input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uveze ukuthi banophiko lokuxuba amafutha ahlukene nolunye olupakisha ugrease nopharafini. |
Uveze ukuthi baphoqwa isimo sokuthi kumele benzele uyisemkhulu umsebenzi. |
Uveze ukuthi baqala ukufundisa ngo-10 ekuseni kuze kushaye u-6 ntambama. Ezinye izifundo bayaziqopha ukuze babuye baziphinde uma kukhona abafundi abaphutheliwe. UKubheka uthe bafundisa izifundo eziyisihlanu ngosuku, isifundo ngasinye sithatha ihora nemizuzu engu-15. Izifundo okugxilwe kuzo ngezamabanga aphezulu. |
Uveze ukuthi baqhubeka bamethuka bebuza ukuthi bazokwenzani ngale mali bebathathu, baqala bamhudula bemhlukumeza bemchapha ngenhlamba. |
Uveze ukuthi basadinga abanye abahlengikazi ukulekelela ukulwa nalolu bhubhane. Uthe badinga abahlengikazi abangaphezu kuka-2 000 ukulwa nobhubhane, wanxenxa nabathathe umhlalaphansi ukuthi babuye ukuzolekelela. |
Uveze ukuthi basanda kuhlala phansi babuyekeza uhlelo lwabo lokuqeqesha babona ukuthi kusekhona okushodayo ngalo. Uthe selokhu beqalile ukuqeqesha intsha ekuphatheni amapulazi bagxile kwabesilisa. Ubuye wathi bazimisele ukuqeqesha nabesifazane ngoba nabo sebengakwazi ukuphatha amapulazi. Uthe lezi zinhlelo ezintsha zokubuyekezwa kulindeleke ukuthi baziqale ezigabeni ezilandelayo. |
Uveze ukuthi basazwana namalungu eFreshlyground ngakho ngeke aze asho ukuthi ngeke iphinde ibuye. |
Uveze ukuthi basezinhlelweni zokukhipha isitatimende noTira, lapho imininingwane eminingi izovela khona kodwa wakubeka kwacaca ukuthi akanaso isifiso sokuba ngumculi ngelinye ilanga. |
Uveze ukuthi basezinhlelweni zokuthi benze amasizini amaningi ukuze sehle isibalo sabantu ababafice ohlwini abalunikwa. |
Uveze ukuthi basiqambe ngoSolomon Mahlangu ukuze izingane zazi ngomlando wamaqhawe omzabalazo. UMshengu ubehambisana noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni, uMnuz Sipho Hlomuka wezokuBusa nokuBambisana nobuHoli boMdabu nePhini leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer. |
Uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthatha onompilo abangu-54 000 babaqashe ngaphansi komnyango wezempilo ngenhloso yokuqinisa izinhlelo zezempilo zakuleli ukuze ihambe ngendlela iNHI. |
Uveze ukuthi bathola izicelo ezingu-5 970 zababefuna ukusebenzela emakhaya kanti kwaqokwa othisha abazobamba abangu-2 015 ukuvala izikhala zothisha okwaphasa izicelo zabo. |
Uveze ukuthi bathole izicelo zomsebenzi eziwu-243 kulezo zicelo abantu abawu-154 bebengenawo u-matric. |
Uveze ukuthi bathole ukuthi abaningi abasolwa ngalo mkhuba abahola isondlo sezingane. UMpeta uthe uma kukhona abasolwayo kumele kubikelwe osonhlalakahle ukuze kuphenywe kuthathwe nezinyathelo. |
Uveze ukuthi bathole ukuthi ufata ubesebize ingqungquthela ebizoba ngeSonto, efuna ukuzwa ukuthi yimaphi amakholwa afuna achithwe. “Besingeke silinde iSonto ngoba besifuna achithwe manje. Sijabule kakhulu ukuthi sigcine siphumelele isifiso sethu ngoba bese sikhathele." |
Uveze ukuthi bavumelane ngoR11 000 kuhlanganisa ibhokisi nemali yokuhambisa isidumbu eMatatiele. |
Uveze ukuthi bawu 111 abantu abashonile ngesonto lika 51 kuqale ukubalwa kwabahaqekile, kunabawu 68 abebeshone ngesonto lika-50. |
