input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
UZOGWETSHWA ngo-Okthoba uNicholas Ninow (22) olahlwe yicala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka engu-8 endaweni yokudlela, iDros restaurant ePitoli, ngoSepthemba nyakenye. |
UZOGXILA ekuthuthukiseni amabhizinisi kwezolimo nakwezokuvakasha uMasipala wesiFunda iZululand kulo nyaka wezimali. Lokhu kuvezwe yiMeya yalo mkhandlu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, izolo kade ethula isabelomali sika-R1.1 billion esabelwe lo masipala. |
Uzohamba ngoFebhuwari 4 eyonandisa eSwitzerland nase-United Kingdom aze abuye ngoFebhuwari 12. |
Uzohamba uzibiza ngomemu kanti kudala saphuma isikole, mhlawumbe uthole ukuthi kukhona uthish’omkhulu. |
Uzohambisana nenkakha yaseNigeria, uJay-Jay Okocha nezimbili zeManchester United, uDwight Yorke noPhil Neville. |
UZOHANJELWA ngabalingisi beMbewu umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lukaMfundisi webandla laseZayoni, iNkanyisweni Church of Christ in Zion (CCZ) eWaterloo Community Centre ngoMgqibelo ntambama. |
“Uzohlala kuze kuphele isizini eqenjini ngoba ngifuna aqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule. Ngingakuqinisekisa ukuthi akasekho omunye umdlali ozohamba kule sizini ngemuva kukaMaboe (Lebohang) ngoba sifuna ukuthi sigcine umgqigqo weqembu kuze kuphele isizini,” usho kanje uKadodia. |
Uzohlale uthola ukugxekwa kukho konke okwenzayo. Kuzohlale kunabantu abakuzondayo. Udinga ukwamukela ukugxeka kkwakhayo ukuze ubhekane kahle nenselelo, kuphetha uThuthuka. |
“Uzohlanganisa umbiko elandela imithetho yenkantolo nokuyinto azoyenza ungakashayi u-Agasti 15,” kusho uSegalwe. |
Uzohlawuliswa imali engaphezulu kuka-R100 000 ngalesi senzo. Ozakwabo bona kuthiwa basaphenywa. |
UZOHLOMULA ngo-R300 000 nenye imali ngaphezulu uRoger Sikhakhane osize iThanda Royal Zulu yazibekisela indawo ku-Absa Premiership ngemuva kokudla umhlanganiso kuNational First Division (NFD). |
“Uzohlomulisa umphakathi waseDududu njengoba uletha ulwazi emphakathini. Uzokwenza kube lula ukuthi abantu bafunde baphinde baqale amabhizinisi abo,” kusho uNkk Sithole-Moloi. Lo mtapo wolwazi unezincwadi ezingu-8 000 uphinde ube nemidlalo ye-chess neyethelevishini. |
UZOHLONISHWA ngegalelo lakhe lokusiza abantu abaswele emazweni ase-Afrika umculi wakuleli, uYvonne Chaka Chaka. |
UZOHLONISHWA ngeziqu zobudokotela umculi kamaskandi uBuselaphi Gxowa, ngamagalelo akhe okuthuthukisa umphakathi, emcimbini ozoba se-University of Zululand, Ongoye ngoJuni 21. |
UZOHLONISHWA ngomngcwabo osezingeni lukahulumeni, owayengundunankulu wokuqala kwisifundazwe saKwaZulu-Natal ngaphansi kwentando yeningi, uDkt Frank Mdlalose (89). |
“Uzojoyina ngokusemthethweni uhla lwabasakazi abazomenyezelwa ngokusemthethweni ngo-April 1, wonyaka ozayo, sekwenziwa izinguquko. Uhlu lwabasakazi luzomenyezelwa ngesikhathi esifanele lapho kuzovela khona negama lakhe.” |
uzokhipha imali ebhange azibhejele yena ukuthi uzokwehlula uPacquaio. |
Uzokhishwa ngendlela ejwayelekile kubo eseyiswa esontweni ngengubo emhlophe yomshado, aze ayoma phambi kombhishobhi. |
Uzokhonjiswa kwiSABC 2 kusukela ngo-11 ekuseni ngoMgqibelo. |
