input
stringlengths
1
130k
UZondo wathi uzolulalela lolu daba bese exhumana nezinhlangano ezizimele ezazi ngomthetho ngokuthi alusingathe kanjani.
UZondo wayiguqisa ngaphambi kwesikhathi ikhomishini ngoLwesithathu ukuze kudingidwe isikhalo sikaZuma ngendlela abebuzwa ngayo imibuzo kule khomishini.
UZondwa usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sethelevishini iSABC Full View njengoba edalule nokuthi leli qhawekazi lizofihlwa ngoLwesihlanu okuwusuku olwandulela usuku lokuzalwa kukayisemkhulu, uNelson Mandela.
UZONGCWABA umlotha ngoMgqibelo umndeni wowesifazane isidumbu sakhe esilothiswe eBahamas, ebesesiduve inyanga emakhazeni akhona.
UZONGCWATSHELWA eMlaza, ngoLwesithathu umculi obeyilungu leqembu i-Afro Soul, uSeargent Malishe oshone ngokuzuma phakathi nesonto ngeledlule.
“Uzongcwatshwa eGoli, ngoMgqibelo. Emngcwabeni wakhe kuzolandelwa yonke imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona,” kusho uSeale.
UZONGCWATSHWA kusasa umlingisi wefilimu iMatwetwe, uSibusiso Khwinana oshone ngempelasonto edlule ngemuva kokugwazwa abalisa abebembamba inkunzi.
UZONGCWATSHWA namhlanje ngemuva kwenkonzo ezoba se-Inkosi Albert International Convention Centre u-Anele “Nellie” Tembe obeyingoduso yomrepha u-AKA.
UZONGCWATSHWA ngohlelo lokuhlonishwa wuhulumeni kazwelonke uNksz Bavelile Hlongwa (38), obeyiphini likaNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi nezaMandla, oshone ngoLwesihlanu.
UZONGCWATSHWA ngokohlelo lombuso umsunguli weNational Freedom Party (NFP), uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi oshone ngasekuqaleni kwesonto exinwe yisifo senhliziyo esesibhedlela eThekwini. UNobhala-Jikelele we-NFP,uMnuz Canaan Mdletshe okhulumela umndeni, uqinisekise ukuthi bathole umbiko ovela kuhulumeni othi umholi wabo uzohlonishwa ngohlelo lombuso njengoba umndeni kade ucelile.
Uzongcwatshwa ngoLwesine kwakhe eMpangeni ngomngcwabo osezingeni lukahulumeni wesifundazwe esigabeni sokuqala.
UZONGCWATSHWA ngoLwesithathu (namhlanje) umculi wokholo uNeyi Zimu, odlule emhlabeni ngeledlule emuva kokuxinwa yisifo somdlavuza wesikhumba.
Uzongena esikhaleni ebesibanjwe nguMfundisi Prince Zulu owabamba kusukela kuhamba uSabelo Mkhathini.
Uzongena kuma-quarter final enamagoli amathathu kwazise ushaye enye ingqophamlando esigabeni samaqoqo.
Uzongena lapho kuphume khona uBenson Mhlongo osekuphele izinyanga ezinhlanu eshiyile kwiBucs wayozimela kwiNational First Division (NFD).
“Uzonginika angithi? Ngiyakucela phela, angithi uwedwa lapho. Ngiyakunxusa, oh uyangichomela?”.
UZongo (28) uzakhele igama ngokudlala ibhola elineNkosi phakathi kodwa wekuhlulwa wukuziphatha. Usezanywe kaningi ngemuva kokwenza amaphutha. Uqale ukugqama kwiSuperSport United.
UZongo ubuyele kwi-Eagles maphakathi nesizini edlule ngemuva kokuboshwa esolwa ngokudlwengula kodwa lelo cala labuye laphela. Ukhombisile izimpawu zokubuyela efomini kodwa kwabuye kwaphela.
UZongo uke wahlala izinyanga ejele. Wayeboshelwe izinsolo zokudlwengula kodwa waphuma phambili ecaleni. AbakwaMpisane yibona abakhokhela abameli. Esikhundleni sokuthi bamkhombe indlela bambuyisile eqenjini.
UZongo ukusho lokhu ekhuluma neSuperSport ngemuva komdlalo iqembu leNational First Division (NFD) elishaywe kuwona yiMaritzburg United ngo 2-1.
