input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe unoxolo kangangoba ufisa ukukusebenzisa nakuKhongolose ukuze amalungu abuyisane kubhekwe phambili okhethweni. |
Uthe unqindeke amandla ngesikhathi umlisa (ocele ukungadalulwa) owababoleka imali yokuqopha le filimu u-R100 000 athi ubehlele naye leli tulo emtshele ukuthi ngeke esakwazi ukufika. |
Uthe unqume ukuwamisa wonke amalungu ebhodi wacela noNgqongqoshe wezeziMali eKZN, uMnuz Ravi Pillay, ukuthi aqale uphenyo ngokusebenza kwemali kwezeMvelo KZN Wildlife. |
Uthe uNtokozo udume ngegama likaTelele endaweni, uthanda ukujima nokufunda izincwadi zakhe zesikole. |
Uthe uNtombela uvala isikhala esivuleke emuva kokushona kukaMnuz Ricardo Mthembu obulewe yiCorona. |
Uthe uNxele uyisikhulu esingabeki phambili lokhu okufunwa wumnyango kodwa ubebeka phambili lokho okufunwa wuye. |
Uthe uNxumalo bazomkhumbula njengomuntu obewuthanda umphakathi, ewuvikela nasezigebengwini. |
Uthe unxuse abantu abazimisele ngokuba yingxenye yalo mcimbi ukuthi basheshe babhalise ngoba ngeke eqe esibalweni esithile elandela imithetho yokuvalwa kwezwe evimba ukusabalala kobhubhane. |
Uthe unyaka nonyaka siyanda isibalo sabantu abasuleleka ngengculazi. |
Uthe unyaka odlule iwona omenze wanquma ukushiya i-ANC. “Asivumele i-ANC ithathe impesheni ukuze kufakwe abantu abasha, abanegazi elisheshayo. I-ATM yintsha ayinawo umlando wenkohlakalo nezethembiso ezingafezwa.” |
Uthe unyaka uzowuvala kwiKZN African Film Festival (KAFF) khona futhi eKhaya Multi-Arts Centre ngoDisemba. Lapha uzobe engomunye wabadidiyeli bezinhlelo. |
Uthe unyaka wezimali kahulumeni uphela ngoMashi ngakho bekufanele benze izinhlelo zokuholela abantu emuva kokuphela konyaka wezimali. |
Uthe uNyazilwezulu olumcelile ukuthi avakashele eBuhleni, luzoxolisa ngokwenzeka kuyena. Uthe lona alukwazanga ukuba yingxenye yesidlo sasemini kodwa lushiye umyalezo wokuthi luyoba naye ngelinye ilanga ngoba kukhona lapho beluphuthuma khona. |
Uthe uNzama waba neqhaza ohlelweni lomnyango lokuhlinzeka ngamaqakelo ezikoleni olwagcina seluba nembibizane, lwadla ngaphezu kukaR100 million. Lokhu kwaphoqa uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga ngo-2018, ukuba ajube uphenyo. |
Uthe u-Olwethu uhlale ejovwe ngomjovo wokudambisa izinhlungu ngoba isikhathi esiningi uvele akhale ngezinhlungu. |
Uthe u-Olwethu ushe ngesikhathi esalinde umfowabo ofunda kuso lesi sikole owayengakaphumi eklasini ngoba uGrade R uphuma kuqala. Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi umuntu owayebase umlilo wawushiya uvutha wodwa. |
Uthe u-Olwethu wayewela erobhothini imoto yangama wase eyalimala. Uthe lokhu kumfundise ukuthi umgwaqo kumele uhlonishwe. |
Uthe u-Owethu akabuyanga esikoleni ngesikhathi esijwayelekile sokuphuma kwabafundi. |
Uthe uPercy uzicabangela yena kuphela, uma enze iphutha axolise kodwa ebe azi kahle ukuthi usazophinde enze into efanayo. |
Uthe uphakamisa ukuthi okungenani utshwala budayiswe kusuka phakathi kuka-9 ekuseni no-5 ntambama phakathi nezinsuku, bese kuthi ngoMgqibelo budayiswe kusuka ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini, ngeSonto nangamaholidi zingavulwa izindawo ezidayisa utshwala. |
