input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
Uveze ukuthi ziphelile izinyanga ezintathu ababhekele ukuhlenga iSAA becelwa ukuthi beze nohlelo oluzohlenga inkampani. |
Uveze ukuthi ziwu 453 izipaza ezinemishini ye-A2Pay KwaZulu-Natal, zibe wu-1 500 ezweni jikelele. |
Uveze ukuthi ziyishumi izikhungo zemfundo eseziluphothulile uhlelo lokufunda lwanyakenye, ezingu-16 zizoluphothula maduze. |
Uveze ukuthi zonke izibhamu ezaqoqwa ziyahlolwa. Bangu-36 abantu okusatholakale ukuthi babulawa ePhoenix ngesikhathi kusuka izibhelu nokugcine sekumataniswa nenhlese yokucwasa ngokobuhlanga. |
Uveze ukuthi zonke izikhungo zokufundela ukushayela zizovalwa bese kuthi labo abanezincwadi ezizophelelwa yisikhathi kulezi zinsuku ezingu-21, banwetshelwe isikhathi bazivuselele uma sekuphele lesi sikhathi sokuvalwa kwezwe. |
Uveze uthi okwamanje usaqhuba imisebenzi yenkampani yakhe ezinze eThekwini lapho afudukela khona ngo-2014. |
Uvezile ukuthi akhona amazwe njengeCanada namanye asevumile ukufaka isandla ocwaningweni lweNingizimu Afrika. |
Uvezwe uPitso “Jingles” Mosimane esuka ezikwatini ezincane zaMatsatsantsa a Pitori. |
UVictor bekusaphele amasonto amabili ethathe izintambo kulolu hlelo obelushayelwa nguNtokozo Mabika. |
“UVictor kuthiwe akangene aze ayivale ngoMgqibelo enze uhlelo luka-10 kuya ku-2. Lolu lwangeSonto kwathiwa akaluyeke. NgeSonto ubengangeni kwangaba khona muntu emoyeni. Bekuze kunqamuke kungekho muntu. UPatrick umfonelile emcela ukuthi aphuthume emoyeni ngoba uhlala eduze. Kungenzeka ukuthi wakhohlwa ukufaka umuntu ozobamba.” |
UVictor Rose Junior owaduma kakhulu engumsakazi weGagasi FM waphinde wasebenza kwiVuma FM, uthe usehlukene nejiki. |
UVictor Sepana odlalela iBloemfontein Celtic, ube ngumshayimagoli ovelele ngamane. Esiwombeni sokuqala iNingizimu Afrika, ayidlalanga kahle. |
UVictor usole utshwala nokwehluleka wukwenza izinqumo eziphusile uma egajwe yibona ngokulahlekelwa wumsebenzi kwiVuma. |
UVikalazi usho lokhu emuva kokuthi uMnyango wezeziMali uveze ukuthi kawukaziqedi izinhlelo zokusungula ibhange likahulumeni jikelele yize sekuphele iminyaka ewu-10 uzama ukulakha. |
UVIKELA imenenja yeKaizer Chiefs, umqeqeshi wayo uSteve “Mphathi” Komphela, ebifunwa esitikini ngabalandeli emuva kokuthi Amakhosi ehlulwe yiChippa United eFNB Stadium, eNasrec ngoMgqibelo ntambama. |
UVIKELE ithimba labaqeqeshi nabadlali bakhe uManqoba “ TV” Mngqithi emuva kokuthi iMamelodi Sundowns iguqe ngo 1-0 yakhishwa yiBloemfontein Celtic kowe-quarter final yeMTN8 ngempelasonto. |
UVilakazi kwelulwa inkontileka yakhe nje ungomunye wabadlali abakhaliphile abenza izinto zenzeke uma iSundowns isibhekene nobunzima bokubhodloza udonga lwezitha. Ngaphandle kwalokho uyazi ukuthi kufanele enzeni uma esebhekene nezinti. |
UVilakazi, owayeyibambe kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana wayeyingxenye yeqembu le-Bafana eladlala kwi-2006 kwi-African Cup of Nation, e-Egypt. |
UVilakazi ubedlala kwiFree State Stars ngaphambi kokujoyina Usuthu. Lokhu kusho ukuthi ubedlala imidlalo yabakhaya neCeltic, eFree State. |
UVilakazi ube esephawula ngokuqhathwa kwabo neChiefs, wathi: “Sitonyulwe neqembu elinzima lapha kodwa akukho ukwenza ngokunye kumele sibhekane nayo. IChiefs idlale kahle kakhulu emaqoqweni nokufakazelwa wukuthola kwayo amaphuzu angu-18. Silindele umdlalo onzima kakhulu. Okuhle kakhulu futhi ngomdlalo wethu neChiefs wukuthi sizoya kuwona engekho osibhekile ukuthi kukhona esingakwenza. Ngicabanga ukuthi lokhu kuzosisebenzela kakhulu ngoba sizodlala ngaphandle kwengcindezi.” |
