input
stringlengths
1
130k
Uthe okwenze kwanzima ukuthi bahambele izindawo eziningi kube yizinkinga ebezikhona eqenjini abebezama ukuzilungisa. Wethembise ukuthi njengoba sebexazulule ezinye zalezi zinkinga sebezokwazi ukubhekana nezinselelo zokulungiselela ukhetho.
Uthe okwenze kwathatha isikhathi eside ukuthi kubhekelwe laba abakhahlamezekile kube yinqubo kahulumeni eyenza ukuthi uma kube nenhlekelele, imali yokuhlinzeka usizo kwabakhahlamezekile iphasiswe wumengameli okuba nemigudu ethatha isikhathi eside.
Uthe okwenze umnyango ungasidlulisi sonke isinqumo sejaji njengoba bekhethe ukudlulisa izingxenye zaso, yingoba bekuzoba nzima ukuphoqa abafundi ukuthi babhale sekusele isikhathi esincane kwazise isinqumo senkantolo naso sikhishwe lishona ngoLwesihlanu.
Uthe okwenze wahloma ngolwazi ukuthi ubelingisa namaciko asemnkantshubomvu. "Engikufunde kakhulu ubuciko bokulingisa njengoba bengidlala indawo yomuntu ongesiye untanga wami. Bengikwazi ukwenza abantu bakholwe ukuthi nami ngimdala. Bengifana nomuntu osegunjini lokufundela umsebenzi ngenxa yokusebenza nabantu asebeneminyaka kule ndima."
Uthe okwenze wathatha isinqumo sokungena emncane yingoba wabona uYanga Sobetwa owathatha isicoco salolu hlelo eneminyaka engu-16, wamenza wabona ukuthi naye angalifezekisa ipupho lakhe lokunqoba kulo mncintiswano.
Uthe okwenze wathemba ukuthi ibhanoyi liyinto esemthethweni wukuthi nabaholi abahlonishwayo abakomasipala ubebabona bezofaka.
Uthe okwenziwa abantu abasha, kuhambisana nokwenziwa uhulumeni ebambisene nosomabhizinisi, izinyunyana zabasebenzi, izinhlangano zomphakathi, ongoti kwezomnotho namaqembu ezepolitiki ukuhlahla ikusasa emva kokudlula kweCovid-19.
Uthe okwenziwa ngabahlohla izitshudeni kweya umsebenzi wesigungu esimele izitshudeni.
Uthe okwenziwa yintsha yakule ndawo esisungule ibhizinisi lamabhayisikili ukuthuthela abantu impahla esuka ezitolo babahambisele emakhaya emalokishini, kuyamjabulisa.
Uthe okwenziwe kumufi kukhombisa ukuthi amaphoyisa amthole enecala yize inkantolo ibingakamtholi enecala.
Uthe okwenziwe yilo mnyango nezinye izinkampani ezibasizayo yikhona okwenza isikole sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokufundisa izingane nokuzinika imfundo esezingeni elifanayo nezezinye
Uthe okwesibili abazokwenza wukuzama ukwakha ubumbano eqenjini njengoba kukhona izinhlangothi ezimbili ezibangayo.
Uthe olandelayo uzozoba seWinston Churchill Theatre, eMgungundlovu, ngo-Ephreli 1, bese elandela ngeMpangeni ngoMeyi 5, endaweni asazoyiqinisekisa. Amathikithi omcimbi ozobe useMgungundlovu aseyatholakala eComputicket ngo-R200.
Uthe olunye odaba abakhulume ngalo kakhulu isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe olunye udaba abalubheke kakhulu ukusetshenziswa ngokweqile kophuzo oludakayo.
Uthe olunye udaba abalusebenzayo olomhlaba, wengeza ngokuthi umhlaba bayowubuyisa ngaphandle kokuthi bafeyile.
