input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthi iminjunju edalwe wukungahambi kahle kwezinto kuwo wonke amasoka abe nawo muva nje, mikhulu kakhulu futhi iyaqaqamba. |
Uthi imoto ihambe ibanga elide naye engaboni nalapho eyiswa khona, baze bamlaxaza endaweni esesigangeni futhi eyihlathi. |
Uthi impela lesi sehlakalo uyosikhohlwa efile uthi ubengazi ukuthi abantu bamatekisi banesihluku esikhulu kangaka. |
Uthi impilo yakhe ike yaba nzima kakhulu efisa ngisho ukuzibulala, kodwa uyambonga uNkulunkulu ngoba manje sekudlulile futhi uyaqhubeka nempilo yakhe. |
Uthi impilo yakhe yashintsha kabuhlungu ngesikhathi umzala esemxosha emzini wakhe, wagcina esehlala emgwaqweni izinyanga eziyisithupha. |
Uthi incwadi ibikubeka ngokusobala ukuthi umuzi ngowentombi. “Le ncwadi namanje siyazibuza ukuthi le ntombazane ikwaze kanjani ukuyenza. Phela lo muzi kuyaziwa ukuthi ngokaSfiso. Ukuthi iyithole kanjani eKhanseleni incwadi enjena, cishe yilona ikhansela elinezimpendulo." |
Uthi indaba ye-ANC wayizwa wayithanda eyixoxelwa wuyise ngezikhathi ezinzima zomzabalazo wenkululeko. Uqale ukungena esikhundleni sobuholi kwi-ANCYL, lapho akhethwa khona ukuba wusihlalo ngo-1996. |
Uthi indlela abaxabana ngayo nomngani wakhe, isandla sakhe saze saphunyuka wamgingqa phansi ngequpha. |
Uthi indodana yakhe eneminyaka engu-18 igile imihlola yakhulelisa udadawebo omncane oneminyaka engu-16. |
Uthi ingane ike yabangwa nezibi, nangaleso sikhathi kunemali abeyinikeza unina yokuthi ingane igqigqe kodokotela. |
Uthi iningi lezingane ezikhula emkipitweni zigcina zingenzelwanga izimfanelo zesiko ezifana nembeleko nokunye. |
Uthi inkinga engabhe-kana neBafana ingaba kuphela semdlalweni neNamibia ngoba yona inabadlali abaningi abadlala eNingizimu Afrika, ababazi ukusuka nokuhlala abanye babadlali bayo. |
Uthi inkinga ngodayi bezinwele, wukuthi banamakhemikhali abukhali kakhulu, enza omkhulu umonakalo, hhayi nje ejwabini kodwa anobunye futhi ubungozi abantu abangabunaki nabangabazi. |
Uthi inselelo enkulu yeqembu wukubhekana nekomiti eliqondisa ubugwegwe langaphakathi. |
Uthi into ebihlehlisa umshado, wukuthi bekumele aqale adivose nonina ukuze akwazi ukubhalisa kabusha owakhe umshado uma eseshadelwa. |
Uthi into emphatha kabuhlungu wukuthi izinto ezikhulunywa ezinkundleni zokuxhumana, zigcina zikholakala bese umuntu eba nyamanambana. |
Uthi into eyamdonsela amanzi ngomsele wukuthi wemukela abaseThembezinhle bezombona, eshonelwe yingane kanti kukhona abazomceba kwabaseBuhleni. Emuva kwalokho abasamfuni emathempelini usolwa ngokuba wumdayisi. |
Uthi intuthuko ibikhetha amabala manje bese sifikile isikhathi sokuthi kushintshwe ubuholi bakule ndawo khona kuzoba nenqubekela phambili. |
Uthi inzalo phezu kwenye ngenye yezinto ezibaluleke kakhulu ekuphatheni imali yakho. Iyinsika yakho konke ukutshala imali utshalela isikhathi esiseduze noma esikude okwenza uthole inzalo kwinzalo, njengemvula, ukwandisa imali yakho. |
Uthi iphoyisa libe selihamba naye lamyisa kwenye indawo lapho lifike lamqongqotha ngesibhamu esiphundu futhi lamshaya ngaso endlebeni yangakwesobunxele. |
Uthi isikhungo samchitha, sathi kasinazo izinhlelo zokubhalela kwamanye amazwe kodwa samvumela ukuba ahambe, bahlela ukuthi uzobhala uma esebuya khona. |
