input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uthe kuyabajabulisa ukuthi ubudlelwane bezwe laseCuba nelakuleli bubonakala buqhubeka nokuthela izithelo ezinhle njengoba kunenqwaba yodokotela baKwaZulu-Natal, abaqeqeshwa kwalaseCuba.
|
Uthe kuyabakhathaza kakhulu ukubona abantu bephila ngaphansi kwalesi simo futhi besebenzisa izindlu zangasese zalolu hlobo.
|
Uthe kuyabakhathaza nokuthi izitshudeni azilutholi uxhaso lokuthi bathole izindawo zokuhlala.
|
Uthe kuyabakhathaza ukulimazana kwabafundi esikoleni. Ukhale ngokuthi abafundi bagwema izingozi emgwaqweni ukuze bafike esikoleni bephephile bese kuba yibo abagcina belimazana.
|
Uthe kuyabakhathaza ukuthi ubuholi besifundazwe bulokhu buqhubeka nokwenza izinkulumo ezisusa uhlevane njengokuthi ubuholi besifundazwe ngeke buze behlele ngezansi esiphakamisweni samagatsha sokuthi kubuyiswe imeya emsebenzini.
|
Uthe kuyabakhathaza ukuthi umkhandlu usebenzisa imali eningi ezintweni ezingangeni ngaphansi komsebenzi wawo.
|
Uthe kuyabakhuthaza ukuthi emuva kweminyaka emibili uMaphumulo abulawa kodwa amaqabane asaphuma ukuzoseka umndeni.
|
Uthe kuyabathokozisa ukubona abantu bejabulela lolu hlobo lomculo nabo njengamaciko abese-UK, nokuyikhaya kubantu abaningi base-Afrika.
|
Uthe kuyabaxaka ukuthi inyuvesi iqhubeke nezinhlelo zayo ekubeni kunezitshudeni ezingu-3000 ezibuyiselwe emakhaya ngoba zingekho izindawo zokuhlala, ezinye zazo ezisebenzisa izindawo zokuhlala okungezona ezenyuvesi, azikhokhelilwe.
|
Uthe kuyacaca ukuthi eNingizimu Afrika kusebenza imali, uma ungenayo uyacindezeleka.
|
Uthe kuyacaca ukuthi kunepolitiki phakathi ukudedelwa kukaZuma.
|
Uthe kuyacaca ukuthi kuningi okufanele kwenziwe ukufundisa abantu ngeHIV uma ungqongqoshe ekwazi ukukhuluma kanjena.
|
Uthe kuyacaca ukuthi oMapaila noHanekom babengasebenzi bodwa kodwa babeholwa ngothile.
|
Uthe kuyadabukisa okwenzeke ePhoenix. Ukhale ngokuthi kubonakala sengathi kukhona abadonsa izinyawo uma kukhulunywa ngalolu daba.
|
Uthe kuyadabukisa ukuthi nalapho okutshwalwe khona onogada, izinswelaboya ziyababulala emva kwalokho zintshontshe ezikoleni.
|
Uthe kuyadingingeka ukuthi ibukisiswe indaba yokusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala, ngoba okunye okunomthelela ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane.
|
Uthe kuyadumaza futhi kubi ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bagijimela ukuhlasela abanye, nokubehlisa isithunzi ngezinsolo abangenabo ubufakazi bazo.
|
Uthe kuyadumaza ukuthi ingozi enyantisayo yenzeke ngemva kwempelasonto yePhasika lapho kubhubhe khona abantu abangu-54 ezingozini zomgwaqo KwaZulu-Natal.
|
Uthe kuyadumaza ukuthi kukhona amakhansela e-ANC asebenzise amaphasela okudla ezincengela kobhululu bawo, abasemagatsheni nalaba abancenge kubona ukuba babavotele babuyele ezikhundleni. Uthe lokhu kufana ncamashi nokuphuca abampofu iqatha emlonyeni.
|
Uthe kuyadumaza ukuthi ngesikhathi senkululeko kusenabantu abakholelwa ekulungiseni inkinga ngokuthi babulale.
