input
stringlengths
1
130k
UZuma wayebekelwe umqamulajuqu wokuthi athumele incwadi kadokotela kodwa wangakwazi ukuyithumela yaze yafika sekwedlule isikhathi. Kulindeleke ukuthi udaba lubuyele enkantolo ngoSepthemba 9.
UZuma wayefake isicelo sokuthi le nkantolo imnikeze imvume yokudlulisela icala lakhe eNkantolo YokuDlukisa amaCala eBloemfontein.
UZuma wayefuna ukuba uZondo ashenxe esikhundleni ngoba emsola ngokuthi uchemile. Wafaka isicelo sokuba uZondo ashenxe esikhundleni, kepha sachithwa. Emva kwalokho wabe esekhetha ukuphuma ahambe ngaphandle kwemvume. Ngemva kokuphuma ngaphandle kwemvume, ikhomishini yabe isimvulela icala emaphoyiseni.
“UZuma wayengomunye woKhomanda boMkhonto weSizwe owayehlonishwa futhi esatshwa ngisho ngamaBhunu. Ngeke size siyeke ukumhlonipha. Kuwumgomo wasemasosheni ukungalahlani,” kusho uNiehaus.
UZuma wayesolwa ngokuvumela abakwaGupta benze noma yikanjani futhi bemlawula ezinqumeni zakhe.
UZuma waziphumela ngokwakhe, washiya isahleli ikhomishini, ngaphandle kwemvume kasihlalo wekhomishini ngesikhathi evele phambi kwayo ngonyaka odlule. Wavele, wasukuma wahamba kulandela ukungaboni ngaso linye noZondo.
UZuma wehlule abebemele i-IFP ne-ANC kulolu khetho. Le wadi beyiphethwe yi-ANC kanti phambilini beliyisizinda se-IFP. INkatha yalahlekelwa yileli wadi ngesikhathi kuhlubuka iNFP ngo-2011.
UZuma wethule inkulumo emfishane njengoba engakalulami kahle kwazise uke waxinwa ukugula.
UZuma wethule inkulumo kwezobuchwepheshe ekhumbula uMlangeni echaza nangesikhathi behleli naye ejele emuva kokuboshelwa ukuvukela umbuso ngezikhathi zobandlululo.
UZuma (Zobaphi) ukhala ngoNksz Mhlongo ngokugweva nemali athi babeyithole emuva kokuthola ithenda yokufaka injini yamanzi. UZuma uthi empeleni bebesebenzisana ngaphansi kwenkampani, Ubucebo General Trading. Uthi ngokwazi kwakhe, kufanele ngabe wathola R500 000 ngomsebenzi abawenza kodwa akatholanga ngisho isente. Useze wakhetha ukulufaka enkantolo udaba ngoba usekhathele wukukhuluma nesihlobo sakhe esingafuni nemali.
UZungu (29), akaziqeqeshanga neqembu laseFrance, eligijima esigabeni sesibili ngenxa yokuthi ubevaleleke eNingizimu Afrika, ngemva kokuqeda isizini neRangers yaseScotland, abebolekiswe kuyona. Uqale ukuzilolonga yedwa ngoSepthemba eFrance, kwaba nenhlansi yethemba lokuthi sekuseduze ukuthi adlale ngeledlule ngoba uqale ukuzilolonga neqembu.
UZungu akakaze adlale selokhu agcina ukugijima kwiRangers koweScottish Premier League ngo-Ephreli. Ungumdlali wesibili we-Amiens, oyalelwe ukuthi ehlise isisindo ngaphambi kokuthi anikwe ithuba lokudlala kule sizini.
UZungu kugcine kumlungele ejoyina iRangers edlala kwiScottish Premiership ngemizuzu yokugcina ngaphambi kokuvakwa kwewindi.
UZungu, ngale mibiko, uthe ingamampunge, uTshabalala uzinikele njengowo wonke umuntu eqenjini. Akukho ukwenzelelwa okuhlukile akutholayo.
