input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe ukujabulele kakhulu ukuphinde athole ithuba lokuhambela kuleliya zwe ngoba emculweni kumele uhlangane nabaculi abahlukene. |
Uthe ukujabulele ukuba yingxenye yalo mkhankaso owethulwe umnyango wezokuVakasha, njengoba iTheku kuyidolobha akhulele kulona futhi lilihle. |
Uthe ukujabulele ukusebenza nabalingisi abakhona abehlukene afunde izinto eziningi kubona. |
Uthe ukujabulele ukuvota futhi usekubheke ngabomvu ukuba agcine ephumile ejele. |
Uthe ukujimisa abantu yinto akhule eyenza kodwa enganakile ukuthi ngelinye ilanga uzogcina esephila ngayo. Uqale ukukhokhelwa ngawo ngesikhathi esefunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (KZN). |
Uthe ukujoyina ngo-Agasti 29 uR650 imoto ngayinye futhi kuvumeleke umgibeli oyedwa ohamba nomshayeli emotweni. |
Uthe ukujutshwa kwamasosha kwasiza ekudambiseni isimo kulezi zifundazwe ezazibhekene nenkinga njengoba engu-25 000 ajutshwa. |
Uthe ukukhathazeka kwentsha ngamathuba omsebenzi nezinga lokungasebenzi kwabantu, kumele kube yinto uhulumeni ayisukumela phezulu. Kumele nabemboni yamabhizinisi azimele bafake isandla ukuvula amathuba omsebenzi. |
Uthe ukukhipha leli culo akusho ukuthi usezokhipha lolu hlobo lomculo njalo kodwa wenza umculo anomuzwa wokuwenza ngaleso sikhathi, nokucabangela abathandi bomculo ukuthi bathole uhlobo abaluthandayo. |
Uthe ukukhipha le mali akubanga yinto elula njengoba bekudingeka akhulume nabathintekayo emkhakheni wezokuthutha mayelana nesidingo nokubaluleka kwalolu xhaso embonini yamatekisi. |
Uthe ukukhishwa kwakhe ukuthathe njengesibusiso ngoba ubevele esidinga isikhathi sokwenza ezinye izinto empilweni njengokufunda njengoba kulo nyaka enza izifundo zeBusiness Operations Management e-University of Cape Town, azenza ngasese futhi uthuthukisa nolwazi lokuba yiTechnical Producer enyuvesi yaphesheya afunda kuyo ngohlelo lwezinkundla zokuxhumana zesimanjemanje. |
Uthe ukukhishwa kwalesi sinqumo, kuzohambisana nokuthi kungabi khona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwezinhlangothi ezithintekayo kuze kube kufika isikhathi sokuthi udaba luyaxazululeka. |
Uthe ukukhishwa kwemali kuxhaswe imicimbi kubeka engcupheni imfundo esezingeni. “Isikole iMthenje High eBergville, sacekelwa phansi isichotho kusuka ngo-2015, ngonyaka olandelayo kwasha umtapo wolwazi ngemuva kokushaywa ngumbani. Akukho okwenziwe kuthiwa imali ayikho yokulungisa isikole.” |
Uthe ukukhokha kwe-EFF kusho ukuthi ngeke besadayisa impahla yayo esidlangaleni kodwa bazolinda umphumela wecala elizodluliswa yi-EFF ngalolu daba lomhlaba. |
Uthe ukukhokhelwa kwezibonelelo zikaMashi no-Ephreli kuzoba nokuphazamiseka kodwa lokhu akusho ukuthi abantu abangayitholile imali yabo ngeke bayithole. |
Uthe ukukhombisa lokhu uMkhwebane uzoqoqa bonke ubufakazi abuthole kuphenywa. |
Uthe ukukhothama kwenkosi uMkhize kulandela okwenkosi uThamsanqa Mkhize waseMfeni naye obethandwa kakhulu, okhothame esikhathini esicishe sibe izinyanga eziyisithupha ezedlule. |
