input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
UZion, oyimbongi eyaziwayo, uthe inhloso yabo ngale ngoma esihloko sithi Baleka ukugqugquzela abantu besifazane ukuba baphume kusekuhle ebudlelwaneni obubahlukumezayo. "IBaleka ingoma kaCici athathe isinqumo sokungipika kuyo emuva kokubona ama-video emisebenzi yami ezinkundleni zokuxhumana." Uthe simthinte kakhulu isihloko ngoba naye uwumuntu obehlale eshumayela ivangeli lokuthi abantu abaphume ebudlelwaneni obubahlukumezayo. |
“UZiphelele (obulewe) uxabane noMbono (obulewe) esitolo (sikaZiphelele) emva kokuthi emkhuze ngokuthi akahlukane nokushela umkakhe,” kusho ilungu lomndeni. |
Uziphendule kanje kuTwitter owayenguMqondisi-Jikelele ehhovisi likaMengameli wezwe, uMfu Frank Chikane emuva kokuba indodana yowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane, ithe yagcina ukubona incwadi eyabhalwa ngunina esaphila ithathwa kuyo nguChikane. |
Uziphikile izinsolo zokuthi kunemali ayikweleta uZahara. Uthe izimali zeMLH bebezisayinela ndawonye. |
Uziphikile izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi bese kunezinkinga phakathi kwalo mdlalo noThuso, okuholele ekutheni aphuze ukuvela yize aqinisekisa ngoMashi ukuthi ukhona. |
Uziphikile izinsolo zokuthi uxoshwe ngoba ehlulwa ukulingisa, wathi ikusasa lakhe lisezandleni zababhali balo mdlalo. |
Uziphikile izinsolo zokuthi uzama ukuhlohla nabanye abantu ukuthi badube ukuvota nokuthi baseke uBushiri. |
Uziphikile izinsolo zokuthi wake wakhanda itulo lokuzama ukubulala uGigaba. |
Uziphikisile izinsolo zokuthi iHuawei ibintshontsha izimfihlo zezokuphepha e-United States wathi kulezi zinsuku bazoqhubeka nokwazisa amakhasimende abo konke okuqhubekayo besebenzisa izinkundla zokuxhumana. |
UZipho Dlangalala uzoqhubeka nokubamba okwesikhashana sisafuna umqeqeshi. Siyamhlonipha kakhulu uDlangalala ungumqeqeshi onekhono eliyisimanga. Sibheke unyaka ozayo ukwenza izinguquko, kusho uSukazi. |
UZipho Mtengu (12) noNjabulo Mthethwa (9) abebefunda uGrade 6 noGrade 1 eMavivane Primary, eShakaville, bashonele emgodini owamamitha awu-1.8 ukushona kwawo. |
Uziqedile izithameli ngehlaya ngesikhathi ekhala ngokuhlushwa wuNgizwe. |
“Uziqeqesha kanye neqembu, futhi uzimisele ngendlela emangalisayo. Ngike ngasebenza naye (uGordinho) benoLucky Baloyi (kwiChiefs), ngakho bayakwazi engikufuna kubona. Engingakusho nje ukuthi akusavumi ngilinde kuqale isizini ngoba amalungiselelo ahamba kahle kakhulu,” uphethe kanje uKomphela. |
“Uziqeqesha ngokuzikhandla ngakho konke kukhomba ekutheni uma esejwayele, lokhu esikubone namuhla (ngoMgqibelo) kuzokuba yinto esihamba siyijwayele,” kuqhuba lo mqeqeshi. |
UZIQHATHE nolaka lwabesifazane uMengameli we-African National Congress Women's League (ANCWL) uNkk Bathabile Dlamini ngokugqoka umfaniswano weqembu lezepolitiki kwimashi yokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane eSandton eGoli ngoLwesihlanu. |
Uziqhwandele ulaka lwentokazi evele njengoSnokwanda Ndlovu ekhwele yadilika kuyena. |