Uzokhuluma nangesikhathi sakhe edonsa isigwebo ejele. |
“Uzokhuluma nangokubuyiswa komhlaba ukuze kungabi sengathi yizinto ezaziqhamuke noZuma zaseziyashabalala,” kusho uFikeni. |
UZOKHULUMA nesizwe maduze uMengameli Cyril Ramaphosa njengoba ziqhubeka nokunyuka izibalo zabahaqwa yiCovid-19. |
UZOKHULUMA nesizwe ngelizayo uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuzokwenzeka esigabeni sokuqala somvalelandlini. |
Uzokhuluma ngezinto ezehlukene esayiPhini likamengameli wezwe. Uzophinde afakaze njengomengameli we-ANC. |
Uzokhumbula futhi ukuthi iMcLaren ineqembu ezimotweni zomjaho iFormula 1 lapho kushayela khona uLando Norris noDaniel Ricciardo okuyimanje lisendaweni yesine ngamaphuzu emaqenjini angu-10. Ubuchwepheshe namava abakuthola ezimotweni zomjaho bakufaka nakulezi zimoto. |
“Uzokhumbula futhi ukuthi nyakenye azibanga khona iziteleka zothisha ngakho ukusebenzisana okuhle nezinyunyana kusisizile. Uma izinyunyana zothisha ziteleka singaba nenkinga yingakho nazo sizibonga ngoba akubanga nomdonsiswano obungaze wenze ukuthi kube nokuphazamiseka kokufunda nokufundisa.” |
“Uzokhumbula kwakuthinteka nomasipala, nawo owabe usuzihlangula. IMaphinda ibisiluyekile lolu daba. |
“Uzokhumbula ukuthi i-ANC inqume ukuthi bonke oSomlomo kumele kube abantu besifazane. Nguyena muntu onamava esiShayamthetho ngoba ubehola i-ANC esiShayamthetho.” |
“Uzokhumbula ukuthi kunesikhulu esathatha isinqumo sokuthi kuyosakazwa umcimbi kaMroza Fakude kwaHlabisa kodwa kwanesinye esishaya phansi ngonyawo ekubeni kwase kumenyezelwe emsakazweni ukuthi uKhozi luzobe lusakaza bukhoma.” |
Uzokhumbula ukuthi kungekudala kade beseMlaza lapho babehamba khona nomrepha * -AKA beyokhangisa ngesiteshi sabo. |
Uzokhumbula ukuthi kwakukhona noMajoro (uLehlohonolo) kuMaZulu. Angazi noma nguBobby (Motaung) yini noma ubani omunye owabona kungcono bathathe uMajoro esikhundleni sami.”
“Uzokhumbula ukuthi kwaxoshwa umphathi wezimali, esinye sezikhulu eziphezulu saxoshwa kuzoba uKhisimusi. Ezikhaleni eziphezulu abantu babambile, abekho abaqashwe ngokugcwele,” kusho umthombo.
“Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi uZuma eyobhonga emswaneni endlunkulu ngesikhathi kukhotheme indlovukazi, waphuma waya kuwo amabutho, wafike wakhuza isiqubulo. Futhi akuzange kube khona nkinga ngoba uZuma vele usondelene nawo amabutho.”
“Uzokhumbula ukuthi ngo-1944 kuze kusungulwa uphiko lwentsha lwe-ANC, kwakusukela lapho ngoba kubonakala ukuthi labo asebeyizifundiswa kule nhlangano, sebehalela kuphela impilo esezingeni eliphezulu futhi base bebukeka sebebathambile abelungu sebekhohliwe ngokumele bakwenzele abantu,” kuchaza uKhumalo.
“Uzokhumbula ukuthi okunguyena muntu owayephambili ekwesekeni uMaimane nguNkk Helen Zille, akasekho ebuholini beDA njengamanje.
Uzokhumbula ukuthi uKhemisi ubengasamgxeki uhulumeni. Ubesehlale emncoma. Uphinde wabuyisa isigqi sakhe esidala nesamakhela ugazi.
“Uzokhumbula ukuthi usekela meya osulile esikhundleni ubephinde abe ngusihlalo wekomiti elibheke ukusebenza kwezimali zikamasipala. Ukungabibikho kukasihlalo waleli komiti kuyakukhinyabeza ukusebenza kukamasipala.
