input
stringlengths
1
130k
Uthe ngenkathi egqoke i-jumpsuit emubambayo beshutha enkundleni yebhola, imenenja yamtshela ukuthi akabheke le ukuze kuzovela izinqa.
Uthe ngenkathi elakuleli lilwa nengcindezelo, iZimbabwe yabamba elikhulu iqhaza.
Uthe ngenkathi enza ucwaningo uthole ukuthi leli gama libhalwe ngesiXhosa kuze kube yisizukulwane sesithathu ngaphambi kukayisemkhulu.
Uthe ngenkathi esafunda isayensi izifundo zazingamxaki yikho wakhetha ukugxila kuzo ngoba isayensi kuphilwa ngayo, yonke imibuzo ekhona ngempilo iphendulwa ngocwaningo lwesayensi.
Uthe ngenkathi ethola ucingo mayelana nalolu daba, ufise ukuzifikela mathupha ukuze naye agadle kulo thisha oshaye udadewabo omncane.
Uthe ngenkathi eyibuza indodakazi ukuthi seyake yalala yini nomuntu wesilisa, iqale yaphika kodwa ngokuyihlohla imibuzo nangokuthi ayihlole isitho sayo sangasese, wathola okumjabhisile.
Uthe ngenkathi eyofuna leyo ncwadi enkantolo, waziswe ukuthi akayoyifuna kubameli, kwaba ukwehliswa enyuswa kwakhe.
Uthe ngenkathi isebhulohweni, akwazeki ukuthi umshayeli weveni imphunyuke kanjani njengoba iphaphalaze yayowela phezu kwetekisi.
Uthe ngenkathi kuqala ukuvalwa kwezwe babezitshela ukuthi bangu-15 000 abantu abangenamakhaya nabahlala emigwaqweni kodwa okuthe uma sebebalisisa, bathola
Uthe ngenkathi kuthathwa lesi sinqumo kwakukade kungakazeki ukuthi kuzogcina sekuhlasele iCovid-19 .
Uthe ngenkathi le nduna ibona ukuthi akayingeni eyokugwaza ngembuzi neyokufaka ushevu ezimotweni zabanye babasebenzi, yathi akayizamele isibhamu i-AK47, noma i-9mm.
Uthe ngenkathi uZuma ethatha izintambo emva kukaMnuz Thabo Mbeki, isimo sezwe sasivele sibheda kodwa uZuma wasibhedisa kakhulu.
Uthe ngenkathi yena nozakwabo, ababize ngoCst Mhlongo noCst Ncube bengaphandle kwegumbi okwenzeka kulo isehlo, umsolwa waphuma esephakamise izandla.
Uthe ngenxa yale mpi abantu abasakwazi ukuma ezitobhini nokuya erenki ngokukhululeka.
Uthe ngenxa yale ngoma kuningi osekushintshile empilweni yakhe njengoba eseqashwa nasemicimbini emikhulu.
Uthe ngenxa yale nkinga uhlale ebhalisela umazisi wesikhashana, ohlala izinyanga ezimbili.
Uthe ngenxa yalesi sizathu, bafuna uMogoeng ahoxise aphinde axolise ngaphandle kwemibandela kubantu bakuleli ngakushilo.
Uthe ngenxa yalezi zinselelo, izitshudeni zizobhalisela ihlandla lokuqala nelesibili lezinyanga eziyisithupha ngoMashi 12 kanye kanye.
Uthe ngenxa yalokho, u-2019 bekuwunyaka we-EFF, kodwa wagxeka isihlava sokubulawa nokuhlunyezwa kwabesifazane ebesidle lubi kuwo unyaka ophelile.
Uthe ngenxa yalokhu abahlengikazi abakwazi ukusho ukuthi isidumbu singatholakala kuphi emindenini.
Uthe ngenxa yalokhu, balindele ukuth isibalo sabahaqekile siqombole kakhulu.
Uthe ngenxa yalokhu kumele kuqikelelwe kakhulu lapho kunabantu abadala khona.
Uthe ngenxa yalokhu kunesitokwe esiningi abantu abasidayisayo.
