input
stringlengths
1
130k
UThokozani Xulu oyisikhulu esiphezulu emnyangweni wezemfundo eKing Cetshwayo, utshele leli phephandaba ukuthi akukhona nje ukuthi bakhipha izingane esikoleni zingafundi ngoLwesihlanu, kepha kunesizathu sale midlalo.
UTHOKOZELA ithuba eliyingqayizivele lokuphinde agqoke ijezi leqembu lesizwe umdlali waphambili wamaBhokobhoko, u-Ox Nche, emva kokufakwa ohlwini lwabadlali abazobhekana neGeorgia kusasa.
Uthola endlini igcwele abantu begqolozele futhi bechofa amaselula abo kungekho noyedwa oxoxa nomunye nokugcina sekubonakala kuyinto ejwayelekile nengamangazi.
“Utholakale elele onqenqemeni lomgwaqo ebheke phansi ngobuso. Ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda. Kuthiwa kuqhamuke owesilisa okhiphe isibhamu wamdubula wase ebaleka ngezinyawo. Umsolwa ubelindwe yimoto angene kuyo maqede yabaleka,” kusho isitatimende.
UTHOLAKALE eseshonile owesifazane waseMachunwini, eMsinga okuthiwa ubehambe nabangani bakhe beye emcimbini obukuyo le ndawo ngoMgqibelo.
UTHOLAKALE eseshonile owesifazane waseNtuzuma owanyamalala ngoLwesithathu okuthiwa wayegcinwe ehambe ngemoto okusolwa ukuthi ngeyakwa-Uber.
UTHOLAKALE eseshonile umfanyana waseHammarsdale okuthiwa uminze ebhukuda nabangani ngempelasonto.
UTHOLAKALE eseyisidumbu owesifazane waseMlaza owanyamalala eyoqala umsebenzi eVerulam, okusolwa ukuthi washayiswa imoto. Isidumbu sikaNksz Welile Nomcebo Mhlungu (21), sitholakale emakhazeni kahulumeni ePhoenix emuva kokuba umndeni wakhe ubusumfune wancama kwezinye izindawo. Kusolwa ukuthi washayiswa yimoto njengoba isidumbu sakhe satholakala eduze komgwaqo ngasePhoenix.
UTHOLAKALE izolo ekuseni eseshonile umfana oneminyaka emine waseRookdale, eBergville, obekubikwe ukuthi udukile.
Uthola le ndawo efilimini nje, ulungiselela ukuqala ukubonakala elingisa indawo ephambili emdlalweni waku-Amazon iThe Underground Railroad eqala ngoMeyi 14.
Uthola lesi sijeziso nje ezinkundleni zokuxhumana abantu bebuza ukuthi kanti uthaqa awubathinti yini ongqongqoshe njengoba bekwazi ukuphuma beyovakashela abangani babo ekubeni abantu kuthiwa abahlale emakhaya.
Uthola le wikhethi nje uSteyn, bese kuphele iminyaka emithathu engadlali kumaProteas emidlalweni ye-test ehlushwa ukulimala. Kule minyaka emithathu, uSteyn akadlalanga imidlalo ye-test ewu-27.
“Uthola ukuthi isiteshi esisodwa senza umsebenzi okumele ngabe wenziwa iziteshi ezintathu. Sizokwandisa nokumeleleka kwabesifazane ebuholini obuphezulu emaphoyiseni futhi siqinise ukusebenzisana phakathi kwethu nezinyunyana,” kusho uSitole.
“Uthola ukuthi izitshalo ezithile ebezitshalwa ngesikhathi esithile azisavumi okwenza ukuthi zibe zincane bese ziyabiza," echaza.
“Uthola ukuthi noma imali ikhona yokuthi kulungiswe izinto ehostela, iyathathwa iyosetshenziswa emalokishini. Yingakho sithi asidingi ukuhlakazwa sihlanganiswe nabahlali baselokishini ngoba izidingo zethu azifani.
“Uthola ukuthi ugesi uR598.52, imali yokugibela ibe wuR1 231 bese kuba ngeyokudla eya ngokuthi umndeni mkhulu kangakanani.
“Uthola ukuthi uma siletha amanzi ezindaweni zasemakhaya, imizi igqagqene kakhulu okusho ukuthi kufanele ufake amapayipi amaningi. Ngifuna kube nohlelo lokuxoxa nabaholi bendabuko ngalolu daba ukuze kube lula ukuletha amanzi.”
