input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe zihamba kahle izinhlelo zokwengeza u-2 000MW kagesi ozobhekelela izimo eziphuthumayo. Lo gesi uthe uyathemba ukuthi uzobe usuyingxenye kagesi osetshenziswa ezweni ngoDisemba wonyaka ozayo. |
Uthe zikhona ezinye izinhlaka eziphenyayo okubalwa iSpecial Investigating Unit (SIU) ngodaba oluthinta inkohlakalo yokuthengwa okokuzivikela kwiCorona. |
Uthe zikhona izigameko abathola kuzo ukuthi abazali bagcina bexoxisene nalabo abasuke besolwa ngamacala okulala nezingane bese kusulwa amacala asuke ebikiwe nokubathwesa ubunzima uma benza uphenyo lwabo. |
Uthe zikhona izindawo zokusebenza esezenze okufanele ukuqinisekisa ukuthi omama bayasekwa njengokwakha amagumbi ayisipesheli angasetshenziswa ngomama, ukuze bancelise izingane zabo ngokukhululeka. Elinye lalawa magumbi lakhiwe esibhedlela sezingane, iRed Cross War Memorial Children’s Hospital, eWestern Cape. |
Uthe zikhona izindlela abazozisebenzisa ukubuyisa isikhathi esilahlekile, njengoba kade sekuphele izinyanga ezimbili izikole zavalwa ngenxa yokubheduka kweCovid-19. |
Uthe zikhona izinhlelo umnyango onazo ezizosetshenziswa ukubhekana nalesi simo uma kukhona abafundi abangakwazi ukubhala ngenxa yaso. Khonamanjalo, uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uye esikoleni iGeorge Campbell Technical eyokhuluma nabafundi ebafisela ukubhala okuhle sekusele isikhathi esingaphansi kwehora kuqalwe ukubhalwa kwe Computer Applications Technology izolo |
Uthe zikhona izinhlelo zokuhlangabezana nenselelo yokushoda kwamanzi nogesi. Mayelana nokushoda kwezindawo zokuhlala okudale imibhikisho ekuqaleni konyaka, uNzimande uthe udaba luseqhulwini. Uthe kuwumbono wakhe ukuthi kugxilwe ezikhungweni ezisemakhaya ukuthi zibhekelelwe ukuthola izindawo zokuhlala izitshudeni. |
Uthe zikhona izinhlelo zokwakhela abantu izindlu futhi nesabelomali sesikhona. |
Uthe zikhona izinqumo esezithathiwe njengokuguqula ikhalenda yonyaka wokufunda ukuze limelane nokudingekayo ukuqinisekisa ukuhamba kahle kohlelo lokufunda nokufundisa njengoba izwe lisabhekene nobhubhane i-Covid 19. |
Uthe zikhona izinto amalungu e-ANCYL angeneme ngazo njengokungalandelwa kwezinqumo zezingqungquthela, udaba lwenkululeko yezomnotho nokubuyiswa komhlaba nemfundo yamahhala. |
Uthe zikhona izinto ezingezinhle eseziqalile ukubonakala eziwumphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu ezifana nokuduma kwezulu kakhulu kunokwejwayelekile, izikhukhula ezihlala zihlale zihlasele kuleli. |
Uthe zikhona nezingoma azozikhipha zabaculi asebenza nabo enkampanini yakhe iGo-Go Music. |
Uthe zikhona nezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasiznda yamanzi okuyiMokolo, Crocodile River Project neMkhomazi Water Project. Kuzothuthukiswa imigwaqo emikhulu yakuleli okuwu-N1, N2 noN3 ngoR19 billion. |
Uthe zikhona nezinkampani ezizimele ezifuna ukusebenzisana nesikhungo. Estudiyo saseMusic House kuqophe abaculi abaningi okubalwa iLadysmith Black Mambazo, Mbuso Khoza, Naima Kay, Robbie Malinga nabanye abaningi. |
Uthe zikhona nezinye izingoma kodwa bazolokhu bezikhipha kancane kancane. |
Uthe zikhona nezinye izinhlelo zokuxhasa izimboni ezikhiqizayo. Ugcizelele ukuthi ibhange lizosebenzisana nezikhungo zikahulumeni njengeKZN Growth Fund, Ithala, Dube Trade Port neTrade and Investment esifundazweni. |
