input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uyaphela ngokuthi uzivocavoce wenze iminyakazo yokuzivocavoca eyehlisa umzimba wonke. |
UYAPHIKA uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuthi ukufakwa ngaphansi kweso lomlawuli kukaMasipala waseNquthu, kuyitulo lezepolitiki. |
Uyaphika unogada uMnuz Nduduzo Buthelezi (25) ukuthi ubephekile kodwa uthe ubekade eshaje iselula esigubhini sikagesi asola ukuthi kuqhume sona kwasha. |
Uyaphi lapho ?Siyakukhuza njalo lalela pic.twitter.com/hpqxpYBZm7 |
Uyaphoqa futhi umthetho (ikakhulukazi kwiCaf) ukuthi iqembu ngeke lengeze ngabadlali phakathi nesizini. |
UYAQALA namhlanje umdlalo wethelevishini obephele izilomo nokade ulindelwe ngabomvu. I-Angeliena ezodlala kwiNetflix ibophele osaziwayo okubalwa kubo u-Euodia Samson, Tshamano Sebe, Colin Moss, Kuli Roberts, Thapelo Mokoena, Nicole Madell, Marciel Hopkins, Schalk Bezuidenhout, Sandra Prinsloo noToya Delazy. Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ubengeminye yemidlalo ezohamba phambili kubalandeli beNetflix njengoba ukhuluma nangezimo ezithinta impilo ephilwa abantu abaningi. |
UYAQALA ukubonakala namhlanje emdlalweni Imbewu uBuhle Samuels owazakhela igama elingisa indawo kaMatshidiso kuMuvhango. |
Uyaqala ushwabane nesikhumba sithambe njengephepha uma usithinta, usizwe nokuthi somile kwenzeke nokuthi sincinze. Kwabanye kuyenzeka sibe mahhadlahhadla uma bethi bayasithinta, siyashesha nokuzwela uma sihlangana nento engahambisani naso. |
Uyaqhubeka aze agcine emthuka lo wesifazane obengaveli kwi-video. |
Uyaqhubeka ehamba emadeskini ephihliza amakhompyutha. Kuso sonke lesi sidididi azibonakali izimpahla zalona wesifazane, akuqondakali noma ufike vele ebhushuzela ebhange noma ukhumule esengaphakathi. |
“Uyaqhubeka nokuba yilungu le-EFF Central Command Team, isigungu esiphezulu. Uphinde abe yinhloko yomnyango obhekele ezokuxhumana kwamazwe kwi-EFF,” kusho uNkk Ngwenya. |
Uyaqhubeka nokudlala yonke imidlalo uThulani Serero weVitesse njengoba ephinde wenza ngempelasonto leli qembu linqoba ngo 2-1 kwiFortuna Sittard. Lokhu kubeka ezikaCream endaweni yesihlanu kwi-log yaseNetherlands ngemuva kwemidlalo ewu-10. |
UYAQHUBEKA nokufunda yize engawutholi umsebenzi uMnuz Nkululeko Ndlovu (28) oneziqu ze-Accounting nezobuthishela. |
Uyaqhubeka nokuzakhela igama eBelgium, uPercy Tau owakhe igoli okokuqala kusukela efikile kwi-Union Saint-Gilloise benqoba kwiRoeselare esigabeni esiphakela esikhulu. Ubengekho nakulokhu uMay Mahlangu eqenjini lakhe elisha laseRomania iLudogorets. |
Uyaqhubeka nokuzakhela igama eqenjini lakhe elisha * -Ayanda Patosi kodwa kulokhu uhluleke esenkundleni ukusiza i-Esteghlal ishaywa ngo 1-0 ngoMgqibelo uvela kwiPersepolis okuyiyona ezihola phambili kwi-log. EzikaPatosi zisendaweni yesine. |
UYAQHUBEKA nokuziveza e-Egypt, uPhakamani Mahlambi njengoba esize i-Al Ahly inqoba ngo 4-1 kwi-Enppi okubeke amaRed Devils endaweni yesibili ku-log. UMahlambi wakha leli goli nje ngeledlule wenze okufanayo okumenza abe ngundabamlonyeni e-Egypt kusukela eqalile ukudlala kweyeligi. |