Uthe ukukhula kanzima kumgqugquzele ukuthi asebenze ngokuzikhandla ezifundweni zakhe ukuze ashintshe isimo sakubo. |
Uthe ukukhula kwezibalo ngamandla ngalesi sikhathi kudalwe ukuxegiswa kukathaqa, abantu baphuma emakhaya akusafani nangesikhathi izwe lisesigabemi sesihlanu. |
Uthe ukukhulela emakhaya lapho kugcwele khona imitholampilo, okuthatha isikhathi eside ukufinyelela kuyo, kumgqugquzele ukuthi afunde kakhulu ukuze aguqule lesi simo. |
Uthe ukukhulela emakhaya yikona okumnike ugqozi lokufunda nokuba ngumholi ngoba ebona indlela abamnyama ababecindezeleke ngayo. Uma eseqede izifundo zomthetho nonyaka, ufisa ukwenza iMasters in Human Rights. |
Uthe ukukhululwa kukaTsautse manje kungabeka impilo yofakazi engcupheni abaveze ukuthi bayesaba. |
Uthe ukukhuluma ngendawo yakhe kuyamjabulisa ngoba kukhomba ukuthi uyidlala kahle. |
Uthe ukukhuphuka kwesibalo sabantu baseGauteng, kudalwa wukuthi iningi labantu uma licabanga ukuya emadolobheni amakhulu, iGauteng iyona efika kuqala emiqondweni yabo. |
Uthe ukukwazi ukuchaza ukuthi inyoka ekulumile ibinjani kuyabasiza abasesikhungweni sezempilo kodwa abasebenzi bezempilo bayakwazi ukubona ngezimpawu zesiguli, ukuthi silunywe yiyiphi inyoka. |
Uthe ukulahleka kwemisebenzi nokushonelwa yizihlobo ngenxa yegciwane ngenye yezinto ezenza ukuthi abantu bazizwe bengaphansi kwengcindezi nokhwantalala. Kula bantu abasenayo imisebenzi nabanenkinga yokwethuka kumele bazame ukungagxili kuyo ukuze babhekane nesimo esikhungethe izwe lonke," kusho ungoti. |
Uthe ukulahleka kwendodana yakhe kumphathe kabi unina njengoba evele waquleka waphuthunyiswa kudokoteka. |
Uthe ukulala isikhathi eside kudala izilonda, ezingakubulala uma zinganakiwe. |
Uthe ukulaliswa kwazo ezihlalweni kuzibeka engozini yokuthi zilimale okungadala ukuthi isimo sempilo yazo ingabe isaba sesimeni esejwayelekile. |
Uthe ukulandwa amadoda ayehlome eyizingovolo kubo ezofuna imali yakhe kwameza wavuka emaqandeni. |
Uthe ukulawulwa koMbuso yidlanzana kuzoba indaba endala. |
Uthe ukuletha abantu nge-internet kusiza ekutheni amaqembu akwazi ukulungisa amaphutha, kulula ukukhokha futhi kuyashesha ukuthi kushintshwe labo abanezikhalo. |
Uthe ukulimala komuntu oyedwa embonini kusho ukulimala kwabo bonke ngoba usuke eneqhaza elibalulekile olinyaziwe. |
Uthe ukulimaza nendluzula kuzodala umthwalo esimeni esivele simanzonzo. |
Uthe ukulinda uGordhan ukuba adlulise lolu daba enkantolo yena engakamthatheli izinyathelo, yikhona okusemthethweni. |
Uthe ukulinde ngabomvu ukubona ukuthi ababukeli bomdlalo bazoyamukela kanjani indawo azoyilingisa. |
Uthe ukulingisa akasoze akuyeka kodwa akasoze adlala indawo ethunaza umuntu omnyama. |
Uthe ukulingisa emidlalweni owuchungechunge kukwenza udume kodwa kumele uzame nokunye. |
Uthe ukulingisa indawo efana nalena kumbonise ukuthi uma abesifazane bengabambana lukhona ushintsho abangalwenza emhlabeni. |
