input
stringlengths
1
130k
Uthe kuzophinde kutshalwe uR8 billion kuMnyango wezokuThutha ngenhloso yokuphucula ingqalasizinda yokuvuselela imigwaqo.
Uthe kuzoqala abaseKuphakameni baye eNhlangakazi ngoJanuwari 2 behle ngoJanuwari 9 ekuseni. Ntambama ngomhla ka-9 kuzokwenyuka abaseThembezinhle, behle ngoJanuwari 15.
Uthe kuzoqala uhlelo lokuqoka abantu abazowamela wathi bazokhipha i-timetable maduzane ngokuzokwenzeka kuze kufike usuku lokhetho.
Uthe kuzoqalwa ngenhlolokhono yokuthungatha abalingisi, ezoba ngoJanuwari kuya kuFebhuwari ngonyaka ozayo.
Uthe kuzoqeqeshwa ngisho abeluleki bezifundo ukuze konke kuhambe ngendlela.
Uthe kuzoqhubeka nangezinkonzo zangeSonto, kuze kushaye iPhasika. UDube uthe kubuhlungu nakuyena ngoba bekumele bagubhe iminyaka engu-16 yebandla kodwa bekumele asithathe isinqumo.
Uthe kuzoqhubeka ukutshala imali kulezi zinkampani nezinye ezingaphansi kukahulumeni.
Uthe kuzosebenza izinkundla zobuchwepheshe lapho abafundi bezofunda khona. Abazosizakala ngabafunda * -matric kanti zikhona nezawo wonke ama-grade kanye nezincwadi ezifundwayo zokuqeda isizungu ezibhalwe ngazo zonke izilimi.
Uthe kuzosheshiswa uphenyo njengoba izinsolo zithi ngumuntu osebenza ehhovisi likangqongqoshe okhiphe ithenda.
Uthe kuzoshintshwa indlela okuqeqeshwa ngayo amaphoyisa nalabo abangena embuthweni.
Uthe kuzosizakala izitshudeni ukuze zikwazi ukukhetha imikhakha ezizoyenza.
Uthe kuzosuka manje ukuthembela kwabezokugcinwa komthetho kodwa kuthenjelwe emphakathini ekwenzeni okudingekayo ukuze kuvikelwe abantu.
Uthe kuzosungulwa ithimba elizoqhamuka nezisombululo ekulweni nalesi sihlava kulo masipala.
Uthe kuzothi uma sekuphothuliwe konke lokhu bese ukungenela kuyavulwa ngoLwesithathu oluzayo ngoDisemba 1 kuze kuvalwe ngoJanuwari 31.
Uthe kuzothunyelwa amaphasela okudla awu-250 000 emasontweni amabili azayo.
Uthe kuzovulwa ibhidi yalabo abafuna ukuzikhiqizela ugesi ngokuzimela ama-Independent Power Producers (IPPs) ukuze kuqedelwe izinhlelo eziwu-window 4.
Uthe kuzovunyelwa amabhasi azohambisa abantu abaya emsebenzini ethathwa njengebucayi, nahambisa abaya emsebenzini nalabo abaya ezibhedlela.
Uthe kuzovunyelwa isibalo esithile sabazothamela umcimbi bukhoma kodwa abanye bazowubona kuMzansi Magic lapho ozosakazwa khona.
Uthe kuzo zonke izifundazwe izibalo zenyukile kodwa izifundazwe ezihamba phambili yiNorthen Cape, khona zenyuke ngo-68% ezinsukwini eziyisikhombisa, eGauteng zenyuke ngo-63%, eLimpopo ngo-47%, eNorth West zenyuke ngo-42% kuthi eWestern Cape zenyuke ngo-39%.
Uthe kuzo zonke izindawo abazihambele bekhangisa ngomcimbi likhulu isasasa kubantu.
Uthe kuzo zonke izindawo ezingenawo amanzi umkhandlu usuthumele amaloli aletha amanzi, ukuqinisekisa ukuthi umphakathi kulezo zindawo uyawathola amanzi.