Uthe olunye udaba abalusukumelayo ngeleNkosi yamaQadi lokuqoka umholi kungafanele. Uthe ngo-2012, bafaka icala ngokuziphatha kwayo kodwa lamiswa ngenxa yokuthi icala belisaqhubeka. Uthe njengoba seliphelile, bafuna ukuyifundisa isifundo ngokuziphatha kwayo. UMthethwa uveze ukuthi bafuna ukuthumela umyalezo kuwona wonke amakhosi ukuthi kumele aziphathe kanjani uma esebandleni lamaNazaretha ngoba akumele angene izindaba zebandla ebe engamakhosi esizwe.
Uthe olunye udaba abaluxoxile olomngcwabo emakhaya ngoba kuvamise ukuthi kuphume abantu abaningi uma kunomkhuhlane.
Uthe olunye uguquko luzoba sohlelweni lukaBongani Mavuso Ezangempelasonto olungena ngo-6 kuya ku-7 ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto. Kuthiwa seluzongena ngo-5 kuya ku-6 ekuseni.
Uthe olunye uhlelo abanalo olusiza abaphothule kulo mkhakha ngokuthi babatholele amapulazi abazokwenza kuwo uqeqesho ukuze bathole isipiliyoni. Izitshudeni ezithweswe iziqu uthe abaphothule ngo-2020 nango-2021 bonke bathole ama-diploma emikhakheni ehlukene yezolimo.
Uthe omakadebona beMK bazoqala ukwenza umsebenzi wabo ngoLwesihlanu.
Uthe omakhelwane ababiziwe abangabesifazane bathe uma befika bekhuza nabo umfana wabajaha ngembazo.
Uthe omakhelwane babe sebemtshela ukuthi ingane yakhe ibikhala zonke izinsuku, amahora ingathuli. Enye eneminyaka emithathu kuthiwa yona ibivele ibuyele kubo, ihlale emnyango, ingafuni ukuhlala nalo wesifazane nasola ukuthi nayo ibihlukumezeka.
Uthe omakhelwane bafikile bazama ukumnqanda kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba ubesenolaka.
Uthe omakhelwane bazama ukucisha kodwa umlilo ubusungqongqisile. Uveze ukuthi umsolwa uyacanasa futhi uma esephuzile uyabatshela omakhelwane ukuthi nguye oshise indlu. Kuthiwa ubefuna ukumzwisa ubuhlungu uNksz Londi Magwaza (26) osemalile.
Uthe omasipala kufanele babheke imithetho eyengamele amabhizinisi ukuze baqinisekise ukuthi izipaza nezinye izitolo ezincane azivalelwa ngaphandle.
Uthe omasipala kufanele bagqugquzelwe ukuthi balungise iziteshi zabo zikagesi ezindala.
Uthe omasipala kumele babe nezinhlelo ezingadingi ukuthi ziye kwithenda kodwa ezizokwenziwa abantu abakhubazekile, abesifazane kanjalo nomphakathi.
Uthe omazisi abaningi abangalandiwe abaKwaZulu-Natal, abaseGauteng nase-Eastern Cape.
Uthe omunye umbiko nawo owenziwe ngumgcinimafa uthinta inkohlakalo kuthengwa ifenisha eZululand Service Centre.
Uthe omunye umcimbi omkhulu aqashwe ukunandisa kuwona yiGagasi FM Beach Festival ezoba ngoDisemba 1, eThekwini. Uthe nakwi#FillUpMoses Mabhida Stadium kaCassper Nyovest kungenzeka abe khona kuyona kodwa bekungakaqinisekiswa ukuqashwa kwakhe kuyona, kodwa zikhona izingxoxo ezikhona ngokuqashwa kulo mcimbi.
Uthe omunye umlingisi omusha, insizwa eyigeza, uJoe Kazadi, ozobe elingisa indawo kaThabiso.
Uthe omunye umonakalo usabalwa bekungakaqedwa kwezinye izindawo. Kube nokuphazamiseka kokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi njengoba kunezindawo ezisale zingenawo amanzi. Abasebenzi abatelekile abomkhakha wezamanzi nokuthuthwa kwemfucuza. UMchunu uthe basebenzisana nazo zonke izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile.
Uthe omunye unogada ulimalile eqa uthango wathi bebethukile bengazi ukuthi abafundi abebefunda abalimalanga yini.
