input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uveze ukuthi kungenzeka adlale eKampala uTiyani Mabunda wathi uDenis Onyango usalimele. |
Uveze ukuthi kuningi okuhle akwenzile ngesikhathi ehola uhulumeni waKwaZulu ngezikhathi zobandlululo, wabalula ukwakha izindlu ezisezingeni emalokishini KwaMashu naseMlaza, isibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, nesikhungo semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology. |
Uveze ukuthi kuningi okuzohambisana nesimo abantu ababhekene naso njengoba kuhlasele igciwane iCorona. Lo mlingisi oneminyaka engu-41 uphinde waveza ukuthi ukulingisa indawo ka-Adzwindini kuyinjabulo futhi ukuphucwa amandla obukhosi kuzokwenza lo mdlalo uthakaselwe. |
Uveze ukuthi kunohlelo olubizwa nge-zero rates oluzovumela izitshudeni ukuthi zingene ezizindalwazini zezikhungo zenze umsebenzi wazo ngaphandle ngokusebenzisa i-data. |
Uveze ukuthi kunosonkontileka owaqokwa kodwa ongenawo amava owakhokhelwa uR21 million kodwa kuze kube manje akakaze awenze umsebenzi. |
Uveze ukuthi kunzima kuyena ukulungiselela isizini entsha ngoba amanye amaqembu ahlale ecuthele abadlali bakhe. Uthe uyaphoqeleka ukuthi njalo ekuqaleni kwesizini aqale phansi ukuzilungiselela kwazise iningi labadlali lisuke selikwamanye amaqembu. |
Uveze ukuthi kusadingeka kuqinisekiswe amakheli ezindawo ezimbili eSandton eGoli, naseMatatiele lapho kuhlala khona uTsautse. Uthe amaphoyisa abesaqinisekise amakheli ezindawo ezimbili zemizi kaTsautse KwaZulu-Natal. |
Uveze ukuthi kusuka liqala ukuqulwa icala akukaze kuvele lutho oluthinta ukusetshenziswa komthetho ngendlela engesiyo kuleli cala obekungenza lamukelwe eNkantolo yoMthethosiseskelo. |
Uveze ukuthi kusukela lapho, sebezame kaningi ukucela abamakhaza ukuthi babanikeze isidumbu somfowabo ukuze bayosingcwaba kodwa belokhu bebagcwalisisa amaphepha bethi abalinde, wathi basebenzisa imadlana ababenayo bethi bafihla umfowabo ngesizotha kanti akusiyena. |
Uveze ukuthi kusukela ngenyanga ezayo amakhasimende akwaVodacom azothola imikhiqizo yamahhala uma efuna imisebenzi nge-internet, efuna ukufunda ngezempilo, izikole nasezikhungweni zemfundo ephakeme. |
Uveze ukuthi kusukela ngo-2017 amabhange aphoqwa yiSARB ukuthi ayeke ukuxhaphaza abantu ngama-debit order. |
Uveze ukuthi kusukela ngoFebhuwari 2017 kuya kuFebhuwari nonyaka izindleko zabo ze-data zehle ngo-76%. |
Uveze ukuthi kuthathwa amafutha kwezinye izingxenye zomzimba, afakwe ezinqeni ukuze zigcwale. |
Uveze ukuthi kuthathwe amaphoyisa akwezinye izindawo alethwa emabhishi ukuze kuqine ezokuphepha. |
Uveze ukuthi kuthiwa kwaba nokuhilizisana owesilisa (40) washaya owesifazane ngesihlalo ekhanda waze wayolanda isibhamu ekamelweni lakhe wakhomba ummangali. |
Uveze ukuthi kuwona uzobe exoxela abantu ngohambo lwakhe lokukhula ebuka izinto ezihlukene ngesikhathi sobandlululo kuleli. |
Uveze ukuthi kuyamjabulisa ukuthi izinkampani ezinkulu zisasithemba isifundazwe, okwenza zitshale imali. |
Uveze ukuthi kuyamkhathaza nokuthi le ngozi yenzeka ngenyanga yezokuthutha lapho begcizelela khona ukuphepha emgwaqeni. |
Uveze ukuthi kuya ngokuthi umuntu ufuna ukupendwa ini, uma kuwumdwebo onzima nemali iyanyuka. |
