input
stringlengths
1
130k
Uthe ukwenzeka kwalezi zigameko, azifani ncamashi nesidalwe ubandlululo lwase-America, nakuba zonke zichaza ukubaluleka kwempilo yomuntu omnyama.
Uthe ukweseka kwakhe iqembu yingoba yiyona kuphela into enhle idolobha elinayo.
Uthe ukwesekwa abakuthola emphakathini kanjalo nakuhulumeni bayakuthokozela kodwa uvalo lusekhona.
Uthe ukwesekwa akutholayo kuyamangalisa futhi ubonga akaphezi kumdidiyeli wakhe, uWonder Khwela, okunguyena abayipheka naye le albhamu.
Uthe ukwesekwa akuthole kubangani nasemalungeni omndeni kudlale indima ebalulekile ekumnikezeni ithemba, isibindi nogqozi lokuphokophelela phambili nokulwa nesifo.
Uthe ukwesekwa kwe-EFF kugqame eGauteng lapho isekwa khona ngu-18.2% wabavoti ku-42.6% oseka i-ANC.
Uthe ukwethulwa kukamakoti emndenini womkhwenyana, okuthiwa akwenziwanga kumshado kaLerato, ingxenye ebalulekile yomshado wesintu.
Uthe ukwethulwa kwale ndawo kuyakhombisa ukuthi njengohulumeni bazibophezele ekudaleni amathuba emisebenzi emkhakheni wezokuvakasha.
Uthe uKZN njengamanje ingesinye sezifundazwe ezintathu ezihamba phambili ngesibalo sabantu abaningi abahaqwa yileli gciwane njengoba ngosuku bebalelwa ngaphezulu kuka-3000 abantu abasha abahaqwa yileli gciwane.
Uthe uLady D akazogcina nje ngokudala izinkinga emzini kamzala wakhe kodwa uzophazamisa nobudlelwano bezothando bukaNkunzi noMaNgcobo njengoba ezomkhombisa ngayo yonke indlela ukuthi uyamfuna.
Uthe uLady D, umsebenzi wakhe ukutshontsha futhi ungafunga ukuthi uwuqeqeshelwe lo msebenzi. “ULady D uvela njengomuntu obeboshiwe, eboshelwe ukweba, ufika engenalutho kodwa uzimisele ngokuphila impilo efana ncamashi nekamzala wakhe uMaNgcobo.”U-Ayanda uphinde waveza ukuthi kulo mdlalo kuzobonakala uMaNgcobo ehlela ukubanjwa kwenkunzi nokula abiza khona umzala wakhe uLady D nomunye wesifazane uDK. “Bafuna ukuyibamba ngendlela engakaze ibonakale njengoba kuzobe kungabesifazane bodwa. Kodwa uMaNgcobo ukumsondeza eduzane kwakhe uLady D, kumdalela izinkinga eziningi.”
Uthe ulahle ithuba lokuthi ehlise isibalo songqongqoshe njengoba babehlabe ikhwelo phambilini.
Uthe uLanga wafunda eGolokodo Primary, wadlulela ePhindela wayoqeda eMpukane High. “Indodana yami ishiye indodana yayo uNhlakanipho kodwa ngizwa kuthiwa bezikhona nezinye izingane engizobe ngiqala ukuzibona. Ngiyabonga kakhulu kubantu abangisekile kusukela ingane yami ishone ngoMgqibelo ngoba kwafika izimoto la ekhaya bezongisingatha abantu. UMfundisi uVusi Dube ngiyacabanga usebakhohlwe bonke abantu ngoba unake mina, abeNanda FM nabo bayangiseka.”
Uthe uLerato wayeyingoduso kaHHP. Waqhuba waveza nokuthi uLerato waphuma emzini kaHHP ngonyaka odlule waqhubeka nempilo yakhe. Ngaleso sikhathi uLerato nonina bacelwa ukuthi bayeke ukukhuluma amanga angachazwanga ukuthi amayelana nani.
Uthe uLeroy wayebhekene nezimali, uNota ebhekene nomculo, yena wayegxile ekuletheleni isitebele imali ngomculo.
