input
stringlengths
1
130k
UXolani Mcineka uthe kubajabulisile ukuthi eminyakeni eyisishiyagalombili baqala lo mcimbi, usukhule waze wafika lapho ukhona manje.
UXolani Mfeka odlala indawo kaNganono kulo mdlalo kuthiwa uzogcina ukubonakala ngoJanuwari ngonyaka ozayo.
UXolani Ngcobo ongunozinti weKings utshele leli phephandaba izolo ukuthi bafuna uma kuphela isizini babalwe namaqembu amathathu.
UXolani Ntuli oneminyaka engu-24 ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eMpangeni. Wadlwengula intombazane eneminyaka engu-12 nena-10.
UXolani, Siyabonga noMlondi badutshulwe babulawa egcekeni kwaNgcamu ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa, kanti u-Andile yena udutshulwe eshayela iloli.
UXolani "Sxubho Sabantwana" Mkhize ongumholi waBafana BakaMolo Bengempela futhi oke wacula koFeleba, uthe udutshulwe ekhanda maqede waphucwa yonke imali abeyiphethe.
UXolani ulingisa indawo kaNganono, uthi ukuba kulo mdlalo okhula usuku nosuku kwakuyiphupho lakhe.
UXolani uthe bazohlonipha uDJ Tira, Black Coffee, Ladysmith Black Mambazo noMbongeni Ngema ngendondo yeSpecial Achievement Award.
UXolani uthe le mindeni elahlekelwe uyazana nayo futhi kunamanye amalungu ayo ayekhula nawo.
UXolani uthe yonke into bayiqale phansi ngomdlalo, baphinde bawubhala kabusha. Nabalingisi abaphambili abebekuwona njengoJabulani JB Mthembu owayedlala indawo ephambili kaShabalala kuwona, uthe akanasiqiniseko sokuthi uzoba khona ngoba umatasa neqembu lakhe iThee Legacy.
UXolani uthi, sebelindele izihambeli zalo mcimbi njengoba ngakubona konke sekulungile. “Ezokuphepha abantu kumele bangakhathazeki njengoba ziqine kakhulu kulo mcimbi kulo nyaka. Siyanxusa ukuthi abantu bafike ngesikhathi njengoba namanje sisagcizelela ukuthi sizoqala ngo-11 kuyothi kushaya ihora lokuqala emini impela siyobe sihamba nawo umcimbi amavukane enandisa esiteji.”
“UXola unendawo eyodwa okufanele ayilungise okuwukumaka. Siyakhuluma naye sonke isikhathi ngendlela adlale ngayo.
UXoli ngemva kokushada wathola umntwana wanyamalala emkhakheni wethelevishini.
“Uxolisa kubani ku-Instagram? Angiyazi mina leyo nto ngoba akaze axolise kimina. Angikaze ngithole myalezo wakhe wokuxolisa. Kusho ukuthi ubexolisa kubantu baku-Instagram,” kusho uLerato.
UXolisa Njapha weMCRC, uthe bajabule kakhulu ngomnikelo owenziwe yiSAMA owenze ukuthi bakwazi ukuqoqa imali enguR1 million esikhathini esingamasonto amabili.
UXolisa noThanduxolo Dube, owenza unyaka wakhe wokugcina, bahamba phambili emkhankasweni wokuqoqa imali yokusiza izitshudeni.
Uxolise kubo bonke abenza kabi wathi naye uyisoni njengabo bonke abantu abaphila kulo mhlaba.
UXOLISE kusihlalo wePremier Soccer League (PSL) ne-Orlando Pirates uThandani Ntshumayelo owehliselwe isigwebo sokutholakala nesidakamizwa i-cocaine egazini lakhe eminyakeni emibili edlule.
UXOLISE ngengoma emndenini yezingane ezine azishayisa zashona umculi wakuleli ophume izolo ejele, iLeeuwkop, obesedonse iminyaka emine uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye. UJub Jub uphume ngoshwele nomngani wakhe abeboshwe naye, uThemba Tshabalala.
Uxolisile esizweni ngokungamemezeli ukuthi kuzokwenzekani ngezikole ngeSonto njengoba kade kulindelekile, wengeza ngokuthi usuku lwangeSonto uluchithe exoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.
UXOLISILE esizweni sonke nakubona bonke ozakwabo nabaqeqeshi beqembu lesizwe laseZimbabwe unozinti weBaroka FC, u-Elvis Chipezeze.
Uxolisile kubakhokhi bentela ngokuvalwa kwamahhovisi abehlanzwa wathi lokhu bakwenzela ukuphepha.