Uthe ngenxa yalokhu ngeke kube khona imali ezofakwa ngumgcinimafa. “Ayikho imali ezofakwa okungeyabasebenzi. Ayikho imali yamaholo. Iminyango kuzomele ifune imali ngaphakathi ukuze ikhokhele abasebenzi. Kuzomele ibhekisiswe eyokusebenza isikhathi esengeziwe kanjalo nokukhokhelwa kwabantu amabhonasi ngokwenza kahle."
Uthe ngenxa yalokhu sebebhalele iPhalamende ukuthi kumele zihlale obala zonke izinkontikela ezithinta iCovid-19. Ngesikhathi ekhuluma uMalema ubelokhe egcizelele njalo ukuthi uyamhlula umsebenzi wobumengameli uRamaphosa.
Uthe ngenxa yalokhu umasipala waqala uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga, okungakaziwa ukuthi luzophela nini ngoba i-Eskom idinga imali elinganiselwa kuR8 million ukulungisa umonakalo.
Uthe ngenxa yalo mbhidlango wabasebenzi abawubona ufanelekile sekuze kwaphazamiseka ukusebenza kwabahlengikazi.
Uthe ngenxa yemigomo elawula izwe njengoba kuneCovid-19, cishe bazoba ngu-250 abantu abazohambela imihlangano yamagatsha.
Uthe ngenxa yengozi ulahlekelwe uR60 000 ngenxa yezindleko zokukhanda imoto yakhe elimale yaphela. Eqhuba uthe wehlelwa yile ngozi nje uhamba ngemoto abeyiboleke komunye umuntu ngoba neyakhe ibulawe yiso lesi sifo.
Uthe ngenxa yentela kashukela iNingizimu Afrika izithola isinoshukela omningi kunodingekayo, bese iwudayisa emazweni angaphandle ngemali encane ukuze ungalahlwa.
Uthe ngenxa yesimo ebesingesihle olwandle kuphoqeleke ukuba kumiswe ukumbheka.
Uthe ngenxa yezinhlelo eziningi abazisungulile sebeyashoda ngamakilasi. Umthelela walokho uthe ukuthi amakilasi ayenzelwe ukuthi kufunde abafundi abangu-30 kuya phansi ekilasini kodwa abafundi abakhona baningi.
Uthe ngenxa yezizathu zokuphepha, ngeke basho ukuthi obani omengameli bamazwe ahlukene abazobe bekhona.
Uthe ngenxa yobucayi becala okunye ngeke bakwazi ukukudalula futhi abantu kumele baqonde ukuthi akayena umphenyi.
Uthe ngenxa yokuba matasa, ugcina engakwazanga ukufika ekhaya ngesikhathi kodwa umndeni wakhe uyawubona uma enethuba, indodana yakhe uSteve, indodakazi Sthabile. USteve ushadelwe nguMaNxumalo. Unabazukulu abathathu .
Uthe ngenxa yokubona isimo sasekhaya wakhetha ukuyofuna umsebenzi eNkandla edolobheni, wawuthola esikhungweni esisiza abaswele, iSizani Outreach.
Uthe ngenxa yokubona komphakathi amaphoyisa ehudula izinyawo ekubhekaneni ngqo nenkinga, umphakathi ugcine ususungula ikomiti elilwa nobugebengu.
Uthe ngenxa yokubuka isimo esingesihle sokuhlasela kwegciwane kuleli bazama ukusheshisa izinhlelo zokuxoxisana nezinkampani ezihlinzeka ngemigomo ukuze usheshe ukutholakala kuleli. Uthe yize bebeke isigamu sesibili sonyaka ukuba kuqalwe ukugoma abantu kodwa benza imizamo yokuthi okungenani kube khona umgomo osuqaliwe ngoFebhuwari. Uthe uma umgomo usufikile bazoqala ngokugoma abasebenzi bezempilo ukuze umkhakha wezempilo kuleli ube nozinzo. Uthe bazobe sebedlulela kwabenza imisebenzi ebalulekile bese kulandela abaphila nezifo ezingamahlalakhona nabasengcupheni yokusheshe bahaqwe yiCorona.
Uthe ngenxa yokudinwa kakhulu, ugcine esephathwa wukhwantalala, udokotela wabe esemnika izinsuku ezingu-30, ukuthi ahlale ekhaya.
Uthe ngenxa yokugcwala kunabanye abantu abagcina bengakwazanga ukungena nokuyikho okumgqugquzele ukuthi ahambele kwezinye izindawo.
