input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe wabona ukuthi iDA ayiyi lapho ayefuna iye khona. |
Uthe wabona uR. Kelly eya ocansini no-Aaliyah ngesikhathi eneminyaka engu-15 ebhasini lo mjikelezo womculo. |
Uthe wabuyela ekhaya ngemuva kweminyaka eyishumi efuna ukubuyisana noyise esikhundleni sokuthi bakhulume uyise wathi akayoxolisa KwaSizabantu |
Uthe wabuyela kodokotela eya nasesikoleni sendodana yakhe. |
Uthe wabuyela kwesinye isikole abefundisa kuso ukushayela eyocela bamdayisele imoto. |
Uthe wacela amaphoyisa ngo-2013 ukuthi amphelezele ukuyomlanda esigodlweni kodwa wangalivula icala. |
Uthe wacela kuThinah ukuba aye kwaSouthern African Music Rights Organisation (Samro) ayofaka negama lakhe njengombhali wale ngoma futhi ambhale nakwiCD. |
Uthe wacela le nkampani ebiyenganyelwe nguReggie Nkabinde ukuba imnike incwadi yokumdedela ngemuva kokuba kube nokungazwani kahle nomyeni wakhe oyimenenja yakhe, uMhlo Gumede. |
Uthe wacela ukuthi amphuthumise esibhedlela ngoba wayesakwazi ukuzikhulumela. Lo mculi uthweswe icala lokubulala nelokuphatha isibhamu ephuzile. |
Uthe wacela ukuvikelwa ngisho kowayengumholi weqembu uMnuz Mmusi Maimane ngesikhathi ehlaselwa abantu abaseqenjini lakhe bemgxeka ngezinqumo zakhe ezithinta kakhulu ukuletha izidingo zabantu. |
Uthe wacelwa wumqondisi ukuthi baqoqe imininingwane yabo bonke omaskanda ukuze ifakwe kwi-database kahulumeni ukuze baqashwe uma kuvela imisebenzi. |
Uthe wafaka isicelo kwaSassa ngekhompyutha exhumana nabo ngayo ngoba ayevaliwe amahhovisi akwaSassa ngaleso sikhathi. |
Uthe wafaka uMkhwane kulo mdlalo ngenxa yamagalelo akhe futhi ubenesiqiniseko sokuthi uzokwenza ubulungiswa ngokudlala kahle indawo kaNjandini abezoyilingisa. Uthe uMkhwane uyamhlonipha futhi udumele ngokungabi naye kule sizini yeBopha, wabe esemfisela ukusheshe alulame. |
Uthe wafica ingane emtholampilo isithungwe umthambo wasenhlafunweni owagqashuka. |
Uthe wafika esephuthunyiswe emtholampilo ngomunye wothisha nomunye usisi odayisa ngaphandle kwalesi sikole. |
“Uthe wafika esikoleni wabona lo baba oyilungu lesigungu sabazali, wambuza ukuthi uyaphi. |
Uthe wafika eSouth Korea ngoJuni wonyaka odlule eyofundisa isiNgisi. |
Uthe wafika kuye ecwebise izinyembezi ethi usecabanga nokuhlehlisa umshado owawususondele ngenxa yokuswela imali. |
Uthe wafika wavusa indodana yakhe eyayilele kwenye indlu, wayibikela ngokwenzekile. |
Uthe wafike wamtshela ngendawo kaNkabinde oyinyanga egangile nafunwa ilingiswe nguyena. |
Uthe wafunda lukhulu enza uhlelo lwakhe lokuqala emsakazweni iDYR, waphinde wasebenza noLinda Sibiya kuKhozi enza isigaba esaziwa ngePrank Call. |
Uthe wafunda lukhulu kuMtshengiseni ngendima kamaskandi. |
Uthe wagana uyise ngemuva kokuthi eshonelwe wunkosikazi owayengunina walezi zingane ezidayise umuzi. Ukhombise leli phephandaba amaphepha awubufakazi bokuthi lo muzi usegameni lakhe. |