Uxolisile kubantu baseMlaza ngenkinga yokungaqoqwa kukadoti wathi umasipala uzoqikelela ukuthi udoti uqoqwa ngaso sonke isikhathi.
UXOLISILE kubathandi bekhilikithi emhlabeni jikelele owayengumdlali wamaProteas namaHighveld Lions uLonwabo Tsotsobe emuva kokuthi iCricket South Africa imvale iminyaka eyisishiyagalombili engasondeli kulo mdlalo ngenxa yenkohlakalo.
UXOLISILE ngesenzo sakhe sokunyamalala esigcine simfake enkingeni umdlali wakuleli we-long jump uLuvo Manyonga.
Uxolisile ngokubambezeleka ekukhokheni imali yalabo abangasebenzi okunguR350 ngenyanga. Uthe imali isazokhokhwa izinyanga eziyisithupha wathi sebekhokhele abangu-4.5 million. Uthe sebengu-408 052 kuleli abaneCorona.
Uxolisile ngokucinywa kukagesi esho nokuthi bawucima ukuze bonge lo okhona ngenxa yokuthi kushoda amalahle.
UXOLISILE ngokunqanyulwa kukagesi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, esho nokuthi abanawo umlingo wokulungisa isimo kodwa bayakuqonda ukucasuka kwabantu baseNingizimu Afrika.
UXOLISILE umgadli weKaizer Chiefs uGustavo Paez ngesenzo sakhe sangempelasonto edlule lapho abonakala khona kwithelevishini echizela umqeqeshi uGiovanni Solinas.
UXOLISILE umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), uJoel Masutha ‘ngehlazo’ abalenzile lokunikela enkundleni ngabadlali abawu-14 ngesikhathi bebhekene neSuperSport United kowe-quarterfinal yeMTN 8 ngempelasonto.
UXOLISILE uNgqongqoshe wezasekhaya uMnuz Malusi Gigaba ngokuphakamisela ilungu le-EFF ucikicane izolo ePhalamende.
Uxolisile wathi ngeke aze acule ngoba kubheda umsindo.
UXoliswa Njapha oyiStudent Support Service Officer kwiSRC ophikweni lodokotela e-UKZN, uthe bakhathazekile ngalezi zitshudeni ezingase zingaqedi ukufunda.
UXoliswa uthe banxenxa noma ngubani ongafaka isandla kulesi sikhwama.
“UXoli ubebabikela odadewabo ngokuhlukumezeka kwakhe kodwa mina engangitsheli okungangokuthi bengingazi nanokuthi sebeyahlukanisa. Kubuhlungu ngoba uthe uma esesho wathi ubengasho ngoba ethi ubekezele - yithina esibatshela ukuthi kuyabekezelwa emendweni.
UXoli ushade noPhiwokuhle “Bravo” Zamisa emcimbini oqale ngoLwesihlanu eCity Hill, eHillcrest waphelela kamkhwenyana eMthwalume ngoMgqibelo.
UXoli ushade noZamisa oyikhansela laku-ward 12 kuMasipala waseMzumbe. Lo mshado uqale ilanga seliyozilahla kunina kanti ubuhambisana neyesimanje njengoba ubuwenzelwe endaweni evulelekile.
“UXoli uzobe elingisa indawo kaViolet Vilakazi, okuyinkosikazi kaMenzi Vilakazi (Muzi Mthabela), okuyimanje emdlalweni usothandweni oluvutha amalangabi noMaZulu. UViolet ufika kulo mdlalo ngemva kokuthi isitha esikhulu sikaMenzi, uPhakade ephenye ngempilo kaMenzi nokuthi umndeni wakhe ukuphi. Umka Menzi abangasaxhumani naye, unenkinga njengoba egula ngengqondo,” kuchaza isitatimende.
“Uxolo? Uxolo? Cha,” kusho uSolinas ekhipha amehlo kubhalwe ukunengeka ebusweni bakhe.
UXolo wagcina ukubonakala laph,o kuze kube yimanje awuzwakali umkhondo wakhe. UMbele uthe uphiko lwamaphoyisa eK9 alwenzile uphenyo kodwa kusacwebe iziziba okwamanje.
UXOSHISWE okwenja enethile ingena endlini umculi kamaskandi emcimbini iMpucuzeko Maskandi Festival obuseMoses Mabhida ePeoples Park Stadium emasontweni edlule.
Uxoshwa nje uNtshangase, uSiyabonga Ngezana ulule inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu.
Uxoshwa nje wayesayine inkontileka yeminyaka emithathu naBafana Bokuthula Noxolo.
