input
stringlengths
1
130k
Uthe owesifazane ebelihleli naye emotweni udubuleke ethangeni wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Uthe owesifazane uboshiwe izolo ekuseni kodwa abakholwa wukuthi uzohlala isikhathi eside ngoba sekuvamile ukuthi amaphoyisa amthathe amgcine bese emdedela. Osonhlalakahle baphenye lesi sigameko basiza isalukazi ukuze sivule icala lokuhlukunyezwa nokushaywa.
Uthe owesilisa abadlala naye ingoma, ufike wathi uzofuna imali njengoba kade benandisa emcimbini iNyus’iVolume, ePeople’s Park ngoMgqibelo.
Uthe owesilisa lona uthe benze kahle bamxosha ngoba bebuzochitheka bugayiwe.
Uthe owesilisa obebukeka ecasukile ube esesonga ngokuthi bazobona ukuthi bazophuma kuphi njengoba bemvalele ngaphandle wase wahamba.
Uthe owesilisa oneminyaka engu-47 uhlaselwe ngabesilisa abangaziwa abavele bavulela ngenhlamvu ekhoneni lomgwaqo u-Archie Gumede noMoses Mabhida.
Uthe owesilisa osolwayo uvele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma izolo, bekungakacaci ukuthi uyitholile yini ibheyili.
Uthe owesilisa udabuka eMzimkhulu kanti owesifazane ngowaKwaSwayimane kodwa umndeni wakhe useduze.
Uthe oyedwa wabasolwa unyamalale kulo mfula, ababili bahlambile baphuma.
Uthe oyedwa walaba abashayisekile nokukholakala ukuthi uneminyaka engu-28 ushonele khona endaweni yesigameko kwase kuthi ababili bashonela esibhedlela.
Uthe oyise babo babeyisizukulwane sokuteleka belwela amalungelo nabo balwela inkululeko. Uthe ngebhadi isizukulwane sabo sibe sesiholwa yinkohlakalo futhi simatasa sibulala izwe.
Uthe ozakwabo bamuchaze njengomhlengikazi obekhulile nobesebenza kanzima futhi ethanda umsebenzi wakhe.
Uthe ozongena kufanele alwe nenkohlakalo ngoba uma engayilwi naye uzothwala kanzima.
Uthe ozongena ngemuva kweSilo kuzobaluleka ukuba aqinisekise ukuthi uyaqhubeka nezinhlelo ezihlabahlosile iSilo ebesizenza.
Uthe ozonqoba uzokhethwa ngokuvotelwa kakhulu kusetshenziswa ikhodi yesiteshi ngasinye ebhalwa nomqhafazo womculi oqokiwe.
Uthe ozotholakala edayisa utshwala nogwayi, uzobhekana nengalo yomthetho.
Uthe ozowina uzosebenza nabaqondisi besitebela okukhona kubo uMandla “Spikiri” Mofokeng, Bruce Sebitlo, Zynne “Mahoota” Sibika no-Emmanuel “Mjokes” Matsane.
Uthe phakathi kuka-2014 kuya ku-2019 emkhakheni we-blueberry kuqashwe abasebenzi abawu-1 000 kuya ku-8 000.
Uthe phakathi kwababoshiwe kukhona amaphoyisa amabili aseKatlehong, eGauteng, angosayitsheni asolwa ngokuzama ukugwazisa omunye usomabhizinisi obephule imigomo kathaqa, amthembisa ukuthi azolidabula idokodo uma ewakhokhela uR12 000.
Uthe phakathi kwabaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uNasty C, Sbu Noah, Kabza De Small, Sha Sha, Amanda Black, Blaq Diamond, Ndlovu Youth Choir, Big Zulu, Judith Sephuma, Ami Faku, Yang Chief & 25K, Dumi Mkokstad, The Plastics, Muzi, Holly Rey noVigro Deep.
Uthe phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla ngoTsepo Tshola, Thandiswa Mazwai, Judith Sephuma, Bongani Nkwanyana, Tutti Grooves, Comtech High Jazz Band, Lita, Khuzani, Mondli Ngcobo, Lihle Ngongoma nabanye.
Uthe phakathi kwabantu azobonakala nabo kakhulu kule sizini kukhona umngani wakhe ozithwele ozobonakala ethwele kanzima ngenxa yokushiywa uyise wengane yakhe ingakazalwa.
Uthe phakathi kwemibuzo abazoyibuza wukuthi kungani kwathatha izinhlaka zezokuvikela isikhathi eside kangaka ukungenelela nokuthi ngabe zazikhona yini ezobunhloli ukuxwayisa ngaphambi kwalezi zibhelu?
