input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe uyohlala emthanda uyise wengane yakhe futhi bazobambisana ekuyikhuliseni. |
Uthe uyojabulisa okwengane encane uma engathola ithuba lokudlala kwiNdebe yoMhlaba lapho ebanga ijezi noRefiloe Jane noMamello Makhabane. |
Uthe uZabelo uzotheleka esikhumulweni sezindiza saseThekwini kusasa. |
Uthe uZahara uwiswe ukucwila otshwaleni okwenze agcine engasayi ukuyocula emcimbini aqashwe kuyo, angalubhadi nasezingxoxweni nabezindaba asuke ehlelelwe zona. |
Uthe uZahara uze waqamba i-albhamu yakhe yakamuva uMgodi ngoba ebonga ukuthi umkhiphe emgodini abengene kuwo. |
Uthe Uzalo wumdlalo omkhulu ake aba kuwona kodwa uke wathi xinti efilimini ethi Matolwane. |
Uthe uzalwa eMlaza kwa-H ngo-1975. Unina yinkosazana uKhulisiwe Shembe, uyise yinkosi uSydney Rooi Gcingca. |
Uthe uzalwa emndenini omkhulu, abantu bakubo batholakala KwaZulu-Natal naseGoli. |
Uthe uzama nokuxoxisana nabezinhlaka ezihlukene ezingalekelela ukuthi indlu kaNkk Khuzwayo yakhiwe ngokushesha. |
Uthe uZama, obefunda esikoleni sabakhubazekile iGolden Hours Special Needs School, ubehlala noyise nomfowabo omdala uNjabulo (17) kodwa uyise ubebashiye bodwa ngempelasonto wathi uya emakhaya. |
Uthe uzama ukulungisa udaba abhekene nalo ngokuthula ngokubuyela enkantolo acele iguqule isinqumo sayo kodwa uthe akakwesabi ukuya ejele. |
Uthe uzama ukusondela kuLagxabha ukuze amchazele kahle ukuthi akusiye othume izigora ezimshayile kodwa uLagxabha wavele wathukuthela maqede wadedela ulabhabha wempama kuBahubhe. |
Uthe uzame kaningi ukuyilwa le ndaba, abakwamasipala belokhu bethi bayaphenya. |
Uthe uzame ukushayela ucingo indodakazi yakhe ukuze abuze ukuthi kwenzenjani, wabona ukuthi uke wazanywa ukuthintwa ngocingo yisoka layo ngabo-1 entathakusa wangezwa. |
Uthe uzame ukuzithusa kodwa zamjaha, wagcina ebalekile washayela amaphoyisa ucingo endleleni. |
Uthe uzamile ukubazisa ukuthi ukushiya eRandburg akusho ukuthi kuphelile ngaye. |
Uthe uzamile ukubiza umhlangano nezinhlaka zomphakathi ukuthola isixazululo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, izikhalo ngokuhlukumezeka kwabantu bezilokhu zibikwe njalo. |
Uthe uzamile ukuxhumana neMeya, uMnuz Majuba Mavuso kodwa kwaba ukuthi imatasa ukuze akwazi ukuba asizakale ahlangane nomphakathi. |
Uthe uzamile ukuyovula emjondolo kamakhelwane kodwa ilangabi belilikhulu kakhulu, kungasavuleki nomnyango. |
Uthe uZandile yintokazi enhle, ezaziyo izinto, eziphethe kahle, ebambisene nabanye futhi izimele, iyakwazi futhi ukukhalima uNgcolosi uma esenhlanhlatha. |
Uthe uza nokuhlukile ngoba uza nobuyena futhi uzobuyisa nezindaba ezidle ngamancoko ezibizwa Ngezigemegeme ZakwaGumede nokunye. |
Uthe uze wabacelela indawo ukuba bakwazi ukutshala, babe nezingadi, abanye kuthiwa bathi abazifuni izingadi bona. |
Uthe uze wabhalela ngisho noMqondisi-Jikelele woMnyango wezabaSebenzi, uMnuz Thobile Lamati, incwadi (Isolezwe elinayo ikhophi yalo) ngenhloso yokuveza usizi lwabasebenzi basezindlini. |
Uthe uze wadedelwa ngoLwesihlanu ngo-1 entathakusa ngoba amadoda ayemthumbile ayesexabana wodwa amanye ebona ukuthi ngeke esayithola imali ayeyifuna. |
Uthe uze wakholwa ngoba eseyibona ngamehlo ngaphandle kwenxanxathela yezitolo, iThe Workshop ngoLwesihlanu imoto yakhe nangesikhathi esenikwe izikhiye ngabakwaMTN bemtshela ukuthi makangene kuyona. |