Uveze ukuthi kuyenzeka itekisi ngayinye ilayishe abafundi abangu-38. Utshele Isolezwe ukuthi ngesonto eledlule abanye abazali banikele emahhovisi omnyango eMgungundlovu beyobika lolu daba. |
Uveze ukuthi kuyimanje amazinyo akhe aqhephukile futhi unezibazi emzimbeni nasekhanda. |
Uveze ukuthi kuyimanje benoThabsile kabakhulumisani. Waveza nokuthi uThabsile uhlezi unethezekile noMbatha emzini oseMhlanga. |
Uveze ukuthi kuyimanje ekhaya elikhulu yena akasalubhadi njengoba umfana wakubo omncane wathi umuzi sekungowakhe ngemuva kokudlula emhlabeni kwabazali. |
Uveze ukuthi kuyimanje simuncu isimo phakathi kwakhe nesoka lakhe njengoba lizihlangula lithi nalo kalazi ukuthi izinkomo zilandwe wubani. |
Uveze ukuthi kuyona usebenze noThenjiwe osanda kungena endimeni yomculo nophrojusa waKwaMashu, uK Fanky. |
Uveze ukuthi kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo ngoLwesine eNtshanga. |
Uveze ukuthi kuzobe kungenwa mahhala kodwa ngeke bavumela abantu abaningi ukuthi babe yingxenye yombukiso ngenxa yemithetho kathaqa. |
Uveze ukuthi kuzocaca emva kwamasonto amabili ukuthi indlovukazi ithathwe yini uma sekubuye imiphumela yokuhlolwa komzimba. |
Uveze ukuthi kuzokhulunywa ngamathuba ezohwebo e-Afrika, ezengqalasizinda namathuba akhona kuleli zwekazi kubatshalizimali. |
Uveze ukuthi kuzomiswa ukuhamba kwezitimela namabhanoyi. Ugcizelele ukuthi imikhumbi ethwala abantu nayo izomiswa kanti kuzovunyelwa kuphela leyo elayisha impahla ebalulekile futhi ngaphambi kokuthi impahla yethulwe, kuzoqinisekiswa ukuthi ifuthwa ngesibulali magciwane. |
Uveze ukuthi kuzothuthukiswa zonke izigaba zomnotho kusukela kwezezitimela, ezokuvakasha namatekisi. |
Uveze ukuthi kuzo zonke izifunda iPosi lisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola impahla yabo. |
Uveze ukuthi kwadingeka ukuthi aphumele phandle acele usizo eguqe ngamadolo ngoba wayengasaboni emehlweni. |
Uveze ukuthi kwakungenzeka akhule abe wumdlwembe ngoba ukhule eSoweto kugcwele lonke uhlobo lomuntu kodwa wanamathela ekufezeni amaphupho akhe. |
Uveze ukuthi kwakuyinhloso yakhe noNcwane ukukhipha incwadi uma sebehlanganisa iminyaka engu-10 beshadile, obekuwunyaka odlule. |
Uveze ukuthi kwalesi siteshi lo mdlalo osudlala kuso naso samchitha, sathi akathole inkampani enamava angasebenzisana nayo. “Ngo-2016 ngisebenza kuZalo ngaphoqeleka ukuthi ngitshele abakhiqizi boZalo ngeHostela, bachazeka kakhulu. Baqala bangqongqoza eziteshini zethelevishini ezahlukene, zabuya izimpendulo. I-SABC ibe nenkinga yezimali engicabanga ukuthi yingakho singakwazanga ukusebenzisana nawo. Angazi kwenzakalani kwi-e.tv.” |
Uveze ukuthi kwamanye amathenda kuba nemicikilisho eminingi ekhiphela ngaphandle osomabhizinisi abancane kodwa uyathemba ukuthi bazokwazi ukulwa nalokhu njengoba sekuvulwe leli hhovisi. |
Uveze ukuthi kwamethusa ukuqokwa kwakhe kuma-South African Amapiano Music Awards, okungokokuqala enzeka kuleli. |
Uveze ukuthi kwashuba ngo-2014 emuva kokuthi kushintshwe iKhabhinethi ngo-2010. |
Uveze ukuthi kwingqungquthela yokugqugquzela abatshali zimali, izinkampani ezingaphezu kuka-70 zatshala uR364 billion ozoya emkhakheni wezokukhiqiza, agro-processing, infrastructure, mining, services, ezokuvakasha ne-hospitality. |
