input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthishomkhulu waseBizimali High, uMnuz Ntando Ntuli, uncome abafundi besikole sakhe nothisha athe phezu kokuba befunda ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba kuyisikole esintula ingqalasizinda kodwa bahleze bephokophelele ukuthola imiphumela emihle. |
Uthishomkhulu waseGijima Primary, uNkk Nonhlanhla Nkosi, ubonge wanconcoza okwenziwe ngabemboni yamatekisi kule ndawo. “Sibonga kakhulu ngokuthi banikele emphakathini. Lokhu kuyakhombisa ukuthi umphakathi abasebenza ngawo bayawazisa. Bathembisile ukuthi bazophinde babuye basilekelele ekulungiseni isikole,” kusho uNkk Nkosi. |
Uthishomkhulu waseMenzi High, uNksz Muntu Ntombela, uthe sebevivela izivivinyo ngoba bayiqeda ngoJulayi isilabhasi ukuze abafundi babe nesikhathi esanele sokubuyekeza umsebenzi wabo. |
Uthishomkhulu waseMgaga High usamukele ngezandla ezifudumele futhi wawuthakasela kakhulu umbono wethu. |
Uthishomkhulu waseThekwini Tvet College, uMnuz Nkosinathi Mchunu, uthe kungamampunge ukuthi umufi ushone ngemva kokuqhinqa ngaphandle kwesikhungo nezinye izitshudeni. |
Uthi sikhathini esiphambili ubengingaphansi kohlelo lukaJean Verster kusukela ngo 2015. |
Uthi sinzima ngempela isimo kangangokuthi akazi ukuthi athathe ini ayihlanganise nani. Ukhale ngokuthi mincane kakhulu imicimbi yokujabulisa abantu ngenxa yeCovid-19. Uqhube wathi ngenkathi ekhipha le ngoma wayengenayo inkontileka nenkampani kodwa kuthe ngemuva kokwenza ingoma wabe esesayina inkontileka yokusebenzisana ne-UJU Records. |
Uthi ubaleke wayongena kuyona le moto bamyeka babaleka wathola usizo. |
Uthi uBaxter ungumuntu osebenza kanzima kanti uyazinikela ngakho konke emsebenzini wakhe, ngakho uzoqhamuka nalo iqhinga elizomtakula. |
Uthi ubebuya lapho esebenza khona esitolo sokudla esisedolobheni eThekwini, ehla ebhasini ngesikhathi egconwa abafana abathathu bembuza ukuthi uphuma endodeni yini njengoba ehamba ebusuku kangaka. |
Uthi ubechitha isikhathi ngokufunda, ezimbandakanya nabantu abaphumelele nabazikhandla ngemfundo edlala ne-chess abebuye angenele imincintiswano yayo. |
Uthi ubeqengqeleza phambili ekilasini ngoba ubesesuke eyazi into efundiswa uthisha. Ngesikhathi sezivivinyo uthishomkhulu ubathathe wabahlalisa ngaphakathi esikoleni, befunda kuze kushaye u-11 ebusuku nsukuzonke. |
Uthi ubesaba ukuxoxela abantu ngaleli phupho lakhe ngoba ubefuna ukuthi uma efeyila, aphoxeke eyedwa kunokuthi ahlekwe. |
Uthi ubesebenza nje enganake lutho kwafika amagatsha kuye emcela ukuthi aphakamise isandla amfuna kwesikasihlalo. |
Uthi ubesethempelini, iDumiseka, oThongathi ngaphambi kokuba athole isikhundla sokuba wumshumayeli wohambo. Uveze ukuthi usezame kaningi exhumana nabantu abehlukene ebandleni ukuze kulungiswe udaba lwakhe, waze wazama nokuyobona uNyazi, kwasho ukuthi lumatasa nomsebenzi. Ukhale ngokuthi inkinga yakhe iwuphethe kabi nomndeni wakhe, kawusakwazi nawo ukuya esontweni, sekusontwa kwakhe. |
Uthi ubethenga ugesi esitolo sendawo, wabuzwa ngamaphoyisa ukuthi wenzani, wawachazela ephethe nephepha elifakaza ukuthi ubethenga ugesi. |
UTHI ubezitshela ukuthi sishutha ivideo yomculo isithandwa sakhe esiwumculi owesifazane obethenjiswe uDumi Mkokstad ukuthi uzomlobola, ngesikhathi kuvela izithombe zakhe eshada nodokotela waseMgungundlovu kuleli sonto. |