|
Uthe kuyadumaza ukuthi ukwebiwa kwamakhebuli osekuthanda ukuba yinsakavukela, amanye amalungu omphakathi asuke enolwazi ngalesi sihlava kodwa abe manqika ukuhlaba umkhosi.
|
Uthe kuyadumaza ukwenzeka kwalesi sehlo kade bematasa nemikhakhaso yokuvikela abesifazane.
|
Uthe kuyahambeka ngezinyawo ukuya esikoleni, uDineo uyamphelezela ekuseni aphinde amhlangabeze ntambama.
|
Uthe kuyajabulisa nokubona lonke uhlu lwabaculi abazohlonishwa kulo mcimbi njengoba benze kahle kakhulu ezingomeni zabo abaqokwe ngazo kulo mcimbi kanjalo nama-albhamu abo.
|
Uthe kuyajabulisa ukuthi uhlelo lokugoma luyaqalwa yize lufike sebelahlelekwe inqwaba yamaphoyisa abulawe yilolu bhubhane.
|
Uthe kuyakhathaza ukuthi iGauteng iyona ezihola phambili ngezibalo wathi nezibalo zabangaphezulu kuka-13 000 abahaqekile ngosuku olulodwa kuleli ziyashaqisa.
|
Uthe kuyakhathaza ukuthi izifunda ezine kulesi sifundazwe yizo ezinezinombolo eziphezulu. Lezi zifunda uthe iKing Cetshwayo, Thekwini, Mgungundlovu namaJuba.
|
Uthe kuyakhathaza ukuthi izingane ezingaphansi kuka-10 ziyakhulelwa wathi lokhu kukhulelwa kwazo kusabalalisa negciwane ingculazi.
|
Uthe kuyakhathaza ukuthi kukhona labo basebenzi abangawulandeli lo mgomo okusho ukuthi kukhona abangawenzi umsebenzi wabo.
|
Uthe kuyamangaza nokuthi sekuze kwakhishwa lo mbiko bona bengakaze bathintwe ngawo.
|
Uthe kuyamangaza ukuthi abantu abaningi bayazifela ngoBrutus kusukela kubantu abasha kuya kwizalukazi namakhehla.
|
Uthe kuyamangaza ukuthi azikapheli nezinsuku eziwu- 100 esehhovisi kodwa sekukhona izinto ezivelayo ehhovisi lakhe.
|
Uthe kuyamangaza ukuthi eqenjini lakhe kunabadlali asebebuya ngisho kweyamanqamu eCAF kodwa okusamele abafundise izinto zabafana abancane.
|
Uthe kuyamangaza ukuthi esimeni lapho umnotho ushona phansi okufanele ngabe omasipala babopha izifociya, kodwa kunalokho bakhetha ukukhuphulela amakhansela nezimeya imali.
|
Uthe kuyamangaza ukuthi umbuso usebenzisa izinsiza zawo, uchithe nezigidi zezimali ukuthola ubufakazi bezinto ezenzeka eminyakeni eminingi edlule.
|
Uthe kuyamdida ukuthi uma izinto zingahambi kahle kuphunywe naye iqhubu, abalandeli bagxeke yena.
|
Uthe kuyamehlula ukuhlala asonge izandla ekubeni izitshudeni zithwele kanzima. Uthe usazodla amathambo engqondo abone ukuthi uzoya yini kwezinye izikhungo ayobeseka.
|
Uthe kuyamethusa ukugqekezwa kwezikole kuntshontshwe izinsiza zokuzivikela kwi-Covid-19 ekubeni izikole sezizovulwa maduzane nje.
|
Uthe kuyamhlukumeza ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane futhi yinto okumele kuliwe nayo hhayi unyaka wonke, hhayi futhi kuphela ngezinsuku ezingu-16 zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
|
Uthe kuyamhlukumeza ukwazi ukuthi indodakazi yakhe ishone ilwa nendoda eyihlukumezile yayibulala.