Uzokhumbula ukuthi wakhishwa esikhundleni semeya eNdumeni, ngabe uyaganga uma |
UZOKHUMBUZA abalaleli bomculo kamaskandi izinsuku zakudala uKhuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose emcimbini wakhe iFull Up Moses Mabhida, njengoba elande abasakazi boKhozi uNgizwe Mchunu noKhathide ‘Tshatha’ Ngobe bodumo loTalagu. |
UZOKHUNJULWA kakhulu ngamahlaya nangokuthanda ingqephu umculi wombhaqanga ne-soul owayedume ngeminyaka yo-1980 no-1990, uPat Shange. Ngokusho kobengunkosikazi kaShange weminyaka ewu-33 kodwa abesehlukanisa naye, uPatricia Shange, umufi ushonele esibhedlela saseGoli iChris Hani Baragwanath ngezintathakusa zangoLwesibili ngenxa yesifo esihlobene neCovid-19. "Mina bengigcine ukukhuluma naye ngoLwesithathu nangoLwesibili, eziphilele. Besincokola njengasimehleni ngoba phela asixabene futhi sinengane ebesiyikhulisa ngokuhlanganyela yize besingasahlali ndawonye. Bengimkhumbuza ngokuthi ayogonywa njengoba kubhokwe iCovid-19 eGauteng. Ngishaqekile ukuzwa sekuthiwa akasekho emhlabeni." Eqhuba uthe uShange waqutshukelwa ukugula ngoMgqibelo ebusuku. "Kwazanywa ukuba aphuziswe umhlonyana futhi agqume kodwa wanqaba. Ngakusasa ngeSonto waphuthunyiswa emtholampilo waseChiawelo ngoba wayesehluleka nawukuphefumula. Walashwa wabuye wadedelwa ngoba wayesezitshela ukuthi usengcono. Odokotela bathi uma bebona ezinye izimpawu zokugula njengokushaywa isifo sohlangothi futhi neminwe yakhe inokubanda, bamphuthumisa esibhedlela iBaragwanath lapho afike washonela khona ngoLwesibili," kusho uPatricia athe uzomkhumbula kakhulu umufi ngamahlaya.UPatricia uthe uyasola ukuthi umufi bekumkhathaza kakhulu ukuvalwa kwezwe njengoba ubengasakwazi ukwenza adume ngakho. |
UZOKUBA seGoli kuphela umcimbi womculi waphesheya kwezilwandle ongusonkondlo, uLauryn Hill, izolo okuvele izindaba zokuthi uza eNingizimu Afrika ngoFebhuwari ngonyaka |
Uzokulaxaza phansi, akushiye ahambe nabanye njengoba enza nje ngesikhathi eshintsha inombolo kamakhalekhukhwini. |
Uzokusiza ukuqinisa izinwele zakho zingaphuki kalula, zihlale zinempilo futhi nesikhumba sekhanda siphefumula kahle. Uyakwazi nokuwuxuba nezinye izinto wenze umxovo wezinwele. |
Uzokuthi ulazi iqiniso kodwa umuntu umvumele uma ethi kufanele eze ekhaya azobethela kumbe azogeza umsamo ngokukhipha izidalwa abuye azibuyisele futhi. Kukhona lokho ungambuzi ngalokhu osuke ukuphupha uboniswa khona imihla namalanga, ukuthi akuve yini kuyikhona na? |
Uzokuya kwikhomishini kodwa afike enze into eyenziwe uNkk Dudu Myeni (oweyengusihlalo webhodi lakwaSAA), afike engayiphenduli imibuzo ayibona ukuthi iyingozi, kusho uKhumalo. |
UZOKWAKHELWA indlu umndeni wakwaMbambo, kwaNgcolosi ngaseHillcrest, okuthiwa udilikelwe umuzi obuhlala kuwo ngoMsombuluko ekuseni, kwalimala umzukulu oneminyaka eyisishiyagalombili, nongeniswe esibhedlela. |
UZOKWAKHELWA isikole esinobuchwephese umphakathi waseCornubia, okuthiwa ziningi nezinye ezisadinga ukwakhiwa. |
UZokwana uthe bamatasa nezingxoxo ezizoqinisekisa ukutshalwa kwensangu ukuze ilaphe izifo ezithile kulandelwa umthetho. |
Uzokwazi namhlanje lo mrepha ukuthi uzobhadla iminyaka emingaki ejele ngaleli cala. |
