input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
UZikalala uthe izikole zamabanga aphansi ezingu-60, sekuqaliwe kuzo ukuzwa amazwi ngobhoko ngohlelo lwezifundo zobuchwepheshe besimanje iCoding and Robotics, kusuka kuGrade R kuya Grade 3, wathi zingu- 149 izikole ezizokwengezwa ngaphezu kwalezi ezingu-60 ekwenzeni lezi zifundo kulesi sifundazwe. |
UZikalala uthe kabalindele ukuthi abehlisiwe ezikhundleni babaphonsele inselelo njengeqembu. |
UZikalala uthe kubashiye bekhathazekile ukuthola izindaba zokungeniswa esibhedlela koHlanga LoMhlabathi. |
UZikalala uthe kudingeka imali eningi ukuze izikole zakulesi sifundazwe zikwazi ukuvulwa. Uthe uhulumeni kazwelonke wazisiwe ngalokho basalinde ukuthi uphendule. |
UZikalala uthe kufanele kuliwe nokubulawa kwabalimi. |
UZikalala uthe kule nombolo kuzobikwa nanenkohlakalo eyenzeka ezinhlakeni ezehlukene okubalwa nakuhulumeni. |
UZikalala uthe kulindeleke noma yini ngoba kungenzeka ijaji liqoke usuku oluthe ukuqhela noma luhlehle udaba uma kukhona okushodayo. UNkk Gumede uvela enkantolo nje ngapha, uyasha umkhankaso wokuthi abuyele esikhundleni sikasihlalo we-ANC eThekwini njengoba kulungiselelwa izingqungquthela zezifunda. |
UZikalala uthe kumele kuboshwe ngokushesha amaphoyisa asolwa ekwebiweni kwezimoto ziweliswe umngcele, amiswe emsebenzini. |
UZikalala uthe kunezinhlelo zokuthi kusizwe abasebenzi abangaholi kakhulu ngokuthi bathole iziza bakhe imizi. |
UZikalala uthe kungenzeka ukuthi lesi sifundazwe singagcina simenyezelwe njengendawo evelelwe yinhlekelele. |
UZikalala uthe kusenzima ukwamukela ukuthi UNtuli akasekho emhlabeni. Uthe kufana nephupho sengathi usazovuswa kulona. |
UZikalala uthe kuyacaca mningi umsebenzi okusamele wenziwe ukuvikela, ukuqwashisa nokuseka abagilwa bodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. |
UZikalala uthe kuyaqala kulo hulumeni ukuba abantu bathole izikole ezinhle kanje. |
UZikalala uthe kuzoba nezihlelo ezihlukile ukugqugquzela abesilisa njengoba lomkhankaso wokugqugquzela ukwenza kahle kwamadoda uzohambela sonke isifundazwe. |
UZikalala uthe kuzoqhubeka nesigaba sokuqala sokugoma ngomgomo weJohnson & Johnson maduze kuze kuphele ngoLwesihlanu (30 Ephreli). Esigabeni u-1b sokugoma sizoqala ngoMeyi 1, siphele ngoMeyi 16. |
UZikalala uthe KwaZulu-Natal, iTheku liseyisizinda segciwane.Uthe cishe njalo ngosuku bangu-30, abangenwa yiCorona. |
UZikalala uthe leli komiti lizophinde libheke zonke ezinye izindaba ezithinta izinduna namakhosi. Njengamanje izinduna zijamelene nohulumeni wesifundazwe, zifuna isikweletu semiholo yazo. |
UZikalala uthe leli thimba longqongqoshe azokube elihola, lizosebenzisana nobuholi obusha bukamasipala ukuze kubhekwane nalezi zinkinga. |
UZikalala uthe le mibhikisho equbuke ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe kulandela ukugxegiswa kwemithetho yomvalelandlini, ayinalo udlame oselungaholela ekutheni kuphazamiseke ukhetho. |
UZikalala uthe le minyango emithathu isekhaleni ekulweni neCovid 19. |
UZikalala uthe le ntuthuko izodala amathuba amatoho awu-800 000 ngesikhathi sokwakha bese idala awu-415 000 uma sekuqedwe ukwakha. |
UZikalala uthe lesi sinqumo besizoqeda amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika ekubeni kodwa kuvikelwa amathuba omsebenzi amanye amazwe. |