UZungu, othathe izintambo ekuphatheni AmaZulu ngaphambi kokuqala kwale sizini, umangaze abaningi ephumela obala ngezinjongo zakhe ezinqala ngeqembu. Phakathi kwezinjongo kubalwa ukulibona liqeda isizini libalwa namaqembu amane aphezulu kwi-log yePremiership.
UZungu, owakhulela kuMaZulu, ujoyine iPirates ngoJanuwari esuka kwiStellenbosch emuva kokuyisiza iwine iligi kwiNational First Division (NFD) ngesizini edlule. Ukulimala kuphoqe ukuthi ayibuke nabalandeli imidlalo yeqembu ngesikhathi efika. Emuva kokunika uZungu imizuzu embalwa bebhekene neSundowns, umqeqeshi wePirates uJosef Zinnbauer umnike ithemba lesikimu emidlalweni ezayo.
UZungu ubedlala okokuqala kwiBafana ngemuva kokunyamalala isikhathi eside ehlushwa wukulimala.
UZungu ube eseya eholidini lapho evakashele khona umndeni wakhe lapha eNingizimu Afrika.
UZungu ubekhuluma izolo emcimbini wokumemezela izinhlelo zesizini ezayo nokwethulwa kwejezi elisha, obukade useMoses Mabhida Stadium.
UZungu ubekhuluma ngesikhathi kusayinwa isivumelwano esiphakathi koSuthu noMasipala weTheku sokudlalela imidlalo yasekhaya eMoses Mabhida Stadium izolo.
UZungu ubeseke waba yiphini lemeya kuMasipala uMkhanyakude ngo-2010, kanti uqale ukusebenza kuMasipala waseMtubatuba nowaKwaHlabisa ngaphambi kokuthi adlulele eMkhanyakude.
UZungu ube sezindabeni ngemuva kokuphumela obala wakhalaza ngemiphumela yengqungquthela yeqembu nokulapho ebhalele ubuholi obuphezulu beqembu kubalwa noButhelezi, wacela ukuthi kwenziwe impinda yengqungquthela.
UZungu ubesizwa ngubuholi bebandla kulo msebenzi. Bekugqame izishabasheki zamavolontiya ebandla abezehla zenyuka zisiza abangenayo ngokubahlalisa. Abebengena bebephiwa ubhanana ne-aphula bese bekuchoma isipeletu esi-lime.
UZungu ubhale ukuthi uMokwena uyena owenza iPirates idlale kahle kanti nakwiSundowns uyena futhi obenza iwine. Ngempelasonto kusuke esinamathambo eLoftus Stadium ngesikhathi umlandeli weSundowns eqonda ngqo kuMokwena esho ukumfaka isibhakela. Kuze kwalamula uMosimane abeBucs besho ukumudla luhlaza lo mlandeli weSundowns.
UZungu ubonge abantu bakuleli ngokumeseka selokhu ethathe izintambo zokwengamela uSuthu.
UZungu uboshwe ngo-2018 ngecala lokubulawa kwesinye sesikhulu ematekisini esibulawe ngo-2016 kodwa wabuye wadedelwa.
UZungu ucashunwe ngoLwesine ethi usebathengile, okubenza babe ngabakhe ngokugcwele.
UZungu ufakwe kulolu hla nje, ngesizini edlule ubebolekiswe kwiJomo Cosmos eyehlulekile ukubuyela esigabeni sePremieship ekubeni ibithole ithuba lokudlala emidlalweni yokuhlunga.
UZungu ufike kwiPirates maphakathi nesizini edlule kubhekwe lukhulu kuye ngoba uthathwa njengomunye wabadlali abahle esiswini.
UZungu ugcizelele ukuthi ukugwema ukulahleka kwemali, kumele zonke izikhulu zikamasipala ziqonde kahle imisebenzi yazo ukuze zingazitholi sezifakwa obishini ngabathile abaqhuba izinhloso zabo, zinganakile.
UZungu ugqame kuMaZulu FC, wagcina eshiyile khona walunguza kwiJomo Cosmos kwiGladAfrica Championship.