Uveze ukuthi bawu-113 obhejane asebebulelwe kulo nyaka uma kuqhathaniswa nabawu-121 ababebulewe ngalesi sikhathi ngonyaka odlule. |
Uveze ukuthi bawu-11 775 abantu abafake izicelo zomasizi abasha KwaZulu-Natal kodwa bawu-4 108 abantu asebebalandile. |
Uveze ukuthi bawumasipala ozimisele ukulwa nokuphulwa komthetho kwazise bazotshala amaphoyisa kamasipala kuwo wonke amakhona kamasipala ukulwa nabadayisa ngokungekho emthethweni emgwaqweni, bazosebenzisana namaphoyisa kahulumeni ukulwa nalo lonke uhlobo lobugebengu. |
Uveze ukuthi bayahlangana njalo ngoLwesithathu ukufundisa amantombazane asemancane ubuciko bezandla, ukudansa, ukulingisa kanye nokucula ukuze angalahlekelwa izinto ezingamagugu esizweni esimnyama. |
Uveze ukuthi bayakwemukela ukuqanjwa kabusha kwesibhedlela i- Edendale ngesishoshovu somzabalazo uHarry Gwala. |
Uveze ukuthi bayathemba ukuthi ngisho izithandani ezisemakhaya ngokubuka lolu hlelo, zizosizakala ngabazobe bekukhuluma futhi kuzoholela ekutheni babone ukuthi izinkinga zabo bangazilungisa kanjani, ngale kokuphosa ithawula. |
Uveze ukuthi bayaxhumana nowayengungqongqoshe womnyango, uDkt Zweli Mkhize, futhi baxoxa ngayo yonke into. |
Uveze ukuthi baze bakhiphe isitatimende nje sokuthi le ntokazi ayisayi kulo mcimbi, yingoba bebezwe ngemithombo yabo ngaphakathi kuyona le nhlangano. |
Uveze ukuthi bazobe bemele abafundi abane bakwamatric abangafuni ukuphinda babhale lezi zifundo. |
Uveze ukuthi bazobonelelwa abatshali zimali abathuthukisa umnotho wasemalokishini nowasezindaweni zasemakhaya. Uxwayise osomabhizinisi abadume ngokuphazamisa izinkontileka bafune umsebenzi ngodli, ukuthi izinhlaka zomthetho zibaqaphe ngeso lokhozi futhi bazoboshwa uma benza lokhu. |
Uveze ukuthi bazobuye bathenge namakhishi awu-300 awomahamba nendlwana ngoba kunezikole ezingenawo amakhishi. |
Uveze ukuthi bazocela uphiko lwezokushushisa ukuba lubheke ukuthi ngeke banikwe ushwele noma isaphulelo abashayeli ngenhlawulo yamathikithi omgwaqo njengoba zizobe zithe chithi saka izivimbamgwaqo. |
Uveze ukuthi bazoqhubeka ngezindlela ezihlukene zokujabulisa amakhasimende abo ngezinhlelo zakuleli abazozibukelwa noma inini noma ikuphi. |
Uveze ukuthi bebengakaziqedi izingxoxo zobude benkontileka nomqeqeshi. |
Uveze ukuthi bebengenabo abantwana emshadweni kodwa benabo ngaphandle. Umufi wubenabantwana ababili, umsolwa enabathathu ngaphandle. Bebehlala no-Elihle Ngcobo (10) okuvela ukuthi uthunywe esitolo ngumsolwa enzela ukuthi asale agile imigilingwane. |
Uveze ukuthi bebevele besaba ukubhebhetheka kwegciwane kulo mtholampilo ngoba indawo incane okwenza kube nzima ukugcina imigomo yokuqhelelana ngisho kubasebenzi. |
Uveze ukuthi bekubhekwa ukuthi obani abazobe bekhona bengaqashiwe kwezinye izindawo nokuthi bakufanele yini ukuthi banganandisa ekilabhini. |
Uveze ukuthi bekumele aphindele emsebenzini kodwa odokotela bathe kusadingeka alulekwe ngokomqondo. |
Uveze ukuthi bekungelula ngesikhathi uShona esesibhedlela. Ngisho beyombona bebekhuleka kanye naye noma ngesinye isikhathi ebebuye abambeke angakwazi ukukhuleka kanye nabo. "Ngiyakuqonda ukuthi uNkulunkulu wenza ngendlela ehlukile, izinsuku ezedlule bekungathi ngiyaphupha ngisazophaphama kuthiwe bekuyiphupho elibi. Enginesiqiniseko sakho ukuthi uNkulunkulu nawe futhi impilo yakho yonke ubulilungiselela lolu suku ngoba ubumthanda uNkulunkulu,"kusho uConnie. |
