input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
UThembinkosi Thatios Ngcobo (62) ugwetshwe iminyaka engu-35 ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngokubulala ngesihluku intombi yakhe, uNksz Ntombifuthi Happiness Blose (30), nengane yabo, uMinenhle Swelihle Blose (3). |
UThembinkosi ‘’TK’’ Nciza ongumphathi weTS Records uthe bakuthokozele ukusebenza nalo mculi owafika nento engajwayelekile. |
UThembinkosi ulingisa indawo kaMondli emdlalweni obukwa kakhulu eNingizimu Afrika, Uzalo. Lo mdlalo ukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuSABC 1 phakathi nesonto. |
UThembinkosi uthe impilo yakhe isishintshe kakhulu, kusuka aqala ukulingisa kuZalo. Ngaphambi kokungena kulo mdlalo uke walunguza kwiGenerations, Rhythm City, Rockville nakuMuvhango. |
UThembi, odlala indawo kaMkabayi kwiSibaya kuMzansi Magic, uthe eNingizimu Afrika zikhona izindaba zangempela okungakhulunywa ngazo. |
UThembi, ongomunye wabalingisi ababa khona kusukela lo mdlalo uqala, ulingisa indawo kaMkabayi ongusomatekisi ongawubambi umshini. Ungudadewabo kaMpiyakhe olingiswa wuSiyabonga Thwala. |
UThembi oyinxusa lePond’s, ubesengqungqutheleni yezinsuku ezintathu iCare For Beauty, ehlelwe abakwa-Unilever eMhlanga, eThekwini. Bekufudundiswa ngokunakelela isikhumba, umzimba nezinwele. Izolo kuqalwe ngokuzivocavoca njengoba kukhuthazwa ukuthi abesifazane bazinake. |
UTHEMBISA abalandeli bakhe ubumnandi bodwa umculi ocula owokholo uMnqobi Nxumalo, ozakhele igama kwiJoyous Celebration. |
UTHEMBISA abalandeli bakhe ulozolo kwi-albhamu yakhe yesibili ezophuma ekuqaleni konyaka ozayo uKarabo Mogane owadla umhlanganiso ohlelweni ama-Idols SA ngo-2015. |
UTHEMBISA abalandeli beKaizer Chiefs amaphuzu amathathu ukaputeni weqembu * -Itumeleng Khune njengoba bezobhekana ne-Ajax Cape Town emdlalweni we-Absa Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku. |
UTHEMBISA abantu ubumnandi bodwa endaweni yakhe yobumnandi uDkt Khehlelezi. |
UTHEMBISA indebe ngesizini ezayo umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic. |
UTHEMBISA injabulo yodwa kubalandeli baMaZulu FC umdlali waleli qembu, uSiyethemba Mnguni, ophume namagoli amabili ngesikhathi beguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. |
“UThembisa lolu hlelo selufana nengane yakhe, ungithembile wanginika ingane yakhe, wayishiya nami. Nakuye ngiyabonga kakhulu. Ngiyathemba ukuthi umsebenzi engiwenzile naye uwushayela izandla, ngethemba nokuthi uphumule kahle,” kuchaza yena. |
UThembisa Mdoda ulingisa indawo kaSandy onengane yentombazane kodwa ongasathandani noyise. |
UThembisa, osanda kubonakala edlala indawo kaVuyiswa kwiThe Queen, wabhala ekhasini lakhe leTwitter ekuqaleni kwenyanga ukuthi uyagula. |
UThembisa ubeshayela uhlelo lwasekuseni ngoMgqibelo noMo G. |