Uthe ulindele ukuthi athweswe iziqu seMaster’s kwi-Education e-University of KwaZulu-Natal ngo-2021 ngoba akamile ukufunda. Nalapho uyobe engaqedile ngoba ufisa ngelinye ilanga abizwe ngoDkt Caluza uma esenze iPhD.
Uthe ulindele ukuthi udaba ludingidwe ngokushesha kwazise seludonse isikhathi eside futhi iligi isongwa ngempelasonto.
Uthe ulindele ukuthi uMengameli athinte udaba lokwakha kabusha i-ANC ngoba ezinye izifunda kazinabo abaholi okubalwa iTheku, OR Tambo e-Eastern Cape ne-ANC Youth League.
Uthe ulindele ukuthi wonke amakhansela kubalwa nawamaqembu aphikisayo ukuthi ahloniphe uSotshwebhu omusha uMnuz Vusi Ntshangase.
Uthe ulindele ukuthola uhlelo lonke ngo-Okthoba nemibandela yakhona.
Uthe ulindele umbiko ozochaza ukuthi kungani kufinyelelwe esinqumeni sokuvala isikole. “Sizosilungisa isimo eMvuzo High futhi sizoseka isikole ngakho konke esikudingayo. Ngeke sibushintshe ubuholi obukhona. Labo abangazange bazithole izikhundla kufanele bamukele ukuthi abazitholanga baseke ubuholi obukhona esikoleni,” kusho uDlungwane.
Uthe ulindele umdlalo onzima kuBafana Bes’ thende abaphekwa uSteve Komphela.
Uthe uLindokuhle wazalwa evele enezimpawu zokuthi ungowesilisa othandana nabobulili obufanayo futhi ngisho esekhulile ubengakufihli lokho. Eqhuba, uthe bengumndeni bebemthanda.
Uthe ulinganiselwa ku- R300 million umonakalo owadaleka kule mboni njengoba abantu batapa izinsuku ezimbili zonke, kwashiswa namahhovisi.
Uthe uLondiwe uyintokazi ezitshela ukuthi yazi kakhulu njengoba ifikele emakhaya.
Uthe ulotsholiwe wase ethenjiswa umshado nokuyinto emjabulisayo.
Uthe uLt-General Ngobeni uzowaphika amacala abekwe wona futhi unabo ubufakazi balokhu.
Uthe ulubikile udaba esikoleni lwedluliselwa emahhovisi omnyango wezemfundo bathi luzothathwa wumhloli.
Uthe ulubikile udaba ezikhulwini zikaMasipala waseJozini, zathembisa ukufaka abafana bokuvimba izulu.
Uthe uLundi ulaliswe esibhedlela i-Edenvale nala umndeni wakhe nabanye ozakwabo befika bezombona njengoba sekunamasonto impela angena.
Uthe uLundi waqala ukucula esafunda amabanga aphansi.
Uthe uLungelo uthanda ukufunda njengoba eseke wavelela nakwezinye izifundo.
Uthe uLungelo waqale waphika ukuthi usemkhulelisile uNokubonga kodwa wagcina esevuma, ethi kwenzeke iphutha.
Uthe uLwando wanikeza uthando nezeluleko ayengazinikwa nguyise.
Uthe ulwazi abalunike amaphoyisa esiteshini luzobe seludluliselwa kokhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele ozobe esebikela abezindaba ngokwenzekile.
Uthe ulwazi lwezobuchwepheshe, isikhathi esiningi lusindise impilo yabantu. Uthe ukukhuluma budedengu ngomgomo nasezinkundleni zokuxhumana ekubeni kumele kusizakale isizwe esibhekene nengwadla yaegciwane, yinto njenge-SAPC abayikhuzayo abangahambisani nayo kungakhathalekile ukuthi ishiwo ubani.
Uthe ulwazi ngemininingwane yabazali abafakwe izondlo izobhekwa ngabaqeqeshelwe lo msebenzi, ngeke iphathwe yinoma umuphi umuntu emnyangweni ukuvikela ukuthi ingaweli ezandleni ezinoboya.
Uthe uLwesithathu wusuku olungekho matasa nakuba ekuvezile ukuthi abanye abavoti basuke besemsebenzini.
