input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uyisikhulu esiphezulu kwiPSL, ngakho ngeke athande ukubona iqembu lakhe libangwa nezibi.
Uyisimomondiya sentokazi ekhazimulayo futhi engahlobisa amaphephabhuku. Ngizocela ubhasobhe abazenzisi, ikakhulu abazibiza ngabangane bakhe. Ngiyakuxwayisa..." |
Uyisishoshovu esaziwayo eMzinyathi njengoba wayephambili elwela ukuba i-IFP inqobe umasipala waseNquthu ngemuva kokuqalwa phansi kokhetho ngo-2017. |
“Uyiswe eKing Edward VIII emini yasekuseni engakhulumi engaphaphami,” kusho umthombo. |
“Uyiswe KwaMashu kodwa wabuyiselwa emuva ekhaya kanti usezoshona,” kuphetha uNksz Khuzwayo odalule nokuthi uCyril empeleni ungowakwaKhuzwayo eMaqadini, eNdwedwe kodwa emculweni ubesebenzisa elinye lamagama akhe njengesibongo. |
“Uyithatha kuphi le ndaba? Angiyazi mina le nto ongibuza ngayo, ngakho angikwazi ukuphawula ngento engingayazi,” kushaya uMpisane ngamafuphi. |
Uyithintile indaba yeqembu i-African Democratic Change (ADec) azama ukulisungula ngesikhathi ephuma ku-ANC. Uthe kwacaca ukuthi abaningi ababenaye ababona ithuba lokungena ezikhundleni bathole imali. |
Uyithintile indaba yezibhelu eziqubuke ngoJulayi wathi nayo imfakile enkingeni uGeneral Sitole futhi nayo ingase ibhekwe uma eseketulwa. |
Uyithola kwiRS 3 neTT RS nakwiRS Q3 ikhona. Ngaphandle kwamandla ayo, enye into emnandi ngayo ukuduma kwayo okungathi ungalokhu ukuzwe njalo. |
Uyithola namarimu aphakathi kuka-17 no-19 inch, yize amakhulu aphinde ephazamise ekutheni ibe ntofontofo. |
Uyitholele amaphuzu ewadingayo, yakwazi ukuvika izembe yize. Leli qembu likwenze lokhu selize ladlala eyokuhlunga. |
UYITHOLILE incwadi kaVatiswa abeyibhale wayenekela izwe lonke, kukuphathe kanjani indlela enekwe ngayo nezinto ezibhaliwe? |
“Uyithumele mina incwadi kodwa angikwazanga ukumthola sengimthinta ngocingo ngoba ngesikhathi ngiyifunda ibihlekisa kakhulu ngazitshela ukuthi ayilona iqiniso. |
Uyivula unyuse amawindi bese ufaka isisefo sokuvimba umoya ezihlalweni zangemuva ukuze umoya ongena ngaphakathi ungabi mningi kangako. Uma ugodola ngenxa yomoya opholile wantambama, uyakwazi ukukhipha umoya oshisayo emqaleni ezihlalweni zangaphambili uphinde ushisise nezihlalo. |
Uyivumile eyokuyeka izitha zibacindezele kuqala ngaphambi kokuthi babuye. Lokhu kwenzekile iPirates igcina ibambana ngo 1-1 neBloemfontein Celtic kanjalo nakowabakhaya neKaizer Chiefs. |
Uyizibulo ezinganeni ezine kanti wazalelwa eTranskei wafunda eCape Town. Uneziqu zeBCom Accounting zaseNelson Mandela Metropolitan University nezeManagement Development yaseGibs. UneBsc yeRailway Operations yase-University of Glasgow, eScotland. |
uyobe esedlulela enkantolo enkulu ukuze athole incwadi emisa imeya ukuqinisekisa ukuthi ayigxambukeli ophenyweni. |
Uyobe usuphinda ngoDisemba 8, ukhonjiswa ngo-8.00 ebusuku kusona lesi siteshi. |
UYOFUNDA phesheya kwezilwandle umqeqeshi weMaritzburg United uFadlu Davids. |
UYoghetto ophinde abe ngumsakazi wesiteshi somphakathi i-Emalahleni FM 98.7, uthinte Isolezwe ngeSonto ekhala ngoBabes amsola ngokudla amandla akhe ngoba engakadumi njengaye. |
UYoghetto uthe yize izihloko zingafani ncamashi kodwa ingoma kaBabes inezinhlamvu nesigqi esifanayo nesakhe. Isihloko sekaYoghetto sithi: Dlala Phez’ kombhede. |
UYogis Govender weDA uthe kumele kuyekwe ukusetshenziswa budedengu kwemali. |