Uveze ukuthi bekuvele kusemthethweni ukuthi abasebenzi abafuna ukushesha bacele umhlalaphansi bakwenze lokhu. |
Uveze ukuthi benomkakhe bese kuphele iminyaka engu-22 beshadile kodwa kabanazo izingane. Uthi lolu daba lubhungiwe emndenini kodwa asikho isisombululo okuqhanyukwe naso. |
Uveze ukuthi besikwazi ukuxoxa nawo wonke umuntu kungakhathalekile ukuthi ukuliphi izinga lempilo ngoba besingababukeli abantu baso phansi. |
Uveze ukuthi bewumndeni babe sebethola ucingo emini lubazisa ngokudlula kukamfowabo emhlabeni. |
Uveze ukuthi ekuqaleni konyaka odlule kwafika ugandaganda wadiliza izindlu ezimbili egcekeni lakubo, kwathi ngelanga elilandelayo wabuya usuzodiliza urawondi abahlala kuwo ngoba kuthiwa bazokwakhelwa indlu yomxhaso. |
Uveze ukuthi emcimbini wakhe uzonikeza ithuba nomrepha abasafufusa. |
Uveze ukuthi eMgungundlovu kubonakala umasipala uhlele kahle ngoba kunamathuna amasha iHollywood namanye abizwa ngeLamonti. |
Uveze ukuthi emhlanganweni ayenawo neSilo ngoDisemba, sazwakalisa ukukhathazeka ngokungabikho kwezibhedlela emakhaya nokuthi izingane ezinenkinga yenhliziyo azisizakali ezibhedlela ezikhona njengamanje kodwa zigcina sezifela emakhaya. |
Uveze ukuthi empilweni yakhe wayengacabangi ukuthi uyoke abuke iDStv kodwa lo muzi ufike nayo. |
Uveze ukuthi emuva kwalesi sigameko uthole umyalezo kwiWhatsApp, kukhona abamtshela ukuthi bebemuyala ngalokhu okwenzekile. |
Uveze ukuthi emuva kwamasonto ayisithupha ajova ngomgomo weJohnson & Johnson, akukho nokuncane akhala ngakho nokungajwayelekile akuzwayo. |
Uveze ukuthi emuva kwezinsuku ezintathu bevule uhlelo lokufaka izicelo kwiSukuma Relief bathola izicelo eziwu-10 000 okusho ukuthi baningi osomabhizinisi abancane abathwele kanzima ngenxa yeCovid-19. |
Uveze ukuthi emva kwalokho wasayina isivumelwano sokungayithi vu le ndaba. |
Uveze ukuthi enye indlela yokuvimba i-debit order engaziwa, ukusebenzisa i-App kwiselula. Uthe kulula ukuyivimba ngokushesha. |
Uveze ukuthi enye into emenze wakhokha le mali yingoba akakwazi ukuma isikhathi eside, unenkinga yedolo kanti akazi ukuthi udlala amaqola. |
Uveze ukuthi enye yempahla ebintshontshwa emphakathini itholwe kulo leli hlathi. |
Uveze ukuthi esamile ebhusha, elindele ukuthenga inyama kwama itekisi kwaphuma owesilisa waqonda kuCele, wamngenela ngommese emgwaza. “Wakhala ecela usizo ebuza nokuthi ugwazelwani? Wayencenga futhi exolisa kodwa ummangalelwa engamgqizi qakala, eqhubeka nokumgwaza,” kusho uNksz Cele. |
Uveze ukuthi esibhedlela ukwazile ukulandisa abafike kuqala konke okwenzekile kodwa isimo sakhe sase siba sibana nokugcine esengeniswa egunjini labagula kakhulu. |
Uveze ukuthi esibhedlela umufi kuthiwe ubephuke izimbambo, igazi laconsela nasebuchosheni. |
Uveze ukuthi esikhwameni esasinezimpahla zengane, kukhona umazisi wakhe nesitifiketi sokuzalwa sengane. |
Uveze ukuthi eVelabahleke banohlelo lokuqhuba izifundo ezimqoka besebenzisa izindlela zokuxhumana zesimanjemanje. |
Uveze ukuthi ezindaweni eziningi abaletha kuzo ingqalasizinda yamanzi kufanele bavule umgwaqo ngaphambi kokuletha amanzi ngoba usuke ungekho esimeni esifanele. |