UZOKWAZI ngoLwesibili umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ukuthi iqembu lakhe kuzofanele liqwale yiphi imimango ukuzibekisela indawo kwi-2022 Fifa World Cup ezosingathwa yiQatar. |
UZOKWAZI ngoLwesihlanu ukuthi uzodedelwa ngebheyili noma uzoqhubeka nokugqunywa esitokisini umdansi wasesitebeleni sikaDJ Tira, i-Afrotainment, obhekene necala lokudlwengula intombazane ena-13 engumakhelwane wakhe. |
Uzokwazi ukusebenzisana nosolwazi asebesebenze kanzima ekuhloleni ngemidlavuza evame kakhulu kubantu abanegciwane lengculazi okubalwa kuyo iKaposi sarcoma (KS). |
- Uzokwazi ukwengeza imali kwi-akhawunti yakho ngemuva kokubhalisa ngempumelelo i-akhawunti. Kunezindlela eziningi zokufaka noma ukugcwalsa kwi akhawunti, kusukela ekusebenziseni ikhadi lasebhange ukwenza ama-EFTs noma ukusebenzisa ivawusha etholakala ezitolo zakwa-Checkers naseShoprite. Izindlela ezithize zokufaka imali zingathatha izinsuku ezintathu ukubonakalisa imali, ngakho ke bheka ngokucophelela ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu efanele wena nezidingo zakho. Ukukhipha imali kwi-akhawunti yakho ngemuva kokuthi uthole umklomelo kulula kakhulu futhi kungathatha izinsuku ezintathu zebhizinisi ukuthi ifinyelele ku-akhawunti yakho. |
UZOKWEHLA kancane umthwalo kubashayeli bezimoto emuva kokuthi uMnyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele ukuthi lizokwehla ngo- 4 cents ilitha likaphethroli. |
UZOKWEHLA umthwalo emahlombe abashayeli uma ilitha kaphethroli yehla ngoR1.88 noR1.76 bese elikadizili lehle ngoR1.34. |
UZOKWENYUKA uphethrol esontweni lokuqala kuJuni emva kokuthi uke wehla izikhathi eziningana ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kwehla nomthwalo kubasebenzisi bawo. |
UZOKWENZA iziqu zomthetho eNyuvesi yaseRhodes, umfundi waseNdwedwe ophumelele ngamalengiso ezifundweni eziyisithupha kweziyisikhombisa abezenza ngesikhathi kukhishwa imphumela ka-matric yanyakenye. |
“Uzokwenza uhlelo lwasemini, siyajabula kakhulu ngokuthi abe yingxenye yomndeni weVuma,” kuchaza uTee. |
UZOKWETHULA iqembu lepolitiki emasontweni amabili ezayo uNkk Patricia De Lille osule ngenyanga edlule esikhundleni sakhe sokuba yiMeya yaseCape Town. |
UZOKWETHULA isiphuzo sakhe ngonyaka ozayo umculi osezakhele udumo ngemidanso yakhe eyehlukile, nezingoma ezihlala zimangaza abaningi. |
Uzokwethula uhlelo olungena ngo-9 kuya ku-1 emini phakathi nesonto isikhathi obekungena ngaso uThandolwethu Ngidi oshiye ngenxa yokugula. |
UZOKWETHULWA namuhla ngo-3 ntambama eMultichoice City Ground Floor njengomqeqeshi omusha weSuperSport United * -Eric Tinkler obecija iCape Town City. |
UZOKWETHULWA ngokusemthethweni ngo-Septhemba 8, eMnambithi umcimbi wokuqala wezindondo wokuklomelisa amaqembu esicathamiya akuleli osungulwe yiLadysmith Black Mambazo. |
UZOLA 7 othuse abaningi kuleli bezwakalisa ezinkundleni zokuxhumana ukukhathazeka ngokugula kwakhe, uthi uzizwa esengcono kunesimo abe kuso phambilini. |