Uyaqhubeka owesilisa athi “Uyahamba uyof#@! bese ubuya la, ungijwayela [email protected]#!& [email protected]#*&^%”. |
UYAQHUBEKA umbango wokukhokhelwa komsunguli wePlease Call me, uMnuz Nkosana Makate, ofuna ukukhokhelwa imali akholwa wukuthi imfanele. Uyawuchitha uR47 million othenjiswe yiVodacom, ufuna u-R10 billion. |
Uyaqhubeka umsindo mayelana nokudedelwa komsakazi uRobert Marawa yiSABC njengoba inhlangano eyengamele ibhola iSouth African Football Association (Safa) ithi izoxhumana neSABC izwakalise ukungenami kwayo. |
UYAQHUBEKA umsindo ngengoma eculwa uVusi Nova eshisa izikhotha kulezi zinsuku ebizwa ngokuthi, Asiphelelanga. |
UYAQINA umkhankaso weqembu likaMnuz Hlaudi Motsoeneng, i-African Content Movement (ACM), ngemuva kokujoyinwa ngamalungu eMazibuye African Congress (MAC) edume ngokuseka obengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma uma evela ezinkantolo. |
UYAQINA umkhankaso wokuboshwa kwamalungu omndeni wakwaGupta ngezinsolo zenkohlakalo eNingizimu Afrika. |
UYAQINA umkhankaso wokuthi kuvalwe amabandla abaphrofethi bokufika kuleli. Lo mkhankaso oqalwe kwi-website iPetions24 uhambisana nesiqubulo esithi ‘Total shutdown of foreign prophetic churches in SA’ kanti ususayinwe abantu abangaphezulu kuka 6 000. |
UYAQONGA umsindo phakathi kwezikhulu ze-ANC kuzwelonke njengoba sekungenelele nelinye ilungu layo eliqavile. UMnuz Fikile Mbalula oyiNhloko yezoKhetho noMnuz Ace Magashule onguNobhala-Jikelele bake baphambana ngemibono kodwa kwabuye kwalotha. |
UYaseen Khan (46) ubevele kule nkantolo izolo ngemva kokuthi ngoMsombuluko elahlwe amacala okubulala nokudlwengula uNksz Zamacenge Mngoma (34) waseCato Manor ngo-Ephreli nyakenye. |
UYaseen Khan (46) ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ngokubulala uZamacenge Mngoma (34), isidumbu sakhe esatholwa silahlwe eceleni kwalapho kwakuhlala khona uKhan ngo-Ephreli nyakenye. |
“Uyashiya kwi-Arrows uLamola. Lena yinto izikhulu zeqembu ezingayithathanga kahle kodwa-ke ubehlule etafuleni lezingxoxo. Usayine inkontileka yesibambiso neHighlands Park ngoJanuwari. Esimeni esifana nesikaLamola, kuyawenza umqondo ukusayina naleli qembu laseGoli ngoba ngoJuni uzobe eseneminyaka engu-33. |
UYASHIYA kwiKaizer Chiefs uBrilliant “BK” Khuzwayo uma kuphela isizini ka-2017/2018. |
UYASHUBA umbango wezikhundla ezifundeni ze-ANC KwaZulu-Natal njengoba sezihubela sakusha ngezingqungquthela zokukhetha ubuholi. |
UYASHUBA umbango womhlaba okunepulazi lamoba kuwo kulandela ukushiswa kwemenenja yaleli pulazi eliseMthwalume, ngase-Ifafa Beach eSouth Coast. |
UYASHUBA umkhankaso wokuhudula izinyawo wamaphoyisa asebenza eziteshini akhala ngokushaywa ngesithende uma kunyuswa izikhundla njengoba izolo kade ehlangene ezindaweni ezahlukene ezweni lonke ebhunga ngamasu okulwa impi yawo. |
