input
stringlengths
1
130k
UZandie Khumalo - Gumede obhalele abalandeli bakhe ngokuthatha ikhefu, ekhasini lakhe kwi- Instagram, uthe useyoze abuyele emsebenzini ngoNovemba ngenxa yomyalelo awunikwe udokotela wakhe.
UZandie Khumalo, ongudadewabo kaKelly Khumalo, osayine nyakenye ngaphansi kwenkampani yamazwe ngamazwe iWarner Music, uthe lokhu kwenzeke ngemuva kokutshoda kobudlelwano neMabala Noise ayengaphansi kwayo.
UZandie udalule ukuthi useyishuthile ivideo yengoma, kuyona nokuzogqama imvelo nobuhle bayo yonke into emhlabeni.
UZandie uhambe ezinyathelweni zikaDJ Zinhle, osanda kudalula ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukhulelwe.
UZandie ungene ngengoma iSekwanele ayicula noLindani Gumede, maqede washaya i-Ex Yami, okuyiculo likaMaqhinga Hadebe alenze kabusha.
UZandie uxoxisane neSolezwe ngeSonto ngenjabulo yakhe, wathi sekuseduze ukuthi abusiswe ngomntwana wakhe asemqambe igama likaZenala, nokuyisihloko se-EP yakhe entsha esanda kuphuma.
UZandie uzoba nekhonsathi yokugubha usuku lwezithandani iZandie Khumalo and & Friends ezokhonjiswa kuBET (DStv channel 129) ngeSonto, ngo-7 ebusuku.
UZandi Khumalo-Gumede, unameke izithombe ngoLwesibili ekhasini lakhe kwi-Instagram encelisa usana abelugonile elele embhedeni esibhedlela, iShelly Beach esePort Shepstone.
UZandi kungokokuqala ukuthi angene emkhakheni wokulingisa njengoba ngaphambilini ubematasa ngokwethula izinhlelo ezihlukene kuthelevishini.
UZandile ethintwa uthe wathathwa ukukhululeka kukaNomsa.
UZandile Madlala (18) waKwaDabeka, obefunda eSithokozile High wathola o-A abayisikhombisa, uphume isine kubafundi abenze kahle eThekwini eqoqweni lezikole ezidonsa kanzima. Uthe kulo nyaka uzoyofunda iChemical Engineering eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).
UZANDILE Malinga uthishwa ukuthi uzothatha isikhundla sokuba yimenenja yeBoxing South Africa (BSA) KwaZulu-Natal.
UZandile Malinga weStarline Boxing Promotions ongomunye owasungula nomufi iKZN Professional Boxing Association eminyakeni emihlanu eyedlule, uthe akakakholwa ukuthi uMagudulela akasekho emhlabeni.
UZandile Malinga weStarline uthe lokhu kuhlehliswa kwezimpi sekwenze nabaxhasi bawungabaza umdlalo wezamankomane.
UZANDILE Msutwana uncelisa amawele njengoba esezobonakala komunye umdlalo iGrootboom and Sons. Kumanje ulingisa indawo kaVuyiswa kwiThe Queen kanti maduze nje, uzobonakala kwiGrootboom and Sons edlala indawo kaFuneka.
UZandile Nkonyeni wakwaSABC, uthe njengoba beyisiteshi esiyixhasa kakhulu intsha eyenza noma yini enhle kuleli, bayajabula ukuthi kuzoba nohlelo olufana nalolu.
UZandile Sanele Shange (21) waseShowe, uhlabe umxhwele abaningi kwasabalala ne-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana. Ubethweswa iziqu zeBachelor of Social Science ngoMsombuluko. Ngesikhathi eseyothweswa iziqu ungene esiteji evunulile, wasina ingoma. Kuthe noma esephuma wayibhikla waze washaya ungqimphothwe.
UZandile ubesesebenze kulo msakazo iminyaka engu-13, wafika khona enguphrojusa wagcina esengumphathi wezinhlelo.
UZandile ubethathe ikhefu ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi walimala ngaphakathi esebenza kuwo. Isitatimende esakhishwa abeFerguson Films saveza ukuthi uZandile ulimale waphuka, ngenkathi beqopha.
UZandile utshele Isolezwe ukuthi ingoma uphila ngayo futhi wayiqala emncane.