UYOKHOHLWA efile owesifazane ozwe umndeni wakhe ukhala, ufuna usizo uhlaselwa eMaqongqo ngaphandle kwaseMgungundlovu. |
UYolanda, ojimisa iqembu lebhola iLamontville Golden Arrows, unengosi yokweluleka ngokuzivocavoca kwiVuma FM ngoLwesithathu ngo-4:45 ntambama. |
UYolanda uthe ubevele azi ukuthi uyeza umngani wakhe kodwa wanquma ukuthi angasheshi ukumemezela ezinkundleni zokuxhumana. |
UYolanda uyindodakazi kaVusi Mvelase ongusomabhizinisi waseThekwini odume ngokudayisa izimoto. |
UYolisa Phahle ongumphathi kwaMultichoice, uthe lona umlando kubona njengoba besasigcinile isithembiso sokujabulisa abalandeli ngezinhlelo namafilimu ahlukene akhona emhlabeni. |
UYolisa Phahle ongumphathi wakwaMultichoice kuleli, uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthi bangaqale bakhombise ngalolu hlelo njengoba inhloso ngalo ukukhombisa lezi zithandani zibopha elikasofa silahlane. |
UYolisa Phahle ongumphathi wakwaMultichoice,uveze ukuthi, izinhlelo abazibophele kulesi siteshi zizogqamisa ithalente izwe i-Afrika elinalo. |
UYoliswa (8) wagcina ukubonakala emini edlala nezinye izingane emgwaqweni ongaphandle kwakubo. |
“Uyomdlalisa nini uLebese? Empeleni yini eyenza ungamdlalisi ngoba uyaziwa ukuthi ungomunye wadlali abayaziyo into abayenzayo iNingizimu Afrika yonke. Wena uthenga abadlali ngoba nakhu ubesaba kwamanye amaqembu, bese uyabasondeza ubagqume ebhentshini,” kugonyuluka uSilva esitatimendeni. |
UYOMELA elakuleli eNew York, eMelika, emqhudelwaneni wokumodela uzime oneminyaka eyisishiyagalolunye wase-Elandskop, ngaphandle kwaseMgungundlovu. |
UYOMELA iNingizimu Afrika emncintiswaneni weScience neMaths oseBrazil umfundi (16) wesikole samabanga aphakeme iStar College, eWestville. |
UYOMEMEZA phesheya kwezilwandle okokuqala, uDladla Mshunqisi wodumo lwengoma ethi Memeza. |
“Uyongibuza ungiphale ulimi uyangena noma yikanjani kulelihlandla. |
UYonwabo, okuthiwa ubesehamba ehlala, kubikwa ukuthi ugcine ngokuthi ashone ngoMgqibelo efulethini obekuhlala kulo umngani wakhe eDurban North. |
UYussuf Jappie, omunye wabadlali uLarsen abethembise ukubaveza kulo mdlalo, ushaye inguzunga yeshodi kodwa yaphelela ezandleni zikaKhune. |
UYvonne akaqali ukuhlonishwa ngegalelo lakhe lokuyosiza emazweni ahlukene e-Afrika njengoba nasemcimbini waseMelika othathwa njengomkhulu emhlabeni amaBET, wahlonishwa ngegalelo lokulwela abesifazane nezingane abahlukunyezwayo. |
UYvonne ngeke nje agcine ngokuthi ahlonishwe kulo mcimbi kodwa uzophinde abe yisimenywa esiqavile esizokhuluma ngezinto ezihlukene ezithinta ibhizinisi embuthanweni i-AFRIMA Business Summit, la kuzobe kudingidwa khona izinto ezithinta umculo wase-Afrika, amaCiko ase-Afrika yonkana nezinye izinto ezithinta wona umculo. |
UYvonne ubencoma igalelo labesifazane abasebancane abasendimeni yomculo, waveza nokuthi uyabathanda. |
UYvonne uphinde wayala abesifazane ukuthi bazihloniphe ukugwema ukuhlukunyezwa abesilisa abathandana nabo. |
UYvonne uthe ushade noTiny eneminyaka engu-23 ngemuva kwesikhathi eside bengabangani. |
UZabelo Lungelo Nala waseMndunduzeli, eNkandla, kusolakala ukuthi wanyamalala ngesikhathi kuqhamuka abazingeli ababehamba nezinja eziningi. |
UZabelo, ophethe isicoco sikaMiss DUT, ulale isithathu kodwa wabuye wakhala wemuka nesicoco seBest Talent nesePeople’s Choice. |
UZabelo ungumfundi kaGrade 1 eMndunduzeli Primary. |
