input
stringlengths
1
130k
UTrengove uthe ukuchitheka kwesikhathi bekungeke kuze kugwemeke ngoba kwasanaye uZuma unesandla kulokho.
UTrengove uthe umbuso wawungeke ube necala kuMnuz Shabir Shaik bese ungabi necala kuZuma.
UTrengove wathi maningi kakhulu amathuba okuthi enye inkantolo ibone ngenye indlela.
UTrengrove uthe leli fulegi livusa umunyu, liyahlambalaza, likhombisa inzondo futhi lithumela umyalezo omubi.
UTrentini uthe abaqashi bazimisele ukusayina isivumelwano seminyaka emithathu samaholo lapho abasebenzi bezowubona umehluko wangempela emholweni.
UTrevor Noah nguye ozoba ngumethuli walolu hlelo nozobambisana noNaomi Campbell, Dave Chappelle, Sir Bob Geldof, Gayle King, Bonang Matheba, Nomzamo Mbatha, Tyler Perry noForest Whitaker.
UTrevor Noah, okumanje uhlala e-United States kwazise ungumethuli wohlelo iThe Daily Show kuleliya lizwe, udalule izindaba ezithakaselwe abaningi zokuthi kuzoqoshwa ifilimu ngempilo yakhe.
UTrevor Noah, ongumethuli weThe Daily Show ekhonjiswa kuComedy Central, uzoba ngomunye wosomahlaya abambalwa abazoba nezinhlelo zabo kulesi siteshi. Kwabanezinhlelo zabo kuNetflix kubalwa uDave Chappelle (ozobe enandisa kuleli ekupheleni kuleli kusukela ngoNovemba 27 kuya ku Disemba 5) noChris Rock. Ngaphandle kweNetflix, esinye isiteshi se-Internet iShowmax naso sikhombisa uhlelo luka Noah olubizwa ngeNationWild.
UTrevor ubenohambo lwezinsuku ezimbili ngempelasonto eThekwini, ehhotela iGarden Court.
UTrevor ubezokwethula indondo yeBest Picture nala bekuqokwe khona ifilimu ethi, Black Panther.
UTrevor uwina le ndondo nje ubesanda kuba sohlwini lwabayishumi abahamba phambili ephephabhukwini iTime Magazine.
UTrump ongazibeki phansi enkundleni yokuxhumana i-Twitter waphendula ngokuthi uRapinoe udelela ifulegi nezwe labo ekubeni kuningi okwenziwe ukusiza yena neqembu.
UTrump uthi uzolufakela izibuko oloMhlaba eNingizimu Afrika
UTrump uyakuchitha ukuthi useke walala nalo wesifazane.
UTruter akasabuthi quthu ubuthongo njengoba efisa ukuthi uSandile Mthethwa (21) ongumdlali wePirates, abuye kwezakhe ngesizini ezayo ngoba kuzosikala iqembu kanti naye uzothola ithuba lokukhula. Lesi siqongqwane sesitobha sibe ngomunye wabadlali abebeyinsika kwiBay, eqede kwiTop 8 ngesizini edlule.
UTruter kulindeleke ukuthi abuyele ebhentshini leSwallows uma isibhekene neStellenbosch emdlalweni weligi olandelayo. Umiswe emasontweni adlule emuva kokuthi Izinyoni zixetshulwe yiSuperSport United. Izintambo zokuqeqesha bezibanjiswe iphini likaTruter, uSimo Dladla, ongawinanga emidlalweni emithathu ayihlale ebhentshini. ISwallows ibhekane neSundowns isidlale imidlalo eyisithupha ngaphandle kokushaya ngisho nelokubika igoli.
UTruter obemiselwe imiphumela emibi, sekumele alwele amaphuzu angcono uma sebedlala neChippa United ngeSonto. IStellenbosch isiyoze idlale neMarumo Gallants ngo-Okthoba 27.
UTruter ubenikwe ikhefu lamasonto amabili ngoba iqembu lingenzi kahle.
UTruter ubevele enkantolo yezimali enkantolo yeMantshi ePalm Ridge, eGauteng ngoLwesithathu ekuseni.
UTruter ukhale kakhulu ngohluleka kwezakhe ukunqoba lo mdlalo, athe bekumele bawunqobe noma yikanjani kwazise badlale kahle.
UTruter ukuqinisekisile ukuthi uSangweni uziqeqesha nabo kodwa wangaphumela obala ngokumsayinisa.