Uthe wagcina ekwazile ukungena, elokhu eshisa impepho, ekhuluma into engazwakali. |
Uthe wagcina engenile, elokhu eshisa impepho ekhuluma into engazwakali. |
Uthe wagcina ukufaka isicelo kumshwalense ngo-2018 kushone udadewabo, athe nguye owayebhalwe ukugcina amafa akhe. Usesola nokuthi kungenzeka ukuthi abamqolile basebenzise leyo mininingwane yakhe. |
Uthe wagcina ukukhuluma nothishanhloko osolwayo ngesonto eledlule emtshela ukuthi uyayifuna imali yakhe. Uveze ukuthi wamphendula ngokuthi naye wenzelwe phansi ngumuntu obengumsunguli webhizinisi. |
Uthe wagoduka nengane ithule futhi inganyakazi, i-drip yakhishwa ngumhlengikazi njengokomyalelo kadokotela. |
Uthe wahamba kancane eqonda kubo entabeni. "Ngathi sengizofika kubo ngazama ukubaleka ngibheke phansi kodwa bavele bangihubha bonke sebeyiqulu. Yize bengilahlekelwe yithemba lokusinda kodwa ngiqhubekile nokuhlaba ngejubane. |
Uthe wahlala esiteshini samaphoyisa enganakiwe laze lashona ilanga ngoba amaphoyisa ayembona sengathi uphazamisekile ekhanda. |
Uthe wahlala isikhathi esincane ekhaya ngemuva kokuyeka umsebenzi, wabe esehambela izindawo zobumnandi edlala njengoDJ. |
Uthe wahlangana cishe kathathu noma kane noNksz Munusamy ngodaba oluthinta imoto yakhe. |
Uthe wahlangana nezikhulu zikamasipala ukudlulisa izikhalo. Uveze ukuthi nomphakathi bawuchazelile inkinga ababhekene nayo. |
Uthe wahlangana noMampintsha esemncane kakhulu njengoba manje beqeda iminyaka elishumi. "Ningangibuzi ukuthi ngangineminyaka emingaki." Uthe abantu bazomangala ohlelweni lwabo kuShowmax maduze nje ngoba usewuhambisile umbondo, walotsholwa futhi sekusele umembeso ngaphambi kokuba bashade. Uthe yize uMampintsha ewenzile amaphutha kodwa unothando olumenza akhohlwe ngamaphutha. |
Uthe wajabula ebona abantu bencoma futhi bejabulela le ngoma. |
Uthe wake wacabanga kaningi esefuna ukuyosihushula esikhungweni esizimele ekubeni sikhona isikhungo sikahulumeni esiphephile futhi esihushula mahala isisu. |
Uthe wake wahlangana nosomabhizinisi wase-India owaziwa ngokuthi * -Ambani owayefuna ukutshala imali eNingizimu Afrika. |
Uthe wake wanikwa ithuba lokuthi ayohlala emazweni ahlukene phesheya kwezilwandle kodwa wenqaba. |
Uthe wake waya esiteshini samaphoyisa eBhekithemba wafica abaseshi bezixoxela izindaba zabo noyise wengane okukhombisa kona ukuthi laba bantu bayazana, kwamcacela ukuthi icala alifaka kuyafana nokuthi wayezidlalela ngesikhathi ngoba ngeke liye ndawo,” kusho Nksz Mcanyana. |
Uthe wake wazibonela umyeni wakhe efika nemali, waya endlini ayisebenzisa njengehhovisi lakhe, wayikhipha imali wayitaka esisefweni. |
Uthe wakhahlelwa nangamabhuzu, kwaze kwagamanxa ihora lesithathu ekuseni, esekhathele engakwazi ukuzivikela ngoba ayemaningi amaphoyisa. |
Uthe wakhaliswa kakhulu wukuxoshwa kukaLinda Sibiya noNgizwe Mchunu. |