UZungu ukhuluma kanjena nje, uMcCarthy usanda kutshela abezindaba ukuthi akazimisele ngokusayinisa kodwa usafuna ukusebenza ngabadlali abafice eqenjini. UMcCarthy unamasonto amathathu ejoyine AmaZulu ngemuva kokuthi kuhoxe u-Anyada Dlamini esikhundleni sokuqeqesha. Emdlalweni wakhe wokuqala bashaye iChippa United ngo 3-1.
UZungu ulimale emlenzeni wesinxele ngenkathi edlalela iqembu lakhe laseFrance i-Amiens SC. UZungu, oyibamba enkabeni yesisu, ushaye amagoli amabili ngenkathi iBafana ifinyelela kuma-quarterfinals e-Africa Cup of Nations ebise-Egypt kulonyaka.
UZungu ulimale iPirates ilungiselela ukubhekana neBloemfontein Celtic koweDstv Premiership eDr Molemela Stadium izolo ebusuku okuwumdlalo ezimnyama eziwunqobe ngo 1 - 0.
UZungu umdlali wesibili wakuleli ukuyalelwa iqembu alidlalelayo ukuthi ahlise umzimba. Ngesonto eledlule leli phephandaba libike ngomgadli weBafana, uLuther Singh, naye otshelwe umqeqeshi wezakhe iCopenhagen yaseDenmark ukuthi aqinise ejimini njengoba ekhombisa ukungani esimeni esihle sokudlala. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uSingh engaqalanga kahle kuleli qembu nokuholele ekutheni agxekwe ngabahlaziyi ngokuzimuka komzimba.
UZungu ungomunye wabadlali abangu-26 ababizwe nguNtseki esikwatini seBafana esizokuba nemidlalo emibili emqoka yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo. IBafana izobhekana neGhana kanye Sudan kuyona le nyanga.
“UZungu ungumfana olungile. Uyakuqonda ukuthi iPirates iyiqembu elikhulu ongeke uthi ufika ungene ugijima esikimini. Uyakuqonda ukuthi kufanele ayisebenzele indawo yakhe. Emasontweni amabili adlule usebenze kanzima kakhulu. Akulula ukushintsha isikimu kimina kodwa uma esezethemba kahle uzongena esikimini esiqala imidlalo,” kusho uZinnbauer.
* UZungu ungumsunguli nosihlalo weZunguness neZungu Investments Company futhi ungumengameli weBlack Business Council
UZungu uqale ngokufunda iBhayibheli izahluko ezithile ezihambisana nalolu hlobo lwenkonzo.
UZungu uqhube wathi yena ungcwaba ekhaya ngoba imayini kwathi uma ibiyela umuzi wakhe omusha yavele yawuhlanganisa nomdala ababengcwaba kuwona, yikho besaqhubeka nokusebenzisa amathuna abo.
“UZungu usengumdlali omuhle kakhulu uma ephethe ibhola, uwufunda kahle umdlalo kodwa okwamanje sisamdlalisa ezinkundleni ezincane. ”Angimazi kahle kodwa ngike ngabuka ama-video athile ukuze ngibone ukuthi yikuphi akwazi ukukwenza kangcono. Ngeshwa usadinga ukwehlisa isisindo ngoba okwamanje akanawo umzimba ofanele umdlali webhola elikhokhelwayo."
UZungu useqede unyaka ethenge Usuthu emndenini wakwaSokhela. Ngesizini yakhe yokuqala, leli qembu libuyise injabulo yeminyaka edlule kubalandeli liqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngemuva komphetha iSundowns.
UZungu usho kanjena nje, aseqalile ukusabalala amahlebezi okuthi iqembu lingase lilahlekelwe ngabanye abadlali balo abasemqoka ngokuphela kwale sizini. Phakathi kwabo kuvela amagama osiyeSiyethemba Sithebe, noBongi Ntuli, nonozinti uSiyabonga Mbatha.
UZungu uthe abakwaziyo wukuthi ubeyiphoyisa nje kuphela, okuhlangane namatekisi kungabuzwa kusoseshini okuthiwa ubesebenzela kuwona.