UZiqubu akazange ananaze ebuzwa ngalezi zinsolo, wazivumela ukuthi impela impama uyibeka enyameni kumzalwane. Kodwa wenqaba ukwenaba ukuthi kusuke sekwenzenjani. |
UZISHAYA isifuba ngasefike wakwenza ngesikhathi esifushane kwiChippa United, u-Eric Tinkler okuthuke wonke umuntu ngesikhathi amukela umsebenzi kwiChilli Boys kwazise umqeqeshi uxoshwa noma yinini kuleli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi. |
UZISHAYA isifuba ngokuba kuMaZulu uMichael Morton othi ubuhlakani obukhonjiswe ngabaphathi bakhe bevuselela izinkontileka zoSiyabonga “Bhele” Nomvethe noMabhuti Khenyeza abebeqiwa yijezi bumgeze ngaphakathi. |
UZISHAYA isifuba ngokubophela isikimu nokuhlela okuyidide kwayiqeda i-Egypt umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter onyamanambana kubalandeli yize esefake leli qembu lesizwe kuma-quarter final e-Africa Cup of Nations (Afcon) esikuvuthondaba e-Egypt. |
Uzishaya isifuba ngokukhulisa ubulungu beDA ezindaweni ezisenyakatho yeTheku okukhona kuzona nehostela laKwaMashu. |
UZISHAYA isifuba ngokushiya angalazi kubadlali bakhe umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, ocasulwe yindlela abenze ngayo belahla amaphuzu koweligi bebhekene neHighlands Park. |
Uzishaya isifuba ngokuthi yena uwugalagala lomholi futhi akekho onjengaye kwiNFP. |
UZISHAYA isifuba uBobby Motaung, oyimenenja yeKaizer Chiefs, ngokusayinisa umdlali osezingeni uKhama Billiat. |
UZISHAYA isifuba umfundisi webandla iChurch On The Hill Ministries eKatlehong, eGoli, ophuzisa abantu ugologo omhlophe iRussian Bear ngoba ethi ubelapha igciwane lengculazi nezinye izifo esontweni lakhe. |
UZISHAYA isifuba umqeqeshi wamaSpar Proteas, uNorma Plummer, ngokuzinikela okukhonjiswe yiqembu lakhe lehlulwa yi-Australia ngo 55-53 kwi-semi final ye-2019 Netball World Cup eLiverpool izolo emini. |
UZISHAYA isifuba umqeqeshi weCape Town City, uJan Olde Riekerink ngabadlali abasayiniswe ngezakhe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020/21. |
UZISHAYA isifuba umqeqeshi weqembu laMaZulu FC elidlala kwiDStv Diski Challenge, uSboniso “Nini” Vilakazi, phezu kokuthi belahle amaphuzu ngempelasonto. |
UZISHAYA isifuba uPitso “Jingles” Mosimane ngenkulisa yeMamelodi Sundowns esikhiqize abadlali abasezingeni lomhlaba. |
UZISHAYA isufuba ngabadlali bekhilikithi asebakhiqizile uSandile Caluza (32) ongumqeqeshi aphinde abe umnikazi weLindelani Cricket Club yaseThekwini. |
Uzishaye isifuba ngokuthi wakhe amajazi aqinile, awayona into yokudlala. Abantu bazowezwa kahle uma sebeqale ukuwasebenzisa ukuthi asezingeni elicokeme kangakanani,” kusho uDr Malinga. |
“Uzisholo yena ukuthi amaphoyisa ayefuna abe ngufakazi wombuso ecaleni likaLekota nabanye; amaphoyisa ayengeke amcele lokhu ngaphandle uma kukhona akusho ngamaqabane okwakuzowafaka ejele,” kusho i-EFF esitatimendeni. |
UZisto uke alubambe uhlelo lwakhe uma engekho ngakho ngeke ibe khona inkinga ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto. |
“Uzithandela ijiki nobumnandi. UMfundisi uMdletshe (Glen Gabela) umfake otshwaleni engazi ukuthi uwumfundisi lapho esuka khona. |