Uthi ithimba elizophenya udaba liholwa wumholi oyinkunzi esiluvava uMchunu, osanda kuphuma kwesikandunankulu wesifundazwe. Kumanje uMchunu uyiPhini likaSihlalo wekomiti elihlela, leluleke uhulumeni wesifundazwe. |
Uthi izimbuzi zabo zidliswe ngommbila othelwe ushevu obizwa ngeKarati obulala amagciwane. |
Uthi izinkomo zamalobolo nezibalwa ngamagama manje, yinto eyafika nomuntu othile owayezibhalele incwadi. Kwathi ngoba abantu bayathatheka base bekwenza isitayela lokhu. |
Uthi izithandani ezikipita zizale izingane zize zikhule kulowo mnyama, zibanga ezinkulu izinkinga. |
Uthi ke omunye umfundisi kwathi enoThingo emzini waseBuhleni lwase luthi kuyemfundisi namhlanje sengiyindoda uthi ke lMfundisi ngabe sengimbuza ubaba ukuthi kanti sonke lesi sikhathi ubaba ubengeyona yini indoda? Uthi ke lwamphendula uThingo lwathi bengiyiyo kepha bengingaphelele ngoba bengingenawo umuzi engiwakhile mina njengeNndoda yakwaShembe. Ngaleso sikhathi lwaluqeda ukwakha umuzi othe ukuba ngaphandle kwaseBuhleni lo muzi ubizwa ngokuthi kusePhalamende. Lwathi-ke mfundisi kulo muzi ngingena ngingagqokile ngisho imijiva yenkonzo. Ngifike kuwo ngenze izinto zomndeni wakithi. Uthi ke lwase luthi kepha lona akukona kithi futhi akuwona umuzi kababa Inyangayezulu kepha ungumuzi kaNkulunkulu waseKuphakameni. Mhgamanye amagama abantu abakwazi ukuthi akekho umuntu ongakhipha umuntu kubo. Labo abathi umuzi waseBuhleni ungumuzi wakubo kankosana uMduduzi banephutha futhi naye uqobo ubhuti uMduduzi unephutha uma ethi lo muzi ngokayisemkhulu (Inyangayezulu).Yingakho uThingo lwabhala ukuthi Inkosi Imisebeyelanga iyohola leli bandla iseBuhleni okuyikomkhulu lebandla. Ubhuti Mduduzi akahambe aye kubo ePhalamende akekho ozomkhipha khona ngoba uyazikhohlisa kanye nalabo ahambisana nabo. Akayeke ukwenza into azi kahle ukuthi iyisinengiso koyisemkhulu ngisho nakuyise uqobo. |
Uthi kodwa akathandi ukuhalaliselwa ngalesi sikhundla ngoba akusona isikhundla abekade esilandela efuna ukusithola. |
Uthi kodwa baphila ngokuthi uma kukuhle ungajabuli kuze kweqe nokuthi uma kukubi ungalilahli ithemba. |
Uthi kodwa ezinkundleni zokuxhumana usekwenze kwaba wumsebenzi wakhe ukufundisa abesifazane ukuthi bangayilungisa kanjani imizimba yabo, ibe yile nto abazothi uma beyibuka esibukweni, ibachaze. |
Uthi konakala ukuba axoxele izinsizwa ezimbili esontweni ukuthi kunemali ayitholile. Zaqala zasondela kuyena zimtatamisa ngemoto uma ehamba |
Uthi konke lokhu kuqale ngesikhathi ekhulelwe amawele, okungoNtandoyedlozi Buwuze noMelizwe Bubelebenkosi. Uthe waqala ukuhlukumezeka ngaphambi kwamasonto amabili azi ngokukhulelwa kwakhe. |
Uthi kubaluleke kakhulu lokhu ngoba ungathi uzama ukwehlisa izicofi cofi ngoba uzitshela ukuthi yizona ezikukhuluphalisa ngesisu, kanti inkinga yakho akuyona leyo. |
Uthi kudala ayefisa ukudlala kulo mdlalo akholwa wukuthi usezingeni eliphezulu. UThembisa, oqale ukubonakala kulo mdlalo izolo, ulingisa indawo ka-Amanda Molefenyane unina wengane yommeli osezingeni elicokeme ozama ukukhipha uMpiyakhe (Siyabonga Thwala) ejele. |
Uthi kufanele uqine ngokomqondo uma usebenza kuMakhosi ngoba uhlezi uzothola ukugxekwa ngazo zonke izindlela. “Ngaleyo ndlela kwemukele ukuthi izinto azihambi kahle ukuze uzilungiselele isigaba sempilo yakho esilandelayo. Engikwaziyo wukuthi uma ngihamba lapha ngiyobe sengiwumuntu owehluke kakhulu ukunangesikhathi ngifika." |
Uthi kukhona abafuna ukumlawula ukuthi aziphathe kanjani uma ekwakhe. |