UZabelo unyamalale egqoke isikibha esibomvu esinemikhono emide, ibhulukwe elibubende, ijakhethi eluhlaza namabhuzi amnyama. |
UZabelo uzalelwe eMpumalanga futhi waphothula uGrade 12 eMdumiseni High ngaphambi kokwenza izifundo ze-Environmental Health eDurban University of Technology. |
UZA eThekwini ngonyaka ozayo umcimbi kaCassper Nyovest asezakhele ngawo igama kuleli owaziwa ngeFillup. |
Uzagiga yisifo esijwayeleke ezinganeni esivuvukalisa ngezansi kwezindlebe noma ngezansi kwezihlathi. |
UZahara akuqali ukugubuzelwa yifu elimnyama njengoba nango nyaka ka-2014 wathola izindaba ezimbi kudutshulwa kubulawa umfowabo. |
“UZahara nomngani wakhe bangisayinisa inkontileka ngasese, maqede bangafuna ngiyifunde. |
UZahara obekhuluma ehefuzela, ugeqe amagula ngokuhlukumezeka athi uhlangabezane nakho ngesikhathi esengaphansi kweTS. |
UZahara, ogama lakhe lokuzalwa nguBulelwa Mkutukane, kuleli sonto ube sematheni eveza ukuthi uzobopha le nkampani njengoba ethi imkweleta uR10 million. |
UZahara ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram ukuthi usenemenenja entsha * -Oyama Dyosibe, abantu okumele bathinte yona uma befuna ukumqasha. Ubonge nabalandeli bakhe ngokumeseka ebunzimeni. |
UZahara udalule nokuthi ubuntombi bakhe baqedwa ngumsakazi woMhlobo Wenene, u-Amaza Ntshanga. Uthe yena waqala ukuqoma eseneminyaka ewu-23 kodwa waze waqala ukuzitika ngocansi eseneminyaka ewu-24 no-Amaza osakaza uhlelo lwantambama oluthi Masigoduke. |
UZahara ufake uhlu lwemicimbi azonandisa kuyo kodwa Ugu Jazz wangalubala yize esezikhangisweni ekhona. |
UZahara ukuqinisekisile ukushona kukadadewabo ezinkundleni zokuxhumana wathi kodwa kunzima ukwamukela nokukholwa ukuthi akasekho ngempela emhlabeni udadewabo ebemthanda. |
UZahara uphefumule ngalolu daba engxoxweni ne-website yezokungcebeleka iTshisaLive lapho edalule khona ukuthi sekuphele izinyanga ezinhlanu engabulokothi utshwala. |
UZahara uphikile ukuthi unenkontileka ayisayine neMLH. Uthe usayine neWarner Music ngemuva kokuvumelana neMLH. |
UZahara uqale ukubonakala kwi-EFF ecula Lizalis' Idinga Lakho, kwingqungquthela yokwethula umhlahlandlela weqembu emuva kokucula emicimbini ye-ANC, yonke le minyaka esendimeni yomculo. Ngo-2012 wayengomunye wabaculi ababenandisa ngesikhathi kugunjwa iminyaka ewu-100 kwasungulwa i-ANC. Emuva kokugxekwa ngokucula embuthanweni we-EFF, uZahara waphendula ngokuthi kunzima ukuba nguyena |
UZahara usethathela izinyathelo zomthetho iTS Records njengoba ethi imukweleta u-R10 million. |
UZahara ushiywe ngudadewabo uNomonde Mkutukana (45) ngoMashi kulo nyaka. Ngenyanga elandelayo ugwetshwe izinyanga izintathu noma inhlawulo kaR1 500 ngokwehluleka ukuvela enkantolo ngecala lokudoja ukukhokhela intela. |
UZahara uthe akabanga nankinga ngisho bebengamkhokhela imali esele ubezoza emcimbini kodwa inkinga ukuthi iyashayisana. |
UZahara uthe uzohamba eNingizimu Afrika ngoJulayi eyokwenza umjikelezo eVancouver, eCanada, bese ebuya ngo-Agasti uzonandisa kweminye yemicimbi yakuleli kuthi ngoSepthemba alibangise e-UK. |
UZahara uthi besingekho isikhathi sokwenza obekuzobukeka kahle emehlweni abantu. |
UZahara utshele leli phephandaba ukuthi yize esazikhotha amanxeba kodwa impilo iyaqhubeka futhi useqalile nokuthola amatoho azitholele yena ngokubambisana nethimba elisha asebenzisana nalo. UZahara usho kanje kulandela ukuthi kuphumelele eminye yemicimbi yakhe yaseCanada. |