UZikalala uthe lezibhelu ziphazamise ukusebenza kwezempilo. |
UZikalala uthe liyanyuka izinga lokuphasa kwa-matric njengoba linyuke ngo-6.5% kusuka ngo-2014. |
UZikalala uthe lolu dlame ngeke lubekezelelwe, wanxusa amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuze kubanjwe abahlaseli. |
UZikalala uthe lo mbukiso ubalulekile kakhulu ngoba ugqugquzela ezohwebo e-Afrika ngokuhlanganisa abantu abahlukene. |
UZikalala uthe luyabakhathaza udaba lomkhumbi weMSC okuthiwa abantu abebekuwo badedeliwe baya emakhaya ngaphandle kokuthi bahlolwe. |
UZikalala uthe luzomenyezelwa maduze usuku okuzogcotshwa ngalo ngokusemthethweni iSilo. |
UZikalala uthembise izikhulu zale nkampani ukuthi uhulumeni uzoyilekelela ekuthuthukiseni umnotho. |
UZikalala uthembise ukuthi bazoziphenya lezi zinsolo. |
UZikalala uthe miningi eminye imithetho yakuleli okusafanele icutshungulwe, wathi ayihambisani nesikhathi esiphila kuso. |
UZikalala uthe nakuba amacala okudlwengula namanye ehlile kodwa kuseyihlazo ukuthi kusakhona amacala abikwayo. |
UZikalala uthe nakuba izinguquko ezenziwa ebuholini balo masipala ngo-2019, zaletha uzinzo ekuphathweni kwawo, kodwa azenzanga mehluko ekulethweni kwezidingo ezifana nogesi namanzi. |
UZikalala uthe nakuba kuthe ukwehla kancane ukubulawa kosopolitiki, kepha bakhathazekile ngesibalo esiphezulu sokubulawa kwezinduna namakhosi. |
UZikalala uthe nakuba labo abanqobe ukhetho benelungelo lokujabulela impumelelo yabo kodwa lokho kufanele bakwenze ngaphandle kokuchukuluza abanye. |
UZikalala uthe nakuba uButhelezi evelelwe yilo mshophi kodwa basanethemba lokuthi uzokwazi ukuqhubeka nokusebenzela isizwe. |
UZikalala uthe namhlanje kunengqungquthela ezobheka ubugebengu obudlangile esifundazweni. |
UZikalala uthe ngalo mviliyelo bafakazela ukuthi amadoda abambe iqhaza elikhulu ekwakheni nasekusimamiseni isizwe. |
UZikalala uthe ngesonto eledlule abantu abasha abahaqwe yigciwane babengu-1 026, esontweni elingaphambi kwalo babengu-2 035. Wathi izifunda ezinezibalo ezehle kakhulu iLembe, uThukela neZululand. |
UZikalala uthe ngosuku abasebenzi bebelahlekelwa nguR2 million wemiholo. |
UZikalala uthe njengoba i-ANC izoba nomgubho omkhulu kusasa eMoses Mabhida izinkampani zokuvakasha zithe konke kuhamba kahle futhi kuhlomule izindawo ezihlukene ezilala izivakashi KwaZulu-Natal ngoba abaholi be-ANC bebethe chithisaka kwisifundazwe sonke. “Siwuqala kahle unyaka ngoba nomkhankaso wethu wokwandisa izivakashi uthela izithelo ezinhle ngoba ucwaningo luveza ukuthi kufike izivakashi eziwu-2 000 zakwamanye amazwe angaphandle ezinyangeni zokuqala ezintathu zika-2018. Sifuna nokunyusa isibalo sezivakashi zangaphakathi, sikhulise nemali engenayo ibe phakathi kukaR65 billion noR98 billion kule minyaka emibili ezayo,” kusho uZikalala. |
UZikalala uthe njengohulumeni wesifundazwe, kumele bathole amasu okutakula omasipala abakhungethwe yizinkinga. Umhlangano uzobuye ugxile ekudalweni kwamathuba emisebenzi, ukulwa neCorona, ukulwa nobugebengu nokuhanjiswa kwezidingo ezinjengamanzi nogesi kubantu. |
UZikalala uthe nohlelo lokutshalwa kwensangu luzoba nomthelela omuhle kwezomnotho. |
UZikalala uthe okusemqulwini kungamampunge kuze kube uMengameli Cyril Ramaphosa umemezela ngokusemthethweni ukuthi amasonto avulwe. |
