input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe yinto abayixoxe lonke isonto eledlule ukuthi iMaritzburg izokhipha konke enakho, ngakho kuzomele bahlale beqaphile. Ube esesola izitobha zakhe ngokubuye zidunyelwe amakhanda. |
Uthe yinto ebhalwe phansi okungadingi ukuthi ixoxwe ukuthi uma kukhona uthisha oselivini yokugula ozohlala isikhathi eside kulethwa uthisha ozovala isikhala sakhe. |
Uthe yinto emqoka kuyena ukusatshalaliswa kwawo. |
Uthe yintsha ehlahla indlela eya phambili wathi ngonyaka ozayo bazobe begcoba umholi wabo njengomengameli wezwe ngoba bazobe bewine ukhetho. |
Uthe yiqiniso elingephikwe ukuthi uhulumeni ngeke abanikeze imali abantu abangayikhokhi intela nalabo abamabhizinisi angabhalisiwe ngokusemthethweni njengoba imibandela yokusekwa kosomabhizinisi isho njalo. |
Uthe yisikhathi sokuthi abantu babumbane balwe nokuxhashazwa kwabaqashe emafulethini. |
Uthe yisikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afika bakhethe ukuthi bafuna ukufa noma ukuphila. |
Uthe yisimo senkece esizomlawula kodwa isifiso sakhe wukuthenga iqembu elidlala esigabeni esiphezulu, iDStv Premiership. |
Uthe yiso elihle ukusebenzisana ngokubambisana kunokuthi kube khona abadonsa babheke kwenye indawo. |
Uthe yize abalandeli bakhe nozakwabo bebemnxusa ukuthi ehlise umoya akhohlwe yilo muntu kodwa ngeke amyeke. |
Uthe yize abantu belandela imithetho kodwa bakhona abangenandaba nayo. |
Uthe yize abanye abantu bezozikhiphela ezindaweni zokudla abazithandayo noma bayoshaywa wumoya ezindaweni zokulala izivakashi kodwa iningi labantu baseNingizimu Afrika lizohlala ezindlini ngoba alinayo imali yokuvakasha. |
Uthe yize abanye bemangala ukuthi uzicaza kanjani enomsebenzi ongaka, uthe kuyenzeka uma uzinika isikhathi. Usizwe wukuthi wazijwayeza ukufunda kangangokuthi abufiki ubuthongo engayibhekanga incwadi. Emahhovisi eSadtu uqala umsebenzi ngo-6.30 ekuseni bese eyasala enze umsebenzi wesikole. Uthe iqhuzu le-Industrial Relations libaluleke kakhulu ngoba usengaba ngisho uKhomishana weCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration. |
Uthe yize abenethemba lokusinda kodwa ubekhathazeke ngokuthi wubani oyonakekela amadodakazi akhe amahlanu, okukhona kuwo nothunjana oneminyaka emine uma engasindi. |
Uthe yize akhishwa kuma-Idols kodwa wayeqhubeka esebenza nabanye abantu ababesendimeni yomculo. |
Uthe yize amanye amatekisi evunyelwe ukulayisha agcwale kodwa abadingeki abantu abangezwa abangeke bazifake izifonyo ngendlela efanele. |
Uthe yize amathikithi engakaqali ukudayiswa eComputicket kodwa awezicukuthwane amaVIP namaVVIP aseqalile ukutholakala emahhovisi abo. |
Uthe yize amuliswa ngo-2011 lokho akuchazanga ukuthi usenganikela ngobuntombi bakhe. |
Uthe yize ayefeyiliswa ukuhlupha esafunda, kwamphaphamisa ukungaphasi u-matric ngoba wayebona ukuthi ngeke akwazi ukulungisa isimo sasekhaya ebesibheda. Echaza ngalo mkhankaso #MatricUngazibulali, uthe uwushumayela ezinkundleni zokuxhumana nasemisakazweni. Uvule nenombolo athe angathintwa kuyo abazali nezingane ezifeyile |