Uthe omunye u-R20 billion uzoya komasipala.
Uthe omunye wababulewe yindoda eyeqa ejele ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Uqhube wathi ukweqa ejele kwaleziya ziboshwa kwakuncike kuyena, kuzungeze yena.
Uthe omunye wabafana ubangwa nezibi esibhedlela emuva kokugwazwa amahlandla amaningi emcimbini. Uveze ukuthi indodana yakhe ibingaqali ukuhambela umcimbi osemzini kaTzozo okwenze ukuthi angabi nenkinga uma ibuyela khona.
Uthe omunye wabalahlwe ngamacala ugwetshwe odilikajele abathathu kanti oyedwa uthole udilikajele owodwa.
Uthe omunye wabaphathi bakhe kwiDYR wamtshela ukuthi usekulungele ukuthi angaya nakweminye imisakazo ngenxa yokuthi ubeseqeqeshekile ekulo msakazo, aphinde amgqugquzele nangokulandela iphupho lakhe.
Uthe omunye wabasunguli beJoyous uLindelani Mkhize, wamcela ukuthi bayenze ngoba eyithanda.
Uthe omunye wabebehlaselwa oneminyaka engu-30, ushone esibhedlela ngemuva kokulimala. Amaphoyisa kuthiwa athole isibhamu esincane esingekho emthethweni nezinhlamvu eduze kwesidumbu sikamsolwa oshonele endaweni yesigameko.
Uthe omunye walaba basolwa ubefunwa uthuli ngamaphoyisa ngamacala okubamba inkunzi eMayville naseMbilo.
Uthe onenkinga efana neyakhe akaye eHome Affairs, agingqiswe izithupha enze umbiko, iHanis, azowuyisa eSassa.
Uthe onesi bafike bambuka maqede baphindela lapho bebekhona. Uveze ukuthi washayela imoto yezidumbu, i-ambulensi yafika umufi esekade eshonile.
Uthe ongaba nolwazi ngalona wesifazane noma kube nguye othinta uDetective Warrant Officer Thulani Hlungwani ku-011 983 3342.
Uthe ongoti abacwaninga ngezifo ezithelelanayo emazweni anabantu abahaqwe yicoronavirus bathole ukuthi ukunqandwa kwayo ukuthi isabalale kungenzeka uma kusheshe kwenziwa izinhlelo zokuyinqanda kodwa nakhona akulula.
Uthe ongqongqoshe abahlukene bezokuphepha bazophendula ePhalamende.
Uthe ongqongqoshe basazomemezela imithetho ethinta ukudayiswa kukatshwala uma seziphothuliwe izingxoxo nabemboni katshwala. URamaphosa uthe izindawo ezihlaselwe kakhulu yigciwane leCorona zizoqashwa ngeso lokhozi esigabeni sesithathu sikathaqa kanti uma isimo siphoqa zingabuyiselwa esigabeni sesine noma sesihlanu. Kulezo zindawo ubale iGoli, iTheku, Ilembe, iTshwane, iKapa, Ekurhuleni neNelson Mandela Bay.
Uthe onke amaziko abo angu 1500, ezweni lonke asekulungele ukuthi aye engqungqutheleni, wangeza ngokuthi inkinga iseziyingini nezifunda.
Uthe onogada baqhubekele phambili bathinta umqashi walona wesifazane wangaphambilini naye okuqinisekisile ukuthi wake wamntshontshela ngesikhathi esebenza kuyena.
Uthe onogada bethuke boma sebezithela esidunjini sowesilisa ebesesonakele.
Uthe onyakeni wezimali ka-2016/17, iSABC ilahlekelwe uR977 million.
Uthe onyakeni wezimali ka-2019/2020 uMhlathuze Water wenze inzuzo kaR136 million.
Uthe ophakanyisiwe uneziqu ezifanele nolwazi olwenele ngomthetho.
Uthe ophenyweni olusenziwe kuvela ukuthi lokhu kudubula akubangwa izikhundla noma ukuqembukelana okukhona kwi-ANC kodwa abantu abebezosabisa abavoti.