“Uthola ukuthi unika umuntu wesifazane umuthi afuna ukubamba ngawo indoda yomuntu igcine ikhohlwe yikhaya. Le nto ayibi nawo umthelela omuhle ngoba isikhathi esiningi laba besifazane basuke bengashadile nalama doda abawadlisayo, okuthi uma sebecabanga ukuwashiya bese eyababulala. Noma abashadile benazo izinkinga kodwa abavamisile ukulwa njengalaba abangashadile ababambene ngomuthi. Baze bagcine sebebulalana ngoba uthola ukuthi indoda isuke isikhalela imali eyimoshe ngalowo muntu wesifazane osuke eyidlisile,” usho kanje.
“Uthola umuntu ehlwitha abantu izingcingo, lokho akakwenzi ngoba ethanda kodwa ukwenza ngoba akanakho ukuthula ngaphakathi kuyena. Ufike abahlwithe abantu izingcingo zabo agcine esebagwaza abanye,” kusho uMkhize.
“Uthole amadlelo aluhlaza eGoli, kukhona umdlalo omusha oqoshwayo khona. Okwamanje akukacaci ukuthi uzophuma kanjani njengoba izindaba zokushiya kwakhe zifike kule mpelasonto kwabaningi. Ababhali balo mdlalo ima bezohlala phansi bacabange ukuthi bazomkhipha kanjani ngenxa yokuthi kulo nyaka Uzalo belungakabuyeli ekuqopheni ngenxa yokuthi bekusavaliwe kuyoze kuqalwe ngomhlaka 18 kule nyanga,“ kuchaza umthombo.
UTHOLE ibheyili kaR 2000 omunye wabasolwa abathathu ecaleni lokubulawa kwamaphoyisa kaMasipala weTheku ayegade umuzi wekhansela eNanda.
“Uthole ibheyili kaR500 uConstable Ndzendze kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo bobabili ngoJuni 7.”
Uthole ibhola ebeliqhamuka kuWayde Lekay kodwa wamane walishaya laphuma eceleni esebhekene namapali.
Uthole ibhola elide abeliphakelwe uJermaine Seoposenwe.
Uthole ikhadi eliphuzi walandelwa u-Emeliano Tade naye odlalise kabi uMemela wagixabezwa ngelakhe. IPirates ibuye esiwombeni sesibili ngebhadi uLorch ethola ikhadi eliphuzi elimkhipha ngaphandle komdlalo omqoka wangempelasonto neBidvest Wits.
Uthole ikhaya elisha kwiSwallows isadlala kwiGladAfrica Championship emuva kokukhonjwa indlela yiChiefs ngo-2019 kulandela ukwenza amaphutha abeholela ekuhlulweni kweqembu. La maphutha amakhele isigcwagcwa kubalandeli baMakhosi, bagcina bengasamfuni kuleli qembu.
UTHOLE indawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana, umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, kulandela ukushaya kwakhe amagoli imidlalo emibili ilandelana.
Uthole indondo ye-Outstanding Couple nozakwabo uHlomla Dandala abangabashadikazi kulo mdlalo. Wathola eye-Outstanding Female Villain.
UTHOLE ingqayizivele yethuba lokulwela ukubhekana namaqembu amakhulu ase-England njengeChelsea ne-Arsenal, uThulani “Cream” Serero osize iqembu lakhe laseNetherlands, iVitesse lizibekisela indawo kweyokuhlungela ukuba yingxenye ye-UEFA Europa League ngesizini ezayo.
Uthole isimemo sokuklonyeliswa kwabafundi ababaqwaqwade bonke emakhanda esivela eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, esifundazweni, nasesifundeni uMkhanyakude.
UTHOLE ithothali kwiSayensi wabaqwaqwada bonke abanye abafundi bakwa-matric KwaZulu-Natal umfundi waseMagabheni obefunda lesi sifundo ngencwadi.
UTHOLE ithuba eliyingqayizivele lokulingisa phambili kwifilimu entsha iNandi. UTenjiwe Pswarayi (26) unobuhle wangena kwezokumodela ngoba efuna ukwenza imali yokukhokhela izifundo zakhe.
UTHOLE ithuba eliyingqayizivele lokuqopha enkampanini yomculo enamagatsha emhlabeni jikelele umculi osemncane odume ngemva kokusabalala kwama-video akhe ezinkundleni zokuxhumana abonakala ecula kuwo.
UTHOLE ithuba lokumaketha ingoma yakhe entsha ethi, Ijele ngesikhathi emuka nendondo ebalulekile enesamba sikaR500 000, umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose kumaKZN Entertainment Awards e-ICC, eThekwini ngoLwesibili ebusuku.