Uthe ngenxa yokugcwala kwamakilasi akakwazi ukwamukela abanye abafundi abasuke bebhalisile. Ngonyaka odlule isikole sithole * -100% kwiScience kwathi uNksz Gugu Nzuza wathola indondo yokuba nguthisha ovelele kwisekethe.
Uthe ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu, bathathe isinqumo sokuthi bafake abafana bezulu oPhongolo, eBaqulusini naseDumbe.
Uthe ngenxa yokuhlasela kwaleli gciwane umnyango kumele uqiniseke ukuthi wenza izinhlelo ezifanele ukuze kunqandwe ukusabalala kwaleli gciwane.
Uthe ngenxa yokungabi nemali enele yokuqhuba imfundo njengesifiso sakhe uveze ukuthi wacela imvume kubazali yokulandela obhuti bendawo abebezama amatoho eThekwini.
Uthe ngenxa yokungafuni ukushiya umndeni kaHHP ngaphandle, yize kukhona isimo esingesihle phakathi kwabo, wakhetha ukuthumelela unina kaHHP, uNkk Theriso Tsambo, i-email emtshela ngalokhu asekwenzile.
Uthe ngenxa yokungathembeki kwe-SABC sebenqume ukuba babeke phansi amathuluzi bagcwale umgwaqo balwe nokudilizwa kwezisebenzi.
Uthe ngenxa yokusatshiswa basezinhlelweni zokuthutha kule ndawo kulandela lezi zigameko eziye zandulelwa yizinsongo zemiyalezo nokushayelwa ngabantu abangabazi bebasongela.
Uthe ngenxa yokusatshwa kwakhe, abamaveni kusolwa ukuthi bathathe isinqumo sokuthi bamthengele izinkabi ukuze zimgudluze okuthe ngesikhathi abasolwa ngobunkabi sebemlalele unyendle, kwakhona abamluma indlebe, wabe esethinta amaphoyisa.
Uthe ngenxa yokuthi abazitholanga zonke izimpendulo emibuzweni abebenayo, abaphathi besibhedlela babathembise ukuthi babezobuye bababize komunye umhlangano.
Uthe ngenxa yokuthi abazuli nemindeni kumele iqhelelane nabantu abadala, kungenzeka bazizwe benomzwangedwa.
Uthe ngenxa yokuthi amakilasi awanele ezikoleni, yikona okuphoqe ukuthi baqale ngamabanga asebaliwe.
Uthe ngenxa yokuthi awukwazi ukubona ukuthi kuzokwenzekani empilweni ngomuso, umshwalense ubalulekile. Uthe futhi uma uzama ukulungisa isicelo sokukhokhelwa wumshwalense womuntu olimaze imoto yakho, ungafonela umshwalense wakho kube yiwo osingatha lolu daba nokuyinto ekunika ukuphumula.
Uthe ngenxa yokuthi imigomo idingeka kuwo wonke amazwe kuholela ekutheni abakhokha kakhulu kube ibona abayithola kuqala.
Uthe ngenxa yokuthi isikhathi sokuhamba sabe sishayisana nezinsuku zokuqala ukuhlolelwa ukuphela konyaka, wabe esebhalela isikhungo ebuza ukuthi angakwazi yini ukubhala ukuhlolwa ekhona e-USA.
Uthe ngenxa yokuthi kuzobe kuhambele nomengameli bamazwe ahlukene, yingakho kubalulekile ukuthi ezokuphepha zibe seqophelweni eliphezulu.
Uthe ngenxa yokuthi ukhuliswe wumama wakhe kuphela nezingane zakwabo, kumsizile ukuba ngusomahlaya ngoba ugcine esekwazi ukukhokhela izifundo zakhe.
Uthe ngenxa yokuthi uma ungalithathi ikhefu izinsuku zakho ziyaphela bese kumele athathe ezisasele.
Uthe ngenxa yokuthi uMnyango wezeMfundo ulandela ngemuva izinyunyana, ugcina nawo ungasazi ukuthi yikuphi okuqondile okumele ukusho ngokuvulwa kwezikole kulesi sifundazwe.