UZikalala uthe okwenza kube nzima ukuqagula ukuthi isinqumo senkantolo singavuna bani, ukuthi kungokokuqala ebukhosini bukaZulu ukuba udaba lokuqokwa kwesilo luyiswe enkantolo. Wathi indlovukazi ebiyibamba bukhosi yacophelela kakhulu ngesikhathi ibhala incwadi yefa eyafundwa ngoMgqibelo. |
UZikalala uthe sekunomthetho ozosetshenziswa ukukhipha abantu emhlabeni okungewona owabo. “Ngeledlule uhulumeni wesifundazwe uwine icala elithinta ukugasela kwabantu emhlabeni okungewona owabo. Umnyango wezokuhlaliswa kwabantu noMasipala weTheku baya enkantolo bawina icala, umthetho usuyasivumela ukuthi sikhiphe umuntu emhlabeni okungewona owakhe,” kusho uZikalala. |
UZikalala uthe sibaphethe kabi isigameko sokubulawa kukaMyeni njengoba eyisakhamuzi saKwaZulu-Natal, esidutshulwe ngamaphoyisa ase-United States, abonakala ehlasela abamnyama. |
UZikalala uthe sinyukile isibalo sabahaqwa yileli gciwane emasontweni amathathu esifundazweni kanti uma kuqhathaniswa namasonto amabili edlule isibalo sabahaqekile senyuke ngo-30%. |
UZikalala uthe u-43% wezibalo zabahaqekile useThekwini. Uthe abantu ababulawa yigciwane iningi labo beliphethwe yisifo sikashukela nesokwenyuka nokwehla komfutho wegazi. |
UZikalala uthe ubafisela impumelelo bonke abafundi ababhalayo. Baqinisekise ukuthi bayazimisela uma bebhala, bakhiphe wonke amandla abanawo ukuze baphumelele. Wathi nakho ukungaphumeleli akusho ukuphela komhlaba. |
UZikalala uthe ububha yisitha esikhulu somphakathi. |
UZikalala uthe uhulumeni usebenza ngokubambisana nomndeni noMnyango wezobuDlelwano namanye amaZwe ngenhloso yokulanda isidumbu sikaMyeni, e-USA. |
UZikalala uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal uzoqhubeka nokweseka indlunkulu. |
UZikalala uthe uhulumeni wesifundazwe ukwazile ukwakha izikole ezingu-43 kusuka ngo-2014. |
UZikalala uthe uhulumeni wesifundazwe uzoqhamuka nezinhlelo ezahlukene zokubuyisana ezindaweni ezithintekile ngesikhathi kuqhubeka izibhelu |
UZikalala uthe ukubambisana kwenza ukuthi benguhulumeni bakwazi ukuba negalelo elikhulu ezintweni abazenzayo kunokusebenza beyinhlakanhlaka. |
UZikalala uthe ukufika kwebhanoyi leBritish Airways eKing Shaka kusho ukuthi abantu sebezokwazi ukusuka ngqo KwaZulu-Natal baye eHeathrow, eLondon. |
UZikalala uthe ukushona kukaNgubane kusilimazile lesi sifundazwe. Wathi uNgubane wabamba iqhaza elikhulu emizamweni yokudala ukuthula esifundazweni, ukudala izinguquko kwezempilo ezizimele nakwezobuchwepheshe. |
UZikalala uthe ukwabiwa kwemibhede kuhambisana nekhwelo elihlatshwe uMengameli Cyril Ramaphosa obevakashele isifundazwe ngesonto eledlule, wayobheka nesibhedlela esizovulwa maduze iDkt Pixley ka-Isaka Seme KwaMashu. UZikalala uveze ukuthi izibalo zemibhede zizokwandiswa uma kunesidingo. |
UZikalala uthe ukwehla kwesibalo sabahaqwa yiCorona akusho ukuthi sekuphephile, kusamele abantu baqaphele. |
UZikalala uthe ukwehlela esigabeni sokuqala sokuvalwa kwezwe akusho ukuthi izwe selivuwe. |
UZikalala uthe uma egcina evaliwe, kuyobe kuvalwe ukuthi abantu babhukude kuphela. |
UZikalala uthe uma kungase kungenele uMengameli wase-USA uMnuz Joe Biden lokho kungasiza ekuletheni izimpendulo ngokwenzeka kubulawa uMyeni. |