Uthe kwa-Assupol bayemukela incazelo abanikeza yona ehambisana nencwadi ephuma eMnyangweni wezaseKhaya kodwa omunye umshwalense wathi ufuna isitifiketi esiwungqo.
Uthe kwaba khona nokumsola ekomitini lezezimali ukuthi wayemgxeka kakhulu owayengusihlalo webhodi le-SAA uNkk Dudu Myeni.
Uthe kwabakubonile ngukuthi i-EFF ingakwazi ukumangalela i-ANC.
Uthe kwabalimele bekukhona nowesilisa obevaleleke ngaphakathi etekisini okudingeke ukuthi ithimba labatakuli, abezimo eziphuthumayo namaphoyisa basebenzise izindlawu bemtakula.
Uthe kwabalimele kubalwa nengane eneminyaka emithathu, ephuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane isesimeni esibucayi.
Uthe kwaba nemihlangano eminingi ngaphambi kokuba abulawe umufi. Le mihlangano uthe yayiba yinjwayelo uma kukhona ekumele agudluzwe (abulawe).
Uthe kwaba nemizamo yokuba amiswe kodwa yangaphumelela, kunalokho iqembu laxolisa.
Uthe kwaba nomhlangano ngokubulawa kukaNdovela, ngakusasa esebuya emsebenzini wezwa kuthiwa ubulewe esenkantolo.
Uthe kwabanye izinga lokushisa liba sesimweni esikahle kodwa uthole ukuthi banayo, okwenza kube nzima ukubona umuntu osethelelekile ngokuhlola izinga lokushisa.
Uthe kwabanye kuqala kancane kancane ngokuthi bakwazi ukuzwa uma bekhuluma nomuntu oyedwa kodwa babe nenkinga uma umuntu ekhuluma nabo kukhona abanye abantu abakhulumayo.
Uthe kwaba nzima etshelwa ngesimo sakhe kodwa ukuba nomndeni omesekayo kumsizile. Ngaphandle kwale nkinga yokungabi nanzalo, konke okunye uthi kufana nowesifazane ngisho imizwa yakhe.
Uthe kwaba nzima ukukholwa wukuthi owayeyishende lakhe angenza into efana nalena ngoba wayezenza umuntu owayezithanda izingane zakhe.
Uthe kwaba nzima ukuzikhokhela kudokotela ngenxa yokuthi kuyabiza ukulungisa isikhumba. UDkt Rouscher wambuza ukuthi kunganjani basebenze naye enhlanganweni yokusiza abanezibazi njengaye, wavuma.
Uthe kwabaphatha kabi futhi ukuthi uMotlanthe abize amakhosi ngamabhodwe kathayela angondlovukayiphendulwa emakhaya.
Uthe kwabasebenzisa ama-computer asemsebenzini kuhle baphume ngendlela evikelekile uma beqeda ukusebenza.
Uthe kwabashonile kunabawu 58 baseWestern Cape, abangu 29 baseNorth West, abalishumi baseKZN; abayisishiyagalombili base-Eastern Cape nabathathu baseNorthern Cape.
Uthe kwabathusa futhi ukuthi ngesikhathi beboshiwe ngeledlule esiteshini samaphoyisa eDurban Central ngemuva kombhikisho, bezwa elinye iphoyisa lithi uthe uCele ufuna inombolo yecala.
Uthe kwaba ukungaboni ngaso linye okwenzeka kunoma ngubani kodwa manje sebebuyisene.
Uthe kwaba yinhlanhla nje ukuthi indlu ingashi nesidumbu sikamufi.
Uthe kwabazokwenza bazobeka intsha phambili ngoba ayinakiwe, ikhunjulwa uma sekufunwa ivoti.
Uthe kwabhoboka ithumba ngokwenziwa wumgilwa ngesikhathi kuxabana izingane ezimbili ezingabagilwa.
Uthe kwabona bewumndeni bahlalele ovalweni ngoba abazi ukuthi laba bantu ababesonga bacabangani futhi bangabuya nini.
Uthe kwafika kwavela lapho ukuthi washona ngo-2018 kulandela ukugula.