Uthe yize ayemdala kuyena ngeminyaka engu-21 kodwa wajabulela ukuthi akakaze amhlukumeze futhi wamfundisa ukuba ngowesifazane ozimele. Okwenza wasala nesilonda ngesikhathi ebulawa wukuthi akalitholanga ithuba lokuyomngcwaba. |
Uthe yize ayeneminyaka engu13 kodwa lesi sihlabani somculo saya naye ocansini, sathatha ubunsizwa bakhe. |
Uthe yize bazi ukuthi ezinye zalezi zinhlelo bezilekelela kodwa ngeke ziqhubeke unomphela. Uthe balindele ukuba osomabhizinisi nezinkampani ziqale ukusebenzisa izinhlelo zazo ebezingakwazi ukuzisebenzisa ngoba izwe belikwesinye isigaba sokumvalelandlini. |
Uthe yize bebefuna ukuqinisekisa ukuthi abaphazamisi lutho kodwa bebefuna ukuqinisekisa ukuthi basusa ingxenye enkulu yesimila yingakho benze lolu hlelo engalalisiwe. |
Uthe yize bebesemaqenjini ezepolitiki angafani kodwa ubehlezi esebenzisana kahle nehhovisi lakhe futhi ubefika kuyo yonke imihlangano, aphinde asigcine isikhathi. |
Uthe yize bebhekene nezingqinamba kodwa unabantu ababongayo empilweni njengesoka lakhe, uSabelo Mngoma, ahlangana nalo ngo-2014. |
Uthe yize bedumele ngokungayiphakamisi indebe ye-AWCON kodwa ujabule ngokuzuzwe yiBanyana. |
Uthe yize befuna ukuthi abantu bathuthele ezitolo ezi-digital kodwa kusenezingqinamba eziningi. |
Uthe yize bejabule kodwa baphatheke kabi ukuthi umsunguli wekhasi, uMnuz Chris Bhoni osekunesikhathi bemfuna, ugcine engavelanga. |
Uthe yize bekhona abesifazane abazobonakala ohlelweni kodwa iningi kuzoba abesilisa. |
Uthe yize belingakabaleli kahle kodwa izinhlelo zakhe zokuvakasha izolo aziphazamisekanga. |
Uthe yize bengazazi zonke izinkinga ebezibhekene nalaba abese kuphele iminyaka emibili bethandana kodwa umsolwa ubemhlukumeza umufi. |
Uthe yize bengazi ukuthi kungani laba behlaselwe kodwa into ebisuse uthuthuva kule ndawo yikomiti lenkampani yezimayini elaliqokiwe. Kuthiwa kukhona ababengalifuni ikomiti, abanye beleseka. |
Uthe yize bengeke baphawule kakhulu kwazise usewumsolwa uShozi kodwa akuyona into enhle ukuzwa ukuthi kuthinteka nomholi wenhlangano ezintweni ezinjangalezi ngoba lokho kungcolisa igama le nhlangano. |
Uthe yize benqobe ngo 4-1 kodwa kusakhona lapho okumele balungise khona ngaphambi komdlalo olandelayo neTS Galaxy ngeSonto. |
Uthe yize benzenjalo kodwa abe-EFF bafike banyomfa ngeSonto, baphazamisa nokusebenza kwesitolo yize bese kuhlelwa ukuthi usazohlolwa. |
Uthe yize besajabule ngendlela abafike ngayo ngoLwesine nangoLwesihlanu kodwa basafuna ukuthola ukuthi bangaki othisha abangazofika ngenxa yezinkinga yezempilo. |
Uthe yize bewudayisa ufishi wakwa Lucky Star nePilchards in Tomato Sauce engu-400g kodwa yenziwa kwenye indawo. |
Uthe yize bezama ukumenza akuqonde okwenzekile, uBobo unakho ukungakholwa ngoba bekukukhulu abekubhekile ngokusebenza noMpura. |
Uthe yize bezibophezele ezingxoxweni zamaholo kodwa ngeke babuyele kuzo uma umqashi engezi nesiphakamiso esingcono. |
