input
stringlengths
1
130k
Uthe zonke izinsuku bathembela emseni wabantu abanikela ngegazi ukuze litholakale. Ngokusho kwakhe, lesi sikhathi ngesibucayi kakhulu.
Uthe zonke izitshudeni ezibhekelelwa isikhwama iNsfas nomfundaze iFunda Lushaka, zizothola i-data engu-10GB emini no-20GB wasebusuku ngenyanga izinyanga ezintathu ozozilekelela zisebenzise ezobuchwepheshe kuwona wonke ama-network. Uxwayise izitshudeni ngokuthi ziyisebenzisele ukufunda nomsebenzi wesikole kuphela i-data.
Uthe zonke izitshudeni ezixhaswe yiNSFAS zizothola uR5 000 okuyimali yokuthenga izinsiza kufunda.
Uthe zonke lezi zidingo abazifakayo zidinga ingqalasizinda. Balethe nohlelo lokuletha amanzi, iShemula Water Scheme esiza abantu baseNdumo nasezindaweni ezingomakhelwane ukuze bathole amanzi ahlanzekile.
Uthe zonke lezi ziphakamiso uzozidlulisela kuNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli.
UTHI abahambe bayoshona okwesipikili singena epulangweni abathi ubedakiwe umculi we-Afro Soul, uZahara, ngesikhathi ekhalela ukudlula emhlabeni kwesihlabani uRobbie Malinga.
Uthi abahlengikazi abafana naye abathembele ematekisini kumele baphinde babekezelele nokujeqezwa kabi ngabantu uma begibela ngoba abantu abathandisisi ukugibela nabo.
Uthi abakubo komfana bebethi wabulawa uMaPhenyane ngoba efuna ukuthwala ngaye ukuze abuyele ebukhanseleni.
Uthi abama-video aveza abantu bedansa beshayela noma emgwaqweni ngeke bawafake.
Uthi abantu abaningi bathi lomdlalo owabantu abamhlophe kanti akunjalo ingoba abantu abamnyama abafuni ukufunda yonke into ngawo. Baqinisa kulento abayaziyo kuphela nokwenza bancishelwe amathuba.
Uthi abantu abazithola besenkingeni, amakhosikazi ahlala nalaba besilisa aze agcine ezitshela ukuthi mhlawumbe obaba banolaka uma beholile (kulabo le nkinga ebahlasela kanye ngenyanga).
Uthi abantu baseZimbabwe bathutheleka kule ndawo bezofuna impilo engcono eNingizimu Afrika. Uthi okufike kube yinkinga kakhulu wukuthi kusuke kukhona nezingane ezidinga ukudla nosizo lwezempilo ngokushesha.
Uthi abantu bazoba nesithombe esiphelele sendawo emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoNovemba 20 lapho ezocula khona eshaya ngesudi yesele, nabazobe besemcimbini wakhe bazobe bebhushuzela.
Uthi abapholisanga maseko baphuthuma khona kwaKhanye.
Uthi abathandanayo abayeke ukuzicabangela bona, abacabangele izingane.
Uthi abayizwa kahle indaba yokuthi babe ngaphansi kweFreedom Front Plus emangaze abaningi ikhula ngezibalo.
Uthi abekhona amanye amaqembu ePSL abemfuna kodwa ehluleka ukubeka abekufuna etafuleni .
Uthi abenza lokhu basezikhundleni eziphezulu kwi-ANCYL.
Uthi afike ashaya isicabha ase eyazingenela ngaphakathi emzini wakhe. Uthi afike ngesikhathi esathi ulungiselela ukushisa inyama. Esengaphakathi uthi amtshele ukuthi asefikile azolanda imoto njengoba ebeshilo kwimiqhafazo. Uthe avele amtshela emehlwemi ukuthi angalinge athathe amashansi azame ukulwa ngoba uma enza lelo phutha uzolimala.
Uthi afike kubo ngezintathakusa ngehora lesibili.
Uthi akabange esangena nasendlini, kwathi uma engqongqoza emnyango, kanti intombi bese imbone kuqala yavula iscabha yamthela ngamanzi abilayo ilekelelwa uyise wengane yakhe.
