input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uyazi nawe ukuthi uma usondela enkosini uyagaqa uhlonipha. |
Uyazi ngajabula kakhulu ngesikhathi ngizwa ngale VAR yakhona ngoba kubuhlungu ukuthi iqembu ligcine lishayiwe lalahlekelwa amaphuzu noma liphuma emqhudelwaneni othile, ngenxa yesinqumo okungesona sikanompempe. Ngake ngabhala nakule ngosi ukuthi iyadingeka impela iVAR ngoba nasemidlalweni efana nekhilikithi nebhola lombhoxo banazo izindlela zabo zokubhekisisa ngokucothayo ukuthi kwenzekeni ngempela ngaphambi kokuthi unompempe athathe isinqumo. |
Uyazi ngezwa ngithukuthela, yize ngingangene, ngesikhathi umengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan ephawula ngoMasinga. UJordaan uthe: “Besikulindele ukwamukela uPhil njengesinye sezikhulu zeSafa”. |
Uyazi ngimuzwe kahle mina uKhune ukuthi ubengakhali ngokuthi uKomphela ubeshaya isilungu esibadidayo bese umyalezo ungafiki ngendlela kubona njengabadlali. Cha ubengaqondile lokho. Ubengeke futhi asho lokho ngoba uKomphela ukhuluma zonke izilimi. Uma kuphela imidlalo ye-Absa Premiership akenqeni ukushaya isiXhosa, isiZulu, isiSotho noma sona isiNgisi lesi adume ngokusikhipha ngamakhala ukubedlula bonke abaqeqeshi bamaqembu ePremier Soccer League. |
“Uyazi nginemizwa engafani ngokuba yingxenye yalo mdlalo njengoba ngithukile kodwa ngijabule futhi ukuthi ekugcineni iphupho lami leminyaka selize lafezeka. Umlingisi ongangami angakutshela ukuthi sonke sisakhula futhi sisaphupha ngokuba kuthelevishini, umdlalo esasifuna ukuba kuwona yiyona iGenerations, ngakho kuyajabulisa ukuthi ekugcineni sekwenzekile,“ kuchaza uKay. |
“Uyazi ngisho ezinxanxatheleni zezitolo okuyizinganyana zabelungu kuvele kungibuke sengathi ngiyisilwane esesabekayo. Sekugcine kungena shi emoyeni,” kusho uNkanyiso othi ukukhuluphala ngokweqile kwaqala eseneminyaka ewu-16. |
“Uyazi ngithe sengifika kulesi sigaba ngafikelwa wusizi kakhulu, ngakhala ngenxa yokuthi abantu abazi ukuthi yini engiqhuba ukuthi ngizinikele kangaka kulolu hlelo. Ngelinye ilanga ngiyoluxoxa udaba lwami kodwa okwamanje ngingasho nje ukuthi uthando lomculo luqale kumina ngenxa yokuba yingane ekhulele emndenini othanda inkonzo kakhulu,” kusho uLungisani. |
Uyazi ngithi uma ngiyifunda le nkondlo amehlo ami agcwale izinyembezi. |
Uyazi ngivele ngezwa umoya wami ushona phansi ngesikhathi kuhlaluka ukuthi ikhohlisana ihlomile kwiPSL neSafa. Kuyoze kube nini izinhlangano zidonsisana kanje ngokuphathwa kwebhola eNingizimu Afrika? |
“Uyazi ngiyasukelwa futhi angikaze ngiqashise ngale nkulisa. Khona uma sekuthiwa ngiyaqashisa ukuba abantu benze imicimbi bangahlangana kanjani ngoba phela indlu encane lena eyigumbi elilodwa. Ngaphandle kwalokho le nkulisa yakhiwa ngo-2009 kusaphethe i-IFP KwaNongoma. Nokho kwaba nezidubedube kwase kuba khona i-NFP. Kukho konke lokho akekho owayenake le nkulisa ngoba yayisicekelwe phansi,kungasekho ngisho amafasitela nomnyango. Kuthe uma kuqhubeka isikhathi kwafika inkontileka eyakha lo mgwaqo ohlanganisa iVryheid noNongoma yacela indawo yokuhlala. Ngenxa yokuthi le nkulisa iyona ebikhona futhi ingasebenzi isicekelwe phansi, ngabanikeza yona. Bafike bayilungisa kabusha bafaka konke okwase kukhishiwe.,” kusho uHlatshwayo. |
Uyazi nje ukuthi akekho umuntu onganenzela injabulo othandweni lwenu kodwa uwena nesithandwa sakho ngokubambisana. |
UYAZIPHENDULELA ngezinsolo zokweba ibheshu umculi ongakakutholi ukuphumula selokhu eshadelwe. UMampintsha ongumyeni kaBabes Wodumo impelasonto yonke usematheni ngezinsolo zokuthi unyamalele nebheshu likaNgizwe Mchunu osekwasala igama lokuthi wayengumsakazi. |
UYAZIPHENDULELA umrepha onqobe indondo yomkhakha weSong of the Year kuma16th Metro FM Music Award abeseThekwini ngempelasonto. |
“Uyaziqeqesha nathi uKhune kodwa ngeke adlale kwiBalck Label Cup. Imbangela yalokhu ukuthi uzobe engakabi wumqemane ngokwanele. Simbheke ekuqaleni kuka-Agasti ukuthi abe eseluleme ngokwanele,” sisho kanje isitatimende seChiefs. |
UYAZIQHENYA ngegalelo afike lakhe endimeni yomculo kamaskandi, uKhuzani Mpungose (28), okuthe ngempelasonto emcimbini wamaDStv Mzansi Viewers Choice Awards, wahlabana ngendondo yeBest Artist. |
UYAZIQHENYA ngendodakazi yakhe ekhombisa ubuhlakani nengakushayi ndiva ukugxekwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, usaziwayo osekuqale phansi ukungcofwa kwakhe. |