Uthe uphatheke kabi ngendlela okushone ngayo indodana yakhe futhi ubengazi ukuthi idlala lo mdlalo. |
Uthe uphatheke kabi ngesenzo esenziwe umuntu obethenjiwe ukuthi anakekele izingane kodwa wajike waba umdlwenguli. |
Uthe uphatheke kabi ngokulahlekelwa wumhlobo wakhe akade benyuka naye, uSolwazi Seamus Lawless, ngesikhathi besentabeni i-Everest. |
Uthe uphatheke kabi ngokwenzekile futhi kumthusile ngoba ubengalindele ukuthi kwenzeke into efuze leya. |
Uthe uphazanyiswe ngabamtshele ngendoda elethwe ngebhokisi esontweni. |
Uthe upheka i-albhamu enezingoma ezingu-12 ezophuma ngokuqhubeka konyaka futhi sezikhona izingoma ezine |
Uthe uphenyo lomnyango lwalesi sibhedlela luzohlanganiswa nolwaseSt Augustine nayo ephethwe ngabakwaNetcare, oluqhubekayo. |
Uthe uphenyo luveza ukuthi imoto yathengwa ukuze uNgcobo ongusihlalo wethimba likamasipala elengamele ukukhishwa kwamathenda, akhiphele abasolwa amathenda kamasipala. |
Uthe uphenyo luzobheka ukuthi ngabe iphutha likubona kwaSassa noma kwabePosi. UMdlalose uthe abaqolwe sebehola ngamakhadi amasha akwaSassa kuyomele bavulelwe ama-akhawunti amasha ebhange babuyele kwaSassa ukuze bafakwe kabusha kwikhompyutha. Ugcizelele ukuthi kuzokhokhelwa okuzobe sekuqinisekisiwe ukuthi ukuqolwa kwabo akubanga ubudedengu babo. |
Uthe uphenyo luzolandela imali ukuze kuvele ukuthi ikwenzile yini ebihlelelwe kona nokuthi itholwe ngabantu abafanele. |
Uthe uphenyo lwabo alusho ukuthi i-UPL inecala noma imsulwa ngoba lokho kuwumsebenzi wenkantolo. |
Uthe uphenyo lwabo luveza ukuthi * -56% wamakomiti amawadi awasebenzi okusho ukuthi imiphakathi ayithintwa kahle. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa kuphela oluzabacacisela ngokwenzeka. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa lokucinga uMlaba obeduke kusukela ngoLwesine olwedlule luwaholele eNtumeni lapho kutholakale khona isidumbu ebese siqala ukonakala. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kutholakale imoto kathisha e-Alexandra. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi imoto ebihamba abasolwa yantshontshwa eBellair ngesonto eledlule, isibhamu esincane esitholakele santshontshwa eChartsworth ngoFebhuwari nyakenye. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luwaholele emzini oseKloof, lapho afike abopha lo msolwa oneminyaka engu-25. |
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luwaholele esigcemeni sakwa-J kulo leli lokishi lapho bebophe khona abasolwa ababili omunye ongumfundi wakulesi sikole owenza ugrade11. |
Uthe uphenyo lwangaphakathi abasalwenzile luveza ukuthi ikhadi linikwe esinye seziteshi zokusakaza izindaba. |
Uthe uphenyo ngamaphepha aputshukile lusazoqhubeka, waveza ukuthi abafundi abayosoleka bazobizwa ukuze baziphendulele bese kuthathwa isinqumo ngokuyotholakala ukuthi banecala. |
Uthe uphenyo olumaqondana nokubhubhudlwa kwemali yeqembu nalo luyaqhubeka futhi bafuna kube khona ababoshwayo. -NFP ivule icala ngokunyamalala kwemali yayo eyizigidi futhi inuka abaholi bayo ababili abaqavile. |
Uthe uphenyo seluqediwe, isinqumo sizothathwa yinkantolo. |