Uthi ubhodisi ongakulingani wenza ukuthi udonseke nasemhlane. Kuqala ngokuthi kudonseke indawo engasezimbanjeni (rib cage), okugcina ngokuthi kuthinteke nomgogodla bese ugcina uzwa ubuhlungu emgogodleni. |
Uthi ubhodisi owakhelwe ukujima, wenziwe ngendlela yokuthi namahlombe awalimali uma ugijima noma ushwiba umzimba kakhulu, kanti ojwayelekile ungena ugxile enyameni uma kwenzeka lokhu. |
Uthi ubona kufanele linikwe ithuba ngoba ikomiti lesikhasahana lisuke linikwe umsebenzi futhi lilindeleke ukuthi lisheshise lihambise umbiko kanti amakhomishini nabezomthetho bathatha isikhathi eside. |
“Uthi ubuka amanye amaqembu edlala, ubuqumuqumu ibhola lifuqwa phambili kungene igoli. Akukhali makhwelo okuyilona ibhola lakuleli, uze uzibuze ukuthi kanti ngenzeni engaka kungekho ozayo ethi woza uzoqeqesha iqembu lethu ngoba sicabanga ukuthi ungumqeqeshi omuhle. Angisho ukuthi angiqashwe, sengisijwayele lesi simo. Kodwa hhayi suka,” kusho uMalesela. |
Uthi udaba lwakhe lwabakhathaza kangangoba baze bayolibika emaphoyiseni aseXobho, nawo enza konke okusemandleni kodwa kwangaba khona okutholakalayo ngokuduka kwakhe. |
Uthi udaba useke walufaka kubameli bakhe kodwa bangamphatha kahle manje usehlela ukusebenzisa omunye ummeli. |
Uthi udansa nezikhulu ze-ANC aze akhase phansi ajuluke kodwa lutho imali. UMbuyazi uthi kuvele kwathi akazisakaze phansi ezwa ukuthi kunomculi waseGoli osanda kunikwa yi-ANC uR6 million ngokuqopha izingoma zayo yena ebe ezamula aze acwebe izinyembezi yindlala. |
UTHI udinga ukululekwa ingqondo u-Amanda "Jackie" Mcobothi, osola uDJ odumile waseThekwini ngokumqeda ngesibhaxu ngesikhathi besajola. |
Uthi udlala ngegeja kuziliwe ngoba usemfake kubameli bakhe. |
Uthi udonsa kanzima njengoba, ethanda engathandi, kumele adayise ukuze azothola imali yokuthenga okuya ethunjini |
Uthi ufike amaphepha ezimpendulo ayebhalwe yingane yakhe ayecele ukuwabona abesekhona yize kwakuthiwe ayimfihlo yesikole. |
Uthi ufisa umengameli aphinde akhulume ngendaba yokuqeda amaLabour Brokers. Udaba lwaka-Eskom alusalanga ngaphandle njengoba ukucinywa kukagesi kulimaza izimpahla emakhaya. |
Uthi ufuna umhlaba kumnandi nje ukuthi nginendawo yami yona le engenziwa lutho, kwephucwe abantu abebesebenzisa umhlaba. Bengingafisa ukuthi sike sivule amehlo ke sicabange ngenye indlela. |
Uthi uhambe kahle indlela yonke, uthi inkinga iqale ukonakala uma esehla eMelmoth okuyilapho ahlangabezane khona nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili. |
Uthi uhlala nomakoti ababili bamadodana akhe nezingane zabo kanye nalezi ezintathu aziholelayo ezashonelwa ngabazali bazo. Ubaba wazo washona ngo-2014, unina walandela ngo-2019. |
Uthi ukhiphe imali eshisiwe kwelashwa ingane njengoba ike yagula, wasebenzisa uR14 000 ezibhedlela ezizimela. |
Uthi ukhule azi ukuthi uhlukile kwabanye abafanyana ayekhula nabo. |
Uthi ukhulele emndenini omkhulu. Ubehlala noyisekazi, unina omdala nezingane zakwabo. Unina akaseko emhlabeni sekusele uyise. |
Uthi ukuboshwa kuka Mnuz Jacob Zuma kuyichilo kuhulumeni wentandoyeningi, naseqenjini elibusayo. |
Uthi ukudlala ngaphandle kwabalandeli kuhle futhi kubi. |