Uthe ophromotha kuqala bebekucela ibhodlela likabhiya ngaphambi kokufaka emcimbini wakhe.
Uthe osaziwayo abazobe bekhona bethula imiklomelo ngoDingaan Khumalo weMuvhango, osanda kushiya kwiGeneration the Legacy uBrenda Mhlongo, Clement Maosa weSkeem Saam, uGugu Gumede woZalo nabethuli be-It’s Gospel time’s Thabiso Mokgethi noRebecca Malope.
Uthe osaziwayo kumele ngabe bakukhuthalele ukukhuthaza abantu ukuthi baphile impilo yabo futhi banganaki ukuthi abanye bathini.
Uthe osekucacile ukuthi kuzomele kubhekanwe nezindleko zokwakha kabusha izikole ekubeni izwe lidonsa kanzima ngenxa yeCorona.
Uthe osekucacile wukuthi uhulumeni usesithathile isinqumo sokuthi sizoshintshwa lesi sigaba.
Uthe osekudale olunye udungunyane ukuthi kunabasebenzi abaxoshiwe emsebenzini kwase kuqashwa abantu abathathwe eThekwini.
Uthe osekukhonjiswe abantu bakuleli ezinyangeni ezintathu ezedlule selokhu kwaqala icovid-19, kumenza aziqhenye ngabo.
Uthe osekuzokwenzeka, ukuthi kube uMengameli Cyril Ramaphosa ozokhuluma noMboweni, okungase kulandelwe ukuqondiswa kwakhe ubugwegwe.
Uthe osekuzokwenzeka ukuya phambili ngendlela ababonisane ngayo nomhloli, ukuthi afundise amaGrade asebaliwe eMfulumane Primary ngethemba lokuthi bazobe bemzamela ezikoleni zamabanga aphezulu ngoba selokhu aqala ukufundisa ngo-1996, ubefundisa wona lawa mabanga.
Uthe osikhwili phambana nobhoko bazowukhomba umuzi onotshwala ngoba abakwasidlodlo ngeke bahleke bazobaphosa ozankosi.
Uthe osomabhizini abancane bashayeke kakhulu, ekubeni nabo baneqhaza emnothweni wesifundazwe.
Uthe osomabhizinisi abadinga uxhaso lwemali kufanele bavakashele amahhovisi abo aseLion Match, emgwaqweni uMngeni.
Uthe osomabhizinisi abanayo imali yokuxhasa ukungaphathwa kahle kwe-Eskom, kudingeka isisombululo kulolu daba. Osomabhizinisi abancane uthe yibona abazoshayeka kakhulu ngokunyuka kukagesi bese kushayeka umnotho nokudaleka kwamathuba omsebenzi.
Uthe osomabhizinisi kufanele bahlome ngamakhono azoheha abatshalizimali okubalwa kuwo;
Uthe osomatekisi besifazane bakhona kodwa bayidlanzana abakwazi ukufinyelela esigabeni akusona.
Uthe osomatekisi kumele balekelelwe ukuthenga izimoto ngesikweletu, ukuzinakekela nokubhekelelwa kwebhizinisi.
Uthe osonhlalakahle bami ngomumo ukulekelela imindeni noma amalungu omphakathi abhekana nenkinga ngalesi sikhathi.
Uthe osonhlalakahle sebekuqinisekisile ukuthi usesusiwe ekhaya lakhe wayobekwa endaweni yabadala.
Uthe osonkontileka bashayeke kakhulu ephaketheni ngoba phambilini bebenikwa uR2.65 ukuphakela umfundi ngamunye, manje sekuwuR1.50.
Uthe ososayensi basazoqhubeka befunda le ndawo yaKwaHlathi ukuthola ukuthi yini engaba wusizo ngayo.
Uthe ososeshini abavame ukukhungathwa wudlame nemidonsiswano, basebenzisana noMnyango wezokuPhepha namaphoyisa, ukuze ukhetho lusingathwe ngempumelelo.