Uthe zikhona nezithangami zokufundisa abantu ukuthi bazikhangise kanjani kwiLinkedIn ngoba nakudala babefundisa ngokubhala umlandokuzazisa (CV) nokunye okudingwa ngabaqashi. |
Uthe zilinganiselwa ku-40 izinhlaka zikahulumeni ezizibe izincomo ngemibiko yakhe. Ezinye zilwenzile ushintsho oluncane. |
Uthe zilokhu zanda izikole okudingeka zivale isikhashana ngenxa yokuthelelana kwabafundi ngeCovid-19. |
Uthe zimangele nje izingane, njengoba ingane encane beziyishiye endlini. |
Uthe zimbalwa izikole eMayville ngakho kudingeka sivikelwe. |
Uthe zincike ekutheni izinhlaka ezehlukene zomnotho zizozinza yini emuva kokuvalwa kwezwe izinsuku eziwu-21. |
Uthe zingaphezu kwesithupha izindawo zokucima ukoma endaweni futhi zonke zivalile kodwa eyaleli phoyisa okuthiwa belidayiselwa abangani balo, beyiqhubeka isebenza. |
Uthe zingu-10 izindlu ezizokwakhiwa kule ndawo. UNkk Thandekile Mkhize (67) ongumakhelwane wakwaDlamini, ngomunye wabantu ababhalisela ukuthi bazohlumula ngezindlu, naye ukhala ngokuthi indlu ahlala kuyo ingawela kuye noma yinini. |
Uthe zingu-15 izikole zabaphila nokungezwa ezibhalisele ukubhala ukuhlolwa kokuphela konyaka ku-matric ezweni lonke. Uthe izinsiza ezizolekelela abafundi sezikhona kuzona zonke izifundazwe. |
Uthe zingu-17 izikhungo zokufunda emajele wathi ezine azinabo ababhala umatric kulo nyaka. |
Uthe zingu-22 izingane ezigadwayo okukhona kuzo eziyisishiyagalombili ezisukela ezinyangeni eziyisithupha kuya eminyakeni emibili ubudala. Ukhale ngokuthi lesi sigameko senze abanye abazali banquma ukungazilethi izingane zabo, zingu- 12 kuphela ezisalethwa. Uthe unomuntu oyedwa omlekelelayo kanti abazali bakhokha imali ephakathi kuka- R230 no R250 ngenyanga futhi izingane bazilanda noma ngasiphi isikhathi kwazise sewanquma ukulala ngaphakathi kule nkulisa. |
Uthe zingu-250 000 izitshudeni ezintsha okulindeleke ukuthi zamukelwe kule nyuvesi. Uthe lena akusiyo inselelo ebhekene ne-UNISA kuphela kodwa nomkhakha wonke wokufunda. |
Uthe zingu-28 izitshudeni zase-UKZN ezenza unyaka wokugcina weziqu zobudokotela ezizobe zilekelela labo asebeqashwe ngokuphelele nabazisebenzayo, abazobe bexilonga abadala. |
Uthe zingu-416 izivimbamgwaqo ezenziwe amaphoyisa ezweni lonke kusukela kuqale uDisemba, kwamiswa izimoto ezingu- 634 166. Kuhlawuliswe abashayeli abangu-109 529, izimoto ezingu-2 415 zikhishiwe emgwaqweni kwathi ezingu- 1 801 zahudulwa amaphoyisa. UMbalula uthe bangu- 2 111abashayeli ababoshelwe amacala ehlukene emgwaqweni. Abashayeli abangu- 896 baboshelwa ukuphuza beshayela, kwakhishwa izincwadi ezingu-588 ezigunyaza ukuboshwa kwabathile. |
Uthe zingu-571 724 izibonelelo ezingalandiwe wathi uma zingalandwa, imali izobuyela emuva. Abantu abangazilandanga lezi zibonelelo bangu-116 195 kanti le mali kuthiwa ihleli ePosini. |
Uthe zingu-5 753 izitshudeni ezingakalutholi uxhaso emakolishi amakhono ama-technical and vocational education and training (TVET). |
Uthe zingu-960 000 izinkampani ezihlomule ngaphansi kohlelo kanti zibuye zahlomula nakwezinye izihlelo ezinjengokwehliswa kwentela. |
Uthe zinhlanu izikole ezihlolwe zatholwa njengezinabafundi abadinga usizo nokutakulwa kakhulu kule ndawo. Kuvele ukuthi zingu-25 izicathulo ezinikelelwe abafundi baseMakheni Primary, kanti nakulezi ezinye ezinabafundi abaswele kuzo kwenziwa okufanayo. |