UTruter ukusho lokhu ngemuva kokuba iZinyoni zaseDube ziphinde zalahla amaphuzu amqoka ngesikhathi zibanjwa ngo-1-1 yiTshakuma Tsha Madzivhandila emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto, eDobsonville Stadium, eSoweto.
UTruter ungumsolwa wesishiyagalolunye kuleli cala kanti bonke abanye asolwa nabo, okubalwa kubo nowayengusihlalo weVBS, uMnuz Tshifhiwa Matodzi, bayawachitha amacala ababekwe wona.
UTruter unikezwe ikhefu emuva kokubhaxabulwa yiSuperSport United ngo-3-0 emasontweni edlule. Ngokusho komthombo, kunobuholi obukholelwa ekutheni u-Igesund owake waqeqesha iSwallows phakathi kuka-2010 kuya ku-2012, angazibuyisa izinsuku zenjabulo.
UTruter uqinisekisile kwiSolezwe ngoMsombuluko ebusuku ukuthi umile emsebenzini, yize izizathu ezichaze ngendlela ehlukile kumahlebezi akhomba ukuthi umisiwe ngenxa yokugqoza kwemiphumela emihle.
UTruter usengumqeqeshi wethu. Iqembu lizokhipha isitatimende uma kukhona ushintsho olwenzekayo,“ kusho uXulu. UTruter uthe akuzokuba lula neze ukudlala ngaphansi kwemithetho emisha ebekwe nguhulumeni wakuleli kodwa wathi kumqinisa idolo ukuthi akulona kuphela iqembu lakhe elibhekene nalesi simo, namanye ngokunjalo. UTruter uthe bazohlala phansi balungiselele imidlalo yeligi esele. UTruter uthe izinkunzi ezinqabe namaphuzu ekuhambeni, uzozibamba eDobsonville emidlalweni yomzuliswano wesibili. UTruter uthe kungakuhle ingcindezi evela kubaphathi yokulwela indawo kweyokuhlunga ihlale kuyena, ingathathwa ngabadlali bakhe. “Angifuni abadlali bami bakhathazeke noma bacabange kakhulu. Ngifuna ukuthi baqhubeke nokudlala kahle baqoqe amaphuzu. Ngikholelwa ekutheni okuningi kuzocaca kahle mase kusele imidlalo emithathu noma emine yokugcina. Okubalulekile njengamanje ukuqinisekisa ukuthi asishaywa emidlalweni yethu, ngoba sisalelwe izitha ezinzima kakhulu, ikakhulukazi emidlalweni yethu emithathu esizoyidlala,” kusho uTruter. UTruter uthe ulindele umdlalo onzima kuThongathi kwazise ngumdlalo wabakhaya. Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3.30 ntambama. UTruter uveze ukuthi abaqeqeshi bamaqembu sebeyalazi ikhubalo" lakhe.
UTruter uzame ukushintsha lesi simo ngokufaka uKabelo Mahlatsi noZephania Mbokoma bobabili abahlaselayo ezindaweni zikaLehlohonolo Matlou noMokoena obese ekhombisa izimpawu zokukhathala.
UTsatsatsa Prince Mbhele uthe, hamba Mzukulu mina ngiyajabula ngiyibhinca laselokishini.
UTsautse unecala lokubulala nelokuqhumisa isibhamu esakhiweni kugcwele abantu.
UTsautse ungene ebhokisini labasolwa egqoke itracksuit empunga efake nesifonyo esimnyama.
UTsepo (67) washona esesibhedlela sangakubo ngoJulayi 15 ngenxa yesifo esihlobene neCovid-19. Kwakufanele angcwatshwe ngoLwesihlanu olwedlule kodwa umngcwabo wakhe wahlehliselwa usuku lwayizolo ngenxa yokuthi uhulumeni waseLesotho wawufuna ukumhlonipha ngokwezinga likahulumeni elisesigabeni sesibili.
UTsepo “Chester” Masilela ngomunye wabadlali abahlonishwayo ngemuva kokudlala kwiSpanish La Liga (kwiGetafe), Kaizer Chiefs neBafana Bafana. UMasilela ungumnewabo kaMaela. Bobabili laba badlali badlala endaweni efanayo okuyisemuva kwesokunxele.
UTsepo, obesenomuzi eKensington, eGoli, wazakhela udumo esahola iSankomota kusukela ngo-1976 eLesotho.