“Uyasithanda isikole. Uma sise-studio usuke ephethe izincwadi zakhe. Konke lapho eya khona isikhwama sakhe sezincwadi zesikole asisali. Uma ngizwa, nasesikoleni wenza kahle kakhulu. Ezinsukwini ezimbalwa nje evelile emphakathini, uqashwa ubuthaphuthaphu,” kusho uMafutha. |
“Uyasixhaphaza lona. Ucabanga ukuthi siyinto yokudlala. Ucabanga ukuthi angathuma abantu bazolobola ngemali encane kangaka,’’usho kanje. |
“Uyathanda ukuthi wonke umuntu azizwe ekhululekile. Akanqeni ukuthi atshele uyise uma engahambisani nento ethize. Ubakhathalele futhi abantu besifazane. Nami ngibakhathalele abantu besifazane futhi ngithanda uthando kodwa hhayi njengoDumazile.” |
Uyatholakala kuFacebook futhi uma ukhuluma umathanda ngaye uyaziphendulela akubeke endaweni yakho. Khuphuka kanjalo Qhosha. |
-Uyatholakala ukuzophakela intsha namabandla izinkulumo ezakhayo. |
Uyathuka uma uzwa ukuthi injini ingu-0.9 litre enama cylinder amabili kodwa okumnandi ukuthi ine-turbo. Inamandla angu-62.3kW ne-torque engu-145 Nm. |
UYATHUTHUMELA umndeni waKwaCaluza, eMgungundlovu, ngokubulawa kwamalungu awo okuthiwa adutshulwe ngabesilisa abebezenza abantu abafuna umqasho. |
Uyathuthumela umndeni wakwaNtombela, eNtambamhlophe, eMtshezi ngesenzo sebhungu okuthiwa liyihlongandlebe, elishaye owesilisa osekhulile ngodondolo lwakhe waze wafa. |
UYATHUTHUMELA umndeni wowesilisa otholwe emobeni ebulewe kulandela ukuthunjwa kwakhe ababulali abafuna imali emndenini besebenzisa uWhatsApp. |
UYATHUTHUMELA umphakathi waseMgalumbobo, eMahlabathini, oLundi, kulandela ukubulawa kwabesilisa ababili abangomakhelwane abebevela emcimbini. |
UYAVEVA intukuthelo owesilisa odilizelwe umuzi wakhe eqeda kuwufulela ngoba kuthiwa uwakhe kungafanele emhlabeni kaMasipala iTheku. |
UYAVEVA owesifazane ozibize ngomzukulu wekhehla athi yilona elangcwatshwa ethuneni elisekilasini likaGrade 10 esikoleni iMthwane Senior Seconday, eMzimkhulu. |
UYAVEVA owesilisa waseGreytown osebenza kuMasipala waseMvoti emva kokuholelwa uR15 ngo-Agasti. |
UYAVEVA ugogo womfundi oyithwasa okuthiwa ushaywe ephindelelwa wuthisha efuna agunde izinwele ngoba ethi ziyanyanyisa. |
UYAVEVA umashonisa osola inkosikazi yeMeya yaKwaNongoma, uMnuz Mangaqa Mncwango, ngokubalekela umkhokhela uR67 520 amkweleta wona. |
UYAVEVA umndeni okuphambane izinkomishi uthi uyongcwaba ubaba wekhaya othathwe yiCovid-19, wafica isidumbu sowesifazane abangamazi. |
UYAVEVA umndeni wengane (12) yaseLovu ngaseManzimtoti ebelethile ngemuva kokudlwengulwa “umalume” oyihambisa esikoleni. |
UYAVEVA umndeni wowesilisa oshone ngemuva kokudubuleka ngesikhathi umphakathi ubhekene ngeziqu zamehlo namaphoyisa eNquthu befuna kufakwe imigwaqo yetiyela. |
UYAVEVA umndeni wowesilisa waseNquthu okuthiwa ushaywe ngamaphoyisa wafa entathakusa yangoLwesihlanu ngesikhathi egasele kubo ezofuna isibhamu ezifihle ubuso. |
UYAVEVA umphakathi waseLindelani ngenyanga yasendaweni esolwa ngokugwaza ibulale ibhungu, okuvela ukuthi sekungokwesithathu igila umhlola ofanayo kule ndawo. |
