input
stringlengths
1
130k
Uthe okunye okubakhathazayo wukuthi udokotela wengane wathi kufanele ingahambi ibanga elide ngenxa yesimo sayo. Uthe wathi kufanele bathole indlu yomxhaso enethoyilethi endlini manje kufanele amqukule uma emyisa ethoyilethi. Uthe bayafisa ukulungiselwa simo nokuthi bathole indlela yokukwazi ukumelana nezindleko zokukhulisa uLangelihle. Unina wengane uthi ivame ukuya esibhedlela ngenxa yokuthi iba nenkinga yokuphefumula bese edinga ukuphuthunyiswa esibhedlela, ahlale izinyanga ixhunywe emishinini.
Uthe okunye okubamangazayo wukuthi uma kunenkinga kungani udaba lungakaze luhlalelwe umndeni, ulubhunge.
Uthe okunye okubambezele uhlelo lokugoma ukuthi i-AstraZeneca eyase ithengiwe kuleli kwatholakala ukuthi ayiliviki igciwane elitholakale kuleli i501Y.V2.
Uthe okunye okubaphathe kabi kakhulu ukuthi unina omncane ushiye ingane eneminyaka engu-13 nayo ehlala ngokubabuza ukuthi yini abayenzile njengoba unina eshone ngendlela abangayiqondi nje?
Uthe okunye okubaxakile ukuthi ngesikhathi umphenyi ebathinta ubatshele ukuthi esibhedlela babike ukuthi wangena khona eshayiwe. Uthe kubaxakile lokhu ngoba bona bemletha wayengalimalanga ndawo futhi akekho owayemshayile.
Uthe okunye okuba yinselelelo wukuthi amaphoyisa awatshelwa uma kuzokwakhiwa izinxanxathela zezitolo ezindaweni. Bathi lokhu kwenza ukuthi umphakathi uzithole usuyizisulu zokubanjwa inkunzi.
Uthe okunye okube yinjabulo wukuthi iNetflix iyamukele ngezandla ezimhlophe ifilimu.
Uthe okunye okubuhlungu ngalokhu wukuthi kwenza intsha igcine inezinkinga ezithikameza umqondo noma isindala.
Uthe okunye okubuye kufake ingcindezi yesisu ukuthi phakathi kukaNovemba noMeyi, amagciwane aholela ekutheni abantu baphathwe isisu asuke ekhona emoyeni.
Uthe okunye okudala itwetwe, ukushona kukathishomkhulu wesikole ngoJuni nyakenye okuthiwa ubenezimpawu zobhubhane, nothisha obefundisa kuso oshone ngoDisemba. Kuthiwa isikhalo ngokushoda kwamakilasi sibikelwe umnyango kusuka ngo-2015.
Uthe okunye okufanele abantu besifazane bakuqaphele ukunakekela ngendlela isitho sabo sangasese waze waveza ukuthi ngenxa yengcindezi abazithola bekuyona abanye bagcina besebenzisa izinto ezingalungile esithweni sabo sangasese ngenhloso yokusigcina sihlanzekile.
Uthe okunye okuholele ekutheni senyuke isibalo sabahaqwa yiCovid-19 kulesi sifundazwe izibhelu zokutapa ezitolo ezenzeke ngenyanga edlule.
Uthe okunye okukhulisa ithemba lakhe wukuthi ngisho kwiligi yakuleli, yiqembu lakhe eseliqoqe amaphuzu amaningi akuhambeni.
Uthe okunye okulwakhile uthando wukuthi noma bexabana umyeni wakhe akaze amphakamisele isandla.
Uthe okunye okumdide kakhulu wukuthi amaphoyisa avele afa yinsini emuva kwalokho nokumenze wabona ukuthi azitholele into yokudlala kuye.
Uthe okunye okumenze waduma kakhulu ukuthi unekhasi leFacebook lapho efaka khona izinhlobo zokudla, iBusa with MaBusani.
Uthe okunye okumjabulisile kakhulu ukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bumakhele indlu.
Uthe okunye okumjabulisile wukuthi abakwaSassa bamyise ePinetown wafike wanikezwa inqwaba yokudla.
