZuma wafaka isicelo sokuba uDowner ashenxe esikhundleni njengoba emsola ngokuchema. |
UZuma wagcina ukufakaza ngoJulayi nyakenye nakhona akazange esaqeda ukufakaza abameli bakhe bethi abaqondi kahle imibuzo ebhekiswe kuye. |
UZuma wagixabezwa lesi sigwebo yiNkantolo yoMthethosisekelo emasontweni amabili edlule ngecala lokudelela umyalelo wale nkantolo owawumphoqa ukuba ayophekwa ngebhodwe elincane phambi kwekhomishini eholwa yiJaji Raymond Zondo. |
UZuma wahamba kulandela ukuchithwa kwesicelo sakhe sokuba uZondo angabi yingxenye yekhomishini uma esefakaza. |
UZuma wahamba ngesikhathi sekhefu letiye kwikhomishini wangabe esabuya. |
UZuma wahlangana nobuholi be-ANC ngasekuqaleni kukaMashi ngenhloso yokumnxenxa ukuba avume ukuyophendula imibuzo phambi kweKhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana. |
UZuma wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela emva kokuzinikela emaphoyiseni ngoJulayi 7 njengoba edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo. |
UZuma wakubhala lokhu ngemuva kokuba uHanekom azivumela yena ukuthi wahlangana ne-EFF ukuze kwakhiwe itulo lokukhipha uZuma esikhundleni njengoba kwakunevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe ePhalamende ngoFebhuwari nyakenye. |
UZuma wamangalelwa okokuqala kuleli cala eminyakeni ewu-15 eyedlule. Usolwa ngokufumbathiswa intshontsho lika-R500 000 laminyaka yonke yinkampani yaseFrance, iThales, eyahlomula ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali. |
UZuma wangeniswa esibhedlela esingaphandle kwejele laseMtshezi, lapho edonsa khona izinyanga ezingu-15 ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, ngenyanga eyedlule. |
UZuma wangeniswa esibhedlela ngenyanga edlule njengoba edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15, ngokugoloza ukulandela umyalelo wokuthi avele phambi kweKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDanzana. |
UZuma wanikezwa ushwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 edonsa ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo. |
UZuma waphike wama ngentaba wathi akaze akhulume ngendaba yemali kodwa wavuma ukuthi babonana noJonas ngosuku alushoyo. |
UZuma waphinde wagxeka isinqumo esathathwa ubuholi be-ANC sokunqabela abalandeli bakhe abangamalungu ale nhlangano, ukuba bayomeseka uma evela enkantolo. |
UZuma waphoqwa yi-ANC ukuba asule ngemuva kokuba nezikhalo ngokuqokwa kwakhe, kukhona abakhala ngokuthi akuzange kuhambe kahle. |
- UZuma waqala ukuvela enkantolo ngecala lenkohlakalo ngoJuni 2005. |
“UZuma waqoka uMengameli wamaJaji, owayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela waqokwa nguZuma ngakho ungathi bonke labo abantu baZuma? Mina ngaphakanyiswa iPhalamende emuva kokufakwa imibuzo nabanye ababegaqele lesi sikhundla kubuka wonke umuntu wakuleli,” kusho yena. |
UZuma waqokwa ngoDisemba 2007 ukuba nguMengameli we-ANC engqungqutheleni eyayisePolokwane, lapho ahlula khona uMbeki. |
UZuma wasebenzisa le mali ayiboleka kueli bhange ukukhokhela ezinye zezinto ezahlatshwa ngowayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela, owathi kunezinye zezinto okwakungamele uhulumeni azenze ngoba zazingahlangene nezokuphepha. |
“UZuma washiya ememezele izinto eziningi kodwa engazange achaze ukuthi imali yokuzenza izovela kuphi nokuthi zizokwenziwa kanjani,” usho kanje uDube. |
UZuma wathi: “Akuzange kungimangaze ukuthi uHanekom wasebenzisana ne-EFF ukungiketula. Uyimpimpi eyaziwayo.” |
UZuma wathi uTlhadi uyingxenye yabantu osekunesikhathi bezama ukudicilela igama lakhe phansi ngokumbiza ngomdlwenguli, waphinda wathi kuyimanje uTlhadi umatasa wenza ifilimu ephathelene nokudlwengula 'ukuqhuba' lona itulo lokudicilela igama lakhe phansi. UTlhabi ungumlobi wencwadi iKhwezi, ekhuluma ngempilo kaFezekile Ntsukela Khuzwayo ongasekho, owamangalela uZuma ngecala lokudlwengula ngo-2005. |
UZuma wathi uZondo kuzomele ahoxe uma yena ezofaza kwikhomishini ngoba “banomlando womndeni”. |
UZuma wathumela incwadi eyayivela kodokotela bakhe abasembuthweni wezokuvikela kanti ngemuva kokuthunyelelwa kukaDowner le ncwadi, uZuma wamsola ngokuthi uyinike enye yezintatheli eyabe isibuza imibuzo isebenzisa le ncwadi. |
UZuma watshela laba baholi ukuthi i-ANC imshiye dengwane, yahluleka ukumkhulumela ngesikhathi ehlaselwa ngamazwi, kuthiwa ukhohlakele. |
UZuma watshela lo mhlangano ukuthi wabe emanqika ngisho ukuhlangana noRamaphosa, akhala ngokuthi akenzanga lutho ngesikhathi amalungu e-ANC ePhalamende ephezu komkhankaso wokukhipha uZuma esikhundleni ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe bese kungena uRamaphosa esikhundleni. |
UZuma watshela uNxasana ukuthi uhlela ukuphenya ukuthi ngabe ukufanele yini ukuba sesikhundleni. |
UZuma wavela phambi kwekhomishini kaZondo ephenya ngokubhozonyelwa kombuso yidlanzana lapho aveza khona ukuthi kunezimpimpi zangaphandle nezakuleli ebezinetulo lokumdicilela phansi kusukela eminyakeni engu-30 eyedlule. UZuma kulindeleke ukuthi aphinde avele phambi kwekhomishini ngasekupheleni konyaka. Lokhu kulandele isivumelwano phakathi kwekhomishini nabammeli baZuma ukuthi kufanele aqedele ukwethula ubufakazi. |
UZuma wayebashintsha ongqongqoshe ebusuku sivuke sekukhona asebephumile. Lokho kwakusenza sibone ukuthi uyatshelwa ngabathile ekutheni akakhiphe bani afake bani esikhundleni. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.