UThembisa ubhale kuTwitter ukuthi uxinwe wukugula esibhedlela. Udalula lezi zindaba nje iningi lisazikhotha amanxeba njengoba lendima yezokungcebeleka isanda kushiywa emhlabeni ngobelingisa futhi enguphrojusa kwiThe Queen, uShona Ferguson. UThembisa uthe kubuhlungu kakhulu kuye njengoba nakuye kubonwa ngokusa esibhedlela. |
UThembisa ukhulume okokuqala ngokugula kwakhe ngemuva kokuphumela obala kwiTwitter ngokuthi uxinwe yileli gciwane. |
UTHEMBISA ukufukula intsha ophakanyiselwe kwesesekela lemeya kuMasipala waseMngeni. |
UTHEMBISA ukulekelela umndeni wakhe uthuthuke owesilisa waseThekwini obambe iLotto ka-R531, 938. |
UTHEMBISA ukusheshisa ukukhishwa kwamatayitela ezindlu zomxhaso kahulumeni uNgqongqoshe omusha woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal. |
UTHEMBISA ukuveza okukhulu ngendawo ayilingisayo kaPastor Charles, emdlalweni wethelevishini iDiepCity kuMzansi Magic, uChrispen Nyathi (27). |
UThembisa ulingisa le ndawo ngemuva kokulimala kukaZandile eqopha okumanje ululamela ekhaya. |
UTHEMBISA ulozolo lwe-albhamu umculi wekwaito wakuleli okulindeleke ukuthi akhipe icwecwe lakhe elisha. |
UThembisa usephumile esibhedlela, ululamela ekhaya. Sizokhipha isitatimende esivela kuye maduze, kusho uBonnie ngamafuphi. |
UThembisa uthe okufanayo phakathi kwakhe no-Amanda ukuthi bangabantu abasebenza kanzima futhi abazimisele. |
UThembisa uzohola osaziwayo abahlukene azobonakala nabo benza izinto ezihlukene nabangakaze babonakale bezenza phambilini ohlelweni, iNot A Diva, olungena ngoLwesine, ngo 9.30, ebusuku, kuMzansi Magic. |
Uthembise abalandeli bakhe ukuthi bangalinge bathuke njengoba imicimbi akade eyihlela esazoqhubeka nayo. |
Uthembise abalandeli bakhe ukuthi ngeke avumele okumehlele ukuthi kumphazamise emsebenzini nasempilweni yakhe. |
Uthembise abantu ukuthi uhlelo lokuqasha abantu luzolandela imithetho ecacile kwazise kuzokhangiswa izikhala zomsebenzi, kuhlolwe abantu bese kuqashwa labo abazophasa inhlolokhono. |
Uthembise abasafisa ukuzibandakanya nalo mcimbi ngesikhathi esizayo ukuthi lisekhona elinye ithuba lokuthi babe yingxenye yawo njengoba kuneminye imicimbi emibili esazoba khona kulo nyaka. |
Uthembise abashushisi ezweni ukuthi uzobeseka wathi umthetho ngeke ukhethe kodwa uzosebenza kuwo wonke umuntu. |
UThembi Seete, olingisa indawo kaGladys noKatlego Danke onguThathi, baqhathwe emunxeni weViewer's Choice Best Actress. Ngamafuphi uGladys noThathi babanga uMelusi (okuyindawo elingiswa nguZolani Xaluva) ngenxa yokuthi uthando lubukeka luqale phansi phakathi kukaMelusi noThathi ekubeni eseshade noGladys. Kulezi zinsuku indodana kaMelusi, ayithola kuGladys, uNtokozo (Ntokozo Sishi), iphume umkhankaso wokwelusa uyise ukuze angabonani noThathi. Yize uKatlego ekhipha amangwevu kule ndawo ayilingisayo kodwa yena uthi ushaqekile eqokwa kumaRoyalty Soapie Awards nasemunxeni we-Outstanding Lead Actress. UKatlego (42), olingisa indawo ka-Onthathile "Thatha" Ndaba, uqhathwe nozakwabo oLusanda Mbane weScandal1, uShoki Mmola weSkeem Saam, uNompumelelo Vilakazi weDiepCity, Nthathi Moshesh we-Isono noHildegardt. |