UZola 7 ukuqinisekisile ukuthi bahlanganisa uhlelo lwethelevishini noJacinta. “Sixoxe noJacinta emasontweni amabili edlule, sivumelene ngokuba nohlelo lwethelevishini naye. Sihlele ukuqala ngokulishutha ngaphambi kokuba siluyise eziteshini zethelevishini ngoba eziningi zifuna wenze kanjalo,” kusho uZola 7. |
UZola 7 usanda kudalula ukuthi uguliswa yisifo sokuwa esesimgingqe kaningi nezimoto. Isitatimende sithe uZola & ugulela ekhaya futhi uyazelapha kahle. |
UZOLANDA amandla ekhaya KwaZulu-Natal umdlali we-Orlando Pirates, uThembela Sikhakhane, obolekwe AmaZulu anyakazise izihosha ekhuza ibuya kwi-Absa Premiership. |
UZOLANDELELA athole isizathu sokubulawa kwabalandeli bakhe abadutshulwe ehostela beya ekhonsathini ngoMgqibelo, umculi kamaskandi ongaconsi kwabaningi. |
UZola ngomunye wabalingisi abafike baphaphamisa iDiepCity ngenxa yokuba yisigebengu esinogazi. Intokazi eyakhuliswa uyise naye owayeyinkunzimalanga yenswelaboya, uMafioso futhi okunguye owasungula ibhizinisi lokushonisa ngemali. UMafioso wabe eseqeqesha uZola ukuze ahambe ezinyathelweni zakhe. UZola yisimomondiya sentokazi esinganqeni ukuthatha indoda yomuntu kungabindabazalutho kodwa enonya olwesabekayo. Ufike kwiDiepCity kwacaca ukuthi usefikile njengoba eke wazama ukunyakazisa uMgedeza kodwa kwangahamba ngendlela abehlele ngayo ngoba noMgedeza yisigebengu esinamaqhinga. |
UZolani Mahola (37) waseBhisho e-Eastern Cape, ozakhele udumo ngokucula phambili emanonini eFreshlyground athi Nomvula nelithi I’d Like, usanda kuqopha umucu ngokuhlanganyela nebhendi iGold Fish eSan Diego e-USA. Sekuyinto esiyaziwa ukuthi uZolani kwadingeka ukuba aqongelele isamba sikaR350 000 ukuyoqopha leli noni. Le mali yayizokhokhela izindleko zokundiza, ezokuhlala, i-studio nobunye ubuchwepheshe ayezobudinga uma eseqopha neGold Fish. |
UZolani Mahola, owagqama ngesikhathi ecula phambili eqenjini iFreshlyground, ukhiphe ingoma entsha acula yedwa kuyona ethi, Remember Who You Are. |
UZolani Nkombelo noVelemseni Ndwandwe basayibuka nezihlwele imidlalo ngenxa yakho belu ukulimala. Konke lokhu kuyasifakazela isililo sikaLarsen. |
UZolani, osezishintshe igama, nosebizwa ngoThe One Who Sings, uthe ulungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ecula yedwa maduze ethi Thetha Mama. |
UZolani, owaduma ngesikhathi elingisa indawo kaBoniswa emdlalweni wakuSABC 1 iTsha Tsha, wayecula nebhendi eyayishisa izikhotha, iFreshlyground, ngaphambi kokuthi leli qembu lihlukane. Lo mculi uthe angathanda ukubuyela kuthelevishini. |
UZolani udalule lezi zindaba ekhasini lakhe kutwitter ngoLwesine ebusuku lapho aveze khona ukuthi usezoba ngumculi ozimele. Ubesehlale iminyaka ewu-17 naleli qembu. |
UZolani uthe uhlela ukucula yedwa kodwa ngaphezu kwalokho usezongena ekukhiqizeni imidlalo yeshashalazi, izinkulumo ezakhayo kanti futhi uhlela nokuba nezinhlelo zokufundisa endimeni yezobuciko. |
UZola ubuye wabonga u-Alfredo Darrington Bowman, obedume ngelikaDkt Sebi ongasekho emhlabeni, ngokumsiza ngamakhambi esintu adambise ukugula kwakhe. |
UZola uthe isimo sakhe sesibucayi ngale ndlela yokuthi useze wathatha isinqumo sokuba angaphinde ashayele ngoba uzogcina edale inhlekele yengozi emigwaqweni. |