“UZongo ungomunye wabadlali beqembu abangeke baze babuye. Inkontileka yakhe iphelile iqembu lathatha isinqumo sokuthi ngeke liyivuselele. Simfisela inhlanhla lapho eya khona. Abanye abadlali izinkontileka zabo ezingazange zivuselelwe nguMpho Mvelase, Thabo Mokgothu, Sandile Kubheka noMame Niang,” kusho uDlamini.
UZongo uphinde waxoshwa kwiRoyal Eagles edlala kwiNational First Division (NFD) KwaZulu-Natal.
UZONIKELA ngohhafu womholo wezinyanga ezimbili enhlanganweni esiza umphakathi uSotswebhu we-ANC eMkhanyakude, uNksz Maniza Chantal Ngcobo, okwavela i-video yakhe enika abantu bakubo utshwala.
*Uzonikezwa abasebenzi bezempilo. Nabo bazofaka izicelo zokugoma.
“Uzonikezwa imibandela emithathu umqeqeshi okufanele aqinisekise ukuthi iyenzeka. Kufanele sibe khona kweyamanqamu eNdebe yoMhlaba eFrance ngo-2019, aphinde aguqule iBanyana ngokuthi ibe yiqembu elihlonishwayo e-Afrika. Kufanele elakuleli libe sendaweni ehloniphekile uma kukleliswa amazwe."
UZonke Mchunu ongu-Imani kuMuvhango wahlaselwa esolwa ngokuchitha imishado yabantu.
UZONQUNYWA ebandleni umfundisi wenkampani kamasingcwabisane wasoLundi oboshelwe icala lokutholwa nebhokisi elintshontshiwe.
UZONYUKA ngoR1.34 cents uphethroli kule nyanga bese udizili unyuka ngo-82 cents ilitha.
UZookey uzokwethula uhlelo lwangempelasonto phakathi kuka-2 ntambama no-6 ebusuku. Umthombo ongashayi eceleni uthe iziphathimandla zilande uZookey, osebuya nakwi-East Coast Radio neKwekwezi FM yaseMpumalanga, ngenxa yamava akhe.
UZOPHEKWA ngemibuzo namhlanje uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, (osesithombeni), kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
UZOPHENDUKA impi yokubuyisa ifomu oweRoyal AM neStellenbosch FC weDStv Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini ngeSonto ngo-3.30pm.
“Uzophendula kuyona i-App ukuthi uyathanda yini ukubizwa kwinhlolokhono. Izothatha bonke abawulungele umsebenzi ibanike uthishomkhulu nesigungu esilawula isikole. Uma kunabalishumi abafake isicelo somsebenzi, kwabizwa abathathu kwinhlolokhono uthishomkhulu ne-SGB komele bachaze ukuthi bashoniswephi laba abanye abayisikhombisa,” kusho uMshengu.
“Uzophepha kanjani umntwana esesatshiswa ngothisha bekhala ngokuthi bazolahlekelwa wumsebenzi ngenxa yakhe. Bona babalisa ngokuphelelwa wumsebenzi abanendaba nhlobo nendlela lo mntwana ashaywe walimala ngayo,’’ kukhalaza umalume kaNaledi.
Uzophinda nayo futhi iMaritzburg eHarry Gwala Stadium koweligi maphakathi nesonto elizayo.
Uzophinde abizelwe phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe zingakapheli izinsuku ezingu-30 emva kokuthola incwadi emmisayo.
Uzophinde abonakale komunye osuselwe encwadini engaconsi phansi komuntuza yopopayi esihloko sithi Charlotte’s Web. Nawo lo mdlalo uzokhonjiswa e-Elizabeth Sneddon Theatre, ngoJuni 13 kuze kube wuJulayi 7 kulo nyaka.
Uzophinde ahlale ngaphandle uma iCeltic isibhekene neCape Town City ngoMgqibelo.
“Uzophinde akhulume ngezinkinga ezikhungethe amabhizinisi kahulumeni ikakhulukazi i-Eskom noPrasa bese eveza izinhlelo zokuwatakula. Uma amabhizinisi kahulumeni engenzi kahle ngeke umnotho wezwe ukhule,” kusho uKhumalo. Uthe enye into umengameli azokhuluma ngayo yizinhlelo zikahulumeni zokuzama ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
UZOPHINDE awudlele esitokisini uKhisimusi umfundisi obhekene namacala okudlwengula nawokuhlukumeza ngokocansi njengoba icala lakhe lihlehliselwe uJanuwari 28 ngonyaka ozayo.