“UZandile wafika endlini wathela ubhuti ngophethroli. Ubhuti wasikhahlela isigubhu sawela endaweni yokubasa umlilo, eyayivutha. Kwagqamuka umlilo indlu yasha nabo bephakathi.
UZandile “Zeal” Dladla usezokwenza iFakumoya. NgeSonto uSbu Buthelezi ubuyela kwiNdumiso, uBoniswa Moto enze iYouth ke Yona noNkulunkulu Nomuntu Omusha. Izingxoxo Zenkolo zenziwe nguLucky Nkosi.
UZandi uchaze kanje: "Kwakuwumzuzu okhethekile kimi, ikakhulu hhayi ngoba befana nezingane zami kodwa ngoba bonke bebeyingxenye yokukhulelwa kwami kusukela ngisenezinyanga ezintathu. Bebelokhu bengifonela njalo ngesonto futhi bengiphoqa ukuba ngibeke ifoni esiswini sami ukuze bakhulume nomzala wabo (uZenala). Ngesikhathi ezalwa base bekulangazelele ukuhlangana naye ukuze bambambe. Ngakho ngesikhathi lo mzuzu ufika, ngabona ubuso babo. Kwavele kwaba wumlingo."
UZandi uveze ukuthi uhluke kakhulu kuNompi uma nje kuziwa endleleni yokukhulisa izingane nokuba wumzali.
UZane Derbyshire, ophethe izinhlelo, uthe uBongani ukhethe ukusihoxisa isicelo sakhe sokushiya.
UZanele Khambule (19) waKwaMashu uthe wakubhalisela ngonyaka odlule ukuvota futhi uzimisele ukuvota.
UZanele uthe abantu abaningi baphethwe wukhwantalala ngenxa yeCovid-19 abanye sebelahle ithemba.
UZanele uthe indikimba yakulo nyaka ithi Hope (Ithemba)
UZanele uthe ivuleleke ebafaneni abaneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-21.
UZanele uthe ngayo uhlose ukukhiqiza izinhlelo, imidlalo yethelevishini nokunye okuzobuyisa isithunzi sabazalwane nabefundisi.
UZanele uthe okwamfaka ekulingiseni ukubheduka kweCovid-19 emhlabeni jikelele okumphazamise ezinhlelweni eziningi. "Ngajoyina inkampani efunela abalingisi imisebenzi iMizan Agency. Ngokushesha ngabe sengithola ithuba lokulingisa kuZalo nakwiDurban Gen."
UZA nezinguquko umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka, iSABC Summer Song, owagcina ubhuntshile ngemizuzu yokugcina ngonyaka odlule.
“Uza nomsindo omkhulu kulo mdlalo njengoba kunokungezwani okukhona vele manje phakathi kuka-Ona, uZanele noFaith. Ukugxeka kwakhe uJo, ezolinganisa ingubo, kwenza uFaith athole ithuba lokuthi amthethise ngendlela emfikisela izinyembezi nokuyinto ebajabulisayo bona,“ kusho uThapelo.
Uzanyelwa le mpi yangoDisemba nje, kuzokhumbuleka ukuthi umqeqeshi wakhe uCollin “Nomakanjani” Nathan waveza ukuthi iphupho labo ukuhlanganisa amabhande omhlaba. Kwake kwavela nokuthi kungenzeka aqhathwe nompetha we-World Boxing Council.
UZANYELWA umsebenzi kwiMamelodi Sundowns uKagisho “KG” Dikgacoi inkontileka yakhe engazange ivuselelwe yiLamontville Golden Arrows.
Uzanywe kaningi lo mholi ocingweni wangatholakala.
UZawadi Yamungu okuthiwa ukhulelwe ingane kaEdmund ubengalubambi ucingo, wabhalelwa imiyalezo nayo wangayiphendula kodwa kuvela ukuthi ivuliwe.
UZaza Mokhethi weZahza Holdings uhlomule ngendondo kumaMaranatha Worship Music Awards ngempelasonto ngaphansi komunxa weFemale Excellence ebeqokwe ngaphansi kwawo.
UZaza ngenyanga edlule watshela Isolezwe ukuthi le ngoma isondele kakhulu enhliziyweni yakhe ngoba imkhumbuza umkhulu wakhe. UZaza kule albhamu usebenzi babaculi abaningi bokholo abathandwayo okubalwa uDumi Mkokstad, Swazi Dlamini nabanye.