Uthe uma ababhekelele ukutakula iSAA bengaphenduli bazophoqeleka ukuthi baye enkantolo ukuze ikumise ukushicilelwa kombiko kwazise beyizinyunyana abazi ukuthi ubabekaphi abasebenzi.
Uthe uma abantu bekhetha ukuphila kumele benze kube mqoka ukuthi kunezinto okumele bazidele njengoba sekungamaholidi kaKhisimusi.
Uthe uma abantu belibona ibhubesi kufanele baye esiteshini samaphoyisa esiseduzane bayobika noma bathinte ongamele ezemvelo esifundeni, uMnuz Jabulani Biyela ku-082 708 8860.
Uthe uma abantu bengenaso isiqiniseko ngemisebenzi ekhangisiwe kufanele babuze abaseMhlathuze Water bangalokothi bakhiphe imali.
Uthe uma abantu bevotele uKhongolose kumele bazivune izithelo zalokho. “Yingakho ngisho ukuthi into esiyizele lapha enkantolo nabo abayazi ngiyanitshela, ngoba ngo-Agasti 15, nyakenye basayina ngepeni elibomvu, bathi icala nakanjani lizoqhubeka uma sekubuywa, yabuza imantshi ukuthi bayobe sebelilungele icala, bathi nakanjani. Namhlanje umhlaka 15, mene mene akusenjalo, sebecela ezinye izinyanga ezintathu noma eziyisithupha,” kusho uNkk Gumede.
Uthe uma abantu bewuduba bazophuthelwa okumnandi okusazokwenzeka kuwona ngoba basazomangazeka ngabazokubona kwenzeka.
Uthe uma abashayeli nabasizi babo bengazifaki izifonyo noma bevumela abagibeli bagibele etekisini bengazifakile izifonyo bazoboshwa.
Uthe uma amaholo enyuka ngale ndlela kusho ukuthi abasebenzi abajwayelekile bazohola uR12 734,00 ngenyanga.
Uthe uma bebabuza ukuthi bayitholaphi iselula yakhe bathi nguyena obanike yona ngaphambi kokuthi bahlukane naye ngoba esephuze kakhulu.
Uthe: "Uma bebaningi abantu abahlonzwa ukuthi banaleli gciwane kusho ukuthi kuzodingeka imibhede eminingi yokulalisa abagulayo, izinsiza zokuphefumula ezengeziwe ngoba sizokwanda isibalo sabazolaliswa ezibhedlela. Isibalo sababulawa yileli gciwane kungenzeka sikhule,” kusho yena.
Uthe uma bebezokwenza lokho, bekuzosho ukuthi uhulumeni akakhiphe uR20 billion uhulumeni angenawo.
Uthe uma bebuya bazobe sebelungiselela ukubasingatha ngoDisemba.
Uthe uma befika lapho kunotshani khona, waphinde wamdlwengula futhi. “Ngavele ngakhala ngabiza bonke obaba asebashona, ngithi bathule bathini ngifa. Wathi kanti owaka(esho isibongo sakubo). Wathi ngizokuyeka ngoba owakuleso sibongo. Wabe esehamba, nokuyilapho ngabaleka khona ngabuyela endlini,” kusho lo wesifazane.
Uthe uma befuna othisha bangayi emaholidini kumele babakhokhele ngalokho.
Uthe uma begada akumele babizwe ngamavolontiya ngoba ngeke basebenze ngokuzikhandla.
Uthe uma beke bafonela kwamasipala becela amanzi ayaphuma kompompi abuye anqamuke.
Uthe uma bekhala ngokujoyina kwakhe i-ANC, bathi bekumele enzenjani ngoba i-IFP ibisimxoshile eqenjini. Uveze ukuthi ubulungu bakhe abuthathe kwi-ANC buneminyaka eminingi.
Uthe uma bembuyisa uNomsa bazomemezela akukho okuqinisekisiwe okwamanje.
Uthe uma bengaba semandleni, bazophinda kabili isibonelelo sabantu abadala ngoba ibona abayizinsika zemizi eminingi. Uthembise ukusukumela ubugebengu. "Sizonika amaphoyisa imali ngoba kumanje awakwazi ukusebenza kahle ngoba anokhwantalala ngenxa yezikweletu nokuthi ahola kancane. Abanye esizobanyusela imali othisha ngoba nabo bahola amakinati. Akumele amaphoyisa nothisha baphile ngomashonisa bebe benza umsebenzi obalulekile esizweni,” kusho uMotsoeneng.
