input
stringlengths
1
130k
Uthi ngaleso sikhathi wazama ukudlubulundela kodwa lo thishomkhulu wamehlula ngamandla, wamdlwengula emcindezele phezu kwe-generator (wawela kuyona ezama ukubaleka).
Uthi ngaleyondlela kuze kube yimanje awukacaci umkhombandlela ibhola lethu elizohamba ngawo ngale sizini.
Uthi ngalolu hlelo abantu, yize bemazi uKhuzani, bazobona umfana osemncane ngomculo, obambe umndeni wakhe ngamazinyo wawunika konke okudingayo.
Uthi ngaphambi kokuba uMbhishobhi Sangweni anyomfe uthando lwabo bebephila kamnandi kuheleza umoya wothando lweqiniso phakathi kwabo bobabili.
Uthi ngaphambi kokuthi lo mdlalo uqale uBongi Ndaba owubhalile waqala wacwaninga kubantu abenza lo msebenzi ukuze umdlalo ungashayi eceleni.
Uthi ngaphandle kokuqinisa ezokuphepha kuma-akhawunti amakhasimende abo basebenzisana nePayment Association of South Africa (Pasa) neSouth African Banking Risk and Information Centre (Sabric) ukulwa nale nkinga.
Uthi ngaphandle kwenkece ayenze ngebhola, zikhona nezinye izinto emaceleni ezimfakela imali.
Uthi ngawo u-2019 kwavela ithuba eliyingqayizivele lokuthi aye e-USA ayomela leli emcimbini owabe ubizwa ngeWomen Empowerment Through Sports Journalism.
UTHI ngeke aphawule ngezindaba ezivele emaphephandabeni ayizolo zokuthi uxoshiwe eMabala Noise umrepha osematheni kulezi zinsuku. URikhado “Riky Rick” Makhado, Isolezwe NgeSonto elibike udaba lokuthi uxoshwe kulesi sitebele ngemuva kwenkulumo ayenza emcimbini wamaMetro Awards.
UTHI ngeke aphumule engakabutholi ubulungiswa owesifazane waseMlaza othi washiswa yisoka lakhe ngamanzi abilayo eyolanda imali yesondlo.
“Uthi ngelinye ilanga lomdlali uyafisa ukumbona edlala noSiphesihle Maduna ongomunye wabadlali abancane abasayinwe AmaZulu.
Uthi ngemuva kwalokho uSomizi wamjaha ngemoto walimaza neyakhe njengoba amshayisa ezama ukumkhipha emgwaqweni.
Uthi ngemuva kwalokho wasebenza njengetoho kodwa kwathi kusenjalo isikole saphinde sakhangisa ngezikhala ezimbili zika-post level 2 weZilimi nezokuXhumana.
Uthi ngendlela okubi ngayo, abantu sebehlale bekhuluma ngaye, ngisho nezingane sezamphendula ihlaya.
Uthi ngesikhathi behlangana inkukhu yawusola umgqakazo, ebona sengathi lo wesifazane usekhulelwe.
Uthi ngesikhathi bematasa bemthungatha, bathola ukuthi wayekade egcine ukubonakala nomunye wesilisa wakhona eFolweni behamba ngemoto.
Uthi ngesikhathi bezama ukuyombulala, uphunyukile endleleni ebona enye imoto imi ngasendaweni yokucima ukoma.
Uthi ngesikhathi efihle ikhanda kule ndlu yeBosasa wayehambele umcimbi we-ANC iSiyanqoba rally kukhankaselwa ukhetho lohulumeni bezindawo luka-2016.
Uthi ngesikhathi eyohola esikhungweni ngoDisemba nyakenye watshelwa ukuthi kukhona oyikhiphile le mali ngayizolo.
Uthi ngesikhathi ithimba licela izitifiketi zemfundo, ziyime emthumeni ezikhulwini, kwavela nokuthi iningi lazo laqashwa ngezitifiketi zika-matric kuphela.
Uthi ngesikhathi umuntu ezikhuhla ngethawula, kwanda namagciwane ngoba lisuke lomile lithintwa nayizandla ezingahlanzekile.
Uthi ngesonto eledlule baphoxekile bezwa ukuthi iMbombela itshela abantu ukuthi sayibamba inkunzi.