Uxoshwe emsebenzini ngemuva kokuba omunye uzakwabo wesifazane emsole ngokuthi wamdlwengula ekhishini lesikole wamngena ngemuva.
UXOSHWE engakanyuselwa umholo uJoey Antipas obecija AmaZulu. NgoLwesibili ibhantshi ligcwale umoya ku-Antipas nephini lakhe uPrince Matore.
Uxoshwe esebuya kubelaphi bendabuko eyozama usizo, waya nasebandleni lakwaShembe eyocela imikhuleko.
UXOSHWE esekhefini lokuyoteta umethuli wohlelo iDaily Thetha yakuSABC1.
Uxoshwe kwiBafana ngo-2016 yiSouth African Football Association (Safa) imsola ngokudicilela phansi igama layo. Ngaphansi kobuholi bukaBaxter iBafana ihlulekile ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ekade iseRussia nyakenye. Isengcupheni yokungalubhadi kwi-Afcon ezodlalelwa e-Egypt nonyaka.
UXOSHWE wukuhola amakinati emaqenjini aKwaZulu-Natal umdlali wasesiswini uJabulani Shongwe obekade ebolekiswe yiBidvest Wits kwiLamontville Golden Arrows ngesizini ka-2017/2018.
UXulu (26) nozakwabo kwi-United, engenawo umlando wezicoco, baqophe umlando befaka leli qembu laseMphithi okokuqala kowamanqamu, lapho behlulwe khona yiFree State Stars koweNedbank Cup ngempelasonto.
UXulu (26), ubekhona kowamanqamu iMamelodi Sundowns ihlulwa yiSuperSport United ngo 2-0 ngo-2012. Lo mdlali uphinde wezwa usizi lokuphuthwa yisicoco iKaizer Chiefs ithelwa phansi yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 kowamanqamu weMTN 8 ngo-2015.
UXulu (81), okuqanjwe ngaye inkundla kanobhutshuzwayo, iSugar Ray Xulu, okudlalela kuyo iLamontville Golden Arrows neyakhiwe esizeni sakubo eNdunduma, udlule emhlabeni esesibhedlela abelashwa kusona iSt Mary’s, eMariannhill ngoMsombuluko ntambama.
UXulu ethintwa uphike wama ngentaba wathi awukho umhlangano abenawo noHlabisa noma wamcela ukuba ahoxe.
UXulu kuthiwa wahamba engatshelanga muntu ukuthi ulibangisephi okwenza kwaba nzima ukuthi umndeni umthole. Ngisho sebebhalele nasohlelweni lwethelevishini iKhumbul' ekhaya abazange bamthole.
UXulu kuyimanje usekhempini yeBafana Bafana aqokwe njengokaputeni wayo nazoyihola kwiCosafa Cup. EzikaXulu zizodla neMadagascar eqede iqhwakele ku Group A ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane kusasa ngo-3 ntambama.
UXulu obeyinsika kwiMaritzburg ujoyine iHapoal Tel Aviv edlala kwi-Isreali Premier League. UBrockie ubuyele emndenini wakhe ose-Australia.
UXulu, okwaqale kwavela ukuthi uzophonsela uDlungwane inselelo kwesikasihlalo, uphakanyiswe yilabo abeseka uDlungwane ukuba angenele esikasekela sihlalo.
UXulu, owayaziwa ngoSugar Ray ngezikhathi zakhe zebhola, udlule emhlabeni ngoMsombuluko eneminyaka engu-81. Ubehlushwa wumdlavuza wendlala yamadoda. Ushonele esibhedlela iSt Mariy’s, eMariannhilll.
UXulu ubelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule. Ubemiswe kabi nguLorenzo Gordinho no-Eric “Tower” Mathoho. Uma kukhona ongekho phakathi kwabo uKomphela ubesebenzisa uDaniel Cardoso. UXulu ubeselanyulelwa yiMultiChoice Diski Challenge.
UXulu ubesethola elesine okusho ukuthi uzophuthwa wumdlalo wabakhaya abazobhekana kuwo neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium ngeSonto.
UXulu ubewukudla kwebhentshi amasizini amabili kwiKaizer Chiefs afike kuyona esuka kwiFC Rostov yaseRussia.
UXulu ubexinwe ngu-Edward Manqele, waphasela * -Ofori kanti nalo nozinti ubemakiwe njengoba ebexinwe uLehlohonolo Nhlapo kodwa wehluleka ukumphuca ibhola.
UXulu ufakwe ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela. Lesi sitobha esidabuka KwaMashu sijoyine Amakhosi kumasizini amabili adlule.