Uthole ithuba lokuqala umdlalo ngempelasonto ngesikhathi bebhekene neCape Town All Stars emdlalweni weNedbank Cup Last 32.
UTHOLE izibusiso kusihlalo weqembu uKaizer Motaung obengunozinti weKaizer Chiefs, uNhlanhla Khuzwayo.
Uthole leli thuba emuva kokushaya into ecokeme kwi-Africa Women Cup of Nations eqeda njengomgadli ophambili, umdlali ovelele emqhudelwaneni, wase echonywa uphaphe njengomdlali oshaye into ecokeme e-Afrika kwabesimame.
Uthole nethuba lokuba yilungu leDurban Chamber okusho ukuthi uthola ithuba lokuba sezinkundleni zokucobelelana ngolwazi ahlangane namakhasimende nabantu abasemkhakheni wakhe.
Uthole nokuthi emabandleni abamnyama kugxilwa kakhulu kwezikamoya, kunganakwa ukulawulwa kwebandla nezezimali.
Uthole o-A abayisikhombisa kwiMaths, Sayensi, Geography, Life Orientation, isiZulu, English neLife Science.
Uthole o-A kwisiZulu, English, Maths, LO, Agricultural Sciences, Geography, Maritime Studies nePhyscial Sciences.
Uthole udanki wethuba u-Ekstien engena ngakho kodwa wahluleka ukuleqisa kuKapini obesevele eselele phansi. Leli thuba belivezwe umlingo kaSiphelele Ntshangase.
UTHOLE ukunconywa enkundleni yokuxhumana, iTwitter, ngekhono lakhe lokupheka obengungqongqoshe wezimali, uMnuz Tito Mboweni.
UTHOLE ukuphefumula umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa oshaye igoli lokunqoba bedla iqembu laseNigeria i-Enyimba ngo 2-1 emdlalweni weCaf Confederation Cup e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Uthole ukuthi awaziwa ngisho emakhaya endoda mhlawumbe uyintombi nje yalana edolobheni, ngokuzwa nje abangani besoka bekwenza isilima bethi “sawubona mfazi kabafo” nawe awusazikhohliwe ungumfazi ngempela.
“Uthole ukuthi emindenini kuyahlanganwa kube nezigungu ezithi akucishwe amacala. Lokhu kuyafana nokubulala kulaba bantwana. Umntwana odlwenguliwe ukhula enesihluku enhliziyweni yakhe, nesilonda esingapheli,” kusho uNkk Khoza.
“Uthole ukuthi ingoma abantu bayayithanda kodwa ayifiki kahle kubo bebonke e-Afrika. Awukwazi nokuhambela imisakazo nokuqopha ama-video. Ukuba sekhaya kuhle ngoba uba namanye amaciko nikwazi ukubonisana futhi nisizane,” kusho yena.
Uthole ukuthi nisanda kulala niyazixoxela nilungiselela ukuya ocansini, uthi uyezwa isithandwa sakho sesiyahona sesibanga imisinjwana ekhombisa ukuthi sisocansini. Uma usibuza ukuthi kwenzenjani sikutshele ukuthi besicabanga ukuthi siya ocansini kanti siyaphupha.
Uthole ukuthi omunye ukhaliswa ukucabanga ukuthi uma lomuntu engathi asihlukane ngelinye ilanga, ngiyophinde ngimthathe kuphi umuntu oyongenza kamnandi kanje. Omunye uthole ukuthi ukhaliswa ukuthi sonke lesi sikhathi ubedlala abantu bethi bayangithanda kanti le ndoda ibikuphi ngempela. Lokho kukhala ukukhala bobumnandi okanye benjabulo ngenxa yokujula kocansi.
Uthole ukuthi umuntu usitshela ngokuthi basuka kude nje mhlawumbe baneminyaka emithathu bethandana.
Uthole ukuthi usuqedile ukwenza ikhanda kodwa usunenkinga yokuthi kufanele uchazele indoda ukuthi ingayinaki yonke le misangano ebikhulunywa e-salon.
UTHOLE umntwana wentombazane, umlingisi weSibaya, uJessica Nkosi, ozakhele igama ngokulingisa indawo kaQondi kulo mdlalo.
UTHOLWE ebulewe ngasemfuleni uMsunduzi owesilisa obesolwa ngokudlwengula umshana wakhe (20) e-Ashdown eMgungundlovu, izolo.