Uthe uze washayela ucingo uthishanhloko ngoLwesihlanu emini efuna ukubuza ukuthi kukhona yini abazokwenza ukubhekana nesikhalo sakhe ngokuhlukunyezwa kwengane yakhe. |
Uthe uze watshelwa ngalo mjolo ngoba uNksz Zulu esuke wabhala kuFacebook kaZondo, wathi “Happy Birthday...Ngikuthanda Le nto Eyisicefe.” |
Uthe uze wazama nokuxhumana noKhuzani ngoba efuna amxhumanise noZimdollar ukuze amnikeze ithuba lokucacisa emoyeni ngoba akasabuthiquthu ubuthongo futhi useyasaba nokuhamba emgwaqweni. |
Uthe uzifakile izicelo emanyuvesi amabili, okuyiWits University ne-University of Cape Town, lapho efisa ukwenza umkhakha i-Actuarial Science okungumkhakha ogxile kwiMaths. |
Uthe uzifikele ezozizwela izinkinga ezikhungethele ikolishi, kulandela ukubulawa komphathi wophiko lwengqalasizinda, uMnuz Lindinkosi Mazibuko emasontweni amabili edlule. |
Uthe uZikalala akazange awuhloniphe umphakathi ewubiza ngondlavini. Okhulumela uZikalala, uMnuz Lennox Mabaso, uthe undunankulu ungenele wahlangana nezinhlaka ngenhloso yokulungisa isimo ngoba bakhathazekile ngesimo emkhandlwini. |
Uthe uZikalala bekumele athole amaqiniso kuqala ngaphambi kokuthi abahlasele. |
Uthe uZikalala ungumuntu ophuma ezinhlakeni zentsha ngakho balindele ukuthi ajube intsha ezikhundleni zongqongqoshe. |
Uthe uzimele futhi uhlela ukukhipha i-EP enezingoma ezinhlanu ngoJulayi. UManjaro uzakhele udumo ngokuphatha izinhlelo emicimbini, ikakhulukazi emishadweni nasemcimbini kaSimphiwe Shembe yamahlaya lapho afike aqhulule amahlaya khona. Uthe nezinkondlo uyakwazi ukuzihaya. |
Uthe uzimenenja zabo zithi bezingakwazi lokho kodwa zathi kuzolungiswa. |
Uthe uzimisele ngokuqhubeka nokukhula kwiVibe FM agcine esengumdidiyeli omkhulu wezinhlelo ngoba unezifiso ezinkulu ngayo. |
Uthe uzimisele ngokuthatha noma yiyiphi indawo yokulingisa ngoba uyakuthanda futhi ufuna ukukhula kulo mkhakha. |
Uthe uzimisele ngokuthi asebenzisane nalabo ababanga nabo emuva kwengqungquthela uma esekhethwe njengosihlalo omusha we-ANC eThekwini esesehhovisi lakhe. |
Uthe uzimisele ngokuthi awungcwabele mahhala umndeni njengoba bese ungene ezindlekweni zokungcwaba umuntu okungesiye wawo. Imizamo yokuthola umndeni ongcwabe umuntu okungesiye owawo kayiphumelelanga. |
Uthe uzimisele ngokuthi baqhubeke benze ezinye izingoma noZandie ngoba kuyamcacela ukuthi abantu bayakuthokozela abakwenzayo. |
Uthe uzimisele ngokuwasebenzisa wonke amakhono abusiswe ngawo nguNkulunkulu. |
Uthe uzimisele ukwenza izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi nokunikela, okuyinto ayikhonze kakhulu. Eminye imincintiswano ahlwithe kuyo izicoco kubalwa uMrs Cultural Diversity, uMrs Denim Fiesta, uMrs Mother Nature noMrs Tourism SA. Ukholelwa ukuthi ukungenela umncintiswano akumele kube ukuhalela ukuwina umklomelo kuphela. Uthe abantu abamodelayo bangenza okukhulu ukusiza umphakathi, besebenzisa isicoco sokumodela. Isikole sakhe siqeqesha mahhala abamodelayo ukuze bakwazi ukuzimela, basebenzise lo mkhakha ukuvelela emphakathini. |
Uthe uziphilisa ngokubamba amatoho ukondla umndeni wakhe ahlala nawo emjondolo azakhela wona kule ndawo. |
Uthe uZiyanda usazothwalisa kanzima noPuleng (Tebogo Khalo), ozogcina esenesikhwele ngobudlelwane bakhe noSuffocate. |