Uthi kulapho bazophinde babahlelele namakhempu, okuyinto esiyivelakancane eningini labahleli bezimpi banamuhla, ababeka imali phambili. |
Uthi kule minyaka engu-13 uyibambe emsakazweni womphakathi, iKasie FM, eGoli, lapho enza khona izinhlelo ezimbili, oluthi Ezakwantu, okuwuhlelo lomculo kamaskandi olungena ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-12 emini, nolomculo wokholo oluthi Asimdumise, olungena ngeSonto ngo-6 kuya ku-9 ekuseni. |
Uthi kulezi zinsuku usubona abesifazane edolobheni bebhixe i-make up yabalingisi bemidlalo yeshashalazi, begcobe amehlo abe yimibalabala. |
Uthi kulo mhlangano kube sekubunjwa isigungu esibizwa ngeWorking Group ezobheka izindlela zokuthi kungenziwa njani ekutheni abadlali bakwazi ukuqhubeka nempilo nangemuva kokudlala ibhola. |
Uthi kumanje ayenabo abakaboshwa ngakho nabo sebeqalile basabisa ngokuthi bazoqotha umndeni wakhe oseMdantsane ngoba bayazi ukuthi uhlalaphi. |
Uthi kumanje kunezingcingo ezisabisa umndeni wakhe. |
Uthi kumele imindeni iyithathe ngenye indlela indaba yelobolo njengoba isimo somnotho sibheda kangaka. |
Uthi kumphatha kabi ukubona abagijimi bephenduka ohobo, sebengenalo |
Uthi kunabahlale bembuza ngokuthi kungenwa kanjani emsakazweni. |
Uthi kunemali efakwa wuMnyango wezeMfundo nyanga zonke esukela kuR70 000 kuya kuR90 000 ukubheka izidingo zesikole. Ngokwakhe, wothishanhloko abasayinela ukusetshenziswa kwemali. |
Uthi kunenqwaba yezinto abesehluleka wukuzenza. Nokucosha into phansi sekuyinkinga. |
Uthi kungenzeka ukuthi lezi zinto zize zidayiswe ngonyaka ozayo uma ubheka indlela iCovid-19 ebhebhetheka ngayo, nokuthi leli gciwane lisazoqhubeka nokuthi libe khona. |
Uthi kuningi okungenziwa abazali ukunciphisa amathuba okuthi izingane zabo zigilwe “amabhoklolo” asezinkulisa. |
Uthi kuphinde kuphambane nezinhloso zoHulumeni baseKhaya zokuthuthukisa umphakathi. |
Uthi kuqale kwasa ngokunye iqembu selizabalaza kanzima emidlalweni yokugcina nokuholele ekutheni liqukule indebe ngomdlalo wokusonga iligi. |
Uthi kusukela ngoFebhuwari abalutholi uxhaso lwezimali, omasitende sebeze bakhomba indlela izitshudeni emiqashweni. |
Uthi kusukela ngoJanuwari bebenganikwa mali kodwa ngo-Ephreli banikwe uR4 100 akhokhe ngawo izikweletu. |
Uthi kuthe ngesikhathi ezama ukusibopha isiguli izinyawo savele samkhahlela esweni langakwesokudla. “Angizwanga ngaleso sikhathi ukuthi ngilimele. Lesi siguli sivele samemeza sathi lethani isibhamu ngibadubule. Sisizwe wukubaleka sizivalele kwelinye igumbi, kwaqhamuka onogada basibamba isiguli basibuyisela embhedeni,” kulandisa uNksz Zuma. |
Uthi kuyamthunuka ukubona abafundi baseRaisethorpe befake umfaniswano ofana nalo owawugqokwa yindodana yakhe athe yayizithanda futhi ikhaliphile. |
Uthi kuyinto ethokozisayo ukusebenza namaciko anamakhono ahlukene. |
Uthi kuze kube imanje imali akakayibuyisi uThamsanqa. |
Uthi kuzo zonke izinkinga ake abhekana nazo kayikho efana nalena kodwa akakhali ngoba imqinisile futhi yamxhumanisa namagatsha nezifunda ebezimbiza zifuna ukuzizwela ngale ndaba. |
Uthi kwaba nokubambezeleka ekuqokweni kwakhe ngoba kwenziwa |
Uthi kwakungebuhlungu kodwa kwakulokhu kunokuvithizeka kwengalo okwakuzwakala ngaphakathi le kude kuhambisana nomuzwa osabu’tiya’. |
Uthi kwase kucacile ukuthi lo wesifazane usedinwe wukungaqhubeki kokuncinzana kwabo ngocansi. |