Uthe okunye okumkhathazayo ukuthi kunophenyo lwenkohlakalo lokusetshenziswa kwemali yesomiso KwaZulu-Natal.
Uthe okunye okumphatha kabuhlungu ukuthi uMsambya bekungaqali ukuthi ahlukumezeke ngenxa yodlame olubhekiswe kwabokufika, ngo-2015 kwenzeka nokwaholela ekutheni agcine engasahlali lapho ayehlala khona kodwa wagcina esehlala ezinkanjini ezazihlala abebalekele ukuhlukunyezwa emphakathini ababehlala kuyo.
Uthe okunye okumqoka wukubona abanye abadlali bekhushulelwa esikwatini esikhulu.
Uthe okunye okumsizile amava okudlala kuwo wonke amaqembu esizwe.
Uthe okunye okungaba yimbangela yokwehla kwabagomayo, yizindaba ezingamampunge ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomgomo. Ungqongqoshe uthe abasha yibona abathola izindaba ngokushesha ngoba basebenzisa izinkundla zokuxhumana kakhulu, wathi kubantu asebekhulile inkinga kuvam ukuthi kube ukuqhela kwezikhungo. Wathi yisona sizathu sokuthi esenze kwaphakanyiswa icebo lokuthi kube nezikhungo ezingomahamba nendlwana.
Uthe okunye okungakhelwa kukhona asakubonile kule Bafana wukuthi okungenani yize kwenziwe izinguquko esiswini kodwa abadlali abafakiwe basakwazile ukwenza kahle.
Uthe okunye okuphazamisa abafundi wukuthi izinto ebezijwayele ukwenziwa zokunyakazisa umzimba zimisiwe okwenza bagcine bezinikele kakhulu ekusebenziseni izidakamizwa, ukubhema kanye nokuphuza utshwala.
Uthe okunye okuqeda imali komasipala ukungalandelwa kwemigomo yokumiswa kwezikhulu zomasipala.
Uthe okunye okuseqhulwini ukulwela ukuthi bathole indlela abangazidonsela ngayo ngqo, ulayini womoya ukuze bagweme izindleko zeSantec.
Uthe okunye okushayisa amakhala ukuthi le ngane bayibheka lapho itholwe khona.
Uthe okunye okuthele izithelo ezinhle ngokuthuthukisa intsha esikhungweni sakhe ukuthi baqophe umdlalo wasesiteji othi Taken Back The Future, othokozelwe yizihambeli ezehlukene emcimbini, iGrahamstown Film Festival ngonyaka odlule.
Uthe okunye okuvele emhlanganweni abenawo izolo kukhomba umnyango wakhe ngokungalungi kwezinto.
Uthe okunye okuvuse uhlevane kubafundi ukunqanyulwa kohlelo lokudla kwabanye abafundi kwasala uGrade12 okuyiwona osakuthola ukudla.
Uthe okunye okuyingqinamba enkulu ukuthi laba bafundi uma sebephothule * -matric, badinga umuntu ozobabamba ngesandla aye nabo emanyuvesi abeluleke ngempilo yangaphandle abasuke bengasayijwayele.
Uthe okunye okuyinselelo yindaba yokufakwa kwezicelo eMgungundlovu zokuba abantu babuyiselwe umhlaba wathi kubukeka kungasizi ngalutho.
Uthe okunye okuzodala benze lolu phenyo, ukwenzela nalabo abazosizakala ngale mibiko ephume ezinkundleni zokuxhumana, babone ukuthi umnyango unohlelo lokwenza isiqiniseko sokuthi yonke into ethunyelwa ezikoleni ephathelene nemithetho yokuphepha yeCovid-19, bayayinakekela ngokuyihlola noma isifikile ezikoleni.
Uthe okunye okuzogqama wukuthi emehlweni omthetho uba ngumuntu ongenacala kuze kube utholwa unecala bese uyajeza kodwa emphakathini nasezinkundleni zokuxhumana usuke usunecala.
Uthe okunye okuzokwenzeka kulona uzodlala izingoma ezinhlanu zabaculi base-Afrika nacabanga ukuthi yizona ezihamba phambili manje.
Uthe okunye okwavela ngendlela ayegqoke ngayo ngukuthi kukhona abesilisa abathi abantu besifazane badlwengulwa nje ngoba abagqoki.