UZOPHINDELA enkantolo ngoMashi 26 umculi kamaskandi obhekene necala lokuzama ukubulala.
UZOPHOTHULWA ngesonto elizayo umbiko wophenyo mayelana nezigidi zamaRandi ezasetshenziswa wuMasipala weTheku ukulwa nobhubhane iCorona.
“Uzophunyuzwa amasonto amabili ukuthi alulame,” kusho uMilner kwi-website yeChiefs.
UZOQALA ekupheleni kwale nyanga umjikelezo wokuhambela amadolobha ahlukene akuleli kweqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration.
Uzoqala kusasa ntambama ngo-4 eDarren Sammy Cricket Ground e-Saint Lucia.
UZOQALA ngenyanga ezayo kuSABC1 umdlalo wamahlaya, osuselwe kowaphesheya othi Ugly Betty.
UZOQALA ngenyanga ezayo kwiNetflix umdlalo oqhakambisa imidanso ehlukene yaseNingizimu Afrika, iJiva!
UZOQALA ngo-Ephreli 4 ngo-8.00 ebusuku kwiMzansi Magic, umdlalo osungulwe ngabashadikazi bakaFerguson, uConnie noShona, iRockville owagcina ukubonakala kwithelevishini ngo-2016.
UZOQALA ngo-Ephreli 5, umdlalo okulindeleke ukuthi udonse amehlo abaningi kuSABC 3, ozodlala ngo-7 ebusuku iThe Estate.
UZOQALA ngomshado wesintu uNomsa Buthelezi ozoshada noZandile Shezi Isithombe:W24
UZOQALA ngonyaka ozayo ukusakaza owesifazane owine emncintiswaneni woKhozi FM, iWinnie Mahlangu Female Talent Search, ngo-Agasti nonyaka.
UZOQALA ukubonakala ekupheleni kukaJulayi uma sekuqala isizini yesibili yomdlalo iThe Queen, uZandile Msutwana olingisa indawo kaVuyiswa kulo mdlalo.
UZOQALA ukubonakala emdlalweni iRhythm City ngo-7 ebusuku kwi-e.tv, uZamani Mbatha ozakhele igama emdlalweni Isithembiso kuMzansi Magic.
Uzoqala ukubonakala emdlalweni we-e.tv iRhythm City City edlala indawo kaBanele ngoLwesine.
Uzoqala ukubonakala kulo mdlalo emasontweni amabili azayo ngo-Ephreli 16.
UZOQALA ukubonakala kusasa emdlalweni iGomora uSihle Ndaba, ozakhele igama elingisa indawo kaSmangele emdlalweni Uzalo.
UZOQALA ukubonakala ngoJanuwari 16 ekhuza ibuya kuGenerations The Legacy uConnie Ferguson odlala indawo kaKarabo Moroka.
Uzoqala ukubonakala ngoNcibijane kulo mdlalo. Kusenjalo kumenyezelwe ukushiya kuka-Enhle Mbali Maphumulo kulo mdlalo.
Uzoqala ukuhlala ebhentshini uma iBafana isibhekene neZimbabwe kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ekuqaleni kukaJuni. Amanye amazwe abaqhathwe nawo i-Ethiopia neGhana. Kumele iBafana ilinqobe leli qoqo uma izimisele ngokudlulela esigabeni sokugcina sokuhlunga esizobe sesisele namazwe ayishumi. Kula mazwe kumele kuphume amahlanu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eQatar ngonyaka ozayo.
UZOQEDELA isigwebo sekhadi elibomvu bese ebuyela “ekhaya” umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uLorenzo Gordinho ozobuyela eNaturena ngemuva kokubolekiswa kwiBloemfontein Celtic.
UZOQHUBEKA ahlale ezitokisini uNgizwe Mchunu, njengoba kulindeleke ukuthi uMbuso nabameli bakhe baqhubeke nokwethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, kwisicelo sakhe sebheyili.
Uzoqhubeka nokudlalela amaBulls. Isipiliyoni sakhe sizodingeka kuleli qembu lakhe kwi-United Rugby Championship eqhubekayo njengoba lisanda kulinyalelwa nguJohan Goosen.
UZOQHUBEKA nokulala esitokisini owake waba yisihlabani se-Orlando Pirates, uPatrick “Boka” Phungwayo, onqatshelwe ibheyili ngoLwesine yiNkantolo yeMantshi yaseGoli, ozobuyela enkantolo ngoMsombuluko.