Uthe phakathi kweminye imisebenzi encomekayo ayenzele lo masipala, ukuhola uhlelo lokuhlanganiswa kwengqalasizinda, ngesikhathi kuhlanganiswa uMasipala uMnambithi ayewusebenzela neNdaka, kusungulwa i-Alfred Duma, ngo-2015.
Uthe phakathi kwezikhalazo azitholile, esimthinte kakhulu yindaba yezindlu, neyabantu abafaka izicelo zokwakhelwa izindlu zomxhaso kudala, abanye babo ngo-1996.
Uthe phakathi kwezinkundla imiklomelo ezokhonjiswa kuzo kubalwa iSABC2 lapho ejwayele ukusakazwa khona.
Uthe phakathi kwezinto eziseyinselelo njengamanje ngaphandle kwemali ukuze uhlelo olusha luqhubeke ngendlela eyiyo, yisimo seCovid-19 esibe nomphumela wokuthi kuvalwe ukuhamba kwezindiza emazweni ahlukene.
Uthe phakathi kwezinye izinto afuna ukuzilandelela ukuba uhlelo lokuklama ukuthi imali isebenze kanjani emnyangweni luyalandelewa.
Uthe phakathi nobusuku uzwe umsolwa ekhuluma ethi: “Namhlanje wusuku lwakho lokugcina.”
Uthe phambilini abanye bekuphoqeleka ukuthi umcimbi bawubuke kobhazabhaza bamathelevishini.
Uthe phambilini abaseposini bamchazela uNkk Hlongwane ngokumele akwenze ngenkinga abhekene nayo.
Uthe phambilini bekubakhona izigameko ezibikwazo zokubulawa kwabantu ngokudutshulwa.
Uthe phambilini bekunzima ngoba inkantolo ibifuna ukuthi ukhiphe umuntu uma kukhona indawo ozomyisa kuyona wathi yilokhu abebephikisana nakho.
Uthe phambilini kulo masipala bekuba nemigodi embiwe ehleli kodwa manje sekungcwatshwa abangu-12 phakathi kukaLwesibili neSonto, imigodi ehleli ayisekho. Unxuse imindeni ukuthi ifake isicelo sokungcwaba okungenani kusasele amahora angu-48, ngaphambi kokuthi ingcwabe.
Uthe phambilini kwaba nesikhalo sokuthi isikhathi sokufaka izicelo saba sifishane.
Uthe phambilini sekuke kwagqekezwa kwangenwa phezulu kwathathwa ukudla namabhodwe.
Uthe phambilini ubuphansi umdlandla wabasebenzi bomkhandlu okudalwe wukungabi bikho kozinzo eThekwini.
Uthe phambilini umnyango wawubesula kwirejista abafundi abazali babo abakhetha ukubafundisela emakhaya, kodwa wathi kulokhu ngeke bakwenze.
Uthe phambilini uZuma akazange akuveze lokhu ukuthi kuyinkinga. “Kwezinye izinto ezithinta mina noZuma zomsebenzi akakaze ngaphambilini aveze ukukhathazeka ngalokhu,” kusho uZondo.
Uthe phambilini wayecula ikwaito ngesikhathi esekwiTeadybears okuthe uma esezimela ngo-2015 wenza i-hip hop.
Uthe phansi amaphaphu kubalingisi ngoba ngoMsombuluko luyaqala ushikishi lokuqoshwa kwalo mdlalo. Kwenzeka lokhu nje kuke kwaba namahlebezi abethi inhlangano yezokusakaza kuleli (SABC), isabise ithimba labadidiyeli balo mdlalo ngokuthi uma bengaqhamuki neziqephu ezihlabahlosile, izophoqeleka ukuba iluqede Uzalo.
Uthe phansi amaphaphu kwezokungcebeleka ngoba ngeke babavimbele abavakashi ukuthi baye emahhotela.
Uthe phezu kokuba ebenolwazi ngokuthi iSilo esisha singuMntwana waseNdlunkulu kodwa ubengazitsheli ukuthi nguyena ozongena ezintanjeni ebezibanjwe nguMdlokombane, njengoba luhlale luyimfihlo ulwazi ngozothatha isihlalo.
Uthe phezu kokuba isimo sinjena kodwa ngeke asule emsebenzini wakhe.
Uthe phezu kokuba kuzodlalwa umculo oqoshiwe kodwa bazokwenza isiqiniseko sokuthi kuzophinde kube nozodlalwa bukhoma.
Uthe phezu kokufa kwabasebenzi abangu-44 ababetelekela iholo elingcono ngo-2012 kodwa abaphathi bezimayini abafuni ukuthuthukisa impilo yabasebenzi kunalokho bagxile ekubadilizeni.