Uthe kwafika udokotela osekhululile waxilonga ingane wabe esethi uzoyihlinza badonse udoti ethumbeni.
Uthe kwahlalwa phansi emhlanganweni wabazali kubhungwa ngodaba lwama-toilet paper kwavunyelwana ngokuthi abazali abaphonse itshe esivivaneni ukuze kutholakale ama-toilet paper.
Uthe kwahlula ngisho eseveza ubufakazi bokuthi ubizwe yibona.
Uthe kwakhona ukuthola ukuthi umuntu unalesi sifo akuyona into elula ngoba ukuhlolwa okujwayelekile kwamathe akukhombisi kahle.
Uthe kwakhona ukuvula phakathi nezinsuku kusukela ngoMsombuluko kube ngoLwesine bekungabasizi bona ngoba abantu basuke bengekho phakathi nezinsuku.
Uthe kwakucacela noma wubani ukuthi uMengameli wakhuluma iqiniso ePhalamende ngolwazi ayenalo ngesikhathi ephendula futhi yingakho ethe uma esethola eminye imininingwane wazisa iPhalamende.“Amaqembu aphikisayo kufanele ayeke ukuthanda ukubukwa.”
Uthe kwakufanele ngamaSonto ehle enyuka esebenza emicimbini. "Kulokhu kwehla enyuka emicimbini kwamenza wafika ekhaya ekhathele efuna ukucambalala. Kwaba nokuthize okungamphethe kahle esifubeni. Umkakhe wamyisa emotweni ngenhloso yokumphuthumisa esibhedlela kodwa wagcina engafikanga ngoba washonela endleleni. Sekuwumkhokha."
Uthe kwakukhona omunye udokotela owayemsiza ngokubhala phansi ayekuhlola, abasebenzi bezempilo namaphoyisa ngesikhathi enza ukuhlola lwakhe.
Uthe kwakumele afe ngosuku ayethelwe ngalo kodwa akazi ukuthi wasinda kanjani. Ngenxa yokuzenyeza ngezibazi zakhe, wakhuluma nomunye umngani wamyalela udokotela wesikhumba eMhlanga.
Uthe kwakumele bagibele itekisi besuka eMehlomane beya eMkhuze kudokotela. Uthe bakholwa ukuthi wacela ukugitsheliswa kwenye yezimoto ezaziya ngakhona okuyinhlalayenza. “Samthinta emuva kwehora leshumi ekuseni sifuna ukuzwa ukuthi bahambe kanjani nengane kodwa sangamthola, ucingo lwakhe lwalungena kwi-voicemail. Sivukele emagumbini kadokotela sathola ukuthi abazanga bafike kwakhona,” kusho uNkk Khumalo.
Uthe kwakumele baziswe ukuthi baduduliwe ukuze bazazi ukuthi ngeke bazibhale zonke izifundo.
Uthe kwakumele kube nguyena umholi wamaNazaretha aseKuphakameni kodwa ukuthwala kanzima kwamphoqa ukuthi afulathele ikhaya ngoba kwakukhona okwakusina kumjeqeza.
Uthe kwakumele kwehliswe isibalo songqongqoshe kwiKhabhinethi, kungandiswa amaphini ongqongqoshe. Uthe kumele avunyelwe uMvikeli woMphakathi ukuthi aphothule uphenyo ngomnikelo uRamaphosa awuthola kwiBosasa.
Uthe kwakumele ngabe wangena enyuvesi ngo-2013 kodwa waze wangena ngo-2014 ngenxa yokuswela imali.
Uthe kwakunabanye ababethi umdlalo uzophela ngemuva kweziqephu ezintathu kodwa ngenxa yokwesekwa, ngemuva kweminyaka emine iSABC yanquma ukuthi badlale izinsuku ezimbili ngeSonto.
Uthe kwakuneselula etafuleni likamufi, okwatholakala ukuthi ekamsolwa, kwakunesikhwama esiluhlaza embhedeni kamufi owawungandluliwe.