Uthe ngenxa yokuthi wadlala ibhola esigabeni esikhokhelayo iminyaka engaphezu kwemihlanu kuya phezulu kwadingeka ukuthi aqale kwiSafa Level 1, esikhundleni se-Introductionary course. Wathuthuka njalo esuka kwiLevel 1 waze wafinyelela kwiCaf B Licence.
Uthe ngenxa yokuthi yena umi nesizwe sakhe, yingakho egcine ethathe isinqumo sokuthi amise ukukhonza ngoba esabela ukuchitheka kwegazi nokuphuma kwezidumbu.
Uthe ngenxa yokuthi yibona abantu abavotela uRamaphosa, ababhekane naye.
Uthe ngenxa yokuthi ziningi izindawo eziswele amanzi, izimoto azikwazi ukufika nsuku zonke kodwa ziyawaletha amanzi.
Uthe ngenxa yokwenyuka kwezibalo zabahaqekayo nezibalo zabangeniswa ezibhedlela abalaliswa emagunjini abadinga ukunakekelwa okuthe xaxa, nazo ziyakhula.
Uthe ngenxa yomthetho nabammeli ngeke akwazi ukuphawula kakhulu ngalolu daba lokuvuswa komuntu esefile. "Engingakusho ukuthi ngizoligeza igama lami,"' kuphetha uLukau.
Uthe ngenxa yozimele geqe, abantu abamnyama babenziwa abantu bokufika ezweni labo.
Uthe ngenyanga abesifazane baveze ukuthi basebenzisa uR1 344 ukugibela, uR731.50 ukuthenga ugesi, bese kuthi ngenye imali bakhokhele umasingcwabisane, izikweletu ezincane bathenge nokudla.
Uthe ngenyanga bathola amakhasimende awu-200 000 okusho ukuthi anyuke ngo-12.6 million amakhasimende abo.
Uthe ngenyanga edlule amaphoyisa abopha uMnuz Joseph Charlie Ngwenya (35) noMnuz Tshepo Matsane (30).
Uthe ngenyanga edlule izigilamkhuba zigqekeze zashaqa amakhompyutha angu-19, ama-laptop ayisihlanu ne-projector.
Uthe ngenyanga edlule umakoti wakwakhe ube eseqalwa ukugula wayolaliswa esibhedlela eThekwini wayishiya nabo ingane.
Uthe ngenyanga ezayo bazokhipha uhlu lwabaculi abaqokiwe. “Abantu sebeqalile bayakhuluma. Kukhona abathi uSamthing Soweto, abanye babala iDistruction Boyz, kukhona abathi uMroza kungenzeka akuphinde lokho ngengoma yakhe entsha, noKwesta neSpirit bayamusho kanjalo noDr Malinga. Angazi kodwa konke kulele kubona,” kusho uNdlovu.
Uthe ngeshwa abasakwazi ukulandela konke osekuvela ngemuva ngoba isikhathi asenele.
Uthe: "Ngeshwa, asikwazi ukulawula indaba yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kodwa nathi siyazibona izinkinga. Ukwebiwa kwezintambo zikagesi kwenzeka kakhulu uma ugesi ucishile bese kuthi uma ubuya kungabe kusakhanya kwezinye izindawo okumele ngabe kuyakhanya kuzo.
Uthe ngeshwa le nkinga ayixazululekanga, kwaphoqeleka ukuthi iMbube ibuyiselwe esibhedlela ukuze kuzinziswe izinga likashukela.
Uthe ngeshwa uyise washona engakawuqedi u-matric kwathi esewuqedile kwamcacela ukuthi ngeke kube lula ukuthi ayofundela ukucwaninga amabhuku ngoba imali akanayo.
Uthe ngesikahthi izwe lisavalwe thaqa ubeba yedwa endlini yesonto intshumayelo yakhe iqoshwe.
Uthe ngesikhathi ababhali bomdlalo bekhuluma ngokuqala ukuqopha iziqephu, kwabezindaba bese kunemibiko eminingi ekhuluma ngokuhlukunyezwa ngokocansi nothisha abathola imisebenzi ezikoleni ngoba belale nezikhulu ezithile.
Uthe ngesikhathi abafana bevuka beyobheka izindobo zabo ngakusasa ekuseni, babone isidumbu sowesifazane emfuleni bahlaba umkhosi.
Uthe ngesikhathi abanye bezama ukukhalima umsolwa, abanye bazame ukusiza umufi ogcine ngokushona kusaphele imizuzu embalwa egwaziwe.