Uthe ososeshini babo esifundazweni bayabaqondisa ubugwegwe abashayeli bamatekisi abaphula imithetho yomgwaqo. Uthe lokhu kwenziwa njalo ngoLwesine.
Uthe othisha ababulawa yiCovid-19 abavamisile ukuyithola esikoleni ngoba abanye bebeshona nangesikhathi izikole zivaliwe.
Uthe othisha abamakela umatric kumele banikwe ithuba lokuthi bagonqe ngoba kuyanda ukusuleleka kwabo ngegciwane ezikhungweni zokumaka.
Uthe othisha abaningi bayawuthanda umsebenzi wabo futhi bayawuhlonipha, bazimisele ngokufundisa abafundi kodwa kukhona labo abahlale befuna ukungcolisa lo mkhakha.
Uthe othisha abathathu abaneminyaka ephakathi kuka- 40 no-53, nabo badubulekile, kwase kuthi umshayeli oneminyaka engu-35, washonela endaweni yesigameko.
Uthe othisha abawu-131 abanezifo eziyimbelesela basahlezi emakhaya.
Uthe othisha abayiswanga ezikoleni emuva kokuhamba kwabanye beya emalivini.
Uthe othisha bafundise ngezimpelasonto wathi lezi zivivinyo zibhalwa ngaphansi kobhubhane lwegciwane.
Uthe othisha bakhe esikoleni bayaye bamsize uma enohambo olunjena ngokumthumelela izinto akade zifundwa ukuze angasali.
Uthe othisha bakulesi sikole banomthelela kulokhu ngoba abamlaleli uthishanhloko futhi bahlala egunjini labo bangasebenzi.
Uthe othisha bamtshela ukuthi umfundi, esiligodlile igama lakhe, akahluphi futhi uhlakaniphile kodwa kumele ahambe kulesi sikole ngoba unobusathane.
Uthe othisha basebenze ngokuzikhandla akubanga naziteleka eziphazamisile.
Uthe othisha bayakwazi ukuzihlelela kusenesikhathi, okumanje sebenazo izinhlelo zokuthi bazosebenza kanjani emuva kukathaqa.
Uthe othisha ebebelindele ukuthi babe sezikoleni ngoMsombuluko bafikile bonke.
Uthe othisha njengabantu abawuthandayo umsebenzi wabo bahlale njalo benendlela yokukhava isikhathi esisuke silahlekile ngokuthi bafundise ebusuku nangezimpelasonto.
Uthe othisha  njengoba besekhona ezikolen, balindele “ukucaciseleka okuphelele” namhlanje.
Uthe otholakala ukuthi uhaqekile akazovunyelwa ukubhala, kuze kube uyalulama noma abhale ngonyaka ozayo.
Uthe oThongathi bangu-14 kuphela abasebenzi abasiza umphakathi waseMhlanga, eNanda naseBallito.
Uthe oThukela kube nezinkinga kwasiza amaphoyisa wathi naKwaMaphumulo ku-ward 3, amasango esikole iLungeni Primary abevaliwe kwadingeka kusikwe ukhiye.
UTheo ucele uVourne umshado ngesikhathi begubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesithathu.
Uthe owayengunkosikazi kaMandela, uNksz Winnie Madikizela-Mandela, wenza umsebenzi omkhulu ukwenza isiqiniseko sokuthi igama likaMandela alikhohlakali abantu ezweni ngesikhathi esejele.
Uthe owayenguSihlalo webhodi leSAA, uNkk Dudu Myeni, wamthumela umyalezo nge-WhatsApp othi: “Asivumi”, ngesikhathi eseParis, wayengenawo amandla okumnqanda ukuba asayine.
Uthe owayeyisikhulu kulolu phiko uMnuz Richard Mdluli, wayenamalungu ayisikhombisa ayesebenza njengezimpimpi.
Uthe owayeyisikhulu sezimali e-Eskom, uMnuz Anoj Singh, wasayina isivumelwano neHuarong yize inkampani yabameli iWhite & Case yayimxwayisile ngalokhu, kwazise kwakunemali yokuzibophezela ewuR400 milion eyayizokhokhwa yiHuarong.