Uthe ziningi ezinye izinto azenzayo ezithinta umkhakha wokulingisa azozimemezela maduze. |
Uthe ziningi izicelo esezifakiwe ikakhulukazi ezivela kwabangasebenzi, wengeza ngokuthi ezinye zichithiwe ngenxa yokuthi kukhona obekungacacile kuzona futhi kungabantu okungafanele bahlomule. |
Uthe ziningi izigameko lapho amasosha ekhombise ukuba nodlame khona uma ejutshwe ukuyoxazulula izinkinga emiphakathini. |
Uthe ziningi izigcawu zokuqondiswa ubugwegwe okudlulwe kuzona, nalabo thisha banikwa nethuba lokuziphendulela kula macala. |
Uthe ziningi izikhathi ezinzima adlule kuzo kodwa uyajabula ukubona abesifazane abaningi abangene kwezokusakaza. |
Uthe ziningi izikhawu lapho eseke wakhipha kahle abalandeli bengena enkundleni kwangaba khona inkinga. |
Uthe ziningi izikhulu ezisazoboshwa eThekwini ngemuva kokuboshwa kwezinye ezintathu ngeledlule ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa. |
Uthe ziningi izindawo eziphumelelayo ngaphandle kotshwala. Uthe abantu beNkolo yobuKrestu sebenendawo yabo ngoba ngeke besazimpintsha ezindaweni ezinotshwala. |
Uthe ziningi izindlela ezingasetshenziswa ngabazali ezingenza ukuthi izingane zabo zihlezi zikuthakasela ukuvula izitsha esikoleni uma sezihlangene nezinye izingane. |
Uthe ziningi izingcingo abazithola kulayini wabo wokugwema ukuzibulala ngakho abazali kubalulekile ukuthi basondele ezinganeni zabo. |
Uthe ziningi izingqinamba ezibhekene nemboni kashukela okubalwa kuzo ukwethulwa kwentela kashukela. |
Uthe ziningi izingqinamba ezidala ukuthi linyuke izinga lokwebiwa kwemfuyo kubalwa nokuthi abanikazi bayo bayaphuza ukuvula amacala uma ilahlekile. |
Uthe ziningi izinhlelo aziphathiswe wuMasipala weTheku ezenzelwe ukulekelela intsha ukuze ihlale imatasa abale kuzona ukwakhiwa kwenkundla yekhilikithi engakaqedwa, nendawo evulekile yokuzilolonga okulindeleke ukuthi nayo ivulwe ngokusemthethweni maduze. |
Uthe ziningi izinhlelo ezenziwa yilo mnyango okubalwa ukukhiqizwa kwezibulalimagciwane ezizonikwa izisebenzi zomnyango, abalimi kanjalo nezinhlelo zokufuthwa kwezindawo eziyimijondolo namahostela. |
Uthe ziningi izinhlelo ezintsha ezizoqala kulesi siteshi ngo-Okthoba. |
Uthe ziningi izinhlelo uDlamini abezenza ebezisiza umphakathi. |
Uthe ziningi izinhlelo zosaziwayo ezizayo, esiteshini sabo abantu abazoqhubeka nokuzijabulela. |
Uthe ziningi izinkinga ababhekene nazo kule mijondolo wathi akukho ngisho ugesi abantu baze bazidonsele izinyokanyoka eziphinde zibe yingozi. Ukhale nangamalambu akhanya emgwaqweni uMalacca athe awasasebenzi okugcina sekuyimbangela yokunyuka kwezigameko zobugebengu ngoba ebusuku abantu babanjwa inkunzi. |
Uthe ziningi izinkinga ezidalwa ukucekelwa phansi kwamaloli njengoba kusikazwa ukuthi abashayeli bakuleli bangavunyelwa ukungenisa amaloli emazweni abasuke bedilive kuwo impahla. |
Uthe ziningi izinto abaxoxe ngazo noMntwana i-Azenathi ngaphandle kodaba lweSilo esiboshiwe, kubalwa udaba lokulethwa kwentuthuko emphakathini nokuthuthukisa umnotho. |
Uthe ziningi izinto esezizuziwe eziqalwe i-ANCYL. |