|
Uthe kuyamjabulisa okumehlele, ukwenza into ethandwa ngabantu njengamanje futhi ayizwa ngaphakathi.
|
Uthe kuyamjabulisa ukubona umculo wegqom’ udlondlobala.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuqokwa ngoba kukhombisa ukuthi abantu bayawubona umsebenzi awenzile.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuthi abantu bayayithakasela ingoma yakhe yize ayengahlelile ukukhipha umculo omusha ngoba wayesaphusha i-albhamu yakhe endala i-All About Love.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuthi abantwana babe yingxenye yesisombululo sezinto kunokuba babe yinkinga.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuthi ekugcineni uzobonakala kuZalo nokuyinto ayeyifisa kusukela umdlalo uqala.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuthola lezi ziqu ikakhulu ngoba ungudokotela wokuqala kubo kwaKananda.
|
Uthe kuyamjabulisa ukuzwa ngefilimu ezoqhakambisa umlando waleli qembu elashisa izikhotha ngeminyaka
|
Uthe kuyamjabulisa yize eke waba kweminye imidlalo angagqamanga kuyo.
|
Uthe kuyamkhathaza ukuboswha kosopolitiki, wathi balinda uphenyo luze luphothulwe.
|
Uthe kuyamkhathaza ukulokhu ezoduduza kushona abasebenzi bakhe njengoba kusanda kushona abanye ababili emasontweni amabili edlule. Kulezi zigameko kubalwa unesi waKwaMashu owadutshulwa emtholampilo e-Oakford, eVerulam.
|
Uthe kuyamkhathaza ukuthi abantu bacabanga ukuthi izangoma azikholelwa kuNkulunkulu kanti yena akawuqali umsebenzi engathandazanga. Uveze ukuthi uyilungu lebandla lamaKhatholika futhi uyaya ngisho esontweni, nebandla alinankinga nobungoma bakhe. Uthe uyise waqala waba yisangoma wabuye waba ngumfundisi eZayoni.
|
Uthe kuyamkhathaza ukuthi baseyidlanzana abamnyama abathenga izindawo kule ndawo yabadla izambane likapondo.
|
Uthe kuyammangaza ukuthi umuntu angathenga kanjani umuzi ezinganeni ngaphandle kokuthi kube namaphepha asemthethweni, achaza ubufakazi bokunikazi bomuzi.
|
Uthe kuyamsiza ukuthi adlale izindawo zabantu abahlukene ngoba kubonisa amava akhe njengomlingisi.
|
Uthe kuyamsiza ukuthi ungumam'Mfundisi ngoba uyakwazi ukuxhumana nabantu abasha nokulalela izinkinga zabo.
|
Uthe kuyamthokozisa ukuthola usizo olukhulu kangaka. Noma ebebukeka ejabulile kodwa ubuye wazisola yena uqobo ngokwahluleka ukwakhela umndeni wakhe umuzi.
|
Uthe kuyamxaka lokhu ngoba umzukulu wakhe akakaze afeyile uqale ukufeyila esekaGrade11, okuchaza ukuthi uyefana nezinye izingane akadingi ukufunda esikoleni sabafundi abadinga ukunakekelwa okwengeziwe.
|
Uthe kuyamxaka ukuthi kungani uZuma kumthathe iminyaka emithathu ukuzwakalisa isikhalo ngokubekwa kwakhe njengoSihlalo weKhomishini.
|
Uthe kuyaphenywa futhi ukuthi ayithinteki yini emacaleni okubanjwa kwenkunzi eMlaza.
|
Uthe kuyaphenywa ngalesi sigameko kanti bekungakaboshwa muntu.
|
Uthe kuyaphoxa ukuthi kunabantu abafuna ukwakha sithombe sokuthi kunenhlese yokukhwabanisa emnyangweni.