Uthe phezu kokuthi izinto ezifana nalezi zenzeka emphakathini esiphila kuwo, abantu besifazane akumele baphele amandla, kodwa kunalokho abaphumele obala.
Uthe phezu kokuthi kuke kwaba nokungaboni ngasolinye phakathi komnyango wakhe nabamatekisi, kukhona okunye abavumelane ngakho.
Uthe phezu kwalokho uyakuqonda ukuthi bangosopolitiki.
Uthe sabajabulisa isinqumo sikahulumeni sokuvula izikole ngoba kwasekunovalo lokuthi zingase zivulwe ngonyaka ozayo.
Uthe sakhiwe ngoR298 million wathi sikwelinye izinga. “Ngijabula ngokuthi kumanje lesi sikole sesiqalile siyasebenza. Ngonyaka ozayo sizoqhubeka nokwamukela izingane ezivela kuzo zonke izinkalo, yize sizobe sigxile kakhulu kule miphakathi eseduze.”
Uthe sandisiwe isibalo sabasebenzi ababhekelele amaphasela avela kwamanye amazwe futhi le video esabalele kuFacebook ekhombisa amaphasela amaningi ayisilo iqiniso ngoba isimo sesishintshe kakhulu. Uveze ukuthi ngosuku iPosi lithola amaphasela noma izincwadi eziwu-210 000 ezivela kwamanye amazwe.
Uthe sasingekho nesincane isidingo sokuthi kuxoshwe uSteve Komphela, uma noSolinas ekhombisa ukuhluleka ngale ndlela.
Uthe sasishayisa amakhala njengoba sasinikeza iMultichoice imvume yokuba ithole izithombe ezigciniwe zeSABC.
Uthe sebabiza inqwaba yemihlangano bezama ukuxazulula lesi simo.
Uthe sebaxoxa ngokwenzeka baxolelana nendodakazi yakhe
Uthe sebebeke eceleni uR1.7 million ukuze kuphothulwe ukufakwa kwetiyela emgwaqweni.
Uthe sebebe nemihlangano eminingi noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ngezokuphepha ezikoleni.
Uthe sebebhalele ubuholi bukazwelonke bebucela ukuthi sebecabanga nokusebenzisa uhlelo oludaba lokuhlolwa kwamalungu hhayi olwezobuchwepheshe.
Uthe sebebhalele ungqongqoshe omusha wezoLimo, uNksz Thoko Didiza ukucela ukuthi angenelele ngokushesha kulolu daba.
Uthe sebebhalise izitshudeni ezingu-80% womthamo wezitshudeni abebezibekele wona.
Uthe sebedlulile enkingeni yokuqoqwa kukadoti eqale ngo-2017 ikakhulukazi eMlaza.
Uthe sebefuna inkantolo ukuthi imlahle ngecala bese egixabezwa ngesigwebo esiwudilikajele.
Uthe sebefuna kushonwe khona zidudulane kubaleke exoshwayo ngoba sekukade zithibelana.
Uthe sebehambile, ushayele ucingo amaphoyisa ukubika udaba kodwa amaphoyisa aveza ukuthi alikho ithimba elithunywe kuleya ndawo ukuyoqhuba umkhankaso wokushaqa izibhamu.
Uthe sebehlinzeke ngamathangi amanzi ezindaweni eziningi emakhaya selokhu kuqale ubhubhane lwe-Corona.
Uthe sebeke baqwala izintaba zoKhahlamba baze bayophumela eLesotho, ezintabeni zaKwaSwayimane nezinye izindawo eziseThekwini .
Uthe sebekhathele ukubanjiswa udonga ngemiholo yabo. “Siyazi khona ukuthi iqembu like langaba nayo imali isikhathi eside lilinde imali yakwa-IEC, imali ifikile ezinyangeni ezimbalwa ezedlula kodwa mananje asikaholi."
Uthe sebekhulumile noMasipala wakuqinisekisa ukuthi namuhla uzothumela ikomiti ukuyovala ibhilidi, kususwe nophawu lwebandla.
Uthe sebekube nemihlangano eyahlukene nomasipala eke yabanika ithemba lokuthi kukhona abasangaqashwa kodwa manje sekubukeka engathi akukho okwenzekayo.
Uthe sebelinde impendulo ebuholini besifundazwe ngezikhalo zabo. NgoLwesihlanu bazoqhinqa esitolo sezingubo eThekwini esiwumunxa we-Edcon okuthiwa sizodiliza abasebenzi.
Uthe sebelindele isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu kusasa, ezonquma ngokumiswa kokuboshwa kukaZuma. Abameli bakaZuma babhalele iNkantolo yoMthethosisekelo izolo beyicela ukuthi imise ukuboshwa kukaZuma, kuze kube ikhipha isinqumo esicelweni asifakile sokuthi iguqule isinqumo sayo esimfake ejele.