Uthe ziningi izinto ezikhulunywayo nezigcwele ezinkundleni zezokuxhumana, ezifana nokuthi ukugoma kuphazamisa imizwa yokuya ocansini emadodeni, kuvala inzalo, kushontsha ulibofuzo, nokuthi uyaquleka uma uqeda ukujovwa ngomgomo wesibili, nokunye. |
Uthe ziningi izinto ezintsha eziqhamukayo kulo mkhakha wabo. Yena uhlale efunda izinto ezintsha bese etshela isoka lakhe ngazo baqale ukuzikhangisa amakhasimende azibone. |
Uthe ziningi izinto ezisazoqhamuka azosebenza ngazo. |
Uthe ziningi izithombe oBabes noMampintsha abazishuthe bevunule futhi akubona bodwa abagqoke ngale ndlela. |
Uthe ziningi manje iziqephu eseziqoshiwe kodwa ngeke baqinisekise ukuthi luzodonsa isikhathi esingakanani. |
Uthe ziningi nezikhulu esezisulile ngemuva kokuthinteka kwizinsolo zenkohlakalo. |
Uthe ziningi nezinye izinto ezenze abafundi balaxaza isikole okubalwa ukugasela kweCovid-19 athi usola ukuthi iyona eyenze bangabuya abafundi, izidakamizwa, ukukhulelwa kwabafundi, ubunzima bezifundo nezinye. |
Uthe zintathu izifunda ezisilele ngemuva ngokunikezwa izimpahla zokuzivikela kwiCorona ngenxa yokuthi ababenikezwe umsebenzi wokuthengela umnyango babenezinkinga zokuthi bebesalinde imali yokuthi bazithenge, abanye bebengenaso isitokwe esenele abanye bathe bazokwazi ukuthumela izimpahla ngesonto elizayo. |
Uthe zintathu izingane ezilahleke ebhishi, akekho ogwilizile, iyodwa ingane elimele emuva kokushaywa ngebhodlela ebusweni. |
Uthe zintathu izinto ezibe yimbangela yokwehla kwezibalo. "Ngicabanga ukuthi izifundazwe ezintathu ebeziyisidleke salokhu zihlikiziwe. Siphumelele ukuhlikiza isidleke sobugebengu eWestern Cape, okuyisifundazwe esihamba phambili uma kukhulunywa ngokubulala. Nase-Eastern Cape sisihlikizile isidleke sobugebengu," kusho uSitole. |
Uthe ziphinde zimenyezwe emthandazweni nguthishanhloko, zihlekwe ukuthi azikhokhile. |
Uthe ziqine kakhulu izinhlelo zokugaywa nokugadwa kwamaphepha ka-matric wathi akukho lula ukuthi lingaputshuka iphepha. |
Uthe ziqinisiwe kakhulu ezokuphepha kuleli naseMozambique ngoba womabili amazwe akuthaqa. |
Uthe zisazomenyezelwa izindawo lapho kuzogcinwa khona izimpahla eziningi ezizosetshenziswa ngosomabhizinisi abancane ohlelweni lweBulk Buying and Warehousing. |
Uthe zisekhona izinselelo, okubalwa kuzona ukungabi nozinzo kwezinye izindawo embonini, wukusocongana, wukwehla komsebenzi wezokuthutha, wukudliwa kwezimoto bese kuba nababize ngezigebengu ezingena zicashe ngemboni ukuze zenze ubugebengu. |
Uthe zivala thaqa izicabha namawindi ngo-10 ebusuku zivalela ngaphakathi amakhasimende ziqhubeke nokudayisa kuse emnyango. |
Uthe zivele zikhona izindlu ezakhiwayo kodwa abakugcizelelayo wukuthi kusheshe ukwakhiwa kwazo ngakho ababhekelele ukwenziwa kwalo msebenzi kumele bazisheshise izinhlelo zokwakhela abantu. |
Uthe ziwu-115 izinkampani zosomabhizinisi abancane abamnyama ezivaliwe ngenxa yeCovid-19 okuholele ekutheni abantu abawu-1 123 abebeqashwe kuzo baphelelwe wumsebenzi. |
Uthe ziwu-20 izingane ezizohlinzwa bese zikwazi ukuqhubeka nempilo. |
Uthe ziyakhathaza izibalo zezingane ezikhulelwe njengoba umbiko weStats SA wale nyanga uveze ukuthi kukhulelwe amantombazane angu-34 000 kuleli aneminyaka engaphansi kuka-18. |
Uthe ziyakwazi ukuthola izaphulelo uma zithenga okuholela ekutheni kungabi nokuncintisana okuhle. |
Uthe ziyanda izigameko zokuhlaselwa kwabesifazane ngokudutshulwa eMuden njengoba kwesinye isigodi eNkomba kusanda kudutshulwa abesifazane ababili. |
Uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuhlela kabusha i-Eskom ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi wayo kahle. Uveze ukuthi bawu-21 abasebenzi nosonkontileka base-Eskom abaneCovid-19, wathi bayaziqinisekisa ezokuphepha ngokulandela imigomo ebekwe wuMnyango wezeMpilo. |
Uthe ziyaziwa izinto okungamele zenziwe eziphambana nemigomo. |
Uthe ziyehla nezehlakalo zokubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe wathi kumele kuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane, izingane nabakhubazekile. |
Uthe ziyisikhombisa izikole obekumele zibe ngaphansi kwalolu hlelo kodwa bagcina bengeze nezinye ezinhlanu ngaphezulu. |
Uthe ziza ngemuva kombiko iSpectator Index, wangoJanuwari owaveza ukuthi leli linesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi uma liqhathanisa namanye amazwe emhlabeni jikelele. |
Uthe zizohlolwa zonke ukuthi azikaze zisetshenziswe ekwenzeni amacala. |
Uthe zizolulwa izinkontileka zabasebenzi bezempilo abebethathwe ngesivuvu sokuqala seCovid-19 ukuze basize manje njengoba sekuqale isivuvu sesibili. |
Uthe zizoshibha kunalezi ezikhona ngoba kuzoba uR7 ikhilomitha kanti abafundi nabadala bazophulelwa * -25%. |
Uthe zonke izifundo ngisho ezikhungweni zemfundo ephakeme kumele zifundwe ngezilimi zesintu. Uveze ukuthi e-UKZN sebeqalile ukusebenzisa amanye amatemu ezilimi zesintu abaqhamuke nawo. |
Uthe zonke izikhalo ungongqoshe uzifake ezinhlakeni zomnyango wakhe ezifanele. |
Uthe zonke izikhundla zizobe zibangwa engqungqutheleni kusuka kwesikasihlalo kuya kwesikamgcinimafa. |
Uthe zonke izikhungo zezempilo kungaba ezizimele noma ezikahulumeni zinengcindezi efanayo. |
Uthe zonke izimenenja ezimnyama eziletha uguquko kwezomnotho ngokuqasha zonke izinhlanga ziqondiswa ubugwegwe. |
Uthe zonke izindawo ezikuWard 59 abale kuzo KwaMjoji, eKwazini, Thumbela, Nsimbini nase-Oakford, azinawo amanzi. |
Uthe zonke izindawo okuholelwa kuzo imali yesibonelelo zihlale zinyinyitheka abantu abasuke bezohola. |
Uthe zonke izinduna kufanele zihlonishwe, ziholelwe imali efanayo noma ngabe zihambisana naliphi iqembu lepolitiki. |
Uthe zonke izingane okusolwa ukuthi bezigilwa wumsolwa, zihloliwe wodokotela kwase kuboshwa leli bhungu lomndeni. |
Uthe zonke izingxoxo ebezikhona mayelana nombango wosomatekisi bezisingethwe wuMnyango wezokuThutha esifundazweni. |
Uthe zonke izinhlaka ezibamba iqhaza kwezemfundo kumele zikuphakamele konke okungahambi ngendlela ezikoleni, kwazise umnyango akuwona okhiqiza izidakamizwa ezibhenywa abafundi ezikoleni. |
Uthe zonke izinhlaka kulesi sibhedlela kumele zibambisane ukukwa naleli gciwane. Uxwayise ngokuthi zingahlanganiswa iziguli uma zifika kulesi sibhedlela ngoba yikho okubhebhethekisa ukusuleleka kwesinye. |
Uthe zonke izinkampani ezisebenza kule nkampani ezingakakhokhelwa imali yazo sekuxhunyenwe nazo futhi isikhona inqubekela phambili. |
Uthe zonke izinkampani ezivalile zitshele abasebenzi ukuthi ngeke bahole. Uhulumeni uhlongoza ukuthi abakhokhele u-$1000 (R17 600) ngenyanga, imali athe akuphileki ngayo e-US. |
Uthe zonke izinqumo ezithathwe kulo mhlangano uyahambisana nazo, futhi uyazihlonipha. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.