input
stringlengths
1
130k
UWilliams uzosizwa uTau kulesi sikhundla esivele kulandela ukungabizwa kwiBafana kobengukaputeni phambilini, uThulani Hlatshwayo we-Orlando Pirates.
UWilliam Twala, ucishe wanika AmaRoma igoli ngomzuzu ka-26 kodwa ibhola laphebezwa ngunozinti weChippa. Kanti noThabiso Nkoana, ucishe wasa amaRoma ekhefini ehamba phambili ngenkathi ibhola lakhe liphebezwa sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-45. Ngesiwombe sesibili kubonakele ukuthi iChippa ibisiyifunde kahle iCallies njengoba ibisidlala kangcono kakhulu futhi ibuza, ibuzile ezintini zaMaRoma.
UWillian, odlalele iBrazil kumaFifa World Cup amabili (2014 ekhaya nango-2018 eRussia) ugabe ngamava emidlalo engu-600 kumasizini angu-13 ebholeni elikhokhelayo.
UWillie Le Roux uzongena endaweni kaDamien Willemse olimele kwi-fullback, u-Elton Jantjies athathe indawo ka-Handre Pollard kwi-flyhalf kuthi u-Franco Mostert angene esikhundleni sika-Lood de Jager kwi-lock.
UWillims, ogila izimanga kwiSuperSport United, ukholwa ukuthi kweminye imidlalo udlala kahle kodwa akekho noyedwa okhulumayo ngalokho.
UWilson uthe indima abayidlala njengesitolo esihlonzwe njengesenza izinto ezisemqoka bayiphathise okwezikhali zamaNtungwa futhi basazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abasebenzi namakhasimende kuphephile. "Sesikulangazelele kabi ukubuyela emsebenzini sibathengisele intandokazi yabo yokudla, nezinye izimpahla ezisemqoka, njengenhlalayenza, ngokumamatheka."
Uwina lo mklomelo nje, uthe indlela yakhe ayizange ibe lula ukuze afike lapho ekhona.
UWinde uqoke uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Tertius Simmers, ukuba abambe uMnyango kaMadikizela.
UWinde uthe abawu-13 bayahlolwa esibhedlela, abathathu basesimeni esibucayi.
UWinde uthe kwabangenwe yigciwane, abawu-50 kubona sebeluleme emuva kokuthola usizo.
UWinde uthe ukhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuba uMadikizela wadukisa abantu nezintatheli ngokuthi uneziqu ekubeni engenazo.
Uwine emncintiswaneni wokuklomelisa othisha abavelele obungempelasonto eGoli.
Uwine ibhande lokuqala nge-SA Super Featherweight ngo-1999 ehlula uMatthews Zulu, walivikela kayisithupha ngaphambi kokuwina ele-World Boxing Council (WBC) International ngo-2003. Uthole ithuba eliyingqayizivele lokulwela ibhande le-WBC ngo-2005 kodwa wakhala ngaphansi engqweleni yaseMexico, * -Antonio Barrera.
UWinile ubesesemakhaya kulezi zinsuku njengoba bekusavaliwe oNgoye lapho abenza khona unyaka wokuqala ezifundweni zeBusiness Management.
UWinile uziphikile izinsolo zikaThabo wathi maningi amaciko asebenzisana neDurban Tourism, wacebisa uThabo ukuba abhalele iDurban Tourism ngokusemthethweni abeke izikhalo zakhe..
UWINNIE Ntshaba ongumsunguli womcimbi wokuklomelisa ama-soapie IThe Royalty Soapie Awards uthe umcimbi walo nyaka uzobe ungokhethekile futhi uzobe usho lukhulu kuye njengoba ezobe ehlanganisa iminyaka engu-46.
UWinnie owaduma esadlala indawo kaKhethiwe kwiGenerations, uthe ngosuku lomcimbi uzobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa.
UWinnie, ozakhele udumo emidlalweni ehlukene okubalwa kuyo iGenerations neminye, uqale izigcawu zezingxoxo ezibizwa ngeRoundtable Talks. Njengamanje uzisakaza ekhasini le miklomelo yemidlalo ewuchungechunge ayisungula amaRoyalty Soapie Awards kwiYoutube.