UZola waduma kakhulu ngokulingisa emdlalweni iYizo Yizo nokucula izingoma ezaduma ezifana noMdlwembe. Ngaphezu kwalokho waphenduka intandokazi kwabaningi ngokwethula uhlelo iZola 7 olwalufukula umphakathi, luphinde lusize ababhekene nezinkinga. |
UZola wake waba nohlelo lwethelevishini olwalubizwa ngeZola 7 kuSABC1, lapho ayesiza khona abantu ezinkingeni ezahlukene. Muva nje uke waba nohlelo olufanayo kwiMoja Love. |
UZola waqala ukuzakhela udumo ngesikhathi elingisa indawo kaPapa Action wesibili kwiYizo Yizo 2. Yilapho agqama khona njengomculi ngengoma ethi Ghetto Fabulous ngaphambi kokwethula izinhlelo ezihlukene zethelevishini, okubalwa iZola on Take 5, Zola 7, Hope with Zola neTatakho. Ubenza uhlelo lwantambama kwiMassiv Metro (online radio). Ubuye walingisa efilimini eyahlabana kuma-Oscar Awards eyayithi Tsotsi futhi kwakudlalwa umculo wakhe. Ikusasa lakhe liqale ukucikizela endimeni yezikaqedisizungu ngesikhathi engaboni ngaso linye nenkampani ayeqopha kuyo iGhetto Ruff. |
UZola Zee Lovin usezobambisana noDJ Sonic ohlelweni lwangoLwesihlanu, iHangouts engena ngo 7-10 ebusuku. |
UZola Zeelovin uthe ngale ngoma, ezophuma kusasa, uzama ukukhombisa uPrince Kaybee ukuthi umthanda kangakanani. |
UZola Zeelovin yintokazi enoxhaxha lwamakhono endimeni yezobuciko. Ngaphandle kokusakaza uhlelo oluthi Nayi leVibe kwiGagasi FM ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku nangoMgqibelo ngo-4 ntambama, uZola Zeelovin ubuye abe wumlingisi, okungumsebenzi awufundele njengoba eneziqu zeBA kwiDrama. |
UZOLIBHEKISA kwelaseManila, ePhilippines uzime wakuleli osaphethe isicoco sokuba uMiss South Africa, uNtandoyenkosi Kunene, njengoba eyoqhudelana nabanye bomhlaba emcintiswaneni kaMiss Universe. |
UZolile wadutshulwa wabulawa endaweni yokuhlala izitshudeni esenkabeni yeTheku iLonsdale ngenyanga kaMeyi ngonyaka odlule. Kubikwa ukuthi kwaba nengxabano phakathi kukaZolile nomsolwa njengoba umsolwa wayengayizwa kahle eyokwaliwa uZolile. |
Uzolimala uma ungena ebholeni ufune ukwenza imali ngokushesha. Kule minyaka ewu-15 ngisebenza ebholeni ngifundile ukuthi kumele aqine amabhizinisi akho aseceleni. Usuke uyitshale kahle imali uma uthenga ikilabhu, kodwa uma uzoxhamazela uzoshayeka phansi.
UZOLINDA elinye isonto ngaphambi kokuthi akwazi ukufaka isicelo sebheyili owesifazane waseKlarinet, eMpumalanga, osolwa ngokubulala izingane zakhe ezine ngamaholidi kaKhisimuzi.
UZOLINGISA indawo ehlukile kunale abantu bakuleli akade bejwayele ukumbona eyidlala kwiGenerations: The Legacy nakwiGreed and Desire, uMotsoaledi Setumo.
Uzolingisa indawo kaNkk Lindiwe Cebekhulu, udadewabo kaBeauty (Slindile Nodangala).
UZOLINGISA indawo ngempilo yakhe ayiphila ngempela, uMohale Motaung, odume kuleli ngemuva kokuphumela obala ukuthi usebudlelwaneni bezothando nosaziwayo wakuleli, uSomizi Mhlongo.
UZOLUFAKA kubameli udaba lokuxoshwa kwakhe obengumqeqeshi weBaroka, uDylan Kerr, olahlwe ngamacala okubalwakhona kuwona nelokudicilela phansi isithunzi seqembu.
UZOLUGUBHA ngefilimu yamahlaya eneziwombe zocansi usuku lokuzalwa usomahlaya uCeleste Ntuli njengoba elingisa phambili kwiLooking For Love, ezoqala ukukhonjiswa emaCinema ngo-Agasti 24, nonyaka.