Uthe okunye okwenza abantu bagcine sebengaqondakali indlela abasuke bezenze ngayo ebusweni, wukugcoba imibala ehlukle embaleni wesikhumba sobuso nentamo.
Uthe okunye okwenza impilo ibe nzima wukunyuka kwemali-mboleko (repo rate) ngo-0.25% okubeke i-prime lending rate (imali ekhokhelwa amabhange) yaya ku-10.25%.
Uthe okunye okwenza izinto zibe nzima wukuthi abasebenzi bakwamasipala bayagula futhi bayashona, abanye bayashonelwa.
Uthe okunye okwenza ukuthi abantu bangaqasheki wukuthi abanawo amakhono adingekayo ukuthi baqasheke futhi abanazo neziqu ezifanele.
Uthe okunye okwenza ukuthi zibe phezulu izibalo zabantu abanofuba kuba ukuthi abantu kabanalo ulwazi olwanele olungabasiza ekutheni bazivikele.
Uthe okunye okwenze inceku yakhuluma ngale ndlela ukuthi iphuma kwelinye izwe la kungenzeka ukuthi akwamukelekile ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo. UMthunzi Namba weHis Glory Worship Tabernacle, uthe abefundisi abaqikelele ukushumayela okusebhayibhelini.
Uthe okunye okwenze isikweletu sakhula wukuthi kuthe uma ephuma ekubeni imeya ngoDisemba 2018, umholo wavaleka nomasipala wangabe usakwazi ukuthatha imali kuye.
Uthe okunye okwenzekayo ukuthi izingane zamantombazane “zidayiswa” ngabazali bazo kwabesilisa asebekhulile ngemali ebizwa ngokuthi iThula Mama.
Uthe okunye okwenzeke empilweni yakhe ukubhale encwadini ethi Things We Did In The Dark.
Uthe okunye okwenze la macala ahoxiswa, wukuvela kokuthi uphenyo lwalenziwe wumphenyi ozimele nokungaqondakali ukuthi wayegunyazwe ngubani ukwenza lolu phenyo kwazise ukuthi nohlaka lweSpecial Investigating Unit (SIU) aluphumelanga obala ukuthi umphenyi wayethunywe ngubani.
Uthe okunye osekungenisile wukunamekwa kwamatshe obumba odongeni, okwenza indlu ibukeke ngendlela egculisayo nehehayo kwabathanda izindlu ezihlobile.
Uthe okunye ukufunde ngesikhathi esebenza ehhovisi leMbongeni Ngema Academy lapho ayebuye ayolunguza khona emakilasini okwakuqeqeshwa kuwona abalingisi.
Uthe okunye ukuthi kubukeka sengathi umasipala usuzama ukunyusa ama-rates ngenhloso yokuthi kube umphakathi owulekelelayo ngezimali.
Uthe okunye wukuthi enxanxatheleni yezimoto paka uhlehlele odongeni ukuze kungavumbuki muntu ngemuva kwakho uma usalayisha izimpahla.
Uthe okunzima kakhulu wukuthi eminye imindeni iyakhononda uma isiyolanda izidumbu zezihlobo ikhala ngokonakala kwazo.
Uthe okuphawulekayo lapha, ukuthi abamhlophe ababandlululayo, bayahlehla manje ekubizeni abantu abamnyama ngamakhafula, kunalokho sebesebenzisa amanye amagama afana nemfene nesiduphunga ukwehlisa abantu abamnyama isithunzi.
Uthe okuphazamisa kakhulu u-Eskom ukukweletwa womasipala.
Uthe okuphinde kumphathe kabi njengoba kukhankaswa kuthiwa izwe lalwelwa ukuthi libuyele kwabamnyama kuqanjwa amanga ekubeni kwaxoxiswana kahle nababeliphethe kwavunyelwana.
Uthe okuphinde kwamjabulisa efika kulesi sikole ukubona abafundi bakhona bejabulela lezi zihlalo njengoba ebashiye sebehlezi kuzona.
Uthe okuphinde kwamjabulisa kulo mdlalo yindlela abalingisi abamamukele ngayo njengoba bebemkhululekele bamamukela ngezandla ezimhlophe.