UTsepo, obezohlanganisa iminyaka engu-68 maphakathi nenyanga ezayo, ushone ngoLwesine eTeyateyaneng, eLesotho, emuva kokuhlaselwa yisifo esincike kwiCovid-19.
UTsepo wazakhela ugazi kuleli ngesikhathi esahambisana neSankomota futhi bedume ngezingoma ezinye zazo ezithi Now Or Never, Papa nethi Stop The War. Esehamba yedwa futhi esezibiza ngeThe Village Pope, uTsepo waqhubeka lapho egcine khona ngamanoni ayethi Ho lokile nethi Akubutle. Ngesikhathi izikhulumi zisina zidedelana ziqephuza ngaleli qhawe, bekunebhendi ebilokhu iqhulula izingoma ezadunyiswa nguTsepo. Ezinye izihambeli bezivunule ngezingubo eziyisiko labeSotho, obekwenza kube sengathi wumkhosi wesizwe sakhona.
UTshabalala (33), owaqopha umlando ngokushaya igoli lokuqala kwiNdebe yoMhlaba eyayikuleli ngo-2010, unqobe inqwaba yezicoco ePhefeni. Unqobe isicoco seligi kabili, iTelkom Knockout kathathu, iMTN 8 kabili  neNedbank Cup kanye.
UTshabalala (33) usedlale kuMakhosi imidlalo engaphezu kuka-300 washaya amagoli angaphezu kuka-50. Usedlale esigabeni esikhokhelayo iminyaka angu-14. Wazakhela igama ngeNdebe yoMhlaba yokuqala esike yadlalelwa e-Afrika ngesikhathi eshayela iBafana Bafana igoli idlala ngokulingana neMexico eFNB Stadium, eSoweto, eGoli ngo-2010 eNingizimu Afrika.
UTshabalala ubonakala esondela kancane kuleli rekhodi elabekwa uDoctor njengoba esegijime kwiChiefs imidlalo engu-368, wavalela phakathi amagoli angu-57 kusuka ngo-2007 kuze kube manje.
UTshabalala ufike kuMakhosi ngo-2007 esuka kwiFree State Stars. Kuleli qembu usezinqobe zonke izicoco eNingizimu Afrika. Usenqobe izicoco ezimbili ze-Absa Premiership, ezintathu zeTelkom Knockout neseNedbank Cup.
UTshabalala ufike kwiChiefs ngo-2007 wadlala imidlalo ewu-342, washaya amagoli angu-55. Kusasa iChiefs izobhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
UTshabalala ukuvezile ukuthi sebenalo ulwazi ukuthi izimbangi zabo zithanda ukudlala kanjani.
UTshabalala uphumele obala ekupheleni kwesizini wathi iqembu ulifaka endalini ngoba sekumgugise iphakethe ukuliphatha. Maphakathi nesizini edlule abadlali beCeltic bake bateleka bekhala ngokungakhokhelwa izimali zabo zokusayina.
UTshabalala usengumdlali waMaZulu FC emuva kokwethulwa ngasekuqaleni kwesonto nabanye abadlali abayisishiyagalolunye abajoyina iqembu laKwaZulu-Natal.
UTshabalala uthe abantu abangu253 abamukelwe ezikhungweni zezempilo futhi u682 wayiswa endaweni yokugonqa esifundazweni.
UTshabalala uthe iKwaZulu-Natal ilandela iGauteng enabantu abangu-192 767 abahaqwe yiCorona, ngosuku zombili lezi zifundazwe zinabantu abangaphezulu ka-2000 abahaqwa yigciwane.
UTshabalala uthe ngoMeyi 27 babe ngu2 165 kulesi sifundazwe abahaqekile, kwathi u1 180 (54%) walashwa leli gciwane kanti abawu50 badlulile emhlabeni.
UTshaka udonsa udilikajele eNew Prison eMgungundlovu. Unina uthi usechithe uR160 00 efuna kwenzeke ubulungiswa ngaleli cala.
Utshala uzodwayiswa uphuzelwe emakhaya ngaphansi kwemithetho eqinile, ezinsukwini nangezikhathi ezizobekwa. Ugwayi usavaliwe ngoba unomthelela omubi esimeni sezempilo kubantu, kusho uRamaphosa.
Utshalomali lwakho lomhlalaphansi kufanele lube nezimpahla, iholo nezinhlelo ozikhethayo.