Uthe ngesikhathi abasolwa beqeda ukudubula abazali, badlulela esitolo salo mndeni esibuqamama nomuzi nakhona bafike bakhomba ilungu lomndeni, bashaqa isisefo semali nomshini wama-airtime.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo lwawo lapho kuhlala khona le ndoda, athole isibhamu i-9mm nezinhlamvu ezintathu.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umkhankaso aqaphele imoto ethile emgwaqweni Inanda, ebinabantu abathathu, ayimisa ayisesha.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka, aphinde athola izinkomo ezimbili. Uthe imfuyo iphindiselwe kumniniyo kanti kwavela ukuthi zebiwa epulazini iGluckstadt ngenyanga edlule.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka nophenyo aye esiteshini somsakazo womphakathi okuyilapho ekwaze ukuthi akhulume nomshayeli wale moto, ovumile ukuthi uyena oyishayelayo. Uthe lo mshayeli uboshelwe ukutholakala nemoto entshontshiwe.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa esematasa nomkhankaso athole ulwazi ngowesifazane obenezibhamu.
Uthe ngesikhathi bebaleka amanye amalungu omphakathi alifukulile iphoyisa alifaka emotweni yomunye, aliphuthumisa esibhedlela okuyilapho lifike lashonela khona.
Uthe ngesikhathi bebuza ukuthi isoka likamufi likuphi kunina walo uthe selisemsebenzini limshiye elele wanqaba ukulishayela ucingo emsebenzini.
Uthe ngesikhathi becelwa ngaboMnyango wezeMpilo ukuthi bangaqhubeki nemashi, nabo bacele ukuthi udokotela amiswe emsebenzini ngoba ngeke bakuvumele ukuthi umtholampilo uphathwe wumuntu ohlukumeza abasebenzi futhi kungeyena nowaseNingizimu Afrika.
Uthe ngesikhathi befika abasebenzi bebezama ukucima umlilo.
Uthe ngesikhathi befika emtholampilo ubesadidekile, umqondo usalahlekile.
Uthe ngesikhathi befika endlini kalona wesifazane ukhiphe iwashi lohlobo lweRaymond Weil, amabhangela amabili nomgexo wegolide.
Uthe ngesikhathi befika kulesi sibhedlela ngo-11 ekuseni bajoyina ulayini kodwa ngemuva kwehora elilodwa udadewabo wayengasakwazi ukuzimela.
Uthe ngesikhathi befika okwesibili bezenza amaphoyisa, bacela ukuthi unkosikazi wakhe aphume ngoba bafuna ukusesha umyeni, basala bamdubula.
Uthe ngesikhathi befona bese kuvele kuqala ukuhwalala, okuthe kungakapheli nehora befonile kwaphinde kwangena olunye ucingo obelumazisa ngengozi esiyehlile. Uqinisekise ukuthi umshayeli wetekisi usededeliwe esibhedlela yize isimo sakhe singakagculisi.
Uthe ngesikhathi befuna usizo bashayele nasehhovisi lezinhlekelele kwathiwa alukho usizo abazoluthola ngoba akulimalanga muntu.
Uthe ngesikhathi behlangene noMengameli wale nhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa, bathole ukuthi uR20 ngonyaka mncane kakhulu kulesi simo abebhekene naso. "Umengameli uthe le mali yobulungu iwu-R1.60 ngenyanga." Uthe abantu abangasebenzi bengase bahlangabezane nenkinga. "Ngakho ngabantu abafana nathi abangakwazi ukukhokha le mali yobulungu."
Uthe ngesikhathi behlangene noNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Bheki Ntuli, ngemva kwale ngozi, kubunjwe ikomiti elizolekelela imindeni njengoba namuhla behlele ezokuthutha ezithatha yonke imindeni elinyalelwe ukuyokhomba amalungu ayo.
Uthe ngesikhathi belindile ngemuva esteji, bebezixoxela ukuze bengalokhu becabanga ngokuzokwenzeka.
Uthe ngesikhathi belwela imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo babizwa ngawo wonke amagama.
Uthe ngesikhathi bembuza ukuthi umshiseleni umzukulu wakhe, uthe ugcine ngokumshaya, kungenzeka ukuthi ushe lapho abalekele khona.