UZOQHUBEKA nomsebenzi ekhaya uNgqongqoshe wezokuMbiwaphansi nezaMandla uMnuz Gwede Mantashe izolo othole ukuthi uhaqeke ngeCovid-19 nenkosikazi yakhe uNolwandle.
UZOQHUTSHWA eyobona Imbube uMthandeni Ígcokama Elisha ‘Manqele njengoba bekhuzwa ngokuzibiza ngamakhosi kamaskanda
UZOQINISEKISA ukuthi kwakhiwa izindlu ezisesimeni esifanelekile nokuthi yonke imali ayibuyeli emuva ingakwenzanga ehlelelwe kona eMnyangweni weziNdlu kuMasipala waseKurhuleni ,uMnuz Alderman Alco Ngobese.
UZOQOPHA umlando uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose eba ngumculi wokuqala kamaskandi ukuba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe kuMzansi Magic.
UZOQOPHA umlando umshovi wamabhayisikili wakuleli, uNicholas Dlamini, njengoba ezoba yingxenye yomjaho wamabhayisikili omkhulu kunayo yonke emhlabeni, iTour de France.
UZOSABALALA zonke izinkalo ngisho naphesheya kwezilwandle ephusha umculo wakhe uDJ Merlon obegubha usuku lokuzalwa endaweni yobumnandi iRich Durban ngoMgqibelo ebusuku.
UZOSAKAZWA bukhoma kwiSABC1 ngoDisemba 12, ngo-8 ebusuku umcimbi amaSouth Afican Hip Hop Awards (SAHHA), okuzobe kuhlonishwa kuwo abaculi bakuleli abasemkhakheni we-hip hop.
UZOSAKAZWA kwiSABC 1 umcimbi wokuqala ngqa wabaculi ba-mapiano, amaSouth African Amapiano Music Awards (Saapa), obuseSandton Convention Centre, eGoli ngoMgqibelo ebusuku.
“Uzosebenzisa ilungelo lakhe elisemthethweni lokuthi angaqhubeki nokufaka isicelo sebheyili,” kusho ummeli kaKhumalo.
“Uzosebenzisa ilungelo lakhe lokudlulisela isinqumo secala esebenzisa umthethosisekelo we-ANC,” ngokusho kommeli kwincwadi ayibhalele i-ANC eGauteng.
UZOSEBENZISA uMkhambathini Half Marathon ukuqinisekisa ukufezeka kwephupho lokungena eqenjini lesizwe, uSibusiso Kubheka (24) weXcel Running Club ofike kwezwakala kwezokusubatha.
UZOSEHLISELA kubadlali abangu-23 ngoMgqibelo isikwati seBafana Bafana umqeqeshi wayo uHugo Broos, ngoLwesibili ofake amagama amasha ohlwini lwabantu-34.
UZOSHAYA izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa uGiovanni Solinas ongumqeqeshi weKaizer Chiefs njengoba ezosebenzisa ikhefu lemidlalo yeFifa ngokuthi aqinisekise ukuthi umgadli wakhe omqoka uLeonardo Castro uwulungele owabakhaya ngesikhathi esifanayo adle iMacufe Cup.
UZOSHESHE ufike umdlalo womkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emva kokuthi la maqembu eqhathwe womabili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 izolo ebusuku.
UZOSHINTSHA ukwenza umqeqeshi weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge, u-Arthur Zwane, uma sebebhekene neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngempelasonto.
UZOSHISA phansi umbango wesikhundla sokuhola iqembu eliphisayo iDA njengoba izolo intokazi yaKwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli (31) imemezele ukuthi isiphakathi embangweni walesi sikhundla ebesibanjwe nguMnuz Mmusi Maimane iminyaka emihlanu.
Uzoshiyelana inkundla noDumi, Keke, Jumbo, Avante, Hlengiwe Mhlaba, Malusi Mbokazi nabanye. Amathikithi atholakala eComputicket ngoR120 kuthi iVIP ibe nguR500.
Uzoshiyelana inkundla noZonke, Vusi Nova, Mlindo, Afrotraction, Lady Zamar noZamajobe.
UZOSINGATHWA okokuqala ngqa KwaZulu-Natal, lo mjikelezo wezimoto oqala ngoMsombuluko, ugqugquzela ezokuphepha emgwaqweni, iSUV Challenge.