UVilakazi ubhekene nenselelo yabadlali okufanele babhale izivivinyo zokuphela konyaka. Lokhu kwenzeka ngesikhathi esibi lapho Usuthu lusanda kuqoqa amaphuzu amathathu okuqala esizini lwehlula omakhelwane, iLamontville Golden Arrows, ngempelasonto edlule. |
UVilakazi ukhathule indima ebonakalayo emidlalweni yokugcina yeSundowns egcine ngokuba ompetha be-Absa Premiership. |
UVilakazi ukusho lokhu ngaphambi kokuba amabombo bawabhekise eGqeberha lapho bezobhekana neChippa United ngeSonto ngo-10 ekuseni, eWolfson Stadium. |
UVilakazi ulimale ngo-Okthoba nyakenye eqakaleni. Ngokwemibiko bekungalindelekile ukuthi aphinde athinte ibhola kule sizini. |
UVilakazi, ulimale umsipha ongenhla kwesithende ngesikhathi iBafana idlala neSuperSport United kowokuzicijela eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations neSeychelles ngo-Okthoba nyakenye. Lokhu kushaye kwazwela kwiDowns kwazise uVilakazi ubesefomini ngaleso sikhathi. |
UVilakazi uthe ngaphandle kokuyeka amathuba kodwa benze namaphutha emuva. |
UVilakazi uwine isicoco seligi sesibli neSundowns ayijoyine ngo-2016 esuka kwiBidvest Wits. |
UVilane igama lakhe liyavela embikweni okhishwe wuphiko oluphenya ngenkohlakalo nokukhwabanisa emkhandlwini obeluphenya ngethenda yokwakhiwa kwamathoyilethi abenzelwa emiphakathi, akhiwa nasezikoleni ezindaweni okubalwa kuzo KwaXimba naKwaNyuswa. |
UVilane noMkhwanazi bathintiwe ngemibiko yokubuyela kwabo emsebenzini kodwa bathi bacela ukuthi bangaphenduli kodwa kubuzwe umqashi wabo nenyunyana ebamele odabeni lwabo. |
“UVilane noMkhwanazi bebenikwe ikhefu lezinyanga eziyisithupha ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo ngodaba lwabo. |
UVilane ubehlale eziphika lezi zinsolo, ephika nokuthi osonkontileka banyusa imali yomsebenzi. |
UVilane uke wadlala kuMaZulu FC eminyakeni edlule. Amanye amaqembu awadlalelile eminyakeni edlule, iMilford FC egijima kwi-ABC Motsepe League neRatchaburi Mitr Phol yaseThailand. |
UVilane uthe uyazisola ngesenzo sakhe, wengeza ngokuthi usazimisele ngokuqhubeka nomsebenzi wakhe wokuhambisa izidingo kubantu. |
UVilane uthe uzovuma ukuthi waba budedengu, wathi abakhokhelwe osonkontileka engazange aqinisekise ukuthi umsebenzi wenziwe ngempela yini. |
Uvimbe imidlalo emithathu yokuqala. Kowesine, iChiefs ebhaxabulwe kuwo yiRoyal AM ngo-4-1, uBaxter ubebophele uBrandon Petersen. Ngemuva kokungenelwa yile mbudlu yamagoli, umshintshile wafaka u-Akpeyi koweMarumo Gallants nabadlale kowo ngokulingana nakowaMaZulu. |
UVina Maphosa, okhulumela iChiefs, akayivumanga futhi akayiphikanga eyokumataniswa kukaQalinge naMakhosi. |
UVina Maphosa okhulumela iChiefs, ebuzwa izolo ukuthi uDax usefikile yini eqenjini, uthe: “Iqembu lakhe limemezele kwabezindaba ukuthi linesikhalo. Ngakho asizimisele ngokuliphendula kwabezindaba. |
UVina Maphosa okhulumela iChiefs, nguye ongene ezintangeni ngoKhune. |
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uphawule wathi ngalolu daba: "Umgomo weqembu uthi asiphawuli ngamahlebezi. Engikwaziyo wukuthi uSteve usewumqeqeshi weKaizer Chiefs. Noma kuthiwa kukhona into enjalo ibingakafinyeleli ezingeni lethu." |
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe bayakugxeka ukuhlukunyezwa kwabadlali. |