UYAZIQHENYA ngokuphinde adlale indima enkulu umshwibi wamaProteas oyi-spinner, uTabraiz Shamsi, ngesikhathi leli qembu linqoba iWest Indies emdlalweni wesithathu weT20 ngoLwesibili. |
Uyazi sisi ngisho sesiqedile uma ngithi ngiyochama kuvele kuthi angihayize kakhulu ngale ndlela engachazeki. Manje angazi ukuthi ngingamtshela kanjani ukuthi mina angiluthokozeli ucansi nokuthi ngicela uma kukhona into oyaziyo ukuthi ingase ingisize ungiyalele yona sisi wami. |
UYAZISOLA ngokudlala kuSuperSport United naku-Orlando Pirates umgadli weBafana Bafana uKermit Erasmus oseyibamba kuLens edlala esigabeni sesibili kwiligi yaseFrance. |
UYAZISOLA umfana osinde kugwiliza abangani bakhe emfuleni waseMtubatuba, iNyalazi, ngoLwesibili. USiphamandla Ndabandaba (16) uthi akasabuthi quthu ubuthongo ebusuku ngenxa yokuhlushwa yimicabango namaphupho amabi. |
UYAZITHETHELELA unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ophume enkundleni echiphiza izinyembezi emuva kokwenza iphutha eliholele ekutheni amaBrazilians aphunyukwe amaphuzu amathathu emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku. |
Uyazi thina asinandaba nokwenzeka ezinkonzweni zabo nokuthi bashumayela bathini asinandaba kodwa bona hhayi abeve bethanda ukufaka amakhala abo ezindabeni zaseBuhleni. |
Uyazi ukuphuma kuKhozi kuyisibusiso ngoba kuzonginikeza ithuba lokungena noma yikuphi. Uma umataniswa nesiteshi omunye angakubona kukuhle kodwa nokuvaleleka kuyenzeka. Uthi ufuna ukuyophusha umculo kube nzima ngoba igama lakho limataniswa nesiteshi esithile, kuchaza yena. |
“Uyazi ukuthi abantu abafakwe emagameni amathathu obekuzokhethwa kuwo ozoba uNdunankulu wesifundazwe, uNkk Simelane-Zulu noMnuz Sipho Hlomuka. Kwenziwe ngamabomu ngoba kubalekelwa uNkk Nomusa Dube-Ncube noNkk Peggy Nkonyeni asebemnkantshubomvu ukuze kuqokwe uZikalala,” kusho umthombo. |
“Uyazi ukuthi ngiqinile anginendaba, uyazi nawe ukuthi lezinto ziyenzeka. Ngiwusopolitiki angidansi i-lollipop,” usho kanje, maqede wayongena ekhumbini afike ngayo wahamba. |
“Uyazi ukuthi ngizizwa kanjani ngoNgcongca. Ungomunye wabadlali basemuva kwesokudla ababukelwa phansi eNingizimun Afrika. Uyakwazi ukubhekana nabadlali basezinhlangothini abanejubane nabanamandla. Uyakwazi ukuzibeka ezindaweni ezifanele. Akamaki kangako. Unamava. Uwine izindebe eziningi e-Europe. Akakutholi ukunconywa okumfanele,” kusho uMosimane. |
“Uyazi ukuthi simfisela okuhle noma yikuphi lapho eya khona yena nomndeni wakhe. IBarcelona yikhaya lakhe.” |
“Uyazi ukuthi sithembele kuyena siyamtshela lokhu ngaso sonke isikhathi. |
“Uyazi ukuthi uPatrick Phungwayo kufanele ngimtshele kangaki ngendlela efanele yokugoba ibhola kodwa sikhuluma ngomdlali osebuya kwi-Orlando Pirates. Yingakho lapha kunadlali abaneminyaka engu-20 kodwa abangavuthiwe uthole ukuthi thina sinadlali abaneminyaka engu-18 kodwa abehlukile. Kodwa ke njengabaqeqeshi umsebenzi wethu ukukhuphula izinga labadlali. Cabanga sinoRomelu Lukaku odlule ezikhungweni kodwa usagxekwa eBelgium ngokungakwazi ukujika nokumosha amathuba. Uma eBelgium sisakhala ngamagoli, kunjani ke lapha,” kusho u-Eymael. |
“Uyazi uma iphupho usulifezile uye ufise ukukhula. Manje sengifuna ukungena emsakazweni futhi ngifuna ukubuyela nasekulingiseni. Ngifuna ukusabalala naphesheya kwezilwandle ngoba abantu bakhona kumele balibone ithalente lethu.” |
“Uyazi uma ungumculi uhamba namantombazane, niphuze utshwala ubuye ekhaya ngo-3 ekuseni. Uvuke ekuseni ufune ukudla. |
“Uyazi umkhandlu udoti uwuqoqa ugcinephi bese kungena thina osomabhizinisi abasathuthuka. Kungani uMlaza uqoqelwe wumasipala udoti ekubeni wonke amanye amalokishi kusebenza izinkampani ezisathuthuka?” kubuza uHadebe. |
“Uyazi uSakhile ubevele esho ethi akathandi ukuya ekhaya kodwa kukhona obelokhu embelesela ethi akafike njengoba egcine ehambile kanti uzobulawa. Nakuba ukufa kwakhe kube kanje kodwa kuyangethusa ngoba sike sasinda naye sidutshulwa ngasoLundi. Le nto ingishiya nemibuzo ngoba impilo yami ivele isengozini kanti naye ubengafuni ukungishiya ngoba ethi akazi ukuthi kuzokwenzekani ngami njengoba sekubulawa yena,” kusho uNksz Ndlela. |
“Uyazi (uZiqubu) ukuthi kwafinyelelwa esinqumeni sokuthi ungaqondiswa ubugegwe kwesinye isikhathi uxoshwe uma uke waphawula, buyela kuyena umazise ngalokho,” kusho uBlose. |
Uyazi vele ukuthi ayikho enye inkantolo engaphezu kweyomthethosisekelo. Wazi kahle ukuthi ubengeke akwazi ukusidlulisa isinqumo sayo ngoba vele bekucacile ukuthi uzofike engaphumeleli.