Uveze ukuthi ezinye izimali wazithola kumalungu omndeni wakhe ukuze aqede ukufunda. |
Uveze ukuthi ezinye izinkampani zakuleli bezinganikeli ngemali kodwa bezikhipha izinsiza ezithile ukuze izinhlangano zomphakathi zikwazi ukulekelela abantu. Imali eningi ifakwe emkhakheni wezemfundo, kulandele ezolimo nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele nokubhekelela izinhlekelele. |
Uveze ukuthi ezinye izinyunyana okuyiNational Transport Movement, SA Transport Workers Union, Solidarity nabasebenzi abangenazo izinyunyana bebesebenzisana nohulumeni ezinhlelweni zokuhlenga iSAA. |
Uveze ukuthi ezinye zezingqinamba abhekane nazo kube wukungakwazi ukuxhumana ngendlela nomqeqeshi wakhe wezokulingisa ngenxa yemibandela yeCovid-19. |
Uveze ukuthi i-Afrika ithenga u-94% wemithi esetshenziswa kuleli zwekazi kwamanye amazwe ngo-US$16 billion. |
Uveze ukuthi i-AIC nayo izothwala kanzima kulolu khetho ngoba yasebenzisana ne-ANC, Ekurhuleni manje abantu baseMatatiele lapho yasungulwa khona abasenayo ukuyithemba kahle. |
Uveze ukuthi ibhizinisi lizoxhaswa ngemali efika kuR15 millon ezokhokhwa ezinyangeni eziwu-120 noma iminyaka ewu-10. |
Uveze ukuthi ibhodlela ubeligingqa ngesikhashana. Kokunye ubebuye ashosholoze ubhiya kungabi ndabazalutho. |
Uveze ukuthi ibilokhu iphika ukuthi ibikhulelwe emuva kokuthi yena eshayelwe odokotela esibhedlela bemtshela ngesimo sayo. |
Uveze ukuthi icala ababhekene nalo elokushayela emgwaqweni behamba ngesivivini esiphezulu. |
Uveze ukuthi icala likaZuma selibanjezelwe isikhathi eside, kwaba nokugxambukela kwepolitiki, kwabambezeleka ubufakazi, kwaba nabakhohlwayo, nokungaziphathi kahle kwabashushisi. Konke lokhu uSikhakhane uthe kuzokwenza ukuthi bungabikhona ubulungiswa uma kuthethwa icala likaZuma. |
Uveze ukuthi iChina inomnotho okhulayo emhlabeni jikelele, okusho ukuthi uma kukhona okubi okwenzeka khona kuphazamiseka wonke amazwe. |
Uveze ukuthi icompensation fund ithatha isikhathi esingangeminyaka emibili ukukhokhela odokotela uma bezifakela bona izicelo zokukhokhelwa emuva kokubonana nabalimele emsebenzini. |
Uveze ukuthi idokodo lecala likaSbahle lalethwa kubo ukuze bathathe isinqumo ngokuthi kumele ashushiswe noma cha. |
Uveze ukuthi i-EFF ithenge ibhilidi nomuzi ezongenisa ngawo imali, kuthe ngesikhathi iyoboleka imali ebhange yakwazi ukubambisa ngaleli bhilidi nalo muzi. |
Uveze ukuthi i-EFF uyizwa ngaphakathi ngoba ibeka phambili umuntu omnyama okuyinto akhule engayazi. |
Uveze ukuthi i-Eskom iveze ukuthi izodinga u-4 000 kuya ku- 6 000 megawatts kagesi kule minyaka emihlanu ezayo ngoba iziteshi zikagesi zizobe seziphelelwa yisikhathi. |
Uveze ukuthi i-Eskom yaqoka ukusebenzisana neHuarong lungakaphothulwa uhlelo lokubhidela imisebenzi njengoba kuwumgomo woMnyango wezeziMali. |
Uveze ukuthi igciwane elisha lidlange kakhulu eGauteng njengoba u-80% wabanalo ukulesiya sifundazwe. |
Uveze ukuthi iKhabhinethi ayizange iludingide udaba lomsindo osususwe ukunikwa kwenkampani yezokuxhumana iDigital Vibes, umsebenzi uMnyango wezeMpilo. |
Uveze ukuthi ikhona inkinga yokuzikhunga kwezingane eParkgate ngoba uNsindiso yingane yesithathu ezikhunge yangashiya incwadi echazayo ukuthi kungani yenze lokhu. |