UZikalala uthe uma osomabhizinisi abasathuthuka befuna uxhaso lwesamba semali ebhange Ithala nakwiGrowth Fund kodwa bengalutholi, uhulumeni uzobaxhumanisa ne-Afreximbank. |
UZikalala uthe uma umcwaningi mabhuku esebuza ukuthi kunemali enikezwe abantu abadayisa emgwaqweni, kuzobuzwa ukuthi bangobani ngoba bazobe bengayikhokhi nentela. Basuke befana nabantu abangaziwa nhlobo, yingakho kuzoba yinselelo ukuthi bakhokhelwa kanjani le mali yokubalekelela kulesi simo. |
UZikalala uthe umsebenzi wale khomishini ukusiza uhulumeni inikeze namasu, iphinde iluleke ngokuthi umsebenzi othile kumele ube usuphelile emuva kwesikhathi esingakanani. |
UZikalala uthe umsebenzi wamakhomishini ngukuthi aphenye yonke into noma ngabe imaphi amahlebezi abafakaza kuwona amakhomishini abawashoyo. |
UZikalala uthe uqinisekisiwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uNgqongqoshe wezokuPhepha kanye nokuXhumaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Peggy Nkonyeni noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi amaphoyisa asasiqaphile isigodlo kanye noBayede. |
UZikalala uthe usalinde umbiko kuNkk Simelane-Zulu ngalesi sigameko. |
UZikalala uthe useqoke ithimba longqongqoshe, elizosebenzisana nendlunkulu ukwenza amalungiselelo okutshalwa kwendlovukazi. |
UZikalala uthe usishayela ihlombe isenzo sikaNkk Magwaza-Msibi, sokusungula i-NFP. |
UZikalala uthe uyazi ukuthi uzidonsela amanzi ngomsele ngenkulumo yakhe kodwa ukukhangiswa kotshwala kwithelevishini phakathi kuka-6 no-8 ebusuku akuyona into enhle akumele engabe iyenziwa. |
UZikalala uthe uzokhuluma noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke ngokuhlaluke emhlanganweni wakhe nomphakathi bese ethinta uhulumeni kazwelonke ngenhloso yokuvuselela izingxoxo nohulumeni waseMozambique ukuze kubuyiselwe kuleli izimoto ezebiwe. |
UZikalala uthe yize izibalo zabaneCovid-19 zingathusi okwamanje kodwa kuyamkhathaza ukuthi ezibalweni zabeCovid-19 ezweni jikelele, u-21% uphuma KwaZulu-Natal kwazise isibe nesibalo sabawu-336 228 selokhu kwaqubuka iCovid-19. |
UZikalala uthe yize kunenkinga yokubulawa kosopolitiki kodwa ngeke bavele baqagele ukuthi nokufa kukaHadebe kuhlangene nakho. |
UZikalala uthe zingaphezu kuka-600 000 izivakashi ezivela kwezinye izifundazwe ezazigcwele KwaZulu-Natal ngonyaka odlule, kulo nyaka bahlela ukuheha eziwu-850 000 ezivela kwezinye izifundazwe neziwu-150 000 ezivela kwamanye amazwe. |
UZikalala uthe zinhlanu izifunda eKZN ezikhombisa ukuhlupha ngesibalo esiphezulu sabahaqwe yiCoronavirus. |
UZikalala uthi isifundazwe senza kahle ngasohlangothini lokugwema ukusabalala kweCorona wathi abahaqeke kakhulu ngabaneminyaka engu-25 kuya ku-39. Bangu-3 060 abahaqekile esifundazweni, babe ngu-1 371 abalulamayo. Sebengu-61 asebeshonile. |
UZikalala utshele izinkumbi ebezihambeleumcimbi ukuthi umasipala ophethwe i-ANC, iTheku, wenza kahle kakhulu uma uqhathaniswa nophethwe i-DA, iCape Town. |
UZikalala uveza lokhu nje indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla namhlanje ekuseni kuTwitter ufake umbhalo okhombisa ukuthi abakwaMsholozi banyama nambana noNdunankulu wesifundazwe. |
UZikalala uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngeSonto echazela abantu baKwaZulu-Natal ukuthi kusho ukuthini ukuxegiswa kwemithetho yokuvalwa kwezwe kusukela ngenyanga ezayo kulesi sifundazwe. |