UThembi Seete owaduma eqenjini lomculo iBoom Shaka nasohlelweni lomdanso iJika Majika, uhleka yedwa uma exoxa ngendodana yakhe enezinyanga ezingu-15. Lo saziwayo oneminyaka engaphezu kuka-40, uyaqala ukuba nengane okuyingakho ekujabulele kangaka. |
Uthembise imindeni ukuthi kuzokwenziwa okusemandleni ukuthi umshayeli athathelwe izinyathelo ngokushayela budedengu. |
Uthembise nokuthi bazobuya njengoba kunabantu abafuna izindlu wakhumbuza abantu ukuthi bavotele i-ANC. |
Uthembise nokuthi bazosilungisa isimo se-Eskom lapho kade kuntshontshwa khona imali. Uthe ngeke baze banikele ngezinkampani ezasungulelwa ukuthi zisize abasebenzi. |
Uthembise ukubuyela emphakathini esikhathini esingaphansi kwesonto ukuzokwethula ezinye izinhlelo. |
Uthembise ukusebenza kanzima ukuthuthukisa i-ward engaphansi kwakhe futhi aqikelele ukuthi awuyishisi ingqalasizinda. |
Uthembise ukusebenza ngokuzikhandla ukwenza isiqiniseko sokuthi ongqongqoshe bayaphendula ngokusebenza kweminyango abayiholayo. |
Uthembise ukuthi bazolwa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lesi simo siyalungiswa. |
Uthembise ukuthi bazomlandela uZikalala ezinhlelweni zokuthuthukisa umnotho. |
UTHEMBISE ukuthi bazoqinisekisa ukuthi akekho osala ngaphandle ekucijweni ngezobuchwepheshe uNksz Lillian Barnard onguMqondisi weMicrosoft SA obekhuluma engqungqutheleni iGovTech ICT eThekwini |
Uthembise ukuthi bazoyilanda yonke imali ye-UIF ekhokhelwe abantu abangafanele besebenzisa izinhlaka zomthetho ezilandela isenti nesenti eliphume kule nhlangano. |
Uthembise ukuthi bewuMnyango bazothumela osonhlalakahle kulesi saguga ukuze sisheshe sithole ukusizakala ngayo yonke indlela. |
Uthembise ukuthi elakuleli lizoqala izinhlelo zokufundisa abantu ngamakhono ezandla njengendlela yokumelana nesimo esibhekene nezwe. |
Uthembise ukuthi ezinsukwini ezimbili ezizayo bafuna isimo sibe sesibuyele kwesijwayelekile. |
Uthembise ukuthi ezinyangeni ezithathu ezizayo bazonikelela osomabhizinisi abawu-100 ngaphansi kohlelo lwe-Operation Vula. |
Uthembise ukuthi ithimba labacwaningi lizocwaninga ngembangela yokudilika kwentaba, ukuze ababhekele izinhlekelele batshelwe ngokumele bakwenze ukuhlangabezana nesimo. |
Uthembise ukuthi kulo nyaka uzokhipha i-albhamu egcwele njengoba agcina ngo-2016 ngeyayiqanjwe ngegama lakhe. |
UTHEMBISE ukuthi kuzoba nomnyakazo uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule ngemva kokuhlangana nabashayeli bamaloli, omakadebona boMkhonto weSizwe nabadayisa emgwaqweni. |
Uthembise ukuthi ngoSepthemba uzophinde akhiphe enye ingoma. |
Uthembise ukuthi ukufa kukaKhosa nabanye abantu bakuleli abayishumi kuzophenywa kabanzi. Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi abathinteka kulezi zehlakalo babhekana ngqo nengalo yomthetho. |
Uthembise ukuthi uma bephatha kuhulumeni bazoxazulula udaba lwemali uhulumeni ayikweleta izinduna. |