|
Uthe kuyaphoxa ukuthi kunezindawo okusathwalwa kuzo abesifazane. “Kusenezindawo lapho abesifazane bethathwa beyoganiswa, bashiye isikole. Iningi labo kuba yizingane ezisuka esikoleni. Ngesinye isikhathi lokhu kusuke kwenziwa ngabazali ngoba behlaselwe yindlala, befuna ukuba ingane iyogana komunye umuzi ongcono. Zonke lezo zinto siyazigxeka futhi ngiyalwa nazo. Sisebenzisana nabo ubuholi bendabuko namaphoyisa ukuqeda lokhu. Abakwenzayo kumele sibabophe,” kusho uNkk Nkonyeni.
|
Uthe kuyaqala lokhu okubehlele endaweni ngoba noma kwenzeka kuye kube inkomo eyodwa futhi kujwayeleke emupalazini abelungu.
|
Uthe kuyaqala ukuthi kuboshwe umuntu obengumengameli wezwe wathi kodwa uzenzile akakhalelwa.
|
Uthe kuyaqala ukuthi kuhlasele lo mkhuhlane e-Eastern Cape kodwa wake wahlasela eminyakeni emithathu edlule eMpumalanga, Free State, Northern Cape, North West naseGauteng.
|
Uthe kuyaqapheleka ukuthi imimoya iphakame kakhulu ezifundazweni ezintathu abale kuzo i-KwaZulu-Natal, Gauteng neWestern Cape wathi sebebe nemihlangano eminingi behlela ukubhekana nalesi simo, wathi ngoLwesibili i-cluster izohlangana nabe-Independent Electoral Commission (IEC) ukubhunga ngalokhu.
|
Uthe kuyathusa ukuthi abaphathi balesi sibhedlela bathule bathini ngalokhu.
|
Uthe kuyathusa ukuzwa ukuthi kukhona ososeshini abanyuse imali.
|
Uthe kuyaxaka ukuthi uMkhwebane akahambisani nesicelo sikaRamaphosa sokumisa izinyathelo aziphakamisile kuze kube kuphuma isinqumo enkantolo ngombiko kaGordharn odlulisiwe ngoba kweminye imibiko uyakuvumela lokhu.
|
Uthe kuye kubukeke kunzima ukusungula ibhizinisi kodwa kufanele baqhubeke kulo mkhakha bawasebenzise namathuba abanikwa wona.
|
Uthe kuye kuphinde kwaba yinto enhle ukuba yingxenye yale nhlangano futhi uzosebenza kanzima, leli thuba uzolibamba ngazo zombili.
|
Uthe kuye kwakhuthaza futhi ukuthola ukuthi i-Oxford University eBritain, isiqhamuke nekhambi elingakwazi ukuthi lisetshenziswe ekulweni naleli gciwane, wathi ngenhlanhla kunenkampani kuleli engakwazi ukuthi ilisabalalise ngokubambisana noMnyango wezeMpilo.
|
Uthe kuyena isibalo sezingane zakhe sisesincane, ubefisa ukuthi ngabe manje sesiphindwe kabili.
|
Uthe kuyenzeka kube nempikiswano phakathi kukahulumeni nezinyunyana uma kukhulunywa ngezinye izinto, kodwa odabeni lokuthi kumele kuvuselelwe umnotho, kuyavunyelwana ngokuthi yinto okumele yenziwe futhi yenziwe ngokushesha.
|
Uthe kuyenzeka kuthathe isikhathi eside ukukhishwa kwezimvume zokusebenza kodwa lokhu kuya ngokuthi umnikazi wetekisi uyithumele yonke yini imininingwane edingekayo.
|
Uthe kuyenzeka kwesinye isikhathi njengoKlebe, balekelele iSpecial Investigating Unit (SIU) ophenyweni lwayo, njengoba kwenzeka nasodabeni oluthinta uPhahlane.
|
Uthe kuyenzeka ngesinye isikhathi umndeni wakhe unikezwe izilayisi ezine zesinkwa nesobho eliba wuhhafu wenkomishi.
|
Uthe kuyenzeka ukuthi ukushisa kunyuke ngenxa yokuthi umfundi ubegijima kusazobuye kwehle kodwa ngenxa yokuthi sekuyabhalwa asibikhona isikhathi sokumlinda aphole.