UTshanda ugcine esenabalandeli emazweni ahlukahlukene ase-Afrika lkubalwa kuwo iZimbabwe, Botswana, Namibia, Swaziland neNigeria. Awugcina ukuthakaselwa e-Afrika kuphela kodwa nasemazweni aphesheya kwezilwandle njengaseNorth America, Europe nase-Australia bawuthakaselile.
UTshatha Ngobe noSbu Buthelezi boKhozi FM basanda kubhekana nesimo esithi asifane nesikaMaFresh. USbu wadutshulwa yizigebengu wabaleka waze wafika egaraji opha. UTshatha bazama ukumvimba wabaleka ngemoto yakhe wasinda kanjal. Kukholakala ukuthi babezama ukumbamba inkunzi.
UTshatha Ngobe, ongumsakazi woKhozi uze wakhuluma ngalo lolu daba ohlelweni lwakhe emini izolo. Ubekhuluma noThozama Ngwenya ongumdidiyeli weTop 20, ngokudunwa kwakhe imoto ngaseBerea Centre eThekwini.
UTshatha osakaza uhlelo olubizwa ngeSidlo Sasekuseni noNongcebo McKenzie ubhale ekhasini lakhe kuFacebook enxusa abalaleli balo msakazo ukuba behlise umoya bahoxise umkhankaso wabo. Lo msakazi uveze lokhu kulandela ukuthunyelelwa umbhalo ngezinhlelo zabalandeli zokumashela emahhovisi oKhozi izolo beyozwakalisa ukungenami kwabo ngokungazwakali kukaTshatha emsakazweni.
UTshatha, osedume ngeleSpheshethwa, uthe ngeke esabuyela kwiMbewu-The Seed.
UTshatha ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuvela kwe-video kaDlubheke lapho ebebasola ngokungabakhokheli ngendlela efanele abaculi emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival. Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium.
UTshatha ubekhuluma ngemuva kokuthi uzakwabo emsakazweni, uNgizwe Mchunu oyisangoma, ethe sekushoda yena ekutheni naye abe yisangoma.
UTshatha ufike oKhozini ezokwenza uhlelo lukamaskandi, iSigiya Ngengoma, ngo-2003. Ufike nalapho wagila izimanga ewola inqwaba yemiklomelo kumaSatma nakwiMTN Radio Awards nokwamenza wangcebeleka e-USA naseDubai. Kusukela lapho akabange esabheka emuva ngoba uKhozi lumnikeze uhlelo lwantambama, olwashayelwa yizinkakha oKansas City noLinda Sibiya.
UTshatha uhlonishwe ngeqhaza lakhe ekuqhakambiseni umculo kamaskandi.
UTshatha uthe imfihlo yakhe ukwenza isiqiniseko sokuthi uyabagculisa abalaleli bezinhlelo zakhe.
UTshatha uthe konke kumi ngomumo ngomcimbi futhi kade behlangene namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi kuzobe kuphephile.
UTshatha uthe lokhu ngeke kube nasixazululo ngoba kukhona abazoyibheka ngelinye iso le mashi. Yize kunjalo bebelokhu bekhale njalo abalaleli kwazise selokhu kwaqala isonto bayakhala ngokunganikwa kwakhe ithuba lokusakaza umlando ngeSilo samaBandla esikhotheme.
UTshatha wamiswa maphakathi nenyanga edlule emuva kokubhala ekhasini likaKhuzani ukuthi ngo-2005 kwakufanele kuwine oShwi noMntekhala kodwa unyaka wahlukaniswa iMalaika ngengoma eyayithi 2bobo.
UTshatha wamiswa maphakathi noJanuwari emuva kokuphawula kwiFacebook ngengoma eyahlukanisa unyaka ngo-2005, wathi kwakumele kuwine uShwi noMtekhala kodwa unyaka wahlukaniswa iMalaika ngengoma eyayithi 2bobo.
UTshatha wethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho noSelbeyonce “Selby” Mkhize ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
UTshatha yinsizwa enenhlanhla yokuthi nanoma yini eyenzayo ifike ichume.
UTshedi Mholo weMalaika egcine isisele naye noBongani Chang ngemuva kokuthi kushone uJabulani Ndaba ngo-2008 uveze lezi zindaba ekhashini lakhe kwi- Instagram.
UTshegofatso watholwa elenga esihlahleni enamanxeba okugwazwa esifubeni nangasemabeleni ngesonto eledlule. Kuthangi kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-31 okusolwa ukuthi uyena ombulele.