Uyaziwa futhi nokuthi uyaziminyela, uphuza noma yini, awuzona izindleko kanti futhi unomusa uma usuphuzile nenkomo awuncishani nayo.
Uyaziwa ngabaningi njengomholi we-ANC. UNkk Zondi-Mbhele, umndeni wakhe uthe ubengenabo abantwana.
Uyaziwa uMokwena ngokusondelana kakhulu nabadlali abasebancane.
“Uyazi yize ngingasonti kodwa ngizolokhu ngisho ukuthi amandla kaNkulunkulu yiwona angivulele indawo. UZim Zim yize ngingeke ngisho ukuthi yini edala ukuthi abulale izingane kodwa ungumuntu onesihluku kakhulu. Akanandaba nabantu abadala kodwa uma eke wabona ingane encane uyiswaya intamo aqede ngayo,” kusho uManaka.
“Uyedwa kuphela umdlali esiphoqelekile ukumkhipha ngoba eselimele kodwa kubuyele abadlali abafanayo kodwa sebedlala ngendlela ehlukile esiwombeni sesibili.
Uyedwa owe-IFP olimele, abe-ANC balinganiselwa kwabayisikhombisa. Uyedwa olaliswe esibhedlela kwabalimele, abanye belashwe badedelwa.
Uyedwa umuntu oshonile uNkk Marathabile Letela (38) ongowokudabuka eLesotho, kwalimala kabi oyedwa ona-16 okuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlela. Umfowabo kamufi uMnuz Leeto Letela, uthe kubathoba amanxeba ukuthola umnikelo.
“Uyedwa umuntu owaziyo uma sekufike isikhathi, uyena. Kusezandleni zakhe. Uma efuna ukuwuthatha umsebenzi uzowuthatha futhi ngimfisela konke okuhle. Uma ethi kufanele awuthathe ngesikhathi esizayo, ngizokuqonda futhi lokho. Ngibheke ukusebenza naye isikhathi eside. Kodwa ngimfisela okuhle noma ngabe ukhetha kuphi.”
Uyeke ibhola ngo-2008 wathatha umsebenzi wokuba yimenenja yabadlali okukhona kubona uRusike, Khama Billiat weMamelodi Sundowns, Willard Katsande weKaizer Chiefs noBlessing Moyo odlala kwiMaritzburg.
“Uye kohlolwa ngoLwesihlanu imiphumela sayicosha namuhla (izolo) eveza ukuthi uthelelekile. Akaguli kodwa sihlezi emkhulekweni ukuthi uNkulunkulu amphephise. Kumanje usekhaya futhi akahlangani nomndeni okuyinqubomgomo elandelwayo uma kungukuthi usutholakale unaleli gciwane,” kusho uDkt Buthelezi.
“Uye lapha njengoMgilija, hhayi njengomdidiyeli wamabutho. Ubengahambi namabutho. Yena icala abebengambekwa lona, elokuthi uthathe ibutho leSilo waya nalo kaZuma. Laphana ubengahambi nebutho kepha ubehamba nezinsizwa aphila nazo.”
“Uyena Benni,” kube yimpendulo ekhishwe ngumthombo uma ubuzwa ukuthi ngabe kuyiqiniso ukuthi uMcCarthy usewudlile umhlanganiso.
uyena engincintisana naye ngoba ungumengameli. Ngiyakwazi ukuletha izidingo ngoba ngisho ngikwaSABC imisebenzi yami yayibonakala, ngenza isiqiniseko sokuthi abaculi abashoni behlwempu,” kusho uMotsoeneng.
Uyena futhi lo mqeqeshi obeshayela umkhumbi weSwallows ibuyela esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngemuva kokunyamalala iminyaka eminingi.
“Uyena kuphela onqaba ukuba kunekelwe izwe izitatimende zasebhange ezikhombisa ukuthi kwanikelwa malini esikhwameni somkhankaso wakhe. Bengaphenywa abanye kodwa siyazi ukuthi angeke kutholakale lutho okungalungile.”