Uthe wakhetha ukubuyela kule ndawo, kwafika nomfowabo wazohlala nabo, umsolwa wayeka ukumhlukumeza. |
Uthe wakhokhelwa ngokuphazima kweso imali yesibambiso ku-ATM waseFNB eManguzi. “Ngosuku lomcimbi ngamshayela ucingo uTembe ngicela anginikeze ikheli lapho umcimbi ukhona, wathi uzongitshela uma sengiseduze. Ngokuhamba kwesikhathi uTembe wabuye washintsha umqondo wathi angize e-Elephant Park futhi simshayele ucingo uma sesiseduze.” |
“Uthe wakhoseliswa komunye umuzi okhona eNgwelezane, wabakhohlisa wathi ubezohlangana nabathile abebemqashele ukugada ingane kodwa abasafiki ekubeni engenayo imali yokuphindela emuva futhi engazi muntu endaweni,” kusho uMthethwa. |
Uthe wakhula eziphethe kahle kodwa ephaphile, ethanda nokukhuluma nokuhleka. |
Uthe wakhulela ekhaya elinothando kangangoba akakhumbuli kukhona ingxabano. Waqala ukubona ukuhlukana ngokobulili esesenyuvesi. Uthe wayebona ukuthi abesilisa baphathwa ngokwehlukile kwabesifazane. Yilapho aqala khona ukuba nogqozi lokulandela izindaba zobulili. Lokhu kwenza wagcina eyiGender Officer, wangena nasezinhlelweni ezibhekelele ezobulili namalungelo. |
Uthe wakhuluma nomqeqeshi weCity, uBenni McCarthy, encoma umsebenzi awenza ku-Erasmus. |
Uthe wakhuthazwa yincwadi kaDavida eBhayibhelini eyamenza wasebenza kanzima, wakhipha le-albhamu enamaCD amabili anezingoma zokudumisa zodwa. |
Uthe wakuchitha ukuphakanyiswa yisigungu, udaba lwadluliselwa emagatsheni enhlangano nawo aseka okwaphakanyiswa yisigungu nokwenze wanquma ukuthi asithobele lesi siphakamiso. |
Uthe wakwazi ukubalekela kwindlu engaphandle kodwa wamlandela wafika neminye imimese emibili waqhubeka wamgwaza ekhanda. |
Uthe walala amasonto amabili esibhedlela okuyilapho okwafika khona umcabango wokuthi makabhale incwadi ngobungozi bezitimela, exwayisa nangokuhamba ngezinyawo kujantshi. |
Uthe walala noTrump ngesikhathi osaziwayo baseMelika bedlala igalofu eLake Tahoe, eCalifornia ngonyaka ka 2006. Encwadini uphinde athi kwakumufakela amahloni ukubona uTrump njalo kwithelevishini njengoba kwakumbuyisela umcabango wokuthi sebeke balala ndawonye. |
Uthe walandelwa owayeyimenenja yeTS uSanele Dlamini wamnxenxa ukuthi bavule inkampani ndawonye. |
Uthe walucela uxolo emdenini kamufi, wacela osonhlalakahle bamhlanganise nawo ngesikhathi esejele. Kule ncwadi ufundisa abantu ngokunaka imicabango yabo ukuze bathathe izinqumo eziphusile. Uthe incwadi yakhe isishintshe abaningi abafakazayo ukuthi isibasizile ukubhekana nezinselelo zempilo. Incwadi ifundisa nokuthi abantu baphola kanjani ebuhlungwini benhliziyo nokuthi baphile impilo enokuthula. |
Uthe walwa naye imizuzu engaphezu kuka-20 kodwa ngenxa yokondleka kwakhe wagcina emdlwengulile. |
Uthe wambikela uthishanhloko, wamcela ukuthi abhale isitatimende asithumelele yena. |
Uthe wambuza unkosikazi ngalokho kodwa waphika. Uthe izinto azibanga zinhle phakathi kwabo njengoba bese belala emakamelweni ahlukene. Unkosikazi wakhe waze wathi kungcono behlukanise umshado. |