Uveze ukuthi iKwaZulu-Natal inohlelo lokuvusa umnotho emuva kokubheduka kweCovid-19. |
Uveze ukuthi imali ayikhiphayo izothenga imithi yokubulala amagciwane, izifonyo, amaloli okuthutha amanzi nokunye okuningi okudingekayo. |
Uveze ukuthi imali yezibhelu ibhekelela abasebenzi abangakwazanga ukuhola ngenxa yazo nokuthi izinkampani abazisebenzelayo azizange zithole usizo lomshwalense. |
Uveze ukuthi imali yezibonelelo noma ebhekelele abampofu isuke kuR860 billion ngo-2018/19 yaya kuR1.1 trillion ngo-2021/22. |
Uveze ukuthi imaths iyajula uma umuntu edlulela emabangeni aphezulu ithinte ukufundwa kwama-map, izikali, ama-designs, kufundwe iTrigonometry, Euclidean Geometry nokunye okuningi. |
Uveze ukuthi imboni yamatekisi ethutha izinkumbi zabantu nsukuzonke iyaziphantela njengoba lungekho uxhaso eluthola kuhulumeni. |
Uveze ukuthi iMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza, Inhloko yeCity Intergrity and Investigations Unit uMnuz Mbuso Ngcobo nayo iwufakazi kanjalo nabasebenzi abaphethwe wu-Abbu noNgcobo. |
Uveze ukuthi imibono ibihlukene odabeni lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. |
Uveze ukuthi imigubho yokwethweswa kwemiyezane yango-Okthoba 30, izokwenziwa ngohlelo lwezobuchwepheshe, kanti ukubhalisela ukuthathwa enyuvesi kwangonyaka ozayo kuzoba online. |
Uveze ukuthi imindeni eminingi inabantu abaningi okukhona kubo abangasebenzi, abancike empeshenini yabadala, izibonelo zezingane bese kuba nabasebenzi abahola iholo elingatheni. |
Uveze ukuthi imindeni esindile ngeyabesifazane abadlala izitokofela ngoba bebeqhubeka nokukhokha nyangazonke yize isimo besinzima. Eminye imindeni ibisebenzisa imali yeqolo eyengeziwe ukwenza ezinye izidingo. |
Uveze ukuthi impilo ihamba kahle kuye nonina yize besazama ukwamukela ukuthi uyise akasekho. |
Uveze ukuthi impumelelo yakhe ibuye ilekelelwe wukuthi ukhule ebandleni i-Anglican Church futhi ube yisikhonzi khona isikhathi eside. |
Uveze ukuthi imvula enamandla isalindelekile kuMasipala Ugu naseThekwini. Unxuse ukuthi labo abahlala ezihlanjeni bazame ukuthola izindawo zokukhosela. |
Uveze ukuthi iNational Energy Regulator izoqhubeka nokubhalisa abantu abafuna ukuziphehlela ugesi ongaphansi kuka-1 MW ngaphandle kwelayisensi bese iqinisekisa ukuthi izicelo zabafuna ukukhiqiza ugesi ongaphezu kuka-1 MW ziyaphendulwa kungakapheli izinsuku eziwu-120. |
Uveze ukuthi indaba yecala lakhe iyaziwa. Nasemsebenzini uthe uyaqhubeka nokusebenza ngoba icala kalihlangene nomsebenzi wakhe, lisaqulwa, abaqashi bakhe bahlonipha inqubo yasenkantolo. |
Uveze ukuthi indaba yokuduva ekhaya isiqala ukumkhathaza uGC njengoba sekuqala inyanga yesithathu engakaze alubhade emahhovisi oZalo. |
Uveze ukuthi indawo kaSelby akuyona nje enye yalezi ezimfishane kodwa izodonsa isikhathi eside kulo mdlalo. |
Uveze ukuthi indawo kaSne njengoba abantu sebeyibonile, izoqhubeka nokukhombisa owesifazane obekezelela ukuhlukunyezwa yisoka lakhe. |
Uveze ukuthi indawo yaseNkandla isondele kakhulu enhliziyweni yakhe ingakho abuye ayivakashele njalo. |
Uveze ukuthi indawo yokulingisa kuZalo ifike ngesikhathi esikahle lapho esezinze ngokugcwele eThekwini. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.