UYAVEVA umphakathi wasemijondolo yaseBottlebrush, eChatsworth, ngesigameko sokubulawa kowesifazane yisoka eliphume ejele ngoshwele kwelinye icala lokubulala. |
UYAVEVA umsakazi weMetro FM uSomizi Mhlongo emva kwenkulumo ebigxeka abathandanayo kodwa bengobobulili obufanayo yomfundisi waseGhana obevakashe ebandleni lakhe iGrace Bible Church, eSoweto, ngeSonto. |
UYAVEVA umzali wengane eneminyaka eyisikhombisa yesikole saseMlaza, iSandakahle Primary okuthiwa ishaywe uthisha yaba midwa yidwa. |
UYAVEVA uninakhulu womfundi wesikole Ubuhlebethu Primary, eNanda, owelwe iwindi lamsika ubuso esesikoleni. |
UYAVEVA usihlalo wenhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi emuva kwesigameko sokukhalakathela emfuleni kwetekisi ebethwele abagibeli ngoLwesithathu ntambama. |
Uyaveva uyise kaNomcebo Madlopha (19) ovuke esibhedlela emuva kokubhunyelwa ngamanzi ngoMgqibelo odlule. Elandisa Isolezwe uMnuz Caleb Madlopha, uthe akahlali nendodakazi yakhe ekhaya ngenxa yomsebenzi. Wathola ukuthi ishiswe ngamanzi ngumakhelwane ngoba iye kwakhe engekho yayopheka iphalishi. |
UYAVEVA wukudinwa umndeni wakwaMbatha eMnambithi, okuduve emakhazeni isidumbu selungu lawo osekuphele izinyanga ezine uhleli emakhandleleni njengoba kusalindwe imiphumela yolibofuzo ngoba isidumbu satholakala sesonakele. |
UYAVEVA yintukuthelo umphakathi waseBilanyoni, eDumbe, ngokungatholakali kwesidumbu sowesifazane endaweni lapho isoka lakhe elithi lasigqiba khona eminyakeni emithathu eyedlule. |
UYAVEVA yintukuthelo umphakathi waseNkonkotha, eDumbe, ngomlimi omsola ngokubulala izimbuzi zawo ezingaphezulu kuka-40 ngokuzidlisa ushevu ngoLwesihlanu. |
Uyavuka * -Ellie kodwa eseyisilwane enomthungo omkhulu ekhanda. U-Ellie ubulala ikhehla uJud emsola ngokubonisa uyise lo mhlaba ovusa abafileyo. |
Uyavuma ukuthi bekungelula ukushiya eMphithi kwazise ubeyisethenjwa kodwa ugcine ephoqeleka ngoba obekwenzeka ubengeke akuphikise. Uyavuma ukuthi umbango wejezi ujiye kakhulu kwiBucs kodwa futhi uMakaringe uthe yikho kanye-ke lokhu okuzomenza agqame. |
Uyavuma ukuthi iqembu lakhe liyeke amathuba njengoba lusanqobe umdlalo owodwa weligi kweyisithupha asebeyidlalile. |
Uyavumelana noTinkler oke wathi abadlali kumele balwe ngakho konke ngoba ekugcineni imiholo yabo isengcupheni. |
“Uyawadinga lawo maqembu womathathu ukuthi abe kolunye uhlangothi nawe ube ngakolunye, ngoba uyazi ukuthi uzoqhathwa nelilodwa lawo. Ngincamela ukuba sohlangothi lapho ngingeke ngibhekane khona neMazembe, Pirates, Al Ahly, Esperance. Ngiyajabula ukuba sohlangothini lwabo ngoba sizodlala nabanye. Ukuwina e-Abijan kuzosisiza kakhulu, siphinde siwine ekhaya kwiLobi Stars ukuze siye eCasa singadingi lutho.” |
Uyawatshela amakholwa ukuthi ngisuke ngidlala indawo engiqashelwe yona, hhayi ukuthi ngisuke sengiyiloyo muntu engisuke ngimlingisa.
UYawa uveze ukuthi abanye abaqashi bafake izicelo zokuthi kuholelwe abasebenzi imali yeWabu besebenzisa izinamba zamacala ezingumbombayi kodwa bakubamba lokhu.