Uthi akabange esayiqeda leyo ngxoxo wavele wadlikiza, waquleka ethuswa yilezi zindaba ezishaqisayo njengoba namanje uthi akakawuphonsi umbalane.
UTHI akafisi nokumbona umfowabo obhokode indodana yakhe ngomkhonto, wayibulala kubangwa ukhiye wendlu owesifazane waKwaMakhutha.
Uthi akageji, uhambisana nezikhathi njengoba kwi-albhamu yakhe ayikhiphe ekupheleni konyaka odlule, efake abaculi abasebancane, abathandwayo njengo-Emtee, Kelly Khumalo, Mafikizolo, DJ Maphorisa wayivala ngenkakha yekwaito uThebe.
Uthi akakholwanga efika ebona abasebenzi bakamasipala sebewudilizile ngogandaganda begadwe ngamaphoyisa alo mkhandlu naweSAPS.
Uthi akaqalanga kugologo kodwa usuka nasebhodleleni likabhiya iCastle Lite.
Uthi akasafuni ukuphinde abe yinhlekisa uma izinto zingasahambi kahle njengoba kwenzekile emasokeni akhe amabili edlule.
Uthi akashadile kodwa unazo izingane ezimbili.
UTHI akayindawo owesifazane waseNquthu, obonakale kwithelevishini ekhihla esikaNandi ngenkathi kwethulwa umnakwabo ngoLwesibili ohlelweni Mnakwethu oludlala kuMzansi Magic.
Uthi akazange anake kodwa uthi waqala waqaphela sekuphela inyanga yonke umyeni wakhe elala kusofa.
Uthi akazange apholise maseko, ushaye imoto yalibangisa kuleyo ndawo. Uthi kuthe uma efika wazibonela ngawakhe uyise enkonkoshelene umakoti wakhe emotweni.
Uthi akaziboni manje ephindela esikoleni ngoba wuyesaba futhi uthi uzizwa engaphephile kakhulu.
Uthi akekho manje ongavimba ukudlala kwalo kwiSABC1 ngoSepthemba 8, yize kukhona abaphansi phezulu bezama ukulivimba.
Uthi akukhathaleki nokuthi owesifazane wazi kangakanani, ngoba usuke ephazamisekile emqondweni, uzithola engasazi lutho ngisho efundile azi ngokudlwengulwa.
Uthi akuwona umsebenzi olula lona owenziwa uMthembu ngoba kunzima kabi ukudlala ngendlela adlala ngayo.
Uthi alipheli isonto engayanga ekhaya. Ukulula isandla emphakathini wangakubo ezinye zezinto athi ufisa ukuhlala ezenza.
Uthi amaBhunu uma enenkinga ayahlangana edwebe amaqhinga okuyixazulula yingakho ehlale phansi anquma ukuthi kufanele avotele iFreedom Front Plus ngobuningi bawo.
Uthi amaphara azenzela ezimpahleni zokudayisa ayezithengile ngenkathi bephuma ngamafastela etekisi eyadutshulwa yayophonseka esihosheni.
Uthi amdonse ngenkani amphonsa ngemuva evenini ashaya achitha naye, ngaleso sikhathi uthi abemvale amehlo kanye nomlomo.
Uthi amtshele ukuthi makalinde abanikazi balo kuqala nabomshwalense.
Uthi angavuma ukubuyela ngoba baveze okuningi okumele kuxazululwe. Kubefundisi abake baphenywa nguNkk Mkhwanazi-Xaluva kubalwa uMfundisi Paseka “Mboro” Motsoeneng ngezithombe ezasabalala kuFacebook kuthiwa ubesezulwini ngePhasika lika-2016. Kuvele noMfundisi Penuel Mnguni wasePitoli we-End Times Ministries ngokufunza abazalwane izinyoka notshani. Ikhomishini yaya ezifundazweni iphenya abefundisi okubalwa neKwaZulu-Natal okuvele kuyo uMfundisi Qhoshangokwakhe Nala, uMbhishobhi Vusi Dube nabanye. Kwavela noMasipala weTheku ngokungcwatshwa kwabantu phezu kwamathuna amadala, ikhomishini eyathi kuphambene nesiko.