“UTshego ufile, umntwana ufile. Abanikezwanga ithuba lokuzicelela uxolo ngezimpilo zabo kodwa uMuzi unikezwa uxhaxha lwamathuba okuba akhokhele ummeli," kusho uPalesa.
“Utshela abantu ukuthi ingane yami iyalingisa, wonke umuntu uyabona ukuthi iyashaywa, abamaphepha kumele bayilandele lento, uMandla uhubhuza amanga,” usho kanje.
Utshele abafundi ukuthi balisebenzise kahle ithuba abalitholile nokuthuthukiswa kwezobuchwepheshe ngalo mnikelo. “Akukho okwamanje okumele nikhathazeke ngakho njengoba nisengabafundi ngaphandle kokuthi nizikhandle, nifunde. Ngeke sigcine namhlanje ukuba kulesi sikole kodwa sizozumisa sizobheka ukuthi kuhamba kanjani. Sizimisele ukuthi uma sibuya sithole imiphumela emihle nokuthi amakhompyutha anisize kanjani ezifundweni,” kusho uNksz Reddy.
Utshele abalaleli ukuthi ucele lo muntu oqhamuke nalezi zinsolo ukuthi adalule lo muntu ohamba efafaza amanga ngaye ukuze amqonde ngqo.
Utshele abalandeli bakhe ukuthi bangazikhathazi ngoba mhlawumbe ukube ababoshwanga ngabe babulawa.
Utshele abalandeli bakhe ukuthi usecele uMpho umshado futhi wangananaza wavele wavuma. "Nginethulela unkosikazi wami, uvumile. Sekuwuyena angizimisele ngokuphinde ngithole omunye," kusho uSello.
Utshele abalandeli be-EFF ngaphandle kwenkantolo ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa kufanele amise uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ngoba uMvikeli woMphakathi usho njalo emva kophenyo lwakhe.
Utshele abalandeli be-IFP oLundi ukuthi bangakhohlwa ukuthi uMandela wathi uma i-ANC yenza lokhu okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo kuyomele abantu benze lokhu abakwenza kuhulumeni wobandlulo.
Utshele abalandeli be-IFP ukuthi bangakhohlwa ukuthi uMandela wathi uma i-ANC yenza lokhu okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo kuyomele abantu benze lokhu abakwenza kuhulumeni wobandlulo.
Utshele abantu ukuthi nakanjani uzowenza umcimbi wakhe eMoses Mabhida Stadium. Uze wabenza ukuthi bacule bathi “Moses Mabhida, Moses Mabhida”.
Utshele abathengi ukuthi akusiwo wonke ufishi onenkinga kodwa yilowo opakishwa eWest Point Processors kuphela.
Utshele abebehambele umngcwabo ukuthi ngendlela izintombi ezazilimele ngayo, babengakwazi nokuzikhomba kodwa basizwa ukubona ngezimpahla ezazizigqokile.
Utshele abeThuba ukuthi ukuhlabana kwakhe ngale mali kuzofeza iphupho lakhe lokuba neziqu zokuba usonhlalakahle. Yize esenemali eshisiwe kodwa isikole uthi yisona esiphambili ezinhlelweni zakhe ngale mali. "Ngangifuna ukuyofundela ukuba usonhlalakahle uma ngiqeda umatric kodwa yayingekho imali yokuthi ngiyofuna. Kwangiphoqa ukuthi ngiyofuna umsebenzi ngibhekelele nomndeni wami," usho kanje.
Utshele amalungu aleli komiti ukuthi selokhu lolu hlelo lwaqala eminyakeni engaphezu kwemihlanu eyedlule, umnyango uhlale wabelwa imali encane kakhulu kunaleyo oyidingayo ukuze ukwazi ukuhlinzeka bonke abafanele ukuthola amabhasi.
Utshele amalungu ePhalamende ukuthi basibonile isidingo sokuthi bandise isibalo samahhovisi angomahamba nendlwana.
Utshele amaphoyisa akuleli ukuthi akasathandi ukusiza kulolu daba nokuba ngufakazi. UNysschen uthe uNksz Chelota manje usephenduke umsolwa kuleli cala. Uthe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe isilungile kumanje baphezu kwamalungiselelo okuthi abuyiselwe kuleli, ukuze igama lakhe lingene ohlwini labasolwa, wathi inkantolo izonika abombuso isikhathi sokwenza lokhu.