“Uyawuthanda umsebenzi kodwa indaba yokuhola imali engagculisi ibimkhinyabeza umoya wakhetha ukushaya isishwapha sakhe,” kusho umthombo.
“Uyaxhumana nsukuzonke nethimba lodokotela, nathi siyaxoxa nalaba abambheke la ekhona ngakho-ke konke kuhamba ngokohlelo.
UYAXOLISA umacaphunakusale waseNingizimu Afrika uMnuz Patrice Motsepe ngenkulumo yakhe equbule umsindo ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba ayenze kwiWorld Economic Forum ngeledlule.
UYAXOLISA umdlali weFree State Stars, uMakhehleni Makhaula, ophule uJoseph Tght" Molangoane weKaizer Chiefs ngesikhathi la maqembu ebhekene emdlalweni weMTN8 eFNB Stadium ngempelasonto. |
UYAYEMUKELA inselelo yomqeqeshi umdlali weMamelodi Sundowns, uGeorge Lebese, okholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokuthi aqhakaze eChloorkop. |
UYAYICHITHA eyeKaizer Chiefs umdlali wasemuva uMarc van Heerden ohlukane isigubhukane naMaZulu ekupheleni kwesonto eledlule. |
UYAYIQONDA ingcindezi abhekene nayo kubalandeli umgadli omusha weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic, onerekhodi elihle lokushaya inethi. |
Uyazazi lo mqeqeshi ukuthi akakhonzile ukuvala emuva kodwa akawuvali umlomo ngendlela izitobha zakhe ezimlalela ngayo. |
“Uyazi, angazi sekukangaki ngizwa abantu bethi mina ngingawaqeqesha kangcono AmaZulu nokunye okuningi. Yizinto lezi okumele simelane nazo ngoba singabaqeqeshi. Uma uthola ukuthi usesimeni lapho khona kunabantu abafafazela abantu osebenza nabo umoya omubi, lokho kungaba yingozi yokuthi nabadlali bagcine sebefafazeleke izinto ezibhedayo. Ngiyethemba akusona isimo esinjalo lapha kuMaZulu,” kalandisa uJohnson. |
“Uyazi angikholwa, ngisathukile namanje. Lona kube wunyaka omuhle ngempela kimina njengoba ngisanda kuqokwa emikhakheni ehlukene kumaSAMA kodwa manje sekuvela lokhu. Ngiyabonga angiqedi,” kusho uMlindo. |
“Uyazi awuyena owokuqala ongibuza ngokuyosebenzela umsakazo Ukhozi FM. Kukhona noseke wangibuza nakwiTwitter ngokuya kulona. Njengamanje ngingakuqinisekisa ukuthi ngisekwiKaya FM futhi akukho engisakukhulume nomsakazo Ukhozi FM ngokuyosebenza khona,” kusho uDhlomo. |
“ Uyazi badlala ngami laba bafowethu. Ngibasizile bajika bakhuluma kabi ngami. Yimbi le nto abayenzayo. Bafuna ukuduma ngami. Ngoba nakhu ingoma isiculwa wumculi owaziwayo, sebefuna ukudicilela phansi isithunzi sami. Le nto angifuni ngisho iphume emaphepheni ngoba bazolimaza umsebenzi wami,” kusho uLuxonic. |
UYAZIBAMBELA ekufundiseni iHistory uthishanhloko waseMakhedama High, uMnuz Innocent Nyathikazi |
Uyazibambela uma ephekela amakhasimende, usebenzisana nabantu abathathu abamqobelayo. |
“Uyazi besinethemba lokuthi umfowethu sizomthola esaphila kodwa ashabalale wonke amathemba uma esetholakala ngoMgqibelo eboshwe ngezintambo ekhishwe amehlo, edutshulwe esiphongweni. Asiqondi ukuthi bekwenzenjani aze abulawe ngesihluku esingaka . Lo muntu waphuma ngabo-8 ebusuku ngoLwesibili lo mhlaka 11 Juni ethi uyolungisa imoto yakhe. Emuva kwalokho akaphindange wabuya ekhaya. Imoto yakhe yatholakala nezikhiye nezimpahla kodwa yena engasabonwa njengoba esetholakala eseshonile,” kusho uDlamini. |