UXulu ufike kuMaZulu esabizwa ngeZulu Royals United FC ngo 1970 esuka kwi-Avalon Athletic eyayidlala kwiSouth African Soccer League (Sasl). Emva kokuphela kwaleli qembu ngo-1969 ngenxa yobandlululo, olwalungafuni ukuthi izinhlanga ezahlukene zidlale ndawonye kwasize lona lwaluxubile. Uze wawagaxa emgibeni amakhokho ngo-1982.
UXulu ufike kwiChiefs ngesizini edlule kubhekwe lukhulu kuyena. Ubebangwa yiChiefs neMamelodi Sundowns kodwa wakhetha ukubuyela lapho ekhulele khona kuMakhosi. KwiChiefs umiswe kabi nguLorenzo Gordinho noDaniel Cardoso abashintshana no-Eric Mathoho weBafana Bafana.
UXulu ukhale kakhulu nangesihlava esibhokile sepolitiki yezisu lapho abantu befuna izikhundla ukuze bafeze izinhloso zabo.
UXulu umiswe kabi ngu-Eric Mathoho, Lorenzo Gordinho noDaniel Cardoso bonke abayibamba phakathi nenkundla emuva. UXulu ukhulele kuChiefs ngaphambi kokuthi ajoyine iMamelodi Sundowns. Useke wahlolwa yiFC Barcelona yaseSpain ne-Arsenal egijima ku-English Premier League (EPL) yase-England.
UXulu ungene noMalusi Mbokazi becula izingoma zalo mculi kwashukuma abantu etendeni lonke.
UXulu uphendula nje, i-ANC KwaZulu-Natal ibike yaphefumula ithi izingqwembe ebeziphethwe wuShenge ze-ANC, ezinobuso beSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ziwumkokotelo.
UXulu usajima nayo iChiefs kwazise usanenkontileka. Indawo kaXulu ivalwe nguTeenage Hadebe obegijima kwiChicken Inn yaseZimbabwe. Lo mdlali kuvele ezithi useqede yonke into naMakhosi.
UXulu usephenduke ifenisha kuMakhosi njengoba elizwa ngendaba ijezi. UKomphela akambheki ngisho ukumbheka uma ebophela iqembu kwazise akasayitholi ngisho ebhentshini indawo. Kunalokho uhlala nezihlwele.
UXulu uthathwa njengmomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu kunobhutshuzwayo, abake baba khona eNingizimu Afrika.
UXulu uthe akaqali ukukuzwa ukukhuluma kokuphakanyiswa kwakhe kodwa ubenganaki ngoba ubebona kukhulunywa ezinkundleni zokuxhumana.
UXulu uthe amagalelo akhe abemakhulu kulo msakazo ngoba ubengagcini ngokukhuluma embhobheni kodwa ubebuye abe neqhaza elikhulu ekukhuliseni Izwi LoMzansi FM.
UXulu uthe bafuna ukungena kuzo zonke izikole, ikakhulukazi ezisemakhaya nasemalokishini. Yize befuna uhulumeni ayifake njengesifundo iChess ezikoleni, uthe uyobafica ngendlela. Unxuse osomabhizinisi ukuthi bafake isandla ukuze bakwazi ukufinyelela kuzo zonke izingane esifundazweni nakuzwelonke.
UXulu uthe kungamampunge ukuthi baxosha abantu. “Inhloso yethu ukuthuthukisa abantu. Ngeke sikwenze lokho ngokubaxosha. UCindy akekho ngoba naye usayolungisa izinto zakhe. USfiso Ngcobo uyena umuntu ongasekho. Naye wacela ukuyolungisa izinto ezithile eziqondene naye,” kusho uXulu.
UXulu uthe lo mgubho uyisiqalo ngoba basafuna ukudonsa eminye iminyaka eminingi. UXulu oqeqesha izikole ezingu-20 ngaphansi kwesifunda Ilembe, uthe zingaphezu kuka-14 000 izingane esezifundiswe iChess ezikoleni ezahlukene. Emgubhweni waseMandeni bekuncintisana abangaphezu kuka-400 ezifundazweni iKwaZulu-Natal, iMpumalanga neGauteng.
UXulu uthe njengeqembu bona abahambisani nodlame.
UXulu uthe ukholelwa ukwenza izinto zenzeke kunokukhuluma kakhulu. UXulu ubonge abasebenzi ngokuzikhandla kwabo kanjalo noMthiyane ngokuba nesandla ekuthuthukisweni kwalesi siteshi kulandela nemshini yokusakaza eyanikelwa iGagasi FM kwiZwi Lomzansi FM. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2014 sasha sangqongqa lesi siteshi kodwa bakwazi ukusivusa kabusha ngenxa yokuphathwa ngendlela kwezimali kulo msakazo.