Uthembise ukuthi usazoqhubeka nokwethusa abaningi umqeqeshi wePolokwane uJozef Vukusic osephendule leli qembu laba ngelinye lasembangweni wesicoco ekubeni laziwa ngokuthi njalo lihlale ligade izembe. |
Uthembise ukuthi uzothinta ubuholi be-ANC esifundazweni nakuzwelonke kubalwa noMengameli uMnuz Cyril Ramaphoysa ambikele ngenkinga ebhekene nomphakathi waseNtshangwe wokuncishwa ubulungu. |
Uthembise ukuthi ziningi izingoma abasazoziqopha bengumndeni. Uthe ngokukhipha leli culo akuzoba yinto ezophelela emoyeni. |
Uthembise ukuthi zonke bazozixazulula noma kuthiwa imiphumela isiphumile. |
Uthembise ukuvota yize ethe akanelisekile ngokulethwa kwezidingo. |
Uthembise umphakathi ukuthi uzolusukumela udaba lokunqamuka kukagesi. Uthe usexhumene noMasipala weTheku ukuze kufakwe enye ikhebuli. |
Uthembisile ukuthi ngo-2018 bazokwenza okungcono ukulwela ijezi lePirates. |
UThembi ubekhuluma ohlelweni iLunch with Thomas and Pearl izolo emini obelushayelwa nguDJ Mlu. Uthe yena yonke into ayenzayo uyenza, hhayi ngoba efuna ukuyenza kodwa uba nesizathu. Uveze ukuthi usanda kuphothula ukuqopha iLockdown yakuMzansi Magic lapho ezodlala khona indawo kaMinister Mazibuko. Isizini entsha izoqala ngoMsombuluko. |
UThembi, ubelingisa indawo kaMkabayi Zungu, okungowesifazane ongusomatekisi futhi ovikela umndeni wakhe, nobezibambela inganono uma behlaselwa njengoba bebenezitha emkhakheni wamatekisi. |
UThembi ubongelwe ngabantu abaningi efaka isithombe ephethe isitifiketi ahlonishwe ngaso. |
UThembi useke walingisa emidlalweni okukhona kuyo iStokvel, Sgudi 'Snaysi, 90 Plein Street neminye. |
UThembi uzohlonishwa ngendondo yamaqhawe adlale indima enkulu ekulingiseni emcimbini walo nyaka owaziwa ngokuthi iNational Theatre Festival, nozoba seMelika edolobheni laseNorth Carolina. |
UThembi wazakhela igama ngokulingisa emidlalweni okukhona kuyo iSgudi ‘Snaysi neStokvel. NoMengameli Cyril Ramaphosa naye umbongele uThembi ngokuhlonishwa. |
“UThembo onguSihlalo we-ANCYL eThekwini igama lakhe laphakanyiswa ngamagatsha e-ANC aseNtshonalanga neTheku athi angafisa abe sebuholini abe yiPhini likaSihlalo ohlangothini lukamama,’’ kusho uDube. |
UThembo, osohlangothini lukaNkk Gumede obeyiMeya yeTheku oke waba nguSihlalo eThekwini, uphakanyiselwe esikhundleni sePhini likaSihlalo. |
UThembsie Matu olingisa indawo kaPetronella, ukhale wemuka nezindondo ezimbili okukhona kuzo eyomlingisi ohamba phambili nekasaziwayo othandwayo kuleli. |
UThembsie uthathe indondo yeDiva Extraodinaire, uMichelle eyeHot Chick, uBohang eyeHunk of the Year kwathi uRami wathola eyeFag Hag. |
Uthe miningi imibuzo ayezibuza yona ngokuthi ngokwesintu uyakwazi yini ukuvele ushiye emzini, kwenzekani esidwabeni sakho nebhokisi lomshado owakhishwa ngalo kini. |
Uthe miningi imidlalo ngesikhathi sabo kodwa uyajabula ukuthi abantu abangu-10.2 million eNingizimu Afrika babuka Uzalo. “Singaphansi kwengcindezi. Izinyanga ezimbalwa zokuqala zesizini yesihlanu kumele okungenani sibe nababukeli abangu-11 million. Kumele kwenzeke, ngijabule.” |