Uzithethelele ngokuthi kwi-Arrows banedlanzana labadlali elisha abasalifaka egiyeni. |
UZITHINTELE iziqandi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni izolo ethi akaneme ngesinqumo seSanral sokungabalandeli abantu abangawakhokheli ama-e-tolls. |
UZITHINTELE kubantu umsiki wengqephu waseNgwelezane, eMpangeni ngemuva ngokuhlambalaza amadodakazi akhe amathathu ngokuwamodelisa namaphepha anemibhalo ewathukayo enxanxatheleni yezitolo iSanlam Centre, eMpangeni ngempelasonto edlule. |
Uzithintele kubantu uSomizi ngoba bathe usekhohliwe wukuthi naye wake wahlupheka njengoba esehlekisa ngosizi lwabo. |
UZITHINTELE kwabanye abaculi bakamaskandi uKhuzani ngokufika eNdlunkulu KwaKhethomthandayo engavunulile ngesikhathi beyobhonga emswaneni bengamaciko ngeledlule. |
UZITHINTELE owoKhozi FM eqamba izinja zakhe ngamagama omaskanda maqede wawadalula kwiFacebook. |
UZITHINTELE umsakazi woKhozi FM obhale ekhasini lakhe likaFacebook egxeka abakhindayo athe bayenga amadoda. |
UZITHINTELE usotswebhu womkhandlu uMsunduzi, uMnuz Vusi Ntshangase, ebhala inkulumo ezinkundleni zokuxhumana ehunyushwe njengokumcwasa ngokobulili oweDA oqokelwe kwesobumeya kumasipala uMngeni, uMnuz Chris Pappas. |
Uzithola ebhekene nale ngwadla nje kungenxa yokushiya ekhaya eyozama inhlanhla futhi enephupho lokusebenza kwezokungcebeleka abe ngumethuli wezinhlelo. |
Uzithola ethola isibhaxu nje lo wesifazane usolwa ngokuthi uyena ofake ivideo enoBabes nabangani bexoxa ngoMampitsha. |
Uzithole esedidekile engazi ukuthi ayosebenza kuphi njengoba ayesewunqabe kathathu umsebenzi waseSABC, kodwa inkulumo eyatholwa umsunguli we-Apple uSteve Jobs, ayethula eNyuvesi yaseStanford waba nokholo wawuthatha lo msebenzi. |
UZITHOLELE ikhaya elisha eNetherlands uThulani Serero waseNingizimu Afrika ohlale isizini yonke engadlali kwi-Ajax Amsterdam. |
Uzithule ngaphansi komkhankaso ophakathi komnyango nenkampani ama-Amalooloo ukuqeda ngalezi zindlu zomgodi ezikoleni. |
“Uzithunikile siziqeqesha uShongwe kwafana nokuthi uqala phansi konke abesekwenzile. Ulimalile wahlala izinyanga ezintathu kodwa uthe lapho esekhombisa izimpawu zokululama wavele wazithunuka yena. Ubengadlala kumbe ngimbeke ebhentshini koweMaritzburg (United) kodwa ngabona singekho isidingo sokumbeka engcupheni kwayena. Ngoba kulo mdlalo bekucacile ukuthi amaqhinga akhe okuphasa ibhola sishode ngawo. Ngiyazi uma sesivula unyaka ngeBloemfontein (Celtic) uShongwe uzobe eseluleme ngokugcwele futhi esewulungele umdlalo.” |
UZITHUNTELE iziqadu uSotswebhu we-ANC eMkhanyakude uNksz Maniza Chantal Ngcobo emuva kokusabalala kwevideo emveza enika abantu amabhodlela eHennessy esabelele ezinkundleni zokuxhumana. |
UZITHWESE ijoka lokubeka AmaZulu ezingeni leMamelodi Sundowns, umqeqeshi wawo, uBenni McCarthy. |
UZIVUMELE ngokwakhe uKwesta izolo enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi akakabakhokheli abantu abenza iculo i-Ngud. |