UZungu uthe isiyingi sasoSizweni asinawo amandla okumumisa enhlanganweni.
UZungu uthe kungenzeka ukuthi le nto ihlelwa ngabathile abanezinhloso zabo kodwa bona abahambisani nokuthungelwa ngomlilo kwamaloli.
UZungu uthe naye uzihluphile ngokuthola ulwazi ngeqembu aya kulona.
UZungu uthe nokubheduka kweCovid-19 kuthele usawoti esilondeni.
UZungu uthe uma kuphuma izinkomo kuyolotsholwa noma kungena umakoti bekwaziwa kahle ukuthi kumele kukikize bonke abesifazane.
UZungu uthe uMcCarthy bamnike wonke amandla eqenjini. Ngeke nangengozi bagxambukele emsebenzini wakhe.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi uDlamini ubeyisibonelo kuye ngendlela eyisimanga. Uthe uyazi ukuthi kusamele asebenze kanzima ukuze azuze okwanqotshwa uDlamini.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi ukunqoba kusasa kuzobanika igunya eliphelele lokugxila emalungiselweni eChampions League.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi usazohlangana nethimba labaqeqeshi eliholwa uMcCarthy ukuthola ukuthi bakhona yini abadlali abazobadinga njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Livulwa ngoJanuwari 18, livalwe ngoFebruwari 15.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi uyezwa nje abantu bethi ukunqoba kweChiefs inkomishi kunganyomfa izinhlelo zabo.
UZungu uveze ukuthi ahamba kahle amalungiselo okuya e-Afrika. Sebeyitholile nekhalenda yeCaf, sebeyibhalisele nenkundla abazodlala kuyona imidlalo yomqhudelwano.
UZungu uveze ukuthi sebephakathi nezinhlelo zokuhlomela isizini ezayo, wakuqinisekisa ukuthi sebesayinise abadlali ababili abebeyibamba kwiMaritzburg United, uKeegan Buchanan noMxolisi Kunene odlala emuva kwesokunxele. Leli phephandaba lihoshe ukuthi AmaZulu afuna uSipho Mbule weSuperSport United.
UZungu uyakuqonda ukuthi ukuze ayibuse iPremiership kufanele athole abadlali abaphezulu abathengwa ngezindodla zemali. ISundowns isikhombise kaningi ukuthi ayigodoli nemali uma ifuna umdlali. Lokhu kwenza ihlale iwuwina njalo umbango womdlali nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates phambilini ebezibalwa njengokuyizo eziphethe okhilimu babadlali.
UZungu uze wafaka negama likaKeagan Dolly, ayegijima naye kwiDowns, wacela amufakazele.
UZungu uzojoyina iqembu selinemidlalo ewu-10 yeligi laqoqa amaphuzu awu-26. Okwamanje iRangers isazihola phambili, ihlukaniswe ngamaphuzu amathathu nompetha iCeltic abangemuva ngomdlalo owodwa.
UZungu washona washiya imali eningi nokumenza asondelane noNkaba osenguyise.
UZUZE okuhle okuphindiwe umshayeli wetekisi obezifundisa ngomholo wokulayisha abantu ebasusa e-Ivory Park ebayisa eSunninghill eGoli.
UZverev naye ekhuluma nabezindaba kwi-YouTube, uthe usekuqaphele ukuthi uHarris ungumdlali oyingozi futhi ulindele obunye ubunzima ngoLwesithathu.
UZverev unqobe lo mdlalo ngo-7-6, 6-3, 6-4 emuva kwamahora amabili nemizuzu eyisishiyagalombili.
UZverev usezobhekana noNovak Djokovic kowandulela owamanqamu ngoLwesihlanu. UDjokovic udlule kuMatteo Berrettini ngo-5-7 6-2 6-2 6-3 kumakota.
UZWAKALA ebika izaba umqeqeshi weChappa United, uDan "Dance" Malesela ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates enethuba lokusondela kwiMamelodi Sundowns esicongweni seDStv Premiership.