Uthe uphethroli uzokwehla ngo-19 cents ilitha, udizili wehle ngo-54 cents ilitha. |
Uthe uphiko lwabo olubhekelele ukuziphatha luzoqhubeka nomsebenzi walo kodwa bona sebezenzile izimemezelo. |
Uthe uphiko lwale nhlangano olubizwa nge-Environment and Language Education Trust (ELET) luzolekelela ngokufundisa abantu ngokusebenza kohlelo, ukulithuthukisa nokufaka amanzi. |
Uthe uphiko lwamaphoyisa oluphenya amacala odlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi, ePinetown selunxuse umphakathi waseHillcrest namaphethelo ukuthi ubasize ukuthola abazali bale ngane yomfana. |
Uthe uphiko okufunda kulona izitshudeni, yilona oluzonikeza imininingwane mayelana nezitshudeni ezizobuyiswa ngoLwesine kodwa wagcizelela ukuthi kwabazobizwa kuzodingeka babe nezimvume zokuba sesikhungweni. |
Uthe uphiko olubheka ukushintshashintsha kwesimo sezulu eThekwini luthe kulo nyaka kuzoba nemvula ephindaphindwe kabili kunejwayelekile. |
Uthe uPhillips ubelokhu esikhihlile isililo ngisho egunjini lokushintsha. |
Uthe uphinde asakaze olweJazz olungena ngeSonto, oluthi Umculo weJazz olungena ngo3.00 kuya 6.00 ntambama. |
Uthe uphinde athekele ulwazi nakubantu asebemnkantshubomvu kwezolimo njengoba bebaningi asexhumene nabo ngenxa yalo msebenzi wakhe. Uthe kukhona nabahlola indawo yakhe ukuthi yonke into uyitshala ngendlela yini ukuze abe nezitshalo ezisezingeni. |
Uthe uphindele ekhaya elambatha, waxolisa nakumnikazi wemoto abeyiqashile asemkweleta ngenxa yokungaholi. |
Uthe uphinde wabona incwadi asola ukuthi ibhalwe ngowesifazane ebithi: 'Ngicela ukuxolisa ngesinqumo engisithathile ngicela nisale ningigadele izingane zami kodwa vele nizokhululeka ngoba beningangidingi.'" |
Uthe uphinde wabuyela emculweni baqala isitebele iKalawa Jazmee. |
Uthe uphindiselwe kwaGrade 11 ngonyaka odlule kodwa kwangamkhathaza lokhu ngoba ubezimisele ukuphasa kahle umatric. Umfundi kuthiwa wanyamalala ngo-Okthoba 1 ekade evakashele abangani komunye umqasho. Kuthiwa kwakuwuMsombuluko bengakayi esikoleni ngesikhathi enyamalala. |
Uthe uphithene ikhanda ngoba akazi ukuthi uzohlala kanjani nengane ingaphilile elinde izinyanga eziyisithupha. |
Uthe uphoqeleke ukuthi ayoyimangalela enkantolo yokhetho iDA ngoba ayifuni ukuxolisa ngokulokhu iqamba amanga ithi yamxosha ekubeni wazihambela. “Izinkulumo zeDA ziyibukela phansi imigomo yokhetho olukhululekile ngoba yize itsheliwe ukuthi ayixolise isaqhubeka nokwenza lezi zinkulumo. Udaba ngiludlulisele enkantolo yokhetho ngaluyisa nasenkantolo eNkulu yaseWestern Cape. Isinqumo ngizosizwa ngoLwesihlanu.” |
Uthe uphoqeleke ukuvala amahora amathathu ukuqinisekisa ukuthi isimo siphephile okwenze walahlekelwa imali ayilinganisele ku-R5000. |
Uthe uphoqelekile ukuthi aphawule ngalokhu ezinkundleni zokuxhuma: |
Uthe uphothule umatric ePrince Zithume High, eMthunzini, ngonyaka odlule. Kulo nyaka usegxile emculweni kuphela ngoba ebheke impumelelo. |
Uthe uphoxekile ngabantu ababili ababoshwe bathweswa amacala okuzama ukubulala ngokubhebhethekisa iCoronavirus. |
Uthe uphoxekile ngendlela abahlukumezeke ngayo nabafowabo ngoba bebehleli ngaphakathi egcekeni bengagcaluzi emgwaqweni kodwa bashaywa khona kunjalo. |