UVina Maphosa, okhulumela iChiefs, uthe indaba kaMalesela ibingakafiki ezindlebeni zakhe. Uthe usanda kubuya eNingizimu Afrika neChiefs ebiseBotswana ukuyozicijela ukuqala kwesizini ezothwasa maduze. |
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe usazobuza ngalolu daba. |
UVina Maphosa okwezokuxhumana kwiChiefs akakuvumanga futhi akakuphikanga okushiwo ngoNtshangase. Ushaye ngezimfushane wathi: “Okwenzeke ngesizini eyedlule, sekufana nomlando. Kulokhu okuthinta lowo obengumqeqeshi weqembu uSteve Komphela, ngizocela ukungaphawuli ngakho ngoba akaseyona ingxenye yeqembu." |
UVina Maphosa okwezokuxhumana kwiChiefs uthe bebememezela nje kuphela ngokusayinisa uManyama kodwa ngeke bayiveze imibandela yenkontileka. |
UVina Maphosa, okwezokuxhumana kwiChiefs utshele uzakwabo waleli phephandaba ukuthi kusazomenyezelwa abanye kanye nomqeqeshi. |
UVina Maphosa ophethe ezokuxhumana kwiChiefs kulukhuni satshe ukumthola kulezi zinsuku njengoba ekhala ngokuthi uphuma engena emihlanganweni. |
UVina Maphosa osophikweni lwezokuxhumana kwiChiefs uthe bazozwa kusasa ngoMsombuluko kodokotela ukuthi uManyama uzodlala yini ngoMgqibelo. |
UVina Maphosa uthe ubengakatshelwa ehhovisi ngodaba lukaBrockie. |
UVina Maphosa wezokuxhumana kuMakhosi uveze ukuthi akadlalanga kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi wayelimele. Nangempelasonto uphinde wangabonakala ngesikhathi iChiefs ithelwa othulini yiChippa United kwiPremier’s Cup eSisa Dukashe, e-East London, e-Eastern Cape. |
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs akazange atholakale kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa izolo. |
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ukhale ngokuthi ubuyela emsebenzi namuhla. |
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs uthe akanalo ulwazi ngodaba lukaLebese. Belukhala lungabanjwa ucingo lukaSteve Kapelischnik ophethe izindaba zikaLebese ebesifisa asikhanyisele. |
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs uthe: “Okwamanje ukusayinisa abadlali sisakumisile kuze kube kuphuma isinqumo seCAS. Ukuthi sixoxa noMkhwanazi ngiqala ngawe ukukuzwa. Ezinsukwini ezizayo ngizobuza izikhulu zeqembu”. |
UVincent Kobola oyiphini lika-Eric Tinkler, uthe bawulungele lo mdlalo, bafuna ukulungisa amaphutha abawenze bedlala neLeopards. |
UVINCENT Kobola weCape Town City ululeka umqeqeshi wakhe uBenni McCarthy ukuthi ehlise umoya emidlalweni ye-Absa Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX |
UVincent Mziwenkosi Cele (33), ugwetshwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, kwathi uKhaya Cosmos Msabala (35) wagwetshwe eNkantolo yesifunda ePort Shepstone ngoMsombuluko ngamacala okubulala. |
UVincent Pule, abadlala naye kwiPirates nakwiBafana abanqobe naye iTelkom Knockout kwiBidvest Wits, uthi akufanele kumangaze ukunikwa kukaHlatshwayo ibhande. |
UVincent Pule noNkanyiso Zungu, abangazange bawuqale oweStellies, bebekhona usuka phansi oweGallants ekhombise izimpawu zokuba ngcono kakhulu kunendlela edlale ngayo ishaywa yiBaroka FC ngo-2-0 kowabakhaya ngempelasonto. |
UVINCENT Pule we-Orlando Pirates uthi kumele baqhubeke nokulwa ngemuva kokudedela amaphuzu bebambana neCape Town City koweligi ngempelasonto Isithombe: BACKPAGEPIX |