Uthi ngokuqala kwale sizini iPirates ikwazile ukusayinisa abadlali abanjengoChabalala (Justice) noSikhakhane (Thembela) okuyizitobha ezinekhono, kodwa ibisalokhu imdinga umdlali onamava njengoSangweni noma uLekgwathi emuva maphakathi nendawo.
UThingolwenkosazana lwalungahambisani nokushaywa nokuxoshwa kwabantu esontweni noma ngabe benzeni. Lwaluze lusho luthi mina angixoshi muntu ngoba nobaba abazange baxoshe muntu. Kodwa manje lokhu sekuyinsakavukela nje ebandleni. Siyibandla siyamangala ukuthi sekuyisonto elinjani kanti leli uma selinjena. Ngiyafisa ukuthi nesigungu esiphezulu silusukumele ngokukhulu ukushesha lolu daba lwalaba bagcotshwa, babuyiselwe ebandleni nabo bakhonze.
Uthi ngoMsombuluko, bavukele esiteshini samaphoyisa saseMlaza abahambe nawo baya emakhazeni ePark Rynie, beyobheka isidumbu.
Uthi ngonyaka odlule ubesethi khumu kodwa kwaba nezinkinga ezidale ukuba acelwe ukuba aqhubeke.
Uthini uMthethosisekelo ngokukhishwa kwezithombe ezinyantisa igazi kanje zabantu enithi benza umsebenzi obucayi.
“Uthini uNathi Mthethwa? Kufanele silahlekelwe ngeminye imiphefumulo ukuze avuke emaqandeni?”
Uthini uNgqongqoshe woMnyango nalabo abaphathiswe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uma kubandlululwa izingane zabantu ezihluphekile?
Uthi njalo uma lina izulu, ubengalali ahlale kuze kuse ngenxa yokwesaba ukuthi indlu izohamba namanzi.
Uthi njengamanje uthandana nentokazi ewuZandile Shezi (30) yaseMnambithi eyiPhysiotherapist.
Uthi noma kungathiwa kwenzekani, uyachuma kwezokungcebeleka kodwa isoka akalidingi empilweni yakhe.
Uthi noma ngabe kukhona abangathandi kodwa i-EFF ifike nepolitiki eyehlukile ezweni.
Uthi nomphakathi ubuya ulambatha uma uyothungatha emapaki, emihosheni nasemahlathini. Lokhu kwenza wabuyela eMtshebheni wayovula icala lokulahleka kukaNco.
Uthi nowesilisa athandana naye useze waliphonsa ithawula lokuthi uyoke ambone umntwana wakhe.
Uthinte abaningi ngoLwesihlanu ekhuluma ngesimo sasekhaya emcimbini wokuhlonipha abafundi abawu-50 abephakathi kwabo.
Uthinteka ekubulaweni kukaMnuz Simphiwe Ndebele (26), owadutshulwa entathakusa yangoJulayi 29 2018.
UTHINTEKILE umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ngokusula isigubhukane njengomqeqeshi we-Orlando Pirates kobeyimbangi yakhe uMilutin “Micho” Sredojevic.
Uthinte nendaba yamabanga amade abawahamba beya esikoleni wathi kumele uhulumeni enze imizamo.
Uthinte nendaba yeBrexit wathi elakuleli linobudlelwano obukhulu ne-UK
Uthinte nendaba yokudalwa kwamathuba omsebenzi, okungenye yezinto ezihlupha kakhulu abantu bakuleli.
Uthinte nendaba yokuxega komthetho wezwe, wathi nawo unomthelela odlameni olubhokile ezweni.
Uthinte nodaba lothisha bakwaGrade R abakhala ngamaholo, athe lokhu ukushiyela kwabezemfundo, akholwa wukuthi bazolungisa.
Uthintiwe uTshabalala ukuthola uhlangothi lwakhe kodwa wathi akukhulunywe nesikhulu esiphezulu uKhumbulani Khonco.
Uthintwa ngalokhu uMnyango weMpilo KwaZulu-Natal uthumele isitatimende esithi uyaxolisa emindenini ephazamisekile ngenxa yezimo ebezingalindelekile emakhazeni akuGale (Maphalala-Magwaza) Street. Uyaqhubeka nemizamo yokuqinisekisa ukuthi izinkinga ezikhona ziyaxazululeka ukuze imindeni elahlekelwe ikwazi ukufihla.