Uthe wamcela ukuthi balinde kancane ngoba ubengafuni ukugcina icala ngaso. |
Uthe wamchazela umyeni wakhe ngalesi sigameko, wameseka kwaze kwaba sekugcineni. |
Uthe wamethula esanda kuqokwa esikhundleni ngo-2012. |
Uthe wamgwaza ebusweni nasentanyeni, naseswini waze wama ukunyakaza. Waphihliza umnyango (sliding door) ezama ukubaleka, omakhelwane bezwa babiza amaphoyisa. |
Uthe wamshayela ucingo lo thisha ebona indodana yakhe ingasabuyi ekhaya kodwa waphika ukuthi ike yafika kuye. |
Uthe wamshiya umqashi wakhe ngoba emhlukumeza. |
Uthe wamthanda eqala ukumbona uNokwazi kodwa umzala kankosikazi wakhe wayenqaba nezinombolo zocingo lwakhe. |
“Uthe wamtshela ukuthi akazange ayinike yena, abangani bakhe bangakholwa bamshaya ngezimpama. Ngokuhamba kwesikhathi elokhu ephika uthe kwafika abanye abangani balo mngani wakhe abangamadoda amabili, bangenelela bamshaya. Ngaleso sikhathi base bekomunye umjondolo okude nakubo, abakhona bengekho. Uma bebona ukuthi akavumi ukuthi iselula uyayazi noma eseshaywa ngamadoda, babilisa amanzi ngeketela bamthela ezinyaweni nasemhlane. Akakhumbuli ukuthi kwenzekani ngoba waquleka,” kusho yena. |
Uthe wamukelwa nguMqondisi Jikelele, uDkt Cassius Lubisi, owamtshela ukuthi uMengameli usaxinekile. |
Uthe wamxosha emsebenzini kodwa wangamvulela icala. |
Uthe wamyisa eSaxonwold lapho afica khona oMnuz Ajay Gupta, Atul Gupta, Duduzane Zuma, nendodana kaMnuz Ace Magashule angasayikhumbuli igama layo. |
Uthe wancela okuningi kumngani wakhe owenza umculo esikhathini ayesithola ngokuthi ayocula naye uma enandisa, bese ezibhalela umculo wakhe ebusuku. |
Uthe wanelisekile ngakubonile ngoba kuzolandelwa yimigomo yokuthi abantu bangasondelani ezitimeleni noma bame emigqeni. |
Uthe wangena emdansweni nje evele efuna ukuba umculi. |
Uthe wangena emkhakheni akuwona wobudokotela ngoba ewuthanda, engazi ukuthi uzomphosa la ekhona manje. |
Uthe wangena esihlalweni sobukhosi ngo-2007, ngemva kokungenelela koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal. |
Uthe wangenela iMrs Africa ngenhloso yokusabalalisa igama lakhe e-Afrika jikelele ukuze asabalalise imisebenzi yeQueen Zama Foundation. |
Uthe wangeniswa esibhedlela ngoLwesihlanu edluliselwe wumtholampilo wangakubo. Ngaleso sikhathi uthi wayesikwa kodwa izinhlungu zingamqinisile. Zamqinisa ngoMgqibelo ebusuku. |
Uthe wanikwa inombolo yasePitoli kwathiwa akashayele khona ucingo abuze ukuthi kwenzekani ngalolu daba. Uma eshaya ucingo bathi akukho abakwenzayo akabuyele lapho afaka khona isikhalo, baqale phansi. Akuchazwa ukuthi yini eyinkinga. |
Uthe waphatheka kabuhlungu kwathi esetekisini wabona owayedayisa umuthi wokubulala amagundane wawuthenga ngoR10 ngenhloso yokuzibulala yena nezingane zakhe. Icala lizoqhubeka namhlanje njengoba kulindeleke ukuba afakaze ukuze athole isigwebo esingcono. |