U-vinegar akuyona into ongayidla njalo ngoba udala ubungozi esiswini. Ayikho into okumele uzijwayeze ukuyidla kakhulu ngoba uzokwenza ukuthi ulimi lwakho lujwayele ukuthi into emnandi ebabayo kanti kubalulekile ukuthi uzwe ubumnandi ezithelweni nakokunye ukudla okungenayo isosi, kuchaza uDkt Mogapi. |
UVinicious yena ukhulele kwiFlamengo kusuka ngo-2005 kuya ku-2017 kwazise iReal imthenge ngoMashi 2017 yase imbolekisa kulo iqembu langakubo. |
Uvinjelwe iphenathi unozinti woSuthu, uSiyabonga Mbatha ebizobeka phambili iThe Citizens egcine ngokuhlulwa ngo 1-0. |
UViola nenkampani edidiyela ifilimu, iJuVee Production yaseLos Angeles, babhale emakhasini abo kwiTwitter ukuthi bajabule ngalokhu. |
UVioletta ngowesifazane oshadile, ongumsiki wengqephu futhi othanda umyeni wakhe uSimo, okuyindawo elingiswa wuSandile. |
UViranna uthe uMnyango wezeMfundo uhlulekile ukuvikela othisha nabafundi, wathi kumele kuqashwe onogada ngokushesha ezikoleni ezishoda ngabo. Uthe kumele kube nendlela yokuqopha bonke othisha abatholwa benecala lokunukubeza ngokocansi ukuze bengakwazi ukubalekela kwezinye izifundazwe. |
UVirgil Vries akaseyena umdlali weChiefs ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe ngoLwesibili (Ephreli 30). |
UVishnidath usolwa ngecala lokubulala umakhenikha waseReservoir Hills uMnuz Navandren Govender kanti ubesejele kusukela ngoMashi nonyaka. Bekulindeleke ukuthi avele enkantolo ngasekupheleni kwale nyanga. |
UVitamin D okulolu hlobo lukafishi wenza omkhulu umsebenzi kulama hormone. |
UVolk owenqabile ukukhuluma nabezindaba, udlulise amazwi enduduzo emndenini wancoma nokuthi umufi bebesebenza kahle naye. Ucele ukuthi abhunge ngasese nabomndeni ukubachazela ngezinhlelo nokungenelela kwabo kulolu daba. |
UVolk uchaze nangeDurban Cruise Terminal okwamenyezelwa ukwakhiwa kwayo ngo-2017. Uthe okwenza kuthathe isikhathi ukuthi iqale ukwakhiwa ukuthi bafuna ukuqinisekisa ukuthi isezingeni elifanele. Uveze ukuthi ukwakhiwa kwayo kuzovula amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-10 000, kuchithwe uR3 million ekuqeqesheni intsha. Le ndawo kulindeleke ukuthi iqede ukwakhiwa ngo-2021. |
UVolk uthe nezinga lezobuchwepheshe liphezulu njengoba izivakashi kulo mkhumbi zizofakwa ibhangele elenza ukuthi zazi ukuthi elinye ilungu lomndeni likuphi emkhunjini. Uthe lokhu kungezinye zezindlela zokuqinisa ezokuphepha emkhunjini. Ngaphandle kokuvula amathuba omsebenzi, iMSC isisungule nenhlangano esiza ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha nezamachweba. Uthe okukhinyabeza ezokuvakasha ngemikhumbi yabo kwabakuleli, izinkinga zokuthola amaPassport nezitifiketi ezintsha zezingane. Uthe sebenohlelo lokulwa nale nkinga, ingxenye yalo okuwukuba nemikhumbi ezozungeza izindawo ezingadingi lawa maphepha. |
UVolmink udonse ngendlebe aboMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuthi baqinise ezokuphepha ukuze kungaphinde kuputshuke amaphepha noma kwenzeke ezinye izigameko ezizothikameza izivivinyo. |
UVolmink uthe akukotshelwa ezikoleni zikahulumeni kuphela kodwa nasezikoleni ezizimele abafundi baphatha imbuzi noma bangene namaselula lapho kubhalwa khona. |
Uvota ngokuya ekhasini [email protected] kwi-twitter bese u-retwitter lowo ohamba naye. La mavoti azohlanganiswa nawesigungu se-IAAF ukukhipha abawinile. Ukumenyezelwa kukaManyonga ngoLwesibili kulandela okokuCaster Semenya omenyezelwe kwabesifazane ngoMsombuluko. |