UWinnie uphethe ngokuthi abantu bazombona kwithelevishini maduze kodwa akavumelekile ukudalula ukuthi kumuphi umdlalo okwamanje.
UWinston Maimane osondelene nomndeni uthe ubenenkinga yokuhlushwa ngamaphaphu.
UWiseman Dlamini uthe amazinga okushisa namhlanje azobe eku-27 degrees kodwa ebusuku kunamathuba angu-30 degrees emvula.
UWiseman Mncube, olingisa indawo kaJama kwiHostela, ubhale ku-Instagram ukuthi ziyamjabulisa izindaba zomdlalo wabo.
UWiseman Mncube uyazifela ngezimpahla zokugqoka ezikhiqizwe kuleli Isithombe: Instagram.
UWiseman Ngubane obefunda eZwelibanzi High eMlaza udabule o-A abayisishiyagalombili.
UWiseman uqokwe ukuba aholwe isikhungo njengoba umasipala ufuna asize abantu abasha bakhona. Batheleke ngobuningi abantu abasha ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, beyozama inhlanhla yokuba yingxenye yalesi sikhungo, njengoba kunamaciko afunekayo azocula, osonkondlo, abalingisi nabasemkhakheni wemfashini.
UWItbooi uthe isiteleka siphazamise ukusebenza eThekwini naseGoli. “Siyathembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukulungisa isimo futhi siyawahlonipha amalungelo abasebenzi,” kusho uWitbooi.
“UWome alikho elinye iqembu elimfunayo ngaphandle kwePirates ebinombandela wokwelula inkontileka yakhe. Akazange achithwe kwiSuperSport. Unenkontileka futhi ukulungele ukuyolwela ijezi. Yize ebeseke waphumela obala ngothando lokuhlala kwiPirates kodwa ayikho into angayenza, ibhola linjalo. ISuperSport kuseyikhaya lakhe,” kusho uNgobeni.
UWome naye kubhekwe ukuthi afake isandla ekutheni iPirates iqede indlala yeminyaka emithathu iphuthwa yizicoco njengoba kwenza uKlate noMashego beqeda eyeminyaka eyisishiyagalombili.
UWome ubebolekiswe kwi-Orlando Pirates ngomzuliswano wesibili ngesizini edlule.
UWome ubhekene nejoka lokulandela izilomo zabadlali abashiye iSuperSport bafika kuPirates bayisiza yanqoba inqwaba yezicoco.
UWome ubolekiswe kwiBucs ngoJanuwari kwazise ubelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kukaStuart Baxter opheka Amatsatsantsa a Pitori.
“UWome ubuyele kwiSuperSport United. Ngeke siwusebenzise umbandela ebesinawo wokwelula inkontileka yakhe. Yingakho sisayinise uMusa Nyatama (obegijima kwiBleomfontein Celtic),” kusho uMbele.
UWome uke wamataniswa neCape Town City esanda kulahlekelwa ngabadlali abamqoka. Leli qembu lihlukane noLehlohonolo “Major” Majoro no-Aubrey Ngoma.
“UWome ungumdlali weSuperSport United. Unenkontileka yonyaka neqembu. Ubekade ehambe neqembu ukuya ekhempini ePolokwane. Ingichazile indlela azinikele ngayo kule khempu,” kusho uTinkler.
UWome uqinisekisile ukuthi usehlukene naleli qembu lasePitoli ngoba umqeqeshi u-Eric Tinkler ukubeke kwacaca ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe uma kuphela isizini.
UWome usegijime emaqenjini amaningi lapha eNingizimu Afrika. Useyibambe kwiFree State Stars, Mamelodi Sundowns, Pirates nakwiSuperSport asasemabhukwini ayo.
UWome usenenkontileka neSuperSport. Imbolekise kwiPirates ngoJanuwari. Kuleli qembu ufike wenza kahle eshaya amagoli amqoka.
UWonderboy uveze ukuthi u-matric uwuqede ngo2017, eZandlazethu High, eNdumo khona KwaMhlabuyalingana.