Uthe ukulingisa kulo mdlalo akusho ukuthi useyashiya kwiThe Queen kodwa kusho ukwanda kwemisebenzi. |
Uthe ukulingisa ukuqeqeshelwe eBat Centre izinyanga eziyisithupha nokuthe ngo-2013 wajoyina Isibaya. |
Uthe ukulingisa yinto ayenza aphinde ahlabe ikhefu kuyo. |
Uthe ukulingisa yinto ayithande kusuka esemncane emva kokulingisa emidlalweni yeshashalazi esesemabangeni aphansi esikoleni. Emva kwalokho uthe akabuyanga wathola ithuba lokulingisa, kuze kuba uza eNingizimu Afrika. |
Uthe ukulungele ukuthi aye kwiKhomishini kaZondo uma ebizwa njengoba ebesolwa ngenkohlakalo kwaSABC. |
Uthe ukulungiselela ukushoda kwalo gesi i-Eskom isiqalile ukuthola owu-2 600 ozophehlwa ngomoya nangelanga. |
Uthe ukulungiswa kwesimo sezempilo njengokulungiswa kwezikhungo zezempilo nokufukulwa kwezinhlelo zezempilo ezikhungweni zezempilo zakuleli ngeke bayeke ukukwenza. |
Uthe ukulungiswa ubuso esibhedlela kumbize ngaphezu kukaR30 000. |
Uthe ukumenywa kwakhe kule ngqungquthela ucabanga ukuthi kube yingenxa yokuthi uke wabamba iqhaza kule ngqungquthela ebise-UK. |
Uthe ukumodela yinto angakaze ayenze phambilini kodwa yinselelo aziphonsele yona. |
Uthe ukumshutha kwakhe wayefuna ukuba nobufakazi bokuthi wamfica ehlezi phansi esikhundleni sokuthi ngabe uyazungeza njengonogada epulazini abasebenza kulo, kwazise ziningi izigebengu. |
Uthe ukunakile ukuthi abantu abaningi bazitshela ukuthi le video yathathwa yisinqandamathe sakhe nokuyinto ayichithile. |
Uthe ukuncipha emzimbeni kuhamba nendlela yokudla ebhalansile ezoba nama-vitamin nama-carbohydrates ngoba zonke lezi zinto umzimba uyazidinga, ukuzivocavoca, ukuphumula, ukulala ngokwanele nokuphuza amanzi amaningi. |
Uthe ukuncipha kwabafundi, kwenze umnyango wathatha othisha abayisithupha abebefundisa amabanga aphezulu kulo nyaka, wabayisa esikoleni esiwumakhelwane, washiya abayisishiyagalombili abafundisa amabanga aphansi njengoba kuyisikole esixube amabanga. |
Uthe ukuncipha kwamaholo ngenxa yeCovid-19 nokunyuka kukaphethroli nemali yokugibela kuzozwela kubantu kodwa kufanele bathole indlela entsha yokuphila. |
Uthe ukuncipha kwemali kwenze bahoxisa nohlelo lokuzivivinya ukuvota ngobuchwepheshe i-e-voting akade befuna ukulubona ukuthi lungahamba kanjani uma lwenzeka kuleli. |
Uthe ukungabibikho kwakhe kuleli ngeke kuzwele kakhulu kubalandeli bakhe ngoba uyaqhubeka nokwenza umculo. Udalule ukuthi maduze uzozwakala kwenye yezingoma ezizophuma kwi-EP kaMampintsha, wathi akangabazi ukuthi izothandwa yiwo wonke umuntu. |
Uthe ukungabikho kukaZuma ecaleni likaShaik kusho ukuthi wayeshushiswa engekho. |
Uthe ukungabikhona kokuthembana kubambezela intuthuko emphakathini. |
Uthe ukungabikhona kwesabelomali esiqondile sezinduna kwenza ukuthi imali abazibekele yona ithathwe eminyangweni eyehlukene. |
Uthe ukungabi neqembu isikhathi eside bekuyinto engemnandi neze kwazise ubesebhuquza ekhaya noma engasathandi. |