Uthi kwawoma amadodana akhe amabili atohoza into engatheni futhi ubenovalo ngezikhathi zezibhelu, ecabanga ukuthi kuzongqongqiswa lapho ababambe khona okuyinto athe ibizoholela ekutheni ikati lilale eziko kulo mndeni. |
Uthi laba bamthuka ngenhlamba, bembiza ngaphansi kweziketi zikanina nangamagama acwasayo ethi abekwenza kuwukuziphindesela empini yabohlanga nawo yango-1949. |
Uthi lapha esifundeni esiseNingizimu kubagijimi abaphethe amarekhodi izindondo zemiqhudelweano emikhulu njengo-Olympic noCommonwealth Games. |
Uthi lapha ubala amazwekazi afana ne-Europe, America kanye ne-Asia, eselikhuphule kakhulu izinga.Nakuba lomengameli ephawula kanje ngamazwe angase abe umgoqwane, endleleni ye-Afrika, uphinde abeke amathemba emkhubeni ojwayele ukwenziwa yi-America wokuqatha isiqokwe okunikezelwana ngaso (Relay). |
Uthi leli phunga belidala ukuthi nasemsebenzi kwaToyota lapho abesebenza khona agcine engasamukeleki kahle nakozakwabo asebenza nabo. |
Uthi le mali ibuye ikwazi ukumsiza uma eyolanda amaphilisi omfutho wegazi emtholampilo. |
Uthi lemicimbi mihle ngoba ayikhethi, umuntu uyakwazi ukuyenzela nasendlini esebenzisa indlela yokuhlobisa, efanele ingaphandle lendlu. |
Uthi le ndoda yavele yamphulula ithanga nebele. Uma eyibuza ukuthi yenzani, uthi yavele yathi angathukutheli ngoba izama ukumenzela umusa. Emuva kwalesi sigameko uNtokozo uthe washiya phansi kulowo mdlalo. |
Uthi le nhlangano igqemeke engeqiwa ntwala ngesikhathi abaqeqeshi obekubhekwe ukuthi izokhetha kubona beyichayisa ngemizuzu yokugcina. |
Uthi le nkulumo ivela komonase abangafuni ukwemukela ukuthi ungumholi othembekile ukusebenzela abantu. Babodwa abebethi ukusungulwa kweGood Party kwagqugquzelwa yi-ANC ukuze iphazamise iDA eWestern Cape. |
Uthi le nto yaphekwa enhlanganweni ye-ANCYL ngoba befuna ukumgqiba kwezombusazwe. |
Uthi le nto yavusa imibuzo yokuthi kungani abantu bejikiswa ekubeni bebehlezi bevota kulesi sikhungo esikhathini esedlule. |
Uthi le nyanga iyammema nasemicimbini yayo ejwayele ukuyenza ebandleni layo okuyiseZayoni. |
Uthi lesi sithombe sabahlukumeza kakhulu emndenini kangangoba namanje asisukile emqondweni wabo bonke. |
Uthi lezi zipoki ziqale ukuvela ekade eyoshaya umazisi |
Uthi lokho kumnike isikhathi esanele ukuziqonda kangcono, azithole nokuthi empeleni yena uthanda abanye abesifazane. |
Uthi lokhu akukhethi bulili, imikhiqizo enamakha ingadala iphunga ezimpahleni zangaphansi ngenxa yokuthi uhlobo lwendwangu okuthungwa ngayo lezi zimpahla imvamisa iyefana. |
Uthi lokhu ukusho ukuze kusindiswe imisebenzi yabantu abasebenza ezinkampanini nasezitolo ezidayisa utshwala. |
Uthi lolu hlelo yisiqalo sezinto ezinhle. |
Uthi lo mbhalo awehlanga kahle kumholi osehhovisini lentsha, uMnuz Sphe Mkhasibe, athi wamushayela ucingo emsongela ngokumbulala ethi akakwesabi ukubulala umuntu yena. |
Uthi lo nyaka uwubona umzela nezinto eziningi ezinhle empilweni yakhe. |
Uthi mayelana nenani labadlali abaqhamuka eNingizimu Afrika, abaqokwe ngezinga labo abalikhombisa eNigeria, akeneme ngaso kodwa futhi akakhonondi ngoba ngumthetho obulandelwa ngesikhathi kuqokwa obenze bagcina bekhiphe abagijimi abawu-20 kwabawu-74 abazobe bemele elengabadi kulo mqhudelwano. |
UThinah udalule lokhu ngesikhathi Isolezwe limbuza ngokuthi uhlabe ikhefu yini kulo mncintiswano njengoba uqale engekho ehholo kwa-AA, eMlaza, ngoMgqibelo. |