UZikalala uveze lokhu ngoLwesithathu ekhuluma nabezindaba lapho aveze khona ukuthi kunezimboni ezizovunyelwa ukubuyela emsebenzini kulo masipala kodwa konke kuzokwenziwa ngaphansi kwemigomo ebekiwe yokuvalwa kwenzwe ukulwa neCovid-19. |
UZikalala uveze lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ethulo inkulumo ngesimo sesifundazwe saKwaZulu-Natal eRoyal Show Grounds, eMgungundlovu ngoLwesithathu. Uveza lokhu nje, ngoLwesibili abeStatistic SA bamemezele ukuthi iNingizimu Afrika isesigabeni senzikamnotho ngenxa yokwehla kwezinga lokukhiqiza. |
UZikalala uveze lokhy ngoMsombuluko ekuseni kulandela ukuqala kwesigaba sesine sokuvalwa kwezwe ngoLwesihlanub ngoMeyi 1. Ekhuluma nabezindaba uZikalala ushiye umyalezo oshubile kwabangayilandeli imithetho ethi kuzoqiniswa izinhlelo zamaphoyisa emphakathini. |
UZikalala uveze nokuthi kuzokwakhiwa itshe lesikhumbuzo elinamagama abantu abangu-36 ababhubha kulezi bhelu ungakapheli uDisemba nonyaka nengadi yokuthula yemiphakathi ethintekile. |
UZikalala uveze ukuthi bonke omasipala, ngaphandle kwabezifunda, kufanele kushaye uNovemba 23, esefungisiwe ngokusemthethweni amakhansela abo, kwakhethwa nezimeya. |
UZikalala uveze ukuthi eThekwini, eMajuba nasoGwini izona zindawo elibhubhayo kuzona ngabantu abacwile ezidakamizweni. |
UZikalala uveze ukuthi kusasa bazohlangana nazo zonke izinhlaka ezingeni leziFunda lapho bezobe besabhunga ngeCorona. |
UZikalala uveze ukuthi zikhona futhi nezinhlelo zokuphucula ichweba lwaseThekwini ngenhloso yokufukula umnotho nokudala amathuba omsebenzi. |
UZikalala uvumile ukuthi umnotho usezingeni eliphansi kakhulu wathi futhi yinto ehlasele umhlaba wonke. |
UZikalala uxwayise ngokuthi lingase lidonse isikhathi icala likaZuma ngenxa yemicilikisho nemidanti yalo. Uthe kusasa kusayoxoxwa eyokuthi unjani empilweni, ngaphambi kokungena odabeni. |
UZikalala uzigxekile izenzo ezinodlame, eziholele ekucekelweni phansi kwempahla, kwaphinde kwashiswa namaloli, kwavalwa namanzi edolobheni. |
UZikalala uzwakalise lokhu kukhathazeka esithangamini sabezindaba ngeSonto eThekwini, lapho esuke ememezela ngokusha osekwenzekile okuthinta iCovid-19 kulesi sifundazwe. |
UZikalala uzwakalise ukukhathazeka ngesinqumo sezitolo ezinkulu ezimise ukudayisa imikhiqizo eyenziwa KwaSizabantu, wathi lokhu kuzolahlekisela abantu ngamathuba omsebenzi. |
UZikalala uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi izinkampani ezinkulu azizibophezeli ngokwanele ekusizeni amabhizinisi asafufusa. |
UZikalala uzwakalise ukukhathazeka ngokuxega kwezokuphepha ezikoleni nezidubedube eziqhubeka emanyuvesi. |
UZikalala wagcina ukuvakashela kule ndawo ngaphambi kokhetho lwango-2019, lapho ayengena umizi ngomuzi, ekhankasela lona. |
UZikalala wakugxeka ukushushumbiswa kwezimoto wathi uma kukhona nabezomthetho abamdibu munye nezigebengu, kumele bamiswe emsebenzini bavulelwe amacala baboshwe. |
UZikalala wathi uzoxoxa noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Bheki Cele, ngezinto ezidinga ukwenziwa uhulumeni kazwelonke ngodaba oluthinta umngcele ohlukanisa leli neMozambique. |
UZikalala wenza amakhishi, ama-ceiling board aphinde avuselele kabusha imizi. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.