Uthe uphoxekile ngendlela i-ANC esingathe ngayo udaba, wathi |
Uthe uphoxekile ngesenzo sale ntokazi njengoba ayithanda isimo sayo singesihle. |
Uthe uphoxekile ngokuthi ubethenjiswe ukuxhaswa kodwa kwagcina kungenzekanga kwaze kwaphoqa ukuthi asebenzise imali yakhe. |
Uthe uphume engamtshelanga ukuthi uyaphi kodwa ube esemthumela umyalezo kuWhatsApp emazisa ukuthi uyothenga iwayini eSpar. |
Uthe uphumelele emabhizinisini ngoba ezimisela, hhayi ngoba engowesifazane. |
Uthe uphumelele kunzima. Unina akasebenzi noyise ubambile nje okungatheni etohweni. |
Uthe uphuthume esiteshini samaphoyisa eMzinto wayiswa lapho ingane itholakale khona bafica owesifazane osolwa ngokuyeba egqoke umfaniswano wesikole eyincelisa ibhodlela wafike waqinisekisa ukuthi ngumsolwa owathatha ingane yakhe. |
Uthe uphuthunyiswe kudokotela omthunge izitishi eziyinqwaba ekhanda ngenxa yokuvuleka kwezingozi agqenywe zona. |
Uthe uphuzile ukwamukela ukuthi umfowabo akasekho. “NgoDisemba 27 nyakenye ngishonelwe wudadewethu. Bese ngikwazi ukumelana nakho. Kumanje ngisele ngedwa, abazali bami abafuni lutho ngami,” kuchaza uDuncan. |
Uthe uPoku ubeyibamba lomphathi wale nyuvesi kusukela ngo-Okthoba nyakenye. |
Uthe uqale enguDJ ngo-2007 kwathi ngo-2009 wangena ekudidiyeleni umculo othi yena. |
Uthe uqale kahle ngengoma ephume ngoLwesihlanu ethi Iyavaya apike kuyo uDr Malinga noProfessor. Ididiyelwe yiRude Boyz. |
Uthe uqale ngokuthi ayeke utshwala ngaphambi kokuba akhethe iNkosi. |
Uthe uqale ukubabona emini yasekuseni bedla ubusha babo, kubonakala ukuthi abakaze babuthi quthu ubuthongo. |
Uthe uqale ukubona amahlaya ukuthi angumsebenzi okhokhelayo ngesikhathi eqashwa womkhaya bakhe abangosomahlaya, Amawele aseChesterville emcimbini owawuseDurban University of Technology (DUT) ngo-2014. |
Uthe uqale ukubona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoLwesithathu emasontweni amabili edlule ngesikhathi ingane yakhe ibuya esikoleni ithi kubuhlungu isisu. |
Uthe uqale ukudlala ngemuva kokufika kuleli wazifundisa. |
Uthe uqale ukuhola kungakaqubuki i-Covid-19 kodwa akayitholanga imali yakhe okufanele aqhubeke nokuyihola ngenxa yokuthi akakwazi ukuyosayina. |
Uthe uqale ukulima ngo-2019 ngemuva kokuthola ukwelulekwa ngaphansi kophiko lwaseDUT (Ndumiso), iMidlands Entrepreneurship Centre and Students Desk. Uthe lolu phiko lwamhlomisa ngolwazi lwebhizinisi wathola noxhaso lwemali wase eqala ibhizinisi lakhe ngo-2019. |
Uthe uqale ukulobola umufi ngo-2019 ngaphambi kokumhambisela izibizo nokumkhehla ngosuku lomemulo wakhe owawungoFebhuwari 28 kulo nyaka. Uthe ngaboMashi kwaba khona umuntu owamqonda, wamtshela ukuthi umshado wabo ngeke uphumelele ngenxa yokuthi kunabantu abafunga begomela ukuthi lingawa licoshwe yizinkukhu uma engashada noNksz Mvuyane besaphila. |