Uthe okuphoxayo ukuthi kusenabantu abangayishayimkhuba imithetho ebekiwe yokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane basaqhubeka nokungazifaki izifonyo, bagcwele ezindaweni zezokuzithokozisa. Benza sengathi akukho okonakele.
Uthe okuqinisa izinsolo wukuthi batshelwe ngabathile abahlala eduze nalapho bekuhlala khona lezi zithandani, ukuthi ingxabano yaqala emini ngesikhathi zihambele omunye umcimbi endaweni. Kuthiwa isoka laqala ukumshaya umufi phambi kwabantu, khona emcimbini kuthiwa kwathi uma abantu bezama ukulamula, labatshela ukuthi abanake izindaba zabo.
Uthe okusempeleni kwaZulu akukaze kube lula ukungena esihlalweni njengoba noShaka bamcoboshisa ngomkhonto kanti noCetshwayo kwadingeka ukuba abulale umfowabo uMbuyazi ukuze aphathe.
Uthe okusemqoka manje wukubhekana nomdlalo ngamunye.
Uthe okusemqoka ukuba bacele inombolo isikhungo esibhalise ngayo kuMnyango wezeMfundo ePhakeme.
Uthe okuseqhulwini kuyena phakathi kokunye, ukunyusa izinga ekufundiseni nasekucwaningeni ngolwazi oluthinta ubu-Afrika.
Uthe okuseqhulwini ukusebenzela lo mphakathi wathi uzobumba ithimba azosebenza nalo.
Uthe okuseqhulwini wukubuyiselwa emsebenzini kukathishomkhulu waseSweetwaters Primary ngaphandle kokubizelwa phambi kwesigcawu esiqondisa ubugwegwe.
Uthe okusha okuzoba khona kulo nyaka yisigaba somculo wendumiso lapho befuna ukujabulisa abangasayi enkonzweni.
Uthe okushiwo uSteenhuisen, indlela yokuzenza muhle ukuze azuze amavoti abathile.
Uthe okutholwe ucwaningo ukuthi u-39%, wabantu awugculisekile ngendlela abenza ngayo, wengeza ngokuthi * -61% ugculisekile. “Into abakhala ngayo kakhulu abantu abanxusa ukuthi isukumelwe, yindaba yokudala amathuba emisebenzi, ilandelwe indaba yezindlu, ukuthuthukiswa kwamakhona nezemfundo ezisezingeni,” kusho uMchunu.
Uthe okuxakayo ukuthi kubona bonke laba abaxoshiwe, akekho noyedwa ophonsele inselelo isinqumo sokubaxosha.
Uthe okuyikhona okumjabulisayo ukubona inkantolo yenza ubulungiswa kumsolwa.
Uthe okuyikho okumkhathazayo nafisa kushintshe amagama abantu abababiza ngawo.
Uthe okuyingozi kakhulu wukuthi noma engangenanga uMabuza kuhulumeni kodwa uzobe esebenza ekomkhulu lenhlangano eLuthuli House. Lokho kuzomnika ithuba lokuhlela kahle konke afuna ukukwenza enesikhathi sonke.
Uthe okuyinkinga kakhulu kuyena, ngukubona abantu abangama-Afrika, abangodokotela nosolwazi becabangisa okwabelungu.
Uthe okuzobasiza ukuthi kule midlalo engu-6 ebasalele benze isiqiniseko sokuthi bayanqoba. Uveze ukuthi banejoka lokufinyelela emaphuzwini angu-27 kuya kwengu-28 ukuze bavike izembe.
Uthe okuzokwenza bangandi abafunda bagogode kulo mkhakha, wukuthi izingane zifundiswa iMaths Literacy ezikoleni. Uveze ukuthi akathathwa umfundi onalesi sifundo emkhakheni wakhe. Uyasola ukuthi ukwesaba iMaths yikona okwenza bashode abaphumelelayo.
Uthe okuzotholakala ukuthi bonile noma benze okuphambene nomthetho kulolu daba bazoqondiswa ubugwegwe ngoba uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngeke ukubekezelele ukuhlukunyezwa ngokocansi kwanoma wubani.