Uthe yize bezikhona izinkinga abebehlangabezana nazo njengothisha kodwa bakutholile lokhu abebekuphokophelele. |
Uthe yize bezimisele ngokusiza kukho konke okudingekayo kodwa bazobuye bancike nasemiyalelweni yaseNdlunkulu okumele bayihloniphe. |
Uthe yize bezimisele ukubuya nawo ephelele amaphuzu emdlalweni womkhaya kodwa bayazi ukuthi kufanele balindele umdlalo onzima komkhaya babo, Abafana Bes’thende. |
Uthe yize ebalula lezi zingoma kodwa Amalukuluku kaDladla Mshunqisi yiwo azowuthatha lo nyaka. |
Uthe yize ebefuna ukulidlulisa kodwa bekuba nzima ukuqhubeka asebenzise abameli besihle ngoba kuyalindwa. |
Uthe yize ebexosha izingane zakhe uma ephuzile kodwa bebezwana nomufi njengoba bebegqoka izimpahla ezifanayo futhi esanda kumenzela izincwadi zokushayela. |
Uthe yize ebhala aphinde acule, lokhu kuyakhombisa ukuthi usebenza kanzima. |
Uthe yize edlule ebunzimeni, akasoze akhiphela ubuhlungu bakhe kwabanye. |
Uthe yize ehambe ngendlela ebuhlungu kodwa abafuni ukugxila kokwenzekile kodwa bazokhumbula izikhathi ezimnandi abazichithe naye. |
Uthe yize ehola lolu hlelo esikoleni kodwa othisha afundisa nabo, abazali nabafundi bayamsiza ukuqhamuka namasu azokwenza baqoqe udoti omningi. |
Uthe yize ekhala kodwa ukuthatha njengenselelo kubona ukuthi basebenzisane bengomaskandi ukuze umculo wabo uthuthuke. |
Uthe yize ekuqaleni ebephatheke kabi ngesenzo somyeni wakwakhe uMnuz Bhekisisa Langa kodwa manje usezizwa engcono ngoba indodakazi yakhe ithola usizo. |
Uthe yize ekwamukela okunye ukuthukwa okubhekiswe kuyena kodwa kuhlabe kwazwela uma bemsola ngokuba umuntu ocwasa abanye ngokwebala. |
Uthe yize ekwazi ukusebenzisa iselula noFacebook uma ehlola kodwa ukhetha ukuwusebenzisela ukufundisa abantu ngokusetshenziswa kwamakhambi esintu. |
Uthe yize elimele kodwa lokhu ngeke kumphazamise ekudlaleni ibhola. |
Uthe yize enesikhashana esemculweni kodwa usezuze lukhulu ngoba umculo wakhe uyathakaselwa. Kulezi zinsuku iphimbo lakhe lizwakala engomeni kaMlindo The Vocalist ethi Macala. |
Uthe yize engagulanga udadewabo kodwa washo ukuthi uyasha esifubeni uma kukhona okwenzekayo kwaziwe ukuthi uphuze le nto. Kuthiwa waqala ngalo uLwesibili ukuzwa kunento emshisayo esiswini, ngoLwesithathu wamtshela udadewabo ukuthi uphuzeni. |
Uthe yize engahambisani nokushaywa kwabantu abasolwa ebugebengwini kodwa ngalo mkhankaso uyafisa ukuthi bunqandeke ubugebengu. Esikuzwile wukuthi lezi zingane (abasolwa) zinabantu ezisebenzisana nabo endaweni nesikholwa ukuthi bayogcina bebanjiwe nabo,” kuchaza ikhansela. |
Uthe yize engakujabulelanga ukusuka lapho ababesebenzela khona kodwa bakwazile ukugcina sebekwamukelile ukushintsha kwesimo sokusebenzela ekhaya njengoba bebecabanga ukuthi bazothwala kanzima kumakhasimende ababecabanga ukuthi azokhononda ngokushintsha kwabo indawo. |
Uthe yize engakukhonzile ukudlala emidlalweni ewuchungechunge kodwa uyakujabulela ukuba kuwo futhi ngeke aphawule ngokuthi angahamba nini khona. |