Uyena omdala ebantwaneni bakubo abane. Uphuma emndenini athe uphila ngemali yesibonelo sikahulumeni futhi ukhuliswe unina uNksz Nonhlanhla Sithole obemkhuthaza futhi emeseka ezinqumeni zakhe.
Uyena ongusihlalo wekomiti elibhekelele ukusetshenziswa kwemali kulo masipala.
Uyena osebahola phambili ngokuhlohla amagoli njengoba esevalele angu-13 selokhu iqalile isizini. Ulandelwa nguNthabiseng Majiya weRichmond United osenamagoli angu-12 no-Andisiwe Mgcoyi weSundowns onangu-10.
“Uyena owangicoba kunabo bonke abanye esengike ngalala nabo kodwa kwangicacela ukuthi yena wayengakuboni lokho,” kusho uStormy encwadini yakhe iFull Disclosure.
“Uyena owayehlezi eseduzane noJesu, ngisho nangesikhathi esefa esiphambanweni, ngesikhathi bonke abafundi bakhe besilisa besaba. Waba ngowokuqala ukuvakashela ithuna lakhe wathola ukuthi usevukile,” kusho uSavoy.
Uyena ozobe engusihlalo, kube khona noNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweZimilo, uMnuz Ronald Lamola, owayenguNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz Jeff Radebe, owayenguMvikeli woMphakathi u-Adv. Thuli Madonsela.
Uye nasePhalamende ukuyochazela ikomiti lemfundo ephakeme ngendlela eya phambili ezosetshenziswa uma kuphela umgonqo.
Uyena uMr Tito Mboweni ozothwala kanzima sesibuqedile utshwala
“Uyena umuntu engimhlupha ngisho ebusuku ukuze kuphiliswe abantu. Ngiyambonga kakhulu ngoxhaso anikele ngalo.
Uyena uNgema owasiza iGallants ngamagoli amabili ngesikhathi ikhipha iFuturo Kings yase-Equitorial Guinea emzuliswaneni wokuqala wokuhlunga. Nakuba iGallants yenza kahle kwiConfederation Cup kodwa ziyabhimba izinto kwiPremiership kwazise itabalasa ngasemsileni we-log kwiPremiership. Ayikaze iwine nowokubika umdlalo weligi.
“Uyena (uZuma) oveze ukuthi akafisi ukuba azofakaza kodwa kukhona ofakazi abafaka igama lakhe, ngakho kumele simbuze ngalokho. Lokho kumqoka, okwenza kube mqoka wukuthi izinto eziningi ezenzeka, zenzeka yena enguMengameli. Kunabantu abaningi abathi wadlala indima enkulu kulezi zinto, bathi kungenzeka ukuthi wasebenzisa isikhundla sakhe ngendlela engafanele. Yize kunjalo kumele simbuze ukuze sifinyelele ekutheni ngabe kwaba njalo ngempela yini noma akubanga njalo,” kusho uZondo.
“Uyena yedwa obefunda ekhaya, bese sinethemba lokuthi uma eqeda ukufunda uzobheka umndeni. Kusidide kakhulu siwumndeni ukubulawa kwakhe,” kusho uNkk Mncube.
Uyena yini osuke ethe indoda ayikuncishe imali njengoba usufuna ukuzwisa yena ubuhlungu?
UYengeni owake walahlwa yicala lenkohlakalo, kuthiwa wenze isiphakamiso emhlanganweni wisigungu sokusebenza nsuku zonke.
UYengwa, ubona lababaqeqeshi bengase banikezwe ithuba lokuthi bazibonakalise ukuthi yini abangayenzela eZimnyama.
Uyengwa uqhube wathi okunye okubukeka kumbeka esimeni esihle uMcCarthy njengamanje, wukuthi namaqembu esigaba sePremiership asahluleka ukugcina umgqigqo owodwa, ngisho nalawo aphezulu kwi-log.
UYengwa, uzakhele igama eyiphini lomqeqeshi kwiBanyana Banyana izibekisela okokuqala indawo kuma-Olympics.
UYengwa uzanywe kaningi kodwa engatholakali ukuze aphendule.
“Uye nomngani wakhe olwandle kanti uzobona isikhuphashe (crayfish) edoba wasigxumela. Uhlangabezane nobunzima ngenkathi etshuza, wayesephela emehlweni,” kusho uSewpersad.
Uyenzelela. Ngikhuluma ngoMzonjani Mdlalose noMaliyeqolo Khanyile, siyabazi thina abangeni kwezinye izinhlelo kodwa bafakwa uBabheke ohlelweni ngenkani.
Uyenzele yonke into indoda ekugcineni bese izoshada nomuntu wayo wamaphupho.
UYESABA ukubuyela emsebenzini umhlengikazi wasesibhedlela saseThekwini, iKing Edward VIII, othi ushaywe yisiguli wavaleka iso ngesikhathi esemsebenzini ngoLwesihlanu olwedlule.
“Uyesekwa lo mthetho, kube nezikole eziwesekayo. Amaqembu,
Uye wabuza ukuthi ngabe kufanele yini ashadiswe umuntu osegulela ukufa uma kuwukuthi ufisa ukwenza lokho?
Uye wakubalula ukuthi amagumbi abalimele kakhulu banawo abantu ngenxa yokuthi utshwala buvaliwe.