Uveze ukuthi kwithelevishini usazobonakala ethula uhlelo iSpeak Out kwiSABC2. |
Uveze ukuthi laba bachazwe yindlela agijime ngayo eRome. UKhumalo obuye abe wumqeqeshi kaMathanga, uthe okwenza baphithanelwe ngamakhanda ukuthi vele lo mgijimi unayo imenenja asebenzisana nayo yase-Italy. Wayithola ngemuva kokulala indawo yeshumi emjahweni owawusePrague, eCzech Republic. |
Uveze ukuthi laba bashadikazi banyamalale nemoto yabo ngoLwesithathu babe sebetholakala sebeshonile benamanxeba okudutshulwa eWolongo ngoLwesine. |
Uveze ukuthi lama akhawunti esewonke ebenemali elinganiselwa kuR105 000 kodwa baye bawavala. |
Uveze ukuthi lawa manyuvesi asemphendulile, amemukela ngokombandela wokuthi kuzobukwa imiphumela yakhe ka-matric. |
Uveze ukuthi leli bhanoyi liphahlazeke nanemali yakhe njengoba ubethenge amasheya kaR38 000 kuyo. |
Uveze ukuthi leli phunga ebihlala ikhala ngalo alisekho futhi selokhu yelashiwe ayikaze ikhononde. |
Uveze ukuthi lena ngenye yamasizini abophele ithalente eliyisimanga njengoba abantu bezoyijabulela intsha eqhamuka ezifundazweni ezobonakala kulolu hlelo. |
Uveze ukuthi le ndawo okuhlala kuyo izitshudeni ngaphambi kokuthi ishiswe, ibivaliwe kulandela ukukhathazeka ngenxa yesimo sayo. |
Uveze ukuthi le ntokazi ibilimele kabi kodwa manje isimo sayo siyathembisa impela njengoba isiphumile esimeni esibucayi. |
Uveze ukuthi lesi sikhungo sisiza nezinye ezingaphandle kwaseThekwini. Uthe baba nabafundi abangathathwa emanyuvesi ababaqeqesha unyaka ngaphambi kokuthi bathathwe emanyuvesi. |
Uveze ukuthi lezi zikhulu zibhekene nenqwaba yamacala njengoba ethe esinye sazo sibhekene namacala angu-40. |
Uveze ukuthi lokhu kuyenzeka kwamanye amazwe ngakho ngeke kube yinkinga uma kwenzeka kuleli. |
Uveze ukuthi lolu hlelo luqoshelwe eWild Coast, e-Eastern Cape, futhi ngesikhathi luqoshwa bekulandelwa yonke imigomo yeCovid-19 ukugcina bephephile abakade beyingxenye yalo. |
Uveze ukuthi lolu hlelo luzoba neziqephu ezingu-13, wathi okuzophinde kubonakale ngabazali abaphisana ngezingane, nabo befuna ukuhlangana nazo, ukuze bazazi. |
Uveze ukuthi lolu hlelo luzokhombisa iziqephu ezingu-8 kuphela futhi bazobonakala besebenza eduzane nensizwa efike kwezwakala kulo mkhakha wobumanndi u-Uncle Vinny. |
Uveze ukuthi lo mfana uma impilo iqhubeka uthola ukuthi unesipho sokufunda kahle njengoba kunguyena ocelwa ukuthi afunde izincwadi ezithunyelwa abangani nezihlobo emindenini akhelene nayo. |
Uveze ukuthi lo msakazi kuthe ngesikhathi esedubulekile wangena emotweni wahamba wayofuna usizo. |
Uveze ukuthi lo myalezo uthi uLwazi ubanjwe nabanye abafana ababili bebamba inkunzi nathi udaba olwakhiwe ngoba indodana yakhe ayigangile. |
Uveze ukuthi lona bekungumntwana wakhe wesibili kanti owokuqala wamthola eneminyaka engu-14. |
Uveze ukuthi lo thishanhloko ucele umfundi ukuthi amlandele iselula ethoyilethe ebeligcwele indle wamthembisa uR200, nawo agcine ewuzwe ngendaba. Uthe waze waphoqwa abazali ababesho ukumqeda ngenduku ukuthi akhokhele lo mfundi kodwa nakhona wakhipha ipheshana likaR50. |
Uveze ukuthi lo thishomkhulu usanda kuvula isikole samabanga aphansi esizimele eManguzi nokuyiyona into emxhumanise naye. |