Uthi asikho isidingo sokushada ngoba yena uyangithanda futhi umshado awuzoshintsha lutho phakathi kwethu. Okungixakayo kodwa kuko konke lokho uphansi phezulu namantombazane la ngaphandle. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjani ngoba nezingane zami ave zimkhonzile. Okubuhlungu ukuthi sengimbambe izikhathi ezimbalwa engijolela nomuntu wesifazane oyedwa. Ngabe uyoke angishade kodwa ngelinye ilanga? Ukushintsha kona?
Uthi aweneme ngalesi senzo esikhomba ukungawuhloniphi.
Uthi awuyitholi indoda ngisho usuzama? Uzama kanjani ukuthola indoda? Le yona wayithola kanjani? Iminyaka emihlanu uhlezi nendoda yomunye umuntu miningi kabi. Uma ucabanga unkosikazi wakhe uyozizwa kanjani mhla wathola ukuthi umyeni wakhe unentombi enguwe yeminyaka emihlanu? Akukuhle ukwenza into kubantu wena ongeke uyithande uma yenziwa kuwena. Sibona kungekuhle ukuqhubeka nale mpilo.
Uthi azimnikanga inkinga izifundo abezenza okuyisiZulu, isiNgisi, iLife Orientation, Technical Maths, Technical Science, Technical Engineering, neGraphic and Design
Uthi babehlangana ezindaweni zokudla eziphambili kupholwe khona kube kufakwa izimali ngeselula.
“Uthi babemncisha ukudla bemphuzisa amanzi esingazi noma ayenobuthi yini. Base bemtshelile ukuthi uzosebenzela bona. Bathi bafuna ukubona ukuthi uzokwazi yini ukugwinya izidakamizwa,” kusho uMavundla.
Uthi babeyikhipha ngoR70 000, R50, 000, R80 000 nango-R130 000.
Uthi bafisa ukuthi uhulumeni avale ukuhamba kwabantu phakathi kuka-10 ebusuku kuya-5 ekuseni, kuvalwe nemingcele yakuleli kuphinde kuqinisekiswe ukuthi ababaningi abantu abaya ezikhungweni zokugomela iCovid-19.
Uthi bafuna izindlela zokuhlela imindeni kube ngeziphephile nezisebenziseka kalula entsheni.
Uthi bahambe naye behamba bebamba inkunzi baze bakhuthuza nezithandani abazithola zipepenyeka emgwaqweni. Kuthiwa bazithuka izithandani baziphuca impahla yazo. Bafike ezindlini eziyimihhume yabaphangi ezingahlali muntu bamvalela phakathi.
Uthi bake basikaza ukusivala thaqa lesi sikole uma kuqhubeka kanje.
Uthi bakhohlwa ukuvala umnyango. Uthi njengoba indodakazi yakhe inezinyanga ezintathu ikhulelwe uvele wafunda kwezakhe ukuthi umhlola usekhaya.
Uthi bamsola nangokuthi uthwele, yingakho ephumelele futhi ekwaze nokwakha isithabathaba somuzi oyisitezi.
Uthi bamthungatha bangamthola ngosuku aduka ngalo kodwa bangawuthola umkhondo. Ngakusasa ekuseni, uthi bavuka bayobikela amaphoyisa esiteshini saKwaMakhutha ngokuduka komyeni wakhe.
Uthi bangakwenza kanjani ukuthi bathengise abadlali ekubeni besimkhankasweni wokuhlanganisa iqembu elizokwazi ukuphonsela amanye inselelo.
Uthi baqhamuke beyiqulu, bahlasela batapa izinkukhu ezingu-100 nezimbuzi. Uthi uma ecabanga ngokuthi uzophuma kanjani kulolu sizi, uvele azizwe efikelwa yisiyezi, aphathwe nayikhanda.
Uthi basabela kwikhwelo likamengameli we-IAAF uSebastian Coe, elithi akuthuthukiswe lomdlalo ngendlela esezingeni eliphezulu.
Uthi basola ukuthi uyise weqiwe yintukuthelo ngoba kuvela ukuthi ingane ithulele khona lapho.
Uthi bathuke koma nasozwaneni sebehletshelwa ngabantu ukuthi uThandi uyangcwatshwa ngoLwesine.
Uthi bawavumela amaphoyisa ukuthi athathe ingxeye yesidumbu ukuze siyohlolwa ukuthi kwenzekeni kusona. Uthi izingalo nentamo bakuthatha bona bakuyisa emakhazeni abo.