Uzivumele yena amacala, wathi ngelanga lesigameko, ngoDisemba 6, wayemhlanganweni wesitokofela, bafike baphuza ugologo. Uthe intombi yakhe, ababehlangane nayo ngoNovemba 2020, yayimvakashele. Kwafika abazukulu bayo nabo bezovakasha ngoba belandela intombi yakhe. Uthe wafika kubo wathenga obunye utshwala baphuza nodadewabo. Uthe baxabana nentombi ifuna imali, yamdonsa ngamankwahla, wabe esedinwa ethatha ucelemba wayiklabha. Uthe izingane zavuka, esebona ukuthi zimbonile ebulala ugogo wazo, wabe esezibulala nazo ngokuziklabha ngocelemba. Uthe walala, wavuka ekuseni esekhohliwe ukuthi wenzeni. Uxolisile emndenini, wathi wayengaqondile ukubabulala. |
UZiyanda Mngomezulu oyiHead of Local Productions uthe i-e.tv izimisele ngokunikeza ithuba abalingisi abasafufusa nokuqhakambisa ikhono labalingisi abamnkantshubomvu. |
UZizile waphoxa isisheli sakhe, wasingcofa ngamazinyo aso ayephuzi. Wathi asiyoxubha amazinyo. Isono sika-Oneida kwaba ukusebenzisa igama lokubandlulula ngokobuhlanga eliqala ngoN (okuyigama elisuselwe kokwakuthukwa ngalo abantu abamnyama ababeyizigqila eMelika). |
UZIZWA ebusisekile ngokuqokwa kwakhe nezihlabani zomhlaba zabesifazane kwezemidlalo umgijimi uCaster Semenya okhethwe emunxeni weWorld Sportswoman of the Year kumaLaureus Awards amenyezelwe ngoLwesibili. |
UZIZWA ebusisekile umzwilili wakuleli ngokuba yingxenye yohlelo lokugqugquzela ukuzethemba nokuzimela kwabesifazane. |
UZIZWA ebuthaka futhi eyekelelwe nguhulumeni, lowo oseke wafakaza ngokubulawa kowayengunobhala wophiko lwentsha lwe-ANC uMnuz Sindiso Magaqa, okuthiwa udutshulwe walimala ngempelasonto. |
Uzizwa ekahle kodwa akulungile ngokwanele ngokomkhakha wezempilo. Inhliziyo ingaphandle ufuna ukudlala kodwa ngeke sikwazi ukumdedela,ucashunwe esho kanje umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp, kwi.www.supersport.com. |
UZIZWA engelutho futhi eyisahluleki usaziwayo othi usephenduke inkundla yocansi kwabesilisa abadumile nabahlonishwayo kwezokungcebeleka, abamfuna ucansi bemthembisa impilo engcono embonini. |
UZIZWA esefomini yomhlaba umdlali wakuleli we-tennis uLloyd Harris njengoba elungiselela ukubhekana noReilly Opelka wase-United States ku-Round of 16 emqhudelwaneni i-US Open kusihlwa ngo-7. |
“Uzoba khona nomshado omhlophe kodwa ngonyaka ozayo, yingakho ngingafuni ukukhuluma kakhulu ngawo. Kodwa imndeni yethu iyazi ukuthi uzoba seMnambithi, ngithanda nokuthi ngizokwazi nokuba sendaweni enhle enezintaba ezinhle. |
“Uzoba khona umuzi, nanka amadodana ebandla uwabonile, umuzi wona uzoba khona maduze nje,” kusho uDube. |
Uzobamba kulesi sikhundla esishiywe nguMnuz Jackson Mthembu, oshone ngeledlule emuva kokuthathwa yiCovid-19. |
UZOBA mnyama uKhisimusi kwizakhamuzi zaseMsunduzi njengoba izingxenye eziningi zalo masipala zizonqanyulelwa ugesi. |
UZOBA namhlanje umhlangano ophuthumayo womkhandlu kaMasipala weTheku, ukuzodingida inzukazikeyi yodaba lweMenenja uMnuz Sipho Nzuza, eboshelwe izinsolo zokweqa imibandela yebheyili. |
Uzobanga ijezi noBrighton Mhlongo, Jackson Mabokgwane noSiyabonga Mpontshane. |