Uveze ukuthi maduze bazoqeda konke neSniper Boxing Academy ephethwe yizelamani zakwaSmith, okungoSean, Peter noGeorge. Bafuna ukuthi amabhokisa ababo azicije kule jimi uma eselungiselela ukuya eFrance ngenxa yengqalasizinda yayo esezingeni eliphezulu. |
Uveze ukuthi maduze kuzobonakala abadlali abale kubo uDax, George Maluleke noMario Booysen, abangakalithinti kule sizini. |
Uveze ukuthi maduze nje, abantu bazobona zanda izinkinga KwaManzini okuzophela belwa nazo njengomndeni. Kulo mdlalo into athe akayithandanga ngawo, indlela owashintsha ngayo ekuhambeni kwesikhathi, yize kwakuthiwe uzogxila ematekisi. |
Uveze ukuthi maduze uzokhipha i-EP enezingoma ezingu-14 ezinemiyalezo ejulile, njengokubuyisa ukuzethemba kwabesifazane nokungacwaswa kwabantu abathandana nabobulili obufanayo. |
Uveze ukuthi maningi amathuba emkhakheni we-Art History ngoba abenza lezi zifundo basebenza kuma-museum, art galleries, emabhange babe ngama-curator kwazise amabhange ayabuqoqa ubuciko. |
Uveze ukuthi manje usefuna ukusebenza nabaculi abahlukene base-Afrika angakhipha izingoma nabo. |
Uveze ukuthi manje yisikhathi sokushintsha intsha izenzele imali isebenzisa izinkundla zokuxhumana, bese naye eyichushisa ukuthi wangena kanjani kulo mkhakha njengoba esehlela imicimbi. |
Uveze ukuthi mhla beyobulala uDlamini wayehamba nezinkabi zase-Eastern Cape ngeGolf kanti kukhona owayebasiza ebatshela ukuthi umufi usekuphi. |
Uveze ukuthi muva nje iRoad Accident Fund ayisavumi ukukhokhela abangcwabi abasuke bengcwabe abantu abashone ezingozini zomgwaqo. |
Uveze ukuthi nabo abadala bangafunda okuningi ngokuvakashela lesi sikhungo ngoba sinomlando. Imidlalo okulindeleke ukuthi ibe khona amagende, ingqathu, ushumpu, umagalobha, uqithi neminye imidlalo yakudala. Kungenwa mahhala kuyo yonke le midlalo. |
Uveze ukuthi nakuba amahlebezi okudayiswa kweqembu abekade engabaphazamisa abadlali kodwa ukucacisa komunye wabaqondisi, uSinky Mnisi, kusize kakhulu. |
Uveze ukuthi nakuba besola ukuthi yisenzo sabantu abangawufuni lo mndeni, kodwa akekho obamsolayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa saseZakheni. |
Uveze ukuthi nakuba engazi ukuthi ubani obengamenza into ebuhlungu kanje uma kungukuthi yenziwe umuntu, kodwa kukhona omakhelwane aseke wathusana nabo phambilini khona endaweni. |
Uveze ukuthi nakwezinye izikhungo zaleli kolishi okubalwa kuzo esiseNtuzuma, iNanda nakwaDabeka nakhona ukufunda kumile. |
Uveze ukuthi nalabo abavotele i-ANC bazolibona iphutha labo ngelinye ilanga bavotele i-ACM. |
Uveze ukuthi namanje awukho umehluko ongako ebholeni labesifazane njengoba kuculwa amaculo okuthi lizonakwa akuvulwe neligi ebhekene ngqo nabo bathole abaxhasi. Uthando lwebhola alukapheli enhliziyweni yakhe njengoba ethi ubuye asize abadlali abasafufusa ngakubo abaqeqeshe njengoba yena enolwazi olunzulu. |
Uveze ukuthi naseThekwini osomabhizinisi abamnyama bathwele kanzima ngoba uMasipala weTheku uqasha izinkampani zabamhlophe nezamandiya. |
Uveze ukuthi naye akaqondi kahle okuqhubeka e-Eskom ngoba akasona isikhulu sale nkampani kodwa uzocela incazelo kwabaphethe ngoba uyadingeka ugesi ukuze kukhule umnotho bese kudaleka amathuba omsebenzi. |