“Uye watshela omakhelwane akade eshiywe kubo ukuthi akathandi ukusala nomfowabo ngoba usaba ukuthi uzomdlwengula futhi. Kuthe uma omakhelwane bembuza ukuthi kwenzeke nini lokhu bathola ukuthi kade kwenzeka futhi indoda ibidlwengula udadewabo nomngani wakhe ohlala komunye umuzi,” kusho abeRusa.
UYeye uziveze kwiJomo Cosmos ngo-2006 lapho egqame khona kwacaca ukuthi iChiefs ayikwazi ukumziba.
“Uyeza ngempela oKhozini, uzoqala maduze nje kulezi zinhlelo. Konke kwenzeke ngokushesha njengoba bekudingeka umuntu ozovala lesi sikhala,” kuchaza yena.
“Uyeza yena futhi uzokwenza uhlelo lwango-1 kuya ku-4. Anginaso isiqiniseko ukuthi u-1 kuya ku-4 entathakusa noma ngoMgqibelo yini,” kusho umthombo.
“Uyezwakala uthisha ethi kumfundi abahambe bayojika endlini bayokwenza ishandisi futhi kuzoba mnandi. Umfundi uzwakala ekhuza ebabaza ethi akayi lapho uyajika yena,’’ kulanda umthombo
“Uyezwa ukuthi indaba isuswe wukuthi ubefuna imali ekubeni ingakangeni. Uhulumeni wethu kumele ayilungise eyokuthi kuze kuphele izinsuku ezingu-30 singaholile.
“Uyibeke obala intshisekelo yakhe yokuqhubeka nokudlala ezingeni eliphezulu nokunqoba izicoco, nathi njengeqembu injongo yethu ngukuzuza okufanayo.”
“Uyichaze njengomuntu obezimukile kakhulu wathi ubesehluleka ngisho ukumlekelela aye kogeza. Uthe ubekwazi ukukwenza lokhu phambilini kodwa ubesehluleka ngenxa yokuguga. Uthe akekho obemlekelela, lento ibisimcika,” kusho umthombo.
Uyichaze njengomuntu wesifazane obebonakala ezithobile kakhulu futhi ongezwani nento ebhedayo.
UYICHITHA ngazo zombili eyokuthi usebenzisa izidakamizwa umrepha u-eMtee okusabalele i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana ecula aze awe esiteji.
Uyichithile eyokuthi kulo mdlalo bashaywe ukungabi qatha kwabadlali bakhe.
Uyichithile futhi imibiko ethi sebemhlubukile uZuma njengoba ekhungethwe yizinkinga futhi engasaphethe.
Uyichithile imibiko yokuthi i-EFF izonda izintatheli esho nokuthi abanankinga nalezo ezenza umsebenzi wazo ngokuthembeka kodwa inkinga yabo yizintatheli ezifunza umphakathi imibono yazo esho ebalula iphephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto.
Uyichithile indaba yokuthi uRhulani Mokwena akekho kwiSundowns. Lo mqeqeshi uyasoleka kwabakhonjwa emsebenzini wokuba yiphini lomqeqeshi omusha wePirates uMilutin “Micho” Sredojevic nesokulekelela uStuart Baxter kwiBafana Bafana.
Uyidlale yowu-90 imizuzu ngesikhahti kwenzeka lokhu uSerero. IVitesse inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo womlenze wesibili kweyokuhlunga bebhekene ne-Utrecht. Isihlangene yomibili imilenze ezikaSerero, ozobe engaqali ukudlala emqhudelwaneni we-UEFA, zinqobe ngo 5-3.
Uyigxekile indlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala yize ebethe ngisho iBarcelona neReal Madrid ngeke babe nomdlalo omuhle bengekho abadlali abayisithupha abajwayele ukuqala.
Uyihlabe inhlali imibiko ethi iDA ibukeka iyiqembu labantu bebala elimhlophe.
UYIHLABE wayihlikiza indlela elidlale ngayo iqembu umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp ngenkathi ezakhe zishaywa yiPolokwane City ngo 1-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Uyihlazo emndenini wakhe, uyihlazo ngisho enganeni yakhe ayizele. Ngisho nakubazali bakhe lapho bekhona noma basaphila noma sebalala kobandayo, bayadumala ngezenzo zakhe zobusathane.
UYIHLEKA usulu eyokuba sembangweni wesicoco se-Absa Premiership umqeqeshi wePolokwane City, uJosef Vukusic, olokhu eligcine njalo iqembu lakhe kwayisishiyagalombili kwi-log.
Uyihole kwaze kwaba ulahlekelwa yikhadi lakwaSASSA ngoMeyi.
Uyikhansela le-IFP ku-ward 6 eNkandla. Usebenze kakhulu ewumholi wenyunyana yothisha, iNatu okuyikho okwamvulela indlela kwezepolitiki.
UYIKHIPHE ngevoti emandleni okuphatha i-ANC umphakathi waKwaMadlala, kuMasipala iRay Nkonyeni, obuvame ukubhikishela amanzi uze uvale umgwaqo onguthelawayeka uN2 noR102.