Uzobanga lo mklomelo noPitso” Jingles “Mosimane weMamelodi Sundowns noMilutin Sredojevic we-Orlando Pirates. |
Uzoba ngoLwesithathu ngo-3 ntambama eHarry Gwala Stadium. |
“Uzoba ngomunye wabalingisi abazoba sembangweni kwezithinta uthando nozoshukumisa izinto kubafundi besifazane eParkhurst. Asingabazi ukuthi lo mlingisi ungomunye wozothandwa ababukeli bale filimu. Abanye abalingisi kukhona uGreteli Fincham, ozolingisa indawo kaRecee, Katishcka Chanderlal ozoba nguPauline no-Alzavia Abrahams ozoba uZyd,” kuveza isitatimende. |
UZOBANJELWA eKapa umcimbi wokuqoka uzime waseNingizimu Afrika wakulo nyaka. |
UZOBANJWA ngo-Okthoba 10, umcimbi kaMiss SA kuleli nozoba seKapa, eCape Town Grand West Arena. |
“Uzoba nzima umdlalo neNigeria. Bayiqembu eliqinile kodwa kuzomele sibahlelele kahle njengoba senzile kwi-Egypt. Manje sesiyazethemba, kungenzeka noma yini ngakho sizoqhubeka nokuphusha.” |
“Uzoba wuhlupho kuMaNgcobo ngoba wazi okuningi ngaye akuxoxelwe ngudadewabo uDinekile Lady D. Akaqondakali,” kusho uKoketso. |
“Uzoba yingane yami yesi-25. Sizoba nengane yomfana esizoyiqamba ngoPenny Penny, Yebo igama eliyisiteketiso lami kodwa kuningi esengikuzuzile ngalo futhi kade nginesifiso sokuthi ngilibone kumazisi, ngakho-ke indodana izothatha igama lami,” usho kanje. |
Uzoba yingxenye yabazokhangisa ngamabhizinisi kwi-Africa Tourism Indaba, eqala ngoMeyi 2 eThekwini. Usengene nasebhizinisini lezindawo zokulala, okubalwa iGame Ranch oPhongolo neThe Royal Touch Guest House ePitoli. |
Uzoba yingxenye yabesifazane abangaphansi kohlelo iGoogle Developer Groups (GDG) Cloud, eThekwini. |
“Uzoba yintokazi ezosiphatha kahle lesi sicoco, ngimfisela konke okuhle kulo nyaka esiphethe lesi sicoco. Ukuba yingxenye yalo mcimbi kumina kube yinto enkulu kakhulu engangihlala ngiphupha ngayo, ngikuthokozele kakhulu. Izwe lasePoland lihle kakhulu futhi wonke umuntu esihlangane naye usenze sazizwa samukelekile. Ngiyabonga kakhulu kuwona wonke umuntu kuleli lakithi ngokungikhombisa uxhaso kulolu hambo nemiyalezo yenu ebengiyithola ingikhuthaze kakhulu,” kuchaza yena. |
Uzobe ebhekiwe emdlalweni woSuthu neSundowns eKing Zwelithini Stadium, eMlaza kusasa ngo-3 ntambama. |
Uzobe ebhekiwe ngoLwesibili sebedudulana neBloemfontein Celtic eThekwini ngo-3 ntambama. |
Uzobe edlala indawo eqanjwe ngegama lakhe uL'vovo futhi uzobe eyisikhulu somculo, kusho umthombo. |
UZOBE efuna ukujabulisa umndeni kanye nezwe lakhe ukapteni wamaSpringboks uSiya Kolisi uma amaSpringboks esetholana phezulu ne-England kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ozodlalelwa eYokohama Stadium, eJapan ngoMgqibelo. |
Uzobe efuna ukusiza umsebenzi wezimo eziphuthumayo uMcGyver (Zulu Boy) ngokuthi amfake emculweni bese egcina ethatha uSne Mtshali (Nombulelo Mhlongo) othandwa nguMcGyver abe yintombi yakhe. |
Uzobe ehamba nabapheki abahlonishwayo uMatt Preston we-Mastrchef Australia, uDavid Myers weMichelin nozakwabo uMasaharu Morimoto. |