Uzwakala ebuza uzakwabo ukuthi uyamthwebula yini kodwa uzakwabo aphike aze alale ngomhlane. Ngokuthola ngelungu lomndeni esiligodlile ukuvikela isithunzi somgilwa, lo mfundi ushaqeke kwaze kwaphela nasozwaneni uma esezwa abanye abafundi besilisa, sebencoma umzimba wakhe ngakusasa.
Uzwakala ethi: “Hhayi bo guys niyawasha? Benisemnyango nabanjwa umemu Mbeje, wahamba wayolanda iwashingi? Hhayi bo guys nijeziswa ngewashingi?” kubuza lo mfundi ephela yinsini.
Uzwakala ethi kumphatha kabi ukubona intsha yabantu abamnyama efundile kodwa “engamathuluzi abelungu”.
Uzwakala ethi: “Yini ndaba weyise kanjena wena shl..., yeyi fuse.., uchitha isikhathi sami ngikufaka i-drip ngithi ngiyakusiza.”
UZWAKALA njengomuntu oselindele noma yini umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, obhedelwa yizinto selokhu kuqale isizini. Usuthu selushaywe kabili kulandelana kwi-Absa Premiership, lwangenelwa amagoli amane, lwangashaya nelilodwa igoli.
UZWAKALA sengathi uzizwa ezelwe kabusha umdlali weLamontville
UZWAKALE enengeka futhi eduba umqeqeshi wePlatinum Stars, uCavin Johnson, ngenxa yokuthi alokhu ebhebhetheke njalo amahlebezi okuthi umgadli wakhe ongaconsi phansi, uNdumiso Mabena, usendleleni ebheke emaqenjini athathwa njengamakhulu eGauteng ngokuphela kwesizini.
Uzwakale ephendulana kabi nomqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo nonondweba, uThando Ndzandzeka. I-match commissioner nonozinti wesine nabo kabasalanga kulabo abazitohle bebhekene nolaka lukaMcCarthy.
UZWAKALE eyishaya emuva naphambili ngesikhathi esifanayo uHelman Mkhalele ebuzwa ngokubiza abadlali abasemgodleni weqembu eliya kuma-Olympic Games kodwa abanye ebebashiye ngaphandle.
Uzwakalise injabulo ngekhefu lamasonto amabili ngoba ubona ithuba lokuphinde asebenze nabadlali bakhe yize ebezitshela ukuthi useqedile.
Uzwakalise ithemba ngokumiswa kokudayiswa kotshwala, wathi lokhu kuzokwehlisa ingcindezi kubasebenzi bezempilo ngeziguli ezifika ngobuningi bazo ezibhedlela ezisuke zilimele ngenxa yezigameko ezithinta utshwala, okwenza ama wadi amaningi agcwale lezi ziguli esikhundleni sokwamukela ezihaqeke ngeCovid-19.
Uzwakalise okukhulu ukujabula ngalo mphumela kodwa waxwayisa abadlali bakhe ngobumqoka bokuqhubeka nalo mgqigqo.
Uzwakalise ukuba novalo ngalesi simo uJoy Mbewana, ongumengameli weCultural & Creative Industries Federation of South Africa. Uthe babheke ukuthi umthetho othinta ukusebenza kwabo uxegiswe uma uRamaphosa esekhuluma nesizwe kuleli sonto.
Uzwakalise ukubonga kubalandeli babo abalokhu bebathumelela imiyalezo yokubahalalisela ngesipho sabo.
Uzwakalise ukubonga kubantu ngokumamukela ngezandla ezifudumele njengoba umculo kwakuyinto ekude naye ngaphambi kokuthi apikwe uBabes kule ngoma ebishisa izikhotha ngonyaka odlule.
Uzwakalise ukudumala ngalokhu, wathi lokhu kuwubudedengu obukhulu emakhanseleni. Uthe kumele engabe ayabazi abantu abadinga ukudla ezindaweni ahlala kuzo ukuze uma ehambisa ukudla, kungabi khona ukudonsisana njengoba kwenzeka.