Utholwe egwazwe entanyeni, nasesiswini, eboshwe izandla nezinyawo ngentambo. Umufi ubehamba ngemoto yebhizinisi ethutha abantu ngaphansi kweTaxi Life Africa.
UTHOLWE emsulwa okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe obemisiwe kulo msebenzi yikomiti le-ANC ebelibheka indaba yezinsolo abebekwe zona zokuhlukumeza ngokocansi esinye sezisebenzi zale nhlangano.
UTHOLWE eseshonile uMnuz Linda Mzokhona Hamilton Nxumalo (59) ogcine ukubonakala ngeSonto kwaF, KwaMashu.
UTHOLWE eshonile enamanxeba okugwazwa uNksz Queen Nyuswa obenenkulisa nejimu edolobheni eThekwini. Isithombe: Leon Lestrade, African News Agency (ANA)
Utholwe eshonile obehambe nabangani beye emcimbini
UTHOLWE esibhedlela ngoMsombuluko egwazwe kanzima owesilisa waseNanda, obese kuphele isonto anyamalala ekhaya.
“Utholwe esonakele entanta edamini eduze kwegumbi ahlala kulo.
UTHOLWE ezipholele endlini yesoka lakhe eNomakhanjana, eMthwalume, owesifazane obenyamalele, obese kunovalo lokuthi kungenzeka usocongwe wumalugaju kuleya ndawo.
UTHOLWE ngoLwesibili edlwenguliwe enezibazi zokushaywa ugogo okubikwe ukuthi ulahleke ngoMsombuluko.
Utholwe ngoMsombuluko owedlule wumndeni wakhe nomakhelwane ebebemcinga njengoba ebekade enyamalele.
“Utholwe owesifazane osizayo elenga. Angazi ukuthi ubelenga kuphi nendawo kodwa futhi kuthiwa ubebhale nencwadi ebichaza ngokwenze wathatha isinqumo sokuqeda ngempilo yakhe,” kusho umthombo wokuqala.
UThomas Mueller, oqokwe njengomdlali wosuku, ushaye amabili kanjalo noPhilippe Coutinho ongene esuka ebhentshini eyongcwaba iqembu lakhe elidala.
UThomas Sedike osophikweni lwemiqhudelwano kwiSafa ukuqinisekisile ukuthi womane amacala azohlalelwa kuleli sonto ukuze kusheshe kucace ngamaqembu ayodlala kweyokuhlunga.
UThompson akekho abebanga naye lesi sikhundla njengoba ephakanyiswe yedwa.
UThompson, obekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uthe ubone ukuthi asheshe aliqhumbuze ithumba ngaphambi kokuthi “asuswe”.
UThompson ube ngumengameli weNatu kusukela ngo-2018, kade eyiPhini likamengameli.
UThompson ubuze ukuthi uMshengu usuke ethi othisha abayokwenzani ezikoleni uma engabethembi, futhi ezokhuluma izinto ezilumela ngalolu hlobo ngabo.
UThompson ukhethwe yingqungquthela yale nyunyana yezinsuku ezintathu eNyuves yaseZululand, oNgoye.
UThompson uqhube wathi ungqongqoshe omusha kuzomele aphothule konke okuphenywa yilo mnyango uDlungwane ashiye engakhiphanga mbiko ngakho.
UThompson usabise nangokuthi bazoba nemashi enkulu uma kuqala unyaka, ukufaka ingcindezi ngodaba lothisha bakwaGrade R.
UThompson uthe abakaze baphikisane nesabelo samaqakelo kodwa ababengahambisani nakho wukwenyuka ngendlela emangazayo kwalesi sabelo.
UThompson uthe abazali akumele bazenze abakhahlamezekile yize kungenjalo. Uthe kumele abantu babe neqiniso ngalesi sikhathi.
UThompson uthe bamtshelile ukuthi bafuna aphenye nendaba yokuqashwa kothisha abango-post level 1.
UThompson uthe banesiqiniseko sokuthi ngisho izikole zingavulwa nini bazokwazi ukwenza umsebenzi ngoba kumanje othisha banezinhlelo zalokhu njengoba besemakhaya.
UThompson uthe bazoqhubeka nomkhankaso wokuqoqa lonke ulwazi lothisha bakwaGrade R ukuze bathole iziqu abanazo ukuze bakwazi ukuqashwa ngokugcwele.
UThompson uthe inkulu imali ezosebenza kufakwa lezi zifundo kuthengwa namarobhothi ekubeni umnyango usahlulwa ukuletha izidingo ezibalulekile.