Utshele i-Independent Media, kuleli sonto ukuthi okwenze wabuyela emsebenzini yingoba udokotela wayemnikeze ikhefu lokugula kwaze kwaba u-Ephreli 30 nonyaka.
Utshele i-Independent Media ukuthi abalandeli bemeya sebeqede isonto bexhumana nabameli okuphethe ngokuthi babhale incwadi ngoLwesihlanu.
Utshele ikhomishana ukuthi lowo mhlangano wawuthanyelwe nayindodana kaZuma, uDuduzane. UZuma (Khanya) uthe wayecabanga ukuthi uma umfowabo esesulile kwesokuba umengameli abantu bazohlukana naye nomndeni wakhe.
Utshele ikhomishini, eholwa yiJaji Raymond Zondo, ukuthi uke wasebenza noke waba yisikhulu esiphezulu kwiBosasa, uMnuz Angelo Agrizzi, noMnuz Greg Lacon-Allin, umnikazi we-Equal Trade. U-Agrizzi osanda kwethula ubufakazi kwikhomishini wadalula amagama amaningi ezikhulu ze-ANC athi bebezigwazela. Phakathi kwazo kubalwa nobenguMengameli, uMnuz Jacob Zuma.
Utshele ikhomishini ukuthi embikweni kaSolwazi Madonsela akamnikezanga isikhathi esanele sokuthi aziphendulele.
Utshele ikhomishini ukuthi kumbiko wakhe uMadonsela akamnikezanga isikhathi esanele sokuthi aziphendulelele kulezi zinsolo.
Utshele ikhomishini ukuthi owesilisa wakwaGupta ahlangana naye ebhanoyini ngesikhathi ehambe ngokomsebenzi wamtshela ukuthi u-Atul naye useChina uyilungu lethimba likahulumeni.
Utshele ikhomishini ukuthi ubufakazi ngaye bukhandiwe ukuze beseke obukaJoubert. Iphoyisa loKlebe uJoubert, lalisebenzisa ihhovisi elilodwa noMhlongo, lethula ubufakazi lathi lalibuye limqophe engazi uMhlongo. UJoubert wathi uMhlongo wayekhuluma noJiba, behlanganisa iqhinga lokuthi bathole izinto ezingalungile ngoNxasana ukuze aphoxeke, ebese eyaxoshwa.
Utshele ikhomishini ukuthi uGama wakhokhelwa uR13 million, okubalwa nemihlomulo yize wayetholwe enamacala amathathu okungaziphathi ngendlela.
Utshele inkantolo kuthi akubhala kwakungathathelwe esigamekweni sangempela
Utshele inkantolo ukuthi ayikho indlela angenza ngayo ukubalekela amacala abhekene nawo ngoba vele wuyena owazinikela emaphoyiseni emuva kwezinsuku ezintathu kubikwe ngesigameko.
Utshele inkantolo ukuthi imali angaba nayo yebheyili wuR3 000. Umshushisi ecaleni (owazibiza ngoNhlanhla) uthe uMbuso uzosiphikisa isicelo sikammangalelwa. Inkantolo inqume ukuthi icala libuyele namuhla ukuze kuthathwe isinqumo ngebheyili.
Utshele inkantolo ukuthi nakanjani uBonang uzobe ekhona enkantolo ngo-Okthoba 4.
Utshele inkantolo ukuthi ngo-Agasti 2017 wabamba umufi nomunye wesifazane base beyalwa. “Ngathola ukuthi ngaphandle kwalo wesifazane engangimbambe naye wayenomunye owayengazi ngokuthandana kwethu. Wayengidlala sonke lesi sikhathi.
Utshele inkantolo ukuthi uMdweshu nguyena owacebisa igenge yakhe ukuthi ibulale ofakazi ukuze kuqedwe ubufakazi.
Utshele inkantolo ukuthi uMdweshu uqale ukungenelela embangweni wokudayiswa kwezindlu nemibhede njengomuntu obezokhuza kodwa wanede wabona ukuthi kukhona imali wagcina esengena egamanxa “Eqala eza kimi wayezosiza kuthe esebone imali engangiyiqoqile, waqala washintsha wafuna imali iqoqwe nguyena mina babe sebengihlehlisa negenge yakhe,” kusho ufakazi.
Utshele inkantolo ukuthi uMondli wabulawa ngamanxeba amabili - elokudutshulwa ngenhlamvu eyangena ngaphansi kwendlebe yesokunxele maqondana nomhlathi yaphuma endaweni efanayo kwesokudla.