Uzwakalise ukudumala ngesenzo sikaNkk Clarke sokuphawula emaphepheni egxeka umdanso ohambisana neculo labo ngaphandle kokubanikeza ithuba lokuchaza ngawo.
Uzwakalise ukudumala ngezinkulumo ezisabalele ngaye wathi abantu kumele baqonde ukuthi nsuku zonke ulwela ukuphilela izingane zakhe nomndeni wakhe. “Ukuphila nesifo sikashukela akusho ukuthi impilo kumele ime. Kuchaza ukuthi kumele ngilwele ukuphila, ngikhuthaza nabanye abanalesi sifo. Ngiphinde ngisize nabantu ukuthi bazivikele ekutholeni lesi sifo."
Uzwakalise ukudumala ngokuthi izinga lokuvikeleka kwezikole ezindaweni okuhlala kuzo abantu abamnyama, lisephansi ngendlela exakile.
Uzwakalise ukudumala ngokuthi nakuba benza ngawo wonke amandla ukuthi ukufunda kubuyele esimeni esifanele kulesi sikole, isigungu sakhona esilawula isikole, senza umsebenzi wabo ube lukhuni ngendlela exakile.
Uzwakalise ukudumala ngokwanda kwesibalo sabahaqekayo kulesi sifundazwe.
Uzwakalise ukukhathazeka mayelana nodlame olubhekiswe kwabesifazane. “Emuva kokuhlolwa kwesidumbu kutholwe ingane yentombazane. Nokubanga ulaka nobuhlungu kakhulu. Kungani umuntu ebulala umuntu othwele omunye umphefumulo?
Uzwakalise ukukhathazeka ngabafunda uGrade 12 uma kuwukuthi kuyekwa yonke into ngoba abakwazi ukuphuma esikoleni nokuzoba yinkinga kubafundi okufanele bayoqala uGrade 1.
Uzwakalise ukukhathazeka ngabasebenzi abawu-220 768 okufanele bahole kodwa abangakaholelwa ngenxa yokuthi abaveli kwi-UIF noma abaqashi babo bathumele imininingwane engaphelele.
Uzwakalise ukukhathazeka ngentsha ephakathi kuka-18 no-34 engaphumi ngobuningi ukuyogoma.
Uzwakalise ukukhathazeka ngezigameko zokubulawa kwabantu ezigcina zibuyele KwaZulu-Natal njengoba ethe sekukaningi kubulawa abantu bese kutholakala ukuthi abantu abababulele abakulesi
Uzwakalise ukukhathazeka ngezikhungo okuhlale njalo kuqokwa abalawuli kuzo ngoba zingaphethwe ngendlela.
Uzwakalise ukukhathazeka ngezinhlelo ezimile osekuphele iminyaka zimile.
Uzwakalise ukukhathazeka ngochatha ofakwe wuNgqongqoshe weziMali uMnuz Tito Mboweni, empeshenini yabadala esho nokuthi yibona ababuye bondle imindeni kwazise inqwaba yabantu bakuleli abasebenzi.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwamaphoyisa wathi selokhu angena ngoFebhuwari njalo ngempalasonto ungcwaba amaphoyisa.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokushona kukathisha obesebenza esikhungweni sokumaka esise-Estcourt.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwesibalo sabantu abasuleleka ngeCovid-19 nasebeshonile ngenxa yayo kulesi sifundazwe.
Uzwakalise ukukhathazeka ukuthi abasebenzi bangase baphelelwe yimisebenzi ezimbonini ezisebenzisa kakhulu ugesi ngenxa yokuthi ngeke zikwazi ukubhekana nezindleko zikagesi obizayo.
UZWAKALISE ukukhathazeka uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu - Natal, uNkk Nomagugu Simelane- Zulu ngokunyuka kwezibalo zomama abancane ngesikhathi kwethulwa izibalo zezingane ezizalwe ngoKhisimusi.
Uzwakalise ukukhathezeka ngokuthi kunemali umnyango ongazange uyisebenzise.