UVries, othole ithuba lokuvimba kulimala u-Itumeleng Khune, kungenzeka angabikhona ebhentshini uma sebedlala nePolokwane City ngoMgqibelo kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama. |
UVries ubekade esebhentshini ngesikhathi esukuma eyoviva sekulimele uBruce Bvuma oqale umdlalo. |
UVries ujoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini emuva kokukhululwa yiBaroka. Ucoshwe yiBaroka ekade ededelwe bhusende yiMaritzburg United azakhela kuyona isigcwagcwa ngokudedela ibhola ibhekene neSundowns umdlalo usuyophela ngesizini ka-2016/2017. UVries ufike eMzansi ngo-2011 ezovimbela iLamontville Golden Arrows. Nakhona wahamba esenyamanambana kubalandeli ngenxa yamaphutha. |
UVries uphinde washaya into ecokeme ngomzuzu ka-61 evala ibhola eliyingozi elishaywe nguMayo, obephaselwe nguMashego. |
UVries uthe abanye babalandeli beChiefs bayazisola ngokuthi wagcina exoshiwe. |
UVries uthole ithuba emuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune oyoze adlale ngesizini ezayo.Unozinti wesine kwiChiefs, Brylon Petersen obuye avimbe eqenjini leMultichoice Diski Challenge.Kuvele ukuthi kwiChiefs akujatshulwe ngoVries nokungenzeka adedelwe ekupheleni kwesizini. |
UVries waseNamibia kade engene endaweni ka-Itumeleng Khune okuqinisekisiwe ukuthi uyoze adlale ngesizini ezayo ngenxa yokulimala ehlombe. Abanye onozinti beChiefs nguBruce Bvuma noBrylon Petersen ovimba eqenjini leMultichoice Diski Challenge. |
UVries waseNamibia, ugxekwe kakhulu ngamaphutha awenzile aholele ekutheni iChiefs ilahlekelwe amaphuzu ibhekene neMamelodi Sundowns neCape Town City emidlalweni ye-Absa Premiership. Ngesonto eledlule, iChiefs isayinise uDaniel Akpeyi waseNigeria obevimbela iChippa United. U-Akpeyi udlale umdlalo wokuqala ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya ngempelasonto edlule. |
UVries waseNamibia, uzitamuzela ijezi kwiSwallows kule sizini futhi ungomunye wonozinti abasangenelwe ngamagoli ambalwa kwiDStv Premiership. |
Uvuka ekuseni lizula ikhanda uma uke walahla umazisi, ucabanga ngolayini omude okusamele uyowubamba eMnyangweni wezaseKhaya. Uze uzibuze ukuthi ngoneni kubani ubambe loya layini. Uzisola manje ngokuphuma endlini ungadlanga. Ufike ngo-6 ekuseni uthi uzoba ngowokuqala kanti awubuzanga elangeni. Uhlale uze ubheke imali ku-wallet, uvalekile kodwa ubale ukuthi i-shwarma ne-reboost kungaphuma la kodwa kugamanxela emalini yokubuyela endlini. Wehlele ngezansi, ubambe iqanda elibilisiwe neyababa kaR12, uphange ekhoneni thizeni, ubuyele kulayini ubindekile, kungaze kungenwe ngaphakathi ihambe indawo yakho. |
“Uvuka kakhulu ekuseni bese siyakhuluma ocingweni. Kodwa ngashaya ucingo isikhathi eside ngingamtholi ucingo luvaliwe. Kukhona engakusola kodwa ngalokhu ngizama ngaze ngashayela uDudu ucingo lwabanjwa yilo mfana ebusuku wathi sebelele bonke uzobatshela ukuthi bengishayela. Ngamangala ngambuza ukuthi yena akalele ngani, wathi usabhala amaphepha omsebenzi asesibhedlela ngoba besazi ukuthi udokotela. Ngisadidekile angisakwazi nakahle okunye,” kusho uNkk Khoza. |
UVukani wayengomunye wabadansi bakaMsawawa esasebenzisana noMzambiya ngaphansi kweBulldawg Productions. UVukani uthe bamatasatasa kakhulu noMsawawa endimeni yomculo nasekuhlanganisweni kwale filimu abazobonakala kuyo bobabili. Emuva kokudansela uMsawawa, uVukani usebenze noZola 7 futhi baze basungula iqembu labo lekwaito noZolani, iSkomplazi. Baduma kakhulu ngenoni elalithi Sikhab' Amabhodlela. NoMsawawa waziwa kakhulu ngamanoni athi Bhibho, Usigidi nelithi Big Small. Esephetha uVukani uthe le ngoma izotholakala kwi-albhamu yakhe azoyikhipha ungakapheli lo nyaka. Nomphakathi waseClermont ukujabulele kakhulu ukuzwa izindaba zokubuya kwalezi zihlabani. Omunye wabo uStixzet Zulu onejoyinti KwaDabeka othe kuhlangene imihlathi eyazanayo. |