Uthi bebengazi ukuthi sebeqophe umlando ngokunqoba imidlalo ewu-19 kulandelana.
“Uthi bebesho mina ngempela kodwa? Cishe basho omunye angiyazi yonke leyo nto mina. Angikaze ngithole ncwadi lutho,’’ kushaya uMbatha ngamafuphi.
Uthi bebevele bazana ngemva kokuhlanganiswa ubevele emazi njengoba bahlanganiswawumfowabo kaMasheshisa uSgwebo Sentambo, naye ongumculi kamaskanda osenegama kulo mkhakha.
UThibedi (23) okhushulelwe eqenjini elikhulu leChiefs esuka kwelincane elidlala kwiDStv Diski Challenge ngesizini ka-2018/2019, ubesebolekiswe kwiSwallows amasizini amabili elandelana.
UThibedi, oyibamba enkabeni yenkundla usekuzwile ukudlala kwiDStv Premiership.
“UThibedi ungumdlali omuhle futhi esiziqhenyayo ngokuthi ukhiqizwe yinkulisa badlali yethu,” kusho uMotaung kwi-website yeChiefs.
Uthi bekungekhona okukuqala, ngoba nomunye uDJ uke wambizela emzini wakhe eGoli, ethi abazoxoxa ngokuthi uzomsiza kanjani akwazi ukuqopha umculo.
Uthi bekungoLwesine, ngezithuba zantambama, ezihambela edolobheni KwaDukuza, ngesikhathi kuqhamuka iphoyisa abahilizisane nalo kubangwa indaba yesifonyo. Igama lephoyisa siligodlile njengoba singalitholanga ukuba liziphawulele.
Uthi benqabile abaphathi uma ethi ucela ukuyibamba amasizini amabili okugcina kwiSiwelele.
Uthi bewazi nje ukuthi kukhona onogada abafunde futhi abahlakaniphe ukudlula labantu esicabanga ukuthi bahlakaniphile noma bafundile?
Uthi bewazi nje ukuthi wena nothandiweyo wakho ningakwazi ukuhlala nijabulile futhi nihlale ngokungaklwebhani noma ngabe kwenzekile nangabona ngaso linye?
UThidiela uqoke ukulanda uSoccoia ngoba usekhathele wukubona izinyembezi zabalandeli beLidoda Duvha.
Uthi ekanye namadodana akhe bazamile ukuphunga abahlaseli ukuthi angangeni endlini ngesikhathi behlaselwa kodwa kwamane kwacaca ukuthi isimo singaphezulu kwamandla abo.
Uthi ekuhambeni kwesikhathi babona ngamasamanisi ayebabizela enkantolo, amaphoyisa abatshela ukuthi ngemva kokuthi umshushisi efunde idokodo, uthe akuboshwe yena navula nabo icala.
Uthi, ekuqaleni baqophisane ngamazwi nekhasimende elitshela ukuthi alisebenzise enye itill kepha ngesikhathi selikhombisa udlame ulisizile. "Ngesikhathi ngishaya impahla yakhe besilokhu siqophisana ngamazwi, engithuka ethi ukuze ngihole kufanele athenge futhi kufanele ngimhloniphe njengekhasimende."
Uthi emahhovisi alo mnyango aseChatsworth abazange bamchazele lutho bathi akaye kwawaseThekwini, okuyilapho efike watshelwa khona ukuthi ikhompyutha iveza ukuthi ungowaseZimbabwe, ukuleli ngokungemthetho, uma ephikisana nalokho akalethe amaphepha akhomba ukuthi wazalelwa kuleli.
Uthi eminyakeni eyisikhombisa eqhoqhobele le sikhundla akukho akwenzele abaculi, wabe esemfanisa nento efile.
Uthi empeleni izimpahla zangaphansi zinemikhiqizo eyakhelwe kuphela ukuwasha zona. Ethakwe ngokucabangela ukuthi impahla yangaphansi isondela kakhulu esithweni sangasese.
Uthi empeleni lo mdanso wawukopela kubafana thizeni ajwayele ukuzihlalela nabo achithe isizungu uma engayile ebholeni. Uthe ubakhonzile abafana abasebancane uhlala nabo abeluleke ngezinto ezahlukene empilweni.