Uthe miningi imigomo esahlolwa ezongena emakethe maduze kuleyo migomo uthe kungenzeka ube khona olungele iNingizimu Afrika. |
Uthe miningi imihlangano asebe nayo nasazokuba nayo ukuzama ukufukula umkhandlu. |
Uthe minyaka yonke abantu bavula amacala okuboshwa kungafanele futhi akhokha koR330 million ngonyaka. Uthe kunzima ukuba iphoyisa liqondiswe ubugwegwe ngoba ofakazi bavele bangezi, kokunye ubufakazi buduke. |
Uthe mkhulu umehluko phakathi kwabaholi bentsha beminyaka yo-1970 nabamanje. |
Uthe mkhulu umsebenzi abawenza ukulungiselela ama-scrum ngoba balindele indluzula kuze kuyophela iSuper Rugby. |
Uthe mningi umculo abasazowukhipha bengumndeni wakwaMseleku njengoba amakhosikazi akhe wonke ecula. Uthe enye yawo izokhipha umculo wokholo. |
uthe: Muhle umsebenzi wakho. Iningizimu Afrika idinga amadoda afana nawe. |
Uthe mukhulu umonakalo odalwe ukubheduka kweCovid-19 kwezemfundo. |
Uthe mukhulu umsebenzi osuwenziwe ekulweni nobugebengu nokudala uzinzo esifundazweni kule minyaka emihlanu edlule. |
Uthe muva nje, bahanjelwe ngamaciko amaningi futhi wanxusa uMalishe ukube ahambe ayotshela namanye lapho eya khona, ukuthi abakhululekile. |
Uthe muva nje lo mdlalo ubukwa ngabantu abangu-3.5 million nsuku zonke okungeminye yemidlalo emikhulu kuleli. |
Uthe muva nje njengomdlalo bathathe isinqumo sokufuna abalingisi abasha. |
Uthe muva nje uke wathola incwadi ivela komunye umzali emazisa ngalo mhlola owenziwa wothisha endaweni. |
Uthe muva nje uma ehlangana nabantu bayakhuluma naye bamtshele ngendlela abangayithandi ngayo indawo ayilingisayo. |
Uthe nababoleke imali yokufunda bazolithola iholidi lokungakhokheli izikweletu izinyanga ezintathu. |
Uthe nabafike bone amaphepha okuvota ngokushaya iziphambano kubona bonke abaholi, babathatha njengabagula ngengqondo njengoba kusuke kucaca ukuthi abazi ukuthi benzani. |
Uthe nabafuna ukuba osomahlaya bazosizakala ngoba uSimphiwe Shembe uzobachushisa ngezinto ezithinta lo mkhakha. |
Uthe nabantu bazolala bedlile futhi bavuse kabusha imijondolo yabo eyacekeleka phansi. |
Uthe nabantu kumele bapheze ukuchukuluza umbutho ngoba lokho akwamukelekile. |
Uthe nabanye abaculi kumele bazi ukuthi ukuba nabalandeli kuyasebenza. |
Uthe nabanye abanenkinga efanayo kuyanxuswa ukuba baphuthume emahhovisi abo ukuze bezobalungisela. |
Uthe nabanye omasingcwabisane bayakwenza lokho ukuqikelela ukuthi wonke umuntu uphephile. Uthe lesi yisikhathi esinzima okudinga ukuba kube nokubambisana kubo bonke abantu bakuleli. |
Uthe nabasebenzi akade befake izicelo ngaphambi kokuqubuka kwe-Covid-19 bazokwazi ukusizakala. |
Uthe nabasebenzi babo bayaqhubeka nokusebenza besemakhaya. |
Uthe nabazali kumele babambe iqhaza ngoba akuyona inkinga yomnyango wodwa. |
Uthe nabo babikelwe ukuthi okwenza amabhasi ashode ukungabibikho kukadizili. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.