Uthe ukungaboni ngaso linye ngendlela yokuphathwa kwale mishini kwaholela ekutheni yena namanye amalungu omndeni ahlukane phakathi. Yena wahamba nonina nabanye abafowabo, umfowabo ongumfundisi wasala kule mishini kodwa usamthanda njengomfowabo azalwa naye. |
Uthe ukungaboni ngaso linye okukhona manje eqenjini yikhona okudala ukuthi lingasebenzisani. |
Uthe ukungabukelwa phansi komuntu wesifazane kuzogqama kule filimu. |
Uthe ukungadlalwa kwale ngoma emisakazweni sekuphazamise ukuphuma kweCD yakhe entsha abehlose ukuyikhipha ngoNovemba. |
Uthe ukungafiki kwemindeni eyakhele elinye lamapulazi kule ndawo emhlanganweni owawubiziwe ngemuva kokuthi kwaba nesiphakamiso sokuthi ithengelwe indawo engama-hektha awu-400 lapho izokwakhelwa khona izindlu, ngenye yezinto ezibambezela ukuthi kuxazululeke lolu daba. |
Uthe ukungafiki kwemindeni eyakhele leli pulazi emihlanganweni, kwenza udaba lokutholakala kwesixazululo kulokhu kuklwebhana lubambezeleke. |
Uthe ukungafiki ngesikhathi esifanele kwezinsiza zokuzivikela ezikoleni kulesi sikhathi seCovid-19, kumenze wasihlehlisela uMsombuluko ozayo. |
Uthe ukungafinyeleli kuzona zonke izindawo kumenze waqopha uhlelo analo manje kwithelevishini. |
Uthe ukungahambi kahle kwezomnotho kuleli kufakazelwa yizibalo zakamuva ezikhomba ukwenyuka kwezinga lokungasebenzi kwabantu osekwenyukele ku-30.1%. |
Uthe ukungakholwa ukuthi iCorona yinto ekhona nokucabanga ukuthi liphatha abathile ngezinye zezinto eziholele ekutheni lisabalale kakhulu ngoba abantu bebenganakile, beyishaya indiva imithetho yokuqhelelana nokufakwa kwezifonyo. |
Uthe ukungaphumeleli akusho ukuphela komhlaba kodwa kusho ukuwa okwesikhashana okuyilapho ongafunda khona uvuke uzithathe. |
Uthe ukungaphumeli obala kukahulumeni ngokuvalwa kokudayiswa kukagwayi akuhlukile nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu bakuleli. Uqhube wathi ukhathazekile ngezinsolo zokuthi uDkt Dlamini-Zuma ungumngani noMnuz Adriano Mazzotti osolwa ngokudayisa ugwayi ngokungekho emthethweni. |
Uthe ukungaqokwa sekumshabalalisele nangethemba lokuthi ingoma yakhe izobalwa nezibanga isicoco sokuba yingoma yonyaka. Yiwona munxa ongakamenyezelwa ukuthi obani abazodlana imilala kuwo. |
Uthe ukungaqoqwa kukadoti kwesikhashana akusho ukuthi kusuke sekunenkinga enkulu. |
Uthe ukungasetshenziswa kwemali ngendlela kwakuyinto ejwayelekile khona. Uthe kwaba nzima nokusebenza nabo ngoba kwakuvele kushintshwe ungqongqoshe noma ibhodi lakhona noma kushintshe izikhulu eziphezulu. Usole owayewusihlalo webhodi uMnuz Popo Molefe, ngokungasebenzi kahle nekomiti. |
Uthe ukungavulwa ngokuphelele kwezitlo zabo sekwenze ukuthi abantu abangaphezu kuka80 000 bazithola bengenamaholo isikhathi eside. |
Uthe ukungavumeli iziboshwa ukuthi zizibandakanye nemidlalo engaphandle kwamajele, yikona okwenze bakwazi ukunqanda imikhuba eminingi eyisihlava esiholela ekungeneni kwezinto ezingamukelekile ngaphakathi, nezivumela iziboshwa ukuthi ziqhube imikhuba yobugebengu yize zisuke seziboshiwe. |