Uthe sebelinde ukunikezwa usuku abazofaka ngawo amaphepha enkantolo yokudluliswa kwamacala (Supreme Court of Appeal).
Uthe sebelivulile icala, indodakazi yakhe iyona ebisitshele umfundisi nokwenzekayo wase edla phansi.
Uthe sebelulungele ukhetho manje, sebebheke endleleni yokunqoba noma ngabe iNkantolo yoMthethosisekelo iluhlehlisela uFebhuwari wonyaka ukhetho lwamakhansela
Uthe sebeluqalile uhlelo lokusiza labo okutholakale ukuthi bahaqekile.
Uthe sebemfakile uMampintsha eNkantolo yeMantshi yaseVerulam kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela singakasitholi isiqiniseko. Kwenzeka lokhu uMampintsha ubeyolobola ingoduso yakhe eyindlovukazi yegqom', uBabes Wodumo ngesonto eledlule futhi kulindeleke ukuba lo mcimbi uvezwe ohlelweni oluzokhonjiswa kuShowmax.
Uthe sebenabazukulu ababili, futhi basafuna ukuqhubeka banike ithemba nothando kubantu bakuleli.
Uthe sebengaphezu kwesigidi abantu bakuleli asebehlolelwe leli gciwane njengoba sebewu1 028 399 abahloliwe. Abawu30 000 bahlolwe emahoreni awu-24 edlule.
Uthe sebengaphezulu kuka-10 abantu asebefile ngenxa yempi.
Uthe sebengeze ngoKing Monada wodumo lwengoma ethi Malwedhe (Idibala) ohlwini lwabazonandisa.
Uthe sebenikezwe ngabaphathi beqembu umyalelo wokuthi bangabe besakhuluma namuntu kuze kuphele isizini.
Uthe sebenohlu lwezinto okumele bazenze ezinye zazo asebezenzile ukugwema ukunukubezeka kwemvelo, besebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezindaba zezeMvelo esifundazweni.
Uthe sebenqumele uZikalala ugwayi katiki ukuthi adlulisele lo mbiko ezandleni zamaphoyisa zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ukuze kuvulwe icala lobugebengu.
Uthe sebenqume ukuthi baqinise umkhankaso wabo wokuhlola ukusebenza kwamabhizinisi kusukela namuhla.
Uthe sebenze ingoma entsha nalo mculi ethi Thula Mntanami ezotholakala mahhala kusasa ngo-7 ekuseni.
Uthe sebephelile abantu befa ngenxa yomlilo oqubuka emijondolo odalwa yilezi zitofu ezivele zibhamuke.
Uthe sebephinda emuva akazi ukuthi wubani phakathi kukaShezi noPhuzekhemisi owathenga utshwala kodwa uyakhumbula ukuthi kwakunebhodlela likagologo iJ&B neHeineken.
Uthe sebephothule ukuhlola abantu abangaphezu kuka2 million.
Uthe sebeqale imikhankaso abayenza namakhosi noMnyango wezeMpilo ukuze banqande lesi sihlava.
Uthe sebeqale uhlelo olwenzeka njalo esontweni lesibili enyangeni, lapho benxusa abantu ukuba banikele ngesikhathi sabo ekuhlanzeni idolobha.
Uthe sebeqale umkhankaso wezinyanga eziyisithupha, baye emiphakathini, ukubafundisa ngokungenhla.
Uthe sebeqalile baxoxa neminye iminyango okubalwa owamaphoyisa, owamasosha kanjalo nowojele ukuze kube ngabanye abasebenzi abazolandela bagome.
Uthe sebeqalile bayazilungiselela ngoba umdlalo uzoqala ngoFebhuwari kuze kube wu-Ephreli, uhambela izindawo ezehlukene.
Uthe sebeqalile futhi ukuhlanza ijele e-East London ukwenza isiqiniseko ukuthi liphephile.
Uthe sebeqalile ukuhlangana neSoul Brothers ukuzilolonga nokukhetha amanoni abazowaculo ndawonye.
Uthe sebeqalile ukuthola ama-video nezingcingo eziqhamuka kubantu abangahambisani nalolu hlelo.
Uthe sebeqalile ukuthola izikhalo ngokuthi abanye bazoxoshwa emsebenzini uma bengagomile.
Uthe sebeqedile ngokukhetha ubuholi baKwaNongoma obekhungethwe yizinxushunxushu, kwathathwa isinqumo sokuthi makuqalwe ngabo khona kuzolethwa uzinzo.
Uthe sebeqinile ukhakhayi bakulungele ukuba ngabaholi bezwe kuwo wonke amazinga ngisho nakohulumeni basekhaya.