Uthe yize engasazi isizathu sokufa kwendodana yakhe, banazo izinsolo abangakaziqinisekisi. Intombi yendodana yakhe ibinoyise wengane obengahambisani nokuthandana kwabo. |
Uthe yize engasekho kuhulumeni kodwa uzimisele ukusiza ngoba unesifiso sokuthi kuhlale kunokuthula eNdlunkulu. |
Uthe yize engasekho uShona kodwa uthando lwakhe lugcwele kuye, luyachichima nokuyinto abashiye nayo. |
Uthe yize engathandi ukufaka umndeni wakhe ezinkingeni abhekene nazo kodwa uyabonga ngoba uyameseka futhi nomkakhe uzibekezelele zonke izigigaba ezimehlelayo. |
Uthe yize engawazi kahle amagama amantombazane kodwa amanye uyawabona ezithombeni ezilethwe enkantolo. |
Uthe yize engeke adalule yonke imininingwane ngendawo ayidlalayo kodwa kuningi okusazojabulisa abantu ngayo. |
Uthe yize engeke ande ngendawo ayilingisayo njengoba efuna ukuthi abantu bayiqonde kahle angakhulumi ngayo kodwa bayibone eseyilingisa. |
Uthe yize engeke asho ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani kulo mdlalo kodwa usazobonakala. |
Uthe yize engenakho okubambekayo kodwa iyamkhathaza le mibiko ngoba izodala umonakalo omningi. |
Uthe yize engenankinga ngohlelo alwenzayo kodwa uma ithuba lokungena phakathi nesonto livela, angalijabulela. |
Uthe yize engumuntu ohlale ematasatasa, akakhohlwa ukunakekela izingane zakhe ezimbili, umfana oneminyaka ewu-13 nentombazane eneminyaka ewu-10. |
Uthe yize esabala izinyanga ekule nhlangano kodwa kuningi asekuzuzile. Izinto azogxila kuzo kule nhlangano wukufunda indlela okubhekelwa ngayo izimali, izindaba zabasebenzi kanjalo nezitshalo. |
Uthe yize esakujabulela ukusebenza kwiNanda FM ngenxa yempatho kodwa uyafisa ukukhula emkhakheni wezokusakaza. |
Uthe yize esaqhuba izifundo zakhe ophikweni lwezindaba zabasebenzi eNyuvesi yaseJohannesburg kodwa ukulingisa wakuthanda esesesikoleni. |
Uthe yize esecacisile ukuthi ivideo yathathwa ekhaya lakhe kodwa uyaxolisa. |
Uthe yize esekhiphe ama-albhamu amaningi kangaka kodwa uthando lomculo lulokhu lumgqugquzela ukuthi aqhubeke. |
Uthe yize eseluleme kodwa udlulisa umyalezo kubantu ngoba ufuna bayigade impilo yabo. |
Uthe yize esematasa nezinhlelo zokuthi imikhiqizo yakhe itholakale ezitolo, useqalile ukuthola ama-oda kubantu abangabangani bakhe ezinkundleni zokuxhumana njengoba esebenzisa zona ukumaketha le mikhiqizo. |
Uthe yize esenayo intokazi ahlekisana nayo kodwa uthe akakabi sezinhlelweni zokushada njengoba esabhekene nenselelo yokulungisa kubo. |
Uthe yize eseneminyaka ekule ndima kungahambi kahle kodwa ukuyeka umculo enze okunye yinto angakaze ayicabange. |
Uthe yize esezimisele ngokugxila kakhulu emicimbini yamahlaya kodwa akakuyekile ukulingisa. "Abantu basazongibona kweminye imidlalo engizobizwa kuyo. Ngikhuluma nje kukhona ifilimu engizobonakala kuyo esezingeni lomhlaba. Empeleni sengayishutha kudala sekusele ukuba ikhonjiswe abantu." |
Uthe yize esezuze lukhulu kodwa akaqedile kodwa ufuna ukwenza uhulumeni aqonde ukuthi umculo ungadlala indima enkulu ekufukuleni umnotho. |