UZOLWA nokulungisa inkinga yodonga alubona lungaqinile umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter, njengoba ebona beqhubeka nokungenelwa ngamagoli angafanele emidlalweni yabo yakamuva.
uzomele aphinde abeke iqembu endaweni engcono kwi-log njengoba enzile ngesizini edlule nobenguzakwabo uLehlohonolo Seema bebeka leli qembu kuTop 8, kungalindele muntu.
UZOMISWA isonto elilodwa uMajota “Phat Joe” Nkambule (osesithombeni) ongumsakazi wesiteshi i-East Coast Radio (ECR), okuyisiteshi somsakazo esizinze eMhlanga, eThekwini.
Uzomuzwa kahle ngoba ukhuluma aze ashintshe ngisho ebusweni. Uma kukhulunywa ngokushushumbiswa kotshwala, uzombona kahle ukuthi akabhenywa, kepha uma kushushumbiswa abantu - kucweba iziziba.
UZondagh uyena owakwazi ukuthola incwadi kaNkk Davies esayiniwe yango-2008, okuyiyo eyakubeka kwacaca ukuthi kukokotelwe ukusayinwa kwencwadi yamafa njengoba izandla zazingafani. Engxoxweni nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily News, uZondagh uthe uMdlovu waxhumana naye ngo-2014 wamazisa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngencwadi yamafa kaNkk Davies.
UZondeni Buthelezi weMbibizane uthi ulimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaBangelani Khuzwayo (36) wasesigodini sakwaGuqa KwaMathengwenya, eMachunwini, eMsinga, njengoba bekunguye obewumgogodla eqenjini lakhe. Unkosikazi kamufi uMaNgcobo Khuzwayo uthe uBangelani ushonele kwakhe ngoMgqibelo.
UZondeni, obebuye abe ngumethuli wohlelo lomculo wesintu kwiTshwane TV, uke waphuma engena kulesi sibhedlela exinwe yisifo sezinso nyakenye. Indlela abexinwe ngayo wukugula uze wanxusa umphakathi waseNingizimu Afrika, ukuba umthandazele asinde ngokushesha ekuguleni obese kumlalise amasonto angaphezu kwamabili esibhedlela. Lo mculi ubethula uhlelo oluthi Emfuleni kwithelevishini futhi wake wahlabana ngendondo yeBest Song of the Year kumaKZN Capital Maskandi Awards eminyakeni edlule.
uZondi esehlaba phansi ngedolo maqede acele umshado ngoba uzimisele ngale ntokazi yakwaNdlovu.”
UZondi kuthiwa ukhale ngokuthi uZimdollar usengaze ambhangqe nesangoma esinguDlamini. Noma engesona isangoma uDlamini kodwa kuthiwa lokhu wayekusho ngoba (uDlamini) uhlale efake iziphandla eziningi.
UZondi nagwetshwe nabo babhekene necala lokubulala uMnuz Thandanani Moyane.
UZondi, osebe kwiGagasi iminyaka eyisikhombisa, uthe umsakazo unabalaleli
UZondi ubonge abamesekayo ngokubhala incwadi ayiqondise kubona, wayinameka kuFacebook naku-Instagram.
UZondi ubuye waveza nokuthi sekuqediwe ukulungiswa kwetshe lesikhumbuzo ethuneni lowayengumengameli we-ANC uMnuz Josiah Gumede, eliseMountain Rise, eMgungundlovu.