UWonderboy waseMagwanga, KwaMhlabuyalingana ungumfundi wezindaba esiteshini somphakathi Inanda FM.
UWONDER JACA waseNewlands: IPhini likanobhala weFederation for Radical Economic Transformation (FRET lizwakalise ukukhathazeka ngezinkinga ezintathu athi iNingizimu Afrika ibhekene nazo, wathi kubukeka sengathi zikhula minyaka yonke.
UWOTHA ubomvu umlandeli oqavile weKaizer Chiefs ngesinqumo saleli qembu sokubeka uStuart Baxter ebhentshini ngesikhathi bebhaxabulwa i-Al Ahly ngo 3-0 kowamanqamu eCaf Champions League ngempelasonto edlule.
UWOTHA ubomvu umphakathi waKwaNongoma osola amakhansela ngokuwulutha, nokudale ukuthi uqolwe ngowesifazane imali eyevile kuR300 000. Kuthiwa owesifazane wafika kulo masipala wazethula kumakhansela njengomuntu ozodala amathuba omsebenzi.
UWOTHA ubomvu umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ngamaqembu aphesheya kwezilwandle enqabe ukudedela abadlali ababizelwe esikwatini ezeseka ngokudlanga kweCovid-19 eMzansi.
Uwoyela wehlile ngesonto lokuqala kuka-Agasti. Uma lokho kuqhubeka kunethuba lokuthi yonke inhlobo kaphethroli nodizili yehle ekupheleni kwenyanga. Lokhu kungehlisa umthwalo ngemuva kokunyuka kanzima ngenyanga edlule, kusho i-AA.
Uwubhulile umlilo kwiTwitter eshicilela ukuthi akajahile ukubuya ngoba akafuni ukwehlelwa wumshophi wokuzothola ephinde eshesha ukulimala.
Uwudlale wonke eNetherlands uThulani Serero ezakhe iVitesse zinqoba ngo 2-0 kwiPEC Zwolle ngeSonto. Kuyona le ligi owayedlalela iBafana, uLars Veldwijk, ushaye igoli lakhe lesibili kule sizini esiza iSparta Rotterdam inqoba ngo 2-0 kwiBosch ngaphansi kweDutch Eredivisie.
Uwudlale wonke iqembu lakhe iVitesse linqoba ngo 2-0 kwiGronigen ngoLwesihlanu ebusuku.
Uwudlale wonke oweVitesse uThulani Serero ibambana kanzima neHeerenveen ngeSonto. Umdlalo uphele kunzima kuwu 1-1.
Uwudlale wonke owezakhe i-Amiens uBongani “Ben 10” Zungu bezisindisa ezembeni ngokubambana nePSG kuba wu 2-2 okubabeka endaweni ka-13 kwi-log njengoba sekusele imidlalo emibili. UZungu ubalwe nabanye abadlale kahle lapha yize bebebhekene nezinkunzi zaseFrance.
Uwudle kabili umklomelo womqeqeshi ovelele enyangeni, ngesizini edlule okuphethe ngokuthi abeke iqembu endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweSundowns.
UWUDLELE esibhedlela ukhisimuzi noNcibijane umculi wokholo uLundi Tyamara owaduma ngengoma ethi "Mphefumulo wami" nokuvela izindaba zokuthi uhlaselwe isifo sofuba.
UWUDLE phesheya kwezilwandle ukotini umrepha waseNingizimu Afrika osezakhele udumo ngokuswenka.
Uwugqugquzele lomasipala ukuba ungagcini ngale mindeni kodwa uqhubeke nokweseka neminye imindeni. Ngaphandle kukaNkk Hlengwa, bekukhona nePhini leMeya uGabi Madela,  uSihlalo wesiyingi se-IFP, Ondini uMnuz Bhekinkosi Buthelezi namakhansela omkhandlu wasoLundi.
Uwugwaze ekhaya ngomzuzu ka-36 uDaniel Cardoso. Inkinga iqalwe uyena vele uCardoso evumela ibhola ukuba libhampe phansi. IChiefs ithole ithuba lokulinganisa ngemuva kwalokhu kodwa yaliyeka.