UThompson uthe isasasa lamaTablet nobuchwepheshe laqala ngesikhathi uNkk Naledi Pandor esanguNgqongqoshe wezemfundo, ephaphakamisa nohlelo obelubizwa ngeTeacher Laptop Inititiave. Kulolu hlelo bonke othisha kumele baqeqeshelwe amakhompyutha futhi uhulumeni uzobasiza.
UThompson uthe izikole zaKwaZulu-Natal zisekude ukufika kwi-4IR.
UThompson uthe kungamanga ukuthi kunama-generator ezikhungweni zokumaka.
UThompson uthe kuphakanyiswe nokuthi amavolontiya onogada abazoqashwa ukuthi agade ezikoleni zesifundazwe azonikwa uR2 398 ngenyanga.
UThompson uthe lokhu bakuzwe ngezinhloli zenyunyana nakwezinye izisebenzi zikahulumeni ukuthi kufanele agudluzwe ukuze avalwe umlomo.
UThompson uthe othisha banokwantalala, abanye baze baphelelwe yizinsuku zokugula ngoba bathwele umsebenzi ongaphezu kwamandla abo.
UThompson uthe unethemba lokuthi uNkk Motshekga uzozivala izikole.
UThompson uthe usola indlala kulesi senzo sokugqekezwa kwezikole.
UThompson, uyiPhini likaMengameli lale nyunyana kanti uMengameli wayo uMnuz Siphosethu Ngcobo usebeka phansi izintambo. UNgcobo unqabile ukungenela ukhetho njengoba kukhona abeze kuyena befuna ukuthi abuyele kulesi sikhundla.
UThompson waqala waba nguVice President ngaphambi kokuba abe yiPhini likaMengameli (Deputy President) iminyaka eminingi.
UThongathi FC neRichards Bay FC bebelengela ezembeni ngaphambi kwemidlalo yayizolo kodwa bazisiza ngokuwina imidlalo yabo yokugcina.
UThongathi FC yilona qembu laseKZN njengamanje elidlala kuGladAfrica, elibukeka lisethubeni elingcono lokuzibekisela indawo kumaPlay-Off okungena kuPremiership, njengoba lisayibambe endaweni yesine ku-log yalesi sigaba.
UThongathi luguqise i-University of Pretoria ngo 1-0 kwathi iRichards Bay yabuya namaphuzu amathathu kwiMbombela United Kabokweni Stadium, eMpumalanga.
UThongathi luguqise Usuthu ngo 2-1. Amagoli oThongathi avalelwe enethini nguSiyabonga Thwala kwathi elokubika loSuthu lashaywa nguThapelo Nyongo.
Uthongathi luphekwa uPitso Dladla obesebenzisana noJohnny Ferreira ogcine echithiwe kuleli qembu.
UThongathi lusendaweni yesithathu kwi-log yeGladAfrica Championship kanti uma lungase luyibambe lapho, lungazibona selulwela indawo kwiPremiership neqembu elizothatha indawo yesibili kwiGladAfrica kanjalo nelizophuma endaweni ka-15 kwiPremiership.
UThongathi luyiqale kahle isizini nokulwenze lwabonakala luqhwakele phezulu kwilog okwenze abantu abaningi bavula amehlo. Ngaphandle kokuthi luke lwaqhwakela lungelinye lamaqembu adlala kule sigaba adlala ibhola elithakaselwayo njengoba ngaso sonke isikhathi lisuke lidla utshani.
UThongathi luzovakashela iPirates ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, kuthi iNatal Rich boyz ivakashele Amakhosi ngeSonto ngo-5 ntambama.
UThongathi, olucijwa nguPapi Zothwane, lusendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-16, emidlalweni elishumi.
Uthongathi oluguqise iRichards Bay ngo 1-0 kowomkhaya ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto, luzodudulana neCape Town Spurs eParow Park, eKapa, ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.
UThopola, oyibamba emuva kwesokudla kwiChilli Boys, kuvela ukuthi angase ajoyine iPirates esemkhankasweni wokuqinisa isikwati sayo ngenhloso yokubuyisa izinsuku zenjabulo kubalandeli bayo. EZimnyama sezivele zithathe uThamsanqa Sangweni kwiChippa. Ngeledlule kuvele ukuthi iChilli Boys ibuyisele kwiPirates uJustice Chabalala ebimbolekile, yona yathola uMahlatsi Makudubela nonozinti uBrighton Mhlongo. Kuvela nokuthi owayengukaputeni weChippa uJames Okwuosa waseNigeria angase aphindele kuleli qembu likaSiviwe Mpengesi.