Uthe uzizwa ebusisekile ngokuthi njalo ngamasonto abantu bazobe bebukela yena. |
Uthe uzizwa ejabule kakhulu, wabonga uNkulunkulu namadlozi akhe ngalesi sibusiso. |
Uthe uzizwa ekhululekile ngemuva kwesinqumo sikaBatohi. |
Uthe uzizwa engaphephile ngoba abahlaseli bakhe basagcwele amathafa. |
Uthe uzizwa esesimeni esihle kakhulu, ngeke avumele abantu ukuthi bamenze azinyeze ngomzimba wakhe omusha. |
Uthe uzizwa ethobekile ngokuhlonishwa ngalezi ziqu zobudokotela. |
Uthe uzizwa ethobekile ngokuthola iziqu esikhungweni esesikhiqize izikhondlakhondla emkhakheni ehlukene futhi sinomlando. Ululeke ngokuthi kumele bonke abakuleli bazi ukuthi alikho iphupho elingeke lifezeke. |
Uthe uzobambisana namaphoyisa uma esenza uphenyo mayelana nengozi. |
Uthe uzobe ebheka umuntu ongazenzi omunye omuntu futhi abantu abakhululekayo uma besondelana naye ngoba uzobe exhumana kakhulu nabantu. |
Uthe uzobe ehamba noDJ Oros, 101, Character, Malini, Emza nabanye. |
Uthe uzobe eilingisa indawo kaSimon “Vader” Masire, oyilungu leqembu iKOJ okungabafana abazalanayo kanti nguyena omdala kwaMasire. |
Uthe uzobe ekhuluma emcimbini wabesifazane iWomen in Dialogue ngo-Agasti 9 ehhotela iRiverside lapho ezobe egqugquzela abesifazane ukuthi bayeke ukufela ngaphakathi ngezinkinga zabo. |
“Uthe uzobe elokhu ehlala eqhamuka ngapha eNorth West ezozilolonga uma esibona isidingo. “Angicabangi ukuthi ukuyozinza ePretoria kuzomphazamisa ezingeni abesekulona. “Ungumuntu osekhulile kulomdlalo noseyiqonda kahle into ayifunayo ngempilo yakhe,” kubeka uVerster. |
Uthe uzobe engahambi yedwa njengoba kuzobe kukhona noDr Lwazi Manzi owaziwa ngefilimu i-Of Good Report eyavalwa ngomzuzu wokugcina sekumele ivule embukisweni wamafilimu iDurban International Film Festival (Diff) eminyakeni edlule. |
Uthe uzobe engaqali ukubonakala kwithelevishini ngoba wake walingisa emidlalweni ehlukene. |
Uthe uzobe engomunye wabantu abazobe besenkantolo kusasa ukuyoseka uZuma. |
Uthe uzobe esenele ngomculo ngemuva kokukhipha ama-albhamu amathathu. |
Uthe uzobe esenkantolo ukuyoseka uZuma futhi uzomseka kuze kube sekugcineni ngoba ukholwa wukuthi akanacala kodwa wakhelwa uzungu. |
Uthe uzobe eyisigebengu esizovundulula izinto eziningi ezingahambi kahle. |
Uthe uzobe eyochaza kabanzi ngokwenzeka kuleli khasi nenhloso yakhe yokulisungula. |
Uthe uzobe usuya emkhandlwini wezifundazwe wathi ungaphasiswa uma wesekwa izifundazwe eziyisithupha. |
“Uthe uzobuya sizoxoxa kahle ngomcimbi azobe edlala kuwo eMthatha. Angibuzanga okuningi nami ngoba uthe uyabuya, akabange esabuya. Ngibizwe sekuthiwa useshonile, ugwazwe ngunogada bebanga ukungena ethoyilethi. |
Uthe uzobuye abe yingxenye yeShashalazi Women Theatre Festival – okuyinkundla yabaqondisi nabalingisi besifazane abasafufusa kodwa abafuna ukungena emkhakheni weshashalazi okhokhelwayo. |
Uthe uzobuye abone nge-albhamu kodwa ufuna ukuzungeza umhlaba ngenxa yomculo. |
Uthe uzobuyela nasesikhundleni sakhe sokuba yikhansela. |
Uthe uzocela umhlangano noSihlalo wekhomishini yokhetho, uMnuz Glen Mashinini, amcele ukuthi aphenye ngemibhikisho enodlame ezindaweni ezehlukene. |
Uthe uzochaza ngalolu daba oluphakanyiswe uMolefe. |
Uthe uzodedela amaphoyisa enze umsebenzi wawo. |