Uthe uma benganqoba ukhetho iNingizimu Afrika bangayiphatha njengoba belawula iWestern Cape.
Uthe uma bengaphumelela kwiBaroka kuzobe sekulandela neminye imiphumela emihle.
Uthe uma bengawatholi amavoti amaningi okubusa abanye omasipala, bazosebenzisana namaqembu ahlonipha uMthethosisekelo.
Uthe uma bengazifaki izicelo zokuba kucutshungululwe isicelo sabo kulezi zinsuku ezingu-15 njengoba sekuphume umthetho omusha, abakwaSassa ngeke besazibheka.
Uthe uma bengena emandleni, bazophoqa ukuthi * -90%, wemisebenzi unikwe abantu bakuleli. “Abantu sebeyibonile i-ANC ukuthi idlala ngabo akukwazi ukuthi ngemuva kweminyaka engu-25, isemandleni kodwa namanje isakhuluma udaba lokubuyiswa komhlaba,” kusho uMotsoeneng.
Uthe uma benqoba enkantolo bazoya kozinza eBuhleni ezoqhubeka nokuba yikomkhulu lebandla.
Uthe uma beqeda nge-albhamu kaQadasi bazobe sebeqala benza eyabo ngokuhlanganyela.
Uthe uma beqhathanisa izibalo zika-2019 no-2020, ngo-2019 bathole izingcingo ezingu-225 000 kwathi nyakenye lesi sibalo saphindaphindeka kabili saba u-450 000.
Uthe uma beqhathaniswa ne-DA ne-ANC yibona kuphela abakhulayo kodwa bazimisele ukubambisana nalawa maqembu komasipala kodwa into ezohamba phambili ukusebenzela abantu. Uthe kumele amaqembu ezepolitiki onke asayine isivumelwano sokuthi eminyakeni emihlanu ezayo kumele kuqinisekiswe ukuthi wonke umuzi wakuleli unethoyilethi elihambisa indle ngamanzi.
Uthe uma beqhubeka nokuvala izibhedlela bazogcina bengasasele nasibhedlela.
Uthe uma bethi bafuna umhlaba abafuni ukuthi kuphazamiseke ukulinywa kokudla. “Sifuna umhlaba unikwe abantu abafuna ukuwulima, hhayi noma ngubani ongazi uzowenzani. Uma ungumlimi unomhlaba omkhulu, sitshele mngakanani onawo bese ugcina umhlaba othile ukulima, omunye unikwe abanye abantu. Lokhu ngeke kuwuwise umnotho,” kuqhuba uMalema. Uthe abantu abamhlophe ababafuni abamnyama eduzane kwabo ngoba abafuni abamnyama ukuthi bathole izidingo ezifana nezabo. Uqhube wathi kudingeka kulinywe ukudla okuningi ukuze kungabizi kakhulu.
Uthe uma betholakala ukuthi banegciwane bazozikhokhela bona izindleko zezindawo abazogonqa kuzo izinsuku ezibekwe nguhulumeni.
Uthe uma bethola umhlaba kuyo le ward noma kwenye indawo bazofongqa isigqoko ukuze akhelwe enye indlu uNtuli.
Uthe uma beya enkantolo bethi ayimbuyisele emsebenzini bazibuza ukuthi uzosebenza kanjani nabantu abasizane nekomiti elikhulu le-ANC ukuthi achithwe ekubeni yimeya.
Uthe uma beyithola imali kuzoncipha abantu abasula kungafanele ngoba befuna imali. Uthe le nto mayiyoxoxwa etafuleni, ukuze bonke abasebenzi bahlomule.
Uthe uMaBlerh uzoqhubeka abambe izintambo kulolu hlelo njengoba esebonakale iziqephu ezimbili kulona.
Uthe uma bonke abezempilo sebegomile kuzobe sekuyiwa esigabeni sesibili.
Uthe uMabuza owayeka ukukhuluma naye, nathe umangele ngalokho.