Uthi ukuhlasela kweCovid-19 kumnikeze ithuba ngesikhathi kusamile ukufunda waqala wangenela inhlolokho, ethumela ama-video ezinkampanini ezahlukene. |
Uthi ukujima ekhaya kulula kakhulu kulezi zinsuku njengoba nezingane zihlale zikhona. Ningajima njengomndeni nidlale umajahana egcekeni niphinde nidlale nomabelethana. |
Uthi ukulala nobhodisi kuyakuthikameza ukulala, ngisho uphenduka usuzumekile, ukubambeka kwamabele kungenzeka kukuphaphamise uzithole usuqwasha. Uthi kuhle ukugqoka lolu hlobo lwempahla yokulala ngezinsuku ezikhethekile kuphela, kungabi yimpilo yakho. |
Uthi ukungakwazi ukuphimisa kahle amagama esiZulu kucishe kwalimaza ikusasa lakhe kulo mdlalo, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9.30 ebusuku. |
Uthi ukuthandwa kwayo kubavulele iminyango njengoba bemenywa kuzona zonke izinkalo zezwe. Uveze ukuthi ngempelasonto bebeseLimpopo futhi bazoya e-East London. |
Uthi ukuvuleleka kwemisebenzi eminingi kanye kanye kumnika ingcindezi njengoba eseqokelwe ukuba umethuli wohlelo lwangeSonto ntambama i-Icon Discovery esiteshini seDStv iMoja Love. |
Uthi ukuze athole ukuthi uyise uthandana nomkakhe, uhletshelwe ngomunye wasendaweni. Uthi wamshayela ucingo ethi akazobona uyise eqabulana nomkakhe endaweni ebuqamama nakubo. Uthi ekubeni yena ubazi ukuthi uZinhle uye edolobheni. |
Uthi ukuzijwayeza ukwenza igilosa uziphekele wena ekhaya ozokudla, uhlele usuku nosuku ukuthi uzodlani, kubaluleke kakhulu uma ufuna ukunakekela umzimba wakho. |
Uthi ukuzinikela kwakhe kwenziwa wukuthi akafuni ukuthi umhlaba ababuyiselwe wona utholakale ungasasebenzi, nokuyinto ake ayibone yenzeka kwamanye amapulazi abuyiselwe kubantu. |
Uthi ulale inhliziyo yakhe iqaqamba ngenxa yobuhlungu bokwenzelwa phansi “nguhulumeni wethu. Senzeni engaka size siphathwe kanje,” kuphetha uLinda oseneminyaka engu-40 eyibambile kule ndima. Leli ciko laqala ukulingisa emidlalweni yeshashalazi kaGibson Kente ngeminyaka yo-1980. |
Uthi ulimale edolweni, endololwaneni nasemqaleni abam’bambe ngawo. Uphinde walahlekelwa izikhiye zakhe zasendlini namakhadi asebhange. |
Uthi ulimale ngesikhathi umphakathi ubhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela ngenyanga eyedlule. |
Uthi ulungisa umsamo usho kwayena uyimbudane yokudideka ngokungaqondi nokwazi isintu sithini. Akukhona-ke ukuthi uthi uyaphuma uyolungisa kanti kwalapho uthi uzolungiselwa khona kwakhona ulwazi nesintu nomsamo akwaziwa, yeka ukuqondwa? |
Uthi ulungiselela ukuphuma kwefilimu alingisa phambili kuyo ethi Ithemba Lami. |
Uthi ulwandle beluvaliwe kungavunyelwe muntu ngoba kusavalwe izwe ngenxa yeCorona. Lokhu kudale ukuthi ngesikhathi egwiliza u-Oscar, angasheshi ukuthola usizo ngoba izinhlambi azikho. Kuthiwa abangani bakhe basashaqekile ngoba isigameko senzeke phambi kwabo. |
Uthi uma ekhuluma, kuzwakale ukuthi yinto ayaziyo njengoba enomlando wezinkakha ezifana noSarel van der Merwe oyingwazi yezimoto zomjaho kuleli. |
Uthi uma ngabe abantu bakuleli bekholelwa kangaka ekutheni wonke umuntu ocebile unenyoka, pho bona balindeni bengalandi ezabo. |
Uthi uma sebemtholile umzali yilapho, eyobe esephendula yonke imibuzo ayobe eyibuzwa yingane yakhe, neyaholela ekutheni aze ayilahle. |
Uthi uMasutha ubengeyena umqeqeshi ngokugcwele njengoba bengazange bamethula ngokusemthethweni njengokujwayelekile uma kuqashwa umqeqeshi. |