Uthintwa umndeni wakaNksz Mkhwanazi, uthe awunakho okutheni ongakusho ngoba nawo udaba oluphelele mayelana nesigameko uluzwe ngomndeni kaNksz Mbuyazi.
Uthintwa umndeni wakwaDlamini, ukuqinisekisile ukuthi uthathiwe lo wesifazane.
Uthi nyanga zonke ubekhipha uR1 500. Aphinde athengele ingane izingubo zokugqoka nokudla.
Uthi obekumenza anyamalale kwithelevishini ukuthi ubesematasatasa ngomculo njengoba eyilungu leqembu, i-Afro Soul, abambisene kulo noSergeant Malishe noSabelo Ngema. UThandeka uthi kuyintokozo kuye ukuthola ingqayizivele yethuba lokulingisa kwi-Ehostela ngoba uphinde wahlangana nozakwabo aseneminyaka esebenza nabo.
Uthi obekusemqondweni wakhe kakhulu emqondweni wukuthi uma iCaf ibingakwazi ukuxazulula inkinga ebisobala ukuthi kudlalwa ngemiqondo yabo, bekuzosho ukuthi akabuyeli ekhaya kuze kube kuphela izinsuku eziwu-10 esemgonqweni, ezweni lokuhamba.
Uthi okubenza baqine idolo yindlela ngalesizini ngokuthi nabo bangasithatha isicoco seligi kungenxa yokuthi alikho iqembu kulawa akhona elifana neHighlands Park ngesizini edlule.
Uthi okubuhlungu kakhulu abesifazane abenza lokhu nabo banezingane okungenzeka zibe nenkinga yesikhumba.
Uthi okubuhlungu wukuthi kunempahla yakhe ekomakhelwane bakhe ayibonayo. Uthi sebeyashalaza manje uma behlangana naye endleleni. Abanye uthi sebesaba nokumbingelela.
Uthi okufike kube nzima kakhulu wukuthi uma ehamba, kufanele abelethe udadewabo oneminyaka emihlanu ubudala. Uthi okumenza athwale kanzima kakhulu, wukuthi lolu hambo olungu-16km kufanele aluthathe noma elambile enjalo. NaseNingizimu Afrika sesingasho ukuthi lokhu okubizwa ngenhlekelele kwezokudla, sekufike qathatha.
Uthi okumcasula kakhulu wukuthi abasemtholampilo bamnika amaphilisi bengamhlolanga amaphaphu, kwathi noma ekhononda ngamaphilisi bathi yinto encane emgulisayo izodlula.
Uthi okumenza afise nokuzibulala wukuthi akakwazi ukubhalisela impesheni yabakhubazekile ngenxa yokudembesela kwamaphoyisa ukubopha umsolwa, okungenza kuqaqeke izinto avuswe kwabafileyo bese ehola impesheni.
Uthi okumfaka amanzi emadolweni ukuthi njalo uma lina izulu, umhlabathi uyaguguleka kuvuleke ugabagaba lwemigodi egcekeni elokhu isondela endlini.
Uthi okumkitazayo wukukhula kwabadlali nokuqhubeka kokulokhu beba ngcono njengoba isikhathi silokhu sihamba.
Uthi okumphatha kabi ukuthi “inkabi” ayibange isabona ukuthi yingane le eyidubulayo futhi kuyacaca ukuthi ayimazi.
Uthi okumphethe kabi wukuthi ifoni beyigcwele izinto ezisemqoka okubalwa kuzo imisebenzi yesikole nokunye akusebenzisa uma efaka izicelo zemisebenzi. "Emuva kokubulala ifoni yami ungigxavunile maqede wangiklwebha ebuseni. Kubuhlungu uma sizolinyazwa ngabantu esibakhonzile nesibukela kubona."
Uthi okunye okumenze wavuma ukusebenza noMasheshisa, ukuthi ubone kuyisu elihle ukuthi njengoba engumbhali wenzincwadi, ashintshe asebenzise izwi lakhe kunokubhala ngoba abantu bakuleli seNingizimu Afrika babukeka benqena ukufunda izincwadi.
Uthi okunye okushaqisayo wukuthi uthisha omfundisayo uveze ukuthi umgcine eyochama wangabe esalandelela uma embona engabuyi.