UZahara uveze ukuthi ubefa wuvalo njengoba bekungokokuqala ngqa ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo eyijaji. Abalandeli be-Idols nabathandi bomculo bathe wenze umsebenzi oncomekayo futhi bachazekile nangedlela aziphathe ngayo. |
UZahara uvumile ukuthi ubenenkinga yotshwala kodwa wathi uSanele usezama ukucasha ngayo. |
UZahara uvumile ukuthi wakhuluma nabahleli boGu Jazz Festival bebuza ukuthi angakwazi yini ukuzonandisa kulo mcimbi. Uthe wabanikeza inombolo yemenenja yakhe endala ubudlelwano babo obungaphelanga kahle, uSanele Dlamini. |
UZahara wodumo lwengoma ethi Loliwe, usanda kulahlwa yicala lokungalubhadi enkantolo ngenyanga edlule. Ugwetshwe izinyanga ezintathu egqunywe ejele noma akhokhe inhlawulo kaR1 500. |
UZakahle Mbatha (9) nomfowabo omncane uBavikele Mbatha (7) kuthiwa bebefunda KwaSomkhele Primary, bashone ngoMgqibelo emuva kokuminza bedlala. |
UZakahle ubefunda uGrade 3 kanti uBavikele kuthiwa ubefunda uGrade 2. |
UZakes Bantwini uzwakalise ukuphoxeka ngendlela izinto ebezingahlelekile ngayo kulo mcimbi weMabala Noise obungoLwesihlanu: |
UZakes Gumede oyimenenja yale ligi utshele Isolezwe ukuthi iSafa ithathe isinqumo sokunikeza iGreen Wood Park (GWP) Friends amaphuzu amathathu. |
UZakes ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehlonishwa ngeziqu zobudokotela kwiPhilosophy in Visual and Performing Arts yiDurban University of Technology. Umcimbi wokuthweswa iziqu ubukhonjiswa kwiYouTube ngoba ubungasingathwa bukhoma ngenxa yeCovid-19. |
UZakes wodumo lwamanoni afana neGhetto, Bum Bum nezinye, uthe ngenxa yesikhalo sabantu ukhethe ukuzidedela izinhlamvu zale ngoma esibizwa “ngengoma yesizwe” yize ingakaphumi ngokusemthethweni. |
UZakhele Msibi odlala indawo kaNkabinde owumthakathi, uzobuya kulo mdlalo nokulindeleke ukuthi aqale ukubonakala lingakapheli leli sonto. Kuzokhumbuleka ukuthi kwagcina kuvela ukuthi ufile kodwa ngenxa yendawo ayidlalayo namandla anawo kuzovela ukuthi akuzange kube njalo. |
Uzakhele olokhulu udumo ngokubabaza uma esakaza athi “ha!” noma athi “we madoda!”. |
Uzakhele udumo eqenjini laseZambia, iZesco United ebalwa nezikhondlakhondla zamaqembu amakhulu e-Afrika. |
UZakhele uthe bahlangane ngoDisemba nyakenye noMdlokombane lapho befike khona esivumelwaneni sokuqopha umculo waso. |
UZakhele uthe bebesiqinisekisile iSilo ukuthi isifiso saso sizofezeka futhi nomaskandi sizobathola ngosuku lomcimbi. |
UZakhele uthe yena wayefuna ukuba usomabhizinisi, emkhakheni wezimoto njengoba ayethanda ukuzilungisa. |
UZakhele uzakhele udumo ngokudlala indawo kaSkhaleni. Ushadelwa nje ngempelasonto beziwushaya kuzakwabo uNhlanhla Mdlalose olingisa indawo kaBongani kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic phakathi nesonto. |
UZakhona uthe yize enenkinga yamehlo kodwa ukwazile ukuphasa ngamalengiso esizwa wumsakazo wesikole kanjalo nezinye izinhlelo ze-TV. |
“UZakri akayena umdlali weMaritzburg United. Akukho akusayine nathi. Ukube kukhona ngabe sikuvezele izwe kwi-website yethu noma ekhasini lika-twitter njengoba sihleze senza, ngakho akayena umdlali wethu qha,” usho kanje izolo |
UZakri, odabuka e-Cote D’Ivoire nowayedlala kwi-Asec Mimosas okwake kwagijima kuyo izelamanani zakwaToure, uKolo noYaya emidlalweni emine yakamuva usequlele phakathi amagoli amahlanu. Uqulele amagoli amabili bedlala ngokulingana neMaritzburg United kuba ngu 2-2. |