Uyazibonela-ke ukuthi asiyi nganxanye singemanzi singabantu ngoba sadaleka ngezindlela ezihlukile. Yikho nje ngagcina ngikuqonda ukuthi kungani umngani wami ayezifela ngentombi yakhe yize mina ngangiyibuka ngamanye amehlo. |
Uyazibonela-ke ukuthi maningi amathuba okuthi umuntu owahlonywa imibuzo eminyakeni eminingi edlule mayelana necala elithile, ahluleke ukuphinda into ayisho njengoba injalo ikakhulukazi uma ayesenga ezimithiyo. |
Uyazibonela lapha ukuthi inhliziyo eqhugayo izovele ikwenze kube nzima ukuphefumula ugcine usucinana, iphika lidlange, igazi liye ngokujiya libe muncu; ukucinana kuye phambili ugcine ngokushona. |
Uyazibuza-ke ukuthi iphoyisa elinomuzi walo elawuthenga ngokusemthethweni kwenzeka kanjani lihlale liqalaza egcekeni lihlezi liphethe isibhamu somsebenzi ngesandla |
Uyazibuza ukuthi kanti umsebenzi wephoyisa emphakathini yini uma kuzosuka wona amaphoyisa asebenzisane nezigebengu kukhishwe abantu ezindlini zabo. |
Uyazibuza ukuthi ngabe kumele ufele ngaphakathi ulinde usuku ongalwazi noma uqunge isibindi uzibuzele. Baningi abesifazane okuthiwa banabantu abathandana nabo kodwa akucaci ukuthi uthando lwabo lubhekephi. Abanye bagcina beziphathisa okwabashadile ngokubona isikhathi asebesichithile othandweni ngisho noma indoda ingakaze icacise ngezinhloso zayo. Kukhona nabacabanga ukuthi ukuzalela indoda kuyindlela yokuyibamba ukuthi inganyakazi uma bebona ukuthi ayikhulunywa eyomendo. Kuyenzeka lokhu emdlalweni wethelevishini iGenerations: The Legacy lapho uNolwazi (Thando Thabethe) esha amashushu ngokuzalela uMazwi (Musa Ngema) ingane. UNolwazi unethemba lokuthi ukuba nengane kuzoqinisa uthando lwabo noMazwi. |
“Uyazibuza ukuthi umuntu onamacala abucayi kanje usithola kanjani isigwebo esilengisiwe. Zombili lezi zindawo okubulawe kuzona abantu uyathola ukuthi bekunabantu abayizigebengu abenza izinzo okungamele engabe bayazenza. Sizobathola ababulali nokuthi bayenzeleni into abayenzile njengoba sisebenzisana nomphakathi,” kusho uCele. |
Uyazifela nangezemidlalo ikakhulukazi izimoto zomjaho iFormula 1 kanjalo nebhola. |
* Uyazifela ngezingane zakhe ezimbili, akashadelwe kodwa unentombi. |
Uyazi futhi imikhuba yeSafa miningi kakhulu. Le Safa yakhona kuthe ngesikhathi kuhamba iBanyana iyodlala iNdebe yoMhlaba yathembisa ukuthi izobanika amabhonasi abadlali. Umdlali ngamunye ubengaze athole imali efinyelela ku-R1 million. |
UYAZIHLANGULA umdwebi odume ngokudweba izithombe zosaziwayo nosopolitiki osekusabalale isithombe somlingisi ongasekho athe asidwetshwanga uyena. |
UYAZIHLANGULA umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, enkulumeni yokuthi ngabe unozinti wezakhe, uSiyabonga Mbatha, ukufanele yini ukubizelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana. |
Uyazi indlela engibuhlonipha ngayo ubuhlakani bukaMokwena isezingeni eliphezulu kakhulu kodwa angiyithandi indaba yokugitshezwa kwakhe emakhanda abantu abadala asebenze lukhulu kwezokuqeqesha. UMosimane sikwazi sonke asekwenzele iSundowns ewina izindebe ezibalulekile kuhlanganisa neCAF Champions League. USredojevic wafika e-Uganda wagila izimanga njengomqeqeshi nokwagcina ngokuthi ayifake kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) okokuqala ngemuva kwenqwaba yeminyaka. |