Uthe uMabuza uzibophezele ekutheni uzosenza isikhathi sokuthi azovela ePhalamende aphendule imibuzo uma eseluleme.
Uthe uma ebheka umthetho ewuqhathanisa nomfundaze wasoThukela uthole ukuthi nakuba kwakungekho lapho uphoqa khona amantombazane ukuthi ahlolwe kodwa intombazane eyintombi nto kwakungenzeka iye kohlolwa ngoba ifuna ukuthola umfundaze osekusho ukuthi iphoqekile ukuthi ihlolwe.
Uthe uma ebona ukuthi ingane kaNondaba inzima wajikela eJajini ethi malehle esihlalweni sokusingatha leli cala.
Uthe uma ebuka isimo, impahla ethunyelwa ngaphandle izosekwa yintengo enhle ye-platinum neye­golide kodwa ukunqamuka kukagesi kungaphazamisa ukukhiqizwa kokumbiwayo.
Uthe uma ebuza ukuthi bayishayelani ingane yakhe, bathi isazokhuluma.
Uthe uma ebuza uthishanhloko ngalokhu akayitholi impendulo ecacile.
Uthe uma ecela uhlu lwezikhalo uNzama, amalungu emifelandawonye athi amnika kuze kube wuLwesihlanu ukuthi aphendule izimfuno zawo.
Uthe uma edlula ngakulesi sibhedlela uvele ahlengezele izinyembezi, acabange okwamehlela.
Uthe uma efika eThekwini eyofuna amatoho, wajoyina ikarati.
Uthe uma egcina elwa noLaggoune uzobe evikela ibhande le-WBC Silver alithatha ngoDisemba nyakenye ehlula uDenis Lebedev eRussia.
Uthe uma ehamba yena angagcina esephelelwa ukuthi enzeni esiteji, okungagcina sekucasula abalandeli bakhe.
Uthe uma ehambisela uNkk Khanyile itiye, ubehluleka ukuzibamba agcine ethenge izingubo njengoba wayengumdayisi.
Uthe uma ehluleka uNkk Simelane-Zulu ukuthi asebenzisane nezikhungo ezizimele, kumele aqhamuke nenye indlela ezokwenza kungabambezeleki ukuhlolelwa kwabantu leli gciwane.
Uthe uma engakwenzi lokhu kuzosho ukuthi bamthulise ngesikhundla lesi abamnike sona.
Uthe uma engaqala phansi impilo uyafisa ukuya eNyuvesi kodwa-ke akazisoli ngendlela impilo yakhe eyiyo ngoba kuningi akufundile.
Uthe uma engasebenzi uchitha isikhathi nomndeni wakhe aphinde avakashele unina eNorth West.
Uthe uma engasebenzi ukhonze ukuzihlalela endlini afunde izincwadi namaphephandaba.
Uthe uma engasebenzi uphila impilo eyejwayelekile.
Uthe uma engekho emsebenzini ubukela ithelevishini ahlale nomndeni.
Uthe uma engenzi lutho uthanda ukufunda izincwadi noma abuke amafilimu.
“Uthe uma ephuma wadedela isibhaxu kimina ebuza ukuthi kungani ngizenza ngcono ngoba angimuhle, ngesikhathi engishaya ngibe sengizama nami ukuzivikela ngithi ngiyaphindisela kanti ngiyaziyala waqinisa isandla,” kubeka le ntokazi ebivuvukele ohlangothni lwesokudla neso layo libomvu.
Uthe uma esakaza wenza isiqiniseko sokuthi ukhuluma ngento abantu abayaziyo.
Uthe uma esaqhubeka nokumsanganela uzoveza ubufakazi bokuthi waxoshelwani oKhozini.
Uthe uma esebusa kuzophela ukuholwa kwezibonelelo zikahulumeni ikakhulukazi imali yeqolo ngoba lokhu kwenza abantu babe ngamavila.
Uthe uma esechaza wavika ngokuthi ubephuthuma ukuyoposa ngezindlela zesimanje amaphepha ayezobhalisa ngawo njengomdlali wamaBrazilians ngemizuzu yokugcina yewindi lokuhwebelana ngabadlali.