UZaza uthola le ndondo nje umatasa nokwenza umjikelezo wokwethula i-albhamu yakhe emadolobheni ahlukene eLondon. Le albhamu ethi Imbewu The Outpouring Chronicle selokhu eyikhiphile uZaza ikhombisa ukuhamba kahle njengoba nabantu abaningi behlala beyitusa ezinkundleni zokuxhumana. Ingoma ethi Imbewu iyona ehamba phambili kakhulu kule albhamu.
UZazini ubuye nendondo yesiliva kumaWorld Students Games, abeseNapoli, e-Italy.
UZeal akethuki isisinga kwezokusakaza futhi useguduze izinhlangano eziningi.
UZeal uqale ukuzakhela udumo esakaza kuMetro FM nakuGagasi. Sekusabalele imibiko yokuthi noma yikanjani uyaqala kuKhozi FM.
Uze aqalekise ngokuthi omabhalane bakwaSassa noma sebengamane bayidle impesheni yakhe ngoba useyigqigqele kakhulu kodwa engalutholi usizo.
Uze ashaye phansi ngonyawo ethi uzophikisa ngisho isicelo sebheyili, uze ayalele amaphoyisa ukuthi amdubule uma ezama ukubaleka.
Uze asho nokuthi akakusabi ukuboshwa yena. Kubuhlungu-ke uma sekuphele inyanga nalo futhi leli soka lakhe liphinde limphike ekubeni yilo elafika lazomthatha ekhaya,” kusho udadewabo.
UZEHLISILE wacela uxolo kubalandeli umqeqeshi weKaizer Chiefs,uGiovanni Solinas, ezakhe ziqeda umdlalo ka-10 zihluleka wukuhlula i-Orlando Pirates emdlaweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
UZenande Mfenyana uthe yize eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kuleli okukhona kuyo iGenerations azakhela kuyo udumo ne-Ashes to Ashes, uzizwa esekhaya kuThe Queen.
UZenzele uma ebuzwa ngalolu daba, uthe akazi lutho yena, akwaziyo ukuthi ubhuti wakhe omncane wamane wakhetha ukulobola umuntu wesifazane naye ayesamthanda.
Uzenzile akakhalelwa kepha kukhalelwa uzumekile. Liyagawula izembe ngakho kumele sizinakekele ngoba kudla fumuka kudle silaza.
UZenzo Mpofu (9) ofunda uGrade 4, ugile izimanga eqhudelana nabanye ozime kwi-International Arts Talent Showcase ebiseKrugerdorp ngo-Okthoba 31 nonyaka.
UZenzo Ngqobe (35), uzalelwe eMafikeng, eNorth West. Le nsizwa izakhele igama iqala ukubonakala kwifilimu eyaqoqa izindondo kuleli nasemazweni, iTsotsi.
UZenzo omunye ozongenela kuMiss United Nations South Africa 2020, ozobe useGoli ekupheleni konyaka.
UZethembiso Perfect Mdletshe (24) odume ngelikaZethe unqobe ngoLwesithathu esiqeshini ebesitshe-ngiswa bukhona kuMzansi Magic.
UZethe ubukela eqenjini eligubha iminyaka engu-20 lasungulwa, iMafikizolo kanjalo noSimphiwe Dana.
UZETHWESE ijoka lokuqinisekisa ukuthi iHighlands Park iyazinza esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) umqeqeshi waleli qembu u-Owen Da Gama okunguyena futhi obeshayela umkhumbi wayo idla kalula isicoco seNational First Division (NFD).
Uze ukhala kanje u-Andile kulandela ukuthi leli phephandaba libhale ngesikhalo samakhasimende egatsheni lalo likamasingcwabisane eliseMgungundlovu.
Uze wabala nengozi yeloli eyenzeke eJozini, wathi kunezinsolo zokuthi umshayeli ubebukhile okuyinto ebingeke yenzeke ukube utshwala bebusavaliwe.
“Uze wabuzwa nokuthi izindleko zecala uzozikhokhelwa wubani njengoba eza nakho kungalithinti icala elisenkantolo. Uveze ukuthi akazozifuna kumuntu kodwa uqondene nekhasimende lakhe kuphela. Amajaji amcacisele ukuthi udaba oludingidwayo oluthinta umbango ophakathi komholi uMduduzi Shembe nomholi uVela Shembe akukho okunye azokuthatha okuvela eceleni. Uveze ukuthi ubezosiza inkantolo ngesinqumo ezosithatha kodwa amajaji akucacisa ukuthi awadingi sizo kulesi sinqumo,” kusho omunye wamalungu ebandla obesenkantolo.