“Uwuhlobo lomdlali okunzima ukumthola ngoba udlala yonke indawo. Uyakwazi ukuba ngumgadli, ukuhlasela ophikweni, ukudlala esiswini, nokudlala emuva. Nami ngingomunye wababedlala njengoModiba ngoba ngangidlala kuyo yonke indawo. Yikho kanye lokho okwenza uPitso amfunise okomsebenzi uModiba ngoba uyazi ukuthi uma kwenzeka kuba khona olimalayo noma ngabe kukuphi, uModiba uyongena athi khaxa kuleso sikhala kungabi ndaba zalutho,” kusho uMayo.
UWULINDELE ngabomvu umdlalo we-UEFA Champions League phakathi kweReal Madrid neClub Brugge umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane, oveze ukuthi kuzofana nephupho ukubona uPercy Tau egijima eSantiago Bernabeu.
“Uwumdlali omuhle futhi ongasisiza kakhulu uGordinho. Yilokho kuphela engingakusho ngoba akayena umdlali weChiefs kodwa kuneqembu asemabhukwini alo. Ngizolinda ukutshelwa ukuthi yini okufanele ngiyenze kodwa uma kungathiwa mdlalise manje ngingajabula ngoba uwumdlali ongasisiza kakhulu,” kusho uSolinas.
“Uwumuntu naye. Bengazi ukuthi lokhu kuzogcina kwenzekile kodwa bengingakulindele ukuthi kwenzeke ngale ndlela. Uqine Gabuza,” ubhale kanje uHlatshwayo.
Uwumuntu ongenanzondo. Ngesikhathi bejikela owayengumengameli uMnuz Thabo Mbeki enhlanganweni yakhe wabakhuza wathi benza iphutha ngoba ungumengameli wabo bonke njengoba ephethe uMbuso kodwa-ke abamlalenga; kunjani namhlanje ePhalamende? Mhla wathatha umhlalaphansi kuyoba yikwampunzi edla emini.
Uwuqale okokuqala eTurkey umdlalo uSiphiwe Tshabalala ngesikhathi iqembu lakhe i-Erzurumspor libambela ekhaya iSivasspor ngo 2-2. Okungazange kube mnandi lapha kodwa ukuthi uTshabalala ukhishwe ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Uwuqalile abashaye kuwona AmaZulu FC nowangempelasonto edlule neLamontville Golden Arrows, ashintshwe kuwona esiwombeni sesibili.
UWUQINISA nasezinkundleni zokuxhumana umkhankaso wakhe walo nyaka owaziwa nge- #MatricUngazibulali ahlose ngawo ukugqugquzela abafundi abebenza u-matric ukuthi bangalilahli ithemba uma bengaphumeleli njengoba sekusondele isikhathi sokumenyezelwa kwemiphumela.
“Uwusiboni isidingo sokusho okunye ngesigameko esenzeka?”
UWUVALE kanje umcimbi wakhe iFillUpMosesMabhidaStadium uCassper Nyovest endiza emoyeni ecula ingoma ethi Tito Mboweni kwahlanya izihlwele
“UXaba akayijoyinanga iNFP kodwa wayekhona kusungulwa i-friends of VZ, waba khona futhi kusungulwa kweNFP,” kusho uNtombela.
UXaba ophupho lakhe ngukuba yiphoyisa, uthe bebesiseshile isiguli okukholakala ukuthi yisona esiqale umlilo ngaphambi kokuthi basivalele sodwa.
UXaba unikeze isifundo echaza ngokuthi udlame phakathi kwe-UDF/ANC neNkatha lwaqala kwanjani. “Abanye kabazi ukuthi udlame ukusuka kwalo lapha KwaZulu-Natal lwaqalaphi, kunesikole eHammarsdale ePhezulu High lapho amaqabane athatha khona isinqumo sokuthi awasafuni ukulokhu efundiswa ngoBuntu Botho, noma ezitelekele kube khona abantu abaqhamuka ngaphandle abahlasele ngezagila. Amaqabane athi sekwanele, kwathi uma enza njalo kwaba asegadlile kulabo beNkatha yabe isisuka. Sathi sisababaza indaba yaseMpumalanga sezwa ukuthi naKwaNdengezi isiqalile. Sathi siyakhuza KwaNdengezi kwathiwa isiKwaMakhutha, kwathiwa isiseNanda yavele yaya eMgungundlovu, lapho yafike yabhebhetheka okomlilo wequbula yagcina isigubuzela isifundazwe sonke,” kusho uXaba.