|
Uthe kuyenzeka umuntu aboleke uR50 000 bese ebambisa ngemoto kanti inzalo yawo iba nguR20 000 kodwa uma ehluleka ukuyikhokha iyanda bese kudliwa imoto. Uqhube wathi uR10 000 uzala uR4000 bese uR20 000 uzale uR8 000.
|
Uthe kuyethusa ukuthi amaphoyisa awakabophi noyedwa emacaleni okubulawa kwabantu abaziwayo emphakathini kuleli.
|
Uthe kuye ukulingisa kwithelevishini kuhamba phambili yize esebonakale kakhulu emidlalweni yeshashalazi.
|
Uthe kuye uPro uyohlala eyinkosi ye-hip hop.
|
Uthe kuyicala ukubanjwa kwemiphumela yabafundi, kuphambene nomthetho ngakho uma kunomuntu okwenzayo kusho ukuthi ubukela phansi umthetho wezemfundo.
|
Uthe kuyihlazo ukuthi elakuleli elineligi okuthiwa ithathwa njengesezingeni eliphezulu, lagcina ngo-1996 ukunqoba lo mqhudelwano ozodlalwa amazwe awu-24 ngonyaka ozayo.
|
Uthe kuyihlazo ukuthi iSasco ayisaphethe eDUT sekubusa i-EFF Student Command.
|
Uthe kuyihlazo ukuthi kunyuswe imali yeqolo ngoR10.
|
Uthe kuyilungelo lawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukufunda futhi naye uke wafundisa ejele.
|
Uthe kuyimanje akasabulokothi, kunalokho uphuza amanzi afudumele.
|
Uthe kuyimanje babamba bayayeka, abazi ukuthi kumele baziqhube kanjani izinhlelo zomngcwabo njengoba bebematasa bezama ukulungisa iphutha elenzekile ngenxa yesidumbu okungesiso esikamfowabo abacishe basingcwatshelwa yinkampani yabangcwabi abebeyikhokhela.
|
Uthe kuyimanje bahlele ukuthi batshale amalungu abo kuzo zonke izifunda kuleli ezizokwenza isiqiniseko sokuthi okushiwo uNkk Motshekga kuyenzeka ngaphambi kokuthi kuvulwe izikole.
|
Uthe kuyimanje bamatasa nokuhlangana nentsha efuna ukuba yingxenye yalolu hlelo nabathemba ukuthi izojabulisa ababukeli balolu hlelo.
|
Uthe kuyimanje ingoma yabo yakamuva iHa Omorata eshaya ngesigqi samapiano ngeyabantu abasha. Kuyona bapike uMr JazziQ, Mpura, Lady Du, FakeLove, Kevi Kev, Mellow noSleazy.
|
Uthe kuyimanje izwe libhene nenkinga yeCovid-19 lapho abantu beqhubeka nokubulawa yilesi sifo.
|
Uthe kuyimanje kukhona abantu abaneHIV abasabayo ukuyolanda imishanguzo yabo futhi bazosaba kakhulu uma sebezwa ungqongqoshe ethi baneHIV ngenxa yokuthi abaziphethe kahle.
|
Uthe kuyimanje lowo thisha wamiswa esikoleni futhi uphenyo ngalolu daba luyaqhubeka.
|
Uthe kuyimanje uninakhulu usesaba ngisho ukuphumela phandle, useyamesaba kwalo somabhizinisi ngendlela amenzele phansi ngayo.
|
Uthe kuyimanje usephenduke inhlekisa endaweni ngokwenziwa isilima ngowesilisa athi ubemethemba futhi sekuphele iminyaka eyisikhombisa bethandana.
|
Uthe kuyimvela kancane ukuthola le ndondo.
|
Uthe kuyinto ejwayelekile ukuthi uma kukhona uhlelo olufana nalolu kube khona abanganeme ngoba bayazi ukuthi ukuba phambili ohlwini kukubeka esimeni sokuthi kube khona okucoshayo uma kwenzeka ungena ePhalamende.
|
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.