Uze wafika ekugcineni ke umdlalo zibambene. Lo mphumela usho ukuthi iChiefs isanqobe kanye emidlalweni emihlanu, okuyenza ibalwe namaqembu angaphandle kweTop 8. IGallants nakuba kukhulunywa ukuthi isukile emsileni yingenxa yeTS Galaxy ethole isibhaxu sika 4-2 komunye umdlalo weligi wangeSonto. IGalaxy nayo ayikanqobi.
Uze wakhipha isitatimende waxolisa ngokuhlangana nabo emzini wabo wathi useyabona ukuthi waphambuka.
Uze wakhishwa sekusele imizuzu emine ukuthi umdlalo uphele uMay Mahlangu, odlala kwi-Ordabasy. Leli qembu asanda kulijoyina ulishayele igoli ngeledlule. Nakuba engayibonanga inethi kulokhu kodwa ube nesandla ekunqobeni kwalo ngo 1-0 kwi-Aktobe ngoLwesihlanu ebusuku.
Uze wakhishwa uCastro ngemizuzu yokugcina indawo yakhe yathathwa uDimusani Zuma. Lo mgadli osuka kwiMamelodi Sundowns uyeke inqwaba yamathuba alula okugcine sekumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli baMakhosi abese bemkhomba ngaphandle.
Uze wakhombisa inkantolo ukuthi iR5, isetshenziswa kanjani. Ngesikhathi echaza, abamangalelwa namaphoyisa agada abasolwa bebehleka baze bakhuzwa yijaji.
Uze walinganisa nge-IFP wathi bayikhipha emandleni KwaZulu-Natal ngoba yabe isikhathele isisebenza ngamakhehla nezalukazi zodwa.
Uze walinganisa ngokuthi abantu abamnyama benza okuphambene ngoba uma benenkinga abaqhamuki namaqhinga kodwa bavele bagxobe itoyitoyi babulale impahla.
“Uze wamjoyina uGordhan njengoba kade ezama ukuphikisa izincomo zoMvikeli woMphakathi ngoba uzama ukumvikela,” kusho uMalema.
Uze wancokola ngokuthi nalaba abagqoke izikibha zeNkatha benze iphutha ngoba umcimbi kahulumeni lo eze kuwona akuwona oweNkatha. Uthe ingakho naye engawugqokile umfaniswano weNkatha.
Uze wangcwatshwa wumndeni wakhe ngoMgqibelo, eVryheid emva kokubuya kolibofuzo oluqinisekisa ukuthi isidumbu ngesakhe.
“Uze wangitshela ngale nto ngenyanga edlule. Bengimvumela avakashele uyise ngoba ngimethemba yize sesahlukanisa,” usho kanje.
Uze waphumelela empilweni emuva kweminyaka ewu-15 ezabalaza futhi waze wakhipha i-albhamu noMan Child weMina Nawe ngo-1998.
Uze wasebenzisa igama lesilungu ethi a-useless.
Uze washintsha uClinton Larsen ngomzuzu ka-61 ekhipha uDanny Venter noThabo Molefe ezindaweni zabo wafaka uWayde Jooste noSandile Zuke.
Uze washo ngisho nemizuliswano okuzomele uPacquaio alindele ngayo ukuvuka othulini.
“Uze wasixwayisa nathi siwumndeni ukuthi sihlale siqaphile ngoba kwathina asiphephile. Ngaya emaphoyiseni ngawabikela lolu lwazi angisizakalanga,” kubalisa leli lungu.
“Uze wasondela eduze kwakhe emkhuza, waze wamshaya wase eyasuka embuzini abeyimbambe ngqi,” kuchaza umthombo.
Uze wathatha nebhola walibeka enkundleni, nabasizi bakhe bahlola konke enkundleni ngisho nezinethi ukuthi zimi ngokuyikho yini.
Uze wathi ababhemayo kungalindeleka nokuthi bagcine bethenga iluzi ngoR20 noma ngoR200 ibhokisi kulabo abadayisa ugwayi ngokungekho emthethweni.
Uze wathi nothishanhloko bake baba nemihlangano naye emuva kokuthi betshelwe nokuthi kunezipoki ezihlupha abafundi emakilasini.
Uze wathi usesola nokuthi kungenzeka ukuthi yizimfamona ezenza lokhu.