“Uyazi injabulo enginayo angazi nokuthi ngingayifanisa nani. Ngihlangane nabantu abakhululeke ngendlela eyisimanga kulo mdlalo okwenze izinto zaba lula njengoba uvalo kithina sonke luhlale lukhona uma ujoyina umndeni omusha uyosebenza nawo. Kumnandi ukuba yingxenye yalo mdlalo futhi sisebenza kahle njengoba uma sekusetshenzwa kuhlekwa siphinde sidlale okwenza kube mnandi,” kuchaza uBrenda. |
Uyazi iVAR ngiyibona ifana nomakoti okuthi kulindelwe lukhulu kuyena kodwa afike azihambele amadiskho aze abuye ekuseni kufane nokuthi akekho. Ngibona sengathi uma ingafika eNingizimu Afrika iVAR izobaqhatha kakhulu abalandeli uma kuzothathwa izinqumo okungezona njengoba kwenzekile kwiChampions League. Umakoti ongazimisele ngokugana aziphathise okomfazi kuhle ahlale kubo kunokuthi ayobanga ukukhuluma nesiphithiphithi emizini yabantu. Sengathi angisayizwa kahle indaba yale VAR. |
-Uyazikhethela ukuthi ufuna ishiya lakho lihlale isikhathi eside kangakanani kungaba izinyanga noma iminyaka uphinde futhi uliqede uma sewuthanda. |
Uyazi kodwa iSafa iyathanda ukudlala ngeBanyana. Angingabazi ukuthi uJordaan wakusho lokhu ngoba azi kahle ukuthi iBanyana ngeke idlule kwiNdebe yoMhlaba noma abadlali bayo bebengakhala. |
“ Uyazi kuke kwathi kunomhlangano womkhandlu uNzuza wathola sekufakwe ipheshana esikhwameni sakhe limsabisa ngokuthi usethinte abangathintwa kuzophela ngaye. Kade engagadwa kodwa lezo zinsongo abezithola zidale ukuthi agadwe njengoba esehlala ehamba nabaqaphi manje,’’ kusho umthombo. |
Uyazi kuqala sinomama wasekhaya sasibangisana ngalo iphephandaba endlini ngenxa yengosi kaMaGumede. |
Uyazi kuyadumaza ukubona amahlazo enziwa abantu besifazane uma sebebukhile nokwenza ukuthi ubone ukuthi le nto yayingafanele ukuphuzwa umuntu wesifazane ikakhulukazi labo abangakwazi ukuzilawula nokuzihlonipha uma sebephuzile. |
Uyazi kwesinye isikhathi kubalulekile ukufunda ukwamukela isimo sinjengoba sinjalo ngoba manje le ndaba yokulokhu usitshela ukuthi nisuka kude ikhombisa ukuthi kwawena ungathi awuzimisele nokuthi impilo yakho iqhubeke. |
Uyazi kwesinye isikhathi liyasuka ibhola kunozinti, lingathintwa muntu, lifike lingqofelwe enethini ngumgadli, linqobe kanjalo iqembu eliqeqeshwa nguHunt. |
“Uyazi nawe kubuhlungu noma ngabe ngomunye umuntu omaziyo oshonile, kunzima kakhulu ukuthi angabulawa uSenzo kodwa kungabi khona ubulungiswa. Njalo ngalesi sikhathi siyamkhumbula singabalandeli. Asazi ukuthi ubulungiswa buyokwenzeka nini. Sesilinde kakhulu ukuthola ukuthi ngubani owambulala. Njalo uma iPirates idlala, ikakhulukazi uma ihlulwa sivele simcabange kube buhlungu. Besazi ukuthi uma ekhona kwenzeka okuhlukile, siyawina futhi ngabe sinezindebe kwiPirates. Uma abantu beboshwa mhlawumbe sizoba nokuthula emoyeni wethu, asiwini nabantu ababoshwa. Lokhu akusiphathi kahle,” kusho uNksz Chauke. |
Subsets and Splits
No saved queries yet
Save your SQL queries to embed, download, and access them later. Queries will appear here once saved.