Uthi okunye okwenza asabe wukuthi bambuza ukuthi iphi enye i-laptop ngoba mabili.
Uthi okuyikhona okubadida kakhulu ukuthi wanyamalala engaphethe lutho, washiya konke okumqoka okubalwa kukhona umazisi, amakhadi asebhange nokunye.
Uthi okwakwenzeka ePhoenix kwakugqugquzelwa ubandlululo lwangokobuhlanga.
Uthi okwenza wonke amalungu e-ANC asihalele ukumenyezelwa kokunweba komgwaqo owuthelawayeka phakathi kweTheku noMgungundlobu, okuthiwa uzodla izigidigidi zamarandi.
Uthi okwenze waqala omunye umkhakha wukubalekela ukusebenza ngoba bekuzodla isikhathi sebhola.
Uthi owesifazane umzimba wakhe okhiqiza isikhuthazi semvelo esifinyelela ku-10nmol/L (nanomoles per litre) akasavumelekile ukugijima ibanga elingu-400m, 800m no-1500m. Uma ezimisele ngokuqhudelana nezinye izintokazi kula mabanga kumele asebenzise amaphilisi okudambisa iTST emzimbeni wakhe.
Uthi ozakwabo babemphendula ngokuthi banesizungu emakhaya yingakho bebuyela emsebenzini.
Uthi phambilini uqalile kodwa ukungabi nemali eyanele nokukhathazwa wukungangeni kwemali, kwamdikibalisa.
UThirona Moodley weNational Prefessional Teachers Organisation of South Africa, uthe othisha abajabule neze ngalesi sinqumo.
Uthi sam’bamba lesisu simkhipha waze washiywa yibhasi lokuqala ayevame ukulithatha. Ngenhlanhla wakwazi ukulinda waze wathola ibhasi elilandelayo. Ujabula nje kanti akabuzanga elangeni ukuthi kusekukhulu okuzomehlela.
Uthi sebehlangene edolobheni ingane yakhe ibingakhombisi izimpawu zokuhlukumezeka futhi ibizikhululekele igcwele amancoko njengenjwayelo.
Uthi sebehlukene ngenxa yokuthi bese bephila ngokuhilizisana bebanga indaba kaMbhishobhi Sangweni athi ivele yafana nesichitho othandweni lwabo.
Uthi sebesebhange wamnikeza ikhadi, wathi akaligcine ngokucophelela.
Uthi sekuze kwaba sengathi uma ungaletheliwe izibizo awulotsholiwe.
Uthi sesifikile isikhathi sokuthi kusetshenzwe ngendlela ehlukile ukuze ibhola kwelengabadi lithuthuke lifinyilele kwelinye izinga.
Uthisha (31), owacela ukungadalulwa igama lakhe, wahlaselwa esendleleni eya esikoleni ngesikhathi emiswa umfundi esezofika.
Uthisha (40), oyiphini likathishanhloko eHlokozi High, uhlezi ukuze alulame. Kuthiwa umfundi obefeyile uGrade 9 ugwaze uthisha ngoba efuna ukudlulela kuGrade 10.
Uthisha (45), isidumbu sakhe esitholwe endlini yakhe eseGroutville ngawo uMsombuluko, ubefundisa esikoleni iTshelenkosi High kwaDukuza.
“Uthisha akahleli ekhaya kodwa uyasebenza kwesinye isikole. Ukungabi khona kukathisha wesiNgisi kumele kuxazululwe umnyango,” kusho uThompson.
“Uthisha esinekezwe yena ukuthi asilekelele kulesi sifundo ngaphabi kokuqalwa kwezivivinyo, usilekelele kakhulu. Nami bengizihlangabeza ngokuthi ngizifundele kodwa udlale indima enkulu njengoba kuwuyena obesiyalela ukuthi yikuphi okungase kuphume, ngenhlanhla okuningi kwabethe asigxile kukhona, kwaphuma,” kusho u-Andile.
Uthisha (igama lakhe eligodliwe kuze kube uyavela enkantolo) uboshiwe ngemuva kwesigameko, kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseNquthu namhlanje.