Uthe okwabasiza ukulwa nalesi sifo ekuqaleni wukuthi abantu bebegqugquzelwa ukuthi bazihlolele isifo sofuba ngo-2011, bebenikwa nosizo lapho besebenzela khona, banikezwa nemithi emisha izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Uthe okwadala ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi ziphenywe lezi zinsolo, yingoba kwakunokuphikisana ngaphakathi kwi-ANC ngezinsolo zokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Uthe okwakumhlupha kakhulu wukuthi wayekade embonile uKhumalo nabanye ozakwabo bewathola amathuba okuya kwamanye amazwe, okuyikhona kanye okwakumkhuthaza ukuthi naye asebenzele lelo thuba.
Uthe okwakumshayisa ngovalo kakhulu ukuyosebenza nabalingisi asebenegama njengoVuyo Dabula odlala indawo kaGaddafi owaziwayo ngokungabhedelwa kulo mdlalo.
Uthe okwalandela lapho kwaba wukuthi uMaswanganyi abanikeze izinsuku eziyisikhombisa ukuthi bachaze ukuthi kungani kufanele angabaxoshi njengebhodi.
Uthe okwamanje, abagxilile ecaleni eliqhubeka enkantolo.
Uthe okwamanje abakahleli ngezindaba zokwakha umndeni. “Angikakulungeli ukuba nengane kodwa sisajabulela uthando lwethu. Sisakhulisana futhi sizimisele ukukhula ndawonye kokuningi.”
Uthe okwamanje abakaqedi ngezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo njengoba besamatasa ngokuhlela usuku abazomfihla ngalo.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi balindeleni mayelana nokuphumelela kwalolu cwaningo ngoba iCovid-19 ayifani neHIV.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi bazokwenzenjani ngoba basathukile.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi inkonzo yesikhumbuzo kaJohnny izoba nini kodwa bazomemezela. Yona iyobe ivuleleke kuwo wonke umuntu.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi uyophinde avele nini kule nkantolo.
Uthe okwamanje abakwazi ukuphawula ngohlelo oluqhubekayo nezinto okusabhungwa ngazo.
Uthe okwamanje abanalo uhlelo lokubhekelela imboni yabo njengoba kuqubuke iCoronavirus kodwa izoshaya abasebenzi ngoba uma kunesimo esinjena abantu baye bazame ukonga izindleko ngokumisa abasebenzi.
Uthe okwamanje abantu abadinga imikhiqizo bangamthola emakhasini ezinkundla zakhe zokuxhumana.
Uthe okwamanje abantu baseNingizimu Afrika abakhululeke ngezihlobo zabo eziseChina ngoba ziyanakekelwa kodwa uma kukhona okushintshayo bazokwaziswa abantu.
Uthe okwamanje abantu bazokwazi ukuthenga amathikithi koSizakala Centre eMhlanga, KwaMashu, Pinetown, kuFlorence Mkhize eThekwini naseMega City eMlaza ngo-7.30 ekuseni kuze kube wu-15.30 ntambama. ESizakala Centre eMlaza kuyavulwa nangoMgqibelo ngo-7.30 kuvalwe ngo-11.30 ekuseni.
Uthe okwamanje akahleli uyaqhubeka nokwenza izinto ezehlukene ezithinta umculo.
Uthe okwamanje akakafinyeleli ezingeni afisa ukufika kulo, lapho ezoba nezinsiza kusebenza ezisezingeni eliphezulu.
Uthe okwamanje akakazimiseli ngokushiya emshadweni kodwa lokho akuchazi ukuthi zonke izinto ziwuKhisimusi nokuthi akakaze ahlukumezeke.
Uthe okwamanje akakhokhelwa ngalokhu akwenzayo futhi akanazo nezincwadi ezanele zokufundisa. Usebenzisa udonga lwakubo namaphepha kube sengathi yibhodi.
Uthe okwamanje akakwazi ukwanda kakhulu ngohlelo, uyacabanga ukuthi abantu abalwenzayo bazokhuluma ngalo uma isikhathi sesifanele.
Uthe, okwamanje akanaye umuntu athandana naye yingakho ephumela obala.
Uthe okwamanje akazi noma kumele aqale afune omunye umsebenzi.