Uthe uzodilizelwa umuzi wakubo nekotishi lakhe elinamagumbi amane alakhe ngemali ayiboleke ebhange nabeyilondolozile nyakenye. |
Uthe uzofika umdlalo weSwallows sebecije njengothi lo mkhonto. |
Uthe uzogqugquzela ukuthi kuze abatshalizimali kodwa kufanele bahambe uma sekuphele iminyaka ewu-30. |
Uthe uzogxila kakhulu emasontweni ngoba “akawezwa kahle”. |
Uthe uzohamba ezinyathelweni zabo bonke abesifazane abake bawina umncintiswano abayimela kahle iNingizimu Afrika. |
Uthe uzohlala elihambela leli cala kuze kube liyaphothulwa. Izolo inkantolo ithwese lo msolwa ona- 44 ngokusemthethweni icala lesihlanu osekungelokudlwengula. |
Uthe uzohlala ngayedwana kuze kuphele izinsuku abekelwe zona wodokotela bese kuyaqinisekiswa ukuthi akasenalo ngaphambi kokuba ahlangane nomndeni. Uthe sebejube ithimba elizobhekana nalesi simo ukuthi liqaphe isimo sempilo yakhe. |
Uthe uzohlale esikhumbula isikhathi asisebenze kulo mdlalo. |
Uthe uzohlangana nezikhulu ezehlukene zenkampani ukuze alungise izinkinga ezikuyo. |
Uthe uzohlangana nezimeya zomasipala ukuze kuliwe nesihlava sezidakamizwa emphakathini. |
Uthe uzohlangana nezinyunyana ukuze kulungiswe udaba. |
Uthe uzohlizwa kaningi lo wesifazane ukuzama ukulungisa lesi sandla esisele. |
Uthe uzokala iminyaka emithathu ekulo mshado ngemuva kwalokho uyocela ukuthi indoda imlamanise ngomunye unkosikazi ukugwema ukuthi ibe yinamathela kuyena. |
Uthe uzokhipha i-EP enezingoma eziyisithupha apike kuyo uDr Moruti, DJ Mshega, Colours of Sound nabanye. |
Uthe uzokholwa uma esezibonele ngawakhe amehlo ukuthi ngabe ngumzukulu wakhe yini lowo, okuxakayo wukuthi kungani uBabes, engazange enze ngendlela okuyiyona azobika isisu kubo kwengane uma esezithwele. |
Uthe uzokhuthala kakhulu kunakuqala ukuze alule isandla kwabaswele. |
Uthe uzokwakhelwa umjondolo ongamagumbi amabili umndeni bafongqe isigqoko ehhovisi lemeya uMnuz Mxolisi Kaunda becela usizo ngezinhlelo zokungcwaba. |
Uthe uzokwazi ukuphawula kahle uma sebeziphothulile izinhlelo zalolu hlelo, konke sekuqinisekisiwe. |
Uthe uzokwehla umkhiqizo wezimayini, ikakhulukazi lezo ezisebenza emathunjini omhlaba. |
Uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi uKhozi luyaqhubeka nokuhamba phambili kuyo yonke into oluyenzayo. |
Uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyaluphenya lolu daba ezifundazweni ezehlukene zaseNingizimu Afrika ukuze uphele lo mkhuba. |
Uthe uzokwethula izinhlelo zakhe zokuvusa i-Eskom ebhodini lale nkampani ngoba, yize isimo sinzima kodwa uyakholelwa ekutheni isengavuka isebenze. |
Uthe uzokwethula neDJ Speedsta Foundation afisa ukubuyisela ngayo emphakathini. |
Uthe uZola uzobe elingisa indawo yephoyisa uBrightness Sithole ozosebenza kanzima ukuze axazulule izinkinga ezisehostela. Abanye abalingisi nguWiseman Mncube ozolingisa indawo kaJama, Detective Nkomo (Martin Ziqubu), Ernest Msibi, Pastor Mjosty nabanye. |
Uthe uzolingisa indawo kaThabang omunye wabafana ababili abazogcina sebebanga intombi. |
Uthe uzolokhu ekhipha izingoma ngazodwa ngoba akajahile ukudedela i-albhamu. |
Uthe uzoludinga usizo lokulashwa ngokomqondo ngakubonile. |
Uthe uzolulwa udaba lwecala lakhe kuze kugcine kwenziwe ubulungiswa. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.