Uthe uqale ukungena emkhakheni wezokungcebeleka ngo-2008 ngokuba wuDJ nge-computer ne-sound system ayeyithengelwe wunina. "Umzala wami, uSbongiseni, wayevamise ukungifundisa ukuthi zenziwa kanjani izinsimbi zengoma. Ngabe sengiba uDJ futhi igama lami lasesteji nguS-Deez." Uthe ukulingisa ukuqale ngo-2015 futhi wadlala efilimini ethi Mkhulu kwiMzansi Magic. Ngonyaka olandelayo, uSifundo ulingise kwenye ethi Fatherless. "Ngabuye ngabamba iqhaza ohlelweni olusakazwa kwiSABC 1 iNow Or Never iminyaka emithathu. Ngo-2017, ngalingisa kwiGold Diggers kwi-e.tv, emdlalweni woKhozi nasefilimini yoMzansi Magic ethi Pastor Bae. Ngo-2019, ngadlala kwiRhythm City nasemafilimini oMzansi Magic athi Toro neMme Matswale. Ngidlala izindawo eziqavile." |
Uthe uqale ukungenwa yile nkolo kusukela ngo-2013 ngemuva kokuqeda isikole. |
Uthe uqale ukuphuza ngenxa yezinkinga abhekane nazo endimeni yomculo. |
Uthe uqale ukuthola umsebenzi ezinkampanini ezizimele, wagcina esethola nakuhulumeni. “Ngaphandle kwenkampani yonogada, nginebhizinisi futhi lokuqashisa ngezindawo zokuhlala ngakithi eManguzi njengoba nginemizi eminingi engiyakhe khona,” kusho uVumase. |
Uthe uqale ukutshala ngonyaka odlule emuva kokuhlala ekhaya izinyanga ezintathu engasebenzi. |
Uthe uqale ukuya esontweni nyakenye ngesikhathi eqashwe yibandla asekulo ezonandisa. |
Uthe uqale ukuzwa ngamahlebezi ngempelasonto edlule ngabantu abathile ebebesuka eKapa naseGoli bethi bazobhonga emswaneni emuva kokuthola ukuthi udlulile emhlabeni. |
Uthe uqale ukuzwa ngesicelo sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwanazi ngePhasika kulo nyaka ekade esenkonzweni yebandla iCovenant eliholwa uMphostoli Collins Dhlomo. |
Uthe uqale ukuzwa ngomjolo kaDumi noseyingoduso yakhe ngo-Okthoba ngonyaka odlule, kwathi ngoMashi nonyaka wezwa sekuthiwa uhambisa ilobolo. |
Uthe uqale umcimbi emuva kokubona ukuthi uthola izipho eziningi ngosuku lwakhe lokuzalwa. |
Uthe uqale ungumkhankaso wokuqala konyaka iSober January Challenge - ngokuhamba kwesikhathi abantu babacela ukuthi baphinde baqhubeke nokubasiza ukubakhuthaza. Abantu abasuke bengenele umkhankaso bathola imiyalezo ebakhuthazayo nsukuzonke bathole nokunye ukwesekwa. |
Uthe uqale waba nzima umdlalo wabo neSwallows. |
Uthe uqale wacabanga ukuthi lo wesilisa uyamdlalisa kodwa wabona kungafanele azithathe kancane lezi zinsongo. Uveze nokuthi lo wesilisa uthe uma engafuni ambulale kumele amkhokhele imali engaphazu kwalena aqashwe ngayo. |
Uthe uqale wanengeka ezitshela ukuthi yindodakazi yakhe esanda kubeletha, eshiye ingane evenini. |
Uthe uqale waqhathwa nabanye ozakwabo endaweni, waya esifundeni ngaphambi kokuthi azoqhathwa nabesifundazwe. Kuzwelonke nguye omele iKZN. |
Uthe uqale wasebenza nomunye usomahlaya uDonovan Goliath athe naye washiya izifundo zokukhangisa ngo-2012. |
Uthe uqale wathenga izingulube kubantu azikhulise azidayise sezikhulile noma aziyise emadeleni. |
Uthe uqale wathola indawo emfishane emidlalweni eyahlukene, okuyiSoul City, Sokhulu & Partners, Rythm City, Isithembiso, Isidingo neminye. Izinto uthe ziqale ukugqama eselingisa indawo kaTebza kwiGenerations: The Legacy. Uthe wayefike kulo mdlalo ethenjiswe ukuthi uzoshutha iziqephu ezimbili kuphela kodwa bazoyithanda indawo yakhe, wagcina esehlale kuyona iminyaka emine. Uthe obekwenza akwazi ukuzidayisa ngezindawo azilingisayo, wukuthi wayeseke wangena nasesikhungweni sikaDuma Ndlovu lapho aqeqeshelwa khona ukulingisa. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.