Uthe waphinde wathulwa kuNkk Mokonyane kuwo lo mcimbi. |
Uthe waphinde wawabona amaphoyisa uMkhize waphinde wawathuka ewapiklela ethi sebetholene nabekade bedukelene nabo. |
Uthe waphoqeleka ukuthi ashaye imoto ayibhekise eNewcastle ukuyocinga udadewabo. |
Uthe waphuma egumbini ababekulo isikhashana, waphinde wacelwa uMzolo ukuthi aqaphe ukuthi akungeni muntu emnyango. Ngesikhathi kufika amaphoyisa, uthe wahlangana nawo esangena, wawazisa ngesigameko ngaphambi kokuthi uMzobe azinikele kuwo. |
Uthe waphumula amasonto amabili ngemuva kokubeletha. |
Uthe waqala ekhuluma ngezindaba zosaziwayo ezenza ngesiNgisi. Emva kokuthi isiteshi sakhe sivalwe yiYouTube, uqale isiteshi esisha esikhuluma ngezindaba zomaskanda ngoba wabona ukuthi abekho baningi abantu abakhuluma ngomaskanda futhi abakwenza ngolimi lwesiZulu. |
Uthe waqala enyuvesi ngo-2015, wabe esesungula inkampani ngo-2016. Ngesikhathi ebona ukuthi kuyasebenzeka, uthathe isinqumo sokuthi agxile enkampanini yakhe nokwenze yathuthuka yafika kuleli zinga esikulona manje. |
Uthe waqala iMcLaw Promotions ngo-2016 esebenzisana namaciko aseThekwini okwenza wathatha isinqumo sokugxila kuleli bhizinisi. |
Uthe waqala isiteshi sakhe ngonyaka odlule ekupheleni kukaMashi ngenkathi kunomvalelandlini. |
Uthe waqala lapho ukubamba iqhaza ekufukuleni imfundo yentsha emnyama yaseNingizimu Afrika. |
Uthe waqala ngokubhala imidlalo emifishane ayeyinikeza othisha ukuthi bamfundele. Esefika enyuvesi ngo-2009 waba nothando lwamafilimu. |
Uthe waqala ngokugqokisa abafundi bakamatric ngo-2019 ababengenayo imali yokuthenga izinto zokugqoka kulowo mcimbi. Emuva kwalokho wagqugquzeleka wabe esebhalisa inhlangano yakhe kuwona lonyaka. |
Uthe waqala ukucula ngo-2010 efunda nokudlala isigingci efundiswa wumngani. |
Uthe waqala ukuthandana nalo eneminyaka engu-16, enganakile ukuthi liyamhlukumeza. |
Uthe waqala ukuzicathulisa emculweni kusukela esenza izifundo zobudokotela ngoba yinto ebeyikhonze ngenhliziyo yakhe. |
Uthe waqala wacubungulisisa kahle ayemtshele khona mayelana nesoka. |
Uthe waqala wasebenzela egaraji elisekhaya, ukwanda kwamakhasimende kwamphoqa ukuthi athole indawo enkulu ngoba igaraji lakwakhe bese lilincane engasakwazi ukugcina osofa abaningi kulo. |
Uthe waqala wazitshela ukuthi kudlalwa ngaye ngesikhathi ethola umyalezo wokuthi uqokiwe kule miklomelo. |
Uthe waqamba amanga wathi ufuna ukuhamba aye ekhaya, wangamkholwa wabe esemphushela phansi. |
Uthe waqanjwa ngoSiyasanga Isandla SeNkosi, ngenxa yokuthi watholakala sekuphele iminyaka emithathu elindelwe. |
Uthe waqhubeka nemfundo emuva kokuqeda u-matric eMpiyakhe High, KwaMhlabuyalingana, ngo-2008 ukuze kube lula uma esefuna ukungena emkhakheni awuthandayo. |
Uthe waqhubeka wayolanda inkomo, iziklabhu nembuzi ngoba wayesanethemba lokuthi uzoqhubeka umcimbi. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.