UXaba usolwa ngokuhluleka ukuthathela izinyathelo izikhulu zikamasipala ezithenteka kwinkohlakalo yokuholelwa kwezisebenzi eziyizipoki ohlelweni lwemisebenzi yamatoho, i-EPWP.
“UXabendlini wabaleka kule ndawo ngemva kwesehlo. Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa saseVerulam,” kusho uCaptain Gwala.
UXabendlini wagcina eboshelwe erenki yamatekisi ngoDisemba 16, 2019.
UXae, Nosipho noMthokozisi bathembise ukuthi ngeke baphoxe njengoba bonke abantu bazi ukuthi isifundazwe abaphuma kuso sihlala senza into yamehlo kulolu hlelo minyaka yonke.
UXae wasePinetown, uthe ngenxa yokuthi wayezazi ukuthi unethalente wacela kunina ukungenela lolu hlelo eminyakeni edlule.
UXAKWE wukukhuluma wagcina ewudikila umacekeceke wemoto abeqashelwe wona, uNgqongqoshe wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu emuva kokuqubuka komsindo esolwa ngokubhubhudla imali yabakhokhi bentela.
UXalisa wenze lezi zinsolo encwadini yakhe ebingamakhasi amathathu ayithumelele i-EFF ngesonto eledlule.
UXAZULULWE ngabaqeqeshi bamaqembu esizwe umbango obukade ufufusa ngomdlali weSuperSport United, uTeboho Mokoena, oshaya into ecokeme kulezi zinsuku.
UXEGISELWE ijoka umqeqeshi omusha weChippa United, * -Eric Tinkler, ogixabezwe umsebenzi ngemuva kokuxoshwa kukaDan Malesela izolo.
UXHAKATHISWE amaphoyisa amkhipha etekisini abeyigibele maqede ambopha owesilisa obefunwa uthuli ngecala lokubulala eRedcliffe, eVerulam.
UXhakaza uthe yize le ndawo incikene nesonto kodwa ngeke iphazamiseke inkonzo uma kunomcimbi okhona.
UXhalabile uthi, unikwe izinsuku ezine engasebenzi watshelwa ukuthi abuye emsebenzini uma efuna ukudlula kokumehlele. "Ngithole ukwelulekwa ngokwengqondo kanye ngase ngitshelwa ukuthi angiyobhekana namadimoni ami uma ngifuna ukudlula kulokhu. Ngenqatshelwe ukuthathwa ikhefu emsebenzini njengoba sengizoya ekhefini lokuyobeletha maduze," kusho yena.
“Uxhaso engilukhonjiswe abantu bakuleli ngisho nosaziwayo luyamangaza, ngiyabonga kakhulu,” kuchaza yena.
“Uxhaso eningikhombise lona selokhu ngangena emculweni luyamangalisa, ngiyabonga kakhulu njengoba nilokhu nikholeliwe emculweni wami,” kusho uNasty C, okuyimanje ku-Instagram ukhombisa enza umculo phesheya kwezilwandle e-USA.
Uxhaso lakwaTelkom ngolonyaka owodwa kanti futhi luqondene neNetball Premier League esanda kulaxazwa yiBrutal Fruit.
“Uxhaso lweHollywoodbets luzosisiza nathi ukwenza okufanayo. Sibonga kakhulu nakubalandeli bethu abaseseke iminyaka ewu-74 sihluleka ukunyukela esigabeni esiphezulu.”
Uxhaso, oluvela enkampanini yaseTurkey, i-D’S Damat, kuthiwa belungahlelelwe iBanyana ekuqaleni kwezingxoxo. Nokho ukushaya kwayo into ecokeme emqhudelwaneni i-Africa Women’s Cup of Nations, kuyakhele ugazi kubaxhasi, baqoka ukuyifaka.