Uthi uma uyifly half udinga ukuthi uhlezi ukhuluma nabanye abadlaliubatshela ukuthi kufanele benzeni. Usho lokhu uDube nnjengoba ngesonto elidlule iqembu lakhe lifike kumaSemi Final omncintiswano lwamaSevens abeseThekwini. |
Uthi umfaka esicathamiyeni nakhona azixoxele kalula nezinsizwa kanti nakwi-reggae umuzwa ekhuluma no-sistren no-jahman ngolimi lwabo |
Uthi uMkhize ukhiphe inyumbazane indawo yaseMgangeni neyaseGcwaluphiwa ngesikhathi aba izindlu ezizokwakhiwa kule ndawo. |
Uthi umngani wakhe akazange aphindisele kodwa kunalokho wamshiya namazwi ayethi: ''Kulungile mngani wami kodwa ngelinye ilanga uyongikhumbula." |
Uthi umngani wakhe wamtshela ukuthi makavule amehlo, kukhona okudla amantshontsho emsamo. |
Uthi umsindo ususwe wukuthi baningi abaziyo ukuthi konke lokhu kungenxa yokuthi uJust Ice akezwani nomphathi wezinhlelo. |
Uthi uMthembu wenza omkhulu umsebenzi wokulwa nabadlali basemuva bamanye amaqembu okungeyona into elula. |
Uthi umthombo le ntokazi isathuthumela emuva kwalesi sigameko iyabonakala ukuthi kusazothathaha isikhathi ukuyedlulisa le nto eyehlele. |
Uthi umufi ubengelinye lamalungu ebhodi lakwa-IFA futhi ephambili kwabasabalalisa bhizinisi. |
Uthi umuntu eqala nje ngakho kodwa sibe sesimgxeka sibona izici. Hhayi ngoba esuke ebheda kodwa sivala izindlebe singafuni ukuzwa okuhle ngoba nakhu isithandwa sethu singangenanga ohlelweni ebesisuke sisibheke kulo. |
Uthi unake ngoba esexwayiswa umzukulu, esemtshela ukuthi uyabona yini ukuthi usisi wesesitolo impilo yakhe ishintsha ngendlela esolisayo, wakha isithabathaba somuzi, uthenge imoto, ifenisha, usenama-weave abizayo, iTV nokunye. |
Uthi unenselelo yokukhuphula isibalo sabalandeli bohlelo lwakhe olusha njengoba abalaleli balolu hlelo bengakamjwayeli. |
Uthi uPalmer wayezongena emabhukwini omlando njengomunye wabagadli abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika. |
Uthi uqale ukusebenzisana neSilo ngo-2015 ngesikhathi ekhethwa eba nguSihlalo weZulu Royal House Hold Trust. |
Uthi usabhekene nezingqinamba eziningi kulo msakazo njengoba esakaza lolu hlelo abuye abe umdidiyeli walo. |
UTHI usashaqekile owesifazane osinde kumuka itekisi abeligibele nabanye abagibeli, ngoMgqibelo ntambama ngenkathi liwela ibhuloho, lilibangise eMngwenya, ePhofini. |
Uthi usazogeqa amagula ngalolu daba. Umphathisiteshi uMfu Hebert Mncube uthe umisiwe uZulu kodwa wacela kuthintwe umphathi wezinhlelo kulesi siteshi, uMandla ‘Big Show’ Dumakude. |
Uthi usegqigqe eposini, emahhovisini akwaSassa nasemaphoyiseni kodwa akalutholi usizo. |
Uthi usegqigqe nakubantu ababonayo waze waba mfishane. “Bangaphezulu kuka-15 abathandazi esingibahambile,”kuchaza okhulelwe. |
Uthi usehlale ehleka kuze kube sengathi akakaze avelelwe yilo mshophi. Uzichaza njengowesifazane onamandla ngenxa yobudlelwano obuqinile noNkulunkulu. |
Uthi useqala nokulahlekelwa yithemba usemanqika ukuthi kukhona yini ongamsiza kule ngwadla abhekene nayo. |
Uthi useyabona manje ukuthi uyise wayezilobolela yena futhi nangesikhathi egiya wayejatshuliswa ukuthi “’usenentombi.’’ |
Uthi ushadile futhi unonkosikazi wakhe amthanda kakhulu. Banendodakazi eyodwa. |
Uthi ushayele i-ambulensi wahlala isikhathi eside ingafiki. |