UZondi uchaze kanje: Yibani nalokhu emqondweni, ukuvuka kukaGabisile kuyingxenye yokwenyusa amaphaphu. Ababukeli boZalo bagcina bembona enyamalala uGabisile emva kokuhlaselwa nokushaywa nguQhabanga. |
UZondi udutshulwe waphangalala ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ehlaselwa abalisa abangaziwa ngaphandle komuzi wakhe. |
UZondi ugcizelele ukuthi okokugeza izandla ngeke kube yinkinga njengoba isibhedlela i-Addington sekukhona lapho esibasize khona mayelena nokuxuba amakhemikhali adingekayo ukwenza le mithi kodwa wathi inselelo kuzoba yizigubhu njengoba seziqalile sezimba eqolo. UMnuz Sabelo Zuma ongomunye wabagibeli, uthe lolu wuhlelo oluzosiza kakhulu. |
UZondi ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi iGagasi FM livula ngokusemthethweni izindlu zalo ezintsha zomsakazo ezisenxanxatheleni yezitolo iCornubia Mall. |
UZondi ukwamukele uqeqesho oluhlinzekwa umnyango ngoHlokomela, wathi bazoqhubeka babambisane nomnyango ekulweni nezingozi zomgwaqo. |
UZondi ungomunye wabasola u-Omotoso ngokumdlwengula iminyaka engaphezulu kwemibili ngesikhathi esayilungu lebandla lakhe iJesus Dominion International Church, eneminyaka engu-14. |
UZondi usocongwa nje bekungakapheli isikhathi esingakanani ebambe ubukhosi. |
UZondi uthe: “Angazi nokuthi ngiqale ngithini, kunzima ukukholwa uma ngibona indlela engisekwe ngayo nangothando engilukhonjiswa ngabesifazane, amadoda, abadala nabancane. Ngiphelelwa amazwi okubonga. Miningi imilayezo engiyibona ezinkundleni zokuxhumana kusukela kuTwitter nakwezinye izindawo enginika ithemba. Ngicela niqhubeke njalo nikwenze lokhu nakwabanye abayizisulu. Ukuba ngumuntu wesifazane kuyinto enzima eyinselelo ngoba kufanele uhlezi uvikela isithunzi sakho. Ngiyabonga kakhulu, inkosi inibusise.” |
UZondi uthe bahlela nokuyibiya indawo enala mathuna. |
UZondi uthe bayisizinda okuphuma kungena khona abantu abaningi ngakho kubalulekile ukusebenzisana nanoma ngubani ofisa kube khona inqubekela phambili emphakathini. |
UZondi uthe bazimisele ngokuqasha abanye abasebenzi ngokuhamba kwesikhathi njengoba inkampani ikhula. |
UZondi uthe bebesenkantolo ngenhloso yokuzokhalisana nomndeni wakwaNdlovu oshonelwe indodakazi yawo. Uthe kumele abolele ejele umbulali amchaze njengomuntu “okuthiwa wazi umthetho”. |
UZondi uthe bekubalimaza ukuthengwa kwezincwadi ebhizinisini ngoba abantu bebengasezi ukuzofundiswa ukushayela imoto, bencamela ukuzithenga. |
UZondi uthe beluleke nangokthi imindeni iye enkantolo iyothola incwadi eyigunyaza ukuthi kumbiwe isidumbu esingcwatshiwe futhi kuthintwe noMnyango wezokuBusa ngokuBambisa neziNdaba neziNdaba zobuHoli boMdabu. |
UZondi uthe buningi ubugebengu obenzeka emathaveni benziwa abantu abasuke sebeqiwe yizimbiza zikaFaro. |
UZondi uthe emva kokukhuculula emarenki bazobe sebethinta ubuholi babo bonke omasipala, izinhlaka ezimele, imiphakathi nabantu ababona ukuthi iKZN kumele ibuyiselwe esimeni esijwayelekile. |
UZondi uthe iKwaZulu-Natal inamatekisi athutha umphakathi awu-45 000. |
UZondi uthe into ebaphatha kabi kakhulu ukuthi njalo uma kuntshontshwe imfuyo e-Edendale kuhlale kuthinteka abantu basezweni elingomakhelwane abaqashe KwaDambuza. |
UZondi uthe: “Mina ngazi ukuthi yonke into isahamba kahle phakathi kwami noMaBiyela futhi siyaxhumana. Kuyangithusa lokhu okushoyo kodwa ngicela ukuthi uthinte yena uMaBiyela ngalolu daba,” kusho uZondi. |
UZondi uthe nakuba bekuminyene utshumo emigwaqweni kodwa azibanga khona izingozi ezibandakanya itekisi ezidlule nemiphefumulo yabantu. |
UZondi uthe namuhla lolu hlelo lokuqwashisa nokunikezwa okokugeza izandla emarenki, luzokwethulwa ngokusemthethweni njengoba kuzobe kuhlangene bonke ubuholi besifundazwe, okuzokwenza ukuthi luqhubeke lusabalale nakwamanye amarenki. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.