Uze waveza nokuthi yinqwaba yabafundi abakhulelwe esikoleni sakhe.
Uze waveza ukuthi ngomhlangano wokuqala wayelokhu ezibuza ukuthi bonke laba bantu abayingxenye yomkhandlu benzani wathi ekuhambeni kwesikhathi wafunda.
“Uze wayixosha ekhaya iminyaka emibili ngesikhathi ikhulelwe ingane kaKwesta. Ugcine ehlise umoya ngoba ebona ukuthi bazimisele ngoba abahlukananga ngesikhathi eyixoshile.
Uze wazinikela emaphoyiseni ephelezelwa ummeli ngo-Okthoba 6 wavela enkantolo ngemva kwezinsuku ezimbili eboshiwe.
Uze wenza isibonelo ngaye ukuthi uyindoda eganwe ngamakhosikazi amathathu okuyinto eshaqise abaningi ngoba uKaunda ubengakuvezi ukuthi uyindoda yesithembu.
Uze wenza isibonelo ngodaba lwezikhali oluthinta owayenguMengameli kuleli, uMnuz Jacob Zuma, ukuthi wathola incwadi ebhalwe izinto ezazinzima kodwa akazi yayivela kubani.
Uze wenza isibonelo ngomholi we-EFF uMnuz Julius Malema nePhini lakhe uMnuz Floyd Shivambu wathi uma kwenzeka uShivambu esefuna isikhundla sikaMalema kungalunga yini ukuthi kuvezwe obala abantu abameseka ngezimali.
Uze wenza umzekelo ngokuthi ngesikhathi sochoko emandulo kwakungavumelekile ukuba abantu basondelane ngoba ngokusondelana kwabo lesi sifo sasivele sithathelane kalula. Noma kunjalo kodwa uthe uJesu ubonakala ephulukisa isisulu salesi sifo ngokusibeka isandla, ngokwenza kwakhe kanjalo uthe wabe ephula umthetho owawubekiwe wokuthintwa kwabantu abanochoko.
Uzibale yena, uPrince Bulo, Tipcee, Naak Musiq nomculi omusha uMduduzi.
UZIBEKELE izinhlelo eziningi afisa ukuzifeza ngesamba asihlomule kwiLotto umshayeli ohlabane ngo-R816, 190.10 wejackpot yeLotto Plus.
UZIBONA efunda izindaba emisakazweni emikhulu eSABC, uNaharia Archuran Beula (28), ongumfundi wezindaba esiteshini somphakathi, iMaputaland FM.
UZIBONA enesikweletu esimhlalele umdlali weSuperSport United, George Lebese, ofike kuleli qembu ngoJanuwari.
UZIBONA engakwazi ukungena eqenjini elizomela elakuleli kuma-Olympic Games, uZakithi Nene, ojabulise abathandi bezokusubatha baKwaZulu-Natal enqoba indondo yegolide ku-400m kuma-ASA Senior Track and Field +Combined Events & 20km Championships aphothulwe ePitoli ngempelasonto.
UZIBONA engaphephile umshayeli wetekisi eshayise abafundi kwashona abathathu emgwaqweni uDumisani Makhaye, eNewlands East, ngoLwesithathu.
UZIBONA esakaza oKhozini FM uPhumzile Mlangeni owaduma kuleli elingisa emdlalweni wamahlaya, iFamily Bonds.
UZIBONA esekulungele ukudlala kwi-Uefa Women's Champions League, umgadli weBanyana Banyana uThembi "Pikinini" Kgatlana, osephenduke enye yezinsika zeSD Eibar edlala kwiPremera Division Woman, eSpain.
UZIBONA ezelwe kabusha umlingisi odlala indawo kaGoodness emdlalweni iThe Queen oveze ukuthi ukulingisa kulo mdlalo kungathi kungokokuqala kuye selokhu angena kulo mkhakha.
UZIBONA ezingelwa njengowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba, okushone elayizolo iwundabuzekwayo i-video eveza isitho sobuntu athi wayeyiqophela umkakhe.
Uzibonakalisile ngeSonto ngesikhathi iqembu aliholayo i-St Lucia Kings lihlula iSt Kitts and Nevis Patriots. Usebenzise amabhola angu-60 kuphela ukushaya ama-run angu-120.
UZIBOPHEZELE ekulweni nobugebengu nenkohlakalo uMengameli Cyril Ramaphosa.