Uthi empeleni ngemuva kokuhlanganisa iminyaka ewu-40, izinto zibe nzima kakhulu njengoba ekhuluphale ngokwengezekile kulokhu abeyikona.
Uthi empeleni yizindlu ezihlala zingenamuntu isikhathi esiningi yingakho izigangi zijwayele khona.
Uthi emuva kwalokho baqala bambalekela bengasazibambi izingcingo zakhe, waze wabikela isoka lakhe athembisene nalo umshado, langenela nalo lazama lehluleka ukubathola. Uma bebatholile ocingweni babike imbiba nebuzi. Isitatimende sasebhange salo wesifazane siveza izimali ezingoR60 000 kokunye kube oR20 000 zingena kwi-akhawuntu yenye yalezi zinsizwa.
Uthi emva kwalokho bahlala kancane, uDumi wamphelezela, wamshiya ematekisini aya eMlazi, wamnika u-R100 wawunqaba.
Uthi emva kwalokho izigebengu zathatha izingubo zokulala namajakhethi afudumele, kwathiwa mabangene emotweni yakhe. Bahamba naye nomndeni wakhe baze bafika endaweni eyihlathi.
Uthi emva kwalokho watshelwa ukuthi usebenzisa inamba kamazisi efana neyomunye umuntu odabuka KwaMaphumulo okuyindawo naye adabuka kuyona.
Uthi enye imali yokwakha wayeyilondolozile ngesikhathi esasebenza.
Uthi, ePinetown kwehla laba besifazane base bezohlala esihlalweni esingemuva kwesakhe.
Uthi esafunda ngemva kokubuyelwa ukuzethemba kwakhe, wangenela umncintiswano wozime wabantu abondlekile, nokuyinto eyamjabulisa.
Uthi esesekhaya ebona ingane ingavuki wabikela abomndeni kwathintwa amaphoyisa amtshela ukuthi ingane ishonile, kwavulwa necala. UNksz Mthembu uthe bazoyingcwaba namhlanje (ngeSonto) ingane yakhe.
Uthi esibhedlela kwaHlabisa, bamtshela ukuthi kwi-ultrasound kuyavela ukuthi kunomntwana. Bathi nabo abasazi isizathu sokungateti kwakhe. Uthi wadlulela esibhedlela eBenedictin nakhona behluleka ukumsiza.
Uthi esikhathini esedlule ngokujwayelekile bebe nemiqhudelwano lapho ihlukaniswa khona ngokwezigaba okunge seYouth namaJunior.
Uthi ezingomeni zakhe wenza isiqiniseko sokuthi akaculi ngento ezodida abantu njengoba izingoma zakhe zigxile olwimini lwesiZulu, konke ufuna kube lula.
Uthi ezinyangeni ezimbili zokuqala wabona ukuthi ukubeka isitini kuzombangela inkinga ngokuhamba kwesikhathi ngoba mfishane.
Uthi ezinyangeni ezinhlanu ezedlule sebeliphonsile ithawula, amaphoyisa athole isidumbu sikamufi sesonakele, sidindilize ezimobeni eXobho.
Uthi icebo lokusebenzela eCentral Medical lavela emuva kokuxoxa nodokotela ababili okuwuDkt Sanele Mdluli obhekelele zonke izifo noDkt Saziso Mthembu, owudokotela wamazinyo ababona kungcono ukuthi bavule isikhungo sezempilo sodokotela abamnyama.
Uthi iCovid-19 ayimlimazanga kakhulu ngoba othisha baseBizimali bazamile ukubenzisa wonke umsebenzi wesikole ngesikhathi esifushane abebenaso.
Uthi ifilimu iveza u-Amanda oyisigebengu, ofuna ukuwuyeka lo mkhuba nempilo yakhona kanti ukuthola kunzima ukukwenza lokho.
Uthi ikhefu leFifa libasizile njengoba abanye abadlali babo abebethintekile oRivaldo Cotzee noKhuliso Mudau, sebeluleme ngaphambi kwalo mdlalo.
Uthi ilula le nto, abathandanayo uma sebebonile ukuthi bayathandana futhi bathanda ukuchitha isikhathi ndawonye, mabashade.