Uthe ukungawini kwinhlolokhono kuthungathwa abethuli abasha esiteshini iVuzu, akumqedanga amandla yize ayesebeke amathemba akhe onke kulo. |
Uthe ukungayitholi imiphumela yakhe kumenze walahlekelwa yisikhathi sakhe okungabe wasisebenzisa wayofundela i-Electrical Engineering ayezimisele ukuyifunda. |
Uthe ukungcola kwedolobha kuphazamisa amabhizinisi abo. |
Uthe ukungena ekulingiseni kumenze wahlangana nabantu abamkhulisile. |
Uthe ukungena kwabo kowamanqamu akubalulekile ukudlula ukwenza kahle kwiligi. |
Uthe ukungena kwakhe kulo mdlalo kumtakule osizini oluningi nomndeni wakhe. Uthe ubebhekene nezinkinga ngemuva kokushona kodadewabo nonina wasala ekhulisa izingane zabo. |
Uthe ukungena kweSantaco kwiSA Taxi kusho ukuthi nayo isilandela imithetho yeBroad Based Black Economic Empowerment (BBBEE). Kuzoxhasa izinhlelo zeSantaco zokuthuthukisa ingqalasizinda nokuletha impilo engcono kubagibeli. |
Uthe ukungena kwiZululand FM kwaba yisibusiso kuye ngoba wafunda lukhulu. |
Uthe ukungenela kuqale ekuqaleni kwale nyanga sekuyoze kuvalwe ngoSepthemba 28. |
Uthe ukungenela kusavuliwe kuyoze kuvalwe ngoMashi 31. |
Uthe ukungenela kuzovulwa ngo-Agasti 15 kuze kube uSepthemba 30 futhi abafuna ukungenela bangathola amafomu ngokuthumela i-email [email protected] |
Uthe ukungenela ukhetho kwabantu bezimele bengekho ngaphansi kwenhlangano yezepolitiki, kuzobasiza bakwazi ukuzimela, kuthuthuke nentando yabantu. |
Uthe ukungezwani osekudlule nemiphefumulo kule ndawo, kuqale ngoSepthemba nyakenye kodwa kade kungabulawana njengoba kugcine sekuphuma izidumbu. |
Uthe ukunikelwa kwempahla yokwakha izindlu zokugoba amadlangala kuzosabalala nazo zonke izindawo ezine zeTheku kubantu abahlala emahholo omphakathi nasemateneni athe kuzophela amasonto amathathu sekuphothuliwe ukunikezwa le mpahla yokwakha imijondolo emiphakathini abahlala kuyo. |
Uthe ukunqabela abagula ngengqondo ukuvota kungukuthwesa abantu abangenacala icala, ekubeni izigebengu ezenza amacala ziwahlosile, zivunyelwa ukuvota. |
Uthe ukunqamuka kukagesi kusho ukulahleka kwemali ngoba uma kuma umsebenzi izimayini ziyaphazamiseka. |
Uthe ukunqanyulwa kwezinkontileka zabo bengazelele, kubashiye bebishe ezikweletini ngoba iningi labo bese likhokhela imizi nezimoto. Bathi kwenza impilo ibenzima kakhulu. |
Uthe ukunqoba kuMaZulu kuyigxathu elilodwa kwamaningi okumele bawathathe abheke empumelelweni. |
Uthe ukuntenga kobuholi beSasco kwenze izitshudeni zaqoma ukuvotela i-EFFSC. |
Uthe ukuntengantenga komnotho, ukwanda kwabantu abaqhudelana nabo nodaba oluthinta i-data kulilimazile ibhizinisi labo. |
Uthe ukuntuleka kwamathuba emisebenzi isitha esikhulu ababhekene naso. |
Uthe ukunyuka kukadizili kudalwe wukunyuka kuka-oyela ongahluziwe emazweni awukhiqizayo njengoba amazwe amaningi eseqale ukuvula umnotho. |
Uthe ukunyuswa kwentela kuzoba yisivivinyo sokuqala embonini yenkukhu kuleli ukuyibona ukuthi iyakwazi ukubuyela esimeni sayo, iyakwazi ukugcina imisebenzi nokudala emisha. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.