Uyikhokha kanjani imali inombolo kamazisi ibe ingafani nale esethikithini eliwinile? Ngadlala ngoSepthemba 30 nango-Okthoba 4 (2010). Ngaya kobheka imiphumela ngathola ukuthi ngiwinile. Ngaphuthuma ekhaya ukuyolanda amathikithi ami kepha ngangawathola," kusho yena. |
UYikhokonke Masuku (11), waseMlaza kwa-H uminze ngoMgqibelo kade eyobhukuda nabangani bakhe. |
“Uyilahle ngokuthi athi uma ebuzwa, avele aphike alale ngomhlane kanti kuzodlalwa amakhamera, wavela ephethe ijusi e-studio.” |
UYIMUNYUNGA buthule indaba yomqeqeshi omusha usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, okuthiwa uthathe isinqumo sokuzingela yedwa kulokhu. |
Uyincome kakhulu ngokuba nengqungquthela yobuholi ebe wuthula msindo. |
Uyincomile iSundowns ngokuthola amaphuzu amathathu wahlaba ezakhe ngokungasebenzisi amathuba ngesikhathi bephethe umdlalo. |
Uyindoda emadodeni mfo kaMthombeni.Usubenzile khehla! pic.twitter.com/nxhrOsRjtE |
Uyindoda eme ngezikhathi ezinzima ewa evuka waphinda waletha ithemba kuleli zwe," kutusa uHlabisa osemathubeni okungena ezicathulweni zikaShenge. |
“Uyindodakazi ezalwa wudadewabo kaGracious, uJacobeth, owashona kulo mdlalo kuqhuma imoto eyayicushwe abakwaKhoza bethi bazama ukubulala uGracious. UMmabatho ufana nse nonina wakhe njengoba eyikholwa futhi ethanda ukuthi kuhlale kunokuthula ekhaya. Ngaso sonke isikhathi kwaMabuza uzobe eshumayela izwi lobumbano nokuthula,” kuchaza uNondumiso. |
Uyindodakazi yokugcina yowayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Nelson Mandela nesishoshovu somzabalazo uNkk Winnie Madikizela-Mandela. |
Uyindodana yowaye-ngumdlali wase siswini kwi-Hearts of Oak, yaseGhana uBismark OdoI . |
Uyingxenye yethimba elahamba nenkosi uMhlabunzima Maphumulo liye eZambia ngenhloso yokuyohlangana nowayengumengameli (we-ANC uMnuz Oliver) Tambo eLusaka. Ezinye zezinto ebezisondelene nenhliziyo yakhe uxolo nobumbano. Ubekuqonda ukusebenzisana ngokubambisana ngenhloso yokuthuthukisa izimpilo zomphakathi. UMlaba waba yinkosi yesizwe saKwaXimba emuva kokubulawa kukamfowabo ngo-1988. Umufi uzokhunjulwa empini eyaqubuka phakathi kwesizwe sakwaXimba, nesakwaNyavu nangokuthelelana amanzi okwagcina kukhona. |
“Uyingxenye yezinhlelo zethu ezintsha, unethalente kakhulu siyamazi. Njengoba silande noThandeka Dawn King sizimisele ukufaka umfutho omusha impela,’’ kusho uSokhulu . |
“Uyinhloko yezokuqeqesha. Uzosisiza kakhulu (uHamren). Uzosebenza neqembu elikhulu kuyoshaya enkulisa, uzogxila kakhulu enkulisa. Sinamaqembu ayisikhombisa, kukhona nele-MDC (Multichoice Diski Challenge). UHamren uzosiza ekutheni sisheshise ukunyuka kwabadlali bafinyelele eqenjini elikhulu. Angikhathazekile ngomsebenzi wami, ngeke ngenze yonke into,” kusho uMosimane. |
“Uyinkosi yami. Njengendoda yomZulu ngibone kubalulekile ukuthi ngizokotha iSilo,” kushaya uZuma ngamafishane emuva komhlangano. |
UYINQABILE ibheyili umshayeli wetekisi osolwa ngokugwaza abulale umfundi wakwaGrade 11 okuthiwa wanqaba ukulala naye ngemva kokumthengela utshwala. |
UYINQOBILE iCovid-19 uMntwana waKwaPhindangene, inkosi uMangosuthu Buthelezi. Lezi zindaba zimenyezelwe wumndeni wakhe izolo. |
Uyinsizwa ekhuluma ngezwi eliphansi nesiNgisi esipholishekile, ebuye ishaye amancokwana uma iphendula imibuzo. |
Uyintandokazi kaNkulunkulu kanjani uma usabukela abantu phansi futhi wahlulela abanye? Nduna, qala ulungise impilo yakho kuqala ngaphambi kokuthi unake ezabanye.” kusho uKelly. |
“Uyintokazi enethalente eliyisimanga, ezoletha injabulo futhi imangaze ngezinto ezobonakala izenza,” kusho uMolefi. |
“Uyintokazi ephuma emndenini odumile futhi owaziwa ngokuba namandla ezintweni eziningi. Ukhule kahle, impilo kuye ibilula konke ikuthola ngesikhathi asifunayo. Eqeda isikole ukhethe ukuyofundela ukuba wummeli elandela ezinyathelweni zabazali bakhe abanamabhizinisi kodwa yena akhetha ukungangeni kuwo afundele okunye,” kusho uNandipha. |