Uveze ukuthi naye umsebenzi wokuba yinhloko yosomaqhinga uwuthathe ngesonto eledlule, uthe ebhentshini kuzobe kuhlezi yena nalabo abebesiza iqembu ngesikhathi lidlala kweyokuhlunga kwiGladAfrica Championship. |
Uveze ukuthi naye waba ngumgilwa walokhu ngo-2007, kuthiwa uzobekwa icala ngoba ukhombise ukweseka okwakubhalwe ekhasini likaFacebook, okwakuveza ukungamthandisisi owayengumholi uNkk Helen Zille. |
Uveze ukuthi naye wayithola kuTik Tok lapho ejwayele ukuthola khona izinto ezingamahlaya. |
Uveze ukuthi nendawo yokulothisa iMobeni Heights Crematorium ayisebenzi namanje yize sekuphele isikhathi bekhala ngayo. |
Uveze ukuthi nengoma yakhe ethi Kungumusa, isaqhubeka nokwenza kahle futhi abantu abaqhubeke nokuyithenga njengoba kumjabulisile nokubona indlela abantu abayamukele ngayo. |
Uveze ukuthi neqembu likamaskandi, Izingqongqo, alisungule noJaiva Zimnike selifana nento engasekho ngenxa yokushoda ngemali. |
Uveze ukuthi neRandi liyantenga ngenxa yokunqamuka kukagesi okuqhutshwa yi-Eskom. |
Uveze ukuthi ngaphambi kokuqala amalungiselelo ase-Egypt bazohlangana nomqeqeshi uStuart Baxter babhunge ngendlela abenze ngayo kweyokuhlunga. |
Uveze ukuthi ngaphambi kokuthi uDumi ashade, umthumelele umyalezo othi sekusele izinsuku ezinhlanu ukuthi athumele abakhongi kubo. |
Uveze ukuthi ngaphambi kowamanqamu eChampions League abalandeli bayo bebedelela bethi abalandeli bePirates abayohlanza izinxanxathela zezitolo ngoba amatasa. |
Uveze ukuthi ngaphandle kokulingisa usezama ukungena ekwethuleni izinhlelo nokuyinto angayifundelanga. Emuva kokuqeda umatric eMaritzburg College, ufundele ukulingisa eNyuvesi iRhodes waqedela kweyaKwaZulu-Natal. |
Uveze ukuthi ngaphandle kokuthi awekho amaveni kulesi siteshi esinamaphoyisa alinganiselwa ku-35, baphinde bathwale kanzima uma sekumele babuyele ezindlini lapho behlala khona okuthiwa ziqhelile ukusuka esiteshini lapho besebenzela khona, okubeka impilo yawo engcupheni. |
Uveze ukuthi ngaphandle kwezinsolo ezihlobene nocansi, uthishanhloko usolwa nangokusebenzisa budedengu imali yesikole. Ungqqongqoshe obehambisana neNhloko yoMnyango uDkt Enock Nzama, uthe usemyalele ukuthi kuqokwe ngokushesha uthishanhloko ozobamba kuze kuphothulwe uphenyo. |
Uveze ukuthi ngeke bagcine ngalokho njengoba behlele ukwakha izakhiwo ezehlukene. |
Uveze ukuthi ngeke izitshudeni ziphoqwe ukuthi zikhokhele amahlandla kanye kanye, kodwa kuzokhokhwa ngendlela ejwayelekile. |
Uveze ukuthi ngemuva kokubikela uMncwango, uNkk Mncwango wafika kuye wamkhokhela uR5000, wathembisa ukuthi uzoqhubeka nokukhokha inyanga nenyanga imali engaphezu kukaR5000. |
Uveze ukuthi ngemuva kokuhlukana neMabala Noise, uqale izingxoxo ne-Ambitiouz. |
Uveze ukuthi ngenkathi esemncane esaphupha ngokulingisa, wayecabanga ukuthi ikhono lakhe uzoqala ukuligqamisa kulo mdlalo. |
Uveze ukuthi ngenxa yezindleko kuzohamba, amalungu amane kuphela azokhokhelwa abakwaMSC. Amalungu amabili abesevele eseBahamas ezama ukulungisa lolu daba. |
Uveze ukuthi ngenyanga kusizwa abantu abawu-1.6 million emagatsheni abo kusetshenziswa ama-digital zones. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.