UXulu uthe umfowabo ubengumuntu obhemayo manje abazi noma indaba yokuqala komlilo ihlobene nalokho yini kodwa uthe abafuni ukuqagela.
UXulu uthe wonke amalungu enhlangano azonikwa ithuba lokuba yingxenye yale mihlangano yokuphakamisa amagama abazongenela umbango wezikhundla.
UXulu uthi uma esebenza ulawulwa yimigomo nosiko lwe-ANC, akazibeki yena phambili. Ikhono lakhe lokubumbanisa nokuletha uzinzo kozakwabo ligqame ngesikhathi esesigungwini sesikhashana esasinikwe umsebenzi wokuhlela ingqungquthela ye-ANC esifundazweni.
UXulu utshele Isolezwe ukuthi namanje basalwa nokuthola ukuthi iyiphi inkinobho engeyinhle eyachofozeka njengoba izinto zinje.
UXulu uvela egqoke ikepisi nesikhindi efake i-bullet proof vest yamaphoyisa, ehlezi kusofa ephethe isibhamu esandleni sokudla, nebhodlela likagologo kwesokunxele.
UXulu uveze nokuthi kuyabaphoqa ukuqinisa isikwati sabo kwiwindi elilandelayo lokuhwebelana ngabadlali.
UXulu uzofihlwa kusasa emathuneni iHeroes Acre, eChesterville, ngemuva kwenkonzo ezoba sekhaya ezobe ilawulwa yimithetho yomvalelandlini yokuthi abantu akumele beqe kwabawu-50.
UXulu wayelandelwe ukuzovala isikhala esavuleka ngesikhathi uTefu Mashamaite eshiya iChiefs ejoyina iBK Hacken yaseSweden. KwiChiefs uke walithola ithuba kodwa wenza amaphutha enze wabuye wangasithola isikimu.
UXulu wazakhela udumo ebholeni elikhokhelayo ngaphansi kwenkakha yeBarcelona, uHristo Stoichkov ngesikhathi isacija iSundowns.
UXulu we-ANCYL uthe baphoxekile ukuzwa uShenge ethi ngeke adede esikhundleni sikandunankulu wamaZulu ngoba uzizwa enomthwalo wokweseka isihlalo.
UXuza ngesikhathi efunda eHarvard ehambela namanye amazwe uthole ukuthi ohulumeni bakhona bagxila ekuthuthukiseni amakhono abantu, abagcini ngokuthola iziqu kodwa baqeqeshelwa ukuthi babone amathuba azobasiza ukuxazulula izinkinga ezithile nokusungula amabhizinisi.
UXuza usho lokhu kwiDurban Business Fair lapho eveze ukuthi abantu abawu-640 million e-Afrika abanawo ugesi ngakho kufanele ukuthi kukhona asebeza nezindlela ezintsha zokuletha ugesi kulaba bantu.
Uxwayisa abaholi babo, wathi kumele bayeke ukuklwebhana bebanga izikhundla kodwa babeke phambilini okufunwa ngabasebenzi.
UXWAYISA ozakwabo ngobunzima abazohlangabezana nabo njengoba sekubuya imijaho, umsubathi waseLesotho, uJobo Khatoane.
Uxwayise abafundi nangobungozi bezifo ezithathelana ngokocansi nezidalwa ukuya ocansini olungaphephile.
Uxwayise abakhipha inyumbazane asebehaqwe yileli gciwane, ukuthi bakuyeke lokho.
Uxwayise abalandeli bale nhlangano ukuthi baziphathe kahle kulo mcimbi, bangasho ukuthi uMengameli Ramaphosa uzobe ethula inkulumo yakhe.
Uxwayise abangeke basisebenzise lesi sikhathi sikashwele ngokuthi bazobanjwa ngoba amathimba kagesi azohamba umuzi nomuzi ehlola ukuthi ngabe ugesi awukokotelwanga yini.
Uxwayise abanikezwa ukudla ukuthi bangaphindi kaningi ngesikhathi esisodwa ngoba ngokwenze njalo, bavalela nabanye abalambile ithuba lokuthi bathole okuya ngasethunjini.
Uxwayise abantu abahlangana naye emgwaqweni ukuthi bangalokuthi bathinte isisu sakhe ngoba uzobafumba ngesibhakela, (esho efake ubuso obuhlekayo).
Uxwayise abantu ukuthi bacabange ngaphambi kokuhlekisa ngabanye ezinkundleni zokuxhumana ngoba abawazi umonakalo ongadalwa ubudedengu babo.