UYINYAMA emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) umgadli wePlatinum Stars uNdumiso Mabena ocathanyelwa yiKaizer Chiefs ngenhloso yokuqinisa phambili okungenye yezinkinga ezibhekene nomqeqeshi waMakhosi, uSteve “Mphathi” Komphela. |
: Uyiphatha kanjani imali njengomuntu wesilisa? Izindlela zokutshala imali yezingane zakho. Uzehlisa kanjani izikweletu? Thola izindlela zokujabulisa intombi noma umkakho noma ungaholi imali etheni.. |
Uyiphikile futhi imibiko yokuthi uya e-Egypt lapho ebeyojoyina khona iZamalek wathi umnikazi waleli qembu uma emfuna kufanele azi ukuthi lizoguga iphakethe. |
UYIPHONSA kwiKaizer Chiefs ingcindezi yokunqoba umqeqeshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, ezakhe ezizodudulana naleli qembu laseSoweto ngempelasonto emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout. |
Uyiqale kahle i-Wimbledon ehlula uMarcelo Tomas Barrios Vera waseChile ngo 6-7 6-4 6-4 7-6. Uthe uzizwa ewulungele umdlalo olandelayo ngoLwesithathu ntambama. Lo mdlalo uzoqala uma sekuphele eyomzuliswano wokuqala ephazanyiswe yimvula. |
“Uyisangoma esiphuphile kanti izangoma azivumelekile kwaShembe. |
Uyise ka-Asanda, uMnuz Zenzele Nene (44) uthe indodana yakhe nabangani bayo ababili, okubalwa kubo nosindile, uSiphamandla Ndabandaba (17) bebephuma ukuyozingela izinyosi ngaphesheya kweNyalazi. |
Uyise ka-Asanda, uZenzele Nene uthe sebeqala ukushaya amakhala ngalo mfula ngoba seziningi izidumbu zabafana osuzithathile. Lezi yizidumbu zesithathu kulo nyaka njengoba ekuqaleni konyaka umukise umfana wakwaSibiya (16). Nangonyaka owedlule wathatha izingane zakwaGumbi. Uthe unyaka nonyaka kuphuma izidumbu ezimbili noma ezintathu kulo mfula. |
Uyise ka-Ayanda uMnuz Thulani Mtshali ohluleke ngisho ukukhuluma, uthe ulahlekelwe umuntu obefana nomngani. |
Uyise kaBabes uMbhishobhi Welcome Simelane esitatimendeni uthe ushaqeke kakhulu ngokuzwa ukuthi uMampintsha ubehlukumeza indodakazi yakhe. |
Uyise kaBabes, uMfundisi Welcome Simelane ubonge ubonge uDkt Mpho Bikitsha okunguye obheke isimo salo mculi noKholeka Gcaleka omcebisa ngezomthetho kulolu daba. |
Uyise kaBabes, uMnuz Welcome Simelane, waveza ukuthi uBabes akaphilile futhi uthola ukwelashwa ngodokotela esithangamini sabezindaba. Lokhu kwaxaka abaningi sekusabalala amavideo akhe ezipholele nabangani bebuka kukhulunywa ngodaba lukaMampintsha ezindabeni. |
UYISE kaBabes Wodumo uMfundisi Welcome Simelane nonina uNkk Thokozile Simelane ngesikhathi bekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ekuseni eThekwini. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) |
UYISE kaBabes Wodumo, uMfu Welcome Simelane, uthuse abantu abaningi elingisa kwi-video yomkhwenyana wakwakhe, uMandla "Mampintsha" Maphumulo. |
Uyise kaDetective Constable Mhlongo, uMnuz Sazi Mhlongo uwuncomile umsebenzi woKlebe wathi bayafisa ukubona kugwetshwa labo abathinteka ekubulaweni kwendodana yakhe. |
Uyise kaDetective Constable Thandoluhle “Ndo” Mhlongo, uMnuz Sazi Mhlongo uthe likhulu igebe elizovulwa wukubulawa kwendodana yakhe emaphoyiseni. Idutshulwe ingekho emsebenzini ngoLwesihlanu ebusuku. |
Uyise kaFrancis, uMnuz Itai Kuhuni, uthe indodana yakhe ingcwatshwe ngeSonto khona KwaDukuza. |
Uyise kaGovender, uSam, uthe kuyamxaka ukuthi uVishnudath weqe kanjani ejele laseWestville. |
Uyise kaKwanele, uMnuz Jetro Khumalo, oyiphoyisa, uthe akazi sekumele benze njani njengoba esebuya naseGoli ezama ukubheka indodana yakhe eyabhala ku-Facebook ukuthi izoduka nezwe. |
Uyise kaLethukuthula Ngobese (21), uDkt Dalisa Ngobese uthe noma besamukela isigwebo sikadilikajele ngokubulawa kwendodakazi yakhe neseminyaka emihlanu ngokuthunjwa kwayo, kabaneme ngokuthi uBhekuyise Mngoma (52) akagwetshwanga ngelokudlwengula. |
Uyise kaLwazi uMnuz Celani Thusi (34) uthe indodana yakhe yamtshela ukuthi ibizwe nguthisha ukuthi izolanda amaphepha athile kodwa yahamba yangaphinde yabuya. |
Uyise kaLwazi, uMnuz Celani Thusi (34) uthe kuvele kwathi xhifi kuye ngesikhathi ebona lo thisha engena enkantolo. |