Uthisha, igama lakhe eligodliwe ukumvikela, kuthiwa ufundisa izifundo ze-Economic Management Science ne-Accounting eHlokozi High. Kuthiwa umfundi ubefuna ukweqiswa ngenkani ayofunda uGrade 10 emuva kokufeyila uGrade 9 ngonyaka odlule.
Uthisha kulesi sikole ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe kuphoqe ukuthi izingane nothisha babuyele emuva kume ukufunda ngenxa yalesi simo.
“Uthishanhloko bamumuhluza, bambhangqa nodonga, bemdonsa nangezimpahla ayezigqokile. Bathi uzomqasha ngenkani uthisha ababelwela ukuthi anikwe isikhundla. Bathi okungcono kuzohamba bonke othisha bokufika endaweni uma behluleka ukunikeza abamlwelayo isikhundla esimfanele. Uthishanhloko waze wayocashiswa, kwabizwa amaphoyisa aseKranskop,” kusho umthombo.
Uthishanhloko, Isolezwe elinalo igama lakhe, ushayelwe ucingo wathi usemhlanganweni maqede waluvala.
Uthishanhloko kulesi sikole uNkk Siphiwe Shange, uthe sekuyinsakavukela ukugqekezwa kwesikole kangangoba umdlandla wokubika emaphoyiseni sewehlile.
“Uthishanhloko kumele afake isicelo sokuthi alethelwe uthisha ozobamba isikhala sikathisha ongekho. Akukwazi ukuthi izingane zingahlala zingafundi ikakhulu njengoba kuqala ukubhala umatric ngenyanga ezayo.”
Uthishanhloko kuthiwa ubatshela emehlweni othisha ukuthi kabafundile yingakho isikole singenzi kahle.
Uthishanhloko kuthiwa ubize umhlangano wabazali ophuthumayo ngenhloso yokulawula lesi simo esikoleni.
Uthishanhloko okhona uneminyaka emithathu ebambe izintambo.
Uthishanhloko, uMnuz Bheki Kubheka, uthe lo msakazo usize kakhulu esikhathini seCovid-19 kuvalwe izwe.
Uthishanhloko uMnuz Bheki Kubheka, uthe uke waba nguNobhala weNewcastle Community Radio phambilini. Uthe isiteshi esibizwa ngeSchool FM, basivule ngoJanuwari kodwa baqala ukusebenza kahle ngoFebhuwari.
Uthishanhloko, uMnuz Bongani Mkhunya, uthe badumele kakhulu ukuthi bavule izikole ngodaba olubuhlungu kangaka. Uthe uthumele ithimba lothisha abaye kubo kaSphesihle ukuyobhonga emswaneni. Uveze ukuthi bahlele ukwenza inkonzo yokukhumbula lo mfundi namuhla.
Uthishanhloko, uMnuz Cedrick Khumalo, okusaqhilika izihlathi ngenxa yokuvelela komfundi wakhe, uthe kuwumkhuba wabo ukusheshe bavule minyaka yonke. Uthe banqume ukuthi kufundiswe * -matric owenza iLife Orientation (LO), ukuze basheshe baphothule ukufunda konyaka.
Uthishanhloko uMnuz Gugulakhe Cebisa uthe ukufunda kuphazamiseke kuphela kubafundi bamabanga aphansi njengoba lesi sikole esiseduze nemishini sixubile.
Uthishanhloko, uMnuz Mandlenkosi Bhengu, naye uficwe ematasa esabheka umonakalo. Uthe ubesesikoleni ngezithuba zabo 2 ntambama ngesikhathi kushintsha izulu, elinde amadeski abezolethwa esikoleni. Uthe naye kudingeke acashe emotweni, indlela isimo ebesibheda ngayo kodwa kungekho azokwenza njengoba bekwehla nesichotho, kuduma nezulu.
Uthishanhloko, uMnuz Mduduzi Mkize, uthe uma kuvula u-matric ngesonto elizayo akazi kuzofundwa kanjani ngoba yiwona obusebenzisa kakhulu amakhompyutha. Kusukela ngoFebhuwari sebegqekezelwe kathathu. Basola ukuthi lokhu kwenziwa ngabantu ababodwa.
Uthishanhloko uMnuz Michael William Meyer, uthe umfundi wafika kanye ngesikhathi kuvulwa izikole ngoJuni 8 kodwa wangabe esabuya.