“Uzosondelana noSuffocate amdobe ukuze angene ebhizinisini elikhulu ukuze abe namandla amakhulu. Uzoba ngumngani wakhe ongamsabi okhuluma noma yikanjani naye,” kusho uMatodzi.
UZOSONGWA lo nyaka isilomo se-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch singabonwa nangokhalo enkundleni.
“Uzoteta ngoSepthemba 11, okuwusuku olufanayo nokuzophuma ngalo i-AMN (i-albhamu kaCassper),” kusho umthombo osondelene nabo bobabili.
UZOTHATHA amakhosikazi amabili izinsuku zilandela ozimisele ngokushada nawo ngosuku olufanayo maduze.
Uzothatha isikhala sikaKhutha Mchunu, ozowuqala ebhentshini umdlalo. Olunye ushintsho olwenziwe eqenjini elihlule amaGriquas kowandulela owamanqamu nalo lwenziwe phambili. UKhwezi Mona uzothatha indawo kaNtuthuko Mchunu.
UZOTHATHELA uMbuso izinyathelo zomthetho usihlalo we-IFP esiFundeni sasoThukela ngemva kokuhoxiswa kwecala abebhekene nalo yinkantolo izolo.
“Uzothathelwa izinyathelo oyotholakala ukuthi unecala,” kusho uMaphisa.
Uzothembela kubadlali okukhona kubona abasebancane uNjabulo Blom noNkosingiphile Ngcobo oqokwe njengomdlali ovelele koweChippa. UHunt uthe konke kusezandleni zakhe uNgcobo ukuthi aqhakaze eNaturena.
UZOTHI xinti izinsuku ezimbalwa emdlalweni Uzalo usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize.
UZOTHOBEKA amanxeba uma esethole isinxephezelo nobulungiswa umlisa waseSteadville, eMnambithi, omangalele amaphoyisa ngokumdubula walimala eyothenga ugesi esitolo sendawo.
UZOTHOLA isinxephezelo sika-R400, 000 esivela emaphoyiseni uthisha waseGa-Rankuwa ePitoli owaboshwa ngokungemthetho ngecala lokubulawa komyeni wakhe ngonyaka ka-2005.
UZOTHOLA ithuba eliyingqayizivele lokusebenza nenkakha yakudala ye-Arsenal, yase-Englanda neFrance, uThierry Henry, umgadli osemncane we-Orlando Pirates uLyle Foster.
UZOTHOLA izidingo umphakathi wasemijondolo iNew City ku-ward 14, eDassenhoek eMariannhill njengoba sekuqaliwe ukufakwa kwezinombolo zezindlu kanti maduzane kuzofakwa ugesi.
Uzothola nokuthi umndeni usukhohliwe wukuthi uma lo muntu eseshonile kuhle ukuthi uma kuphuma imali yakhe kumele inkosikazi ikhulise izingane ngayo, hhayi ukuthi kulokhu kubangwa. Bakwethu imindeni ayiphathane kahle, akungasuki inzondo ngento engekho. Isizwe kumele sikhulisane ngendlela eyakhayo ukuze izingane zingabi nenzondo uma zizwa umlando wokuthi kwashona uyise kwahlakazeka umndeni.
Uzothumela ithimba labacwaningi ezinkampanini ezisebenzisa abasebenzi ngenkani yize bengebona abasebenzi abadingekayo noma abakha imikhiqizo edingekayo kulesi sikhathi.
UZOTHUNYELWA ukuyohlolwa isimo sakhe somqondo, umsolwa ecaleni lokubulala isitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal obevele okwesibili eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
UZothwane usuka kwi-Lamontville Golden Arrows lapho abeyibambe khona njengephini likaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, oqeqesha iqembu elincane le-Arrows elidlala kwi-MultiChoice Diski Challenge (MDC).
UZothwane uzishaya isifuba ngebhola elidlalwa ngabafana bakhe abathange emaqenjini ayibamba kwi-ABC Matsepe League. Unethemba lokuthi ukunqoba eqenjini elinzima elinjengeBay kuzobavulela inhlanhla.
UZOTSHALWA esithe ngokwesiko uNdlunkulu Mantfombi Shiyiwe Dlamini Zulu (65), okhothame eyiBambabukhosi lombuso kaZulu. Isilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, satshalwa ngokwemfihlo kodwa uhulumeni wasihlonipha ngenkonzo yomgcwabo wombuso ngokwesigaba sokuqala, lapho kwakukhona umengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.