Uthe kwakungaphezu kwamandla akhe wathi akaye esibhedlela.
Uthe kwakungasikhona okokuqala ebona umufi ephethe isibhamu.
Uthe kwakungcono ngesikhathi umkhankaso usaphethwe wu-Owen Ndlovu ngoba umculi wayethola u-R150 000 nemoto yakwaKia. Umacekeceke wemoto nemali kwakukhona ngesikhathi uMroza ehlukanisa unyaka ngengoma yakhe ethi Elamanqamu eyaduma ngoVan Damme, emuva kwalokho kwaphela.
Uthe kwakungelula ukuba ayobona unina esibhedlela kodwa kwakuphoqeleka ukuba udokotela amshushumbise ngenxa yokusabela ukubhebhetheka kwesifo seCorona.
Uthe kwakungelula ukuba ingoma kamaskandi ehlukanisa unyaka ngoba kwakungakaze kwenzeka ngaphambilini.
Uthe kwakunowesifazane egumbini okwabulawa kulo umufi, owayekhala kakhulu.
Uthe kwakunzima ukuphila kubona ngoba wake wabizewa emhlanganweni nephoyisa athe liyingozi uMnuz Nkosana “Killer” Ximba.
Uthe kwakuthi uma ebingelelana nabesilisa emcimbini uMampintsha avukwe isikhwele esiyisimanga.
Uthe kwakuwuLwesine ngesikhathi ethola ucingo, kwathiwa imiphumela uzoyithola emuva kwamahora awu-24. Kwathi ngeSonto eselungiselela ukuya ekhaya wathola umyalezo ovela kwaLancet lapho ayehlolwe khona umazisa ukuthi imiphumela yakhe iveza ukuthi uneCovid-19.
Uthe kwakuwu-Okthoba 4, indodana yakhe nabangani bayo bedlala ekhaya ngesikhathi edalula le mfihlo.
Uthe kwakuxhunywana ngokuthi kushayelwe ucingo isitolo esisendaweni bese kushiywa umyalezo wokuthi kumele aye enyuvesi. Ngenxa yokuthi kwakukude nakubo baze bamtshela sesidlulile isikhathi esasibekiwe. Wabe eseyofundela ubuthisha.
Uthe kwakuyipulazi kodwa uyazi ukuthi indawo yadayiselwa umndeni wakwaNyari.
Uthe kwalandelwa konke, kwalethwa nezincwadi zokugula kukaZuma kodwa ikomiti lamchitha, kwaze kube kungenelela yena.
Uthe kwala ngisho eseyisabisa ngokuthi uzoyilanda namaphoyisa kwaDube kodwa ayizange ifune ukubuya.
Uthe kwamanye amazwe bakwenzile lokhu kwabasiza. Ubale iMelbourne e-Australia no-Israel njengezinye izindawo ezikwenzile lokhu kwaphumelela.
Uthe KwaMax bekukhona abantu abawu 5 500, kwakhandwa uR900 000, kwadaleka amathuba omsebenzi awu-200.
Uthe kwaMax nase-Artizen ingqalasizinda ikhona ngeke kuqhathaniswe naseBeach Front lapho kungekho lutho.
Uthe kwammangaza indlela indodana yabo eyayifana ngayo noZuma.
Uthe kwamphatha kabuhlungu ukufeyila uGrade 11 ngo-2014, waze waqoka ukuyeka isikole ahambe ayosebenza.
Uthe kwamsiza naye ukuthi amukele ukuthi ingane yakhe ihlukile. Yize ithatha kancane esikoleni kodwa uthe inekhono eliyisimanga lokupheka nokucwala izinzipho. Uveza ukuthi ngokujwayelekile izingane ezinale nkinga ziba nesinye isiphiwo esihambisana nethalente. Abazali kumele babheke leso siphiwo bese besiza ingane ukuze sigqame.
Uthe kwamthatha izinyanga ezimbilili ukulidayisa liphele kodwa lazala amanye amabili. Uthi ibhizinisi lase liqala lishesha nabantu sebemazi, ikakhulukazi erenke.