UThinah ukhiphe i-albhamu yakhe entsha iLive at Soweto Theatre ngesonto eledlule. Bese kunesikhathi agcina ukukhipha ngoba i-albhamu yakhe yokugcina, iThe Living Testimony, wayidedela ngoMashi 2016. Ngasekuqaleni konyaka ukhiphe ngokuhlanganyela noDumi Mkokstad i-albhamu ethi Ebeke Walunga uThixo. |
UThinah uqokwe emikhakheni okukhona kuyo oweBest Male Gospel Artist, Best Gospel Classic Of All Time, Best Collaboration, Best Gospel album neBest Gospel Songwriter. |
UThinah uthi lesi sipho besiyimfihlo futhi ubengathandi izimfamona zazi ngaso ngoba vele wenzele ukuhlabekisa zona. UThinah usho kanje kulandela ukuthi yena noZama kuke kwasabalala amahlebezi okuthi abasabhekani futhi sekuphelile ngothando lwabo. Lokhu bekulandela izinsolo zokuthi uZama useneshende eliwumkhangisi wengqephu abonakala nalo emicimbini ethile uma engekho uThinah eyocula. |
UThinah uthi ubephuma eVerulam elibhekise ngaseNanda ngesikhathi imoto ebihamba ngasohlangothini olungaphesheya iqonda kuyena. |
UThinah Zungu osanda kuchashwa ngezinhlamba abalandeli bakhe kuFacebook kulandela ukubonakala esikhangisweni sase-East London enoMfundisi u-Alph Lukau, uthi umangele ethukwa ekubeni ubengaqashiwe yilo mfundisi. |
UThinah Zungu uthi kuyamhlukumeza ukuthi abantu bayaqhubeka nokumgxeka ngokuthi uhlale ebonakala nenyanga yaseThekwini, uDkt Khehlelezi. |
UThinah Zungu uthi ufonelwa abantu abangabazi, bamthumelele nemiqhafazo emthukayo. |
Uthi nakuba ematasa kodwa akazimisele ukulaxaza i-albhamu yakhe yomculo wokholo ayiphekayo njengoba eseqalile ukuqopha bukhoma iDVD yenoni aliphushayo elithi Rising Jesus Flag. |
Uthi nakuba ngabe ukhona asebemthintile ngalo mdlali ubengeke aqale izingxoxo nabo ngoba iqembu lakhe lisemeni esibi kwi-log ngakho kufanele ingqondo yakhe igxile ekusizeni iqembu liphume enkingeni. |
Uthi namalungu omndeni amlaxazile kuhle okwenyongo yenyathi. “Mina ngihlala ngedwa emqashweni, abantu bakithi abasathandi ukuhlala nami,’’echaza. |
Uthi namanje isithombe sikamfowabo engagqokile nonkosikazi wakhe asisuki engqondweni yakhe. Uthi unkosikazi wakhe unguthisha kwesinye sezikole eMtubatuba. Indlela acasuke ngayo uthi uhluleke nawukuzibamba wavele wamqeda umkakhe ngenduku. Uthi umfowabo usinde ngoba uphume ngewindi wabaleka enqunu enjalo. |
Uthi namanje usamthanda uBonisiwe futhi ubona kahle ukuthi akasoze ayeka ukumthanda ngoba nengqondo yakhe ibisizitshelile ukuthi usemtholile umaqondana. |
Uthi namanje uyazibuza ukuthi ubenzeni engaka umfowabo ukuthi usengaze abulawe pho ? |
UTHINA Mbuli oqeqesha i-UWC akazimisele ngokuthi baphazamiseke emgqigqweni ababuye ngawo ekhefini leCovid-19 njengoba ngempelasonto bezoya emdlalweni wabo wesithathu kusukela kubuyiwe. |
UThinasonke Mbuli, oyiphini likaDesiree Ellis kwiBanyana, utshele Isolezwe ukuthi ucabanga ukuthi amava awathole emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ebiseFrance, azozifeza izifiso zabanikazi beqembu le-University of Western Cape (UWC) lokunqoba isicoco seligi ezoqala. |
Uthi nengane ayisayi esikoleni ngoba besabela ukuthi angase ayihlwithe ayenzakalise lo mlisa. Kwayona le ntokazi ize yavala indawo yayo yokweluka amakhanda ngoba leli soka liyayizingela ubusuku nemini nabantu bayasho ukuthi lifika izikhawu kule ndawo esedolobheni. |
Uthi ngale kokuthi ubethola izingcingo zimqinisa idolo kodwa abazali bakhe bahlukemezeka. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.