“Uvuke ekuseni kakhulu ngoba ubewumuntu ozobuya, eyolanda nje isitifiketi sakhe ngoba kukhona lapho abenethemba khona,” kuchaza uDumisa obehluleka nokukhuluma. |
Uvuke kanjalo uHunt noMhango waqokwa njengomdlali wosuku. |
UVUKELWE abantu abangaziwa abamdubule ngemvula yezinhlamvu washona uNobhala we-ANC Youth League (ANCYL) ku-ward 91 eThekwini. |
UVUKE umbhejazane wabhikisha ngaphandle kwenkantolo umphakathi waseMashona, eMahlabathini, oLundi, uphikisana nokuba kunikezwe ibheyili inyanga (51) eboshelwe icala lokudlwengula umfundi oneminyaka engu-12. |
UVUKE umbhejazane washisa imizi emithathu umphakathi waseBlinkwater ngesikhathi kutholwa ukuthi ushumpulwe umphambili owesilisa wasendaweni obefihlwa. |
UVUKE umbhejazane wavala amasango esibhedlela, usabisa nangokusokhela ngomlilo umphakathi waseNtunjambili, ngaseKranskop. Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi kungeniswa iziguli ezihaqwe yigciwane iCorona, esibhedlela sendawo okuthiwa zivela ezindaweni ezehlukene ezakhele uMasipala iLembe. |
“Uvuke wahamba endlini kamufi kanti uzophinde abuye aluvuse udaba lokudlwengulwa kwakhe. Ube esedonsa ummese wagwaza kabili umufi entanyeni washona emva kwesikhashana,” kusho umthombo. |
UVukusic, obeqeqesha iPolokwane City, usedlale imidlalo emithathu nezakhe. Ushaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-0, wakhala ngaphansi kwiSuperSport United ngo 1-0, ngaphambi kokushaya ezikaBenni McCarthy. |
UVukusic ufike kuMaZulu ngoSepthemba nyakenye kwathi ngoMashi zaqala zamdumela ebekwa elivini eyisipesheli kuleli qembu elivika izembe kwi-Absa Premiership. |
UVukusic usola ukuthi isitha esikhulu kubadlali boSuthu yimiqondo yabo, okufanele ingavumi ukunyakaziswa noma ngabe kuqhamuka ziphi izivunguvungu enkundleni. Empeleni ufuna babe yiziqhwaga ezingasabi muntu ebholeni. |
UVukusic uzishaya isifuba ngokuthi iqembu lakhe limkhumbuza njalo ukuthi lingacoboshisa kwasani uma selihlangene ngendlela afuna ngayo. Ngale wini iPolokwane izisondeze emaqenjini afuna ukuxebuka emsileni njengoba imidlalo yeligi isicela eshumini. |
UVUKWE wumunyu wacweba izinyembezi emehlweni umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ngenkathi egubha iminyaka ewu-50 yobudala ekubo eLusizini, eMzimkhulu ngoMgqibelo. |
UVulandlela uthe yena ukhathele nguNtencane ngoba usephoqwa ukuba athi uyondla futhi akamshayi. "Uyazi wangishaya ngaze ngabuya esibhedlela. Nginezithombe (zalokho) nengane usayondle kane yize seyinonyaka nezinyanga ezintathu. Into ayaziyo wukuyonikela emizini yabantu," kusho uVulandlela wengoma ethi Kuyobamnandi. Eziphendulela uNtencane uthe unezingane ezinhlanu kodwa abanye onina bazo kabasho lutho. Usole laba baculi ngokufuna udumo ngegama lakhe. |
UVULE amaphekethe umengameli waMaZulu FC , uSandile Zungu, ngokuthi umqeqeshi waleli qembu, uBenni McCarthy, angathola noma yimuphi umdlali, kungakhathalekile ukuthi ubiza kangakanani. |
Subsets and Splits
No community queries yet
The top public SQL queries from the community will appear here once available.