Uthe kwamthusa ukukhushulwa kwesigaba sokucinywa kukagesi kwafinyelela esigabeni sesithupha ngoMsombuluko.
Uthe kwamxaka lokhu ngoba izingoma zakhe uyazicula.
Uthe kwandile ubugebengu ngoba muva nje kugqekezwa nemizi yabantu, kwebiwe nezimoto.
Uthe kwangena iqulu labantu befuna amathayi emzini wakhe. Uveze ukuthi waphuma wazithela ephoyiseni elamnikiza ngezinhlamvu zenjoloba.
Uthe kwanina walezi zingane uhlukumezekile kakhulu yingakho engakaze ayikhulume lento esivela manje.
Uthe kwaphinde kwantshontshwa ezinye eziwu-30, eziyisikhombisa kuzo zabuye zatholakala, nakhona kuthiwa kwavela igama lalo, okwagcina ngokuthi libe yinkukhu nempaka nomufi.
Uthe kwaqala kwafika abakwamasipala bezobheka indawo, bakhala ngokuthi inamanzi kakhulu futhi bazoze bagule babe ne-sinus. Uthi emuva kwalokho, kube sekufika le nkampani.
Uthe kwaqala lopho ukungezwani phakathi kwakhe nezinye izikhulu zale nkampani nongqongqoshe bangaleso sikhathi.
Uthe kwaqala ukuthi kube nomehluko ngo-2016 esethola ukuthi kanti angafaka namaphepha. Ngelinye ilanga wahamba nothishomkhulu wesikole beye emcimbini wabawinile sebeyothola izindondo.
Uthe kwaqhuma isililo koninalume womgilwa efika ebazekela ngokumehlele.
Uthe kwaqokwa inkampani engafenele kwathi uma isihlulekile ukwenza umsebenzi kwalethwa umphenyi owakhokhelwa uR3.6 million.
Uthe kwase kuphele unyaka ayekade esehlukene nesoka lakhe anezingane ezimbili nalo. Lalilokhu limncenga ukuthi babuyelane. Yize indoda eyaboshwa yamusho owayeyithumile, uNksz Gumede uthe aliboshwanga isoka ngenxa yokushoda kobufakazi. Uthe namanje abaxhumani nalo kodwa wanquma ukuqhubeka nempilo azondlele nezingane.
Uthe kwasekuqaleni ngaphambi kokuthi basungule iqembu ubuholi bendabuko babuyingxenye enkulu nokuyikho okwenze ukuthi bakubone kubalulekile ukuthi bazisondeze noma sekuyiwa okhethweni oluzayo. Uqhube wathi bayafisa nokuthi bazifake izinduna kusomqulu wezithembiso zokhetho.
Uthe kwasha izingubo eziningi zokulala, imibhede, amakhabethe, izitsha amabhodwe nezingubo zabazukulu.
Uthe KwaShembe batholana nomunye umlisa obehamba ngeBMW eluhlaza okwesibhakabhaka, wathi uzobahambisa ekhaya. UNksz Bhengu uthe lo mlisa wayehamba nomunye wesilisa, bobabili angabazi amagama abo.
Uthe kwasiza amaphoyisa afika ngendiza enophephela emhlane ngoba kwakungahambeki emigwaqeni, ivaliwe.
Uthe kwasizathu sokuthi uJani Makhubele angabi khona kwikhomishini akasizwa kahle,wamtshela ukuthi akeze azovela kule khomishini angalokhu ebachithela isikhathi.
Uthe kwathatha isikhathi esincane ukuthi Inkatha ikhule ibe namalungu ayizigidi kusukela eWitwatersrand kuya KwaZulu-Natal.
Uthe kwathi eselulama futhi esekulungele ukubuyela kwiSibaya, kwavele kwaqubuka iCovid-19, kwathiwa ngeke kulunge ehle enyuka ngezindiza ngoba impilo yakhe isengcupheni. Ubhuquze ekhaya kwaze kwaba uyabeletha. Namanje uthi ubengakawutholi umsebenzi yize esekulungele ukubuyela ekulingiseni.