Uyise kaMampintsha uthe ugijime wahamba nonkosikazi wakhe ngasese kanti nabazali bakaBabes ubasola ngokuba yizigebengu ngoba bekumele bakhulume naye kuboniswane. |
Uyise kaMdlalose, uMnuz Lisa Mdlalose, ekhuluma neSolezwe izolo uthe akayazi imoto ebishayelwa umfana wakhe kodwa ngokuthola kwakhe kuthiwa babeya esangomeni bephelezele umngani wabo. |
Uyise kaMdlalose uthe indodana yakhe ibingasebenzi futhi ingafundi. Uthe wamtshela ukuthi une-car wash benomngani wakhe. |
Uyise kaMncedisi, uMnuz Thembinkosi Ntuli, uthe nguye obegqugquzela indodana yakhe ukuthi ingahlali ekhaya isalinde ukuthi kulungiswe okuthile emaphepheni ayo ayigunyaza ukuthi ibe ngunogada ogcwele. |
Uyise kamsolwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela saseGreytown, wayiswa kwesinye esikhulu iGreys eMgungundlovu, wafike washonela khona ngempelasonto edlule. |
Uyise kamufi, uMfundisi Sipho Fakude, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba. |
Uyise kamufi uMnuz Abel Dludla, uthe indodana yakhe yayizilalele nonina wezingane zayo ezimbili elokishini kwa-C khona oLundi, ngesikhathi kutheleka amaphoyisa entathakusa ngoLwesine. |
Uyise kamufi, uMnuz Alpheus Radebe, uthe kusemnyama amehlo, udidekile ngoba ubesehlale iminyaka engu-13 kulo muzi awuqashe kwaTransnet. |
Uyise kamufi, uMnuz Edward Matongo, udabuka eZimbabwe futhi ubeseneminyaka engaphezu kwewu-50 afudukela kuleli. Emngcwabeni kaMatongo, umkakhe uNkk Kedibone Matongo, uhluleke ukuzibamba ngoba uvele wasikhihla isililo ngesikhathi uMpho Motshepe efunda incwadi abevalelisa ngayo kumufi. |
Uyise kamufi, uMnuz Gideon Mkhize, uthe kunzima ukuphawula ngokugcwele ngalesi sinqumo ngoba abaziswanga ngaso. “Kuyasithokozisa ukuthi izinsolo zethu kutholakale ukuthi ziyiqiniso ngoba besilwela ukuthi kuvele iqiniso nakuba ingane yami ingeke isavuka,” kusho yena. |
Uyise kamufi uMnuz Itai Kuhuni oqashe nomndeni wakhe eLindelani, ongowokudabuka eZimbabwe, uthe akukavumi nokuthi akhulume ngokubulawa kwendodana yakhe akholwa wukuthi beyingenacala. |
Uyise kamufi, uMnuz Martin Muthwa, uthe bazwile ukuthi kukhona oboshelwe ukubulala indodakazi yakhe kodwa wathi akazi lutho ngokuthi uke wathandana nendodakazi yakhe. |
Uyise kamufi, uMnuz Martin Muthwa, uthe ngokwakhe akafisi ukuthi umsolwa athole ibheyili ngoba uyingozi nakwabanye abantu besifazane. |
Uyise kamufi, uMnuz Mdu Mavimbela wehluleka ngisho wukukhuluma uma kufanele achaze umuga omehlele, kunqunywa ingane yakhe bengazi nokuthi yenzeni. Kuthiwa abengezwa mshini amadoda, enesankahlu esibi futhi engachazi ukuthi kwenzenjani njengoba ehlasele. Kuthiwa intombazane yakwabo kamufi, ezwe imvunge egcekeni izamile ukumemeza kodwa lwangatholakala usizo. |
Uyise kamufi, uMnuz Mhawu Ndlovu, uthe bafuna umsolwa ajeze kanzima, achaze nokuthi bekwenzenjani ebulala ngesihluku esingaka. |
Uyise kamufi uMnuz Mondli Gwamanda, uthe yinto ahluleka nokuyichaza into eyehlele indodakazi yakhe yagcina ifa kabuhlungu kangaka. |
Uyise kamufi uMnuz Mthethiswa Phungula, uthe kubuhlungu ukuthi indodakazi yakhe yashona phambi kwakhe, abahlengikazi abaqeqeshelwe ukwelapha bezivalele kwelinye igumbi. |
Uyise kamufi uMnuz Mzwandile Chonco, uthe kunzima ukuchazela abantwana bakamufi ukuthi ngeke baphinde bambone unina. |
Uyise kamufi, uMnuz Nicholas Shangase uthe, washayelwa ucingo umkhwenyana wakwakhe ngeSonto ekuseni ebuza ukuthi indodakazi yakhe ayikaze ifike yini kubo ngoba iduke ngayizolo? |
Uyise kamufi uMnuz Sazi Mhlongo, ongusihlalo wabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal, uveze ukuthi indodana yakhe yadutshulwa yabulawa ngesikhathi iseshisanyama eKranskop. |
Uyise kamufi uMnuz Sibusiso Mbonambi, uthe basola umbango wamatekisi ngokubulawa kwendodana yakhe. |
Uyise kamufi, uMnuz Thulani Sithole, uthe indodana yakhe beyifunda eSwinton College yenza izifundo ze-motor mechanic kulindeleke ukuthi yenze uN2 maduze. |
Uyise kaNdumiso, uMnuz Mike Lazarus, uthe uNdumiso ubeyingane ehloniphayo ekhonze ukudlala ibhola. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.