Uxhaso olwale sizini ngoba besikhungathekile ukuthola uxhaso. Ekupheleni kwesizini sizohlala phansi sixoxe ngemuva kwabazokubona eligini, angiboni bezokuvumela ukuthi basihlamuke.
Uxhaxha lwezimoto lusashaye ujenga emgwaqweni uNandi Drive okuyilapho enye yalezi zindawo ikhona kanti abantu baphuma nempahla bayilasha ezimotweni ngaphandle kokutatazela yize sekukhushulwe isibalo samaphoyisa namasosha azolekelela kule ndawo.
“Uxhumana nabantu ngocingo kuphela abatshele izindaba zabo,” kusho usisi Khanyi.
“Uxilongiwe izolo ekuseni konke kwaba yimpumelelo sesihlalele ethembeni lokuthi uzokwazi ukubuyela ekhaya ngesonto elizayo,’’ kusho isitatimende.
“Uxilongwe endaweni yesigameko wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuyothola ukunakekelwa.”
UXimba wayengumhlobo wowayeyinhloko yezobunhloli uMnuz Richard Mdluli futhi waphelelwa wumsebenzi ngo-2015 emuva kokulahlwa yicala lokuthi wahlukumeza isigebengu esidayisa izidakamizwa uRadovan Krejicir.
UXINWA ngabaqeqeshi ngendaba yokuzimuka umdlali wasesiswini weCape Town City, u-Ayanda Patosi, osekuphele isikhathi kukhalwa ngayo kodwa ungabonakali umehluko.
“Uxinwe ukugula waphuthunyiswa esibhedlela eHillcrest, khona bamdlulisela e-Ahmed Ali-Kadi lapho eshonele khona. Ushone odokotela bebesanda kuthola ukuthi une-pneumonia,” kusho uScelo.
UXola Mlambo benoThembinkosi Lorch nabo bawatholile awabo amathuba kodwa kwangalunga. Ngasohlangothini lwaMaZulu awekho amathuba amaningi athwalise ubunzima unozinti weBucs, uWayne Sandilands ngaphandle kwelikaSiyethemba Sithembe, oshaye inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi yayoshaya ipali.
UXola Mlambo obe ngumdlali ovelele kulo mdlalo e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku, uthe “iphutha” akusilona elikaSandilands kodwa balithatha bonke beyiqembu.
UXOLA Mlambo owethulwe njengomdlali we-Orlando Pirates izolo emini
“UXola Mlambo ungomunye wabadlali ababalulekile ababasayinisile. Ngesikhathi bebhekene neBlack Leopards ushaye into ecokeme kakhulu. Uyena obeqala iminyakazo yabo futhi wakha amathuba amaningi okushaya amagoli. U(Lehlohonolo) Majoro noMemela bajoyina uMulenga oyingozi kwayena phambili. Kufanele kubekhona esiqhamuka nakho,” kusho uMokwena ongomunye wabaqeqeshi abathathu abapheka iSundowns, okukhona kubona uManqaba Mngqithi noSteve Komphela.
UXOLA Mlambo we-Orlando Pirates etholene phezulu noJeremy Brockie weMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versveld Stadium, ePitoli, izolo Isithombe: BACKPAGEPIX
UXolani Dube, umhlaziyi wezindaba zepolitiki weXubera Institute for Research and Development, ukhale ngokuthi iKhomishini kaNhlapo yaxazulula lolu daba isebenzisa imithetho yasentshonalanga. Uthe kumele kusetshenziswe izazi zomlando ukuxazulula izimo ezinje.
UXolani Mabhida ongumqeqeshi kaBongmusa Mthembu oyingqwele yeComrades Marathon nongakufihli ukukhathazeka ngombango onyomfa izinto eKZN Athletics, ukugcizelele ukuthi lihle ikusasa lalaba bagijimi ikakhulukazi likaSeitei ngoba useqenjini elenza kahle.
UXolani Majozi oyimenenja yaleli qembu, ekhuluma kwelinye lamaphephandaba uthe ukujaja ngalo mcimbi sekuqalile njengoba amajaji aqokiwe eseqalile ukuhambela imicimbi yesicathamiya ehlukene.