UZOBE ehambisana nabangani bakhe abangosaziwayo, u-Unathi Nkayi njengoba eseqale uhambo lokujabulisa abalandeli bakhe ngomculo olwaziwa nge-5 City Album Tour. |
“Uzobe ehola imikhankaso yethu ukuze ezothuthukisa iqembu emphakathini. Ngesikhathi ngiyimeya eGoli uFunzi, wayebhekela ezezimali, namabhizinisi. Waziveza ukuthi ungumholi onamandla, ikhono futhi wayezinikele ekwenzeni okufanele kubantu baseGoli,” kusho uMashaba. |
Uzobe elingisa nabalingisi abanohlonze okubalwa kubo uLinda Sebezo, odlala indawo kaLillian kwiSibaya, uDieketseng Mnisi, odlala indawo kaMaNtuli kwiSkeem Saam nozakwabo uMlungisi Mathe, olingisa indawo ka-Emkay kuso iSkeem Saam. |
Uzobe engasebenzi no-Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele (bobabili Bafana Bafana), Godfrey Walusimbi (Uganda), Teenage Hadebe, Khama Billiat (beziZimbabwe) noVirgil Vries (Namibia). |
“Uzobe enguDiniwe, okungowesifazane owenza isiqiniseko sokuthi uthola noma yini ayidingayo, ikakhulukazi ngokusabisa. Nalapha uDiniwe uzoba wuhlupho kuMaNgcobo ngenxa yokuthi wazi izimfihlo ezinkulu nezingacekela phansi umshado wakhe noNkunzebomvu Mhlongo (Masoja Msizi). UDiniwe uzobe esabisa uMaNgcobo ngokuthi uma engamvali umlomo uzokhuluma yonke into ayazi ngaye. Ukufika kwakhe KwaMashu kuzofana nesiqalekiso kuMaNgcobo. Ngakho uzomqothula uMaNgcobo ezimalini,” kusho umthombo ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba kulo mdlalo. |
Uzobe esebenza kakhulu nomlingisi waphesheya kwezilwandle uZach McGowan odlala indawo ephambili kule filimu. Omunye umlingisi wakuleli okule filimu nguBrandon Auret. |
Uzobe esedolobheni laseNkandla lapho ezobe ehamba nabaculi okukhona kubo uThokozani Langa, Qhosha, Unjoko, uMjik’jeli nabanye. |
Uzobe esehambela nezinye izifunda njengoba ezovakashela nebandla lakwaShembe aphinde ahambele isifunda iMoses Mabhida. |
“Uzobe esengakwazi lowo muntu ukuvuswa,” kusho uMncwabe. |
“Uzobe esengcwatshwa ngoMgqibelo kodwa indawo okuzobanjelwa khona inkonzo ibingakaphumi. Kusikhululile ukufika komzimba ekhaya usuka eMelika. Kuyabonakala ukuthi ikhona inqubekela phambili ngalolu daba,” kusho uMyeni. |
Uzobekwa endlini yakhe yokugcina emathuneni asekhaya eTholeni, eWasbank, esigodini saseStanford, ngaseMnambithi, namuhla ngemuva kwenkonzo ezokuba sekhaya ngo 9 ekuseni. |
“Uzobekwa icala bese evela enkantolo maduze,” kusho uColonel Mbele. |
Uzobe usuthola umyalezo kwiselula othi imali ungayikhipha, bese unikezwa imali yakho. |
UZOBHADLA ejele iminyaka emihlanu owayeyisikhulu ophikweni lwezezimali kuMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uNksz Rosemary Mabi. |
UZOBHADLA ejele usigaxamabhande wombutho wezokuvikela, iSouth African National Defense Force (SANDF) olahlwe ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo. |
Uzobhadla iminyaka engu-31 ejele ngoba ezinye izigwebo zakhe uzozidonsa kanyekanye. |
UZOBHEKANA nomqansa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uma iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, isilalela isicelo sakhe sokuba angaboshwa namhlanje. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.