Uthi ushelwa umuzi nje, akasebenzi uphila ngempesheni yokuguga kanti iboshiwe nendodana yakhe ebikade imsiza eyiphoyisa eMargate. Uthi indodana iboshwe ngemva kokuthi idubule, ibulale enye indodana yakhe ebingunogada futhi usola ukuthi baqhathwe yindodana eyisangoma. |
Uthi usuku nosuku bengamtholi lunzima emndenini ngoba abakwazi ukuqhubeka nempilo bengazi ukuthi kwenzakaleni kuyena. |
Uthi uthe esababaza lokho uMbhishobhi Sangweni wavele wagixabeza intombi yakhe ngomakhalekhukhwini weqophelo eliphezulu i-Sumsung A11 galaxy ebiza u-R3500 esitolo. |
Uthi uthemba ukuthi uMthembu uzoqhubeka nokukhonya. |
Uthi uthe uma ehla nje wabonwa ngosomatekisi baseMelmoth abevile kwabahlanu. |
Uthi uthe uma esebuya kwaba khona ilungu leNFP lakulo muzi elimumisayo, lifuna ukukhuluma naye. |
Uthi utshelwe ukuthi indodana yakhe ibanjwe bukhoma kulo muzi igibele imfene, imfene yabaleka yangena ehlathini. Uthi amalungu omphakathi abesho ukungena kulo muzi efuna imfene okuthiwa ifuywe nguninakhulu womfana. |
Uthi utshwala buzokwenza ukuthi izibhedlela zingakwazi ukumumatha umthamo wabantu abadinga usizo lwezempilo uma sebehaqwe yicoronavirus. |
Uthi uvukile waphumela phandle eyobheka ukuthi kwenzekani kanti uzozithela phezu komuntu wesilisa obebomvu tebhu yigazi enamanxeba okugwazwa amaningi emzimbeni. |
Uthi uyagadla kanti izinduku zakhe zomile zavele zephuka kwazise ubegadla kumuntu osemkhakheni onjengowakhe. |
Uthi uyamazi kodwa uBaxter lo mdlali noma waphoqwa ukuthi ahambe naye ngoba ehlabane ngokuba wumdlali wonyaka? |
Uthi uyaqonda ukuthi izingozi eziningi zenziwa izephula mthetho ngamabomu. |
Uthi uyazifela ngokupheka kanti akasakhumbuli ukuthi waqala nini ukusiza unina ekhishini kodwa akukhumbulayo wukuthi wayesemncane, kangangoba unina wayenqaba ukuthi enze ezinye izinto ayefisa ukuzenza ngoba esaba ukuthi uzolimala. |
Uthi uyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi awenzile kanti amazwi kababa uJoseph Shabalala weBlack Mambazo (ongasekho) yiwona amsizile ngoba bekungekho lula ukwenza lo msebenzi. |
Uthi uyazi ukuthi abantu bamazi njengembongi kodwa bebengazi ukuthi selokhu kwathi nhlo, uyazifela ngokulingisa. |
Uthi uye emahhovisi eThuba ukuze ayothola izindodla zakhe. “Bengicwile ezikweletini. Yimina owondlayo ekhaya. Ngaphambi kokudlala ngafaka ithikithi ebhayibhelini engalinikwa umngani ngahlaba phansi ngedolo, ngathandaza ngicela ukuthi angisize uMdali kuphele izinkinga zami.” |
Uthi uyisakhamuzi nje esithanda ukuba phakathi kwabanye abantu aphinde alalele nosizi lwezitshudeni. Uphinde wacacisa ngoxhaso lwakhe lwemali, wathi isimo somnotho siyabheda futhi izinkinga zakhe ziningi, kuzoba nzima ukukhipha imali. |
Uthi uyise omzalayo, uMnuz Themba Khumalo (58), wayejabule kuhle okwengane ibona amaswidi ngesikhathi ziwushaya phakathi kwakhe nomakoti wakhe. Emshadweni uthi uyise wayegiya aze amhashe ngezibongelo zakhe, aphinde adanse. |
Uthi uyise wamxhasa ngesamba esikhulu semali ngesikhathi eyolobola umkakhe. |
UTHI uyoyixoxela amagwababa echobana owesilisa waseZimbovini, KwaMaphumulo, othe eyovula ikhawunti ebhange watshelwa ukuthi umazisi wakhe uvaliwe ngoba ukhomba ukuthi ungowokudabuka eZimbabwe ukuleli ngokungemthetho. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.