Uthe yize esezwile ukuthi uyise wezingane zakhe, uMnuz Zamani Thwala ufuna aboshwe ngokushiya izingane zodwa, ngokwakhe uthe ubengakamtsheli lokho usezwa abantu bemxoxela ukuthi usho kanjalo. |
Uthe yize eshiya kulo mdlalo kodwa uyohlala uyikhaya kuye futhi umenze waba nabangani abaningi akade elingisa nabo. |
Uthe yize ethathe lesi sinqumo ngokwakhe uyazizwa ukuthi usengayibamba enkundleni. |
Uthe yize eyibhalisele imali yesibonelelo sabangasebenzi kodwa ayanele ukubhekana nomndeni wakhe okukhona kuwo nezingane zodadewabo nazo ezithembele kuye. Ugxeke abatape ezitolo bacekela phansi nezakhiwo. |
Uthe yize ezimisele ngokufunda kubadlali azobafica njengoDean Furman, Kamohelo Mokotjo asebenesikhathi beyibambile, uzimisele ngokulisebenzisa ithuba uma elithola. |
Uthe yize ezinye zezingane zihlala esikhungweni sabo. |
Uthe yize ezishaya isifuba ngokuthi uyivulile inkampani futhi nemisebenzi uyayithola kodwa kusekuningi okumele akufunde kulo mkhakha ukuze aqashe abantu abaningi abanekhono lokugada abahleli emakhaya. |
Uthe yize i-albhamu yakhe seyitholakala ezitolo zomculo ezikwi-internet kodwa amaCD azobe etholakala kulo mcimbi azobe eshiyelana kuwo inkundla noShwi Nomtekhala, DSD, Abafana BakaMgqumeni, Jaiva Zimnike, Big Zulu, Inkosi Yamagcokama, Imfezemnyama, Vumile Mngoma, Amageza Amahle, Ngiga Ndlovu, Tshathugodo Ngobe nabanye. |
Uthe yize i-ANC inezingqinamba kodwa izimisele ukuzilungisa, ilwe nenkohlakalo iqhubeke nokuvulela abantu amathuba omnotho. |
Uthe yize iComair ibisizama ukwenza imali ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kodwa ukuqubuka kwe-Covid-19 kuye kwabhedisa isimo ngenxa yokuthi amabhanoyi kawasebenzi. |
Uthe yize iHilltop ivaliwe kodwa izivakashi zivumelekile ukuhambela eHluhluwe Imfolozi Park zithenge ukudla eCentenary Centre. |
Uthe yize ikhona enye indlu egcekeni kodwa bebesebenzisa indlu enkulu ngoba baningi. |
Uthe yize imidlalo yenzelwe izingane, abadala bavumelekile ukuphelezela nabo bafundise izingane eminye yale midlalo. |
Uthe yize indawo kaGcin’umzi Nala, abonakala kuyo kuGrassroots ibincane kodwa nayo uyithokozele njengoba imenze wathola enkulu nazoqala ukuqopha kuyona maduzane. |
Uthe yize indawo ngayinye kungenzeka ibe nezinyoka ezingu-25 ezehlukene kodwa zikhona izinyoka ezivamise ukubonakala ezindaweni eziningi kuleli, njengemamba emnyama, night adder, vino snakes, Boomslang, istilletto neMozambique spitting cobra. |
Uthe yize indawo yabo ingenabo abantu abaningi abasebenzisa izitofu zikapharafini kodwa lisekhona idlanzana elizisebenzisayo. |
Uthe yize indodana yakhe izisola ngesenzo sayo kodwa ngeke alisule icala, uzoyekelela umthetho udlale indima yawo. |
Uthe yize ingoma yabo iwulolu hlobo lomculo kepha abazimisele ngokugxila kumaPiano kuphela. Kunezinye izigqi ezitholakala kwisingili yabo abamatasa ngayo, wabala ihip hop negqom. |
Uthe yize ingoma yakhe entsha abantu kade bayilindela kodwa uyathemba basazoyithakasela. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.