“UZakri ubebanjwe i-visa ekhaya kubo e-Ivory Coast. Ufike kuleli ngoMsombuluko emini. Okumnenge kakhulu ukuthi umqeqeshi weSundowns uPitso, bese kungathi uyamxosha uma ekhuluma nezintatheli ethi umfisela inhlanhla kwiMaritzburg ekubeni bengakakhulumi naye. Manje into asevele wayenza uZakri ukuthi udaza inkani uthi yena wayengazele ukuzodlalela iMaritzburg, kodwa wayeze ukuzodlalela iSundowns. Utshele iSundowns emehlweni ukuthi uma ingasamfuni ayimnike i-clearance yakhe aphume kuyona,” kusho lo mthombo oveze ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kweMaritzburg neSundowns ngoZakri. |
“UZakri ubuyile. Ufike izolo (ngeSonto) kodwa ngeke adlale uma sesibhekene neMamelodi Sundowns. Ubengakwazi ukungena eNingizimu Afrika ngoba ihhovisi elinikeza incwadi eyimvume belivalile kwaze kwaba uJanuwari 5. Uyitholile incwadi evela kuleli hhovisi ebichaza lokho,” kusho * -Ertugral. |
“UZakri wenze kahle kakhulu ngesikhathi ngisebenzisana naye kwi-Ajax Cape Town ngesizini edlule. Ungumdlali omuhle kakhulu uma ebeke umqondo kulokho akwenzayo,” kuchaza u-Ertugral. |
“Uzakwabo ayeboshwe naye wanqaba ukweqa abaleke, wakhetha ukuzihlalela ngesizathu kwathina esingasazi. UNsunsu ubewumuntu ongenawo unembeza, embandakanyeka kuxhaxha lwamacala, futhi ekwazi ukuthola indlela yokubulala ofakazi emacaleni asuke ethweswe wona,” kusho uLt Gen Mkhwanazi. |
Uzakwabo emculweni uJoe Nina obekhuluma ngeSkype uthe naye uzokwenza isiqiniseko sokuthi igama likaSteve alishabalali ngoba "ngilapho engikhona nje kungenxa yakho". |
Uzakwabo kaDladla uSuperintendent S Ndlovu uthe nabo balahlekelwe. Unxuse ukuthi abenzi bobubi bajeze kanzima ngoba abalindele ukuhlangana nabo sebecanasa emuva kwezinsuku ezimbalwa. Uthe kuyoba nzima ukuvala isikhala sikaDladla ngoba ubesebenza ngokuzinikela. |
Uzakwabo kaKekana, uThemba Zwane obebanga nabo benoLorch, uhambe encela izithupha. |
Uzakwabo kaLady D, uZimiphi “Zimdollar” Biyela uhlomule ngendondo yeWomen In Media. Uhlule uSithelo The DJ, uDJ Happy Gal nabanye. |
“Uzakwabo kamufi owamlanda esibhedlela, kuthiwa wabuyela esikoleni wayofundisa ngoba izikole zazingakavalwa. Yize kuthiwa asingethuki kodwa lolu lwazi lusenza sikhathazeke. |
UZAKWABO kaWayne Sandilands, kwi-Orlando Pirates, uyihlaba uyayihlikiza eyokukhomba umunwe kulo nozinti ngegoli elibangenele ngesikhathi begcina bebambene ngo 1-1 neHighlands Park emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto. |
Uzakwabo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe ziningi izinselelo ezisele ukulungisa izimo zokusebenza kothisha. |
Uzakwabo kweZimnyama, uJosef Zinnbauer, akazange akwamukele ukwehlulwa. Amaphuzu amathathu abezobeka iPirates endaweni yesibili kwi-log. Njengamanje ibambe indawo yesine ngamaphuzu awu-35. Esicongweni kuhleli iMamelodi Sundowns ngamaphuzu awu-40 njengoba ibambane ngo 1-1 neBlack Leopards. |
Uzakwabo kwezokulingisa, uVusi Dibakwane, uthe bekunomsebenzi abefuna ukumnikeza wona njengoba bebesebenza kakhulu ndawonye. |
Uzakwabo naye akasalanga ngaphandle njengoba kuthiwa uyaphenywa ngokuhamba naleli phoyisa wangalibika ukuthi belibudlonyile. |
Uzakwabo ocele ukungadalulwa igama lakhe ephepheni esabela ukuthi hleze engasanikwa umsebenzi, uthe umkhandlu awubaniki izimpendulo ukuthi usabadinga noma cha. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.